D. Ngendlela Yokuzwa Ukwahlulelwa Nokusolwa, Nokuvivinywa Nokucwengwa

366. Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesokusola nokwahlulela, embula kukho konke okuwukungalungi, ukuze ahlulele obala bonke abantu futhi aphelelise labo abamthanda ngenhliziyo eqotho. Yisimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile. Ngakho, isimo esinje sigcwaliswe ngokubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa nokukhonjiswa kwesimo Sakhe kuvezwa ngenxa yomsebenzi waleyo naleyo nkathi entsha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uveza isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu futhi ngaphandle kokubaluleka. Uma kuwukuthi, ekwembuleni umphumela womuntu ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubesengambonisa uzwelo nothando olungapheli futhi aqhubeke ukuba nothando kuye, engamfaki umuntu phansi kokwahlulela okulungile kodwa emkhombisa ukubekezela, isineke, kanye nokuxolela, futhi ethethelela umuntu noma zizimbi kanjani izono zakhe, ngaphandle kwecashaza lokwahlulela okulungile: pho ubuyoqedwa nini wonke umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu? Kunini lapho isimo esinjalo besiyokwazi khona ukuholela isintu esiphethweni esifanele? Thatha ngokwesibonelo, ijaji elihlala linothando, ijaji elinobuso obunomusa nenhliziyo ethambile. Lithanda abantu kungakhathaleki ukuthi benza izono ezingakanani futhi linothando futhi liyababekezelela kungakhathaleki ukuthi bangobani. Ngakho, kunini lapho leli jaji liyokwazi khona ukwenza isinqumo esinobulungiswa? Ezinsukwini zokugcina, ukwahlulela okulungile kuphela okuyohlukanisa abantu ngokohlobo futhi kulethe umuntu endaweni entsha. Ngale ndlela, inkathi yonke ifikiswa esiphethweni ngesimo sokwahlulela nokusola okulungileyo kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

367. Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele. Isibonelo, lapho abantu sebazi ukuthi bayinzalo kaMowabi, bakhipha amazwi okukhononda, ababe besafuna ukuphila, futhi baba abantu abanombono ongemuhle nhlobo. Akukhombisi lokhu ukuthi abakakwazi ukuzinikela ngokugcwele ngaphansi kokubusa kaNkulunkulu? Ingabe lokhu akusiso ngempela isimo esonakele sobusathane? Lapho ningafakiwe ekusolweni, izandla zenu zaziphakeme kakhulu kunezabanye, ngisho nakwezikaJesu. Nanimemeza ngezwi elikhulu: Yiba yindodana ethandekayo kaNkulunkulu! Yiba ngosondele kuNkulunkulu! Singamane sife kunanokuzinikela kuSathane! Vukelani udrako omkhulu obomvu! Akasuke emandleni udrako omkhulu obomvu! UNkulunkulu akasiphelelise! Ukumemeza kwenu kwakukukhulu kunokwabo bonke. Kodwa-ke kwase kufika izikhathi zokusolwa, kwase kuphinda kwembulwa isimo sabantu sokonakala. Ukumemeza kwabo kwase kuma, ababe besazimisela. Yilokhu ukonakala komuntu; kujulile kunesono, kutshalwe nguSathane kwagxiliswa ngokujulile futhi phakathi kumuntu. Akulula kumuntu ukuba abone izono zakhe; umuntu akakwazi ukubona imvelo yakhe egxilile. Ukwahlulelwa yizwi kuphela okungaba nomthelela onjalo. Yileyo ndlela umuntu angaguqulwa ngayo kancane kancane kusuka kulelo qophelo kuye phambili.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

368. Namuhla uNkulunkulu uyasahlulela, futhi anisole, futhi anilahle, kodwa yazi ukuthi ukulahlwa kwakho kwenzelwa ukuba ukwazi ukuzazi. Ukulahlwa, isiqalekiso, isahlulelo, ukusolwa konke lokhu kwenzelwa ukuba uzazi, ukuze isimo sakho sikwazi ukuguquka, futhi ngaphezu kwalokho, ukuze uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani, futhi ubone ukuthi zonke izenzo zikaNkulunkulu zilungile, futhi zihambisana nesimo Sakhe nezidingo zomsebenzi Wakhe, ukuthi usebenza ngokuhambisana necebo Lakhe lensindiso yabantu, futhi ukuthi unguNkulunkulu olungileyo othanda abantu, nosindisa abantu, owahlulela futhi asole abantu. Uma nje bewazi ukuthi unesikhudla esiphansi, nokuthi ukhohlakele futhi awulaleli, kodwa awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukucacisa insindiso Yakhe ngokwahlulela nokusola akwenza kuwe namuhla, ngeke ube nayo indlela yokuzwa, okungenani ukwazi ukuqhubekela phambili. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu—Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela ekuthobeleni umbuso Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, ukuthinta Kwakhe umuntu kuwukumsindisa. Lolu hlobo lwensindiso lwenziwa lapho kuba nesivumelwano khona. Kulapho kuphela uNkulunkulu emnika khona ngokuphindaphindwe ngamakhulu lapho umuntu ethobeka ngaphambi kwegama likaNkulunkulu bese ezama ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi amnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

369. Ebhekene nesimo somuntu nangendlela abheka ngayo uNkulunkulu, uNkulunkulu wenze umsebenzi omusha, uvumela umuntu abe nolwazi kanye nomthobela Yena, kanjalo nothando nobufakazi. Yingakho, umuntu kufanele abhekane nokucwengwa nguYe uNkulunkulu, kanjalo nokwahlulelwa nguYe, ukumazi kanye nokuthenwa nguYe, ngaphandle kwalokho umuntu ngeke abe nakho ukumazi uNkulunkulu, futhi ngeke akwazi ukumthanda ngokweqiniso kanye nokufakaza ngaYe. Ukucwengwa nguNkulunkulu komuntu akukona nje okokuzuzisa uhlangothi olulodwa, kodwa kunomphumela onezinhlangothi eziningi. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, ukuze ukuzimisela kwakhe kanye nothando kwenziwe kuphelele nguNkulunkulu. Kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, nalabo abalangazelele uNkulunkulu, ayikho into ebaluleke ngaphezu kwale, noma ewusizo ukwedlula, ukudlula ukucwengwa. Isimo sikaNkulunkulu asaziwa noma asiqondwa kalula ngumuntu, ngoba uNkulunkulu, ekugcineni, unguNkulunkulu. Ekupheleni kwakho konke, akwenzeki ukuthi uNkulunkulu abe nesimo esifanayo nesomuntu, yingakho kungelula ukuba umuntu asazi isimo saKhe. Iqiniso umuntu akazalwa nalo, futhi akulula ukuba liqondwe yilabo abangcoliswe nguSathane; umuntu akanalo iqiniso, futhi akanawo amandla okuphila ngeqiniso, futhi uma engahlupheki, futhi angacwengwa noma ahlulelwe, lapho-ke amandla akhe ngeke apheleliswe. Kubo bonke abantu, ukucwengwa kubuhlungu, futhi kunzima ukukwemukela—kodwa noma kunjalo kungesikhathi sokucwengwa lapho uNkulunkulu enza isimo saKhe sokulunga sicace bha kumuntu, futhi azise nomuntu izidingo nezimfuno zaKhe, futhi ahlinzeke ngokukhanya okuthe xaxa, kanye nokuthenwa nokusebenzelana; ngokuqhathaniswa phakathi kwamaphuzu namaqiniso, unikeza umuntu ulwazi oluthe xaxa ngaye nangeqiniso, aphinde anikeze umuntu ukuqonda okukhulu ngentando kaNkulunkulu, ngaleyo ndlela avumele umuntu ukuba abe nothando lweqiniso nolumsulwa lukaNkulunkulu. Lezi yizinhloso zikaNkulunkulu lapho enza ukucwengwa kwethu. Wonke umsebenzi awenzayo uNkulunkulu unezinhloso kanye nokubaluleka kwawo; uNkulunkulu akawenzi umsebenzi ongenamsebenzi nanhloso, futhi akawenzi umsebenzi ongeke uhlomulise umuntu. Ukucwengwa akuchazi ukususa abantu phambi kukaNkulunkulu, futhi akuchazi ukubashabalalisa esihogweni. Kuchaza ukushintsha isimo somuntu ngesikhathi sokucwengwa, ukushintsha izintshisekelo zakhe, imibono yakhe yakudala, ukushintsha uthando lwakhe ngoNkulunkulu, kanye nokushintsha impilo yakhe yonke. Ukucwengwa ukuvivinywa kwangempela komuntu, kanye nendlela yangokoqobo yokuqeqeshwa, futhi kungesikhathi sokucwengwa kuphela lapho uthando lwakhe lungenza umsebenzi walo ophelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

370. Abantu abakwazi ukuguqula izimilo ngokwabo, kumele badlule ekuhlulelweni nasekusolweni, ukuhlupheka nasekucwengeni kwezwi likaNkulunkulu, noma ukuba kubhekwane nabo, baqondiswe, futhi bathenwe ngamazwi Akhe. Emva kokuthi kwenzeke konke lokhu sebengakwazi ukuthi bakwazi ukumlalela nokuzinikela kuNkulunkulu, ngaphandle kokuzama ukumkhohlisa ngokwenza izinto bengazicabangisisanga kahle. Kwenziwa ngaphansi kokucwengwa yizwi likaNkulunkulu ukuthi abantu babe noguquko esimweni. Yilabo kuphela abedlula ekuvezweni obala, ukwahlulelwa, ukuqondiswawa nokubhekanwa nabo ngamazwi Akhe abangeke baphinde benze izinto ngokunganaki, abayoba nesizotha baphinde baziphathe ngokuzihlonipha. Okubaluleke kakhulu ukuthi bayakwazi ukuthobela amazwi amanje kaNkulunkulu baphinde bathobele nomsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe wehlukile emicabangweni yabantu, bayakwazi ukuyibeka eceleni le mibono bathobele ngenhloso.

Kucashunwe embhalweni othi “Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

371. Ngenkathi kukukhulu ukucwengwa nguNkulunkulu, kungale nkathi nezinhliziyo zabantu zikwazi ukumthanda kakhulu uNkulunkulu. Ubuhlungu ezinhliziyweni zabo buzoba ngumhlomulo ezimpilweni zabo, bakwazi kakhulu ukuba nokuthula ngaphambi kukaNkulunkulu, ubudlelwane babo noNkulunkulu busondelane, futhi bakwazi kangcono ukubona uthando lukaNkulunkulu olumangalisayo kanye nensindiso yaKhe enkulukazi. UPetru wathola ukucwengwa okuphindwe kayikhulu, kanti uJobe wabhekana nezilingo eziningana. Uma nifisa ukupheleliswa nguNkulunkulu, nani futhi kufanele nibhekane nokucwengwa okuphindwe kayikhulu; uma kuphela ndlula kule nqubo, futhi nincika kulesi sinyathelo, nizokwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu, kanye nokupheleliswa nguNkulunkulu. Ukucwengwa yindlela eyiyonayona uNkulunkulu aphelelisa ngayo abantu; kuphakathi kokucwengwa kanye nezilingo ezinzima lapho kuvela khona uthando lweqiniso lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu. Ngaphandle kobunzima, abantu ababi nalo uthando lweqiniso lukaNkulunkulu; uma bengavivinywa ngaphakathi, futhi bengabhekananga kahle nokucwengwa kwangempela, izinhliziyo zabo ziyohlezi zintanta ngaphandlei. Uma usucwengwe waba sezingeni elithile, uzokwazi ukuzibona ubuthakathaka bakho kanye nezinkinga zakho, uzobona ukuthi usilela kangakanani nokuthi awukwazi ukunqoba izinkinga eziningi obhekana nazo, futhi uzobona ukuthi kukhulu kangakanani ukungalaleli kwakho. Kusesikhathini sezilingo kuphela lapho abantu bekwazi ukubona ngempela isimo abakusona, nezilingo zenza abantu bakwazi kangcono ukuba bapheleliswe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

372. Ukuhlupheka okuncane noma ubunzima kuyinto enhle kini; ukube beninikwe isikhathi esincane sakho ngabe seniqulekile, futhi beningavikelwa kanjani? Namuhla, kungenxa yokuthi nijezisiwe, niqalekisiwe, futhi nahlulelwa, yingakho ninikwa isivikelo. Nivikelwa ngenxa yokuthi senihlupheke kakhulu. Ngale kwalokho, umuntu ngabe kudala awela enkohlakalweni. Izinto angizenzi zibe nzima kini ngenhloso—ukwakheka komuntu kunesisekelo esiqinile, futhi isimo sabanye abantu kufanele sishintshwe ngale ndlela. Namuhla, aninawo umqondo ohluzekile noma ukuziqapha njengoPawulu, futhi aninawo unembeza wakhe. Nihlale nifunwa ukufakwa ngaphansi kwengcindezi, futhi nihlale nifuna ukujeziswa nokwahlulelwa ukuze nivuse imimoya yenu. Ukujeziswa nokwahlulela izona zinto ezingcono ekuphileni kwenu. Futhi uma kunesidingo, kumele niphinde nibe yisijeziso sokufika kwamaqiniso; niyozithoba ngokuphelele lapho kuphela. Ngokwendalo yenu ngaphandle kwesijeziso nesiqalekiso, beningeke nivume ukugobisa amakhanda enu, beningeke nizehlise. Ngaphandle kwamaqiniso phambi kwamehlo enu, ubengeke ube bikho umphumela. Niphansi kakhulu futhi anilusizo lwalutho! Ngaphandle kwesijeziso nesahlulelo, bekuyoba nzima ukuthi ninqotshwe, futhi bekuyoba nzima ukuthi kucindezelwe ukungalungi nokungalaleli kwenu. Isimo senu esidala singene sajula. Ukube benibekwe esihlalweni sobukhosi, beningeke nikwazi ukuphakama kwamazulu nokujula komhlaba, ingasaphathwa eyokuthi naniphokophelephi. Anazi nokuthi navela kuphi, ngakho ningamazi kanjani uMdali? Ngaphandle kwesijeziso esenziwe ngesikhathi nesiqalekiso sanamuhla, izinsuku zenu zokugcina ngabe kade zafika. Lokho akusho lutho ngomphumela wenu—akukho yini lokho ngisho engozini enkulu? Ngaphandle kwalesi sijeziso esifika ngesikhathi nesahlulelo, ubani owaziyo ukuthi ngabe inkani yenu isingakanani, ubani owazi ukuthi ngabe senilusizi kangakanani. Lesi sijeziso nesahlulelo sinilethe namuhla, futhi silondoloze ukuba khona kwenu. Ukube “benisafundiswa” ngezindlela ezifana “nezoyihlo,” ubani owaziyo ukuthi beniyongena kuliphi izwe! Alikho ikhono eninalo lokuzilawula futhi nizibheke. Kwanele ngabantu abafana nani, ukumane balandele, balalele, futhi bangagxambukeli noma baphazamise ukuze izinhloso Zami zifezeke. Akufanele yini nenze kangcono ekwamukeleni isijeziso nesahlulelo kwanamuhla? Yikuphi okunye eningakhetha kukho?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

373. Kuzo zonke izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu, kunendlela abantu okufanele babambisane ngayo. UNkulunkulu ucwenga abantu ukuze babe nethemba phakathi nokucwengwa. UNkulunkulu uphelelisa abantu ukuze babe nethemba lokupheleliswa uNkulunkulu futhi bazimisele ukwamukela ukucwenga Kwakhe kanye nokuhlanzwa uNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu usebenza kubantu ukuze ubalethele ukukhanya nokuqonda, nokubenza babambisane Naye benze akushoyo. UNkulunkulu akakhulumi phakathi nokucwengwa. Izwi Lakhe alizwakali, kodwa kusenomsebenzi abantu okufanele bawenze. Kufanele nibambelele kulokho eseninakho, kusafanele nikwazi ukuthandaza kuNkulunkulu, nisondelane noNkulunkulu, nibe ofakazi phambi kukaNkulunkulu; niyowufeza ngale ndlela umsebenzi wenu. Nonke kufanele nibone ngokusobala emsebenzini kaNkulunkulu ukuthi izivivinyo nothando Lwakhe ngokwethembeka kwabantu kudinga ukuthi abantu bathandaze kaningi kuNkulunkulu, bawanambithe kaningana amazwi kaNkulunkulu phambi Kwakhe. Uma uNkulunkulu enikhanyisela futhi enenza niqonde intando Yakhe kodwa ningayenzi nhlobo, ngeke nithole lutho. Lapho wenza amazwi kaNkulunkulu, kusafanele ukwazi ukuthandaza Kuye, lapho unambitha amazwi Akhe kufanele uhlale ufuna phambi Kwakhe, umethembe ngokugcwele ngaphandle kokuphelelwa yinhliziyo nokudangala. Labo abangawenzi amazwi kaNkulunkulu banamandla amaningi emihlanganweni, kodwa bawela ebumnyameni lapho bebuyela ekhaya. Kunabanye abangafuni ngisho nokuhlangana ndawonye. Ngakho kumele nibone ngokucacile ukuthi imuphi umsebenzi abantu okufanele bawufeze. Ningase ningazi ngempela ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, kodwa ningawenza umsebenzi wenu, ningathandaza lapho kufanele, ningenza iqiniso lapho kufanele, nenze lokho okufanele abantu bakwenze. Ningawuqinisa umbono wenu wasekuqaleni. Niyokwazi ngale ndlela ukwamukela kangcono isinyathelo esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu. Kuyinkinga ukungafuni lapho uNkulunkulu esebenza ngendlela efihlakele. Lapho ekhuluma futhi eshumayela emihlanganweni, nilalela ngenkuthalo, kodwa lapho engakhulumi niphelelwa amandla niqhele. Hlobo luni lomuntu olwenza lokhu? Umuntu olandela iningi. Abanandlela ababheka ngayo izinto, abanabufakazi, futhi abanambono! Abantu abaningi banjalo. Uma niqhubeka ngaleyo ndlela, ngolunye usuku lapho nehlelwa ukuvivinywa olukhulu, niyokwehlela esijezisweni. Ukuba nombono kubaluleke kakhulu ekupheleliseni kukaNkulunkulu abantu. Uma singekho isigaba somsebenzi kaNkulunkulu osingabazayo, ufeza umsebenzi womuntu, ukubamba ngobuqotho lokho uNkulunkulu athi kwenze, okusho ukuthi uyakukhumbula ukunxusa kukaNkulunkulu, futhi awukukhohlwa ukunxusa Kwakhe futhi noma wenzani manje ungakukhohlwa ukunxusa kwakhe, ungawungabazi umsebenzi Wakhe, uqhubeka nombono wakho, qinisa ubufakazi, futhi ulokhu unqoba kuzo zonke izinyathelo, ekugcineni uNkulunkulu uyokuphelelisa ube umnqobi. Uma ukwazi ukuma uqine kuzo zonke izinyathelo zezivivinyo zikaNkulunkulu, usengama uqine kuze kube sekugcineni, uwumnqobi, ungumuntu opheleliswe uNkulunkulu. Uma ungeke uqine ezivivinyweni obhekene nazo manje, ngokuzayo kuzoba nzima nakakhulu. Uma udlula ekuhluphekeni okungatheni ungalilweli iqiniso, ngeke uthole lutho ekugcineni. Uyobe ungenalutho. Kunabanye abantu abayeka izinto abazifunayo lapho bebona ukuthi uNkulunkulu akakhulumi, nokuthi inhliziyo yabo iyahlakazeka. Akusona yini isiwula lesi? Lolu hlobo lwabantu alunampilo yangempela. Lapho uNkulunkulu ekhuluma, bahlale bezulazula, bematasa futhi bezikhandla ngaphandle, kodwa manje ngoba akasakhulumi, sebeyekile ukufuna. Lolu hlobo lomuntu alunalo ikusasa. Phakathi kokucwengwa, kufanele ningene ninombono omuhle nifunde izifundo okufanele nizifunde; lapho nithandaza kuNkulunkulu futhi nifunde izwi Lakhe, kufanele niqhathanise isimo senu nalo, nibone amaphutha enu, nibone ukuthi ninezifundo eziningi okufanele nizifunde. Njengoba niqhubeka nifuna phakathi nokucwengwa, maningi amathuba okuthi nithole ukuthi kukhona okushodayo. Lapho nicwengwa ziningi izinto enihlangana nazo; anikwazi ukuzibona ngokucacile, niyakhononda, nembula inyama yenu—ningathola ngale ndlela kuphela ukuthi ninezimo ezikhohlakele eziningi kakhulu phakathi kini.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Ungayeki Ukuzinikela KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

374. Ngesikhathi bevivinywa, kujwayelekile ukuthi abantu babe buthaka, noma babe nombono ongemuhle ngaphakathi kubo, noma bangacacelwa yintando kaNkulunkulu noma indlela okufanele benze ngayo. Kodwa kunoma ikuphi, kumele ube nokholo emsebenzini kaNkulunkulu, ungamphiki uNkulunkulu, njengoJobe. Nakuba uJobe wayebuthaka futhi waqalekisa usuku azalwa ngalo, akaphikanga ukuthi zonke izinto ekuphileni kwabantu zazinikezwe uJehova, nokuthi uJehova Nguye ozisusa zonke. Akubanga nandaba ukuthi wavivinywa kanjani, wayelokhu enalokhu kukholwa. Kulokho odlula kukho empilweni, akunandaba ukuthi udlula kukuphi ukucwengwa ngamazwi kaNkulunkulu, lokhu uNkulunkulu akudinga esintwini, ngamafuphi, ukholo nokumthanda kwaso. Lokho akuphelelisayo ngokusebenza ngale ndlela ukholo, uthando nezifiso zabantu. UNkulunkulu wenza umsebenzi wokuphelelisa kubantu, futhi abakwazi ukuwubona, abakwazi ukuwuthinta; ezimweni ezinjalo, ukholo lwakho luyadingeka. Ukholo lwabantu ludingeka lapho into ingenakubonakala khona ngeso lenyama, futhi ukholo lwakho ludingeka lapho ungakwazi ukuhlukana nemibono yakho. Lapho ungakucaceli umsebenzi kaNkulunkulu, okudingekayo ukholo lwakho nokuthi ume uqine futhi ufakaze. Lapho uJobe efinyelela kuleli qophelo, uNkulunkulu wabonakala kuye wakhuluma naye. Okusho ukuthi, ungakwazi ukubona uNkulunkulu ngokholo lwakho kuphela, futhi lapho unokholo uNkulunkulu uyokuphelelisa. Ngaphandle kokholo, ngeke akwenze lokhu. UNkulunkulu uyokunika noma yini onethemba lokuyizuza. Uma ungenalo ukholo, ngeke upheleliswe uNkulunkulu futhi ngeke ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu, ingasaphathwa eyokubona amandla Akhe. Lapho ukholwa ukuthi uzozibona izenzo Zakhe ezintweni odlula kuzo ngokoqobo, uNkulunkulu uyobonakala kuwe, futhi uyokukhanyisela abuye akuqondise ngokusuka ngaphakathi. Ngaphandle kwalolo kholo, uNkulunkulu ngeke akwazi ukukwenza lokho. Uma uphelelwe ithemba kuNkulunkulu, uyowazi kanjani umsebenzi Wakhe? Ngakho, kulapho unokholo kuphela futhi ungamngabazi uNkulunkulu, kulapho unokholo lwangempela Kuye kungakhathaleki ukuthi wenzani lapho eyokukhanyisela futhi akukhanyise khona ngalokho ohlangene nakho empilweni, futhi yilapho oyokwazi khona ukubona izenzo Zakhe. Zonke lezi zinto zitholakala ngokholo. Ukholo lutholakala ngokucwengwa kuphela, futhi ngeke lukhule uma kungekho ukucwengwa. Lisho ukuthini igama elithi “ukholo”? Ukholo yinkolelo yangempela nenhliziyo eqotho okufanele bonke abantu babe nayo lapho bengakwazi khona ukubona noma ukuthinta into ethile, lapho umsebenzi kaNkulunkulu ungahambisani nemibono yabantu, lapho abantu bengafinyeleli kuwo. Yilolu ukholo engikhuluma ngalo. Abantu bayaludinga ukholo ngezikhathi ezinzima nezokucwengwa, futhi ukholo luyinto elandelwa ukucwengwa. Ukucwengwa nokholo akuhlukaniseki. Ngisho ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani noma ngabe wena usendaweni enjani, uyakwazi ukufuna ukuphila futhi ufune iqiniso, ufune umsebenzi kaNkulunkulu futhi uqonde izenzo Zakhe, futhi ukwazi ukwenza ngokuvumelana neqiniso. Ukwenza kanjalo yikho okusho ukuba nokholo lwangempela, futhi ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi awululahlile ukholo kuNkulunkulu. Ungakwazi ukuba nokholo lwangempela kuNkulunkulu uma ukwazi ukuphokophela ekufuneni iqiniso ngokucwengwa, uma ukwazi ukumthanda ngempela uNkulunkulu futhi ungafikelwa ukumngabaza, uma ngisho enzani, usalenza iqiniso ukuze umenelise, futhi uma ukwazi ukuyifuna ngokujulile intando Yakhe futhi ucabangele intando Yakhe. Phambilini, lapho uNkulunkulu ethi uyobusa njengenkosi, wamthanda, lapho ezembula obala kuwe, wamfuna. Kodwa manje uNkulunkulu ufihlekile, awukwazi ukumbona, futhi wehlelwa izinkinga—manje-ke usulahlekelwa ithemba kuNkulunkulu? Ngakho, ngazo zonke izikhathi kumele ulwele ukuphila futhi ufune ukufeza intando kaNkulunkulu. Lokhu kubizwa ngokuthi ukholo oluqotho, futhi kuwuhlobo lothando oluyiqiniso noluhle kunalo lonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

375. Inhloso ephambili yomsebenzi wokucwenga ukuphelelisa ukholo lwabantu. Ekugcineni, okwenzekayo ukuthi ufuna ukuhamba kodwa, ngaso leso sikhathi, awukwazi; abanye abantu basakwazi ukuba nokholo noma sebephelelwe nangelincanyana ithemba; futhi abantu abasenalo ithemba ngekusasa labo. Kungalesi sikhathi kuphela lapho ukucwenga kukaNkulunkulu kuyophela khona. Umuntu akakafiki esigabeni sokugxamalaza phakathi kokuphila nokufa, futhi akakakunambithi ukufa, ngakho ukucwengwa akukapheli. Ngisho nalabo ababesezinyathelweni zabenzi bomsebenzi babengacwengiwe ngokuphelele, kodwa uJobe wayecwengiwe, engenalutho ayengathembela kulo. Abantu kumele badlule ekucwengweni kuze kufike eqophelweni lapho bengasenathemba futhi bengasenakho abangathembela kukho—yilokhu kuphela okuwukucwengwa kwangempela. Ngesikhathi sabenzi bomsebenzi, uma inhliziyo yakho yayihlala ithule phambi kukaNkulunkulu, futhi uma, kungakhathaleki ukuthi Yena wenzani futhi kungenandaba ukuthi intando Yakhe yayiyini, wawuhlala ulalela amalungiselelo Akhe, khona-ke, ekugcineni, wawuyiqonda yonke into uNkulunkulu ayeyenza. Wedlula ezivivinyweni zikaJobe, futhi khona lapho wedlula ezivivinyweni zikaPetru. Lapho uJobe evivinywa, waba ufakazi, kwathi ekugcineni, uJehova wembulwa kuye. Kungemva kokuba efakazile kuphela lapho afanela khona ukubona ubuso bukaNkulunkulu. Kungani kuthiwa: “Ngizifihla ezweni lenzondo kodwa ngizembula embusweni ongcwele”? Lokho kusho ukuthi ungaba nelungelo lokubona ubuso bukaNkulunkulu kuphela lapho ungcwele noma ufakaza. Uma ungeke ufakaze Ngaye, awunalo ilungelo lokubona ubuso Bakhe. Uma uqhela noma ukhononda ngoNkulunkulu lapho ucwengwa, ngalokho uhluleka ukufakaza Ngaye futhi uba yinhlekisa kuSathane, ngeke ukuzuze ukubonakala kukaNkulunkulu. Uma ufana noJobe, owaqalekisa inyama yakhe phakathi kokuvivinywa futhi wangakhononda ngoNkulunkulu, waphinde wakwazi ukuzonda inyama yakhe ngaphandle kokukhononda noma ukona ngamazwi akhe, lokho kuzobe kuwukufakaza. Lapho udlula ekucwengweni ngokwezinga elithile futhi usengafana noJobe, ulalele ngokuphelele phambi kukaNkulunkulu ngaphandle kokufuna ezinye izinto Kuye ngaphandle kwemibono yakho, uNkulunkulu uyobonakala kuwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

376. Iziwombe zakho eziningi zokwehluleka, zokuba buthaka, nezikhathi zokuba nemibono engemihle, kungashiwo ukuthi konke kuyizivivinyo zikaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi yonke into ivela kuNkulunkulu, yonke into kanye nezigameko kusezandleni Zakhe. Kungakhathaleki ukuthi uyehluleka noma ubuthaka noma uyakhubeka, konke kukuNkulunkulu futhi kusezandleni Zakhe. Ngasohlangothini lukaNkulunkulu, lokhu ukuvivinywa kwakho, futhi uma ungakuboni lokho, kuzophenduka isilingo. Kunezinhlobo ezimbili zezimo abantu okufanele baziqaphele: Esinye sivela kuMoya oNgcwele, kanti esinye kungenzeka ukuthi sivela kuSathane. Isimo esisodwa esokuthi uMoya oNgcwele uyakukhanyisela futhi uyakuvumela ukuba uzazi, uzenyanye futhi uzisole uphinde ukwazi nokumthanda ngempela uNkulunkulu, ugxilise inhliziyo yakho ekumaneliseni. Esinye isimo esokuthi uyazazi, kodwa unombono ongemuhle futhi ubuthaka. Kungashiwo ukuthi lesi simo siwukucwenga kukaNkulunkulu futhi siyisilingo sikaSathane. Uma uqaphela ukuthi lena yinsindiso kaNkulunkulu kuwe futhi uma uzwa ukuthi manje umkweleta kakhulu, futhi, uma kusukela manje, uzama ukumbuyisela ungabe usawela kulokho konakala, uma ugxilisa imizamo yakho ekuphuzeni nasekudleni amazwi Akhe, futhi uma uhlale uzibheka njengontulayo, futhi unenhliziyo elangazelayo, khona-ke lokhu wukuvivinya kukaNkulunkulu. Ngemva kokuphela kokuhlupheka futhi nawe usuphinde uya phambili, uNkulunkulu usazokuhola, akukhanyise, akukhanyisele, futhi akondle. Kodwa uma ungakuqapheli futhi unombono ongemuhle, umane uzinikela ekuphelelweni yithemba, uma ucabanga ngale ndlela, uyobe sewehlelwe yisilingo sikaSathane. Lapho uJobe edlula ezivivinyweni, uNkulunkulu noSathane babebhejelana, uNkulunkulu wayesevumela uSathane ukuba ahluphe uJobe. Nakuba kwakunguNkulunkulu owayevivinya uJobe, empeleni nguSathane owehlela kuye. NgokukaSathane, wayelinga uJobe, kodwa uJobe wayesohlangothini lukaNkulunkulu. Ukube kwakungenjalo, uJobe wayengawela esilingweni. Lapho nje abantu bewela esilingweni, bawela engozini. Ukucwengwa kungachazwa kuthiwe kuwukuvivinywa okuvela kuNkulunkulu, kodwa uma ungekho esimweni esihle kungathiwa kuyisilingo esivela kuSathane. Uma ungakucaceli umbono, uSathane uyokumangalela futhi akusithe engxenyeni yokubona. Kungakabiphi, uyowela esilingweni.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

377. Phakathi kwezilingo, ngisho noma ungazi ukuthi uNkulunkulu ufuna ukwenzani noma ufuna ukufeza muphi umsebenzi, kufanele wazi ukuthi izinhloso zikaNkulunkulu ngesintu zihlale zizinhle. Uma umfuna ngenhliziyo eneqiniso, akasoze akushiye, futhi ekugcineni nakanjani uyokuphelelisa alethe abantu esiphethweni esifanele. Akunandaba ukuthi okwamanje uNkulunkulu ubavivinya kanjani abantu, kuyoba nosuku lapho ayonika ngalo abantu umphumela ofanele nesijeziso esifanele ngokwalokho abakwenzile. UNkulunkulu ngeke abaholele eqophelweni elithile abantu bese ebalahla engabanaki. Lokhu kungenxa yokuthi unguNkulunkulu othembekile. Kulesi sigaba, uMoya oNgcwele wenza umsebenzi wokucwenga. Ucwenga wonke umuntu. Ezinyathelweni zomsebenzi wokuvivinywa ngokufa nokuvivinywa ngokusolwa, ukucwengwa ngaleso sikhathi kwakuwukucwengwa ngamazwi. Ukuze abantu bazi umsebenzi kaNkulunkulu, kumele baqale baqonde umsebenzi awenza manje nendlela abantu okufanele babambisane ngayo. Lena into wonke umuntu okufanele ayiqonde. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu wenzani, noma ukucwengwa noma ukuthi akakhulumi, sonke isinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu asihambisani nemibono yabantu. Zonke ziyehlukana futhi ziyayihlakaza imibono yabantu. Lona umsebenzi Wakhe. Kodwa kumele ukholwe ukuthi, ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufike esigabeni esithile, ngeke abulale sonke isintu noma kungenzekani. Unika isintu izithembiso nezibusiso, futhi bonke abamfunayo bayokwazi ukuzuza izibusiso Zakhe, lapho abangamfuni uNkulunkulu eyobalahla. Lokhu kuncike kwenikufunayo. Kumele nikholwe nakanjani ukuthi lapho umsebenzi kaNkulunkulu uphothulwa, wonke umuntu uyoba nesiphetho esihle. UNkulunkulu unikeze abantu izifiso ezinhle, kodwa uma bengazilweli, abakwazi ukuzithola. Kufanele nikwazi ukubona lokhu manje—ukucwenga nokusola kukaNkulunkulu abantu kuwumsebenzi Wakhe, kodwa abantu kumele bafune ukusguquka kwesimo zikhathi zonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Ungayeki Ukuzinikela KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

378. Umuntu uzopheleliswa ngeNkathi Yombuso. Emuva komsebenzi wokunqoba, umuntu uyobhekana nokucwengwa kanye nokuhlupheka. Labo abanganqoba nabangaba ofakazi ngesikhathi sokuhlupheka yibo abagcina sebepheleliswa; baba ngabanqobi. Ngesikhathi senhlupheko, abantu kudingeka ukuthi bamukele ukucwengwa, futhi lokhu kucwengwa kungumsebenzi wokugcina kaNkulunkulu. Kungokokugcina lapho umuntu eyocwengwa ngaphambi kokuphethwa komsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, futhi bonke labo abalandela uNkulunkulu kumele bamukele ukuvivinywa kokugcina, kumele bamukele ukucwengwa kokugcina. Labo abehlelwe ukuhlupheka abanawo umsebenzi kaMoya oNgcwele kanye nokuholwa uNkulunkulu, kodwa labo abanqotshwe ngempela futhi abafuna uNkulunkulu ngokweqiniso bayogcina bemile bengapheli amandla; yibo abanobuntu, nabathanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Noma angenzani uNkulunkulu, labo abanqobayo ngeke bephucwe imibono, futhi bazomela iqiniso balenze ngaphandle kokwahluleka ebufakazini babo. Bayilabo abazophuma ngokuphelele enhluphekweni enkulu. Yize labo abadoba emanzini anyakaziswayo besengathola abangakusebenzele namuhla, akekho umuntu ongakwazi ukubalekela ukuhlupheka kokugcina, futhi akekho ongabalekela ukuvivinywa kokugcina. Kulabo abanqobayo, lokho kuhlupheka kuwukucwengwa okukhulu; kodwa kulabo abadoba emanzini anyakaziswayo, kuwumsebenzi wokunqunywa ophelele. Noma bangalingwa kanjani, ukukhanya kwalabo abanoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo kuhlala kungaguqukile; kodwa labo abangenaye uNkulunkulu enhliziyweni yabo, uma umsebenzi kaNkulunkulu ungenalusizo enyameni yabo, baguqula indlela ababheka uNkulunkulu ngayo, futhi baze basuke kuNkulunkulu. Banjalo abangeke bame kuze kube sekupheleni, abafuna izibusiso zikaNkulunkulu kuphela futhi abangalangazeleli ukuzikhandlela uNkulunkulu futhi nokuzinikela Kuye. Laba bantu ababi bayoxoshwa bonke uma umsebenzi kaNkulunkulu sewufika ekugcineni, futhi abafanelwe ukudatshukelwa. Labo abangenabo ubuntu bayehluleka ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Uma isimo siphephile futhi sivikelekile, noma uma bengathola inzuzo, bamlalela ngokuphelele uNkulunkulu, kodwa lapho lokho abakulangazelelayo kuba sengcupheni noma kugcina sekuchithiwe, bajika ngas0 leso sikhathi. Ngisho esikhathini sobusuku obubodwa, bangase baphenduke besuka ekubeni abantu abamoyizelayo, “abenenhliziyo enhle” babe ngabantu ababi nababulali abesabekayo, baphendukele okubasizile izolo kube yisitha sabo esikhulu, ngaphandle kwesizathu. Uma la madimoni engakhishwa, la madimoni angabulala ngaphandle kokungabaza, ngeke abe yingozi efihlakele? Umsebenzi wokusindisa umuntu awufezwa kulandela ukuqedwa komsebenzi wokunqoba. Yize umsebenzi usufike ekugcineni, umsebenzi wokuhlanza umuntu awukafiki lapho; lolo hlobo lomsebenzi luyoqedelwa uma esehlanzwe ngokugcwele, uma labo abazithoba ngokuphelele kuNkulunkulu sebephelelisiwe, futhi uma labo abazenzisayo abangenaye uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo sebesusiwe. Labo abangamanelisi uNkulunkulu esigabeni sokugcina somsebenzi Wakhe bayokhishwa ngokugcwele, futhi labo abakhishwayo bangabakadeveli. Njengoba behluleka ukwanelisa uNkulunkulu, bayahlubuka kuNkulunkulu, futhi yize laba bantu belandela uNkulunkulu namuhla, lokhu akufakazeli ukuthi bayilabo abayogcina bemile. Emazwini athi “labo abalandela uNkulunkulu kuze kube sekugcineni bayothola insindiso,” incazelo “yokulandela” iwukuma uqine phakathi kwezinhlupheko. Namuhla, abantu abaningi bakholwa ukuthi ukulandela uNkulunkulu kulula, kodwa lapho umsebenzi kaNkulunkulu sewuzophela, uzoyazi incazelo yangempela “yokulandela.” Ngoba nje usakwazi ukulandela uNkulunkulu namuhla emuva kokunqotshwa, lokhu akufakazeli ukuthi ungomunye walabo abazopheliswa. Labo abangakwazi ukubekezelela izilingo, abangakwazi ukunqoba phakathi kwezinhlupho, ekugcineni, ngeke bakwazi ukuma, futhi ngeke bakwazi ukulandela uNkulunkulu kuze kube sekugcineni. Labo abalandela uNkulunkulu ngokweqiniso bakwazi ukubekezela lapho umsebenzi wabo uvivinywa, kanti labo abangamlandeli ngokweqiniso uNkulunkulu abakwazi ukumela ukuvivinywa uNkulunkulu. Bayoxoshwa kungekudala, kanti abanqobi bayohlala embusweni. Ukuthi ngabe umuntu ufuna uNkulunkulu ngokweqiniso kunqunywa ukuvivinywa komsebenzi wakhe, okuwukuthi, kwenzeka ngokuvivinywa uNkulunkulu, futhi akuhlangene nhlobo nezinqumo umuntu azithathela zona. UNkulunkulu akamchithi noma kanjani nje umuntu; konke akwenzayo kwenza umuntu akholwe ngokweqiniso. Akenzi lutho olungabonakali kumuntu, noma umsebenzi ongeke umenze umuntu akholwe. Ukuthi ukukholwa komuntu kuyiqiniso noma cha kufakazelwa ngamaqiniso, kungenqunywe umuntu. Ukuthi “ukolweni ungenziwe ukhula, futhi ukhula lungenziwe ukolweni” akungatshazwa. Bonke labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu bazohlala embusweni, futhi uNkulunkulu akazukuphatha muntu kabi uma emthanda ngempela uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

379. Ngesikhathi uPetru esolwa uNkulunkulu, wathandaza, “O Nkulunkulu! Inyama yami ayilaleli futhi ungisolile wangahlulela. Ngiyajabula ngokusolwa nokwahlulelwa Nguwe, ngisho noma ungangidingi, ubungcwele bakho kanye nezindlela zakho zokulunga ngiyakubona ekwahluleleni Kwakho. Lapho ungahlulela ukuze abanye babone izindlela Zakho zokulunga ekwahluleleni Kwakho, ngiyeneliseka. Uma kukwazi ukuveza isimo Sakho futhi kwenze isimo Sakho sokulunga sibonwe yizo zonke izidalwa, futhi uma kungenza ukuthi ukukuthanda kwami kube msulwa ngokwengeziwe ukuze ngithole ukufana nalowo olungileyo, ukwahlulela Kwakho kuhle-ke, ngoba injalo intando yakho enhle. Ngiyazi ukuthi kuningi ukuhlubuka okungaphakathi kimi nokuthi angikufanele ukuba ngize phambi Kwakho. Ngifisa ungahlulele kakhulu kunakuqala, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima noma ezinsizini; akunandaba ukuthi wenzani, kimina lokho kuhle kakhulu. Uthando Lwakho luyamangalisa futhi ngizimisele ngokuba semseni Wakho ngingakhonondi nakancane.” Yilokhu uPetru ayesekwazi ngemva kokuba esezibonele ngawakhe umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kuwubufakazi bokuthi uyamthanda uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

380. Umuntu uphilela inyama, okusho ukuthi uphila esihogweni futhi ngaphandle kokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu umuntu wenyanyeka njengoSathane. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe ngcwele? UPetru wayekholelwa ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kwakuyisivikelo kanye nomusa okukhulu kakhulu kumuntu. Ukusola nokwahlulela sikaNkulunkulu kuphela okungenza umuntu aphaphame, azonde inyama kanye noSathane. Isandla sikaNkulunkulu esiqinile sikhulula umuntu ekuthonyweni nguSathane, simkhulula ezweni lakhe elincane, simphilise ekukhanyeni kokuba khona kukaNkulunkulu. Akukho ukusindiswa okungcono kunokusola nokwahlulela! UPetru wathandaza, “O Nkulunkulu! Uma nje ungisola futhi ungahlulela, ngiyokwazi ukuthi awuzange ungishiye. Ngisho noma kuthiwa awunginiki injabulo noma ukuthula, ungenze ngiphile ngezinsizi futhi ngithole ukusolwa okuningi, uma nje ungangishiyanga inhliziyo yami iyokhululeka. Namuhla, Ukusola nokwahlulela Sakho kuphenduke esivikelo sami esihle kakhulu nesibusiso sami esikhulu kunazo zonke. Umusa ongipha wona uyangivikela. Umusa owubeka phezu kwami namuhla ungibonisa isimo Sakho sokulunga futhi uwukwahlulela nokusola Kwakho; ngaphezu kwalokho uwuvivinyo futhi ngaphezu kwalokho ungukuphila kokuhlupheka.” UPetru wakwazi ukubeka eceleni injabulo yenyama wafuna uthando olujulile nesivikelo esikhulu ngoba wayethole umusa omkhulu ekwahlulelweni nasekusoleni kukaNkulunkulu. Ekuphileni kwakhe, uma umuntu efuna ukuhlanzwa futhi enze umehluko esimweni sakhe, uma efisa ukuphila impilo enenjongo afeze indima yakhe njengesidalwa kuyomele amukele Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu futhi angasivumeli isiyalo sikaNkulunkulu nokushaywa nguNkulunkulu ukuba kusuke kuye, ukuze akhululeke ekukhohlisweni nasekuthonyweni nguSathane aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Yazi kahle ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kungukukhanya, kuwukukhanya kwensindiso yomuntu nokuthi asikho isibusiso esingcono, umusa noma isivikelo somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

381. Umuntu uphila ngaphansi kwethonya likaSathane futhi uphila enyameni; uma engahlanziwe futhi engasitholi isivikelo sikaNkulunkulu, uyoba mubi nakakhulu. Uma efisa ukuthanda uNkulunkulu, kuyomele ahlanzwe futhi asindiswe. UPetru wathandaza, “Nkulunkulu, lapho ungiphatha ngobumnene ngijabula kakhulu, ngiduduzeke; futhi lapho ungisola ngizizwa ngiduduzeka futhi ngijabula nakakhulu. Nakuba ngibuthakathaka ngibekezelela ukuhlupheka ebengingakwazi, nakuba kunezinyembezi nomunyu, uyazi ukuthi lo munyu ubangelwa ukungalaleli kwami nangenxa yobuthakathaka bami. Ngiyakhala ngoba angikwazi ukwanelisa izifiso Zakho, ngizwa usizi futhi ngiyazisola ngoba angikufanele ukuma phambi Kwakho kodwa ngizimisele ukuthola lo mbuso, ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ami ukuze ngikujabulise. Ukusola Kwakho singilethele isivikelo futhi singinike insindiso enkulu kakhulu; ukwahlulela Kwakho sivimba ukubekezela nesineke Sakho. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho bengingeke ngithole isihawu nomusa Wakho othandekayo. Namuhla, ngikubona kahle ukuthi uthando uthando Lwakho ludlula ngale kwamazulu futhi ludlula yonke into. Uthando Lwakho alusona nje isihe nomusa wothando; ngisho nangaphezu kwalokho, luwukusolwa nokwahlulelwa. Ukusola nokwahlulela Kwakho kungizuzise kakhulu. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho, akekho noyedwa obengahlanzwa, akekho noyedwa obengaluzwa uthando lukaMdali. Nakuba ngibekezelele amakhulu ezivivinyo nezinsizi futhi sengike ngasondela egodini, zenze ukuthi ngikwazi ngempela futhi ngizuze insindiso ephakeme. Ukube ngishiywe ukusola, ukwahlulela kanye nesiyalo Sakho, bengiyophila ebumnyameni, ngaphansi kokubuswa uSathane. Yiziphi izinzuzo inyama yomuntu enazo? Ukube bengizoshiywa ukusola nokwahlulela Kwakho, bekuyoba sengathi uMoya Wakho ungishiyile, kufane nokuthi awusekho nami. Uma bekunjalo, bengizoqhubeka kanjani ngiphila? Uma ungifumba ukugula, uthathe inkululeko yami, ngingaqhubeka ngiphila, kodwa uma ngishiywa ukusola kanye nokwahlulela Kwakho, ngeke ngibe nayo indlela yokuphila. Uma bengiphila ngaphandle kokwahlulela nokusola Kwakho, bengiyolahlekelwa uthando Lwakho, uthando olujule kakhulu kimi engingeke ngiluchaze ngamazwi. Ngaphandle kothando Lwakho, ngabe ngiphila ngaphansi kokubuswa uSathane, futhi ngingahluleka ukubona ubuso Bakho obukhazimulayo. Ngingaqhubeka kanjani ngiphile? Angeke ngikubekezelele ukuphila nobumnyama obunjalo. Ukuba Nawe kufana nokuthi ngiyakubona, ngakho ngingakushiya kanjani? Ngiyakuncenga ukuba ungalokothi uthathe ukunethezeka kwami okukhulu ngisho noma kungamazwi ambalwa angiqinisekisayo. Ngijabulile ngothando Lwakho futhi namuhla angikwazi ukuqhelelana Kungenzeka kanjani ukuthi ngingakuthandi? Kunezinyembezi eziningi zosizi ezehle ngenxa yothando Lwakho, nokho bengihlezi ngicabanga ukuthi ukuphila kanjena kunenjongo nakakhulu, kuyangicebisa, kungishintshe futhi kungenze ngikwazi ukubamba iqiniso okufanele libanjwe yizidalwa.”

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

382. Uma ungumuntu ofuna ukupheleliswa, kumele unikeze ubufakazi, uzobe usuthi: “Kulezi zinyathelo ngezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, ngiwamukele umsebenzi wokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu futhi nakuba ngibekezelele ukuhlupheka okunzima, sengiye ngayazi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu, ngiwutholile umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngizuze ulwazi ngokulunga kukaNkulunkulu futhi ukusola Kwakhe kungisindisile. Isimo Sakhe sokulunga sehlele kimi, sangilethela izibusiso kanye nomusa; ukwahlulela nokusola Kwakhe okungivikele futhi kwangingcwelisa. Ukube angisolwanga futhi ngahlulelwa uNkulunkulu, ukube akaze angithethise ngabe angizange ngimazi uNkulunkulu futhi ngabe angisindiswanga. Namuhla ngiyabona njengesidalwa, akukhona ukuthi umuntu ujabulela konke okwenziwe uMdali, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi zonke izidalwa kufanele zijabulele isimo sokulunga sikaNkulunkulu, futhi zijabulele izahlulelo Zakhe zokulunga, ngoba umuntu kufanele asijabulele isimo sikaNkulunkulu. Njengesidalwa esonakaliswe nguSathane, umuntu kufanele ajabule ngesimo sokulunga sikaNkulunkulu. Esimweni Sakhe sokulunga kunokusola nokwahlulela futhi ngaphezu kwalokho kunothando olukhulu. Nakuba ngingakwazi ukuthola uthando lukaNkulunkulu ngokugcwele namuhla, ngibe nenhlanhla yokulubona, futhi ngibusisiwe ngakho.” Lena yindlela labo abaphelelisiwe abahamba kuyo, nolwazi abakhuluma ngalo. Abantu abanjalo bafana noPetru; bayizwile indlela uPetru aphila ngayo. Abantu abanjalo kuseyilabo abazuze ukuphila, abaneqiniso. Uma bezwa lokho kuphila kuze kube sekugcineni, phakathi nokwahlulela kukaNkulunkulu, ngokuqinisekile baziphunyula ethonyeni likaSathane futhi bazuzwe nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

383. Emuva kokuhamba kweminyaka, umuntu useshayekile, usedlule ebunzimeni bokucwengwa nokujeziswa. Nakuba umuntu eselahlekelwe “inkazimulo” kanye “nobumnandi” bezikhathi ezedlule, ngaphandle kokwazi, usefike ekuqondeni izimiso zokuziphatha komuntu, futhi usekwazi ukwazisa iminyaka yokuzinikela kukaNkulunkulu ukuthi asindise isintu. Umuntu uyaqala ukuzonda ukungaphucuki kwakhe. Uqala ukuzonda indlela anobudlova ngayo, nokungezwani kwakhe noNkulunkulu, nezicelo eziphoqayo ezingenangqondo azenzile Kuye. Isikhathi asinakuhlehliswa; izehlo ezedlule ziba izinkumbulo ezinokuzisola zomuntu, kanti amazwi nothando lukaNkulunkulu luba ngamandla amqhubela phambili umuntu empilweni yakhe entsha. Amanxeba omuntu ayaphola usuku nosuku, amandla akhe ayabuya, futhi asukume abheke ebusweni bukaSomandla … akutholayo nje ukuthi ubelokhu eseduze naye, nokuthi ukumamatheka Kwakhe kanye nobuso Bakhe obuhle buyamthinta kakhulu. Inhliziyo Yakhe isenokukhathazeka ngesintu asidala, futhi izandla Zakhe zisafudumele futhi zinamandla njengoba zazinjalo ekuqaleni. Kungathi-kumuntu ubuyele eNsimini Yase-Edeni, kepha manje umuntu akasalaleli ukuyenga kwenyoka, akasabususi ubuso bakhe kuJehova. Umuntu uyaguqa phambi kukaNkulunkulu, abheke phezulu ebusweni obumamathekayo bukaNkulunkulu, futhi anikele ngomhlatshelo wakhe oyigugu kunayo yonke—O! Nkosi Yami, Nkulunkulu Wami!

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: C. Ngendlela Yokuzazi Nokuzuza Ukuphenduka Okuyiqiniso

Okulandelayo: E. Ngendlela Yokuba Umuntu Owethembekele

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp