Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade

Ingqikithi yokukholelwa kwabantu abaningi kuNkulunkulu iwukuqiniseka ngenkolo: Abanawo amandla okuthanda uNkulunkulu, bakwazi kuphela ukumlandela njengerobhothi, abakwazi ukulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso noma ukumdumisa. Bamane bamlandela ngokuzenzakalelayo. Abantu abaningi bayakholelwa kuNkulunkulu, kodwa bayingcosana kakhulu abathanda uNkulunkulu; bamhlonipha kuphela uNkulunkulu ngenxa yokwesaba inhlekelele, noma bababaza uNkulunkulu ngoba uphakeme futhi unamandla—kodwa ekumdumiseni nasekumbabazeni kwabo alukho uthando noma ukulangazelela kwangempela. Kulokho abadlula kukhona bafuna imininingwane engabalulekile yeqiniso, noma izimfihlalalo ezingabalulekile. Abantu abaningi bayalandela nje, badoba emanzini amnyama ukuze bathole izibusiso kuphela; abalicingi iqiniso, futhi abamlaleli uNkulunkulu ngokweqiniso ukuze bathole izibusiso. Impilo yenkolelo yabantu bonke kuNkulunkulu iyize, ayinanzuzo, futhi kuyona kunokuzibhekelela nokuzifunela okwabo; abakholwa kuNkulunkulu ukuze bathande uNkulunkulu, kodwa ukuze babusiseke. Abantu abaningi benza ngendlela abathanda ngayo, benza noma yini abayifunayo, abanandaba nezithakazelo zikaNkulunkulu, noma ukuthi lokhu abakwenzayo kuyahambisana yini nentando kaNkulunkulu. Abantu abanjalo abakwazi nokuzuza ukholo lweqiniso, kungasaphathwa ukuthanda uNkulunkulu. Ingqikithi kaNkulunkulu akusiyo nje eyokuthi umuntu akholelwe kuye; nangaphezu kwalokho, eyokuthi umuntu athande. Kodwa abaningi kulabo abakholelwa kuNkulunkulu abakwazi ukuthola le “mfihlo.” Abantu abalokothi bamthande uNkulunkulu, noma bazame ukumthanda. Abakaze bathole ukuthi kuningi kakhulu okuthandekayo ngoNkulunkulu, abakaze bathole ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu othanda umuntu, futhi unguNkulunkulu okumele athandwe umuntu. Ukuthandeka kukaNkulunkulu kuvezwa emsebenzini Wakhe: Kuphela ngesikhathi bezizwela umsebenzi Wakhe, kulapho bethola khona ukuthandeka Kwakhe, kuphela ezintweni abadlula kuzo empilweni, yilapho bengajabulela ukuthandeka kukaNkulunkulu futhi ngaphandle kokukubona empilweni engokoqobo, akekho ongakwazi ukuthandeka kukaNkulunkulu. Kuningi kakhulu ongakuthanda ngoNkulunkulu, kodwa ngaphandle kokuhlanganyela Naye abantu abanayo indlela yokukwazi. Okungukuthi, uma uNkulunkulu ubengazange abe yinyama, abantu bebengeke bakwazi ukuhlanganyela Naye ngokoqobo, futhi uma bebengakwazi ukuhlanganyela ngempela Naye, bebengeke futhi bakwazi ukuzizwela umsebenzi Wakhe—ngakho uthando lwabo ngoNkulunkulu beluzokonakaliswa amanga kanye nomcabango. Uthando lukaNkulunkulu ezulwini alubonakali kahle njengothando lukaNkulunkulu emhlabeni, ngokuba ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu ezulwini lwakhiwa imicabango, kunokuba lwakhiwe yilokho abakubone ngamehlo abo, kanye nalokho abadlule kukho. Uma uNkulunkulu efika emhlabeni, abantu bayakwazi ukubona imisebenzi Yakhe kanye nokuthandeka Kwakhe, futhi bayakwazi ukubona konke ngesimo Sakhe soqobo nesijwayelekile, konke okusobala ngokuphindwe ngezikhathi eziyizinkulungwane ngaphezu kolwazi ngoNkulunkulu osezulwini. Akukhathalisekile ukuthi abantu bamthanda kangakanani uNkulunkulu osezulwini, akukho okuphathekayo ngalolu thando, futhi lugcwele imibono yobuntu. Noma ngabe luncane kangakanani uthando lukaNkulunkulu emhlabeni, lolu thando luyabonakala; noma ngabe oluncane lwalo, futhi lusabonakala. UNkulunkulu wenza ukuba abantu bamazi ngomsebenzi obonakalayo, nangalolu lwazi uzuza uthando lwabo. KunjengoPetru: Uma wayengahlalanga noJesu, wayengeke akwazi ukudumisa uJesu. Ngakho, naye, ukuthembeka kakhulu kwakhe kuJesu kwakwakhelwe ekuhlanganyeleni kwakhe noJesu. Ukuze abantu bamthande, uNkulunkulu uzile phakathi kwabantu futhi wahlala nabantu, futhi konke ekwenzela ukuba umuntu abone nokuba akubone ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu.

UNkulunkulu usebenzisa okungokoqobo kanye namaqiniso abhekiwe ukuze abantu bapheleliswe; amazwi kaNkulunkulu agcwalisa ingxenye yokuphelelisa Kwakhe abantu, futhi lona umsebenzi wokuqondisa nowokuvula indlela. Okusho ukuthi, emazwini kaNkulunkulu kumele uthole indlela yokwenza, futhi uthole nolwazi lwemibono. Ngokuqonda lezi zinto, umuntu uyoba nendlela nemibono lapho enza ngempela, futhi uyokwazi ukukhanyiseleka ngamazwi kaNkulunkulu, uyokwazi ukuqonda ukuthi lezi zinto zivela kuNkulnkulu, futhi akwazi nokuqonda okuningi. Emva kokuqonda, kumele asheshe angenea kuleli qiniso, futhi kumele asebenzise amazwi kaNkulunkulu ukwanelisa uNkulunkulu empilweni yakhe engokoqobo. UNkulunkulu uyobe esekuqondisa ezintweni zonke, futhi akunike indlela yokwenza futhi akwenze uzwe ukuthi uNkulunkulu muhle, futhi akuvumele ukuba ubone ukuthi lonke igxathu lomsebenzi kaNkulunkulu kuwe, elokukwenza upheleliswe. Uma ufisa ukubona uthando lukaNkulunkulu, uma ufisa ukuzizwela ngeqiniso uthando lukaNkulunkulu, ngakho kuzomele ujule eqinisweni, kumele ujule empilweni engokoqobo, futhi ubone ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuwuthando, kanye nensindiso, ukuze abantu bashiye ngasemuva lokho okungcolile, ukuze futhi acwenge izinto phakathi kubo ezingakwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa amazwi ukuhlinzeka umuntu lapho ngesikhathi esifanayo enza izimo empilweni engokoqobo ezivumela abantu ukuba babone, futhi uma abantu bedla futhi bephuza amazwi amaningi kaNkulunkulu, uma futhi sebewenza, bangaxazulula bonke ubunzima ezimpilweni zabo ngokusebenzisa amazwi kaNkulunkulu amaningi. Okusho ukuthi, kumele ube namazwi kaNkulunkulu ukuze ujule eqinisweni; uma ungadli futhi ungaphuzi amazwi kaNkulunkulu, futhi ungenawo umsebenzi kaNkulunkulu, ngakho angeke ube nendlela empilweni engokoqobo. Uma ungakaze udle futhi uphuze amazwi kaNkulunkulu, ngalokho uyojabha uma kukhona okwenzekayo kuwe. Wazi kuphela ukuthi kufanele uthande uNkulunkulu, kodwa awukwazi ukwahlukanisa, futhi awunayo indlela yokwenza; uphithene futhi udidekile, futhi ngesinye isikhathi ukholwa ukuthi uma wanelisa inyama, wanelisa uNkulunkulu konke okuwumphumela wokungadli nokungaphuzi amazwi kaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma ungenalo usizo lwamazwi kaNkulunkulu, uyolokhu uphumputha ngaphakathi kweqiniso, ngakho awukwazi ukuthola indlela yokwenza. Abantu abafana nalaba abaqondi ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuqonda ukuthi kusho ukuthini ukuthanda uNkulunkulu. Uma, usebenzisa ukukhanyiseleka kanye nokuqondiswa amazwi kaNkulunkulu, uvamile ukuthandaza, futhi uhlole, uphinde ufune, ngalokho okutholile okumele ukwenze, uthole amathuba omsebenzi kaMoya oNgcwele, usebenzisana noNkulunkulu ngeqiniso, ungaphithizeli futhi ungadidekanga, khona-ke uyakuba nendlela yempilo engokoqobo. Uyokwanelisa uNkulunkulu, futhi uyobusiswa uNkulunkulu ngokukhethekile, okuyokunika umuzwa wentokozo: Uyozizwa uhlonipheke ngokukhethekile ngokuthi wanelise uNkulunkulu, uyozizwa ngokukhethekile ukhanya ngaphakathi, futhi uyoba nokuzola kanye nokuthula enhliziyweni yakho, unembeza wakho uyoduduzwa futhi ukhululeke ezinsolweni, kanti uyozizwa uthokozile ngaphakathi uma ubona abafowenu nodadewenu. Kusho lokhu ukuthokozela uthando lukaNkulunkulu, futhi yilokhu kuphela okuwukuthokozela uNkulunkulu. Ukuthokozela kwabantu uthando lukaNkulunkulu kutholakala kokuhlangenwe nakho: Ngokubhekana nobunzima kanye nokusebenzisa iqiniso, bazuza izibusiso zikaNkulunkulu. Uma kuphela uthi uNkulunkulu uyakuthanda ngempela, uthi uNkulunkulu ukhokhe inani elinzima kubantu, ukuthi usekhulume ngokubekezela nangomusa amazwi amaningi, futhi usindisa abantu njalo, ukusho kwakho la mazwi kuyingxenye eyodwa kuphela yokuthokozela uNkulunkulu. Nokho, ukuthokoza okukhulu ngokwengeziwe—ukuthokoza kweqiniso—ukuba abantu basebenzise iqiniso ekuphileni kwabo kwangempela, emva kwalokho bayoba nokuthula nokuzola ezinhliziyweni zakho, bazozizwa beshukumiselekile ngaphakathi, nanokuthi uNkulunkulu muhle. Uyozwa ukuthi inani olikhokhile lifanele. Emva kokuba usukhokhe inani elikhulu ngemizamo yakho, uyozizwa ukhanya ikakhulukazi ngaphakathi: Uyozwa ukuthi uluthokozela ngempela uthando lukaNkulunkulu, futhi uqonde ukuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi wensindiso kubantu, ukuthi ukucwega Kwakhe abantu okubahlanzayo, nokuthi uNkulunkulu ulinga abantu ukuze abahlole ukuthi bamthanda ngokweqiniso yini. Uma uhlala wenza iqiniso ngale ndlela, ngakho uyoqala ukuba nolwazi olucacile kancane kancane ngomsebenzi omningi kaNkulunkulu. Ngaso sonke isikhathi uyohlala uzwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu phambi kwakho acacile kakhulu. Uma ungaqonda kahle amaqiniso amaningi, uyozwa ukuthi konke kulula ukukwenza, nokuthi ungalunqoba lolu daba. Ungasinqoba leso silingo, futhi uyobona ukuthi akukho okuyinkinga kuwe, kuyokwenza uzizwe ungacindezelekile nhlobo futhi ukhululekile. Ngalesi sikhathi uyothokozela uthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu lweqiniso luyobe selufikile kuwe. UNkulunkulu ubusisa labo abanemibono, abaneqiniso, abanolwazi, futhi abamthanda ngeqiniso. Uma abantu befisa ukubona uthando lukaNkulunkulu, kumele benze iqiniso empilweni yabo engokoqobo. Kumele bazimisele ukubekezelela ubuhlungu futhi bayeke lokhu abakuthandayo, ukuze banelise uNkulunkulu. Benganaki izinyembezi emehlweni abo, kodwa bekwazi ukwanelisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Ngale ndlela, uNkulunkulu uyokubusisa nakanjani, futhi uma ubekezelela ubunzima obufana nalobu, kuyolandelwa umsebenzi woaMoya oNgcwele. Ngempilo engokoqobo, nanokudlula emazwini kaNkulunkulu, abantu bayakwazi ukubona ukuthandeka kukaNkulunkulu, futhi kuphela uma sebezwile uthando lukaNkulunkulu kulapho bezokwazi ukumthanda ngeqiniso.

Ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba neqiniso kakhulu; ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba nothando lukaNkulunkulu kakhulu; futhi ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kungesikhathi ubusiswa kakhulu uNkulunkulu. Uma uhlala wenza ngale ndlela, uthando lukaNkulunkulu kuwe kancane kancane, luyokwenza ubone, njengoba uPetru athola ukwazi uNkulunkulu: UPetru wathi uNkulunkulu akanakho ukuhlakanipha kokwenza amazulu nomhlaba kanye nakho konke, kodwa, ngaphezu kwalokho, unokuhlakanipha kokwenza umsebenzi wangempela kubantu. UPetru wathi akafanelwe uthando lwabantu kuphela ngenxa yokudala Kwakhe amazulu nomhlaba kanye nakho konke, kodwa, naphezu kwalokho, ngenxa yekhono Lakhe lokudala umuntu, ukusindisa umuntu, ukwenza umuntu apheleliswe, kanye nokushiyela umuntu uthando Lwakhe. Ngakho, naye, uPetru washo ukuthi kuningi Kuye okufanelwe uthando lomuntu. UPetru wathi kuJesu: “Awufanelwe yini uthando lwabantu kakhulu kunokudala amazulu nomhlaba kanye nakho konke? Kuningi Kuwe okuthandekayo. Uyenza futhi unyakaze empilweni yangempela, uMoya Wakho ungithinta ngaphakathi, uyangiyala, uyangihlanza—lezi zinto zilufanele kakhulu uthando lwabantu.” Uma ufuna ukubona nokuzwa uthando lukaNkulunkulu, khona-ke kumele uhlole futhi ufune impilo yangempela, futhi kumele ukulangazelele ukubeka eceleni inyama yakho. Kumele wenze lesi sinqumo. Kufanele ube umuntu onesinqumo, okwazi ukwanelisa uNkulunkulu ezintweni zonke, ngaphandle kokuvilapha, noma ukuhalela ukuthokozisa inyama, hhayi ukuphilela inyama kodwa ukuphilela uNkulunkulu. Kungenzeka kube nezikhathi lapho ungamenelisi uNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi awuyiqondi intando kaNkulunkulu; ngesikhathi esilandelayo, nakuba kuzodinga umzamo omkhulu, kumele umanelise, unganelisi inyama. Uma uhlangabezana nalokhu, uyobe usufikile ekwazini uNkulunkulu. Uyobona ukuthi uNkulunkulu wakwazi ukudala amazulu nomhlaba kanye nakho konke, ukuthi uye waba yinyama ukuze abantu bambone ngempela, futhi bahlanganyele Naye, nokuthi uyakwazi ukuhamba phakathi kwabo, nokuthi uMoya Wakhe wenza abantu ukuba bapheleliswe empilweni engokoqobo, ukubavumela ukuba babone ubuhle Bakhe, futhi bazizwele ukuyalwa Nguye, ukusolwa Nguye, kanye nezibusiso Zakhe. Uma uhlala wenza ngale ndlela, empilweni yakho engokoqobo ngeke wahlukaniseke noNkulunkulu, futhi uma ngolunye usuku ubudlelwano bakho noNkulunkulu buyeka ukuba ngobujwayelekile, uyokwazi ukuzwa ihlazo, kanye nokwazi ukuzwa ukuzisola. Uma unobudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu, angeke ufise ukushiya uNkulunkulu, futhi uma uNkulunkulu ngelinye ilanga ethi uyakushiya, uyoba nokwesaba, futhi uyothi ungamane ufe kunokuba ushiywe uNkulunkulu. Uma usunale mizwa, uyozizwela ukuthi awukwazi ukushiya uNkulunkulu, futhi ngale ndlela, uyoba nesisekekelo, futhi uyolujabulela uthando lukaNkulunkulu.

Abantu bajwayele ukukhuluma ngokuvumela uNkulunkulu ukuba abe ukuphila kwabo, kodwa kufanele bedlule kulelo zinga. Umane ukuthi uNkulunkulu ungukuphila kwakho, uyakuhola zonke izinsuku, uthi uyadla futhi uphuze amazwi Akhe zonke izinsuku, futhi ukhuleka Kuye zonke izinsuku, ngakho usephenduke ukuphila kwakho. Ulwazi lwalabo abasho lokhu luncane kakhulu. Kubantu abaningi asikho isisekelo; amazwi kaNkulunkulu atshaliwe kubo, kodwa kusamele ahlume, ingasaphathwa eyokuthi bathele isithelo. Namuhla, ingabe usuke wabhekana nale mpilo ibanga elingakanani? Manje kuphela, emva kokuba uNkulunkulu ekuphoqile ukuba ufinyelele lapha, uyazizwela ukuthi angeke umshiye uNkulunkulu. Ngelinye ilanga, uma usudlule kule mpilo ngokwebanga elithile, uma uNkulunkulu engakwenza ukuba umshiye, ubungeke ukwazi. Uyohlala wazi ukuthi angeke ukwazi ukungabi noNkulunkulu ngaphakathi kwakho; kungenzeka ungabi nomyeni, unkosikazi noma abantwana, ngaphandle komndeni, ngaphandle kukamama noma ubaba, ngaphandle kokuthokozela inyama, kodwa angeke ukwazi ukuba ngaphandle kukaNkulunkulu. Ukungabi noNkulunkulu kuyafana nokulahlekelwa ukuphila, angeke ukwazi ukuphila naphandle kukaNkulunkulu. Uma usudlulile kule mpilo ngokwezinga elithile, kuyomele ufinyelele ezingeni elithile lokukholwa kuNkulunkulu, futhi ngale ndlela uNkulunkulu uyoba ukuphila kwakho, uyophenduka isisekelo sokuphila kwakho, angeke uphinde ukwazi ukushiya uNkulunkulu. Uma usubhekane nempilo ngokwaleli zinga, uyokwazi ukuthokozela uthando lukaNkulunkulu ngeqiniso, ubudlelwano bakho noNkulunkulu buyosondelana kakhulu, uNkulunkulu uyoba ukuphila kwakho, uthando lwakho, futhi ngaleso sikhathi uyokhuleka kuNkulunkulu uthi: “O Nkulunkulu! angeke ngikwazi ukukushiya, ungukuphila kwami, ngingaphila ngaphandle kwazo zonke izinto—kodwa ngaphandle Kwakho angeke ngikwazi ukuphila.” Lokhu kuyisiqu esingokomoya sangempela sabantu; ukuphila kwangempela. Abanye abantu baphoqiwe ukuba bafinyelele lapho bekhona namuhla: Kumele baqhubeke bethanda noma bengathandi, futhi bahlala bezwa sengathi baphakathi kwedwala nendawo eqinile. Kumele uzwe ngaleyo ndlela ukuthi uNkulunkulu ungukuphila kwakho, ngale ndlela yokuthi uma uNkulunkulu engasuswa enhliziyweni yakho kuyoba njengokulahlekelwa ukuphila kwakho; uNkulunkulu kumele abe ukuphila kwakho, kumele ungakwazi ukumshiya. Ngale ndlela, uyobe usukwazile ukwazana noNkulunkulu, futhi ngalesi sikhathi, uma uthanda uNkulunkulu futhi, uyomthanda ngeqiniso uNkulunkulu, futhi kuyoba uthando olulodwa, olumsulwa. Ngolunye usuku uma usudlule kukho sekufana nokuthi usufinyelele ezingeni elithile, lapho uthandaza kuNkulunkulu, futhi udla uphuze amazwi kaNkulunkulu, ngeke ukwazi ukushiya uNkulunkulu ngaphakathi, futhi ngeke ukwazi ukumkhohlwa noma usufuna. UNkulunkulu uyobe esephenduke ukuphila kwakho; ungakhohlwa izwe, ungamkhohlwa unkosikazi, umyeni, noma abantwana, kodwa uyoba nenkinga yokukhohlwa uNkulunkulu—lokho angeke kwenzeke, lokhu ukuphila kwakho kwangempela, kanye nothando lwakho lweqiniso lukaNkulunkulu. Uma uthando lwabantu lukaNkulunkulu selufinyelele ezingeni elithile, akukho abakuthandayo okulingana nothando lwabo lukaNkulunkulu, uyinto yokuqala ezimpilweni zabo, futhi ngale ndlela bayakwazi ukudela konke, futhi bazimisele ukwamukela konke ukusebenza nokuthenwa okuvela kuNkulunkulu. Uma usuzuze uthando lukaNkulunkulu oludlula konke okunye, uyophila eqinisweni, nasothandweni lukaNkulunkulu.

Uma uNkulunkulu esephenduke ukuphila phakathi kwabantu, angeke besakwazi ukushiya uNkulunkulu. Ingabe lokhu akusona yini isenzo sikaNkulunkulu? Abukho ubufakazi obukhulu kunalobu! UNkulunkulu usesebenze wafinyelela ezingeni elithile; uthe ukuze abantu benze inkonzo, futhi basolwe, noma bafe, abantu abakabuyeli emuva, okubonisa ukuthi sebenqotshiwe uNkulunkulu. Abantu abaneqiniso yilabo asebebhekane nezimo ngeqiniso, abangama beqinile ebufakazini babo, futhi bame baqinile endaweni yabo, bame ngakuNkulunkulu, ngaphandle kokuhlehla, futhi abangaba nobudlelwano obujwayelekile nabantu abathanda uNkulunkulu, abathi uma izinto zenzeka kubo, bekwazi ukulalela uNkulunkulu ngokupheleleyo, futhi bamlalele uNkulunkulu kuze kube sekufeni. Ukwenza kwakho nezambulo zokuphila kwangempela kuwubufakazi bukaNkulunkulu, futhi lokhu kuwukuphila ngokuvumelana komuntu kanye nobufakazi ngoNkulunkulu, futhi lokhu kuwukuthokozela uthando lukaNkulunkulu ngeqiniso; uma usufinyelele kuleli zinga, umphumela ofanele uzobe usufeziwe. Usunokuphila okuvumelana ngempela futhi zonke izenzo zakho zibhekwe ngabanye ngokuncoma. Ukugqoka nokubonakala kwakho kwangaphandle akunakekile, kodwa uphila ngokuvumelana nempilo yokukholeka, futhi lapho ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, uyaqondiswa futhi ukhanyiselwe Nguye. Uyakwazi ukukhuluma intando kaNkulunkulu ngamazwi akho, ukhulume iqiniso, futhi uyakuqonda ukukhonza ngomoya. Ukhulume ngokusobala, uhloniphekile futhi uqotho, awulwisani futhi awuphoxi, uyakwazi ukulalela ukuhlela kukaNkulunkulu futhi ume uqinele ebufakazini bakho uma izinto zenzeka kuwe, uzothile futhi unokuzibamba noma ngabe ubhekene nani. Lolu hlobo lomuntu olubone uthando lwangempela lukaNkulunkulu. Abanye abantu basebancane, kodwa benzisa okomuntu ophakathi nendawo ngokukhula, bakhulile, bangenwe iqiniso, futhi banconywa abanye—futhi yilaba bantu abanobufakazi, futhi bawukubonakaliswa kukaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma sebefundile ukufika ezingeni elithile, ngaphakathi bayokuba nokucacelwa ngoNkulunkulu, ngakho nesimo sabo sangaphandle siyazinza. Abantu abaningi abalenzi iqiniso, futhi abami beqine ebufakazini babo. Kubantu abanjalo alukho uthando lukaNkulunkulu, noma ubufakazi kuNkulunkulu, futhi laba bantu banyanywa uNkulunkulu. Bafunda amazwi kaNkulunkulu emihlanganweni, kodwa baphila uSathane, futhi lokhu ukungahloniphi uNkulunkulu, ukunyundela uNkulunkulu, nokuhlambalaza uNkulunkulu. Kubantu abanjalo, alukho uphawu lothando lukaNkulunkulu, futhi abanawo nhlobo umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngakho, amazwi nezenzo zabantu kumele uSathane. Uma inhliziyo yakho ihlala inokuthula phambi kukaNkulunkulu, futhi uhlala unaka abantu nezinto ezikuzungezile, nalokho okwenzekayo eduze nawe, futhi uwunakile umthwalo kaNkulunkulu, ngakho uNkulunkulu uyovama ukukukhanyisela ngaphakathi kwakho. Ebandleni kunabantu “abangabaqondisi,” babheka ukwahluleka kwabanye, futhi bese beyakopisha futhi bebalingise. Abakwazi ukwahlukanisa, abasizondi isono, futhi abazenyanyi noma banengeke ngezinto zikaSathane. Abantu abanjalo bagcwele izinto zikaSathane, futhi bayolahlwa uNkulunkulu ekugcineni. Inhliziyo yakho kufanele ihlale ihlonipha uNkulunkulu, kufanele ungakhulumi kakhulu futhi ungabi nehaba ngezenzo zakho, futhi ungafisa ukuphikisana noma ukuthukuthelisa uNkulunkulu. Akufanele ufise ukuba umsebenzi kaNkulunkulu ube ize kuwe, noma uvumele bonke ubunzima obubekezelele kanye nakho konke osukwenzile kube yize. Kufanele uzimisele ukusebenza kanzima futhi uthande uNkulunkulu kakhulu endleleni engaphambili. Laba abantu abanombono njengesisekelo sabo. Laba abantu abafuna intuthuko.

Uma abantu bekholelwa kuNkulunkulu, futhi bazana namazwi kaNkulunkulu, benenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, khona-ke kulaba bantu kungabonakala insindiso kaNkulunkulu, kanye nothando lukaNkulunkulu. Labo abantu abangafakaza kuNkulunkulu, baphila ngokuvumelana neqiniso, futhi lokhu abafakaza ngakho kuyiqiniso, lokhu uNkulunkulu ayikho, nesimo sikaNkulunkulu, nabaphila phakathi kothando lukaNkulunkulu futhi balubonile uthando lukaNkulunkulu. Uma abantu befisa ukuthanda uNkulunkulu, kumele bezwe ubuhle bukaNkulunkulu, futhi babone ubuhle bukaNkulunkulu, kungaleso sikhathi kuphela lapho kungavuka kubo inhliziyo ethanda uNkulunkulu, inhliziyo efisa ukusebenzela uNkulunkulu. UNkulunkulu akenzi ukuba abantu bathande ngamazwi nangokukhuluma, noma imicabango yabo, futhi akabaphoqi abantu ukuba bamthande. Kunalokho, ubenza ukuba bamthande ngokukhetha kwabo, ubenza babone ubuhle Bakhe emsebenzini Wakhe kanye nakulokho akushoyo, emva kwalokho kukhona kubo ukuthela kothando lukaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho abantu bengaveza khona ubufakazi kuNkulunkulu. Abantu abathandi uNkulunkulu ngoba baceliwe ukuba benze njalo nakwabanye, noma umuzwa wokubhuduzela kwesikhashana. Bathanda uNkulunkulu ngenxa yokuba bebonile ubuhle Bakhe, babonile ukuthi kuningi Kuye okufanelwe uthando lwabantu, ngokuba bayibonile insindiso, ukuhlakanipha kanye nemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu— futhi ngenxa yalokho, bamdumisa ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi balangazelela Yena ngeqiniso, futhi kuvuka kubo intshisekelo yokuthi ngeke bakwazi ukuphila ngaphandle kokuzuza uNkulunkulu. Isizathu esenza ukuba labo abafakaza ngeqiniso banikeze ubufakazi obunenhlokomo Kuye, kungenxa yokuthi ubufakazi babo buphezu kwesisekelo solwazi lweqiniso kanye nokulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso. Akusiwo nje umuzwa wokubhuduzela, kodwa kungokolwazi lukaNkulunkulu kanye nesimo Sakhe. Ngokuba sebefinyelele ekumazini uNkulunkulu, futhi bayazi ngobuhle bukaNkulunkulu, noqobo Lwakhe. Njengothando lwabantu kuNkulunkulu, ubufakazi babo buyazenzakalela, buyiqiniso, bubalulekile futhi bufanele. Alukhona ukuthatheka, noma luyize futhi alusho lutho. Isizathu sokuba kube yilabo kuphela abathanda uNkulunkulu ngeqiniso abanenani elikhulu kanye nenjongo ezimpilweni zabo, futhi yibona kuphela abakholwa kuNkulunkulu ngeqiniso, kungenxa yokuthi laba bantu baphila ekukhanyeni kukaNkulunkulu, bayakwazi ukuphilela umsebenzi kanye nokuphatha kukaNkulunkulu; abaphili ebumnyameni, kodwa baphila ekukhanyeni; abaphili izimpilo ezingasho lutho, kodwa izimpilo ezibusiswe uNkulunkulu. Yilabo kuphela abathanda uNkulunkulu abakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, yibona kuphela abangofakazi bakaNkulunkulu, yibona kuphela ababusiswe uNkulunkulu, futhi yibona kuphela abakwazi ukwamukela izethembiso zikaNkulunkulu. Labo abathanda uNkulunkulu bangabangani bakaNkulunkulu, bangabantu abathandwa uNkulunkulu, bangathokozela izibusiso kanye noNkulunkulu. Abantu abafana nalaba kuphela abazophila phakade, futhi bona kuphela bazophila phansi kokunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu. UNkulunkulu ungowabantu ukuba bamthande, futhi ufanelwe uthando lwabantu lonke, kodwa akusibo bonke abantu abakwazi ukuthanda uNkulunkulu, futhi akusibo bonke abantu abangafakaza kuNkulunkulu futhi babambe amandla noNkulunkulu. Ngokuba bayakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi banikele onke amandla abo emsebenzini kaNkulunkulu, labo abathanda uNkulunkulu ngeqiniso bangahamba noma kuphi ngaphansi kwamazulu kungekho muntu ongabaphikisa, bengaphakamisa amandla futhi babuse abantu bakaNkulunkulu. Laba bantu bahlangane ndawonye bevela emhlabeni wonke, bakhuluma izilimi ezahlukene futhi banesikhumba esinemibala engafani, kodwa ubukhona babo bunencazelo efanayo, bonke banenhliziyo ethanda uNkulunkulu, bonke banobufakazi obufanayo futhi banesinqumo esifanayo, kanye nesifiso esifanayo. Labo abathanda uNkulunkulu bangahamba bakhululekile emhlabeni wonke, labo abafakaza ngoNkulunkulu bangahamba umkhathi wonke. Laba bantu bathandwa uNkulunkulu, babusiswe uNkulunkulu, futhi bayophila ekukhanyeni Kwakhe kuze kube phakade.

Okwedlule: Indlela UPetru Amazi Ngayo UJesu

Okulandelayo: Umsebenzi KaMoya ONgcwele Nomsebenzi KaSathane

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp