Yini Oyaziyo Ngokukholwa?

Kumuntu kukhona izwi lokukholwa elingenasiqiniseko, nokho umuntu akazi ukuthi yini eyakha ukukholwa, ingasaphathwa eyokuthi kungani enokholo. Umuntu uqonda okuyingcosana futhi umuntu ngokwakhe akanalwazi; umane abe nokukholwa Kimi ngokungacabangi nangokungabi nalwazi. Nakuba engazi ukuthi kuyini ukukholwa nokuthi kungani ekholelwa Kimi, uyaqhubeka nokukwenza ngokuthatheka. Engikucelayo kumuntu akusikhona nje ukuthi angibize ngale ndlela yokuthatheka noma akholwe Kimi ngendlela engenanjongo. Ngoba umsebenzi engiwenzayo owokuthi umuntu angibone futhi afinyelele ekungazini, hhayi ukuthi umuntu ngimhlabe umxhwele nje futhi angibheke ngamanye amehlo ngenxa yomsebenzi Wami. Ngiye ngazibonakalisa ngaphambilini ngezibonakaliso kanye nezimangaliso eziningi futhi ngenza izimangaliso eziningi. Abakwa-Israyeli ngesinye isikhathi bangincoma kakhulu futhi bahlonipha kakhulu ikhono Lami elahlukile lokuphilisa abagulayo nokuxosha amadimoni. Ngaleso sikhathi, amaJuda ayecabanga ukuthi amandla Ami okuphilisa angubuciko futhi angaphezu kokujwayelekile. Ngenxa yezenzo Zami eziningi zalolo hlobo, bonke bangiphatha ngenhlonipho; bawathakasela kakhulu amandla Ami wonke. Ngakho, noma ngubani owangibona ngenza izimangaliso wangilandela eduze, ngale ndlela yokuthi izinkulungwane zazingizungeza ukuze bangibukele ngiphilisa abagulayo. Ngabonakalisa izibonakaliso eziningi kanye nezimangaliso, kepha umuntu wamane wangithathisa okwenyanga enekhono; ngaphinde ngakhuluma amazwi amaningi okufundisa kulabo bantu ngaleso sikhathi, kepha Mina bangithathisa okothisha omkhulu kunabafundi bakhe! Kuze kube namuhla, emva kokuba abantu sebebone okubhaliwe ngomlando womsebenzi Wami, ukuhumusha kwabo kuyaqhubeka nokuthi ngiyinyanga enkulu ephilisa abagulayo nothisha kwabangenalo ulwazi. Futhi baye bazinqumela bona ukuthi ngiyiNkosi uJesu Kristu enomusa. Labo abahumusha umbhalo kungenzeka ukuba baye balichaza ngokweqile ikhono Lami lokuphulukisa, noma mhlawumbe kube abafundi manje asebedlula uthisha wabo, nokho abantu abanjenga laba bodumo olukhulu, amagama abo aziwa umhlaba wonke, bangithathela phansi kakhulu okwenyanga! Izenzo Zami ziningi kunezihlabathi zolwandle, futhi ukuhlakanipha Kwami kukhulu kunokwawo wonke amadodana kaSolomoni, nokho abantu bacabanga Ngami ngokungeya njengenyanga engatheni kanye nothisha wabantu ongaziwa. Baningi kakhulu abakholwa Kimi kuphela ukuze ngibaphilise. Baningi kakhulu abakholwa Kimi kuphela ukuze ngisebenzise amandla Ami ukuba ngixoshe imimoya engcolile emizimbeni yabo, futhi baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze nje bamukele ukuthula kanye nenjabulo Kimi. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze kuphela bafune Kimi ingcebo eningi kakhudlwana. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bachithe lokhu kuphila ngendlela enokuthula futhi ukuze balondeke futhi baphile kahle ezweni elizayo. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bagweme ukuhlupheka esihogweni futhi bamukele izibusiso ezivela ezulwini. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bathole ukunethezeka kwesikhashana, kodwa abafuni ukuzuza lutho ezweni elizayo. Ngesikhathi ngiletha intukuthelo phezu komuntu futhi nginqamula yonke injabulo kanye nokuthula ake waba nakho kwasekuqaleni, umuntu wabe eseba nokungabaza. Ngesikhathi nginika umuntu ukuhlupheka kwase sihogweni futhi ngimphuca izibusiso zase zulwini, ihlazo lomuntu laphenduka intukuthelo. Ngesikhathi umuntu ecela ukuba ngimphulukise, angimnakanga; umuntu wasuka kimi ukuze kunalokho afune indlela yemithi emibi nokuthakatha. Ngesikhathi ngithatha konke lokhu umuntu ayekade ekufune Kimi, bonke banyamalala bahamba bashona. Ngalokho, Mina ngithi umuntu unokukholwa Kimi ngoba ngenzelana umusa omkhulu, futhi kuningi kakhulu okuyinzuzo. AmaJuda ayekholwa Kimi ngenxa yomusa Wami, futhi angilandela noma kuphi lapho ngiya khona. Laba bantu abazikhukhumezayo futhi abanolwazi oluncane kanye nokuhlangenwe nakho okulinganiselwe, babefuna kuphela izibonakaliso nezimangaliso engangizenza Mina. Bangibona njengenhloko yendlu yamaJuda engangiyenzela izimangaliso ezinkulu. Ngakho-ke, ngesikhathi ngixosha amadimoni kubantu, bakhuluma bodwa benokudideka okukhulu, bathi ngingu-Eliya, nginguMose, ngingomunye wabaprofethi bakudala kakhulu basemandulo, Ngiyinyanga enkulu kunazo zonke. Ngaphandle kokuthi ngizisholo Mina ukuthi ngingukuphila, indlela, kanye neqiniso, akekho owabe azi ngobukhona Bami noma ubunjalo Bami. Ngaphandle kokuthi Mina ngisho ukuthi izulu indawo lapho uBaba Wami ehlala khona, akekho obazi ukuthi Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu, futhi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngaphandle kokuthi ngisho Mina uqobo ukuthi ngiyoletha ukuhlengwa kubantu bonke futhi ngibe isihlengo sesintu, akekho owabe azi ukuthi nginguMhlengi wesintu; abantu babengazi kuphela njengendoda enomusa futhi enesihawu. Futhi ngaphandle kokuthi ngikwazi ukuchaza konke Ngami, akekho owakwazi ukungibona, futhi akekho owakholwa ukuthi Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu ophilayo. Umuntu unalolu hlobo lokukholwa Kimi, futhi uyakhohlisa ngale ndlela. Umuntu angafakaza kanjani Ngami uma engibona ngale ndlela?

Umuntu uyakholwa Kimi kodwa akakwazi ukufakaza Ngami, futhi ngaphambi kokuba ngizenze ngaziwe, umuntu akakwazi ukufakaza Ngami. Umuntu ubona kuphela ukuthi Mina ngidlula izidalwa kanye nawo wonke amadoda angcwele, futhi ubona nokuthi umsebenzi engiwenzayo ngeke abantu bakwazi ukuwenza. Ngakho-ke, kusukela kumaJuda kuya kubantu abakhona manje, noma ubani owabona imisebenzi Yami yenkazimulo ugcwele ilukuluku Ngami, kepha awukho namunye umlomo wokudaliwe ongafakaza Ngami. UBaba kuphela ofakaza Ngami; Yena wangenzela indlela phezu kwazo zonke izidalwa. Ngaphandle kwalokho, noma ngabe ngasebenza kanjani, umuntu wayengeke azi ukuthi ngiyiNkosi yendalo, ngokuba umuntu wazi ukuthatha kuphela, akanakho ukukholwa Kimi ngenxa yomsebenzi Wami. Umuntu uyangazi Mina ngenxa yokuthi ngimsulwa futhi anginanto engihlanganisa nesono, ngoba ngingachaza izimfihlakalo eziningi, ngoba ngingaphezu koquqaba, noma kungenxa yokuthi umuntu uzuze lukhulu Kimi. Nokho bayingcosana abakholwa ukuthi Mina ngiyiNkosi yendalo. Yingakho ngithi umuntu akazi ukuthi kungani ekholwa Kimi; akayazi injongo noma ukubaluleka kokukholwa Kimi. Iqiniso lomuntu liyashoda, ngale ndlela yokuthi cishe akakulungele ukufakaza Ngami. Unokukholwa kweqiniso okuncane kakhulu futhi uzuze okuncane kakhulu, yingakho enobufakazi obuncane kakhulu. Nangaphezu kwalokho, uqonda okuyingcosana kakhulu kanti untula okuningi, ngale ndlela yokuthi ucishe angakulungeli ukufakaza ngemisebenzi Yami. Uzimisele kakhulu impela, kodwa unaso isiqiniseko sokuthi uzokwazi ukufakaza ngempumelelo ngobukhona bukaNkulunkulu? Lokhu osudlule kukho kanye nokubonile kungaphezu kwalokho kwabangcwele kanye nabaprofethi bakudala, kodwa uyakwazi ukufakaza ngaphezu kwabangcwele kanye nokwabaprofethi bakudala? Lokhu engikupha khona manje kudlula okukaMose futhi kukhulu kunokukaDavide, ngokunjalo ngicela ukuba ubufakazi bakho budlule lobo bukaMose nokuthi amazwi akho abe ngaphezu kwamazwi kaDavide. Ngikunika okuphindwe ngokwekhulu, ngokunjalo ngicela ukuba ungikhokhele ngokufanayo. Kumele wazi ukuthi Yimi onika ukuphila kubantu, kepha nguwe owemukela ukuphila Kimi futhi kumele ufakaze Ngami. Lokhu kungumsebenzi wakho, engiwuthumela kuwe futhi okumele ungenzele wona. Ngikuphe yonke inkazimulo Yami, ngaphinda ngakupha ukuphila okungatholwanga abantu abakhethiwe, ama-Israyeli. Ngangegunya enginalo, kumele ungifakazele, futhi unikele ubusha bakho Kimi uphinde udele ukuphila kwakho. Kunoma ubani engibeka inkazimulo Yami kuye uyofakaza Ngami futhi anikele ukuphila kwakhe ngenxa Yami. Lokhu kwakumisiwe kwakudala. Kuyinhlanhla yakho enhle ukuthi ngabeka inkazimulo Yami phezu kwakho, kanti umsebenzi wakho ukufakazela udumo Lwami. Uma ukholwa Kimi ukuze uthole ingcebo kuphela, umsebenzi Wami ngeke ube namthelela, futhi uyobe ungafezi umsebenzi wakho. Ama-Israyeli abona kuphela umusa, uthando, kanye nobukhulu Bami, kanti amaJuda abona kuphela ukubekezela Kwami kanye nesihlengo. Babona umsebenzi woMoya Wami omncane kakhulu, ngendlela yokuthi baqonda okukodwa kuphela kokuyizinkulungwane eziyishumi kwalokho enikuzwile nenikubonile. Lokhu okubonile kudlula ngisho lokho okwabapristi abakhulu phakathi kwabo. Ngalolusuku, iqiniso oye waliqonda lidlula elabo; lokhu okubonile namuhla kudlula lokho okwabonwa kweNkathi Yomthetho, ngokunjalo nangeNkathi Yomusa, futhi nalokho odlule kukho kudlula nokukaMose kanye no-Eliya. Ngokuba lokho okwaqondwa ama-Israyeli kwakungumthetho kaJehova kuphela kanti nalokho abakubona kwakungumhlane kaJehova; lokho okwaqondwa amaJuda kwakungukuhlenga kukaJesu kuphela, lokho abakwamukelayo kwakungumusa abawuphiwa nguJesu kuphela, futhi nalokho abakubona kwakungumfanekiso kaJesu kuphela phakathi kwendlu yamaJuda. Lokhu okubonayo namuhla inkazimulo kaJehova, isihlengo sikaJesu kanye nayo yonke imisebenzi Yami yalolusuku. Uwezwile futhi amazwi oMoya Wami, wabonga nokuhlakanipha Kwami, wafinyelela nasekwazini izimangalizo Zami, futhi wafunda ngesimo Sami. Ngikutshelile futhi ngohlelo Lwami lonke lokwenza izinto. Lokhu okubonile akusiyena nje uNkulunkulu unothando nomusa, kodwa yilowo ogcwele ukulunga. Uyibonile imisebenzi Yami emangalisayo futhi wazi nokuthi Mina ngigcwele intukuthelo enolaka kanye nobukhosi. Okunye futhi, ubukwazi ukuthi ngake ngehlisela ulaka Lwami phezu kwendlu ka-Israyeli, futhi namuhla, lufikile kuwe. Uye waqonda kakhulu ngezimfihlakalo Zami ezisezulwini ngaphezu kuka-Isaya ngokunjalo noJohane; wazi kakhulu ngokuthandeka nokuhlonipheka Kwami okudlula bonke abangcwele bezizukulwane ezingaphambilini. Lokhu okwamukelile akusilona nje iqiniso Lami, indlela Yami, ukuphila Kwami, kodwa umbono kanye nesambulo esingaphezu kwesikaJohane. Uye waqonda izimfihlakalo eziningi futhi wabona nobuso Bami beqiniso; uye namukela ukwahlulela Kwami okuningi futhi wazi kakhulu ngesimo Sami esilungileyo. Ngakho, noma nizalwe ngezinsuku zokugcina, ukuqonda kwenu yilokho kwakudala kanye nokudlulile; niphinde nazi futhi okosuku lwanamuhla, kanti okunje kwenziwe isandla Sami. Lokhu engikucela kini akunzima, ngokuba ngininike okuningi kakhulu futhi kuningi enikubone Kimi. Ngakho-ke, ngicela ukuba ningifakazele njengoba abangcwele asebedlule benzile, futhi lokhu yikhona kuphela okuyisifiso senhliziyo Yami.

Bekulokhu kunguBaba Wami ofakaza Ngami, kodwa ngifuna ukuthola udumo olukhulu futhi namazwi okufakaza avele emilonyeni yendalo. Ngakho nginikela konke oKwami kini, ukuze nifeze umsebenzi wenu futhi niphethe umsebenzi Wami phakathi kwabantu. Kumele uqonde ukuthi kungani unokukholwa Kimi. Uma umane ungilandela nje njengosafunda umsebenzi Kimi noma isiguli Sami, noma ukuze ube ngomunye wabangcwele Bami ezulwini, khona-ke ukungilandela kwenu kuyoba yize. Ukungilandela ngale ndlela kuwukuchitha imizamo; ukuba nalolu hlobo lokukholwa Kimi kuwukuchitha izinsuku zakho futhi ukusaphaza ubusha bakho. Bese kuthi ekugcineni, ungatholi lutho. Kungabe lokhu akusikhona yini ukusebenzela ize? Kudala ngasuka phakathi kwamaJuda futhi Mina angisesiyo inyanga yomuntu noma umuthi wokwelapha womuntu. Angisesona isilwane esithwalayo esiqhutshwayo noma sihlinzwe ngomathanda; kunalokho Mina ngize phakathi kwabantu ukuze ngahlulele futhi ngisole umuntu, kanye nokuthi umuntu angazi. Kumele wazi ukuthi ngake ngenza umsebenzi wokuhlenga; Mina ngake ngaba uJesu, kodwa ngangingeke ngibe uJesu kuze kube phakade, njengalokhu ngake ngaba uJehova kodwa emuva kwalokho ngaba uJesu. Mina nginguNkulunkulu wesintu, iNkosi yendalo, kodwa angikwazi ukuhlala nginguJesu kuze kube phakade noma ngibe uJehova kuze kube phakade. Mina bengiyilokhu umuntu akubona njengenyanga, kodwa ngeke kushiwo ukuthi uNkulunkulu umane uyinyanga yesintu. Ngakho uma unemibono yakudala okholweni lwakho Kimi, akukho ozokuzuza. Nanoma ngabe ungidumisa kanjani namuhla: “UNkulunkulu umthanda kangakanani umuntu; uyangiphilisa futhi anginike izibusiso, ukuthula, kanye nenjabulo. UNkulunkulu muhle kangakanani kumuntu; uma sinokukholwa Kuye, akumele sikhathazeke ngemali nangengcebo…,” Namanje anginaku kwazi ukuphazamisa umsebenzi Wami wasekuqaleni. Uma ukholwa Kimi namuhla, uyokwamukela inkazimulo Yami yodwa futhi bese ulungela ukuba ufakazi Wami, konke okunye kuyolandela. Lokhu kumele ukwazi ngokucacileyo.

Manje usuyazi ngeqiniso ukuthi kungani ukholwa Kimi? Ingabe uyayazi injongo nokubalukeka komsebenzi Wami? Ingabe uyawazi ngempela umsebenzi wakho? Ingabe uyabazi ubufakazi Bami? Uma umane ukholwa nje Kimi, kodwa inkazimulo Yami kanye nobufakazi Bami bungabonakali kuwe, kade ngakulahlela kude. Kulabo abazi konke, bangameva nakakhulu esweni Lami, kanti endlini Yami, bangamatshe esikhubekiso. Bawukhula okumele lusiphulwe emsebenzini Wami, abanamsebenzi nomncane futhi abasho lutho; kade nganengeka ngabo. Kulabo abangenabo ubufakazi, intukuthelo Yami iphezu kwabo njalo, kanti futhi nentonga Yami ayiduki kubo. Kade ngabanikela ezandleni zomubi, futhi abanazo nhlobo izibusiso Zami. Ngalolo suku, isijeziso sabo siyoba buhlungu kakhulu kunesabesifazane abayiziwula. Manje ngenza umsebenzi okumele wenziwe Yimi kuphela; mina ngiyobopha wonke ukolo ngezinyanda, ngiwuhlanganise nalolo khula. Lokhu ngumsebenzi Wami manje. Lolu khula luyohlungwa ngesikhathi sokuhlunga Kwami, bese kuthi izinhlamvu zikakolweni ziqoqelwe enqolobaneni, bese kuthi lolo khula oluhlungiwe luphoswe emlilweni ukuze lushe lube umlotha. Umsebenzi Wami manje ukubopha abantu babe izinyanda, okungukuthi, ngibanqobe ngokupheleleyo. Mina ngiyobe sengiqala ukuhlunga ukuze ngiveze isiphetho sabantu bonke. Ngakho kufanele wazi ukuthi kumele Mina ungigculise kanjani manje kanye nokuthi kufanele ungene kanjani emgqeni okholweni lakho Kimi. Engikufunayo ukwethembeka nokulalela kwakho manje, uthando kanye obufakazi bakho. Nanoma ngabe awazi okwamanje ukuthi buyini ubufakazi noma luyini uthando, kumele ulethe Kimi konke okwakho, bese unikela Kimi okuyiyona ngcebo onayo: ukwethembeka nokulalela kwakho. Kumele wazi, ubufakazi bokwehlula Kwami uSathane kuncike ekuthembekeni nasekulaleleni komuntu, njengobufakazi bokunqoba Kwami umuntu ngokupheleleyo. Umsebenzi wokukholwa kwakho Kimi ukufakaza Ngami, ukuthembeka Kimi hhayi komunye, kanye nokulalela kuze kube sekugcineni. Ngaphambi kokuba ngiqale igxathu elilandelayo lomsebenzi Wami, kungabe uzofakaza kanjani Ngami? Uzothembeka futhi ungilalele kanjani? Ingabe unikela ngakho konke ukuthembeka kwakho emsebenzini wakho noma uzovele udikibale? Ingabe uzothobela zonke izinhlelo Zami (noma ngabe ukufa noma ukubhubhiswa) noma uyobaleka phakathi nendawo ukugwema ukusolwa Kwami? Ngiyakusola ukuze ube ufakazi Wami, futhi uthembeke Kimi futhi ulalele Mina. Okunye, ukusolwa ngalesi sikhathi kuwukwambula igxathu elilandelayo lomsebenzi Wami nokuvumela ukuba umsebenzi uqhubekele phambili ngaphandle kokuphazanyiswa. Ngakho ngiyakukhuthaza ukuba uhlakaniphe futhi impilo yakho noma ukubaluleka kobukhona bakho ungakuphathi njengesihlabathi esingenamsebenzi. Kungabe uyazi kahle ukuthi umsebenzi Wami olandelayo kuyoba imuphi? Kungabe uyazi ukuthi ngiyosebenza kanjani ngezinsuku ezizayo nanokuthi uyokwembulwa kanjani umsebenzi Wami? Kumele wazi ukubaluleka kokwazi umsebenzi Wami, okunye futhi, ukubaluleka kokukholwa kwakho Kimi. Ngikwenzile okuningi kakhulu; ngingadikibala kanjani sengiphakathi nendawo njengoba ucabanga? Sengenze umsebenzi omningi; ngingawubhubhisa kanjani? Impeleni, ngize ukuzophetha lenkathi. Lokhu kuyiqiniso, kodwa nangaphezulu kumele wazi ukuthi ngizoqala inkathi entsha, ngiqale umsebenzi omusha, futhi, ngaphezu kwakho konke, ukusabalalisa ivangeli lombuso. Ngakho kumele wazi ukuthi umsebenzi manje owokuqala inkathi, nokubeka isisekelo sokusabalalisa ivangeli esikhathini esizayo bese ngiphetha inkathi esikhathini esizayo. Umsebenzi Wami awulula ngale ndlela ocabanga ngayo, futhi awusiyo into engenamsebenzi noma engasho lutho njengoba kungenzeka ukuba uyakukholwa lokho. Ngakho-ke, kusafuneka ngithi kuwe: Kumele unikele impilo yakho emsebenzini Wami, futhi nangaphezulu, kumele uzinikele enkazimulweni Yami. Okunye, ukufakaza kwakho Ngami ilokhu ebengikade Mina ngikulindile, ikakhulukazi bengikulangazelela ukuba usabalalise ivangeli Lami. Kumele uqonde ukuthi yini ekhona enhliziyweni Yami.

Okwedlule: Okushiwo Ukuba Umuntu Woqobo

Okulandelayo: Uma Amaqabunga Awile Ebuyela Ezimpandeni Zawo, Uzozisola Ngabo Bonke Ububi Obenzile

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp