Isahluko 21

Umuntu uwela ekukhanyeni Kwami, abambelele ngenxa yensindiso Yami. Ngenkathi ngiletha insindiso emhlabeni jikelele, umuntu ubezama ukuthola izindlela zokungena phakathi kokubuyisana Nami, nokho baningi abamukile bangatholakala ngalezi zikhukhula zokubuyisana; baningi abaminzile bacwila emanzini ezikhukhula; kanti baningi futhi abema baqina phakathi kwazo izikhukhula; abangazange balahlekelwe yindlela yabo ababambelela belandela umsinga kuze kube yinamuhla. Nginyathela ngiya phambili nomuntu kodwa akakangazi; wazi kuphela izingubo engizigqoke ngaphandle futhi akayazi ingcebo efihlwe ngaphakathi Kwami. Nakuba ngipha umuntu ngimubonelela nsuku zonke, akakwazi ukwamukela ngokweqiniso, akakwazi ukuthola yonke ingcebo engihlinzeka ngayo. Akukho nkohlakalo yomuntu engingayiqapheli; Kimi, umhlaba wakhe ongaphakathi ufana nenyanga ekhanya emanzini. Angimphathi umuntu ngokunganaki, futhi angenzi izinto ngokuchitha icala nje kuye; ukuthi nje umuntu akakwazi ukuba nesibopho ngempilo yakhe ngakho wonke umuntu wonakele ngisho nanamuhla uselokhu engakwazi ukuzihlenga kulokhu konakala. Maye ngabantu abadabukisayo! Kungani abantu bengithanda, kodwa abakwazi ukulandela izinhloso zoMoya Wami? Ngabe angikazivezi ngempela kubantu? Ngabe abantu abakaze babubone ubuso Bami? Ngabe kwenziwa ukuthi abantu angibakhombisanga umusa ngokwanele? O mambuka aso sonke isintu! Kufanele abhujiswe phansi kwezinyawo Zami, kufanele anyamalale ngokusola Kwami kanti futhi kufanele ngosuku lapho umsebenzi Wami omkhulu uphela khona, akhishwe phakathi kwabantu, ukuze bonke abantu babazi ububi bawo. Lowo muntu ububona kancane ubuso Bami nezwi Lami akalizwa ngenxa yokuthi wonke umhlaba udungekile, kanti inhlokomo yawo yinkulu, ngakho umuntu uyavilapha ukufuna ubuso Bami nokuzama ukuqonda inhliziyo Yami. Ngabe lokhu akuyona imbangela yenkohlakalo yomuntu? Akukhona okwenza umuntu aswele? Wonke umuntu ubeselokhu ehlinzekelwa Yimi, uma ngabe bekungenjalo, uma ngabe ngingenabo ububele, ngubani obeyosinda kuze kube yinamuhla? Ingcebo Ekimi ayilinganiswa, kodwa nenhlekelele yonke nayo isezandleni Zami—ngubani ongaphunyuka kule nhlekelele ngokuthanda kwakhe? Ngabe imithandazo yomuntu iyamvumela ukwenza njalo? Noma izinyembezi enhliziyweni yomuntu? Umuntu akaze athandaze ngokweqiniso Kimina, futhi phakathi kwabantu bonke akekho oke waphila impilo yakhe yonke ekukhanyeni kweqiniso futhi abantu baphila nje bebonakala kaluvindi ekukhanyeni. Yilokhu okuholele ekusweleni komuntu namuhla.

Wonke umuntu umagange, bazimisele ukungenzela konke ukuze bazuze okuthize Kimina, ngakho ukuqonda ukusebenza kwengqondo yomuntu ngimnikeza izithembiso ukugqugquzela uthando lweqiniso kuyena. Ngabe wuthando lomuntu lweqiniso olumnikeza amandla? Ngabe ukwethembeka komuntu okuthinte uMoya Wami ezulwini? Izulu alikaze nje nakanci lithintwe izenzo zomuntu, futhi uma ngabe ukuphatha Kwami abantu bekusekwe ezenzweni zakhe, bonke abantu bebezophila ngaphakathi kokusola Kwami. Ngibone abantu abaningi bekhala izinyembezi zehla ezihlathini zabo, futhi ngibone abantu abaningi benikela izinhliziyo zabo ukuze bathole ingcebo Yami. Ngaphandle kwalobo 'bungcwele' angikaze nginikele konke okwami ngokukhululekileyo kumuntu ngenxa yokufikelwa ukufisa ngokushesha ngoba umuntu akaze azimisele ngentokozo ukuzinikela phambi Kwami. Ngisuse izivuvu zabo bonke abantu ngaziphonsa echibini lomlilo, ngalokho ukuthembeka okucatshangwa umuntu nezicelo zakhe azikaze ziqine phambi kwami. Umuntu ufana nefu esibhakabhakeni: uma umoya uvunguza ngamandla, wesaba amandla awo bese entanta masinyane ngemuva kwawo, esaba kakhulu ukuthi uzolaxazwa phansi ngenxa yokungalaleli kwakhe. Ngabe lokhu akubona ubuso obubi bomuntu? Akukhona lokho kulalela okukhulunywa ngakho komuntu? Ngabe akuyona “imizwa yoqobo” nenhliziyo enhle engeyona yomuntu? Abantu abaningi bayenqaba ukugculiseka yikho konke engikushoyo ngomlomo Wami, kanti abaningi abakwamukeli ukuhlola Kwami, yilokho amazwi nezenzo zabo ziveza obala izinhloso zabo zokuhlubuka. Ngabe lokhu engikushoyo kuphikisana nesimo semvelo yomuntu sasemandulo? Angimunikezanga yini umuntu incazelo efanele “ngokwemithetho yemvelo”? Umuntu akangilaleli ngokweqiniso; uma ngabe ungifunisisile, bengingekhulume kangaka. Umuntu yimfucumfucu engenamsebenzi, kufanele ngisebenzise isijeziso Sami ukumphoqa ukuba aqhubeke, uma ngingenzanga njalo, inhliziyo yakhe ingathinteka kanjani—noma ngabe izithembiso engimnikeza zona zanele intokozo yakhe. Umuntu uphile phakathi kobunzima obubuhlungu iminyaka eminingi; kungathiwa, ubeselokhu ephila engenathemba. Ngenxa yalokho, ushiywe edangele, ekhathele emzimbeni nasemqondweni, ngakho akayamukeli ngentokozo ingcebo engimnikeza yona. Nanamuhla, akekho okwazi ukwamukela bonke ubumnandi bomoya ovela Kimina. Abantu bangahlala nje bempofu belinde usuku lokugcina.

Abantu abaningi bafisa ukungithanda ngokweqiniso, kodwa ngenxa yokuthi izinhliziyo zabo akuzona ezabo, abakwazi ukuzilawula; abantu abaningi bangithanda ngokweqiniso phakathi kwezilingo engizinikezile, kodwa abakwazi ukuqonda ukuthi ngikhona ngempela, bangithanda nje ngokungelutho, hhayi ngoba ngikhona uqobo; abantu abaningi ngemuva kokwendlala izinhliziyo zabo phambi Kwami, abazinaki ngakho izinhliziyo zabo zihlwithwa nguSathane uma nje ethola ithuba; ngemuva kwalokho bayangishiya; abantu abaningi bangithanda ngobuqotho uma nje ngibanikeza amazwi Ami, kodwa abawazisi amazwi Ami emiphefumulweni yabo, kunalokho bawasebenzisa nje sengathi yimpahla yomphakathi bawajikijele lapho evele khona noma yinini uma sebethanda. Umuntu uyangifuna nasebuhlungwini, kanti ubhekisa Kimina uma ephakathi kwezilingo. Ngezikhathi zoxolo uyangithokozela, uma esengozini uyangiphika, uma ematasa uyangikhohlwa, uma engenzi lutho wenza into engingakholelwa kuyona—akekho nje umuntu oke wangithanda impilo yakhe yonke. Ngifisa sengathi umuntu angaba neqiniso phambi Kwami: Angiceli ukuba angiphe utho, nje ukuthi bonke abantu babe nesiqiniseko Ngami, ukuthi, kunokungikhohlisa, mabangivumele ngibuyise ubuqotho bomuntu. Ukukhanyiselwa Kwami, ukukhanyisa, nenani lemizamo kungena kubo bonke abantu, kodwa futhi kanjalo neqiniso lazo zonke izenzo zomuntu lingena kubo bonke abantu, njengoba kwenza ukungikhohlisa kwabo. Kuba sengathi izithako zokukhohliswa komuntu selokhu zinamathele kuye ukusuka esibelethweni, sengathi ube nala makhono obuqili ukusuka ekubelethweni kwakhe. Okunye futhi, akaze ayikhulumele eziko; akekho oke wabona umnyombo wala makhono enkohliso. Ngenxa yalokho, umuntu uhlala phakathi kwenkohliso angaqapheli, kuba sengathi uyazixolela, kube sengathi ukuhlela kukaNkulunkulu kunokuba ukungikholisa kwangabomu kwakhe. Ngabe akuwona amasu akhe obuqili lawa? Angikaze ngidungeke kangaka wukubatshazwa ngokukhohliswa ngumuntu, ngoba ngiwubone kudalo umsuka wayo. Ubani okwaziyo ukungcola okusegazini lakhe nokuthi ushevu kaSathane osemnkantsheni wakhe ungakanani? Umuntu ujwayela kakhudlwana usuku nosuku, ukufikela lapho engasenandaba nokuhlushwa uSathane, bese angabe esaba nentshisekelo yokuthola “ubuciko bokuphila kahle.”

Uma umuntu eqhelile Kimi, futhi engilinga, ngiyazifihla kuye emafwini. Ngenxa yalokho, akakwazi nokuthola umkhonjwana nje Wami, aphile nje ngesandla somubi, enze konke lokho akucelayo. Uma umuntu eseduze Nami, ngiyaziveza kuye futhi angibufihli ubuso Bami kuye, kulesi sikhathi, umuntu ubona ubuso Bami obumnene. Usheshe abuyelwe umqondo, yize engaqapheli, kuyena kuqhakamba uthando Lwami. Enhliziyweni yakhe, uthuka esezwa ubumnandi obungeqhathaniswe, amangale ukuthi wayengazi ngani ngobukhona Bami emhlabeni. Ngakho umuntu unomqondo obanzana wobuhle Bami, ngaphezu kwalokho wokuba yigugu Kwami. Ngenxa yalokho, ufisa ukuba angaze aphinde angishiye futhi, ungibona njengokukhanya kokuphila kwakhe, futhi, esaba kakhulu ukuthi ngizomshiya, uyangigona anginkonkoshele. Angiheheki ngenxa yentshisekelo yomuntu, kodwa nginomusa kuye ngenxa yothando lwakhe. Kulesi sikhathi, umuntu uphila manje phakathi kwezilingo Zami. Ubuso Bami buyanyamalala enhliziyweni yakhe, bese asheshe ezwe ukuthi impilo yakhe ayinalutho acabange nokubaleka. Ngalesi sikhathi, inhliziyo yomuntu isobala. Akangisingathi ngenxa yesimilo Sami, kodwa ucela ukuba ngimvikele ngenxa yothando Lwami. Kodwa uma uthando Lwami lubuyela kumuntu, uguqula umqondo wakhe ngokushesha; udabula isivumelwano sakhe Nami asuke nasekwahluleleni Kwami, engazimisele ukuphinda abuke ubuso Bami obunomusa, ngakho ushintsha indlela angibuka ngayo, asho nokuthi angikaze ngisindise muntu. Ngabe uthando lweqiniso alufaki lutho ngempela ngaphandle komusa? Ngabe umuntu ungithanda kuphela uma ephila ngaphansi kwenkazimulo yokukhanya kwami? Ujeqeza emuva kwezayizolo kodwa abe ephila namuhla—ngabe akuzona izimo zomuntu lezi? Ngabe ngempela nizobe nisenje nakusasa? Engikufunayo ukuthi umuntu abe nenhliziyo elangazelela Mina ekujuleni kwayo, hhayi enganelisa ngezinto ezingaphandle.

kuNdasa 21, 1992

Okwedlule: Isahluko 20

Okulandelayo: Isahluko 22

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp