Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa

Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi Yombuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu—noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe. Kuwukukhombisa ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwami ngibe ngembula ububi bukaSathane obungabekezeleki. Ngaphezu kwalokho, kuwukufundisa izidalwa Zami ukuthi zikwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ukubona ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto, ukubona kahle ukuthi uSathane uyisitha sesintu, ophansi kunakho konke, omubi, nokwehlukanisa ngokunesiqiniseko phakathi kokuhle nokubi, iqiniso namanga, ubungcwele nokungcola, ubukhulu nobuphansi. Ngale ndlela, isintu esingenalwazi sizokwazi ukungifakazela ukuthi akuyimina owonakalisa isintu, futhi Yimi kuphela—iNkosi yendalo—ongasindisa isintu, engingabeka phezu komuntu izinto zokubathokozisa; futhi bazi ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto nokuthi uSathane ungomunye nje wezidalwa engazidala, wabuye wangiphendukela. Uhlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukene izigaba ezintathu ukuze kutholakale umphumela olandelayo: ukuvumela izidalwa Zami zibe ofakazi Bami, zazi intando Yami, zibone ukuthi ngiyiqiniso. Ngakho, esigabeni sokuqala somsebenzi Wami ohlelweni Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ngenza umsebenzi womthetho, okwakuwumsebenzi lapho uJehova ayehola khona abantu Bakhe. Isigaba sesibili saqala umsebenzi weNkathi yoMusa emizini yaseJudiya. UJesu umele wonke umsebenzi weNkathi yoMusa; waba senyameni wabethelwa esiphambanweni, waphinda wangenisa iNkathi yoMusa. Wabethelwa ukuze agcwalise umsebenzi wokuhlenga, ukuqeda iNkathi yoMthetho nokuqala iNkathi yoMusa, ngakho-ke wabe esebizwa “ngeNkosi Ephakeme,” “uMnikelo wesono,” “uMhlengi.” Ngakho umsebenzi kaJesu wehluka ngokuqukethweyo emsebenzini kaJehova, yize ngokwesimiso babefana. UJehova waqala iNkathi Yomthetho, esungula isizinda— umsuka—somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni, futhi ekhipha imithetho nemiyalelo. Lokhu ngokubili emsebenzini awenza, futhi kumele iNkathi Yomthetho. Umsebenzi uJesu awenza eNkathini yoMusa kwakungekhona ukukhipha imithetho, kodwa ukuyigcwalisa, ngalokho engenisa iNkathi yoMusa futhi eqeda iNkathi Yomthetho eyayisihlale iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Waba ngumqambi, owezela ukuqala iNkathi Yomusa, kodwa umongo womsebenzi Wakhe wawusekuhlengeni. Ngalokho-ke izinto azifeza zazikabili: ukuvula inkathi entsha, nokuqedela umsebenzi wokuhlenga ngokubethelwa Kwakhe, ahamba ngemva kwakho. Futhi kusuka lapho iNkathi Yomthetho yafika ekugcineni kwase kuqala iNkathi Yomusa.

Umsebenzi owenziwa nguJesu wawuhambisana nezidingo zomuntu ngaleso sikhathi. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuhlenga abantu, ukubaxolela izono zabo, ngakho-ke sonke isimo Sakhe kwakungesokuthobeka, ukubekezela, uthando, ubumnene, ukuqinisela, umusa, kanye nomusa wothando. Wabusisa abantu kakhulu wabalethela umusa omningi, nazo zonke izinto ababengase bazithokozele, wabanika ukuze bazithokozele: ukuthula nenjabulo, ukubekezela nothando, umusa Wakhe kanye nomusa wothando. Kulezo zinsuku, konke lokhu umuntu ayehlangabezana nakho kwakuyinala yezinto okumele azithokozele: Izinhliziyo zabo zazinoxolo futhi ziqinisekile, umoya wabo wawududuzekile, futhi babeqiniswe uMsindisi uJesu. Ukuthi babengazuza lezi zinto kwakungumphumela wenkathi ababephila kuyo. ENkathini yoMusa abantu base bonakaliswe uSathane, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga bonke abantu wawudinga inala yomusa, ukuqinisela okungapheli nokubekezela, phezu kwalokho, umnikelo owanele wokuhlawula izono zabantu, ukuze kufike emphumeleni wawo. Lokhu okwabonwa abantu eNkathini yoMusa kwakungumnikelo Wami nje wokuhlawulela isono sabantu, okungukuthi, uJesu. Konke ababekwazi ukuthi uNkulunkulu wayengaba nomusa nokuqinisela, futhi konke abakubona kwaba umusa kaJesu kuphela kanye nomusa wothando. Lokhu konke kwakungenxa yokuthi babezalwe eNkathini yoMusa. Ngakho-ke ngaphambi kokuthi bahlengwe, kwakumele bathokozele izinhlobo eziningi zomusa omkhulu uJesu abanika wona; yilokhu kuphela okwakuyinzuzo kubo. Ngale ndlela, babezoxolelwa izono zabo ngokuthokozela kwabo umusa, futhi bebezothola ithuba lokuhlengwa ngokuthokozela ukuqinisela nokubekezela kukaJesu. Ukuqinisela nokubekezela kukaJesu kuphela okwenza ukuthi bakwazi ukuthola intethelelo nokuthokozela inala yomusa ebekwe phezu kwabo nguJesu—njengoba uJesu athi: Angizanga ukuzohlenga abalungile kodwa izoni, ukuze izono zabo zixolelwe. Ukuba uJesu waba senyameni ngesimo sokwahlulela, sesiqalekiso, nokungabekezeleli amacala abantu, abantu bebengeke balithole ithuba lokuhlengwa, futhi bebezohlala bona unomphelo. Ukuba kwakunjalo, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwaluyoma eNkathini yoMthetho, futhi iNkathi yoMthetho ngabe yaba iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Izono zabantu ngabe zakhula zaba nkulu zaba zimbi kakhulu, nokudalwa kwesintu kwakuzoba yize. Abantu bebezokwazi ukukhonza uNkulunkulu ngaphansi komthetho kuphela, kodwa izono zabo ngabe zingaphezulu kwalezo zabantu abadalwa kuqala. Ngokuthanda kukaJesu abantu, ebaxolela izono zabo ebanika umusa owanele nomusa nothando, abantu bakwazi ukusindiswa, babizwa ngezimvu ezazilahlekile ezabuyiswa uJesu ngenani eliphakeme. USathane wayengekwazi ukugxambukela kulo msebenzi, ngoba uJesu waphatha abalandeli Bakhe njengomama onothando ephethe usana ezingalweni zakhe. Akazange abathukuthelele noma abenyanye, kodwa wayegcwele induduzo; akazange athukuthele phakathi kwabo, kodwa wabayeka nezono zabo wabushaya indiva ubulima nokungazi kwabo, waze wathi, “Xolela izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” Ngakho-ke inhliziyo Yakhe yaguqula izinhliziyo zabanye. Kwaba ngale ndlela lapho abantu bathola khona intethelelo yezono ngokubekezela Kwakhe.

Yize uJesu, ekubeni senyameni kwakhe wayengenawo nhlobo umzwelo, wayehlala eduduza abafundi Bakhe, ebahlinzeka, ebasiza futhi ebaqinisa. Noma ngabe wenza umsebenzi ongakanani noma wahlupheka kangakanani, akazange afune okwedlulele kubantu, kodwa wayehlale ebekezela futhi eqiniselele izono zabo, kangangokuthi eNkathini yoMusa wayebizwa ngokuthandwa ngokuthi “uJesu onguMsindisi othandekayo.” Kubantu bangaleso sikhathi—kubo bonke abantu—lokhu uJesu ayenakho nayeyikho, kwakungumusa nothando. Akazange akhumbule ukona kwabantu, nokubaphatha Kwakhe kwakungasukeli ekoneni kwabo. Ngenxa yokuthi leyo kwakuyinkathi eyehlukile, wayevamise ukunika abantu ukudla nokokuphuza okwanele ukuze badle basuthe. Wayephatha bonke abalandeli Bakhe ngomusa, elapha abagulayo, ekhipha amadimoni, evusa abafile. Ukuze abantu bakholwe Kuye babone nokuthi konke lokhu ayekwenza wayekwenza ngeqiniso nangobuqotho, waze wavusa isidumbu esase sibola, ebakhombisa ukuthi ezandleni Zakhe ngisho nabafile bangabuye baphile. Ngale ndlela wabekezela buthule phakathi kwabo wenza umsebenzi Wakhe wokuhlenga. Ngisho ngaphambi kokuthi abethelwe esiphambanweni, uJesu wayesevele ethwele izono zesintu waba umhlatshelo wezono zesintu. Nangaphambi kokubethelwa, wayesevele eyivulile indlela eya esiphambanweni ukuze ahlenge isintu. Ekugcineni wabethelwa esiphambanweni, wazidela ngenxa yesiphambano, wabeka bonke ububele Bakhe, nomusa wothando, nobungcwele phezu kwesintu. Esintwini wayelokhu enokubekezela, engafuni ukuziphindiselela, kodwa wasixolela izono zaso, wasincenga ukuthi siphenduke, wasifundisa ukubekezela, ukuqinisela, nothando, ukuthi silandele ezinyathelweni Zakhe futhi sizidele ngenxa yesiphambano. Uthando Lwakhe lwabazalwane lwedlula uthando Lwakhe ngoMariya. Umsebenzi awenza wathatha njengomgomo Wakhe ukuphilisa abantu nokukhipha amadimoni, konke ngenxa yokuhlenga Kwakhe. Noma ngabe wayeya kuphi, bonke ababemlandela wayebaphatha ngomusa. Wenza abampofu baba yizicebi, wahambisa izishosha, izimpumputhe zabona, izithulu zezwa; waze wamema nabaphansi abahlwempu, izoni, ukuthi zizodla Naye, engabaxwayi kodwa ebekezele, aze athi, “Uma umelusi elahlekelwa yimvu eyodwa kweziyikhulu, uzozishiya ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ayofuna eyodwa elahlekile, uma eyithola uyothokoza kakhulu.” Abalandeli Bakhe wayebathanda njengemvu ithanda amazinyane ayo. Yize bebeyizilima bengenalwazi, futhi beyizoni emehlweni Akhe, phezu kwalokho bengamalunga omphakathi aphansi kakhulu, wazibona lezi zoni—abantu ababenyanywa ngabanye—njengezithelo ezithandwa yiso Lakhe. Njengoba wayezithanda, wanikela ngempilo Yakhe ngenxa yazo, njengewundlu linikelwa elathini. Wahamba phakathi kwabo njengesisebenzi sabo, wabadedela bamsebenzisa bamhlaba, wabathobela ngaphandle kwemibandela. Kubalandeli Bakhe wayenguMsindisi uJesu othandekayo, kodwa kubaFarisi, ababefundisa abantu ezindaweni eziphakeme, akazange abonise umusa nothando lomusa, kodwa inzondo nokubenyanya. Akazange enze umsebenzi omkhulu kubaFarisi, wayebafundisa nje ngezinye izikhathi ebakhuza; akazange ahambe phakathi kwabo enza umsebenzi wokuhlenga, noma enze izibonakaliso nezimangaliso. Wethula wonke umusa nothando lwakhe kubalandeli Bakhe, ebekezela ngenxa yalezi zoni kwaze kwaba sekugcineni lapho ebethelwa esiphambanweni, ezwa konke ukwehliswa waze wasihlenga sonke isintu. Lokhu kwakuyisamba somsebenzi Wakhe.

Ngaphandle kokuhlenga kukaJesu, abantu babengaphila esonweni phakade, babe ngabantwana besono, isizukulwane samadimoni. Uma lokhu kuqhubeka, wonke umhlaba wawuyoba yindawo yokuhlala kaSathane, indawo yakhe yokwakha. Kodwa umsebenzi wokuhlenga wawudinga umusa nothando esintwini; yile ndlela kuphela abantu ebabethola ngayo intethelelo bese bethola ilungelo lokwenziwa baphelele futhi bazuzwe ngokuphelele. Ngaphandle kwalesi sigaba somsebenzi, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ngabe aluzange luqhubeke. Ukube uJesu akazange abethelwe, ukuba welapha abantu nje kuphela wakhipha namadimoni, ngabe abantu abazange bathethelelwe izono zabo ngokuphelele. Kule minyaka emithathu nesigamu uJesu enza ngayo umsebenzi Wakhe emhlabeni, waqeda ingxenye kuphela yomsebenzi Wakhe wokuhlenga; kwase kuthi ngokubethelwa esiphambanweni nokuba umfanekiso wenyama enesono, ngokunikelwa esandleni somubi, wawufeza umsebenzi wokubethelwa waphumelelisa isiphetho sesintu. Abantu bahlengwa kuphela emva kokuthi esenikelwe ezandleni zikaSathane. Iminyaka engamashumi amathathu nesigamu wahlushwa emhlabeni, wenziwa inhlekisa, wathukwa, walahlwa, kwaze kwaseqophelweni lapho engasenandawo yokufihla ikhanda, engenandawo yokuphumula; wabe esebethelwa, ubuyena bonke—umzimba ongcwele nomsulwa—wabethelwa esiphambanweni. Wabekezelela lonke uhlobo lokuhlushwa olukhona. Labo ababesemandleni babembhinqa bemshaya, namasosha aze amkhafulela ebusweni; kodwa wathula wabekezela kwaze kwaba sekugcineni, ethoba ngokungenamibandela kwaze kwaba sekufeni, lapho ahlenga khona sonke isintu. Waze wavunyelwa lapho ukuba aphumule. Umsebenzi owenziwa nguJesu umele kuphela iNkathi yoMusa; awumele iNkathi yoMthetho, futhi awuthathi indawo yomsebenzi wezinsuku zokugcina. Lena yingqikithi yomsebenzi kaJesu eNkathini yoMusa, inkathi yesibili isintu esesedlule kuyo—iNkathi yokuHlengwa.

Okwedlule: Umsebenzi ENkathini Yomthetho

Okulandelayo: Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp