Gospel Movie "Gqashula Amaketango" (Umbukiso) | Zulu Subtitles

January 04, 2018

UFu Jinhua wayeyilungu elidala lebandla eliqhutshwa endlini eChina. Njengamanye amaKristu amaningi, wazinikela ngokuzimisela okukhulu wazinikela eNkosini, futhi wayisebenzela ngokuzikhandla. Wayezethemba, futhi wayecabanga ukuthi ungumuntu oyithanda ngempela iNkosi. Emuva kokulandela iNkosi iminyaka eminingi, wayekholwa ngenhliziyo yakhe yonke ukuthi iBhayibheli laligqugquzelwe uNkulunkulu, futhi wonke amazwi eBhayibheli kwakungamazwi kaNkulunkulu. Ngakho, emqondweni wakhe, wayelinganisa ukukholelwa eNkosini nokukholelwa eBhayibhelini. Wayecabanga ukuthi labo ababesuka eBhayibhelini babengebizwe ngabalandeli beNkosi. Wayekholelwa nasekutheni kwakudingeka alandele iBhayibheli ukuze ahlwithelwe embusweni wasezulwini uma iNkosi seyehla namafu. Ngakho kwathi uma iqoqo labantu beqala ukufakaza ngomsebenzi wezinsuku zokugcina kaNkulunkulu uSmandla, uFu Jinhau wakholelwa kwinkolelo ze yabafundisi benkolo kanye nabantu abadala kwezokholo, futhi wangafuna ukwenza olunye uphenyo ngezinye izinto. Ngelinye ilanga, uFu Jinhau wavakashela uDadewethu uHe, oyilungu lebandla. UDadewethu uHe wakhuluma ngokudideka kwakhe: "Iziphrofetho ezimayelana nokubuya kweNkosi sezigcwalisekile zonke, futhi iNkosi kumele ngabe seyibuyile vele. Pho kungani singakubonanga ukwehla kweNkosi emafwini kuze kube yimanje?" Uzakwabo uFang Jianjie naye wathi: Izinyanga ezine zegazi sezibonakele, okusho ukuthi izibhicongo ezinkulu sezisosehlela. Ngokweziphrofetho zasezincwadini zabaphrofethi kanye neNcwadi yeSambulo, iBandla lasePhiladelphia lizohlwithwa ngaphambi kwezibhicongo ezinkulu, futhi uNkulunkulu uzogcwalisa izinceku nezincekukazi Zakhe ngoMoya Wakhe ukuze kugcwaliswe iqoqo labanqobi ngaphambi kwezibhicongo. Uma singahlwithwanga ngaphambi kwesibhicongo, kunamathuba amaningi okuthi sibhubhe kulezi zibhicongo. Kodwa manje, "Ukukhanya KwaseMpumalanga" kufakaze ngokuthi iNkosi uJesu seyibuyile, Waveza iqiniso, futhi Waphelelisa iqoqo labanqobi. Ingabe lokhu kuyazigcwalisa iziphrofetho eziseBhayibhelini? Ingabe Ukukhanya KwaseMpumalanga kungukubonakaliswa kweNkosi nomsebenzi Wayo? Emuva kokulalela ozakwabo, uFu Jinhawu wacabanga ngokujulile futhi waqala ukuhlola lezi zindaba kabusha …

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp