D. Amazwi Ngokwembula Lokho Iqiniso Eliyikho

152. UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngamagama, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi ayizibhidi okulokhu kubanjelelwe kuwo izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni amagama angakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho? Ungakwazi yini ukuzisindisa ukuze ungene ezulwini uye kohlangana noNkulunkulu ngokwakho? Ngaphandle kokuza kukaNkulunkulu, ungaziyisa yini wena ezulwini ukuze uthokozele intokozo yomndeni noNkulunkulu? Ingabe usaphupha namanje? Ngiphakamisa ukuthi uyeke ukuphupha, ubheke ukuthi ubani osebenzayo manje, ukuthi ubani owenza umsebenzi wokusindisa abantu ngezikhathi zokugcina. Uma ungazi, ngeke uphinde ulithole iqiniso, futhi awusoze waba nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

153. Amazwi Ami aliqiniso elingasoze laguquka naphakade. Ngiyilowo onikeza ukuphila kumuntu futhi Yimi kuphela oqondisa isintu. Ukubaluleka kanye nencazelo yamazwi Ami akuncikile ekutheni, ngabe ayemukeleka noma ayemukelwa yisintu, kodwa ngobukhona bamazwi Ami uqobo. Noma ngabe akukho namunye umuntu kulomhlaba ongawemukela amazwi Ami, isisindo samazwi Ami kanye nosizo lwawo esintwini alusoze lwalinganiswa muntu. Ngakho-ke, uma Mina ngibhekene nabantu abaningi abangivukelayo, abangiphikayo, noma labo abawedelelayo amazwi Ami, isinqumo sami sithi: Makuthi isikhathi kanye namaqiniso abe ngofakazi Bami futhi akhombise ukuthi amazwi Ami aliqiniso, indlela kanye nokuphila. Makakhombise ukuthi konke engikushilo kulungile, nokuthi ayilokho umuntu okumele agcwaliswe yikho, kanye, nangaphezu kwalokho, lokho umuntu okumele akwemukele. Ngiyovumela bonke labo abangilandelayo bazi leliqiniso: Labo abangakwazi ukwemukela amazwi Ami ngokugcwele, labo abangakwazi ukwenza amazwi Ami, labo abangakwazi ukuthola inhloso emazwini Ami, kanye nalabo abangakwazi ukuthola insindiso ngenxa yamazwi Ami, yilabo abahlulelwe ngamazwi Ami, futhi, ngaphezu kwalokho, abalahlekelwe yinsindiso Yami kanti nentonga Yami ayisoze yasuka kubo.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

154. UNkulunkulu Uqobo ungukuphila, neqiniso, futhi ukuphila Kwakhe neqiniso kuyahambisana. Labo abehluleka ukuthola iqiniso abasoze bakuthola ukuphila. Ngaphandle kokuqondiswa, ukusekelwa, kanye nokuhlinzeka ngeqiniso, uyothola amagama nje, nezimfundiso, kanti, ngaphezu kwakho konke, ukufa. Ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kukhona, futhi iqiniso Lakhe nokuphila kuyahambisana. Uma wehluleka ukuthola umthombo weqiniso, kusho ukuthi awusoze wathola ukudla kokuphila; uma wehluleka ukuthola isihlinzeko sempilo nakanjani awuzukuba neqiniso, futhi kuqhelelene kakhulu nemicabango nokuqonda, umzimba wakho uwonke awuzukuba yilutho ngaphandle kwenyama, inyama yakho enuka phu. Yazi ukuthi amagama asezincwadini awabalwa njengokuphila, izincwadi zomlando ngeke zithathwe ngokuthi ziyiqiniso, futhi izimfundiso zakudala zingesebenze njengamazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla. Ngokuvezwa uNkulunkulu kuphela uma eseza emhlabeni futhi ephila phakathi komuntu okuyiqiniso, ukuphila, intando kaNkulunkulu, kanye nendlela Yakhe yamanje yokusebenza.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

155. Iqiniso liyinto ehamba phambili ekuphileni futhi liwukuphila okusezingeni eliphakeme kubo bonke abantu emhlabeni. Ngenxa yokuthi liyimfuneko uNkulunkulu ayenzele abantu futhi liwumsebenzi uNkulunkulu azenzele wona, ngakho libizwa ngokuthi imfihlo yokuphila. Akuyona imfihlo efinyezwe entweni ethile, noma amazwi adumile avela kothile ophezulu; kunalokho ingamazwi avela eNkosini yasemazulwini nasemhlabeni futhi yazo zonke izinto, engewona amazwi afinyezwe umuntu, kunalokho awukuphila okuyifa kukaNkulunkulu. Ngakho abizwa ngokuthi imfihlo yokuphila ephakeme kunazo zonke.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

156. Iqiniso livela emhlabeni wabantu, kodwa iqiniso kubantu ledluliselwa uKristu. Lisuka kuKristu, okusho ukuthi kuNkulunkulu uqobo, futhi lokhu akuyona into engenziwa umuntu. Kodwa uKristu uletha iqiniso kuphela; akazele ukuzonquma ukuthi umuntu uyophumelela yini ekufuneni kwakhe iqiniso. Ngakho impumelelo noma ukwehluleka eqinisweni kuncike ekufuneni komuntu. Ukwehluleka noma ukuphumelela komuntu eqinisweni, akukaze kuhlanganise lutho noKristu, kodwa kunqunywa ukufuna kwakhe. Isiphetho somuntu nempumelo noma ukwehluleka kwakhe akunakubekwa ekhanda likaNkulunkulu, ukuze kuthwaliswe uNkulunkulu, ngoba lena akuyona indaba kaNkulunkulu qobo, kodwa kuhlobene ngokuqondile nomsebenzi okufanele wenziwe izidalwa zikaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

157. Iqiniso alina ndlela, noma umthetho wokulenza. Alifile—liwukuphila, liyinto ephilayo, futhi kuwumgomo ukuthi isidalwa kumele sililandele futhi umgomo abantu okumele babe nawo empilweni yabo. Lokhu yinto okumele uyiqonde kakhulu ngokwenzekile. Noma ngabe ufike kuliphi izinga ngokwesipiliyoni sakho, awuhlukaniseki nezwi likaNkulunkulu noma iqiniso, futhi nalokhu ukuqonda ngesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu okwaziyo ngalokho uNkulunkulu anakho nayikho, konke kubonakala emazwini kaNkulunkulu; kuxhumene ngendlela engenakuhlukaniswa neqiniso. Isimo sikaNkulunkulu kanye nalokho anakho nayikho, ngokwakho kuyiqiniso; iqiniso liwukubonakaliswa kwesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho. Lenza lokhu uNkulunkulu anakho nayikho kuqine futhi ukusho ngokugcizelela; likutshela ngqo ukuthi uNkulunkulu uthandani, yini angayithandi, yini Afuna ukuba uyenze futhi yini angayivumeli ukuba uyenze, ibaphi abantu abenyanyayo futhi ibaphi abantu athokoza ngabo. Emva kweqiniso uNkulunkulu alishoyo, abantu bangabona ukwenama, intukuthelo, usizi, nentokozo, kanye nengqikithi Yakhe—lokhu ukwambulwa kwesimo Sakhe. Ngaphandle nje kokwazi lokho uNkulunkulu anakho nayikho, nokuqonda isimo Sakhe ezwini Lakhe, okubaluleke kakhulu isidingo sokufinyelela kulokhu ukuqonda ngokuzwa okuphathekayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

158. Noma ngabe amazwi akhulunywe nguNkulunkulu asobala noma ajulile ngokubuka ngamehlo, wonke ayiqiniso elisemqoka kakhulu kumuntu njengoba engena ekuphileni; awumthombo wamanzi okuphila lawo amenza ukuba aphile ngokomoya nangokwenyama. Anikeza lokho umuntu akudingayo ukuze aphile; izimfundiso zeBhayibheli ezingenakuphikwa inkolelo nomgomo wokuziphatha empilweni yakhe nsuku zonke; indlela, inhloso, kanye nenkambo okufanele adlule kuyo ukuze athole insindiso; lonke lelo qiniso kumele abe nalo njengesidalwa esiphambi kukaNkulunkulu; kanye neqiniso lokuthi umuntu kumele amesabe futhi amkhonze kanjani uNkulunkulu. Ayisiqiniseko esiqinisekisa ukuphila komuntu, ayisinkwa somuntu semihla ngemihla, nokuthi abuye futhi abe yisisekelo esiqinile esenza umuntu aqine futhi azimele. Acebile ngesiqiniseko sangempela seqiniso lobuntu obejwayelekile njengalokhu ephilwa yisintu esidaliwe, acebile ngeqiniso lelo ngalo isintu sikwazi ukukhululeka ekukhohlakalisweni kanye nasekubalekeleni izingibe zikaSathane, acebile ekufundiseni ngokungakhathali, ekugqugquzeleni, ekukhuthazeni, nasekududuzeni lokho uMdali akunikeza isintu esidaliwe. Ayisibani esiqondisayo nesikhanyisela umuntu ukuze aqonde konke lokho okungokuhle, isiqinisekiso esiqinisekisa abantu ukuthi bayophila futhi bafike ekuphatheni kwakho konke okulungileyo nokuhle, umbandela okuyiwo abantu, izigameko, nezinto ezilinganisekayo, kanye futhi nokwakha inkomba-ndlela eholela umuntu imqondise ensindisweni nasendleleni yokukhanya.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi UNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni UNkulunkulu Nokudeda Kokubi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

159. Izwi likaNkulunkulu ngeke likhulunywe njengezwi lomuntu, kanjalo futhi izwi lomuntu ngeke likhulunywe njengezwi likaNkulunkulu. Umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu akayena uNkulunkulu osenyameni, kanti futhi uNkulunkulu osenyameni akayena umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu; kulokho, kukhona umehluko esiqwini. Mhlawumbe, ngemva kokufunda la mazwi, ngeke uwamukele njengamazwi kaNkulunkulu, kodwa uzowamukela kuphela njengamazwi omuntu okhanyiselwe. Uma kunjalo, ukungazi kukuvale amehlo. Amazwi kaNkulunkulu angafana kanjani namazwi omuntu okhanyiselwe? Amazwi kaNkulunkulu osenyameni aqala inkathi entsha, aqondisa bonke abantu, aveza izimfihlakalo, akhombise umuntu indlela eya enkathini entsha. Ukukhanyiseleka okutholwe ngumuntu kumane kungumsebenzi noma ulwazi olulula. Ngeke kukwazi ukuqondisa bonke abantu kubayise enkathini entsha noma kuveze izimfihlakalo zikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ekugcineni kwakho konke, uNkulunkulu nguNkulunkulu, kanti umuntu ngumuntu. UNkulunkulu unesiqu sikaNkulunkulu, kanti umuntu unesiqu somuntu. Uma umuntu ethatha amazwi akhulunywe nguNkulunkulu njengokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, bese ethatha amazwi akhulunywe ngabaphostoli nabaphrofethi njengamazwi akhulunywe nguNkulunkulu, uma kunjalo umuntu uyaphambuka.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: C. Ngenkathi Yombuso—Inkathi Yokugcina

Okulandelayo: III. Amazwi Ngokufakaza Ngokubonakala Nomsebenzi KaNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp