Isahluko 28

Uma ngifika ngivela eSiyoni, ngangilindwe yizo zonke izinto, ngathi uma sengibuyela eSiyoni, ngabingelelwa yibo bonke abantu. Njengoba ngafika ngabuya ngahamba, izinyathelo Zami azange zivinjwe yizinto ezaziwubutha Kimi, yingakho ngaqhubeka ngaphandle kwezihibe. Namuhla, uma ngihlangana nazo zonke izidalwa, zonke izinto zingibingelela buthule, zinokwesaba okukhulu bokuthi ngingase ngihambe futhi ngisuse okubesekile. Zonke izinto zilandela ubuholi Bami, kanti zonke zibheka ngalapho kukhombe khona isandla Sami. Amazwi omlomo Wami aphelelise izidalwa eziningi asola amadodana amaningi okungalaleli. Ngalokho, bonke abantu babheka okuhloswe amazwi Ami, balalelisise engikusho ngomlomo Wami, babe nokwesaba uma becabanga ukuphunyukwa yileli thuba. Kungenxa yalesi sizathu ukuthi ngiqhubeke nokukhuluma, ukuze umsebenzi Wami uzokwenzeka ngokushesha nokuthi izimo ezigculisayo zizosheshe zibonakale emhlabeni zilungise izindawo ezichithekileyo emhlabeni. Uma ngibheka phezulu esibhakabhakeni kulapho ngiphinde ngibheke khona esintwini; umhlaba wonke ugcwala impilo, izintuli azibikhona emoyeni, nodaka lusuke lungasekho. Amehlo Ami ayaphinda futhi akhazimule abheke phambili, okwenza ukuthi bonke abantu bangibheke bakhosele Kimi. Kubantu banamuhla—kubandakanya labo abasekhaya Lami—obani abakhosela Kimi ngeqiniso? Ubani onikela ngenhliziyo yakhe ngenani engalihlawula? Ubani owake wahlala ngokuthula ekhaya Lami? Ubani owake wazinikela ngeqiniso phambi Kwami? Uma ngisho engikudinga kumuntu, ushesha avale “inqolobane yakhe encane.” Uma nginikela kumuntu, ushesha avule umlomo wakhe athathe ingcebo Yami isinyenyela, enhliziyweni yakhe uyaqhaqhazela, enokwesaba okujulile kokuthi ngizoziphindisela kuye. Ngalokho-ke umlomo womuntu uvuleke ingxenye futhi uvaleke ingxenye, akakwazi ukuthokozela ngeqiniso ingcebo engimuphe yona. Angimusoli kalula umuntu, kodwa uhlala engibamba ngesandla engicela ukuthi ngibe nomusa kuye; uma umuntu engincenga kulapho ngimupha khona “umusa”, bese ngimnika amazwi anendluzula omlomo Wami, amenza ukuthi abe namahloni, futhi, angakwazi ukuthola “umusa” Wami ngqo, kunalokho enze abanye bamdlulisele wona. Uma esewaqonda wonke amazwi Ami, isiqu somuntu sifane nalokhu okufiswa Yimi, ukukhala kwakhe kuba yimpumelelo, akubi ngeze noma kube yize leze; ngiyakubusisa ukukhala komuntu okuqotho, hhayi okuzenzisayo.

Iminyaka yonke kade ngenza futhi ngikhuluma, kodwa akekho umuntu owake wezwa lawa mazwi engiwakhuluma namuhla, futhi akaze ezwe ubukhosi nokwahlulela Kwami. Yize abanye abantu emhlabeni owedlule bake bezwa izindaba Zami, kodwa akekho owake wathola ubukhulu bengcebo Yami. Noma abantu banamuhla bezwa amazwi aphuma emlonyeni Wami, abazi ukuthi zingakanani izimfihlakalo ezisemlonyeni Wami, bese bethi yisitsha esinenala. Bonke abantu bafisa ukuthola okuthile emlonyeni Wami. Noma kuyimfihlo yombuso, noma imfihlakalo yezulu, noma okwenzeka emhlabeni wakomoya, noma ilapho abantu beya khona, bonke abantu bafisa ukuthola lezo zinto. Ngalokho, uma bengingahlanganisa abantu ndawonye ngibaxoxele “izindaba”, bangasukuma ngokushesha “emibhedeni yabo yokufa” ukuzwa indlela Yami. Kuningi okuntulekayo kumuntu: Akadingi nje kuphela “okwakha umzimba,” kodwa udinga “ukwesekwa ngokwengqondo” “nokondliwa ngokomoya.” Yilokhu okushodayo okuntulekayo kubo bonke abantu; lokhu “ukugula” kwabo bonke abantu. Ngelapha abantu kulesi sifo ukuze kuzoba nomphumela ongcono, ukuze bonke bezobuyela empilweni, nokuthi, ngibonga ikhambi Lami, bezobuyela esimweni esijwayelekile. Ngabe uyamzonda udrako omkhulu obomvu? Ngabe umzonda ngempela udrako omkhulu obomvu? Ngabe umzonda ngokuqinisekileyo ngempela? Kungani ngikubuza kaningi kangaka? Enhliziyweni yakho yimuphi umfanekiso onawo ngodrako omkhulu obomvu? Ngabe ususiwe ngempela? Ngabe awumthathi njengoyihlo? Bonke abantu kumele baqaphele inhloso Yami emibuzweni Yami. Akusikho ukuvusa intukuthelo kubantu, noma ukubhebhethekisa ukuhlubuka kubantu, noma ukuze abantu bezokwazi ukuziphumela, kodwa kungukuvumela bonke abantu bazikhulule emaketangeni kadrako omkhulu obomvu. Kodwa akekho okumele akhathazeke. Konke kuzofezekiswa ngamazwi Ami; akekho umuntu ozoba nesandla, akekho umuntu ozokwenza umsebenzi engizowenza. Ngizosusa umoya womhlaba ngiwuhlanze bese ngiqeda nawokugcina amadimoni emhlabeni. Sengiqalile, sengizoqala isinyathelo Sami sokuqala somsebenzi Wami wokujezisa endaweni ehlala udrako omkhulu obomvu. Ngalokho kuzobonakala ukuthi isijeziso Sami siwele kuwo wonke umhlaba, nokuthi udrako omkhulu obomvu nazo zonke izinhlobo zomoya wobumnyama zizophelelwa amandla okubalekela isijeziso Sami, ngoba ngibheka wonke umhlaba. Uma usuphelile umsebenzi Wami emhlabeni, kulapho, isikhathi sokwahlulela sifika ekupheleni, ngizobe sengimjezisa udrako omkhulu obomvu. Abantu Bami bazobona ukujezisa Kwami okulungileyo kukadrako omkhulu obomvu, bazodumisa ngenxa yokulunga Kwami, baphakamise igama Lami elingcwele ngenxa yokulunga Kwami. Nizobe senenza umsebenzi wenu osemthethweni, futhi nizobe seningidumisa ngokusemthethweni emhlabeni wonke, kuze kube naphakade!

Uma isikhathi sokwahlulela sifika ekugcineni, angeke ngijahe ukuqeda umsebenzi Wami, kodwa ngizowudidiyela nobufakazi besikhathi sokusola, bese lobo bufakazi bubonwa yibo bonke abantu Bami; lokhu kuzothela izithelo ezinkulu. Lobu bufakazi yiyona ndlela engizosola ngayo udrako omkhulu obomvu, ngizokwenza ukuthi abantu Bami bambone ngamehlo abo ukuze bazokwazi kabanzi ngesimo Sami. Isikhathi abantu Bami abangithokozela ngaso yileso lapho udrako omkhulu obomvu esejezisiwe. Ukwenza abantu bakadrako omkhulu obomvu bamvukele bamuhlubuke kuyiqhinga Lami, kanti nendlela engiphelelisa ngayo abantu Bami, futhi yithuba elihle labo bonke abantu Bami lokuthi bakhule empilweni. Uma inyanga ekhazimulayo iphakama, ubusuku obunokuthula buyaphinda bufe olwembiza. Yize noma inyanga iyizicucu, umuntu usuke esemoyeni omuhle, ahlale ngoxolo ngaphansi kwenyezi, encoma ubuhle abubonayo ngaphansi kokukhanya. Umuntu akakwazi ukuchaza imizwa yakhe; kuba sengathi ufisa ukuphonsa imicabango yakhe ibuyele kosekudlulile, sengathi ufisa ukubheka phambili ekusaseni elizayo, sengathi uthokozela isikhathi samanje. Kuvele ukumamatheka ebusweni bakhe, phakathi komoya omnandi kukhona amakha; njengoba kuqala ukushaya komoya ohelezayo, umuntu uyawezwa amakha anothile, kubukeka sengathi liyamdaka, engakwazi ukuzivusa. Lesi yisikhathi engisuke sengifikile ngaso kumuntu, umuntu ezwe iphunga elikhulu elimnandi, bese bonke abantu bephila phakathi kwalo iphunga lelo. Nginoxolo nomuntu, uphila ngokuthula Nami, akasakuhlanekezeli okuphathelene Nami, angisawatheni amaphutha akhe, umuntu akasabukeki ecindezelekile, kanti nokufa akusabethusi bonke abantu. Namuhla, singena sonke nomuntu esikhathini sokujezisa, siyaphambili omunye eceleni komunye. Ngenza umsebenzi Wami, okungukuthi, ngishaya intonga yami phansi phakathi kwabantu bese iwela kulokho okuvukelayo kumuntu. Emehlweni abantu, intonga Yami ibukeka inamandla akhethekile: Iya kulabo abayizitha Zami futhi ayibaxoleli kalula; kubo bonke labo abamelana Nami, intonga yenza umsebenzi wayo wemvelo; bonke labo abasezandleni Zami benza umsebenzi wabo ngokwenhloso Yami yasekuqaleni, futhi abakaze badelele izifiso Zami noma bashintshe ubuqu babo. Ngalokho, kuzobhonga amanzi, kuwe izintaba, imifula emikhulu iyohlukana, abantu bazomelwa izinguquko, ilanga lizofiphala, inyanga ibe mnyama, umuntu aphelelwe izinsuku zokuphila ngoxolo, zizophela izikhathi zokuthula emhlabeni, amazulu angeke aphinde azole, athule, futhi ngeke aphinde abekezele. Zonke izinto zizoba zintsha zibuyele kule ndlela ezaziyiyo ekuqaleni. Wonke amakhaya emhlabeni azobhidlika, zonke izizwe emhlabeni zizovukelana; zobe sezadlula izinsuku zokubuyelana kwendoda nomfazi, umama nendodana ngeke baphinde babonane, ubaba nendodakazi ngeke baphinde bahlangane. Konke lokhu okwakusemhlabeni ngiyokubulala. Angibaniki abantu ithuba lokukhipha imizwa yabo, ngoba Nami anginamizwa, futhi sengiyenyanya ngokwedlulele imizwa yabantu. Kungenxa yemizwa ephakathi kwabantu ukuthi ngibekwe eceleni, ngalokho sengibe “ngomunye” emehlweni abo; kungenxa yemizwa phakathi kwabantu ukuthi bangikhohlwe; kungenxa yemizwa yomuntu eyenza athathe ithuba lokubuyisa “unembeza” wakhe; kungenxa yemizwa yabantu ukuthi umuntu ahlale ekhathazekile ngokujezisa Kwami; kungenxa yemizwa yomuntu ukuthi athi anginalo iqiniso futhi anginabo ubulungisa, bese ethi angiyicabangeli imizwa yomuntu ngendlela engenza ngayo izinto. Nginaso isihlobo emhlabeni? Ubani, njengani, owake wasebenza imini nobusuku, ngaphandle kokucabanga ngokudla noma ukulala, ngenxa yalo lonke uhlelo Lwami lokuphatha? Uqhathaniswa kanjani umuntu noNkulunkulu? Uhambisana kanjani noNkulunkulu? UNkulunkulu, odalayo, angafana kanjani nomuntu, odaliwe? Ngingahlala kanjani ngiphile kanjani nomuntu emhlabeni? Ubani okhathazeka ngenhliziyo Yami? Imithandazo yabantu? Ngake ngavuma ukujoyina umuntu ngahamba naye—yebo, kuze kube manje umuntu uphila ngaphansi kokunakekela nokuvikela Kwami, kodwa luyoke lufile yini usuku lapho umuntu eyozihlukanisa khona nokunakekela Kwami? Yize noma umuntu engakaze azikhathaze ngenhliziyo Yami, ubani ongaqhubeka ahlale emhlabeni ngaphandle kokukhanya? Kungenxa yezibusiso Zami kuphela ezenza ukuthi umuntu aphile kuze kube kunamhuhla?

kuMbasa 4, 1992

Okwedlule: Isahluko 27

Okulandelayo: Isahluko 29

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp