Kufanele Ufune Indlela Yokufanelana NoKristu

Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwabantu, namazwi engiwakhulume ngalesi sikhathi maningi. La mazwi angenxa yensindiso yomuntu, kanti akhulunywa ukuze umuntu afanelane Nami. Noma ngizuze abantu abambalwa emhlabeni abafanelana Nami, ngakho ngiyasho ngithi umuntu akawenzi igugu amazwi Ami, ngoba umuntu akafanelani Nami. Ngale ndlela, umsebenzi engiwenzayo akuwona owokuthi umuntu angidumise; okubalulekile owokuthi umuntu afanelane Nami. Abantu, abakhohlakele bonke bahlala ogibeni lukaSathane, baphila enyameni, baphila ezifisweni zokuzifunela, futhi akekho namunye phakathi kwabo ofanelana Nami. Kunalabo abathi bafanelana Nami, kodwa bonke badumisa izithixo ezingabonakali. Yize bevuma ukuthi igama Lami lingcwele, bahamba endleleni ephambana Nami, kanti amazwi abo agcwele ukuzidla nokuzethemba, ngoba, ekuqaleni baphambana Nami, futhi abafanelani Nami. Nsuku zonke bafuna imikhondo Yami eBhayibhelini bathole izingxenye “ezifanele” benganakile abazifunda bangaqedi bese bezisho “njengemibhalo”. Abakwazi ukuthi bafanelane Nami, abazi ukuthi kusho ukuthini ukungazwani Nami, baphinde bafunde “imibhalo” ngokunganaki. Bazicindezela ngeBhayibheli kuNkulunkulu ongabonakali abangakaze bambone, futhi abangeke bakwazi ukumbona, bazinikeze isikhathi sokubheka esikhathini sabo esiseceleni. Bayakholwa ukuthi ngikhona ngokweBhayibheli kuphela. Kubona, ngiyafana neBhayibheli; ngaphandle kweBhayibheli angikho Mina, futhi ngaphandle Kwami alikho iBhayibheli. Abanendaba nobukhona noma izenzo Zami, kunalokhu banake kakhulu igama negama lombhalo ongcwele, futhi abaningi babo bakholelwa ukuthi kufanele ngingenzi lutho engifisa ukukwenza ngaphandle kokuthi kwabikezelwa umbhalo ongcwele. Benza umbhalo ongcwele ubaluleke kakhulu. Kungathiwa nje ukuthi babona amazwi nezinkulumo zibaluleke kakhulu, ukufika ekutheni basebenzisa amavesi aseBhayibhelini ukulinganisa igama negama engilishoyo, nokungehlulela. Lokho abakufunayo akuyona indlela yokufanelana Nami, noma indlela yokufanelana neqiniso, kodwa indlela yokufanelana namazwi eBhayibheli, futhi bakholelwa wukuthi noma yini engahambelani neBhayibheli, ngaphandle kokukhetha, akusiwo umsebenzi Wami. Ingabe abantu abanjalo abazona izizukulwane ezilalelayo zabaFarisi? AbaFarisi abangamaJuda babesebenzisa umthetho kaMose ukwehlulela uJesu. Abazange bafune ukufanelana noJesu wangaleso sikhathi, kodwa ngokukhuthala balandela umthetho kwaze kwaba yilapho kufinyelela ekutheni babethele uJesu ongenacala esiphambanweni, bembeke icala bengalandelanga umthetho weTestamente Elidala nokuthi akayena uMesiya. Kwakuyini umnyombo wabo? Kwakungekhona yini ukuthi abazange bafune izindlela zokufanelana neqiniso? Babenentshisekelo ngawo wonke amazwi ombhalo ongcwele, bebe bengenandaba nentando Yami nezinyathelo nezindlela zomsebenzi Wami. Babengebona abantu ababefuna iqiniso, kodwa abantu ababebambelela ngokuqinile emazwini; bebengebona abantu abakholelwa kuNkulunkulu, kodwa abantu abakholelwa eBhayibhelini. Empeleni, bebengonogada beBhayibheli. Ukuze bavikele okungokweBhayibheli, baqhakambise isithunzi seBhayibheli, bavikele isithunzi salo, baze bafika ekubetheleni uJesu onomusa esiphambanweni. Lokhu bakwenze nje ngoba befuna ukuvikela iBhayibheli, nokugcina ukuma kwegama ngalinye eliseBhayibhelini nawo wonke amazwi aseBhayibhelini esezinhliziyweni zabantu. Ngakho-ke bakhethe ukushiya ikusasa labo nomnikelo wesono ukwahlulela uJesu, ongazange ahambelane nezimfundiso zombhalo oyingcwele, ukuya ekufeni. Ingabe babengezona izinceku egameni ngalinye loMbhalo ongcwele?

Bese kwenzekani ngabantu namuhla? UKristu uzele ukuzokhulula iqiniso, kodwa babona kungcono ukumxosha ebantwini ukuze bathole umusa. Bangamane baphike ngokuphelele ukuza kweqiniso ukuze bavikele okweBhayibheli, futhi bangamane babethele uKristu obuyele enyameni esiphambanweni ukuze baqinisekise ukuba khona kweBhayibheli ingunaphakade. Umuntu angayithola kanjani insindiso Yami, uma inhliziyo yakhe iyimbi kangaka, nesimo sakhe semvelo siphikisana kangaka Nami? Ngihlala phakathi kwabantu, kodwa abantu ababazi ubukhona Bami. Uma ngikhanyisa ukukhanya Kwami kubantu balokhu behlala bebungabaza ubukhona Bami. Uma ngidedela ulaka Lwami phezu komuntu, ukuphika ngelikhulu iqholo ukuba khona Kwami. Umuntu ufuna ukufanelana ngamazwi, ngeBhayibheli kodwa akekho noyedwa umuntu oza phambi Kwami afune indlela yokufanelana neqiniso. Umuntu ubheka Kimi ezulwini, anikele ukukhathazeka okuthile ebukhoneni Bami ezulwini, kodwa akekho onginakayo enyameni, ngoba Mina engihlala phakathi kwabantu angibalulekanga nhlobo. Labo abafuna kuphela ukufanelana namazwi eBhayibheli, abafuna ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, bayisinengiso Kimi. Kungenxa yokuthi lokho abakukhonzayo kungamazwi afile, noNkulunkulu okwazi ukubanikeza ingcebo engelinganiswe. Abakukhonzayo uNkulunkulu ozibeka emseni womuntu futhi ongekho. Manje, abantu abanjalo bangazuzani Kimi? Umuntu uhlwempu kakhulu ngamazwi. Labo abaphikisana Nami, abenza izimfuno ezingapheli Kimi, abangalithandi iqiniso, abahlubukayo Kimi—bangafanelana kanjani Nami?

Labo abaphikisana Nami yilabo abangafanelani Nami. Kanye nalabo abangalithandi iqiniso, labo abangihlubukayo baphikisana nami kakhulu futhi abafanelani Nami. Bonke labo abangafanelani Nami banginikela ezandleni zomubi. Ngibanikela enkohlakalweni yomubi, ngibanikeze intambo ende ukuze bazembule ububi babo, ekugcineni ngibanikezele komubi ukuba abashabalalise. Anginandaba ukuthi bangaki abangikhonzayo, okungukuthi, anginandaba nokuthi bangaki abakholelwayo Kimi. Engikunakayo kuphela ukuthi bangaki abantu abafanelana Nami. Lokhu kungenxa yokuthi bonke labo abangafanelani Nami yilabo ababi abangithengisayo; bayizitha zami, kanti angeke “ngizivikele” izitha Zami endlini Yami. Labo abafanelana Nami bazohlala njalo bengikhonza ekhaya Lami, kanti labo abazenza izitha Zami bazohlala bethola isijeziso Sami. Labo abanaka kuphela amazwi eBhayibheli abangenamsebenzi neqiniso noma ukufuna ezinyathelweni Zami—baphikisana Nami, ngoba bangibekela umngcele ngokweBhayibheli, bangicindezele eBhayibhelini, kanjalo bayahlambalaza kakhulu Kimi. Bangeza kanjani abantu abanjalo Kimi? Abaziqapheli izenzo Zami, noma intando Yami, noma iqiniso, kodwa kunalokho ba bathathekile ngamazwi, amazwi abulalayo. Bangafanelana kanjani Nami abantu abanjalo?

Ngikhulume amazwi amaningi, futhi ngiyishilo intando Yami nesimo Sami, kodwa noma kunjalo, abantu abakakwazi ukungazi nokukholelwa Kimi. Noma kungathiwa abakakwazi ukungilalela. Labo abaphila eBhayibhelini, labo abaphila ngaphansi kwemithetho, labo abaphila esiphambanweni, labo abaphila ngezimfundiso, labo abaphila emsebenzini engiwenzayo namuhla—ibaphi phakathi kwabo abafanelana Nami? Ucabanga kuphela ukuthola izibusiso nemiklomelo, awukaze ucabange ngokuthi ungafanelana kanjani Nami, noma ucabange ngokuthi ungazivikela kanjani ukuthi ungabi yisitha Sami. Ngiphoxeke kakhulu ngawe, ngoba ngikunikeze okuningi kodwa ngizuze okuncanyana kuwena. Ukukhohlisa kwakho, ukuzidla kwakho, umhobholo wakho, izifiso zakho ezinkulu, ukungathembeki kwakho, ukungalaleli kwakho—yikuphi kulokhu engingekubone? Ukumbandaza kwenu Kimi, ningenza isiwula, niyangethuka, niyangikhohlisa, ningithwalisa ubunzima, futhi ningiphanga imihlatshelo—kungenzeka kanjani ukuthi lokhu okulimaza kangaka kuphunyuke ekujeziseni Kwami? Ukwenza kwakho ububi kuwubufakazi bobutha bakho Kimi, nokungafanelani Nami. Omunye nomunye wenu ukholelwa ukuthi ufanelana kahle Nami, kodwa uma ngabe kunjalo, manje lobu bufakazi obungephikiswe busebenza kubani? Nikholwa ukuthi niqotho futhi nithembeke kakhulu Kimi. Nicabanga ukuthi nilunge kakhulu, ninozwela, futhi nizinikele kakhulu Kimi. Nicabanga ukuthi ningenzele okwanele. Kodwa nike naqhathanisa lezi zinkolelo nokuziphatha kwenu? Ngithi niyazidla kakhulu, nigcwele umhobolo, nibudedengu kakhulu, amaqhinga eningikhohlisa ngawo anobuqili, kanti ninezinhloso nezindlela eziyihlazo eziningi. Ukuthembeka kwenu kuncane, ubuqotho benu abunamsebenzi, kanti unembeza wenu wona untula kakhulu. Kunobubi obuningi ezinhliziyweni zenu, futhi akekho osindayo ebubini benu, ngisho Nami uqobo. Ningivalela ngaphandle ngenxa yezingane zenu, noma abayeni benu, noma ukuze nizigcine nina. Kunokuthi ningikhathalele, nikhathalela imindeni yenu, izingane zenu, izikhundla zenu, ikusasa lenu nokwaneliseka kwenu. Nike nangicabanga nini ezinkulumweni nasezenzweni zenu? Uma kubanda, imicabango yenu iya ezinganeni zenu, kubayeni benu, kumakhosikazi enu nabazali benu. Uma kushisa, angikho nokuba khona emicabangweni yenu futhi. Uma wenza umsebenzi wakho, ucabanga ngezinto ezithandwa nguwe, ukuphepha kwakho, kwamalungu omndeni wakho. Ungenzeleni Mina? Uke wacabanga nje Ngami? Uke wazinikela nini Kimi, nasemsebenzini Wami noma kukusiphi isimo? Bukuphi ubufakazi bakho bokufanelana Nami? Kukuphi ukuthembeka ngeqiniso kwakho Kimi? Liphi iqiniso lokwethembeka kwakho Kimi? Kunini lapho izinhloso zakho bekungezona nje zokuthi uthole izibusiso Zami? Ungenza isiwula ungikhohlisa, udlala ngeqiniso, ufihle ubukhona beqiniso, uthengise ngobukhona beqiniso. Uzibeka ebutheni obukhulu Nami, ngakho ikusasa likuphatheleni? Ufuna nje ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, ufune nje inkolo engekho, kodwa awufanelani noKristu. Ingabe inkohlakalo yakho angeke ithole ukuziphindiselela okufanele ababi? Ngaleso sikhathi, uzobona ukuthi akekho umuntu ongafanelani noKristu ongaphunyuka osukwini lolaka, futhi uzothola ukuthi nhloboni yokuziphindiselela ezoba phezu kwalaba abayizitha noKristu. Uma lufika lolo suku, amaphupho enu okubusiswa ngenxa yokukholelwa kwenu kuNkulunkulu, nawokungena ezulwini, azoshabalala. Kodwa-ke, akunjalo kulabo abafanelana noKristu. Yize belahlekelwe okuningi kangaka, yize bedlule ebunzimeni obukhulu, bazothola wonke amafa engizowanikeza abantu. Ekugcineni, uzoqonda ukuthi yimina kuphela uNkulunkulu olungile, kanti yimina ngedwa enginganika umuntu ikusasa elihle.

Okwedlule: Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo

Okulandelayo: Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp