IX. Amazwi Ngokwembula Umehluko Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Nomsebenzi Womuntu

310. Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo ubandakanya umsebenzi wabo bonke abantu, futhi uphinde umele umsebenzi waso sonke isikhathi somlando. Lokhu kusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu uwodwa umela ukunyakaza nomsebenzi kaMoya oNgcwele, kuyilapho umsebenzi wabaphostoli ulandela umsebenzi kaNkulunkulu futhi awusiholi isikhathi somlando, futhi awumeli izinkambiso zomsebenzi kaMoya oNgcwele kuso sonke isikhathi somlando. Benza umsebenzi okumele wenziwe ngabantu kuphela, okungabandakanyi umsebenzi wokuqondisa. Umsebenzi kaNkulunkulu uwumsebenzi oyingxenye yomsebenzi wokuqondisa. Umsebenzi womuntu nguwo kuphela umsebenzi womuntu osetshenziswayo futhi ongahlangene nhlobo nomsebenzi wokuqondisa. Ngenxa yokwahlukana kwezinhlobo kanye nokumelwa komsebenzi, yize empeleni konke kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele kunomehluko ocacile nomkhulu phakathi komsebenzi kaNkulunkulu uqobo kanye nomsebenzi womuntu. Ngaphezu kwalokho, ububanzi bomsebenzi owenziwa nguMoya oNgcwele kubantu abahlukene uyehlukahluka. Le yimiyalo kanye nomthamo womsebenzi kaMoya oNgcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

311. Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uyongenisa inkathi entsha, labo abayoqhubeka nomsebenzi Wakhe bayobe bengabantu abasetshenziswa Nguye. Wonke umsebenzi owenziwa umuntu ungaphansi kwenkonzo yomuntu kuNkulunkulu osesimweni somuntu, awukwazi ukudlula umthamo wawo. Uma uNkulunkulu osesimweni somuntu engezi azokwenza umsebenzi Wakhe, abantu ngeke bakwazi ukuqeda inkathi endala, futhi abakwazi ukungenisa inkathi entsha. Umsebenzi owenziwa umuntu umane uyilokho okungafezwa umuntu futhi awummeli uNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongeza aqede umsebenzi okufanele awenze, ngaphandle Kwakhe, akekho omunye ongenza lo msebenzi. Eqinisweni, engikhuluma ngakho kumayelana nomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

312. Izwi likaNkulunkulu ngeke likhulunywe njengezwi lomuntu, kanjalo futhi izwi lomuntu ngeke likhulunywe njengezwi likaNkulunkulu. Umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu akayena uNkulunkulu osenyameni, kanti futhi uNkulunkulu osenyameni akayena umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu; kulokho, kukhona umehluko esiqwini. Mhlawumbe, ngemva kokufunda la mazwi, ngeke uwamukele njengamazwi kaNkulunkulu, kodwa uzowamukela kuphela njengamazwi omuntu okhanyiselwe. Uma kunjalo, ukungazi kukuvale amehlo. Amazwi kaNkulunkulu angafana kanjani namazwi omuntu okhanyiselwe? Amazwi kaNkulunkulu osenyameni aqala inkathi entsha, aqondisa bonke abantu, aveza izimfihlakalo, akhombise umuntu indlela eya enkathini entsha. Ukukhanyiseleka okutholwe ngumuntu kumane kungumsebenzi noma ulwazi olulula. Ngeke kukwazi ukuqondisa bonke abantu kubayise enkathini entsha noma kuveze izimfihlakalo zikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ekugcineni kwakho konke, uNkulunkulu nguNkulunkulu, kanti umuntu ngumuntu. UNkulunkulu unesiqu sikaNkulunkulu, kanti umuntu unesiqu somuntu. Uma umuntu ethatha amazwi akhulunywe nguNkulunkulu njengokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, bese ethatha amazwi akhulunywe ngabaphostoli nabaphrofethi njengamazwi akhulunywe nguNkulunkulu, uma kunjalo umuntu uyaphambuka. Ngale kwalokho, akumele wenze okulungile kube okungalungile, noma ukhulume ngento ephakeme njengento ephansi, noma ukhulume ngento ejulile njengento engajulile; ngale kwalokho, akumele uphike ngabomu lokhu okwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Bonke abakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona kumele babheke le nkinga ngokubona kahle, futhi bamukele umsebenzi kaNkulunkulu omusha namazwi Akhe amasha ngokohlangothi lwesidalwa Sakhe; kungenjalo, bazosuswa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

313. Umsebenzi owenziwa yilowo osetshenziswa nguNkulunkulu ngowokuthi ubambisane nomsebenzi kaKrestu noma uMoya oNgcwele. Lo muntu uphakanyiswa nguNkulunkulu phakathi kwabantu, ulapho ukuze ahole bonke aBakhethwe nguNkulunkulu, futhi uphakanyiswe nguNkulunkulu ukuze enze umsebenzi wokubambisana kwabantu. Ngomuntu onjengalo, okwazi ukwenza umsebenzi wokubambisana kwabantu, okuningi okudingwa nguNkulunkulu kumuntu, nomsebenzi okufanele wenziwe nguMoya oNgcwele phakathi kwabantu kungenzeka ngaye. Enye indlela yokubeka lokhu yile: inhloso kaNkulunkulu ngokusebenzisa lo muntu ngukuba bonke labo abalandela uNkulunkulu bakwazi ukuyiqonda kangcono intando kaNkulunkulu, futhi bakwazi ukufinyelela ngokuthe xaxa emigomeni kaNkulunkulu. Ngoba abantu abakwazi ukuwaqonda ngqo amazwi noma intando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uphakamise umuntu osetshenziswa ukwenza lo msebenzi. Lo muntu osetshenziswa uNkulunkulu angachazwa njengethuluzi uNkulunkulu asebenza ngalo ukuqondisa abantu, njengomhumushi oxhumanisa uNkulunkulu nabantu. Kanjalo-ke, umuntu onje akefani namunye kulabo abasebenza emndenini kaNkulunkulu noma abangabefundisi Bakhe. Njengabo, kungathiwa ungumuntu okhonza uNkulunkulu, kodwa engqikithini yomsebenzi wakhe nasendikimbeni yokusetshenziswa kwakhe nguNkulunkulu wehluka kakhulu kwezinye izisebenzi nabefundisi. Ngokwengqikithi yomsebenzi wakhe nendikimba yokusetshenziswa kwakhe, umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu uphakanyiswa nguYena, ulungiselelwa nguNkulunkulu ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bese ebamba umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akukho muntu ongambambela umsebenzi wakhe esikhundleni sakhe—lokhu kuyimbambiswano yomuntu engegwemeke emsebenzini wobunkulunkulu. Umsebenzi owenziwa ngezinye izisebenzi noma abefundisi, wona, ungukuhambisa nje nokufeza imikhakha eminingi yezinhlelo zamabandla ngaleso naleso sikhathi, noma-ke umsebenzi olula nje wokunikeza impilo ukuze kuqhubeke ukuphila kwebandla. Lezi zisebenzi nabefundisi ababekiwe nguNkulunkulu, futhi ngeke nakancane babizwe ngokuthi bayilabo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele. Bakhethwa phakathi kwamabandla futhi, emva kokuba sebeqeqeshiwe bakhuliswa isikhathi esithile, labo abafanelekile bayagcinwa, kuthi labo abangafanelekile baphindiselwe emuva lapho baphuma khona. Ngoba laba bantu bakhethwa phakathi kwamabandla, abanye baveza ubunjalo babo emva kokuba ngabaholi, abanye baze benze izinto eziningi ezimbi bagcine sebekhishiwe. Umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu, kwenye ingxenye, yilowo olungiswe nguNkulunkulu, futhi onezinga elithile futhi onobuntu. Usevele elungiswe futhi wapheleliswa nguMoya oNgcwele, futhi uholwa ngokugcwele nguMoya oNgcwele, aphinde, ikakhulu uma kuya emsebenzini wakhe, aqondiswe futhi alawulwe nguMoya oNgcwele—okungenxa yakho kungekho kuphambuka endleleni yokuhola aBakhethwa bakaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu impela uyawumela umsebenzi Wakhe uqobo, futhi uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe ngazo zonke izikhathi.

Kucashunwe embhalweni othi “Mayelana nokusebenzisa kukaNkulunkulu umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

314. Uma, ekubeni senyameni, uNkulunkulu enza umsebenzi wobunkulunkulu ngaphandle kokuba nabanye abantu abambalwa abalandela inhliziyo kaNkulunkulu abasebenzisana Naye, umuntu ngeke aze akwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu noma akwazi ukuxhumana noNkulunkulu. UNkulunkulu kumele asebenzise abantu abajwayelekile abafuna inhliziyo Yakhe ukuze baqede lo msebenzi, ukuze banakekele futhi beluse amabandla, ukuze bafike ezingeni lapho ukucabanga komuntu, umqondo wakhe, kukwazi ukuzakhela isithombe. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu usebenzisa isibalo esincane sabantu abafuna inhliziyo Yakhe ukuze “bahumushe” umsebenzi awenzayo phakathi kobunkulunkulu Bakhe, ukuze uvuleke, okungukuthi, ukuguqulela ulimi lobunkulunkulu olimini lwabantu, ukuze abantu bonke bakwazi ukuluqonda, futhi baluzwe lonke. Ukuba uNkulunkulu akenzanga njalo, akekho owayeyoqonda ulimi lobunkulunkulu, ngoba abantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu, kukho konke, bambalwa, futhi ukwazi komuntu ukuqonda uNkulunkulu kuntekenteke. Yingakho uNkulunkulu ekhetha le ndlela kuphela lapho esebenza esenyameni. Ukuba bekunomsebenzi wobunkulunkulu kuphela, bekungeke kube nendlela umuntu abezokwazi ngayo noma axhumane noNkulunkulu ngoba umuntu akaluqondi ulimi lukaNkulunkulu. Umuntu ukwazi ukuqonda lolu limi ngokusebenzisa abantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu abacacisa amazwi Akhe. Nokho, ukuba bekunabantu abanje kuphela abasebenza phakathi kwabantu, lokho bekuzosekela impilo yomuntu ejwayelekile kuphela; bekungeke kukwazi ukuguqula isimo somuntu. Umsebenzi kaNkulunkulu bewungeke-ke ube nesiqalo esisha; bekuzoba namaculo afanayo amadala, izinkulumo ezindala ezingaqukethe lutho olusha. Kungokusebenza kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, osho konke lokho okudinga ukushiwo futhi owenza lokho okudinga ukwenziwa ngesikhathi sokuba senyameni Kwakhe, okuthi emva kwakho abantu basebenze futhi bezwe ngokwamazwi Akhe, kungale ndlela kuphela lapho kuyoguquka khona isimo sempilo yabo bese bekwazi ukuhambisana nezikhathi. Lowo osebenza ngobunkulunkulu umele uNkulunkulu, kuthi labo abasebenza ngokomuntu bangabantu abasetshenziswa uNkulunkulu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu wehlukile kubantu abasetshenziswa uNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyakwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu kodwa abantu abasetshenziswa uNkulunkulu abakwazi. Ekuqaleni kwenkathi ngayinye, uMoya kaNkulunkulu ngokwawo wethula isikhathi esisha futhi adlulisele umuntu esiqalweni esisha. Uma eseqede ukukhuluma, lokhu kuveza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini sewenziwe. Emva kwalokho, bonke abantu balandela ukuhola kwalabo abasetshenziswa uNkulunkulu ukuze bangene ezimweni zabo zokuphila. Kanjalo, lesi yisigaba futhi lapho uNkulunkulu edlulisela umuntu enkathini entsha futhi enika khona wonke umuntu isiqalo esisha. Ngalokhu, umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyaphela.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

315. Ngisho nomuntu osetshenziswa nguMoya oNgcwele akakwazi ukumela uNkulunkulu uqobo. Akukhona kuphela ukuthi lo muntu akakwazi ukumela uNkulunkulu, kodwa nomsebenzi wakhe awukwazi ukummela ngokuqondile uNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, izinto umuntu azaziyo azikwazi ukubekwa ngokuqondile phakathi kokuphatha kukaNkulunkulu futhi akukwazi ukumelela ukuphatha kukaNkulunkulu. Wonke umsebenzi uNkulunkulu uqobo awenzayo ungumsebenzi azimisele ngokuwenza ngohlelo Lwakhe lokuphatha futhi uqondiswe ekuphatheni okukhulu. Umsebenzi owenziwe ngumuntu uqukethe ukunikeza lokho umuntu ahlangane nakho empilweni. Uthola indlela entsha yokwenza izinto kulena eyahanjwa abamandulelayo futhi iholela abafowabo nodadewabo ngaphansi kokuqondisa kukaMoya oNgcwele. Into enikezwa yilaba bantu yinto abayaziyo noma imibhalo yoomoya yabantu bomoya. Nakuba besetshenziswe uMoya oNgcwele, umsebenzi walabo bantu awufiki nakufika emsebenzini omkhulu wokuphatha wohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Bamane nje baphakanyiswe nguMoya oNgcwele ngezikhathi ezehlukene ukuze bahole abantu endleleni kaMoya oNgcwele baze bafeze umsebenzi wabo noma baze bafe. Umsebenzi abawenzayo ungowokulungisa kuphela indlela efanele kaNkulunkulu uqobo noma ukuqhuba okukodwa ekuphatheni kukaNkulunkulu uqobo emhlabeni. Abantu abanjalo abakwazi ukwenza umsebenzi ophakeme ngaphansi kokuphatha Kwakhe, futhi abakwazi ukusungula izindlela ezintsha futhi kukancane ukuba baphethe wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenkathi edlule. Ngakho, umsebenzi abawenzayo umela kuphela isidalwa esenza umsebenzi waso, ngeke umele uNkulunkulu uqobo enza inkonzo Yakhe. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi abawenzayo awufani nalowo owenziwa uNkulunkulu uqobo. Umsebenzi wokungenisa inkathi entsha awukwazi ukwenziwa ngumuntu endaweni kaNkulunkulu. Awukwazi ukwenziwa yinoma ngubani ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo. Wonke umsebenzi ongenziwa ngumuntu uwukwenza umsebenzi njengomunye wezidalwa futhi wenziwa ngokuholwa noma ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Ukuqondiswa okunikezwa abantu abanjalo yindlela yokuphila kwansuku zonke nokuthi umuntu wenza kanjani ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Umsebenzi womuntu awubandakanyi nokukodwa phakathi kokuphatha kukaNkulunkulu noma ukumela umsebenzi woMoya. Ukwenza isibonelo, umsebenzi kaWitness Lee noWatchman Nee wawungowokuhola. Noma kwakuyindlela endala noma entsha umsebenzi wawenzelwa esisekelweni sokungeqi izimiso zeBhayibheli. Noma amabandla aseduze ayevuselelwa noma akhiwa, umsebenzi wabo kwakungowokuphemba amabandla. Umsebenzi ababewenza kwakungowokuqhuba umsebenzi uJesu nabafundi bakhe ababengawuqedanga noma ababengawukhulisanga eNkathini Yomusa. Ababekwenza emsebenzini wabo kwakuwukuvuselela lokho uJesu owayekucele emsebenzini Wakhe wezizukulwane zangemuva Kwakhe, njengokwemboza amakhanda abo, umbhapathizo, ukuhlephula isinkwa noma ukuphuza iwayini. Kungashiwo ukuthi umsebenzi wabo kwakuwukulandela kuphela iBhayibheli nokufuna izindlela ngaphakathi kweBhayibheli kuphela. Abazange neze benze inqubekela phambili entsha. … Ngenxa yokuthi umsebenzi womuntu osetshenziswa uMoya oNgcwele awufani nomsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ubunjalo babo nokuthi nokuthi basebenza egameni likabani, nakho kuhlukile. Lokhu kwenziwa ukuthi umsebenzi uMoya oNgcwele ohlose ukuwenza wehlukile, ngalokho unikeza iziqu nezikhundla ezingefani kubo bonke abasebenzayo. Abantu abasetshenziswa uMoya oNgcwele bangase bayenze eminye imisebenzi emisha futhi bangase basuse eminye imisebenzi eyenziwa enkathini yaphambili, kodwa umsebenzi wabo awukwazi ukuveza isimo nentando kaNkulunkulu enkathini entsha. Basebenzela kuphela ukuthatha umsebenzi wenkathi edlule, hhayi ukwenza umsebenzi wenkathi entsha ukuze basimelele ngokuqondile isimo sikaNkulunkulu uqobo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi mingaki imikhuba esiphelelwe yisikhathi abayiqedayo noma emisha abayethulayo basamelela abantu nezinto ezidaliwe. Lapho uNkulunkulu uqobo enza umsebenzi, kodwa, akamane nje esidlangalaleni amemezele ukuphela kwemikhuba yenkathi endala noma amemezele ngokuqondile isiqalo senkathi entsha. Uyaqonda acace emsebenzini Wakhe. Uyaqonda lapho enza umsebenzi awuhlosile; okungukuthi, ukuveza ngqo lokho asuke ekwenzile, uwenza ngokuqondile umsebenzi njengoba ebehlosile ekuqaleni, aveze ubuyena kanye nesimo Sakhe. Njengoba umuntu ewubona, isimo Sakhe kanye nomsebenzi awenzayo akufani nokwangenkathi edlule. Nokho, ngokukaNkulunkulu uqobo, lokhu kuwukuqhubeka nje nokuthuthukisa umsebenzi Wakhe. Lapho uNkulunkulu uqobo esebenza, uwaveza wonke amazwi Akhe futhi alethe umsebenzi omusha. Ngokungafani noNkulunkulu, lapho umuntu esebenza, kungukuzindla nokufunda noma kungukuthuthukisa ulwazi lwakhe nangokuzijwayeza indlela ehlelekile yokwenza izinto okwakhelwe phezu kwesisekelo somsebenzi wabanye. Lokhu kusho ukuthi ingqikithi yomsebenzi owenziwa ngumuntu ukuqhuba isiko “nokuhamba ezindleleni ezindala ngezicathulo ezintsha.” Lokhu kusho ukuthi ngisho indlela ehanjwe ngabantu abasetshenziswa nguMoya oNgcwele yakhiwe phezu kwaleyo eyavulwa nguNkulunkulu uqobo. Ngakho umuntu empeleni ungumuntu, noNkulunkulu unguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

316. Ngesikhathi seNkathi Yomusa, uJesu wakhuluma amazwi athile wenza isigaba esisodwa somsebenzi. Bekunengqikithi kuwo futhi ebefanele izimo zabantu ngaleso sikhathi; uJesu wakhuluma futhi wasebenza njengoba kufanele ingqikithi yangaleso sikhathi. Wabuye wakhuluma iziphrofetho ezithile. Waphrofetha ukuthi uMoya weqiniso uzofika ngezinsuku zokugcina, lapho uMoya weqiniso uzokwenza khona isigaba somsebenzi. Okusho ukuthi, ngaphandle komsebenzi Yena ngoKwakhe abefanele ukuwenza ngaleyo nkathi, ubengazi kahle nganoma yini enye; okusho ukuthi, bekunemikhawulo emsebenzini olethwe nguNkulunkulu osemzimbeni wenyama. Ngalokho, wenze nje umsebenzi waleyo nkathi, wangawenza omunye umsebenzi owawungaxhumene Naye. Ngaleso sikhathi, wayengasebenzi ngokwemizwa noma ngokwemibono, kodwa ngokuya ngesikhathi nangenqgikithi. Akekho owamhola noma wameluleka. Umsebenzi Wakhe wonke ubuyilokho ayikho, obekuwumsebenzi obufanele wenziwe uMoya kaNkulunkulu osenyameni—bekuwumsebenzi wonke ophethwe uNkulunkulu esimweni somuntu. UJesu wayesebenza kuphela ngalokho akubona nakuzwile Yena Uqobo Lwakhe. Ngamanye amazwi, uMoya wasebenza ngqo; bekungadingeki ukuba izithunywa zivele Kuye zimnikeze amaphupho, noma ukukhanya okukhulu kukhanye Kuye kumenze ukuba abone. Wasebenza ngokukhululeka nangezinye izikhathi, okwenzeke ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe wawungancikanga emizweni. Ngamanye amazwi, ngenkathi esebenza akazange adukuze futhi aqagele, kodwa wenza izinto ngokukhululeka, esebenza futhi ekhuluma ngokwemibono Yakhe nalokho akubone ngamehlo Akhe, akunikeza masinyane abafundi Bakhe ababemlandela. Lokhu umehluko phakathi komsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi wabantu: Uma abantu besebenza, bayafuna futhi badukuze, njalo belingisa futhi bezindla phezu kwesisekelo esibekwe ngabanye ukuzuza ukungena okujulile. Umsebenzi kaNkulunkulu ukuhlinzekwa ngalokho ayikho, wenza umsebenzi lowo Yena ngoKwakhe afanele ukuwenza, kanti akanikeli ebandleni esebenzisa ulwazi oluvela emsebenzi wanoma yimuphi umuntu; kunalokho, wenza umsebenzi wamanje ngokwezimo zabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (5)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

317. Umsebenzi womuntu umele lokho ake abhekana nakho nobuntu bakhe. Okuhlinzekwa ngumuntu kanye nomsebenzi owenziwa umuntu wokumela yena. Ukubona komuntu, ukucubungula komuntu, ukuhlunga komuntu kanye nengcebo yomcabango wakho kubandakanywa emsebenzini wakhe. Ikakhulukazi, lokho umuntu ake abhekana nakho kwenza akwazi ukumela umsebenzi wakhe kangcono, futhi lokho umuntu abhekane nakho kuzoba yisakhi somsebenzi wakhe. Umsebenzi womuntu ungabonakalisa lokho ake abhekana nakho. Uma abanye abantu bebhekana nesimo sokungenzi lutho, indlela eningi abahlanganyela ngayo iqukatha izinhla ezingezinhle. Uma ababhekane nakho ngesikhathi esithile kukuhle futhi ikakhulukazi uma benezindlela ezinhle, indlela abahlanganyela ngayo iba ngegqugquzelayo, futhi abantu bazokwazi ukuqhubeka nokubahlinzeka ngokuhle. Uma umsebenzi engenzi lutho ngesikhathi esithile, ukuhlanganyela kwakhe kuyohlala kuqukethe izici ezimbi. Lolu hlobo lokukhonza luyadumaza, futhi abanye bazodumazeka benganakile ngokulandela ukukhonza kwakhe. Isimo sabalandeli sishintsha ngenxa yesimo somholi. Lokho umsebenzi ayikho ngaphakathi kuba yikho akubonakalisayo, futhi umsebenzi kaMoya oNgcwele uvame ukushintsha ngokwesimo somuntu. Usebenza ngokwalokho umuntu abhekene nakho futhi awumphoqi umuntu kodwa wenza lokho okuphoqelelwa umuntu ukuthi kuhambisane nesimo salokho abhekana nakho. Lokhu kusho ukuthi ukukhonza komuntu kuyehluka kunezwi likaNkulunkulu. Lokho okukhonzwa ngumuntu kudlulisa lokho okubonwa umuntu kanye nalokho abhekana nakho, kuveza abakubonayo kanye nalokho ababhekana nakho esisekelweni somsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi wabo ukuthola, emuva kokukhuluma kukaNkulunkulu, lokho okumele bakwenze noma bangene kukho, bese bekudlulisela kubalandeli. Ngakho, umsebenzi womuntu umela ukungena nokusebenza kwakhe. Nakanjani, umsebenzi onjalo uxutshaniswe nezifundo zomuntu kanye nalokho ake abhekana nakho noma neminye imicabango yomuntu. Noma ungasebenza kanjani uMoya oNgcwele, kungaba wukuthi usebenza kumuntu noma kubuntu bukaNkulunkuku, kuhlala kuba abasebenzi abaveza ukuthi bangobani. Yize kunguMoya oNgcwele osebenzayo, umsebenzi utholakala kulokho okuyikho ngokwendalo, ngoba uMoya oNgcwele awusebenzi ngaphandle kwesisekelo. Ngamanye amazwi, umsebenzi awenziwa ngeze, kodwa uhlala uhambisana nezimo zangempela kanye nezimo eziyiqiniso. Yile ndlela kuphela engaguqula isimo somuntu, ukuthi indlela abebona izinto ngayo kudala kanye nokuqonda kwakudala kungashintsha. Umuntu uveza lokho akubonayo, abhekane nakho kanye nalokho angakucabanga. Ngisho noma kungaba yizimfundiso noma indlela yokubona izinto, konke lokhu kufinyeleleka kukho ngokucabanga komuntu. Ngisho noma ungaba ngakanani umsebenzi womuntu, ungedlule ubukhulu balokhu umuntu abhekana nakho, lokho okubona umuntu, noma lokho okucatshangwa noma okucutshungulwa umuntu. Lokho okuvezwa uNkulunkulu yilokho uNkulunkulu uqobo ayikho, futhi lokhu kungaphezu kokufinyelela komuntu, kungaphezu kwemicabango yomuntu. Uveza umsebenzi Wakhe wokuhola bonke abantu, futhi lokhu akuhambisani nemininingwane yalokho umuntu ake wabhekana nakho, kodwa kunalokho kumayelana nendlela Yakhe yokuphatha. Umuntu ubonakalisa lokho ake abhekana nakho ngenkathi uNkulunkulu eveza ubuyena—lokhu kuyisimo Sakhe esingokomlando futhi singaphezu kokufinyelela komuntu. Lokho umuntu ake abhekana nakho ngalokho akubonayo kanye nolwazi alutholile sisuselwa ekubonakaliseni kukaNkulunkulu ubuyena. Lokho okubonwayo nolwazi kubizwa ngokuthi isimo somuntu. Sibonakaliswa esisekelweni sesimo somuntu semvelo kanye nasemandleni akhe angempela; ngakho kubizwa ngokuthi isimo somuntu. Umuntu ukwazi ukukhonza lokho abhekane nakho kanye nalokho akubonayo. Lokho angabhekananga nakho noma angakubonanga noma umqondo wakhe ongafinyeleli kukho, okusho, izinto angenazo ngaphakathi, akakwazi ukukukhonza. Uma lokho umuntu akubonakalisayo kungasikho lokho abhekane nakho, kuba umcabango wakhe noma imfundiso yakhe. Ezwini, akukho okuke kwenzeka kulokho akukhulumayo. Uma uke wahlangabezana nezinto zasemphakathini, uzokwazi ukukhonza ngokucacile ulandela ubudlelwane basemphakathini obuxakile. Uma ungenawo umndeni kodwa abanye abantu bakhuluma ngezindaba zomndeni, izinto eziningi abakhuluma ngazo ngeke uze uziqonde. Ngakho, lokho okukhonzwa umuntu kanye nomsebenzi awenzayo kumele ingaphakathi lakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

318. Engikushoyo akumele lokho umuntu abhekana nakho, futhi akusikho lokho okubonwa umuntu, kuphinde kube yinto umuntu angeke akwazi ukuyithinta, kodwa kuyilokho engiyikho. Abanye abantu bazisa ukuthi ngikhonza lokho engibhekane nakho, kodwa ababoni ukuthi lokho kuyisibonakaliso sikaMoya ngokuqondile. Nakanjani, engikushoyo yilokho engibhekane nakho. Yimi engenze umsebenzi wokuphatha eminyakeni eyizinkulungwane eziyisithupha ezedlule. Ngibhekane nakho konke kusukela ekuqaleni kokudalwa kwabantu kuze kube manje; ngingakakwazi kanjani ukukhuluma ngakho pho? Uma kuziwa esimweni semvelo somuntu, ngikubone ngokucacile, futhi sesiside isikhathi ngikubhekile; ngihlala kanjani ngingakwazi ukukhuluma ngayo ngokucacile? Selokhu ngaqala ukubona ubunjalo bomuntu ngokucacile, ngifanelekile ukusola umuntu futhi ngimahlulele, ngoba bonke abantu bavela Kimi kodwa bakhohlakaliswe uSathane. Nakanjani, ngifanelekile nawukuhlola umsebenzi engiwenzile. Yize lo msebenzi ungenziwanga inyama Yami, uveza uMoya ngokuqondile, futhi yilokhu engikwenzile nengiyikho. Ngakho, ngifanelekile ukukuveza futhi ngenze umsebenzi okumele ngiwenze. Umuntu ukhuluma ngalokho abhekane nakho. Yilokho engikubonile, lokho imiqondo yabo ekwazi ukufinyelela kukho kanye nalokho imizwa yabo engakuzwa. Yilokho abangakwazi ukukukhonza. Amazwi akhulunywe uNkulunkulu esesimweni somuntu enyameni akuveza ngokuqondile ngoMoya futhi aveza umsebenzi owenziwe nguMoya. Inyama ayikabhekani futhi ayikakuboni, kodwa kusaveza ubuyena ngoba inyama iphila ngoMoya, futhi uveza umsebenzi kaMoya. Yize noma inyama yehluleka ukufinyelela kuwo, kuwumsebenzi osewenziwe nguMoya. Emuva kokuba sesimweni somuntu, ngokuveza kwenyama, wenza abantu bakwazi ukumazi uNkululunkulu uqobo futhi kuvumeleke ukuthi abantu babone isimo sikaNkulunkulu kanye nomsebenzi awenzile. Umsebenzi womuntu wenza abantu bacacelwe kabanzi ngalokho okumele bangene kukho kanye nalokho okumele bakuqonde; okubandakanya ukuholela abantu ekuqondeni nasekubhekaneni neqiniso. Umsebenzi womuntu wukuqhubekisa abantu; umsebenzi kaNkulunkulu ukuvula izindlela ezintsha kanye nokuvulela isintu izinkathi ezintsha, kanye nokudalulela abantu lokho okungaziwa abantu benyama, okwenza ukuthi bazi isimo Sakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu ukuhola sonke isintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

319. Umsebenzi kaMoya oNgcwele umayelana nokwenza abantu bathole imihlomulo; umayelana nokungcwelisa abantu; awukho umsebenzi ongabahlomulisi abantu. Ngisho iqiniso lingajula noma lingaba ngaphezulu, futhi ngisho noma lingelwaluphi uhlobo labo abamukela iqiniso ngokufanayo, noma ngabe yini eyenziwa nguMoya oNgcwele, ihlomulisa abantu. Kodwa umsebenzi kaMoya oNgcwele ungenzeke ngokuqondile; kumele wenziwe abantu abahambisana nawo. Imiphumela yomsebenzi kaMoya oNgcwele ingatholakala ngale ndlela kuphela. Nakanjani, uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele oqondile, ungangcolisiwe nhlobo; kodwa uma usebenzisa umuntu, uyaxuba futhi awubi umsebenzi kaMoya oNgcwele weqiniso. Ngale ndlela, iqiniso lishintsha ngamazinga ahlukene. Abalandeli abayitholi inhloso eyiyona yona kaMoya oNgcwele kodwa inhlanganisela kaMoya oNgcwele kanye nolwazi ngesimo oke wabhekana naso kanye nolwazi lomuntu. Ingxenye yomsebenzi kaMoya oNgcwele eyamukelwa abalandeli ingeyeqiniso. Ulwazi ngalokho oke wabhekana nakho kanye nolwazi lomuntu olutholakalayo kuyehlukahluka ngenxa yokuthi umsebenzi awufani. Uma abasebenzi bekhanyiselekile futhi beholwa uMoya oNgcwele, khona manjalo babhekana nokuthile okususelwa ekukhanyiselekeni nasekuholweni. Khona kulokhu obhekana nakho kuhlanganiswa umqondo womuntu kanye nalokho oke wabhekana nakho, kanjalo nokuba wumuntu, emuva kwalokho bathola ulwazi noma babone ngendlela efanayo. Le yindlela okuqhutshwa ngayo emuva kokuba umuntu ebhekane neqiniso. Indlela okuqhutshwa ngayo iyashintshashintsha ngoba abantu babhekana nokwahlukahlukene futhi izinto abantu ababhekana nazo ziyehlukahluka. Ngale ndlela, ukukhanyiseleka okufanayo koMoya oNgcwele kuholela olwazini olwahlukene kanye nenqubo ngoba labo abathole ukukhanyiseleka bahlukile. Abanye abantu benza amaphutha amancane ngenkathi besebenza kube abanye benza amaphutha amakhulu, futhi abanye abakhathazeki ngamaphutha abo. Lokhu kudalwa wukuthi amakhono abantu okuqonda ahlukene nangoba amandla abo angempela ayehlukana. Abanye abantu bakuqonda ngale ndlela emuva kokuzwa umyalezo, futhi abanye abantu bakuqonda njengendlela eza emuva kweqiniso. Abanye abantu baphambuka kancane; futhi abayiqondi nhlobo incazelo yangempela yeqiniso. Ngakho, noma ngabe ubani oqonda ukuthi angabahola kanjani abanye abantu; lokhu kuyiqiniso langampela, ngoba umsebenzi wakhe uveza ubuyena nje. Abantu abaholwa yilabo abaqonda iqiniso ngokuyikho bazoliqonda iqiniso. Noma kunabantu abanamaphutha ekuqondeni kwabo, bambalwa kakhulu, futhi akusibo bonke abantu abanamaphutha. Uma umuntu enamaphutha ekuqondeni kwakhe iqiniso, labo abamlandelayo nakanjani nabo bazoba namaphutha, futhi laba bantu bazoba namaphutha ngayo yonke indlela. Isilinganiso sokuqonda iqiniso phakathi kwabalandeli sincike kakhulu kubasebenzi. Nakanjani, iqiniso elivela kuNkulunkulu liyilo futhi alinalo iphutha, futhi ungaqiniseka ngokuphelele ngalo. Kodwa, abasebenzi ngeke bakwazi ukuqonda futhi okungethiwe bangathembeka ngokugcwele. Uma abasebenzi benendlela yokubhekana neqiniso okuyinto esobala, abalandeli nabo bazoba neyabo indlela yokwenza. Uma abasebenzi bengenayo indlela yokwenza iqiniso kodwa bengenamfundiso, abalandeli bazoba neqiniso kuphela. Isimo kanye nohlobo lwabalandeli kunquma ngokuzalwa futhi kuhambisana nabasebenzi. Kodwa izinga abalandeli abaqonda ngalo iqiniso futhi nebazi ngayo uNkulunkulu incike kubasebenzi (lokhu kunjalo ngempela kwabanye abantu). Nokho noma ngabe unjani umsebenzi, yilokho nabalandeli abaholayo abazoba yikho. Lokho umsebenzi abhekana nakho ngokwakhe, kanye nangaphandle kokuqapha. Umthwalo awubhekisa kubalandeli bakhe uyilokhu azimisele ukuphumelela kukho noma angakwazi ukufinyelela kukho. Abasebenzi abaningi basho abakufunayo kubalandeli babo ngokususela kulokho abakwenzayo ngokwabo, yize kuba khona abantu abangeke baphumelele nhlobo. Lokho abantu abahlulekayo ukuphumelela kukho kuba yisihibe ekungeneni kwabo.

Kuncane kakhulu ukuphambuka emsebenzini walabo asebetheniwe, okubhekanwe nabo, bahlulelwa futhi basolwa, futhi ukuvezwa komsebenzi wabo kunemba kakhulu. Labo abethembela esimweni sabo semvelo ukuze basebenza benza amaphutha amakhulu. Kunesimo semvelo esiningi emsebenzini wabo wabantu abangalungile, okubeka isihibe esikhulu emsebenzini kaMoya oNgcwele. Noma ngabe lihle kanjani izinga lomuntu, kumele futhi badlule ekuthenweni, ekubeni kubhekanwe nabo, nasekwahluleweni ngaphambi kokuba bakwazi ukwenza umsebenzi wokuthunywa uNkulunkulu. Uma bengakadluli kulokho kwahlulelwa, noma bengenza kahle kangakanani, ngeke baze bahambisane nemigomo yeqiniso futhi kwenzeka ngokwemvelo kanye nangokulunga komuntu. Umsebenzi walabo abadlule ekuthenweni, ekuthini kubhekanwe nabo, nasekwahlulelweni unemba ngokwengezwe kakhulu kunomsebenzi walabo abangathenwanga, okungabhekanwanga nabo, nabangahlulelwanga. Labo abadlule ekwahlulelweni abavezi lutho mayelana nenyama kanye nemicabango, kuhlanganiswa nobuhlakani bomuntu obuningi kanye namakhono akhe angaphakathi. Akusiwo umsebenzi kaNkulunkulu ovezwe umuntu ngendlela eyiyonayona. Abantu ababalandelayo bahanjiswa amandla abo angaphakathi phambi kwabo. Ngoba, baveza okuningi abakubonile kanye nalokho umuntu adlule kukho, okucishe kungaxhumani nenhloso yokuqala kaNkulunkulu, futhi kuchezuka kakhulu kuyo, umsebenzi womuntu owulolu hlobo awukwazi ukuhambisa abantu phambi kukaNkulunkulu, kodwa ubayisa ngaphambi komuntu. Ngakho, labo abangedlulile ekwahlulelweni nasekusolweni abafanelekile ukuqhuba umsebenzi wokuthunywa uNkulunkulu. … Uma umuntu engeke apheleliswe futhi isimo sakhe semvelo singakathenwa futhi kungakabhekanwa naso, kuzoba negebe elikhulu phakathi kwalokho okuvezwa umuntu neqiniso; kuzoxutshwa nezinto ezingathi shu ezinjengomcabango wakhe kanye nalokho adlula kukho ecaleni elilodwa, njll. Phezu kwalokho, ngisho noma esebenza kanjani, abantu babona ukuthi kunomgomo omkhulu futhi alikho iqiniso ngokungena kwabantu. Okuningi okufunekayo kubantu kubiza okungapheu kwamandla abo, okubalimazayo. Lo ngumsebenzi wentando yabantu. Isimo somuntu esinenkohlakalo, imicabango nokuqonda kwakhe kungena emzimbeni wakhe wonke. Umuntu akazalwa enomuzwa wokwenza iqiniso ngokwemvelo, futhi akazalwa nemizwa yokuqonda iqiniso ngqo. Uma lokho kuhlanganiswa nesimo somuntu esikhohlakele—uma lolu hlobo lomuntu lusebenza, akwenzi ukuthi kube nokuphazamiseka? Kodwa umuntu opheleliswe yiqiniso ahlangabezana nalo okumele abantu baliqonde, futhi ulwazi lwesimo senkohlakalo sabo, ukuze izinto ezingathi shu nezingesizo ezangempela emsebenzini wakhe zigcine seziphelile, ukuthunazwa ngumuntu kuyancipha, nomsebenzi nokukhonza kwakhe kuya ngokuya kusondela ezingeni elifunwa uNkulunkulu. Ngalokhu umsebenzi wakhe usuke usungene ekubeni yiqiniso loqobo futhi uba ngowangempela. Ukuqonda komuntu yikho okunomthelela omkhulu ekuthiyeni umsebenzi kaMoya oNgcwele. Umuntu unemicabango eminingi futhi ukwazi ukucabanga ngokufanele futhi asebenzise ulwazi ngalokho ake abhekana nakho ngaphambilini ukuze akwazi ukubhekana nezimo. Uma lokhu kungadluli ekuthengweni nasekulungisweni, konke kuba yisithiyo emsebenzini. Ngakho umsebenzi womuntu ngeke ufinyelele ezingeni elifanele, ikakhulukazi umsebenzi wabantu abangaphelelisiwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

320. Umsebenzi womuntu unamazinga kanye nemikhawulo. Umuntu oyedwa ukwazi ukwenza umsebenzi wesigaba esithile kuphela futhi ngeke akwazi ukwenza umsebenzi wesikhathi sasendulo esithile—kungenjalo, uyoholela abantu emithethweni. Umsebenzi womuntu ungakwazi ukusebenza ngesikhathi noma ngesigaba esithile kuphela. Lokhu kwenziwa ukuthi ulwazi lomuntu ngalokho ake abhekana nakho luhleliwe. Umuntu angeqhathanise umsebenzi womuntu nomsebenzi kaNkulunkulu. Izindlela zomuntu zokuqhuba kanye nolwazi lwakhe lweqiniso konke kusebenza ohlelweni oluthile. Ungathi indlela ethathwa umuntu igcwele intando kaNkulunkulu, ngoba umuntu angakhanyiselwa uMoya oNgcwele kuphela futhi ngeke akwazi ukugcwaliswa uMoya oNgcwele ngokuphelele. Izinto umuntu angabhekana nazo zonke zingena ngaphansi kohlelo lobuntu obejwayelekile futhi zingedlule uhlelo lwemicabango esimweni somqondo somuntu esejwayelekile. Bonke labo abaphila ngeqiniso babhekana nempilo ngaleli zinga. Uma bebhekana neqiniso, kuhlala kuwukuveza ababhekane nakho empilweni ejwayelekile ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, hhayi ukubhekana ngendlela echezuka empilweni yomuntu ejwayelekile. Babhekana neqiniso elikhanyiswe uMoya oNgcwele phansi kwesisekelo sokuphila impilo yabo yabantu. Phezu kwalokho, leli qiniso liyehlukahluka kumuntu nomuntu, futhi ukujula kwalo kuncike esimweni somuntu. Umuntu angathi indlela ahamba ngayo iyisimo sokuphila esejwayelekile sokuthi umuntu alandele iqiniso, futhi kuyindlela abantu abajwayelekile abahambe ngayo abanokukhanyiseleka kukaMoya oNgcwele. Ngeke uthi indlela abahamba ngayo yindlela kaMoya oNgcwele. Esimweni esejwayelekile umuntu abhekana naso, ngoba abantu abalandelelayo abafani, umsebenzi kaMoya oNgcwele nawo awufani. Phezu kwalokho, ngoba izimo ababhekana nazo kanye nezinhlobo zabahlangabezana nazo azifani, ngenxa yokuxubeka okusemiqondweni nasemicabangweni yabo, ababhekana nakho kuxutshwa ngokwahlukana. Umuntu ngamunye uqonda iqiniso ngokwesimo somuntu ngamunye. Ukuqonda kwabo kwencazelo yeqiniso akuphelele futhi kunye kuphela noma kuyizingxenyana zakho. Isimo umuntu abhekana neqiniso kuso sihlala sisuselwa ezimweni ezehlukene zomuntu futhi ngenxa yalokho azifani. Ngale ndlela, ulwazi oludlulisiwe lweqiniso elifanayo elivezwa abantu abahlukene alufani. Lokhu kusho ukuthi, lokho umuntu abhekana nakho kuhlala kunemikhawulo futhi ngeke kuze kuyiveze ngokugcwele intando kaMoya oNgcwele, futhi umsebenzi womuntu ngeke uze uthathwe ngokuthi ungumsebenzi kaNkulunkulu, ngisho noma okuvezwe ngumuntu kuhambisana ncamashi nentando kaNkulunkulu, ngisho noma lokho umuntu abhekane nakho kusondele kakhulu emsebenzini ongenasici owenziwa uMoya oNgcwele. Umuntu angaba yisisebenzi sikaNkulunkulu kuphela, enze umsebenzi uNkulunkulu amethembe ngawo. Umuntu angakwazi ukuveza ulwazi ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele kanye namaqiniso awathole ngadlule kukho. Umuntu akafanelekile futhi akanazo izimo ezivezwa uMoya oNgcwele. Akafanelekile ukuthi athi umsebenzi womuntu ungumsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu unemigomo yokusebenza, futhi bonke abantu babhekana nokwehlukene futhi banezimo ezahlukene. Umsebenzi womuntu ubandakanya konke adlule kukho ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele. Lokhu abhekane nakho kungamela umuntu futhi ngeke kumele ubuNkulunkulu noma intando kaMoya oNgcwele. Ngakho, inkambo yomuntu kungethiwe iyinkambo kaMoya oNgcwele ngoba umsebenzi womuntu awukwazi ukumela umsebenzi kaNkulunkulu futhi umsebenzi womuntu nalokho umuntu adlula kukho akusiyo intando kaMoya oNgcwele ephelele. Umsebenzi womuntu uvame ukuwela emthethweni, futhi indlela yomsebenzi wakhe ivaleleke ohlelweni olunomkhawulo futhi awukwazi ukuholela abantu endleleni ekhululekile. Abalandeli abaningi baphila ngaphansi kohlelo olunomkhawulo, futhi indlela yabo yokubhekana nezimo nayo ithiywa yilolu hlelo. Lokho umuntu abhekana nakho kuhlala kunomkhawulo; indlela yomsebenzi wakhe nayo incishishwa izinhlobo ezahlukene futhi ngeke iqhathaniswe nomsebenzi kaMoya oNgcwele noma umsebenzi kaNkulunkulu uqobo—lokhu kudalwa ukuthi lokho umuntu abhekana nakho, ekugcineni, kuba nomkhawulo. Nokho uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe, ongabekelwanga mithetho; nokho uyenziwa, awunamikhawulo yokuthi wenziwe ngendlela eyodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu awunayo nhlobo imithetho— wonke umsebenzi Wakhe ukhululiwe futhi umahhala. Ngisho noma umuntu angasebenzisa isikhathi esingakanani elandela Yena, ngeke aze akwazi ukufinyeza imithetho yezindlela asebenza ngazo. Yize umsebenzi Wakhe unemigomo, uhlala wenziwa ngezindlela ezintsha futhi uba nokusha okusunguliwe, okungaphezu kokufinyelela komuntu. Ngesikhathi esisodwa, uNkulunkulu angase abe nezinhlobo zomsebenzi eziningana kanye nezindlela ezehlukile zobuholi, okwenza abantu bahlale bengenisa okusha futhi benza ushintsho. Ngeke uze uthole imithetho emisha yomsebenzi Wakhe ngoba uhlala ekhanda izindlela ezintsha. Abalandeli baNkulunkulu bakwazi ukungena emithethweni ngale ndlela kuphela. Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo uhlala ugwema imizwa yabantu futhi uhlangabezana nemizwa yabo. Yilabo abamlandelayo kuphela futhi abalandela Yena abanenhliziyo yeqiniso kuphela abangakwazi ukuba nezimo eziguquliwe futhi abakwazi ukuphila ngokukhululeka ngaphandle kokuphoqeleleka ukulandela imithetho noma ukuthiywa yimibono yezenkolo. Okufunwa imisebenzi yabantu kubantu kususelwa kulokho adlule kukho kanye nalokho angafinyelela kukho ngokwakhe. Imigomo yalokhu okudingekayo inomkhawulo wohlelo oluthile, futhi izindlela zokuqhuba nazo zinomkhawulo omkhulu. Ngakho abalandeli benganakile baphile ngaphansi kwalolu hlelo; kuthi ngokuhamba kwesikhathi, kube yimithetho nezinqubo. Uma umsebenzi wesikhathi esithile uholwa umuntu ongakadluli esimweni sikaNkulunkulu uqobo futhi engakahlulelwa, bonke abalandeli bakhe bazoba ochwepheshe kwezenkolo futhi babe ochwepheshe bokumelana uNkulunkulu. Ngakho, uma umuntu efanelekile ukuba umholi, umuntu kumele adlule ekwahlulelweni futhi amukele ukupheleliswa. Labo abangazange badlule ekwahlulelweni, ngisho noma benomsebenzi kaMoya oNgcwele, baveza izinto eziyize nezingasizo ngempela. Ngokuhamba kwesikhathi, bazoholela abantu emithethweni eyize nengasiyo eyemvelo. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu awuhambisani nesimo somuntu senyama; awuhambisani nemicabango yomuntu kodwa kuba ukuqonda komuntu ahlangabezana nakho; akuxutshiwe nokwenkolo okungacacile. Umuntu ngeke afinyelele emphumeleni womsebenzi Wakhe uma engapheleliswanga Nguye futhi ungaphezu kwemicabango yomuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

321. Umsebenzi osemqondweni womuntu ufinyelwa kalula umuntu. Abefundisi nabaholi bezenkolo, isibonelo, bathembele eziphiweni nasezikhundleni zabo uma benza imisebenzi yabo. Abantu ababalandela isikhathi eside batheleleka ngeziphiwo zabo futhi babe negalelo kubo ngokunye abakwenzayo. Bagxila eziphiweni zabantu, namakhono kanye nolwazi, futhi bagxila kwezinye izinto ezingasizo ezemvelo kanye nenqwaba yezimfundiso ezaziwayo nezingasizo ezeqiniso (nakanjani, lezi zimfundiso ezaziwayo akufinyeleleki kuzo). Abagxili ekushintsheni ezimilo zabantu, kodwa bagxila ekuqeqesheni amakhono abantu okushumayela nawokusebenza, benza ngcono ulwazi lwabantu kanye nezimfundiso zabo zezenkolo eziningi. Abagxili ekuthini izimilo zabantu zishintsha kanjani noma ukuthi abantu baliqonda kangakanani iqiniso. Abazikhathazi ngokubalulekile kubantu, futhi abazami nokwazi izimo zabantu ezejwayelekile nezingajwayelekile. Abahlangabezani nemizwa yabantu noma badalule imizwa yabo, ingasaphathwa eyokuba bathene abantu ebuthakathakeni nasekukhohlakaleni kwabo. Abantu abaningi ababalandelayo basebenza ngeziphiwo zabo, futhi konke abakukhululayo kuyimibono yenkolo nolwazi lokucabangela ngenkolo, okuqhelelene nokwenzekayo futhi akukwazi nhlobo ukuphilisa abantu. Empeleni, okubalulekile ngomsebenzi wabo ukuthuthukisa amathalente, ukusimamisa umuntu ongenalutho abe umfundi ogogodile onethalente lokushumayela ogcina eseya kosebenza futhi ahole. Emsebenzini kaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ngabe ukhona umthetho owuthola kuwo? Kunemithetho eminingi kanye nezithiyo emsebenzini owenziwa umuntu, futhi umqondo womuntu uphikisa kakhulu. Ngakho lokho okuvezwa umuntu kuwulwazi oluthile kanye nokuqwabuka kukho konke adlule kukho. Umuntu akakwazi ukuveza lutho ngaphandle kwalokhu. Ulwazi lwalokho umuntu ake abhekana nakho noma ulwazi akuveli eziphiweni zabo zangaphakathi noma ekuqondeni kwakhe; kuvela ngenxa yokuqondiswa uNkulunkulu kanye nokweluswa okuqondile uNkulunkulu. Umuntu kuphela onomuzwa wokwamukela lokhu kuholwa futhi angavezi okuyikona okungcwele. Umuntu akakwazi ukuba wumthombo, angaba yisitsha esamukela amanzi emthonjeni kuphela; lokhu kwenzeka ngokwemvelo kumuntu, umuzwa okumele umuntu abe nawo njengomuntu. Uma umuntu elahlekelwa umuzwa wokwamukela izwi likaNkulunkulu futhi elahlekelwe umuzwa wobuntu, lowo muntu ubaluleke kakhulu, futhi ulahlekelwa umsebenzi womuntu odaliwe. Uma umuntu engenalo ulwazi noma ake abhekana nakho ngezwi likaNkulunkulu noma umsebenzi Wakhe, lowo muntu ulahlekelwa umsebenzi wakhe, umsebenzi okumele awenze njengomuntu odaliwe, futhi elahlekelwa isithunzi somuntu odaliwe. Kuwumuzwa kaNkulunkulu ukuveza ukuthi ubungcwele buyini, ukuthi kungavezwa ngokwenyama noma ngokuqondile kwenziwa uMoya; le yintshumayelo kaNkulunkulu. Umuntu uveza ukuthi lokho adlula kukho noma akwaziyo (okusho ukuthi, uveza lokho ayikho) ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu noma kamuva; lokhu kuyisazelo somuntu kanye nomsebenzi womuntu, kuyinto okumele umuntu afinyelele kuzo. Yize okuvezwa abantu kushoda ngalokho okuvezwa uNkulunkulu, futhi kunemithetho eminingi ngalokho okuvezwa umuntu, umuntu kumele agcwalise umsebenzi wakhe okumele awugcwalise nokumele awenze. Umuntu kumele enze konke angakwenza njengomuntu ukuze afeze umsebenzi wakhe, futhi kumele kungabikho nokukodwa okugodliwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

322. Abanye abantu bazobuza, “Uyini umehluko phakathi komsebenzi owenziwe nguNkulunkulu onesimo somuntu nalowo wabaprofethi nabaphostoli bezinkathi ezedlule? UDavide naye wayebizwa ngeNkosi, kanjalo noJesu, yize umsebenzi ebebewenza bewehlukile, bebebizwa ngento efanayo. Kungani ubuza ukuthi, bebengafani yini? Okwabonwa nguJohane kwaba ngumbono, lowo owavela kuMoya oNgcwele, wakwazi ukusho amazwi ayehloswe ukushiwo uMoya oNgcwele, kungani uJohane engafani noJesu?” Amazwi akhulunywe nguJesu akwazile ukumela uNkulunkulu ngokugcwele emela nemisebenzi kaNkulunkulu ngokuphelele. UJohane wabona umbono, kanti ubengakwazi ukumela ngokuphelele umsebenzi kaNkulunkulu. Kungani uJohane, uPetru kanye noPawulu bakhuluma amazwi amaningi—njengoJesu—kodwa bebe bengafani noJesu? Ngabe kungenxa yokuthi umsebenzi abebewenza bewungafani. UJesu ubemele uMoya kaNkulunkulu, futhi enguMoya kaNkulunkulu obusebenza ngqo. Wenze umsebenzi wenkathi entsha, umsebenzi ongakaze wenziwe ngumuntu ngaphambilini. Uvule indlela entsha, umele uJehova waze wamela noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kanti ngoPetru, uPawulu noDavide, kungakhathalekile ukuthi babebizwa ngani, bebemele nje ukubonakala kwesidalwa sikaNkulunkulu, futhi babethunywe nguJesu noma nguJehova. Manje noma ungakanani umsebenzi abawenzile noma ngabe zingakanani izimangaliso abazenzile bebelokhu beyizidalwa nje zikaNkulunkulu bengakwazi ukumela uMoya kaNkulunkulu. Basebenza egameni likaNkulunkulu noma ngemva kokuthunywa nguNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, basebenza ezinkathini ezaqalwa uJesu noma uJehova, nomsebenzi abawenza ubungehlukene. Bebeyizidalwa nje zikaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Okumayelana Namagama Nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

323. ENkathini Yomusa, uJesu wakhuluma futhi wenza umsebenzi omkhulu. Wayehluke kangakanani kuno-Isaya? Wayehluke kangakanani noDaniyeli? Ngabe wayengumprofethi? Kungani kuthiwa unguKristu? Yini umehluko phakathi kwabo? Bonke babengamadoda ayekhulume amazwi, futhi amazwi abo ayefuna ukufana kumuntu. Bonke babekhuluma futhi benze umsebenzi. Abaprofethi bakwiTestamente Elidala baprofetha, futhi ngokufanayo, noJesu wayengakwazi ukwenza lokho. Kungani kunjalo? Umehluko lapha ususelwa kuhlobo lomsebenzi. Ukuze wahlukanise kulolu daba, akumele ubheke uhlobo lwenyama, noma ubheke ukujula noma ukungakholakali kwamazwi akhe. Kumele uqale ngokubheka umsebenzi wakhe kanye nomthelela womsebenzi wakhe onawo kumuntu. Iziphrofetho ezakhulunywa abaphrofethi ngaleso sikhathi azinikanga ukuphila komuntu, futhi imiyalezo eyatholwa yilabo abanjengo-Isaya noDaniyeli kwakuyiziphrofetho nje, kungasiyo indlela yokuphila. Uma kwakungeve kungenxa yesambulo sikaJehova, akekho umuntu owayengenza lowo msebenzi, ongeke wenziwe ngabantu. NoJesu wakhuluma kakhulu, kodwa lawo mazwi ayeyindlela yokuphila umuntu ayengathola indlela yokuphila ngawo. Lokhu kusho ukuthi, okokuqala, wayekwazi ukunika umuntu ukuphila, ngoba uJesu ungukuphila; okwesibili, wayekwazi ukubuyisela emuva ukuchezuka komuntu; okwesithathu, umsebenzi Wakhe walandela okaJehova ukuze kuqhubeke isikhathi; okwesine, wayekwazi ukuqonda izidingo zomuntu ngaphakathi futhi eqonda lokho okuntulwa umuntu; okwesihlanu, wayekwazi ukuholela esikhathini esisha futhi avale endala. Yingakho ebizwa ngoNkulunkulu noKristu; akungoba ehlukile kuno-Isaya kuphela kodwa wehlukile kunabo bonke abanye abaprofethi. Masibheke u-Isaya simqhathanise nomsebenzi wabaprofethi. Okokuqala, wayengakwazi ukunika umuntu ukuphila; okwesibili, wayengakwazi ukudlulisela umuntu esikhathini esisha. Wayesebenza ngaphansi kobuholi bukaJehova futhi wayengakwazi ukudlulisela umuntu esikhathini esisha. Okwesithathu, ayekhulume ngakho kwakungaphezu kokuqonda kwakhe. Wayethola izambulo ezazivela kuMoya kaNkulunkulu ngqo, futhi abanye babengaqondi, noma sebelalelile. Lezi zinto ezimbalwa zizodwa zazanele ukufakazela ukuthi amazwi akhe ayengasezona iziprofetho, engengaphezu komsebenzi owenziwa kuJehova. Nokho, wayehluleka ukumela uJehova ngokugcwele. Wayeyinceku kaJehova, ithuluzi lomsebenzi kaJehova. Wayenza umsebenzi ngeNkathi Yomthetho futhi enza umsebenzi kaJehova; akasebenzanga ngaphezu kweNkathi Yomthetho. Kwelinye icala, umsebenzi kaNkulunkulu wehluka. Wedlula umsebenzi kaJehova; Wasebenza njengoNkulunkulu osesimweni somuntu futhi wabethelwa ukuze ahlenge isintu sonke. Okusho ukuthi, wenza umsebenzi ongekho emsebenzini owenziwa uJehova. Lokhu kwaba ukudlulisela abantu esikhathini esisha. Esinye isimo ngesokuthi wayekwazi ukukhuluma lokho okwakungenziwe umuntu. Umsebenzi Wakhe wawungumsebenzi ophakathi kokuphatha kukaNkulunkulu futhi ubandakanya isintu sisonke. Wayengasebenzi kubantu abambalwa kuphela, kanjalo nomsebenzi Wakhe kwakungasikho ukuhola abantu abambalwa. Mayelana nokuthi uNkulunkulu waba sesimweni somuntu, nendlela uMoya ayeletha izambulo ngayo ngaleso sikhathi, nokuthi uMoya wawudlulela kanjani kumuntu ukuze wenze umsebenzi, lokhu kuwumsebenzi umuntu ayengenakuwubona noma awuthinte. Kunzima impela ukuthi la maqiniso asebenze njengobufakazi bokuthi unguNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngakho, umehluko ungenziwa phakathi kwamazwi kanye nomsebenzi kaNkulunkulu, ongephatheke kumuntu. Yilokhu kuphela okungokwangempela. Imbangela yalokhu ukuthi izindaba zoMoya azibonakali kuwe futhi azaziwa ngokucacile uNkulunkulu Uqobo kuphela, futhi hhayi ngisho noNkulunkulu osesimweni somuntu ngokwenyama ukwazi konke; ungaqinisekisa kuphela ukuthi unguNkulunkulu ngomsebenzi awenzile. Ngomsebenzi Wakhe, kungabonakala ukuthi, kuqala, ukwazi ukuvula isikhathi esisha; okwesibili, ukwazi ukuhlinzeka ngokuphila kumuntu futhi akhombise umuntu indlela okumele ayilandele. Lokhu kwanele ukuze kubonakale ukuthi UnguNkulunkulu Uqobo. Okungenani, umsebenzi awenzayo ungamela uMoya kaNkulunkulu, futhi lowo msebenzi ungathathwa ngokuthi unguMoya kaNkulunkulu ongaphakathi Kwakhe. Njengoba umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu ungukudlulisela umuntu esikhathini esisha, ukuhola umsebenzi omusha, futhi uvule indawo entsha, le migomo embalwa iyodwa yanele ukuze kubonakale ukuthi unguNkulunkulu Uqobo. Ngakho lokhu kumenza ehluke kuno-Isaya, uDaniyeli, kanye nabanye abaphrofethi abakhulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

324. ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele. Ngemva kokubhabhathizwa kukaJesu, “uMoya oNgcwele wehlela Kuye njengejuba.” Wabe eseqala umsebenzi Wakhe, okungukuthi, waqala ukwenza inkonzo kaKristu. Yingakho athatha isimo sikaNkulunkulu, ngoba wayevela kuNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi lwalunjani ukholo Lwakhe ngaphambi kwalokhu—mhlawumbe ngezinye izikhathi lwaluntekenteke kokunye luqinile—konke lokho kwakuwukuphila Kwakhe kokuba umuntu ojwayelekile ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Ngemva kokubhabhathizwa (ukugcotshwa), ngokushesha waba namandla kanye nenkazimulo kaNkulunkulu Kuye, wabe eseqala inkonzo Yakhe. Wayesengenza izibonakaliso nezimanga, enze nezimangaliso, wayenamandla negunya, njengoba wayesebenza egameni likaNkulunkuluuqobo; wenza umsebenzi kaMoya esikhundleni Sakhe futhi wazwakalisa izwi likaMoya; ngakho wayenguNkulunkulu uqobo. Lokhu kuyinto engenakuphikwa. UJohane wasetshenziwa uMoya oNgcwele. Wayengeke amele uNkulunkulu, futhi kwakungeke kwenzeke ukuba amelel uNkulunkulu. Uma wayefisa ukwenza kanjalo, uMoya oNgcwele wawungeke umvumele, ngoba wayengeke awenze umsebenzi uNkulunkulu uqobo ayezimisele ukuwufeza. Mhlawumbe kwakukuningi okwakukuye, okwakuyintando yomuntu noma kukhona okwakwehlukile kuye; kunoma yiziphi izimo, wayengeke akwazi ukummela ngokuqondile uNkulunkulu. Amaphutha neziphambeko zakhe kwakumele yena kuphela, kodwa umsebenzi wakhe wawumele uMoya oNgcwele. Kodwa, awukwazi ukuthi konke ayeyikho kwakumele uNkulunkulu. Ingabe ukuphambuka namaphutha akhe nakho kwakumele uNkulunkulu? Ukuba nephutha ekumeleni umuntu kuyinto ejwayelekile, kodwa uma ehluka ekumeleni uNkulunkulu lokho bekungeke yini kuhlazise uNkulunkulu? Ingabe lokho bekungeke kube wukuhlambalaza uMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele awumvumeli umuntu ukuba abe sendaweni kaNkulunkulu ngokuthanda kwakhe, ngisho noma ngabe udunyiswa ngabanye. Uma engeyena uNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi angeke akwazi ukuhlala emile ekugcineni. UMoya oNgcwele awumvumeli umuntu ukuba amele uNkulunkulu ngokuthanda kwakhe! Ngokwesibonelo, uMoya oNgcwele wanikeza ubufakazi kuJohane waphinde wembula ukuthi nguye oyolungisela uJesu indlela, kodwa umsebenzi owawenziwe uMoya oNgcwele kuye, wawusesilinganisweni esifanele. Konke uJohane ayekuceliwe ukuba akwenze kwakuwukuba yivulandlela likaJesu, amlungiselele indlela. Okusho ukuthi, uMoya oNgcwele wavumela umsebenzi wakhe wokulungisa indlela kuphela, futhi wamvumela ukuba enze umsebenzi onjalo kuphela, hhayi okunye. UJohane wamela u-Eliya, umphrofethi owayelungise indlela. Lokhu kwesekwa uMoya oNgcwele; uma nje umsebenzi wakhe kwakusewukulungisa indlela, uMoya oNgcwele wawumvumela. Nokho, ukuba wayethe unguNkulunkulu uqobo futhi uzele ukuzoqedela umsebenzi wokuhlenga, uMoya oNgcwele kwakuyomele umqondise. Kungakhathaleki ukuthi wawumkhulu kangakanani umsebenzi kaJohane, nokuthi wayevunyelwe uMoya oNgcwele, umsebenzi wakhe wahlala ungaphakathi kwemingcele. Kuyiqiniso ngempela ukuthi umsebenzi wakhe wawuvunyelwe uMoya oNgcwele, kodwa amandla ayewanikiwe ngaleso sikhathi ayephelela ekulungiseni kwakhe indlela. Wayengeke nhlobo enze omunye umsebenzi, ngoba wayenguJohane owalungisa indlela kuphela, hhayi uJesu. Ngakho, ubufakazi boMoya oNgcwele busemqoka, kodwa umsebenzi umuntu avunyelwe nguMoya oNgcwele ukuba awenze ubaluleke kakhulu. Akufakazwanga kakhulu ngoJohane? Wawungemkhulu nawo umsebenzi wakhe? Kodwa umsebenzi awenza wawungeke uwedlule okaJesu, ngoba wayengelutho olungaphezulu komuntu owayesetshenziswa nguMoya oNgcwele futhi wayengeke amele uNkulunkulu ngokuqondile, ngakho umsebenzi ayewenza wawunomkhawulo. Emva kokuqeda umsebenzi wokulungisa indlela, uMoya oNgcwele akabange esaqhubeka nokuphakamisa ubufakazi bakhe, akukho msebenzi omusha owabuye wamlandela, futhi wahamba ngesikhathi umsebenzi kaNkulunkulu uqobo uqala.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

325. Nakuba uJohane waphinde wathi, “Phendukani: ngokuba umbuso wezulu ususondele,” waphinde washumayela ivangeli lombuso wezulu, umsebenzi wakhe wawungajulile kangako futhi wawuphethe isiqalo nje. Ngokuqhathaniseka nalokho, uJesu waletha inkathi entsha futhi waqeda inkathi endala kodwa futhi wagcwalisa umthetho weTestamente Elidala. Umsebenzi awenza wawumkhulu kunokaJohane futhi weza ukuzokhulula sonke isintu—wenza leso sigaba somsebenzi. UJohane yena wamane nje walungisa indlela. Nakuba umsebenzi wakhe wawumkhulu, amazwi akhe emaningi, nabafundi abamlandela babebaningi, umsebenzi wakhe awuzange wenze okungaphezu nje kokuba ulethele abantu isiqalo esisha. Abantu abazange bathole kuye ukuphila, indlela noma amaqiniso ajulile ngisho nokuthola ngaye ukuqonda mayelana nentando kaNkulunkulu. UJohane wayengumphrofethi omkhulu (u-Eliya) owavula indlela entsha yomsebenzi kaJesu walungiselela okhethiweyo; wayehambela phambili iNkathi Yomusa. Izindaba ezinje ngeke zimane zibonakale nje ngokuqaphela ukubonakala komuntu. Ikakhulukazi uJohane wenza umsebenzi omkhulu; ngaphezu kwalokho waba khona ngenxa yesithembiso sikaMoya oNgcwele futhi umsebenzi wakhe wavunyelwa nguye uMoya oNgcwele. Ngaleyo ndlela, ukuhlukanisa phakathi kobunjalo babo kungenziwa ngokubuka umsebenzi wabo, ngoba ukubukeka kwangaphandle komuntu akusho lutho ngengqikithi yakhe, futhi umuntu akakwazi ukuqinisekisa ubufakazi bangempela ngoMoya oNgcwele. Umsebenzi owenziwa nguJohane nalowo owenziwa nguJesu wawungafani futhi izimvelo zawo zazingefani. Yilokho okufanele kunqume ukuthi unguNkulunkulu noma cha. Umsebenzi kaJesu wawungukuqala, ukuqhubeka, ukuphetha kanye nokufeza. Leso naleso sinyathelo kulezi sasenziwa nguJesu, kanti umsebenzi kaJohane wona wawungowesiqalo. Ekuqaleni uJesu wasabalalisa ivangeli washumayela indlela yokuphenduka, ngemva kwalokho wabhabhathiza, welapha izifo futhi waxosha amadimoni. Ekugcineni, wakhulula isintu esonweni futhi waqedela umsebenzi wakhe waleyo nkathi. Washumayeza abantu futhi wasabalalisa ivangeli lombuso wezulu kuzo zonke izindawo. Lokhu kwakufana nakuJohane, kodwa umahluko kwakuwukuthi uJesu owangenisa inkathi entsha futhi waletha iNkathi Yomusa kumuntu. Emlonyeni Wakhe kwaphuma izwi lalokho umuntu okufanele akwenze nendlela umuntu okumele ayilandele eNkathini Yomusa futhi ekugcineni, waqedela umsebenzi wokukhulula. Umsebenzi onjalo wawungeke wenziwe nguJohane. Ngakho, kwakunguJesu owenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi nguye onguNkulunkulu uqobo futhi omele uNkulunkulu ngokuquondile.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

326. Amagama nomsebenzi wabaprofethi kanye nalabo abasetshenziswa uMoya oNgcwele babenza umsebenzi womuntu bebonke, benza umsebenzi Wakhe njengezidalwa ezidaliweyo, kanye nokwenza lokho okumele kwenziwe umuntu. Nokho, amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu kwakuwukuqhuba imisebenzi Yakhe. Yize isimo Sakhe sangaphandle kwakungesesidalwa esakhiwe, umsebenzi Wakhe wawungesikho ukuqhubezela umsebenzi Wakhe kodwa owenkonzo Yakhe. Igama elithi “umsebenzi” lisetshenziselwa izidalwa ezidaliweyo, kube elithi “inkonzo” lisetshenziselwa inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Lokhu kungumehluko obalulekile phakathi kwalokhu okubili, futhi lokhu okubili akunakushintshisana. Umsebenzi womuntu uphathelene nomsebenzi wakhe kuphela, kube umsebenzi kaNkulunkulu kungukuphatha, nokuqhuba inkonzo Yakhe. Ngakho, yize abaphostoli abaningi babesetshenziswa uMoya oNgcwele futhi abaprofethi babegcwalisiwe Ngaye, umsebenzi kanye namazwi kwakungawokwenza umsebenzi wawo kuphela njengesidalwa esidaliwe. Yize iziprofetho zabo zingase zibe ngaphezu kwendlela yokuphila okukhulunywa ngayo kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi ngisho ubuntu babo babeqa lokho kukaNkulunkulu osesimweni somuntu, babenza umsebenzi wabo, kanye nokungagcwaliswa kwenkonzo. Umsebenzi womuntu umayelana nomsebenzi womuntu, futhi kuyinto umuntu angafinyelela kuyo. Nokho, inkonzo eqhutshwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uphathelene nokuphatha Kwakhe, futhi umuntu angakwazi ukufinyelela kukho. Ukuthi ngabe uNkulunkulu osesimweni somuntu uyakhuluma, uyasebenza, noma ubonakala ngezimangaliso, wenza umsebenzi omkhulu kakhulu ngaphakathi kokuphatha Kwakhe, futhi umsebenzi onjalo ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Umsebenzi womuntu ukwenza umsebenzi wakhe kuphela odalwe esigabeni esithile somsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu. Ngaphandle kokuphatha kukaNkulunkulu, okusho ukuthi, uma inkonzo kaNkulunkulu osesimweni somuntu bekufanele ilahleke, kanjalo nomsebenzi walokho okudaliwe. Umsebenzi kaNkulunkulu ekuqhubeni inkonzo Yakhe ukuphatha umuntu, ekubeni umsebenzi womuntu ngukwenza umsebenzi wakhe ngokwezibopho zakhe zokuhlangabezana noMdali futhi kungethathwe ngokuthi ukuqhuba inkonzo yakhe. Empeleni kumongo kaNkulunkulu, okusho ukuthi, uMoya Wakhe, umsebenzi kaNkulunkulu ukuphatha Kwakhe, kodwa uNkulunkulu osesimweni somuntu ugqoke okungaphandle kwalokho okudaliwe, umsebenzi Wakhe ukuqhuba inkonzo Yakhe. Noma ngabe wenza muphi umsebenzi ekuqhubeni inkonzo Yakhe, futhi konke umuntu angakwenza ukwenza okusemandleni akhe onke okuyingxenye yokuphatha kwakhe nokungaphansi kobuholi Bakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

327. Kakade, umsebenzi kaNkulunkulu wehlukile emsebenzini womuntu futhi, ngaphezu kwalokho, kungenzeka kanjani ukuthi ukuvezwa Kwakhe kufane nokomuntu? UNkulunkulu unesimo Sakhe esehlukile, kanti umuntu unemisebenzi okufanele ayigcwalise. Isimo sikaNkulunkulu sivezwa emsebenzini Wakhe, kanti umsebenzi womuntu ubonakala kulokhu umuntu ahlangene nakho futhi uvezwa ekufuneni komuntu. Ngakho-ke kubonakala ngomsebenzi owenziwe ukuthi into iwukuvezwa kukaNkulunkulu noma ukuvezwa komuntu. Akudingi ukuchazwa nguNkulunkulu uqobo Lwakhe, noma kudinge ukuba umuntu azikhandlele ukwethula ubufakazi; ngaphezu kwalokho, akudingi ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe acindezele noma yimuphi umuntu. Konke lokhu kuza njengesambulo esiyimvelo; akuphoqwa futhi akuyona into umuntu angayiphazamisa. Umsebenzi womuntu ungaziwa ngalokho ahlangene nakho, futhi awudingi ukuba abantu benze noma yimuphi umsebenzi ongaphezulu kokujwayelekile wokuhlangana nezinto ekuphileni. Yonke ingqikithi yomuntu ingembulwa ngenkathi enza umsebenzi wakhe, kanti uNkulunkulu angaveza isimo Sakhe semvelo ngenkathi enza umsebenzi Wakhe. Uma kuwumsebenzi womuntu, khona-ke akunakwembozwa. Uma kuwumsebenzi kaNkulunkulu, khona-ke isimo sikaNkulunkulu kuba lukhuni ngokwengeziwe ukuthi sifihlwe yinoma ngubani, ingasaphathwa eyokulawulwa ngumuntu. Akukho muntu okungathiwa unguNkulunkulu, noma umsebenzi namazwi akhe kubukwe njengokungcwele noma kubukwe njengokungenakuguquka. UNkulunkulu kungashiwo ukuthi ungumuntu ngoba wazembesa inyama, kodwa umsebenzi Wakhe ngeke ucatshangwe njengomsebenzi womuntu noma umthwalo womuntu. Ngaphezu kwalokho, amazwi kaNkulunkulu nezincwadi zikaPawulu akunakulinganiswa, noma ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu namazwi omuntu okunikeza imiyalelo kukhulunywe ngakho ngokulinganayo. Kukhona, ngalokho, izimiso ezihlukanisa umsebenzi kaNkulunkulu emsebenzini womuntu. Lokhu kwehlukaniswa ngokwezingqikithi zakho, hhayi ngokomklamo womsebenzi noma ukusebenza ngempumelelo kwakho kwesikhashana. Kulesi sihloko, abantu abaningi benza amaphutha ngokwesimiso. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu ubuka ingaphandle, angafinyelela kulo, kanti uNkulunkulu ubuka ingqikithi, engeke ibonakale ngamehlo esintu enyama. Uma ubuka amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu njengemisebenzi yomuntu ojwayelekile, futhi ubuke umsebenzi omningi womuntu njengomsebenzi kaNkulunkulu ombethe inyama kunomsebenzi ogcwaliswa umuntu, khona-ke ngabe awenzi phutha ngokwesimiso? Izincwadi nemilando yomuntu kungabhalwa kalula, kodwa phezu kwesisekelo somsebenzi kaMoya oNgcwele kuphela. Nokho, amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu ngeke kufezwe kalula ngumuntu noma kutholwe ngokuhlakanipha nokucabanga komuntu, noma abantu bakwazi ukukuchaza ngokugcwele emva kokukuhlola. Uma lezi zindaba zesimiso zingavusi lutho kini, khona-ke ukholo lwenu ngokusobala aluyilo iqiniso futhi alucwengisisiwe. Kuphela kungathiwa ukholo lwenu lugcwele ukungacaci, futhi lunokudideka nokungabi nasimiso. Ngaphandle ngisho kokuqonda izindaba eziyisisekelo ezibaluleke kakhulu ngoNkulunkulu nomuntu, ngabe lolu hlobo lokholo akulona oluntula ngokuphelele ukuqaphela?

Kucashunwe embhalweni othi “Umi Kuphi Ngezincwadi Eziyishumi Nantathu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

328. Kumele nazi indlela yokwahlukanisa phakathi komsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi womuntu. Ungabonani emsebenzini womuntu? Kunezinto eziningi lokho umuntu ake ahlangabezana nakho ngaphambilini emsebenzini wakhe; lokhu okuvezwa umuntu yilokho ayikho. Umsebenzi kaNkulunkulu uqobo uphinde uveze lokho ayikho, kodwa lokho ayikho kwehlukile kunalokho umuntu ayikho. Lokho umuntu ayikho kumele lokho adlule kukho kanye nempilo (lokho umuntu adlula kukho noma abhekana nakho empilweni yakhe, noma izimfundiso zokuphila anazo), futhi abantu abaphila ezindaweni ezahlukene baveza izimo zabantu ezahlukene. Ukuthi ngabe unalo ulwazi ngalokho owake wabhekana nakho ngaphambilini okuphathelene nabantu okuthi uphila kanjani futhi ubhekana kanjani nomndeni wakho kungabonakala kulokho okubonakalisayo, kube ngeke uze ubone emsebenzini kaNkulunkulu esesimweni somuntu ukuthi ngabe Yena uke wabhekana nabantu yini. Wazi kahle kamhlophe ingqikithi yomuntu, angakwazi ukudalula zonke izinhlobo zemisebenzi ephathelene nezinhlobo zabantu. Uphuma phambili kakhulu ekudaluleli isimo sokukhohlakala somuntu kanye nokuziphatha kabi. Akaphili phakathi kwabantu abaphila impilo yasemhlabeni, kodwa wazi kahle ngesimo semvelo sabantu basemhlabeni kanye nayo yonke inkohlakalo yabantu abaphila impilo yasemhlabeni. Unjalo nje. Yize engabhekani nomhlaba, uyayazi imithetho yokubhekana nomhlaba, ngoba usiqonda kahle isimo somuntu. Unolwazi ngomsebenzi kaMoya ongeke ubonwe ngamehlo omuntu futhi ongeke kuzwiwe izindlebe zomuntu, namuhla kanye nangaphambilini. Lokhu kufaka phakathi ukuhlakanipha okungesiyo imfundiso yokuphila nezimangaliso okulukhuni kubantu ukuziqonda. Yingakho eyilokhu ayikho, kwenziwe kwavuleleka kubantu futhi kufihlakele kubantu. Lokho akuvezayo akusikho lokho umuntu onokwehlukile ayikho, kodwa yilokho okuyigalelo elitholakalayo kanye nesimo sikaMoya. Akahambi emhlabeni kodwa wazi konke okukuwo. Uxhumana “nezazi zomlando” ababengenalwazi noma ukukhanyiseleka, kodwa ukhipha amazwi aphakeme kunolwazi futhi angaphezu kwabantu abakhulu. Uphila phakathi kwabantu abandikindiki abangenabo ubuntu futhi abangaziqondi izivumelwano zabantu kanye nempilo, kodwa angacela isintu ukuthi siphile ngobuntu obujwayelekile, khona manjalo aveze isisekelo kanye nobuntu obuphansi besintu. Konke lokhu kuyilokho ayikho, kungaphezu kwalokho umuntu wenyama negazi ayikho. Kuye, asikho isidingo sokuthi ubhekane nempilo ethinta abantu exakile, nezima nengcolile ukuze wenze umsebenzi adinga ukuthi uwenza futhi udalula ingqikithi yenkohlakalo yesintu. Impilo yokuphila nabantu engcolile ayiyingcwelisi inyama. Umsebenzi kanye namazwi Akhe kudalula ukungalaleli komuntu futhi akuhlinzeki umuntu ngolwazi lwalokho ake abhekana nakho ngaphambilini kanye nezifundo zokubhekana nomhlaba. Akadingi ukwenza uphenyo ngomphakathi noma ngomndeni womuntu uma enika umuntu ukuphila. Ukudalula nokwahlulela umuntu akusikho ukuveza ulwazi Lwakhe ngalokho Ake abhekana nakho ngaphambilini enyameni Yakhe; kuwukudalula ukungalungi komuntu emuva kokwazi ukungalaleli komuntu kwesikhathi eside kanye nokubekezelela inkohlakalo yomuntu. Umsebenzi awenzayo ukudalula isimo Sakhe kubantu nokuveza ubuyena. Nguye kuphela ongenza lokhu, akusiyo into engenziwa umuntu wenyama negazi.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

329. UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze ahole inkathi kanye nokuqala umsebenzi omusha. Kumele niliqonde leli phuzu. Lokhu kuhluke kakhulu emsebenzini womuntu futhi lezi zinto zombili ngeke kukhulunywe ngazo ngesikhathi esisodwa. Umuntu udinga isikhathi eside ukuze akhuliswe futhi apheleliswe ngaphambi kokuba asetshenziselwe ukufeza umsebenzi futhi bukhulu kakhulu ubuntu obudingekayo. Akukhona kuphela ukuthi umuntu kufanele akwazi ukugcina lo mqondo ojwayelekile engqondweni yakhe kodwa kumele aqonde nezimo eziningi kanye nemithetho yokuziphatha phambi kwabanye, futhi ngaphezu kwalokho kumele afunde kakhulu ngokuhlakanipha nemithetho yabantu yokuphila. Yilokho umuntu okumele ahlonyiswe ngakho. Nokho, lokhu akunjalo kuNkulunkulu obe yinyama ngoba umsebenzi Wakhe awumeleli umuntu futhi akuwona owomuntu; kunalokho, uwukubonakalisa ngokuqondile kobuntu Bakhe nokuqalwa komsebenzi okufanele awenze. (Ngokusobala, umsebenzi Wakhe wenziwa uma sekufanele wenziwe hhayi noma nini nangokuthanda. Umsebenzi Wakhe uqalwa uma sekuyisikhathi sokuba kufezwe inkonzo Yakhe.) Akangeneli ezimpilweni zabantu noma enze umsebenzi wabantu, okuwukuthi, ubuntu Bakhe abunakho nokuncane lokhu (kodwa lokhu akuwuphazamisi umsebenzi Wakhe). Ufeza inkonzo Yakhe kuphela uma sekuyisikhathi sokuba enze kanjalo; kunoma yisiphi isiqu Sakhe, uvele aqhubeke nomsebenzi okufanele awenze. Noma yikuphi umuntu akwaziyo Ngaye noma akucabangayo Ngaye, umsebenzi Wakhe awuphazamiseki.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

330. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu awuvezi ulwazi analo ngalokho ake wahlangabezana nakho ngaphambili okuphathelene nenyama; umsebenzi owenziwa umuntu umela ulwazi umuntu analo ngalokho ake abhekana nakho ngaphambilini. Wonke umuntu ukhuluma ngalokho abhekane nakho. UNkulunkulu ukwazi ukuveza iqiniso ngokuqondile, kube umuntu uveza abhekane nakho okuhambisanayo emuva kokubhekana neqiniso. Umsebenzi kaNkulunkulu awunayo imithetho futhi awuncikanga esikhathini noma kuzingqinamba zendawo. Angaveza ayikho noma kunini, noma kukuphi. Usebenza ngendlela emthokozisayo. Umsebenzi womuntu unemigomo nengqikithi, kungenjalo, akakwazi ukusebenza futhi akakwazi ukuveza ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu noma indlela abhekane neqiniso ngayo. Okufanele ukwenze ukuqhathanisa umehluko phakathi kwakho ukuze ukwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma umsebenzi womuntu. Uma ungekho umsebenzi owenziwe uNkulunkulu Uqobo futhi uma kunomsebenzi womuntu kuphela, uzokwazi kalula ukuthi izimfundiso zabantu ziphakeme, ngaphezu kwamandla omunye umuntu; indlela abakhuluma ngayo, imigomo abayilandelayo uma bebhekene nezimo kanye nendlela yabo asebeke babhekana nayo ngaphambilini futhi engasheshi ekusebenzeni ingaphezu kokufinyelela kwabanye abantu. Nonke niyabahlonipha abantu abanobuntu obukhulu, kodwa aniwuboni umsebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi okuphakama kobuntu Bakhe. Kunalokho, ungojwayelekile, futhi uma kusetshenzwa, ungojwayelekile futhi ongoweqiniso kodwa futhi angelinganiswe abantu, okwenza abantu bamhloniphe ngendlela ehlukile. Mhlawumbe isimo umuntu abhekane naso emsebenzini wakhe siphakeme kakhulu, noma imicabango nokuqonda kwakhe kuphakeme kakhulu, futhi ubuntu bakhe bungokulungile impela; lokhu kungenza abantu bamthande impela, kodwa kungenzi babe nokumesaba. Abantu babathanda bonke abakwazi ukusebenza futhi ulwazi olunzulu ngalokho ake abhekana nakho ngaphambilini futhi abakwazi ukwenza iqiniso, kodwa bayehluleka ukuveza ukwesaba, kuba nje ukuthanda nokumhalela. Kodwa abantu abake bahlangabezana nomsebenzi kaNkulunkulu abangamthandi uNkulunkulu, kunalokho abona ukuthi umsebenzi Wakhe ungaphezu kokufinyelela kwabantu futhi ungeqondwe umuntu, futhi omusha nomangalisayo. Uma abantu behlangabezana nomsebenzi kaNkulunkulu, ulwazi lwabo lokuqala Ngaye kuba ukuthi akaqondakali, ukhaliphile futhi uyamangalisa, futhi bamhloniphe ngokuzenzakalela bengaboni futhi bezwe imfihlakalo yomsebenzi awenzayo, ongaphezu kokufinyelela komuntu. Abantu bafuna ukukwazi ukuhlangabezana nezidingo Zakhe, ukwanelisa ukulangazelela Kwakhe; abafisi ukumedlula, ngoba umsebenzi awenzayo ungaphezu kokucabanga komuntu futhi umuntu ngeke aze akwazi ukuwenza. Ngisho umuntu uqobo akazazi izici zakhe, kube uvule indlela entsha futhi uzofaka abantu emhlabeni omusha nomuhle kakhulu, ukuze isintu sibe nenye inqubekelaphambili futhi siqale kabusha. Le mizwa abantu abayizwayo ngoNkulunkulu ayisilo uthando, noma kunalokho, akusilo uthando kuphela. Abakuzwa kakhulu ukwesaba nothando; umuzwa wabo wukuthi uNkulunkulu umangalisa ngempela. Wenza umsebenzi abantu abangeke bakwazi ukuwenza, usho izinto abantu abangeke bakwazi ukuzisho. Abantu ababhekane nomsebenzi Wakhe bahlala bebhekana nomuzwa ongachazeke. Abantu ababhekana nokujulile bamthanda kakhulu uNkulunkulu. Bahlala bezwa ubuhle Bakhe, babona ukuthi umsebenzi Wakhe ukhaliphe kakhulu, muhle kakhulu, futhi lokhu kubanika amandla angelinganiswe. Akusikho ukwesaba noma uthando lwesikhashana noma inhlonipho, kodwa umuzwa ojulile wokuthanda uNkulunkulu nokubekezela komuntu. Nokho, abantu ababhekane nokusola nokwahlulela Kwakhe bamuzwa enobukhosi futhi engoneki. Ngisho abantu ababhekane kakhulu nomsebenzi Wakhe abakwazi ukumqonda; bonke abantu abamkhonza ngokugcwele bayazi ukuthi umsebenzi Wakhe awuqondene nokuqonda kwabantu kodwa uhlala uphikisana nakho. Akadingi ukuthi abantu bamthande ngokugcwele noma benze sengathi bayamthobela, kodwa kunalokho ukuthi babe nenhlonipho ephelele kanye nokuthobeka kweqiniso. Emsebenzini Wakhe omningi, wonke umuntu oke wabhekana naye umhlonipha kakhulu, okungaphezu kokuthando. Abantu ababone isimo Sakhe ngenxa yomsebenzi Wakhe wokusolwa nokwahlulela, futhi abamhloniphayo ngenxa yalokho ezinhliziyweni zabo. UNkulunkulu kumele ahlonishwe, ngoba ubuyena kanye nesimo Sakhe akufani nalokho okudalwe ngabantu, futhi kungaphezu kokomuntu odaliwe. UNkulunkulu uzivelele futhi ukhona kuze kube phakade, akakhiwanga, futhi nguye kuphela ofanele ahlonishwe futhi athotshelwe; umuntu akafanelekile yilokhu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: VIII. Amazwi Ngokwazi Umsebenzi KaNkulunkulu

Okulandelayo: X. Amazwi Ngendlela Yokungena Oqotsheni Lweqiniso Ekukholweni Komuntu KuNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp