Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu

Isigaba ngasinye somsebenzi owenziwe nguNkulunkulu sinokubaluleka kwaso ngokoqobo. Kudala, lapho uJesu efika, wayengowesilisa, kodwa lapho uNkulunkulu eza manje, ungowesifazane. Ngalokhu, uyabona ukuthi uNkulunkulu wadala kokubili owesilisa nowesifazane ebadalela umsebenzi Wakhe, futhi Kuye awukho umehluko wobulili. Lapho uMoya Wakhe ufika, ungathatha noma yisiphi isimo senyama ngokuthanda, futhi leyo nyama ingammela. Noma owesilisa noma owesifazane, ingamela uNkulunkulu inqobo nje uma iyinyama Yakhe esesimweni somuntu. Ukuba uJesu wayebonakale njengowesifazane lapho efika, ngamanye amazwi, lapho umntwana wentombazane, hhayi womfana, wayethatshathwe ngoMoya oNgcwele, leso sigaba somsebenzi sasizoqedwa sonke noma kunjalo. Ukuba lokhu kwakunjalo, lesi sigaba somsebenzi bekuzodingeka ukuba siqedwe ngowesilisa futhi umsebenzi ubuzoqedwa noma kunjalo. Umsebenzi owenziwe kuzo zombili izigaba ubaluleke ngokulinganayo; awukho umsebenzi ophindwayo noma ongqubuzana nomunye. Ngaleso sikhathi, ekwenzeni umsebenzi Wakhe, uJesu wayebizwa ngeNdodana eyodwa, futhi “iNdodana” ikhombisa ubulili besilisa. Ngakho kungani iNdodana ezelwe iyodwa ingabalwa kulesi sigaba? Kungenxa yokuthi izidingo zomsebenzi zenze ukuba kube noguquko ebulilini obehlukile kobukaJesu. KuNkulunkulu akukho kuhlukanisa ngobulili. Wenza umsebenzi Wakhe njengoba efisa futhi ekwenzeni umsebenzi Wakhe akavinjelwa lutho, kodwa ukhululeke ngokukhethekile. Nokho isigaba ngasinye sinokubaluleka kwaso ngokoqobo. UNkulunkulu ube yinyama kabili, futhi lokhu kucace bha ukuthi ukuba sesimweni somuntu Kwakhe ezinsukwini zokugcina kungokokugcina. Uze ukuzokwambula zonke izenzo Zakhe. Ukuba kulesi sigaba ubengazange abe yinyama ukuze enze umsebenzi mathupha ukuze ubonwe ngumuntu, umuntu ubezohlala ebambelele emcabangweni wokuthi uNkulunkulu ungowesilisa kuphela, hhayi owesifazane. Ngaphambi kwalokhu, sonke isintu sasikholwa ukuthi uNkulunkulu angaba owesilisa kuphela futhi owesifazane wayengeke akwazi ukubizwa ngoNkulunkulu, ngoba sonke isintu sasithatha indoda njengenegunya kowesifazane. Babekholwa ukuthi akekho owesifazane okufanele abe negunya, kodwa yindoda kuphela. Okunye, baze bathi indoda yinhloko yowesifazane nokuthi owesifazane kufanele alalele indoda futhi wayengeke ayedlule. Kudala, lapho kuthiwa indoda iyinhloko yowesifazane, lokhu kwakuqondiswe ku-Adamu no-Eva ababekhohliswe yinyoka, hhayi kowesilisa nowesifazane njengoba babedalwe nguJehova ekuqaleni. Kuyiqiniso, owesifazane kufanele alalele futhi athande umyeni wakhe, futhi indoda kufanele ifunde ukondla nokusekela umndeni wayo. Le yimithetho nezinqumo ezibekwe uJehova okufanele abantu baphile ngazo emhlabeni. UJehova wathi kowesifazane, “Futhi ukunxanela kwakho kuzoba sendodeni yakho, kanti yona izobusa phezu kwakho.” Lokhu wakusho kuphela ukuze isintu (okusho ukuthi, bobabili owesilisa nowesifazane) baphile impilo ejwayelekile ngaphansi kombuso kaJehova, futhi ukuze kuphela izimpilo zabantu zibe nokwakheka zingalahlekelwa ukuma kahle. Ngakho-ke, uJehova wenza imithetho efanele yokuthi owesilisa nowesifazane kufanele benze kanjani, kodwa lokhu kwakumayelana nakho konke okudaliwe okuphila emhlabeni futhi kwakungenabuhlobo nenyama kaNkulunkulu yobuntu. UNkulunkulu wayengafana kanjani nendalo Yakhe? Amazwi Akhe ayeqondiswe kuphela esintwini sendalo Yakhe; ayeyimithetho ebekelwe owesilisa nowesifazane ukuze isintu siphile impilo ejwayelekile. Ekuqaleni, ngesikhathi uJehova edala isintu, wadala bobalili owesilisa nowesifazane; ngakho-ke kunokwehlukaniswa ngokwesilisa nesifazane enyameni Yakhe yokuba sesimweni somuntu. Akazange anqume umsebenzi Wakhe ngokwamazwi awakhuluma ku-Adamu no-Eva. Izikhathi ezimbili athatha ngazo umzimba wenyama zanqunywa ngokuhambisana kahle ngokuphelele nokucabanga Kwakhe ngesikhathi eqala ukudala abantu, okusho ukuthi, waqeda umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kabili, okusekelwe kowesilisa nowesifazane bengakonakali. Ukuba isintu sathatha amazwi akhulunywa nguJehova ku-Adamu no-Eva abase bekhohliswe yinyoka sawasebenzisa emsebenzini kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ingabe uJesu naye kwakungeke kufanele athande inkosikazi Yakhe njengoba kufanele? Ngale ndlela, ngabe uNkulunkulu ubengaba esenguNkulunkulu? Uma kunjalo, wayengawuqeda umsebenzi Wakhe? Uma kungalungile ukuba umzimba kaNkulunkulu osesimweni somuntu ube ngowesifazane kwakungeke yini kube yiphutha elikhulu futhi lapho uNkulunkulu edala owesifazane? Uma umuntu esakholwa ukuthi ngeke kulunge ukuba uNkulunkuku athathe isimo somuntu wesifazane, ngabe-ke ngeke uJesu, ongazange ashade ngakho-ke wangakwazi ukuthanda inkosikazi Yakhe, abe sephutheni ngokufanayo nokuba sesimweni somuntu kwamanje? Njengoba usebenzisa amazwi uJehova awakhuluma ku-Eva ukulinganisa iqiniso lokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu namhlanje, kuzofuneka usebenzise amazwi kaJehova ku-Adamu ukwehlulela iNkosi uJesu owaba yinyama ngeNkathi Yomusa. Ingabe lokhu okubili akufani? Njengoba wahlulela iNkosi uJesu ngokowesilisa ongazange akhohliswe yinyoka, awukwazi-ke ukwahlulela iqiniso lokuba sesimweni somuntu namuhla ngowesifazane owakhohliswa yinyoka. Akulungile lokhu! Ukulinganisa uNkulunkulu ngale ndlela kufakazela ukuthi untula ukucabanga. Ngesikhathi uJehova eba yinyama kabili, ubulili bokuba sesimweni somuntu Kwakhe babuhlobene nowesilisa nowesifazane abangazange bakhohliswe yinyoka; ube yinyama kabili ngokuhambelana nowesilisa nowesifazane abangazange bakhohliswe yinyoka. Ungacabangi ukuthi ukuba ngowesilisa kukaJesu kwakufana nokuka-Adamu owakhohliswa yinyoka. Akahlobene nhlobo naye, futhi bangabesilisa ababili abanemvelo eyehlukene. Ngempela ngeke kube yikhona ukuthi ukuba ngowesilisa kukaJesu kukhombisa ukuthi uyinhloko yabo bonke abesifazane kuphela kodwa hhayi eyabo bonke abesilisa? Akayona iNkosi yawo wonke amaJuda (kuhlanganise kokubili abesilisa nabesifazane)? UnguNkulunkulu uqobo Lwakhe, hhayi nje inhloko yabesifazane kuphela kodwa inhloko yabesilisa futhi. UyiNkosi yazo zonke izidalwa kanye nenhloko yazo zonke izidalwa. Unganquma kanjani ukuthi ubulili bukaJesu buwuphawu lokuba yinhloko yabesifazane? Ingabe lokhu akukhona ukuhlambalaza? UJesu ungowesilisa ongakaze onakaliswe. UnguNkulunkulu; unguKristu; uyiNkosi. Angaba kanjani owesilisa njengo-Adamu owonakalisiwe? UJesu uyinyama embethwe nguMoya oNgcwele kakhulu kaNkulunkulu. Ungasho kanjani ukuthi unguNkulunkulu onobulili buka-Adamu? Ngakho kwakungeke yini kube wonke umsebenzi kaNkulunkulu ubungalungile? Ingabe uJehova wayengakwazi ukufaka kuJesu ubulili buka-Adamu owakhohliswa yinyoka? Ingabe ukuba sesimweni somuntu manje akuwona omunye umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu ohlukile ngobulili kuJesu kodwa ofanayo ngemvelo? Ingabe usalokotha uthi uNkulunkulu osesimweni somuntu ngeke abe ngowesifazane, ngoba owesifazane waba ngowokuqala ukukhohliswa yinyoka? Ingabe usalokotha ukuthi, njengoba owesifazane engongcole kakhulu nowumthombo wenkohlakalo yesintu, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuba sesimweni somuntu wesifazane? Ingabe usalokotha uthi “owesifazane uyohlala elalela owesilisa futhi akasoze abonakalise noma amele uNkulunkulu ngokuqondile”? Awuqondanga ngesikhathi esedlule, kodwa ungabuye uhlambalaze umsebenzi kaNkulunkulu namanje, ikakhulu inyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu? Uma ungeke ukubone ngokucace kakhulu lokhu, kungcono ubheke ulimi lwakho, funa ubuwula nokungazi kwakho kwembulwe nobubi bakho budalulwe. Ungacabangi ukuthi uqonda yonke into. Ngikutshela ukuthi konke okubonile nokwazile akwenele ukuba ungaqonda ngisho okukodwa enkulungwaneni yohlelo Lwami lokuphatha. Pho kungani uqhosha kangaka? Ingxenyana yethalente nje nolwazana onalo akwanele ukusetshenziswa ngisho umzuzwana nje emsebenzini kaJesu! Unolwazi olungakanani ngempela? Okubonile nakho konke okuzwile empilweni yakho nalokho okucabangile kuncane kunomsebenzi engiwenza ngomzuzu! Kuhle ukuba ungathungathi futhi ufune amaphutha. Ungazidla ngendlela oyifunayo, kodwa useyisidalwa esingalingani ngisho nentuthwane! Konke lokho okusesiswini sakho kuncane kunalokho okusesiswini sentuthwane! Ungacabangi, ukuthi ngoba usuzuze ulwazi oluthile nobukhulu, lokhu kukunika ilungelo lokubhenguza nokukhuluma kakhulu. Ingabe ulwazi lwakho nobukhulu bakho abuwona umphumela wamazwi engiwakhulumile? Ukholwa ukuthi kwakungawokuhwebelana ngenxa yokusebenza kanzima kwakho? Namuhla, ubona ukuthi sengibe yinyama, bese kuthi ngenxa yalokhu kuphela usugcwele imiqondo eminingi, futhi usufunde imicabango engenakubalwa kuyona. Ukuba bekungekhona ukuba Kwami sesimweni somuntu, ngisho ngabe ubunamathalente angavamile kangakanani, ubungeke ube nemiqondo eminingi kangaka; futhi akukhona yini lapho kusuka khona imibono yakho? Ukuba uJesu wayengakaze abe sesimweni somuntu okokuqala, wawuyokwazi ngokuba sesimweni somuntu? Akungenxa yokuthi ukuba sesimweni somuntu okokuqala kwakunikeza ulwazi olwenza ube nesibindi sokwahlulela ukuba sesimweni somuntu okwesibili? Kungani, esikhundleni sokuba ngumlandeli olalelayo, ukucwaninge? Lapho usungene kulo mgudu weza phambi kukaNkulunkulu osesimweni somuntu, angakuvumela ukuba ukufunde? Kuhle ukuba ufunde umlando womndeni wakho, kodwa uma uzama ukucwaninga “ngomlando womndeni” kaNkulunkulu angakuvumela uNkulunkulu wanamuhla ukuba wenze lokho kucwaninga? Ingabe awuyona impumputhe? Awuzidonseli ukucasukelwa?

Ukuba nje umsebenzi kaJesu wawenziwe ngaphandle kokugcwaliswa ngomsebenzi kulesi sigaba sezinsuku zokugcina, umuntu ubezohlala ebambelele emqondweni wokuthi uJesu kuphela oyiNdodana kaNkulunkulu, okusho ukuthi uNkulunkulu unendodana eyodwa kuphela, nokuthi noma ubani oza ngemva kwalokho nelinye igama ngeke abe yiNdodana eyodwa kaNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuba nguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Umuntu unomcabango wokuthi lowo osebenza njengomnikelo wesono noma othatha amandla egameni likaNkulunkulu futhi ahlenge sonke isintu, yiNdodana eyodwa kaNkulunkulu. Kukhona abanye abakholwa ukuthi inqobo nje uma kungowesilisa ozayo, angathathwa njengeNdodana eyodwa kaNkulunkulu nomele uNkulunkulu, futhi kukhona ngisho nalaba abathi uJesu uyiNdodana kaJehova, iNdodana Yakhe okungukuphela kwayo. Ingabe lokhu akuwona umcabango ojulile womuntu? Ukuba lesi sigaba somsebenzi asenziwanga enkathini yokugcina, ngalokho bonke abantu bebezombozwa yithunzi elimnyama uma kuza kuNkulunkulu. Ukuba kunjalo, owesilisa ubezocabanga ukuthi usesikhundleni esiphezulu kunowesifazane, kanti abesifazane bebengeke bakwazi nokuhambela phezulu, futhi akekho noyedwa owesifazane obengakwazi ukusindiswa. Abantu njalo bakholwa ukuthi uNkulunkulu ungowesilisa, nokuthi umbukela phansi owesifazane futhi ngeke amnikeze insindiso owesifazane. Uma kunjalo, bekungebe iqiniso ukuthi bonke abesifazane, abadalwe nguJehova nabonakalisiwe abasoze balithole ithuba lokusindiswa? Ngakho bekungeke kubonakale sengathi kwakungenamqondo ukuba uJehova adale owesifazane, okusho ukuthi, adale u-Eva? Futhi ingabe owesifazane ubengeke abhubhe kuze kube phakade? Ngakho-ke, lesi sigaba somsebenzi ezinsukwini zokugcina esokwenziwa ukuze kusindiswe sonke isintu, hhayi abesifazane kuphela. Uma kukhona ocabanga ukuthi, uma uNkulunkulu eba sesimweni somuntu njengowesifazane, bekuyoba kuphela ukuze asindise owesifazane, lowo muntu uzobe uyisiwula esiphindiwe!

Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka kube khona okunye ukubethelwa kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Umsebenzi kulesi sigaba wenziwe esisekelweni somsebenzi weNkathi Yomusa. Ukuba lezi zigaba ezimbili zomsebenzi azihlobene, kungani ukubethelwa kungaphindwa kulesi sigaba? Kungani ngingathwali izono zomuntu? Angifiki ngokuthatshathwa ngoMoya oNgcwele, futhi angithwali izono zomuntu ngokubethelwa; kodwa, ngilapha ukuze ngisole umuntu ngokuqondile. Ukuba ukusola Kwami umuntu nokufika Kwami manje ngokungathatshathwa ngoMoya oNgcwele akulandelanga ukubethelwa bengingeke ngifanele ukusola abantu. Ngempela kungenxa yokuthi ngimunye noJesu ukuthi ngiza ngokuqondile ukuzosola nokwahlulela umuntu. Lesi sigaba somsebenzi sakhele ngokuphelele phezu kwesigaba esingaphambili. Yingakho kungumsebenzi onjalo kuphela ongaletha umuntu ensindisweni, isinyathelo ngesinyathelo. Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma inyama yethu ingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; yize ingqikithi yesikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, ingqikithi Yethu iyefana; inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, kodwa lokhu kwenziwa yinguquko enkathini nokwehlukana kwezidingo zomsebenzi Wethu; izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimo esisembula kumuntu nakho akufani. Kungakho lokhu umuntu akubonayo nakuqondayo namuhla kungafani nokwedlule; lokhu kwenziwa ukuguquka kwenkathi. Yize ubulili nesimo senyama Yabo kwehlukene noma bengazalwa emndenini munye, nangasikhathi sinye, uMoya Wabo noma kunjalo munye. Noma inyama yabo ingenabo ubudlelwane begazi nenyama nganoma iyiphi indlela, lokhu akukuphikisi ukuthi bawukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ngezikhathi ezimbili ezingefani. Yiqiniso elingephikwe ukuthi bayinyama esesimweni somuntu kukaNkulunkulu, yize bengenagazi elifanayo noma ulimi oluvamile lwabantu (omunye wayengowesilisa okhuluma ulimi lwamaJuda omunye ungowesifazane okhuluma isiShayina kuphela). Yilezi zizathu ezenze baphile emazweni ukuze benze umsebenzi okumele bobabili bawenze, nasezikhathini ezehlukene futhi. Ngaphandle kokuba Moya munye, banengqikithi eyodwa, akukho ukufana koqobo phakathi kwamagobolondo enyama Yabo yangaphandle. Bafana ngobuntu kuphela, kodwa ukubukeka nokuzalwa kwenyama Yabo akufani. Lokhu akunamthelela emisebenzini Yabo ehlukene noma ulwazi umuntu analo Ngabo, ngoba, ekugcineni, bawuMoya munye futhi akekho ongabahlukanisa. Noma bengahlobene ngegazi, ububona Babo bonke buphethe uMoya Wabo, obahlukanisela umsebenzi ongefani ngezikhathi ezingefani, nenyama Yabo uyinike izinhlobo ezehlukene zegazi. UMoya kaJehova awuyena uyise woMoya kaJesu, noMoya kaJesu awuyona indodana yoMoya kaJehova. BaMoya munye. NjengoNkulunkulu osesimweni somuntu wale mihla noJesu nje. Yize bengahlobene ngegazi, Bamunye; lokhu kungenxa yokuthi uMoya Wabo munye. Angenza umsebenzi womusa nesisa, kanye nalowo wokwahlulela ngokulunga nokusolwa kwabantu, nowokuqalekiswa kwabantu; futhi ekugcineni, angenza umsebenzi wokubhubhisa umhlaba nokujezisa ababi. Ingabe akakwenzi lokhu ngoKwakhe? Ingabe lokhu akukhona ukuba namandla onke kukaNkulunkulu? Wakwazi kokubili ukushayela abantu imithetho nokumnika imiyalelo, futhi wakwazi ukuhola ama-Israyeli asendulo ukuba aphile izimpilo zawo emhlabeni aphinde awaqondise ukuba akhe ithempeli nama-altare, ebusa phezu kwawo wonke ama-Israyeli. Ngokwethembela egunyeni Lakhe, wahlala nabo emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Abakwa-Israyeli bebengelokothe bamhlubuke; bonke babehlonipha uJehova kakhulu begcina imiyalelo Yakhe. Lo kwakuwumsebenzi owenziwa ngokwethembela egunyeni Lakhe nokuba namandla onke Kwakhe. Kwathi, eNkathini Yomusa, uJesu weza ukuzohlenga sonke isintu esiwile (hhayi ama-Israyeli kuphela). Wakhombisa umusa nesisa kubantu. UJesu owabonwa abantu eNkathini Yomusa wayegcwele isisa futhi wayehlala enothando kubantu, ngoba wayeze ukuzosindisa isintu esonweni. Wayekwazi ukuxolela abantu izono zabo kwaze ukubethelwa Kwakhe kwasindisa isintu ngokuphelele ezonweni. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wavela kubantu ngomusa nangesisa; okusho ukuthi, waba ngumnikelo wesono wabantu futhi wabethelwa ngenxa yezono zabantu ukuze baxolelwe kuze kube phakade. Wayenomusa, uzwelo, ukubekezela nothando. Futhi bonke labo ababelandela uJesu ngeNkathi Yomusa ngokufanayo babefuna ukuba nokubekezela nothando kuzo zonke izinto. Babebekezela, futhi abazange baziphindiselele ngisho sebeshaywa, beqalekiswa, noma bekhandwa ngamatshe. Kodwa akunjalo kulesi sigaba sokugcina. Ngokufanayo, noma uMoya wabo wawumunye, umsebenzi kaJesu nokaJehova wawungafani ncimishi. Umsebenzi kaJehova wawungewona owokuqeda inkathi kodwa ukuyiqondisa, ungenisa impilo yesintu emhlabeni. Noma kunjalo, umsebenzi manje ukunqoba labo bantu abonakaliswe kakhulu ezizweni zabeZizwe, nokungaholi kuphela abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo eShayina kodwa umhlaba wonke jikelele naso sonke isintu. Kungabonakala kuwe ukuthi lo msebenzi wenziwa kuphela eShayina, kodwa empeleni, usuqalile ukwanda naphesheya. Kungani abantu abavela kwamanye amazwe, njalo nje, befuna indlela yangempela? Kungenxa yokuthi uMoya useqalile ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi amazwi akhulunywayo manje aseqondiswe kubantu bomhlaba wonke jikelele. Ngalokhu, ingxenye yomsebenzi isiqalile. Ukusuka ekudalweni komhlaba kuze kufike manje uMoya kaNkulunkulu useqale umsebenzi omkhulu kakhulu, futhi ngaphezu kwalokho sewenze imisebenzi ehlukene ngezinkathi ezahlukene futhi ezizweni ezahlukene. Abantu benkathi ngayinye babona isimo Sakhe esehlukile, esivezwa ngokwemvelo yimisebenzi ehlukene ayenzayo. UnguNkulunkulu, ogcwele umusa nesisa, ungumnikelo wesono wabantu futhi ungumelusi wabantu kepha ubuye abe ukwahlulelwa komuntu, ukusola nesiqalekiso. Angahola umuntu ukuba aphile emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili abuye ahlenge isintu esonakele esonweni. Namuhla, uyakwazi nokunqoba isintu esingamazi asenze sibe ngaphansi kombuso Wakhe, ukuze sonke sizithobe ngaphansi Kwakhe ngokuphelele. Ekugcineni, uzoshisa konke okungcolile nokungalungile kubantu emhlabeni wonke jikelele, ukubakhombisa ukuthi akayena uNkulunkulu womusa nothando kuphela, uNkulunkulu wobuhlakani nezimangaliso kuphela, uNkulunkulu ongcwele kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho, unguNkulunkulu owahlulela abantu. Kulabo ababi phakathi kwabantu, ungukushisa, ukwahlulela kanye nokusola; kulabo okufanele bapheleliswe, uwukuhlupheka, ukucwengwa, ukulingwa kanye nokunethezeka, ukuhlinzekwa, ukunikezwa amazwi, ukubheka, nokuthena. Kanti kulabo abakhishiwe, uwukujezisa kanye nokushaywa. Ake ungitshele, ingabe uNkulunkulu akayena onamandla onke? Angawenza wonke futhi noma yimuphi umsebenzi, hhayi ukubethelwa kuphela njengoba ubucabanga. Uthathela uNkulunkulu phansi kakhulu! Ukholwa ukuthi konke angakwenza ukuhlenga sonke isintu ngokubethelwa Kwakhe bese kuphela lapho? Nokuthi okulandela lokhu, uzomlandela ukuya ezulwini bese udla isithelo esisemthini wokuphila uphinde uphuze emfuleni wokuphila? … Bekungaba lula kanjalo? Ngitshele, ufezeni? Unakho ukuphila kukaJesu? Ngempela wahlengwa nguye, kodwa ukubethelwa kwaba umsebenzi kaJesu uqobo Lwakhe. Msebenzi muni owugcwalisile njengomuntu? Unobumnene obungaphandle kuphela kodwa awuyiqondi indlela Yakhe. Yile ndlela omveza ngayo? Uma ungakakutholi ukuphila kukaNkulunkulu noma wabona ukuphelela kokulunga kwesimo Sakhe, ngakho awukwazi ukusho ukuthi ungulowo onokuphila, futhi awufanele ukudlula esangweni lombuso wezulu.

UNkulunkulu akawona uMoya kuphela, angabuye abe yinyama; ngaphezu kwalokho, ungumzimba wenkazimulo. UJesu, yize ningakaze nimbone, wabonwa ama-Israyeli, okusho ukuthi, amaJuda angaleso sikhathi. Waqala enomzimba wenyama, kodwa ngemva kokubethelwa, waba ngumzimba wenkazimulo. UnguMoya ozungeze konke futhi angenza umsebenzi kuzo zonke izindawo. Angaba nguJehova, noma uJesu, noma uMesiya futhi ekugcineni angaba uNkulunkulu uSomandla. Ungukulunga, ukwahlulela, nokusola; ungukuqalekisa nolaka; kodwa ubuye abe umusa nesisa. Wonke umsebenzi awenzile uyakwazi ukummela. Uthi uluhlobo luni lukaNkulunkulu? Awukwazi ukuchaza. Uma ungakwazi ngempela ukuchaza, akufanele ufike eziphethweni ngoNkulunkulu. Ungafiki esiphethweni sokuthi uNkulunkulu uzohlala enguNkulunkulu womusa nesisa, ngenxa yokuthi wenze umsebenzi wokuhlenga esigabeni esisodwa. Ungaqiniseka ukuthi unguNkulunkulu onomusa nothando kuphela? Uma enguNkulunkulu onomusa nothando kuphela, kungani ezophetha inkathi ngezinsuku zokugcina? Kungani ezokwehlisa izinhlekelele eziningi kangaka? Ngokwemibono nemicabango yabantu, uNkulunkulu kufanele ukuthi unomusa nothando kubantu kuze kube sekupheleni, ukuze lonke ilunga lesintu lisindiswe. Kodwa kungani-ke ezinsukwini zokugcina, ehlisa izinhlekelele ezinkulu njengokuzamazama komhlaba, izinhlupho, nendlala ukubhubhisa lesi sintu esibi, esithatha uNkulunkulu njengesitha? Kungani evumela abantu babulawe yindlala nezifo? Kungani evumela abantu bahlushwe yilezi zinhlekelele? Akekho kini ongalokotha asho ukuthi unguNkulunkulu onjani, futhi akekho okwazi ukuchaza. Ungaqiniseka ukuthi unguMoya? Ungalokotha uthi akayena omunye ngaphandle kwenyama kaJesu? Futhi ungalokotha uthi unguNkulunkulu oyohlala ebethelwa ngenxa yabantu?

Okwedlule: Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)

Okulandelayo: Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp