Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Izigaba Ezintathu Zomsebenzi | Okucashuniwe 35

September 20, 2020

UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulu ukuzokhuluma amazwi Akhe; okhuluma ngakho yizwi likaNkulunkulu, okubonayo yizwi likaNkulunkulu, okuzwayo yizwi likaNkulunkulu, okuthobelayo yizwi likaNkulunkulu, okwaziyo yizwi likaNkulunkulu, kanti lokhu kuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akakhombisi izimpawu nezimangaliso, ikakhulukazi akawenzi umsebenzi owenziwa nguJesu ngesikhathi esedlule. Yize bengoNkulunkulu, futhi bobabili beyinyama, izinkonzo Zabo azifani. Ngesikhathi uJesu efika, wenza nengxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, wakhuluma amanye amazwi—kodwa msebenzi muni omkhulu awufeza na? Akufeza kakhulu kwakungumsebenzi wokubethelwa. Waba umfanekiso wenyama enesono ukuze aqedele umsebenzi wokubethelwa ahlenge bonke abantu, futhi kwakungenxa yezono zaso sonke isintu ukuba abe ngumhlatshelo wesono. Lona yiwo umsebenzi omkhulu awufeza. Ekugcineni, wahlinzeka indlela yesiphambano ukuqondisa labo abalandela. Ngesikhathi uJesu efika, ikakhulu kwakuwukuqeda umsebenzi wokuhlenga. Wahlenga bonke abantu, waletha nevangeli lombuso wezulu kubantu, futhi, phezu kwalokho, waletha indlela eya embusweni wezulu. Ngenxa yalokho, labo abafika ngemva kwakho konke bathi, “Kumele sihambe indlela yesiphambano, sizidele ngenxa yesiphambano.” Yebo, ekuqaleni uJesu wenza omunye umsebenzi wakhuluma namanye amazwi ukuze abantu baphenduke bavume izono zabo. Kodwa inkonzo Yakhe kwakungukubethelwa, kanti le minyaka emithathu nesigamu ayichitha eshumayela indlela kwakuwukucwengelela ukubethelwa okwenzeka muva. Izikhathi eziningi uJesu athandaza ngazo nazo kwakungenxa yokubethelwa. Impilo yomuntu ojwayelekile ayeyiphila neminyaka engamashumi amathathu nantathu nesigamu ayiphila emhlabeni kakhulu kwakungenxa yokuqedela umsebenzi wokubethelwa, kwakungokokumnika amandla okwenza lo msebenzi, ngenxa yalokho uNkulunkulu wamethemba ngomsebenzi wokubethelwa. Namuhla, yimuphi umsebenzi ozokwenziwa uNkulunkulu esenyameni? Namuhla, uNkulunkulu usebe yinyama ukuze aqedele umsebenzi “weZwi elivela lisenyameni,” ukusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu, nokwenza umuntu amukele ukusebenza kwezwi kanye nokucwengwa kwezwi. Emazwini Akhe unenza nikwazi ukuhlinzekwa nizuze nokuphila; emazwini Akhe, nibona imisebenzi nezenzo Zakhe. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukunisola nokunicwenga, ngakho-ke uma nibhekene nobunzima, kungenxa yezwi likaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu akawasebenzisi amaqiniso, kodwa amazwi. Kungemva kokuba izwi Lakhe lifikile kuwe lapho uMoya oNgcwele ungasebenza kuwe ukwenze uzwe ubuhlungu noma ubumnandi. Yizwi likaNkulunkulu kuphela elingakuletha eqinisweni, futhi yizwi likaNkulunkulu kuphela elikwazi ukukwenza upheleliswe. Ngakho-ke, okungenani kumele uqonde lokhu: Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu ngezinsuku zokugcina ikakhulu ngukusebenzisa izwi Lakhe ukuphelelisa wonke umuntu nokuqondisa umuntu. Wonke umsebenzi awenzayo uwenza ngezwi; akasebenzisi amaqiniso ukukusola. Kunezikhathi lapho abantu belwisana noNkulunkulu. UNkulunkulu akakubangeli ukungakhululeki okukhulu, inyama yakho ayisolwa futhi awubhekani nobunzima—kodwa masinyane uma izwi Lakhe lifika kuwe, likucwenge, awukwazi ukumelana nakho. Ingabe akunjalo? Ngesikhathi sabenzi bomsebenzi, uNkulunkulu wayethi uphonsa abantu emgodini ongenamkhawulo. Ingabe abantu bafika ngempela emgodini ongenamkhawulo? Ngokusebenzisa nje izwi ukucwenga abantu, abantu bangena emgodini ongenamkhawulo. Ngalokho-ke, ngezinsuku zokugcina, uma uNkulunkulu eba yinyama wasebenzisa izwi kakhulu ukukwenza konke nokukwenza kucace. Kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi uyini Yena; kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngesikhathi uNkulunkulu osesimweni somuntu eza emhlabeni, akenzi omunye umsebenzi ngaphandle kokukhuluma amazwi—ngakho-ke asikho isidingo samaqiniso; amazwi anele. Lokhu kungenxa yokuthi uzele ikakhulu ukuzokwenza lo msebenzi, ukuvumela abantu babone amandla Akhe nobukhulu bamazwi Akhe, ukuvumela abantu babone emazwini Akhe ukuthi uzifihla kanjani ngokuthobeka, nokuvumela abantu bazi ukuphelela Kwakhe emazwini Akhe. Konke lokhu anakho nayikho kusemazwini Akhe, ubuhlakani nokumangalisa Kwakhe kusemazwini Akhe. Kulokhu wenziwa ukuthi ukwazi ukubona izindlela eziningi uNkulunkulu akhuluma ngazo amazwi Akhe. Umsebenzi omningi kaNkulunkulu sonke lesi sikhathi bekungukunikeza ukwambula nokusebenza kumuntu. Akamqalekisi kancane umuntu, noma ngabe uyakwenza, ukwenza ngezwi. Ngalokho-ke, kule nkathi uNkulunkulu eba yinyama, ungazami ukubona uNkulunkulu ephilisa futhi ekhipha amadimoni futhi, ungazami ukuhlala ubona izimpawu—asikho isidingo! Lezo zimpawu ngeke zimphelelise umuntu! Ukukhuluma ngokusobala nje: Namuhla, uNkulunkulu wenyama wangempela uqobo Lwakhe uyakhuluma kuphela, akenzi. Leli yiqiniso! Usebenzisa amazwi ukuze akuphelelise, asebenzise amazwi ukukondla nokukuphuzisa. Uphinde asebenzise amazwi ukusebenza, futhi usebenzisa amazwi endaweni yamaqiniso ukwenza wena wazi iqiniso. Uma ukwazi ukubona lolu hlobo lomsebenzi kaNkulunkulu, kusho ukuthi kunzima ukungenzi lutho. Endaweni yokugxila ezintweni ezimbi, kumele ugxile kokuhle—okungukuthi, noma ngabe amazwi kaNkulunkulu agcwalisekile noma cha, noma akhona amaqiniso noma awekho, uNkulunkulu wenza abantu bazuze ukuphila emazwini Akhe, kanti lolu yilona phawu olukhulu kunazo zonke, futhi phezu kwalokho, kuyiqiniso elingephikwe. Lobu ubufakazi obukhulu ongaba nolwazi ngoNkulunkulu ngabo, futhi kuwuphawu olukhulu kunezinye izimpawu. Yila mazwi kuphela angaphelelisa umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp