Amazwi KaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana—Isahluko 10

INkathi Yombuso, kakade, yehlukile ezikhathini ezedlule. Ayiyithinti indlela isintu esenza ngayo; kunalokho, ngehlele emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wami mathupha, okuyinto okungekho muntu ongayicabanga noma ayifeze. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube manje, kuyo yonke le minyaka bekulokhu kungokokwakha ibandla, kodwa akuzwakali lutho ngokwakhiwa kombuso. Nakuba ngikhuluma ngalokhu ngomlomo Wami, ingabe ukhona owazi ukubaluleka kwakho? Ngike ngehlela emhlabeni wabantu ngezwa futhi ngabona ukuhlupheka kwabo, kodwa ngaphandle kokugcwalisa inhloso yokuba sesimweni somuntu Kwami. Lapho ukwakhiwa kombuso kuqalwa, umzimba Wami wobuntu uqala ukwenza inkonzo ngokusemthethweni; okusho ukuthi, iNkosi yombuso iqala ukuthatha amandla ayo okubusa ngokusemthethweni. Kulokhu kusobala ukuthi ukwehlela kombuso emhlabeni wabantu—okungekhona ukuvezwa ngokwamazwi nje—kuyinto yangokoqobo ngempela; le yingxenye eyodwa yencazelo yamazwi athi “iqiniso lokwenza.” Umuntu akakaze abone nesisodwa sezenzo Zami, akakaze ezwe nelilodwa emazwini Ami. Ngisho noma kuthiwa kukhona ake wakubona, yini ayeyoyithola? Ukuba wake wangizwa ngikhuluma, yini ayeyoyiqonda? Emhlabeni wonke, abantu bangaphansi kothando Lwami, uzwelo Lwami, kodwa bonke futhi abantu bangaphansi kokwahlulela Kwami, nokuvivinywa Yimi ngokufanayo. Bengilokhu nginomusa nothando kubantu, ngisho nalapho wonke umuntu onakele ngezinga elithile; ngikhiphele esintwini ukusola, ngisho noma abantu bese bezithobile ngaphansi kwesihlalo Sami sobukhosi. Kodwa ingabe ukhona umuntu ongahaqiwe ukuhlupheka nokucwengisiswa engikuthumele? Bangaki abantu abadukuza ebumnyameni befuna ukukhanya, bangaki abathwele kanzima ngenxa yokuvivinywa kwabo? UJobe wayenokholo, noma kunjalo, kukho konke lokho, ingabe wayengazifuneli indlela yokuphuma? Nakuba abantu Bami bengase bakwazi ukuma baqine ekulingweni, ingabe ukhona, ngaphandle kokuphimisela, okukholwayo lokho enhliziyweni yakhe? Ingabe akukhona ukuthi ukhuluma ngezinkolelo zakhe kodwa enokungabaza enhliziyweni yakhe? Akekho umuntu oke wama waqina lapho ebhekene nokuvivinywa, obonisa ukulalela kweqiniso ngaphansi kokuvivinywa. Ukuba angibufihlanga ubuso Bami ukuze ngigweme ukubheka leli lizwe, bonke abantu bebezowa ngenxa yokubuka Kwami okuvuthayo, ngoba ayikho into engiyicela kubantu.

Lapho ukufika kombuso kuzwakala kakhulu−okuylapho futhi kuqala ukuduma kwamazulu ayisikhombisa—lo msindo uzamazamisa izulu nomhlaba, unyakazise indawo ephezulu futhi uthuthumelise izintambo zezinhliziyo zabantu. Ihubo lombuso liyakhuphuka esizweni sikadrako omkhulu obomvu, kufakazela ukuthi sengibhubhise isizwe sikadrako omkhulu obomvu ngabe sengimisa umbuso Wami. Okubaluleke nakakhulu, umbuso Wami uyamiswa emhlabeni. Ngalo mzuzu, ngiqala ukuthumela izingelosi Zami kuzo zonke izizwe zomhlaba ukuze zeluse amadodana Ami, abantu Bami; lokhu kubuye kusho ukuhlangabezana nezidingo zesinyathelo esilandelayo somsebenzi Wami. Kodwa ngiziyela mathupha endaweni lapho udrako omkhulu obomvu ezisonge khona, ukuze ngilwe naye. Futhi lapho bonke abantu sebengazi enyameni, futhi sebekwazi ukubona imisebenzi Yami enyameni, kuyobe sekuthi indawo yokuhlala kadrako omkhulu obomvu iphenduke umlotha futhi ishabalale kungabikho umuntu oyaziyo. Njengabantu bombuso Wami, njengoba nimenyanya ngaphakathi udrako omkhulu obomvu, kumele nijabulise inhliziyo Yami ngezenzo zenu, ngaleyo ndlela nimthele ngehlazo udrako. Ingabe ngempela ninomuzwa wokuthi udrako omkhulu obomvu unenzondo? Ingabe ngempela ninomuzwa wokuthi uyisitha seNkosi yombuso? Ingabe ngempela ninalo ukholo lokuthi ningakwazi ukunikeza ubufakazi obuhle kakhulu Kimina? Ingabe ngempela ninalo ukholo lokunqoba udrako omkhulu obomvu? Yilokhu engikucela kini. Engikudinga kini nje ukuba nihambe nize nifike kulesi sinyathelo; ningakwazi ukukwenza lokhu? Ingabe ninalo ukholo lokuthi ningakufinyelela kulokhu? Yini umuntu akwaziyo ukuyenza? Akungono ukuthi ngizenzele Mina mathupha? Kungani ngithi ngehlela endaweni lapho kutholene phezulu impi? Engikufunayo ukholo lwenu, hhayi izenzo zenu. Abantu abakwazi ukwamukela amazwi Ami ngendlela eqondile, kodwa balunguza nje beseceleni. Ingabe ufinyelele emgomeni ngale ndlela? Ukwazile ukungazi ngale ndlela? Uma ngikhuluma iqiniso, kubantu abaphila emhlabeni, akekho noyedwa okwaziyo ukungibuka ngqo ebusweni, akekho noyedwa okwaziyo ukuthola umqondo ohlanzekile nongonakalisiwe wamazwi Ami. Ngakho ngiqale phezu komhlaba umsebenzi ongakaze ubonwe ngaphambili, ukuze ngifinyelele emgomeni Wami futhi ngakhe isithombe Sami seqiniso ezinhliziyweni zabantu, futhi ngale ndlela ngiqede inkathi lapho imicabango inamandla kubantu.

Namuhla, angehleli nje kuphela esizweni sikadrako omkhulu obomvu, ngiphinde ngiphendulele ubuso Bami ezulwini nomhlaba wonke, ukuze izulu nomhlaba kuthuthumele. Ingabe ikhona indawo engakutholi ukwahlulela Kwami? Ingabe ikhona indawo engenazo izishayo engizehlisele phansi? Yonke indawo engiya kuyo ngisakaze izimbewu zenhlekelele yalo lonke uhlobo. Lena ngenye yezindlela engisebenza ngazo, futhi ngokungangabazeki iyisenzo sokusindiswa komuntu, futhi engibanikeza khona kusewuhlobo oluthile lothando. Ngifisa ukwenza abantu abaningi kakhulu ukuba bangazi, bakwazi ukungibona, futhi ngaleyo ndlela bakwazi ukuhlonipha uNkulunkulu abangakaze bambone iminyaka eminingi, kodwa ongokoqobo namuhla. Kungani ngadala umhlaba? Kungani, lapho abantu bonakala, ngingazange ngibabhubhise ngokuphelele? Kungani isintu sonke siphila ngaphansi kwezishayo? Kungani Mina ngokwami ngilethe izishayo enyameni? Lapho ngenza umsebenzi Wami, abantu bonke bayakwazi ukunambitheka, hhayi okubabayo kuphela kodwa nokumnandi futhi. Ubani kubantu emhlabeni ongaphili ngomusa Wami? Ukuba abantu angibanikezanga izibusiso ezibonakalayo, ngubani obengakwazi ukujabulela ukwanela emhlabeni? Ngokuqinisekile, ukunivumela ukuba nithole indawo phakathi kwabantu Bami akusona kuphela isibusiso enisitholile, akunjalo? Ake sithi beningebona abantu Bami kodwa ningabenzi bomsebenzi, beningeke niphile esibusisweni Sami? Akekho noyedwa kini okwaziyo ukuqonda umsuka wamazwi Ami. Abantu—abangawazisi neze amagama engibanikeze wona, iningi labo, ngenxa yegama elithi “abenzi bomsebenzi,” linenzondo ezinhliziyweni zabo, futhi abaningi kakhulu, ngenxa yegama elithi “abantu Bami,” bayangithanda ezinhliziyweni zabo. Akekho okufanele azame ukungilutha; amehlo Ami abona konke! Ubani phakathi kwenu owamukela ngothando, ubani phakathi kwenu olalela ngokuphelele? Uma ukufika kombuso bekungabanga nomsindo omkhulu, ingabe ngempela beniyokwazi ukulalela kuze kube sekupheleni? Lokho umuntu angase akwenze, akucabange, ukuthi uzohamba kangakanani—konke lokhu ngakumisa kusukela kudala.

Abantu abaningi kakhulu bamukela ukuvutha Kwami ngokukhanya kobuso Bami. Abantu abaningi kakhulu, begqugquzelwa ukukhuthaza Kwami, baqhubekela phambili. Lapho amabutho kaSathane ehlasela abantu Bami, ngikhona ukuze ngibasindise; lapho amaqhinga kaSathane ehlukumeza izimpilo zabantu Bami, ngiyowaxosha angaphinde abuye. Emhlabeni, lonke uhlobo lomoya omubi luyazulazula lufuna indawo yokuhlala, futhi luhamba luthungatha ngokungaphezi izidumbu zabantu ezingadliwa. Bantu Bami! Kufanele nihlale ngaphansi kokunakekela nokuvikela Kwami. Ningazihlukanisi! Ningabi budedengu! Kunalokho, yibani qotho endlini Yami, futhi ngubuqotho kuphela obunganisiza nikwazi ukumelana nobuqili bukasathane. Ningalinge nenze ngendlela ebenenza ngayo ngaphambili, nenze lokhu phambi Kwami nokunye ngemva Kwami−uma nenza kanjalo ngeke nisakwazi ukuhlengwa. Ngokuqinisekile sengiwasho kaningi amazwi afana nalawa, akunjalo? Isizathu esenza nginikhumbuze ngokuphindaphindiwe ukuthi izindlela zomuntu zakudala aziguquki. Kungakucasuli lokho! Konke engikushoyo kungenxa yokuthi ngifuna ukuqinisekisa ikusasa lenu! Okudingwa uSathane indawo engcolile nenukayo; uma ungenalo ithemba lokulungiseka, futhi unokuphila okungcolile, ukwenqaba ukuqondiswa, yilapho imimoya engcolile izozitholela khona ithuba lokungena kuwe. Lapho senidlule kulokhu, ubuqotho benu buyoba yinkulumo engasho lutho, engenalo iqiniso, futhi imimoya emibi izozidla ziphele izinqumo zenu, ziguquke zibe ukungalaleli noma amaqhinga kaSathane, futhi zisetshenziselwe ukuphazamisa umsebenzi Wami. Ngaleso sikhathi ngizokushaya uze ufe, noma nini nangendlela engithanda ngayo. Akekho noyedwa obaziyo ubunzima balesi simo; bonke abantu bavele bakuzibe lokho abakuzwayo, futhi abaqapheli nakancane. Angikukhumbuli okwenzekile esikhathini esidlule. Ingabe usalindele ukuba ngizwelane nawe ngokuthi uphinde wakhohlwa? Nakuba abantu bemelane Nami, ngeke ngibasole ngalokho, ngoba isiqu somuntu sifushane kakhulu, ngakho angifuni zinto eziphezulu kuye. Engikudingayo nje ukuba angazishabalalisi, futhi athobele umthetho. Ngokuqinisekile akukho yini emandleni enu ukuhlangabezana nalesi silayezelo? Iningi labantu lilindele ukuba ngilembulele izimfihlakalo ezengeziwe ukuze lizitike ngamehlo alo. Nokho, uma ningaziqonda zonke izimfihlakalo zezulu, yini eningayenza ngalolo lwazi? Ingabe lungakhulisa uthando lwenu Ngami? Ingabe lungalujulisa uthando lwenu Kimi? Angimbukeli phansi umuntu, futhi angifinyeleli kalula esinqumeni ngaye. Ukuba bekungezona izimo zangempela zomuntu lezi bengingeke nginikeze abantu la magama kalula. Cabanga ngesikhathi esedlule: Sikhona yini isikhathi lapho nganinyundela khona? Sikhona isikhathi lapho nganeya khona? Sikhona isikhathi lapho ngingazange ngibe nandaba nezimo zenu? Sikhona isikhathi lapho engakusho kwahluleka ukugcwalisa izinhliziyo nemilomo yenu ngokuqiniseka? Sikhona isikhathi lapho ngakhuluma khona ngokungabi nandaba nani? Ubani phakathi kwenu ofunde amazwi Ami ngaphandle kokwesaba nokuthuthumela, esaba ngokujulile ukuthi ngizomphonsa phansi emgodini ongenamkhawulo? Ubani ongabekezeleli ukuvivinywa emazwini Ami? Emazwini Ami kukhona igunya, kodwa akulona elokwahlulela umuntu ngokunganaki; kunalokho, ngokwazi izimo zangempela zomuntu, ngaso sonke isikhathi abantu ngibabonisa umqondo ongaphakathi emazwini Ami. Eqinisweni, ingabe ukhona okwaziyo ukubona amandla Ami amakhulu asemazwini Ami? Ingabe ukhona ongamukela igolide elicolekile amazwi Ami enziwe ngalo? Mangaki amazwi esengiwakhulumile, kodwa ukhona yini oke wawazisa?

kuNdasa 3, 1992

Okwedlule: Amazwi KaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana—Isahluko 8

Okulandelayo: Ihubo lombuso

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp