Isahluko 3

Njengoba nibizwa ngabantu Bami nje, izinto azisenjengoba zazinjalo; kumele nilalele futhi nihloniphe izinto ezishiwo uMoya Wami, nilandele eduze umsebenzi Wami, ningehlukanise uMoya Wami nenyama Yami, ngoba Simunye ngokwendalo, kasehlukene neze. Noma ngubani ohlukanisa uMoya nomuntu futhi agxile kumuntu noma emoyeni, uzolahlekelwa, futhi uzokwazi kuphela ukuphuza enkomishini yakhe ebabayo, angakwazi ukwenza okwehlukile. Kuphela yilabo abakwazi ukwethembela kuMoya kanye nakumuntu sengathi lokhu akunakwehlukaniswa abayoba nolwazi olwanele Ngami, yingaleso sikhathi kuphela lapho izinguquko ziyoqala ukwenzeka khona kancane kancane empilweni abakuyo. Ukuze isinyathelo esilandelayo somsebenzi Wami siqhubeke kahle nangaphandle kokuphazamiseka, Ngisebenzisa amazwi acolisekile Ngilinge bonke labo abasendlini Yami, Ngikwenza ngendlela yokusebenza ukuvivinya labo abaNgilandelayo. Kulezi zimo, kuyemukeleka ukusho ukuthi bonke bayalahlekelwa yithemba; njengabantu, akukho noyedwa kubo isimo sakhe esingavezi ukungemukeleki nokungabi namandla, kube sengathi yonke indawo abanayo iguqukile. Abanye abantu bamane baphikisane nje neZulu nomhlaba; abanye, belahlekelwe yithemba, bamane baginye itshe bakwamukele ukubavivivinya ngamazwi Ami; abanye babheka phezulu esibhakabhakeni baphefumule kakhulu, izinyembezi zigcwele amehlo, kube sengathi yinkathazo nokufa okufike kumntwana ozelwe kungakabi yisikhathi; abanye baze bafikelwe umuzwa wokuthi kunehlazo ukuphila kanjalo, bakhulekele ukuthi uNkulunkulu abathathe masinyane; abanye kuphela usuku bedidekile, kube sengathi basuka ekuguleni okubi basazophinde babuyele emqondweni ojwayelekile; abanye, emva kokubalisa, basuka bahambe buthule; kuthi abanye baqhubeke nokuNgidumisa ezindaweni zabo, kodwa besenokungeneliswa okuncane. Namuhla, uma konke sekwambuliwe, akudingeki ukuthi Ngikhulume ngesikhathi esidlulile; ikakhulukazi okubalulekile ukuthi kumele nilokhu nikwazile ukuba nokwethembeka okukhulu endaweni eNgininike yona namuhla, ukuze konke enikwenzayo kukwazi ukwamukeleka Kimi, kanti konke enikushoyo kube wumkhiqizo wokukhanyiselwa Yimi, kuphinde indlela eniphila ngayo ibe wumfanekiso Wami, kube ngukupheleliswa Kwami.

Amazwi Ami aphuma ethulwe noma ngasikhathi sini noma kuphi, ngakho, futhi, kumele nizazi nina uqobo ngazo zonke izikhathi ngaphambi Kwami. Okwanamuhla, ekugcineni, akufani nokwakuqala, futhi ngeke usakwazi ukuzuza noma yini oyifisayo. Esikhundleni salokho, kumele, ngaphansi kwesiqondiso samazwi Ami, ukwazi ukuwunqoba umzimba wakho, kumele usebenzise amazwi Ami njengensika, ungenzi izinto ngokunganaki. Zonke izindlela mayelana nokwenza okuyikho ebandleni ziyatholakala emazwini Ami. Labo abangenzi izinto ngokulandela amazwi Ami abedelela uMoya Wami, Ngizobashabalalisa. Njengoba sekuhambe kwafika esimweni esinjengesanamuhla, akumele nikhathazeke nilahle ithemba ngezenzo nenkambo yenu yakuqala. Ubukhulu nokuphana Kwami akunamkhawulo, kunjengolwandle nesibhakabhaka—kungenzeka yini ukuthi izenzo nolwazi lomuntu Ngami angikwazi njengoba ngizazi Mina? Ngubani kubantu ongekho ezandleni Zami? Ucabanga ukuthi angazi lutho ngokuthi ubuwena bukhulu kangakanani, ucabanga ukuthi angazi lutho mpela-mpela ngalokho? Akunakwenzeka lokho! Ngakho, uma bonke abantu bephelelwe ngokuphelele yithemba, lapho bengeke bakwazi ukulinda nakancane, befisa ukuqala kabusha, lapho befuna ukuNgibuza ukuthi kwenzekani, lapho abanye bezinikela ekuyekeleni nalapho abanye befuna ukubhikisha, lapho abanye besenza umsebenzi ngokwethembeka, Ngiqala ingxenye yesibili yenkathi yokwahlulela: Ngihlanza futhi Ngahlulela abantu Bami. Okungukuthi, Ngiqala ngokusemthethweni ukuqeqesha abantu Bami, ngenzela ukuthi ningabi nobufakazi obuhle kuphela Ngami, kodwa, ngaphezu kwalokho, nithole ukunqoba okuhle empini ngenxa Yami esihlalweni sabantu Bami.

Ngazo zonke izikhathi, abantu Bami kumele baqaphele amacebo amabi kaSathane, bavikele isango lendlu Yami, bakwazi ukwesekelana bodwa bephana omunye nomunye, okuzovika ukuthi ningaweli ogibeni lukaSathane, ngaleso sikhathi sobe sesidlule isikhathi sokuzisola. Kungani Nginiqeqesha ngokuphuthuma okunje? Kungani Nginitshela ngamaqiniso omhlaba kamoya? Kungani Nginikhumbuza ngokunigcinezela zikhathi zonke? Nike nakucabanga lokhu? Nike nakubuka ngamehlo engqondo? Ngakho, akukhona ukuthi kuphela nidinga ukulolongwa ngokulandela isesekelo senkathi edlule, kodwa, ngaphezu kwalokho, ukususa ukungahlanzeki okukini ngaphansi kwesiqondiso samazwi anamuhla, ngokuvumela izwi nezwi Lami ukuba abe yimpande aqhakaze emoyeni wakho, futhi okubaluleke kakhulu, kuthele izithelo. Kungoba lokho eNgikucelayo akukhanyi, akumbali ekhanyayo, kodwa kuyisithelo esiphisanayo—isithelo, yini okunye, okungasoze konakala. Ngabe uyayiqonda na incazelo yempela yamazwi Ami? Nakuba izimbali endlini okutshalwe kuyo izinto eziluhlaza ziningi zilingana nezinkanyezi, ziheha bonke abavakashi, lapho sezibunile, ziba ngezidabuke njengamacebo kaSathane enkohliso, akukho namunye okhombisa ukuzifisa. Kodwa kulabo abazanyazanyiswe yimimoya bashiswa nayilanga futhi abanobufakazi Ngami, nakuba lezi zimbali zingezinhle, lapho zibuna kuba yikhona kufika izithelo, ngokuba lesi siyisidingo Sami. Uma Ngikhuluma lawa mazwi, kungakanani okuqondayo? Lapho izimbali sezibunile zathela nezithelo, nalapho zonke lezi zithelo zabiwa ukuze ngizithokozele Mina, Ngizowuphetha umsebenzi Wami emhlabeni, Ngiqale ukujabulela ukubonakaliswa kobuhlakani Bami.

uNhlolanja 22, 1992

Okwedlule: Isahluko 2

Okulandelayo: Isahluko 4

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp