Isahluko 13

Okufihlakele kokushiwo yizwi Lami yizinhloso Zami eziningi. Kodwa abantu abazi futhi abaqondi lutho kulokhu, bayaqhubeka nokuthola amazwi Ami ngaphandle bese bewalandela bengaphandle, ngaphandle kokuthi bakwazi ukubona inhliziyo Yami noma bazizwele intando Yami esemazwini Ami. Yize noma ngiwenze acaca amazwi Ami, ngabe ukhona owaqondayo? Ngavela eSiyoni ngeza kubantu. Ngenxa yokuthi ngembathe ubuntu bomuntu ojwayelekile ngazembathisa ngesikhumba somuntu, ngalokho abantu bazi indlela engibukeka ngayo ngaphandle, kodwa abayazi impilo engaphakathi Kimi, futhi abamboni uNkulunkulu onguMoya, kanti bazi umuntu wenyama kuphela. Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu uqobo akakufanele ukuzama kwenu ukumazi? Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu uqobo akakufanele ukuzama kwenu imizamo “yokumjuqula”? Ngiyayenyanya inkohlakalo yabo bonke abantu, kodwa nginobubele kwababuthaka kukho. Ngisasebenza ngendalo endala yabo bonke abantu. Njengomunye wabantu Bami abase-China aniyona ingxenye yohlanga lwesintu? Kubo bonke abantu Bami, naphakathi kwawo wonke amadodana Ami, labo, abaphakathi kwalabo engibakhethile ohlangeni lwesintu, nina niseqenjini eliphansi kakhulu. Ngenxa yalokho, nginiphe amandla amaningi, okungumzamo omkhulu. Ingabe anikayazisi impilo yakho ebusisekile oyithokozelayo namuhla? Ingabe nisaqinisa izinhliziyo zenu ukuze ningihlubuke nilandele okwenu enizenzele kona? Ukube akungenxa yesihawu nothando lwami oluqhubekayo sonke isintu ngabe kade sathunjwa nguSathane sashintsha saba “yinto ethandekayo emnandi” emlonyeni wakhe. Namhlanje, phakathi kwalo lonke uhlanga lwesintu, labo abazinikela Kimi nabangithanda ngeqiniso bayingcosana impela babalwa ngeminwe yesandla esisodwa kuphela. Namuhla, kungenzeka yini ukuthi igama elithi “Abantu Bami” libe yimpahla yenu? Ingabe unembeza wenu usuvele wabanda njengeqhwa? Ingabe nikufanele ngempela ukuba ngabantu engibafunayo? Uma ngicabanga ngihlehla, ngiphinde ngibheke isikhathi sanamuhla, obani abayanelisile inhliziyo Yami? Obani kini abakhombise ukuzinaka izinhloso zami? Ukube anginigqugquzelanga, ngabe anikaphaphami, kodwa ngabe nisesesimweni okungathi esineqhwa, futhi, ngabe nikwesinye okungathi ningabantu ababanjwe ubuthongo basebusika.

Phakathi kwamagagasi amanzi, abantu babona ulaka Lwami; ekubhaxazeleni kokuguquka kwamafu amnyama, bathuka kubande nasozwanini, bengazi ukuthi babalekelephi, babukeka basaba ukuthi ukuduma kwezulu nemvula kuzobakhukhula. Bese kuthi uma sekudlule isivunguvungu seqhwa esiyaluzayo, bese beyakhululeka bajabule bethokozela ubuhle bendalo abakubonayo. Kodwa, okwamanje, ubani phakathi kwabo owake wabona uthando olungenamkhawulo enginalo ngabantu? Ezinhliziyweni zabo kunomfanekiso Wami kodwa hhayi ubuqu boMoya Wami: Kungenzeka yini ukuthi abantu abangideleli ngokusobala? Uma isiphepho sesidlulile, bonke abantu kuba sengathi bavuselelekile, sengathi emva kokuhlanzwa ezinsizini sebethole ukukhanya nempilo. Kungenzeka na ukuthi anizange nani, emva kokubekezelela izehlo enginishaye ngazo, nibe nenhlanhla yokufinyelela osukwini lwanamuhla? Kodwa, uma inamuhla selidlulile bese kufika ikusasa, niyokwazi ukugcina ukuhlanzeka okufike emva kokwehla kwemvula enamandla? Nizokwazi ukugcina ukuzinikela okufike emva kokuhlanzwa kwenu? Nizokwazi ukugcina ukulalela kwanamuhla? Niqinisekile ukuthi ukuzinikela kwenu kuyoba ngokugxilile futhi kungashintshi? Ngiqinisekile ukuthi lokhu akuyona into angeke akwazi ukuyenza umuntu? Usuku nosuku ngihlala phakathi kwabantu, ngenze lokho abakwenzayo, ngibe phakathi kohlanga lwesintu, akekho kodwa oke wakuqaphela lokho. Uma bekungekhona ukuholwa uMoya Wami, kulo lonke uhlanga lwesintu, ngubani obengabe esaphila kulesi sikhathi samanje? Kungenzeka yini ukuthi, njengoba ngithi ngiphila futhi ngenza okwenziwa ngabantu, nginehaba mhlawumbe? Kudala, ngathi “Ngadala uhlanga lwesintu, ngaluhola lonke uhlanga lwesintu, ngashaya umthetho kulo lonke uhlanga lwesintu”; ngabe kwakungenjalo? Kungenzeka yini ukuthi ukubona kwenu lezi zibonakaliso akwenele? Amagama athi “umenzi womsebenzi” kumele ngabe anele ukuthi nenze imizamo yonke yempilo nicacisa. Ngaphandle kokwazi kwangempela, umuntu angeke angazi Mina, angeke akwazi ukungazi ngamaZwi ami. Kodwa namuhla ngizifikele mina uqobo phakathi kwenu—lokhu ngeke yini kube nomthelela ekuqondeni kwenu? Kungenzeka ukuthi ukuba Kwami nomzimba womuntu akusikho ukusindiswa kini? Uma ngangingehlanga ngeza kubantu ngiYimi, ngabe abantu kade bagcwala yonke indawo ngemicabango okusho ukuthi, sebengabakaSathane, ngoba lokhu enikholelwa kukho yisithombe nje sikaSathane futhi akuhlangani ndawo noNkulunkulu ngoKwakhe. Kungabe lokho akukhona ukusindisa Kwami?

Uma uSathane ema phambi Kwami, angisesabi isihluku sakhe, futhi angithuswa yizinto ezesabekayo: Ngivele ngikuzibe. Uma uSathane engilinga, ngiyawabona amaqhinga akhe, okwenza ukuthi abuyele emuva ethelwe yihlazo nokululazeka. Uma uSathane elwa Nami ezama ukuhlwitha abantu Bami engibakhethile, ngilwa naye ngisenyameni Yami; futhi enyameni Yami ngiyabeseka ngibeluse abantu Bami ukuze bangawi kalula noma baduke, kanti ngiyabahola indlela yonke. Uma uSathane esenqotshiwe, ngizobe ngidunyisiwe abantu Bami, futhi abantu bami bazoba nobufakazi obuhle nobungangabazeki Ngami. Ngakho-ke, ngizothatha isivikelo esisohlelweni lwami lokuphatha ngisibeke phansi unomphelo emgodini ongenamkhawulo. Lolu wuhlelo lwami, lona ngumsebenzi wami. Ezimpilweni zenu, kungase kufike usuku enizohlangabezana nalesi simo ngalo: Ungavuma yini ngokuzithandela ukuba ngumthunjwa kaSathane, noma uzongivumela ngikuthole? Yilokhu okumiselwe, kumele ukucabangisise.

Impilo embusweni yimpilo yabantu noNkulunkulu uqobo lwakhe. Lonke uhlanga lwesintu lunakekelwa luphinde luvikelwe Yimi, kanti wonke umuntu usempini yokufa nokuphila nodrako omkhulu obomvu. Ukuze uphumelele kule mpi yokugcina, ukuze umehlule udrako omkhulu obomvu, bonke abantu kumele bazinikele Kimina ngokuphelele embusweni Wami. “Umbuso” okukhulunywa ngawo lapha ubhekise empilweni ephilwa ngaphansi kokubusa okuqondile kobunkulunkulu, lapho lonke uhlanga lwesintu lweluswa khona Yimi uqobo, luqeqeshwa Yimi uqobo, ukuze izimpilo zalo lonke uhlanga lwesintu, yize lusesemhlabeni, lube sengathi lusezulwini—ukufezeka kokuphila ezulwini lesithathu. Yize ngisenyameni Yami, angihlupheki ngenxa yemikhawulo yenyama. Ngize kaningi kakhulu phakathi kwabantu ukulalela imikhuleko yabo, futhi ngihambe kaningi phakathi kwabantu, ngithokozela izindumiso zabo; yize abantu bengakaze bazi ngokuba khona Kwami, ngiyaqhubeka nomsebenzi Wami ngale ndlela. Endaweni Yami yokuhlala, okuyindawo engicashe kuyo, nokho, kule ndawo Yami yokuhlala ngizinqobile zonke izitha zami; endaweni Yami yokuhlala ngithole ulwazi lokuhlala emhlabeni; endaweni Yami yokuhlala, ngibheke wonke amazwi kanye nokwenza komuntu, futhi ngibheke ngakhipha imiyalelo yawo wonke umuntu. Uma uhlanga lwesintu lungaba nesineke ngezinhloso zami, lwenelise inhliziyo Yami lungithokozise, ngizolubusisa lonke. Akusikho yini lokhu engikuhlosile ngohlanga lwesintu na?

Njengoba abantu belele isihlwathi, kuba ngukuduma kwezulu Lami kuphela okuvusa abantu emaphusheni abo. Uma bevula amehlo abo, abaningi bayalimala emehlweni ngenxa yokukhanya okubenyezelayo nokubandayo, baze baduke nasendleleni yabo, bangazi nokuthi baphuma kuphi nokuthi baya kuphi. Abaningi abantu bashaywa imisebe yokukhanya ehlabayo, ngenxa yalokho bawele enqwabeni ngaphansi kwesiphepho, imizimba yabo imuke namanzi agelezayo, kungasali nomzila. Ekukhanyeni bayakwazi labo abasindile ukubona ubuso Bami kahle, yilapho-ke abayaye bafinyelele khona ekwazini ukuthi ngibukeka kanjani ngaphandle, kufike lapho bengasalokothi bangibuke ngqo ebusweni, besaba kakhulu funa ngibuyise izijeziso neziqalekiso futhi enyameni yabo. Baningi abantu abamemeza futhi bakhale kabuhlungu; baningi abaphelelwa yithemba; baningi abenza imifula ngegazi labo; baningi ababa yizidumbu beya ngapha nangapha bengazi lapho beya khona; baningi abantu, okuthi lapho bethola indawo yabo ekukhanyeni, bezwe beba nenhliziyo ebuhlungu bakhale izinyembezi iminyaka eminingi bengajabulile. Baningi abantu, abathe uma bephoqwa ukukhanya, bavuma ukungcola kwabo base benquma ukuziguqula. Bangaki abantu, ngokungaboni, asebelahlekelwe injabulo yokuphila bese ngenxa yalokho bangakunaki ukukhanya, baqhubeke nokungakhuli belinde umhla wokugcina? Futhi baningi abantu abaphakamisa izivikelo zempilo, bese ngaphansi kokuholwa ukukhanya, balindele ikusasa labo ngokulangazelela? … Namuhla, ubani phakathi kwabantu ongekho kulesi simo? Ubani ongekho ngaphansi kokukhanya Kwami? Yize unamandla noma ubuthakathaka, ungakugwema kanjani ukuza kokukhanya Kwami?

kuNdasa 10, 1992

Okwedlule: Isahluko 12

Okulandelayo: Isahluko 14

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp