1. Uyini Umsebenzi Wokuphatha Isintu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso. Umsebenzi wokudala umhlaba kwabe kuwumsebenzi wokudala sonke isintu. Kwakungewona umsebenzi wokusindisa isintu, futhi awuphathelene nomsebenzi wokusindisa isintu, ngoba ngesikhathi umhlaba udalwa isintu sasingakhonakaliswa uSathane, ngakho sasingekho isidingo sokwenza umsebenzi wokusindisa isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu waqala kuphela lapho isintu sesonakaliswe uSathane, ngakho umsebenzi wokuphatha isintu nawo waqala kuphela lapho isintu sesonakalisiwe. Ngamanye amazwi, ukuphatha kukaNkulunkulu isintu kwaqala ngenxa yomsebenzi wokusindisa isintu futhi akuvelanga emsebenzini wokudala umhlaba. Umsebenzi wokuphatha isintu ngaphandle kwesimo esonakele waba khona kuphela ngemva kokuba isintu sibe nesimo esonakele, kanye nomsebenzi umsebenzi wokuphatha isintu onezingxenye ezintathu, kunokuba ube nezigaba ezine, noma izinkathi ezine. Lena iyona ndlela kuphela elungile yokukhuluma ngokuphathwa kwesintu nguNkulunkulu. Lapho inkathi yokugcina ifika ekupheleni, umsebenzi wokuphatha isintu uyobe usufike ekugcineni ngci. Ukuphethwa komsebenzi wokuphatha kuchaza ukuthi umsebenzi wokusindisa sonke isintu sewuphele nya, nokuthi isintu sesifike ekupheleni kohambo lwaso. Ngaphandle komsebenzi wokusindisa sonke isintu, umsebenzi wokuphatha isintu ubungeke ube khona, noma izigaba ezintathu zomsebenzi ngabe azikho. Kwakungenxa yokonakala kwesintu, nokuthi isintu sasinesidingo esiphuthumayo sokusindiswa, ingakho uJehova aphothula ukudalwa komhlaba futhi waqala umsebenzi weNkathi Yomthetho. Ilapho kuphela umsebenzi wokuphatha isintu waqala khona, okuchaza ukuthi yilapho kuphela okwaqalwa khona umsebenzi wokusindisa isintu. “Ukuphatha isintu” akuchazi ukuqondisa impilo yesintu esisanda kudalwa emhlabeni (okusho ukuthi, isintu esasingakhonakaliswa). Kunalokho, kungukusindiswa kwesintu esesonakaliswe uSathane, okusho ukuthi kungukuguqulwa kwesintu esonakalisiwe. Lena incazelo yokuphatha isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu awuhlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, ngakho-ke umsebenzi wokulawula isintu awuhlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, futhi uhlanganisa kuphela izigaba ezintathu zomsebenzi ezehlukene kunokudalwa komhlaba. Ukuze uqonde umsebenzi wokuphatha isintu, kuyadingeka ukuba ube nolwazi ngomlando wezigaba ezintathu zomsebenzi—lokhu ikona okufanele wonke umuntu akwazi ukuze asindiswe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wokuphatha weza ngenxa yesintu, okusho ukuthi wadalwa ubukhona besintu. Kwakungekho ukuphatha ngaphambi kwesintu, noma ekuqaleni, ngenkathi kudalwa amazulu nomhlaba nakho konke. Ukuba, kuwo wonke umsebenzi kaNkulunkulu, kwakungekho ukwenza okwakungaba yinzuzo kumuntu, okuwukuthi, uma uNkulunkulu wayengazenzanga izidingo ezifanele isintu esikhohlakele (ukuba, emsebenzini owenziwa uNkulunkulu, kwayingekho ndlela efanele ukuthi umuntu ayilandele), kusho ukuthi lo msebenzi bewungebizwe ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuba umsebenzi kaNkulunkulu uwonke bewubandakanya kuphela ukutshela isintu esikhohlakele ukuthi siqhubeke kanjani nokwenza kwaso, futhi uNkulunkulu engaqhubekanga nomsebenzi WLakhe, futhi engabonakalisanga luphawu sokuba namandla onke Kwakhe noma ubuhlakani, kwakuyosho ukuthi noma kungaphakama kangakanani okudingwa uNkulunkulu kumuntu, ngisho uNkulunkulu wayengaphila isikhathi esingakanani phakathi kwabantu, umuntu ubengeke azi lutho ngesimo sikaNkulunkulu; ukuba bekunjalo, umsebenzi walolu hlobo bewungeke ufaneleke kakhudlwana ukubizwa ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ukukubeka kalula, umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu wumsebenzi owenziwa uNkulunkulu, futhi wonke umsebenzi owenziwa ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu yilabo abazuzwe uNkulunkulu. Umsebenzi onjalo ungafinyezwa ngokuthi uwukuphatha. Ngamanye amazwi, umsebenzi kaNkulunkulu ophakathi kwabantu, kanjalo nokubambisana okuphakathi Kwakhe kanye nalabo abamlandelayo kuhlangniswa kubizwe ngokuphatha. Lapha, umsebenzi kaNkulunkulu ubizwa ngemibono, futhi ukusebenzisana nomuntu kubizwa ngokwenza. Uma umsebenzi kaNkulunkulu uphakeme (okusho, imibono ephakeme), isimo sikaNkulunkulu naso sizocaciswa ngokuthe xaxa kumuntu, futhi lokho kuphambana kakhulu nokucabanga komuntu, futhi uma nezenzo zizophakama kakhulu kanjalo nokwenza nokusebenzisana nomuntu. Uma kudingeka okuphakeme kumuntu, nomsebenzi kaNkulunkulu uyakhula ekuphambaneni nemicabango yomuntu, okungenxa yakho iukuthi zilingo zomuntu, kanye nezilinganiso okudingeka ukuthi ahlangabezane nazo, nazo ziyaphakama. Ekuqedweni kwalo msebenzi, yonke imibono iyobe isiqediwe, futhi lokho okudingeka umuntu akwenze kuyobe sekufinyelele esicongweni sokuphelela. Lesi kuyobe futhi kuyisikhathi lapho konke kuyobekwa ngokwezinhlobo zakho, ngoba lokho obekumele kwaziwe umuntu uyobe esekhonjisiwe khona. Ngakho, uma imibono ifinyelela ekupheleleni, umsebenzi uyobe ususondela ekupheleni kwawo, futhi ukwenza komuntu nakho kuyobe sekufike esicongweni. Ukwenza komuntu kusekelwe emsebenzini kaNkulunkulu, futhi ukuphatha kukaNkulunkulu kubonakaliswa ngokugcwele ngenxa yokwenza komuntu kanye nokubamba iqhaza komuntu. Umuntu ungumsebenzi kaNkulunkulu aziqhenya ngawo, kanye nenjongo yomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu uwonke, futhi uphinde abe umkhiqizo wokuphatha kukaNkulunkulu uwonke. Ukuba uNkulunkulu ubesebenza yedwa, ngaphandle kokubambisana nomuntu, bekungeke kube khona lutho obekuyocacisa isimo somsebenzi Wakhe uwonke, futhi ngale ndlela bekungeke kube khona ngisho okukodwa obekuzobonakalisa ukubaluleka kokuphatha kukaNkulunkulu. Ngaphandle komsebenzi kaNkulunkulu, ukukhetha kukaNkulunkulu kuphela izinto ezifanele ukuveza umsebenzi Wakhe nokufakazela ukuba namandla onke nobuhlakani bawo, okwenza ukuthi kufezwe inhloso yokuphatha kukaNkulunkulu, futhi kufezwe inhloso yokusebenzisa wonke lo msebenzi ukuzenqoba uSathane ngokuphelele. Ngakho, umuntu uyingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu engelahlwe, futhi umuntu nguye kuphela ongenza ukuphatha kukaNkulunkulu kuthele izithelo futhi kufeze inhloso nqangi yakho; ngaphandle komuntu, akukho okunye okuphilayo okungabamba leli qhaza. Uma umuntu engaba ubufakazi obuyiqiniso bomsebenzi wokuphatha, ukungalaleli kwesintu esikhohlakele bekuyoqedwa nya. Lokhu kubiza ukuthi umuntu anikwe ukwenza okufanele kwezikhathi ezahlukene, nokuthi uNkulunkulu enze umsebenzi ohambisana nalokho phakathi kwabantu. Yile ndlela kuphela okuyotholakala ngayo iqembu labantu abayofakazela umsebenzi wokuphatha. Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu ungebe wubufakazi ngoNkulunkulu uqobo ngomsebenzi kaNkulunkulu wodwa; lobo bufakazi nabo budinga abantu abaphilayo abafanelwe umsebenzi Wakhe ukuze bufezeke. UNkulunkulu uyoqala asebenze kulaba bantu, okuyobonakaliswa umsebenzi Wakhe ngabo, futhi ngalokhu lobo bufakazi buyotholakala phakathi kwezidalwa. Futhi kulokhu, uNkulunkulu uyobe eseyifezile inhloso yomsebenzi Wakhe. UNkulunkulu akasebenzi yedwa ukuze anqobe uSathane ngoba ngeke azifakazele yena mathupha phakathi kwazo zonke izidalwa. Ukuba ubeyokwenza njalo, bekungeke kwenzeke ukuthi umuntu akholwe ngokugcwele, ngakho uNkulunkulu kumele asebenze kumuntu ukuze amnqobe, futhi kuyoba ngaleso sikhathi kuphela lapha eyokwazi ukuthola ubufakazi phakathi kwazo zonke izidalwa. Ukuba uNkulunkulu ubezosebenza eyedwa, futhi kungekho ukubambisana nomuntu, noma ukuba umuntu bekungadingeki ukuthi asebenzisane Naye, ngalokho umuntu ubengeke asazi isimo sikaNkulunkulu, futhi ubeyohlala engazi ngentando kaNkulunkulu; ngale ndlela, bekungeke kuze kubizwe ngomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuba nje umuntu uqobo ubezophokophela, futhi afune, futhi asebenze ngokuzikhandla, kodwa angawuqondi umsebenzi kaNkulunkulu, bekuyobe kusho ukuthi umuntu uyazidlalela nje. Ngaphandle komsebenzi kaMoya oNgcwele, okwenziwa umuntu kungokukaSathane, uyahlubuka futhi ungumenzi wobubi; uSathane ubonakaliswa kukho konke okwenziwa isintu esikhohlakele, futhi akukho okuhambisana noNkulunkulu, futhi konke kuwukubonakaliswa kukaSathane. Akukho nhlobo osekukhulunyiwe okungokwemibono nokwenza kuphela. Phezu kwesisekelo semibono, umuntu uthola ukwenza nendlela yokulalela, ukuze abeke ukuqonda kwakhe eceleni bese ethola izinto abengazange abe nazo ngaphambili. UNkulunkulu ufuna ukuthi umuntu asebenzisane Naye, ukuthi umuntu athobele izidingo Zakhe ngokuphelele, futhi umuntu ucela ukubona umsebenzi owenziwe uNkulunkulu uqobo, ezwe amandla amakhulu kaNkulunkulu, futhi azi isimo sikaNkulunkulu. Lokhu, uma kufinyezwa, kungukuphatha kukaNkulunkulu. Ukuhlanganyela kukaNkulunkulu nomuntu kungukuphatha, kanye nokuphatha okukhulu kakhulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kunjalo ukuphatha kukaNkulunkulu: ukunikezela isintu phezu kukaSathane—isintu esingazi ukuthi uyini uNkulunkulu, ukuthi uyini uMdali, ukhonzwa kanjani uNkulunkulu, nokuthi kungani kunesidingo sokuthobela uNkulunkulu—futhi ukunika inkululeko enkohlakalweni kaSathane. Isinyathelo ngesinyathelo, uNkulunkulu uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, aze umuntu akhonze uNkulunkulu ngokuphelele futhi ashiye uSathane. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Konke lokhu kuzwakala njengendaba eyinganekwane; futhi kubonakala kuyindida. Abantu bacabanga ukuthi kunjengendaba eyinganekwane, futhi lokho yingoba abazi nhlobo ukuthi zingakanani izinto ezehlele umuntu kule minyaka eyizinkulungwane eziningi eyedlule, ingasaphathwa eyokwazi ukuthi zingaki izindaba ezenzekile emhlabeni nasemkhathini. Futhi, ngaphezu kwalokho, yingoba abakwazi ukuqondisisa izwe elishaqisayo, elifaka ukwesaba kakhulu elikhona ngaleya kwalo mhlaba esiwubonayo, kodwa amehlo abo enyama ayabavimba ukuthi bawubone Kuzwakala kungaqondakali kumuntu, futhi lokho yingoba umuntu akakuqondi ukubaluleka kokusindisa kukaNkulunkulu isintu kanye nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha, futhi akaqondi ukuthi uNkulunkulu ufisa isintu sibe njani ekugcineni. Isintu esifana no-Adamu no-Eva, abangakonakaliswa nguSathane? Cha! Ukuphatha kukaNkulunkulu kwenziwa ukuzuza iqembu labantu abakhonza uNkulunkulu nabamthobelayo Yena. Lesi sintu sonakalisiwe nguSathane, kodwa asisamboni uSathane njengobaba waso; siyabubona ubuso obubi bukaSathane, futhi siyabukhahlela, futhi sifike phambi kwaNkulunkulu ukwemukela isahlulelo nokusola Kwakhe. Uyazi uthi yini embi, nokuthi injani uma uyiqhathanisa nalokho okuyingcwele, futhi uyabona ubukhulu bukaNkulunkulu nobubi bukaSathane. Isintu esinjalo ngeke sisamsebenzela uSathane, noma simkhonze uSathane, noma simenze isithixo uSathane. Yingoba bayiqembu labantu abazuzwe ngempela wuNkulunkulu. Lokhu ukubaluleka kokuphatha isintu kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 2. Kungani UNkulunkulu Ebizwa Ngamagama Ehlukene Ezinkathini Ezehlukene?

Okulandelayo: 2. Inhloso Yezigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp