Christian Song "Ngilubonile Uthando LukaNkulunkulu" | Music Video (Zulu Subtitles)

December 27, 2017

I

Ngizwa izwi elijwayelekile lilokhu lingibiza.

Ngaphaphama ukuze ngibone, ukuthi ubani lo okhulumayo.

Izwi laKhe lipholile kodwa linohlonze, isithombe saKhe sihle!

Uyahlushwa futhi ubekezelela ubuhlungu obukhulu, egonwa yisandla saKhe esinothando.

Ngase ngiqaphela ukuthi uMninimandla onke engilwa naye.

Ngazizonda, ngazisola kakhulu, ngicabanga ngalokho engikwenzile.

Ngonakele kakhulu, ngingenamusa, manje sengiyalibona iqiniso.

Ngesiqalo esisha, ngiphishekela ukuphila okusha, ngenza umsebenzi wami.

Ngokwesimo, ukuncintisana noNkulunkulu, angilutho.

UNkulunkulu usenguNkulunkulu, abantu bangabantu nje—anginalwazi.

Ngiyisilima kakhulu futhi ngiqhosha kakhulu ukuba ngizazi ngokweqiniso.

Ngangingenamahloni futhi ngihlazekile; inhliziyo yami igcwele ukuzisola.

Ngiyazizonda, angazi ukuthi ngiphile kanjani.

UDeveli ungibambe iminyaka eminingi, ngibe ngodelelekile.

Ngonakaliswe omubi, Ubuntu abusekho.

Uma ngingashintshi futhi ngizalwe kabusha, anginakho ukuphila kweqiniso.

II

Isimo sokonakala siyangikhathaza, inkonzo yami iseyize.

Ngingenalwazi ngoNkunkulu, ngigcwele imibono; kungani nginganqabi?

UNkulunkulu uyangahlulela, ngokuvukela kwami, ukungalungi.

Ngilubonile uthando lweqiniso lwesijeziso nokwahlulela.

UNkulunkulu ulungile, ngiqiniseka ngokugcwele. Ngibhekene ubuso nobuso naYe.

Insindiso kaNkulunkulu esebenzayo ingisiza ukuba ngihambe kuze kube la.

Ukuba khona kukaNkulunkulu namandla aKhe amakhulu, kwembulwe ngokuphelele kubantu.

Ukuphila ekukhanyeni, ngiyamazi uNkulunkulu futhi ngilubonile uthando lwaKhe.

Ngizimisele ukwenza umsebenzi, ngizojabulisa futhi ngithande uNkulunkulu.

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp