2. UNkulunkulu USomandla UyiNkosi UJesu Ebuyile

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi Wakhe weminyaka elandelayo, ngoba konke ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuqhubekela phambili. Lapho inkathi yakudala idlula, endaweni yayo kuzongena inkathi entsha, kuthi lapho usuphelile umsebenzi omdala, umsebenzi omusha uqhubeke nokuphatha kukaNkulunkulu. Lokhu kuba senyameni kukaNkulunkulu kungukuba senyameni kukaNkulunkulu kwesibili ngemva kokuqedwa komsebenzi kaJesu. Yebo, lokhu kuba senyameni akwenzeki ngokuzimela kodwa, kunalokho kuyisigaba sesithathu somsebenzi ngemva kweNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa. Isigaba ngasinye esisha somsebenzi kaNkulunkulu sihlala siletha ukuqala okusha nenkathi entsha. Ngakho-ke kanjalo kukhona ushintsho oluhambisanayo esimweni sikaNkulunkulu, endleleni Yakhe yokusebenza, endaweni yomsebenzi Wakhe, nasegameni Lakhe. Singama ngale ngokuthi kungani kunzima kumuntu ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu enkathini entsha. Ngale kokuthi uphikiswa kanjani abantu, uNkulunkulu uhlale enza umsebenzi Wakhe, futhi uhlale eqondisa bonke abantu ebayisa phambili. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu; akasisusanga isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayekwenza nje ukona bese evuma izono zawo ngokuwuchungachunge olungapheli ngaphandle kwenhloso yokuguqula izimo zawo: Sasinjalo isimo sabantu semvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngangaziwa ngoJehova kuqala. Ngangaziwa futhi ngoMesiya, futhi abantu babengibiza ngoJesu uMsindisi ngoba babengithanda futhi bengihlonipha. Kodwa namuhla angiyena uJehova noma uJesu abantu ababemazi kudala—nginguNkulunkulu obuye ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ozoqeda ngenkathi. NginguNkulunkulu Uqobo ovukayo kusuka ekupheleni komhlaba, isimo Sami semvelo siphelelisiwe futhi nginalo lonke igunya, udumo nenkazimulo. Abantu abakaze baxhumane Nami futhi abakaze bangazi, bebelokhu bengasinakile isimo Sami semvelo. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube namhlanje, akekho owake wangibona. Lona nguNkulunkulu obonakala kubantu phakathi nezinsuku zokugcina kodwa ofihlekile ebantwini. Uhlala ebantwini, uyiqiniso futhi ungokoqobo njengelanga elishisayo nomlilo ovutha amalangabi, onamandla nogcwaliswe ngegunya. Akekho noyedwa umuntu noma into engeke yahlulelwa ngamazwi Ami, futhi akekho noyedwa ongeke angacwengwa ngomlilo ovuthayo. Ekugcineni, zonke izizwe ziyobusiswa ngenxa yamazwi Ami, futhi ziyophihlizwa zibe yizicucu ngenxa yamazwi Ami. Ngaleyo ndlela, bonke abantu ngezinsuku zokugcina bayobona ukuthi nginguMsindisi obuyile, nginguNkulunkulu uMninimandla Onke onqobe sonke isintu, owake waba ngumnikelo wesono kubantu, kodwa ezinsukwini zokugcina ngiba nayimisebe yelanga eshisa zonke izinto, kanye nelanga lokulunga elambula izinto zonke. Lowo umsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngithathe leli gama futhi nginalesi simo semvelo ukuze bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu olungile, futhi ngiyilanga elishisayo, nomlilo onamalangabi. Ukuze bonke bangidumise Mina Nkulunkulu weqiniso, babubone ubuso Bami bangempela: Angiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, futhi angiyena nje uMhlengi—nginguNkulunkulu wayo yonke indalo emazulwini nasemhlabeni nasolwandle.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. Siqala ukusondelana namazwi Akhe, siqala ukugxila endleleni akhuluma ngayo, bese siqala ukuthanda izwi lenhliziyo Yakhe ngalo muntu omangalisayo. Uzikhandla ngokukhulu ukucophelela ngenxa yethu, aqwashe futhi angafuni ukudla ngenxa yethu, akhale ngenxa yethu, alile ngenxa yethu, agule ngenxa yethu, ahlazwe ngenxa yekusasa nensindiso yethu, futhi inhliziyo Yakhe iyopha ikhale izinyembezi ngenxa yokuba ndikindiki kwethu nokuhlubuka. Ubuntu obunjalo nezinto Zakhe kungaphezu komuntu ojwayelekile, akekho umuntu okhohlakele ongaba nakho. Unokubekezela okungekho muntu omunye onakho, futhi asikho isidalwa esinothando analo. Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi sikaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho ukuqhakambisa ngokuphelele. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasibonisa indlela nokukhanya. Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze azambule kusukela ekudalweni kuze kube manje. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekugqilazweni uSathane nasesimweni sethu esikhohlakele. Umelela uNkulunkulu, embule izwi lenhliziyo kaNkulunkulu, nezikhuthazo zikaNkulunkulu, namazwi esahlulelo sikaNkulunkulu kuso sonke isintu. Uqale inkathi entsha, waletha amazulu amasha nomhlaba omusha, umsebenzi omusha, wasilethela ithemba, waqeda ukuphila esididekile kukho, wasivumela ukuba siyibambe ngokugcwele indlela eya ensindisweni. Usinqobile, wazuza nezinhliziyo zethu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izingqondo zethu ziqaphile, futhi umoya wethu uvuselelwe: Lo muntu ojwayelekile, ongabalulekile, ophila phakathi kwethu futhi ebesilokhu simphika—akayona yini iNkosi uJesu, ehlale isemicabangweni yethu, esiyilangazelela ubusuku nemini? Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu! Uyindlela, neqiniso nokuphila!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka kube khona okunye ukubethelwa kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Umsebenzi kulesi sigaba wenziwe esisekelweni somsebenzi weNkathi Yomusa. Ukuba lezi zigaba ezimbili zomsebenzi azihlobene, kungani ukubethelwa kungaphindwa kulesi sigaba? Kungani ngingathwali izono zomuntu? Angifiki ngokuthatshathwa ngoMoya oNgcwele, futhi angithwali izono zomuntu ngokubethelwa; kodwa, ngilapha ukuze ngisole umuntu ngokuqondile. Ukuba ukusola Kwami umuntu nokufika Kwami manje ngokungathatshathwa ngoMoya oNgcwele akulandelanga ukubethelwa bengingeke ngifanele ukusola abantu. Ngempela kungenxa yokuthi ngimunye noJesu ukuthi ngiza ngokuqondile ukuzosola nokwahlulela umuntu. Lesi sigaba somsebenzi sakhele ngokuphelele phezu kwesigaba esingaphambili. Yingakho kungumsebenzi onjalo kuphela ongaletha umuntu ensindisweni, isinyathelo ngesinyathelo. Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma inyama yethu ingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; yize ingqikithi yesikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, ingqikithi Yethu iyefana; inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, kodwa lokhu kwenziwa yinguquko enkathini nokwehlukana kwezidingo zomsebenzi Wethu; izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimo esisembula kumuntu nakho akufani. Kungakho lokhu umuntu akubonayo nakuqondayo namuhla kungafani nokwedlule; lokhu kwenziwa ukuguquka kwenkathi. Yize ubulili nesimo senyama Yabo kwehlukene noma bengazalwa emndenini munye, nangasikhathi sinye, uMoya Wabo noma kunjalo munye. Noma inyama yabo ingenabo ubudlelwane begazi nenyama nganoma iyiphi indlela, lokhu akukuphikisi ukuthi bawukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ngezikhathi ezimbili ezingefani. Yiqiniso elingephikwe ukuthi bayinyama esesimweni somuntu kukaNkulunkulu, yize bengenagazi elifanayo noma ulimi oluvamile lwabantu (omunye wayengowesilisa okhuluma ulimi lwamaJuda omunye ungowesifazane okhuluma isiShayina kuphela). Yilezi zizathu ezenze baphile emazweni ukuze benze umsebenzi okumele bobabili bawenze, nasezikhathini ezehlukene futhi. Ngaphandle kokuba Moya munye, banengqikithi eyodwa, akukho ukufana koqobo phakathi kwamagobolondo enyama Yabo yangaphandle. Bafana ngobuntu kuphela, kodwa ukubukeka nokuzalwa kwenyama Yabo akufani. Lokhu akunamthelela emisebenzini Yabo ehlukene noma ulwazi umuntu analo Ngabo, ngoba, ekugcineni, bawuMoya munye futhi akekho ongabahlukanisa. Noma bengahlobene ngegazi, ububona Babo bonke buphethe uMoya Wabo, obahlukanisela umsebenzi ongefani ngezikhathi ezingefani, nenyama Yabo uyinike izinhlobo ezehlukene zegazi. UMoya kaJehova awuyena uyise woMoya kaJesu, noMoya kaJesu awuyona indodana yoMoya kaJehova. BaMoya munye. NjengoNkulunkulu osesimweni somuntu wale mihla noJesu nje. Yize bengahlobene ngegazi, Bamunye; lokhu kungenxa yokuthi uMoya Wabo munye. Angenza umsebenzi womusa nesisa, kanye nalowo wokwahlulela ngokulunga nokusolwa kwabantu, nowokuqalekiswa kwabantu; futhi ekugcineni, angenza umsebenzi wokubhubhisa umhlaba nokujezisa ababi. Ingabe akakwenzi lokhu ngoKwakhe? Ingabe lokhu akukhona ukuba namandla onke kukaNkulunkulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu wesibili, ubonakala kubantu ungafani kakhulu nokaNkulunkulu wokuqala owayesesimweni somuntu kangangokuthi kusengathi akukho nokuncane kuyo okufanayo futhi akukho okwenziwa emsebenzini wokuqala okungabonakala kulesi sikhathi. Nakuba umsebenzi wenyama ethathe isimo somuntu yesibili uhlukile kunalowo weyokuqala, lokho akufakazi ukuthi umthombo wabo awuwodwa. Ukuthi umthombo Wabo uyafana yini, kuncike ekutheni uhlobo olunjani lomsebenzi owenziwe ngabantu abangokwenyama hhayi owenziwe yingaphandle Labo. Ngesikhathi sezigaba ezintathu zomsebenzi Wakhe, uNkulunkulu usebe sesimweni somuntu kabili, futhi kuzo zombili izikhathi umsebenzi kaNkulunkulu othathe isimo somuntu uqala inkathi entsha, wethula umsebenzi omusha; ukuthatha umzimba womuntu kokubili kuyahambisana. Kuyinto engenakwenzeka ukuba amehlo omuntu abone ukuthi yomibili le mizimba empeleni ivela emthonjeni owodwa. Akubuzwa, kungaphezu kokubona komuntu noma ukucabanga komuntu. Kodwa engqikithini Yayo iyafana ngoba imisebenzi Yayo ivela kuMoya ofanayo. Ukuthi yomibili le mizimba ethathe isimo somuntu ivela emthonjeni ofanayo angeke kwahlulelwe ngesikhathi noma indawo ezalelwe kuyo, noma ezinye izinto ezifana nalezo, kodwa ngomsebenzi waphezulu obonakaliswe Yiyo. Umzimba othathe isimo somuntu wesibili awenzi nowodwa umsebenzi owenziwa nguJesu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu awuhambisani nalokho okubonakala eningini njengokulungile, kodwa isikhathi ngasinye uvula indlela entsha. Umzimba wesibili awuhlosile ukujulisa noma ukuqinisa umthelela womzimba wokuqala ezingqondweni zabantu, kodwa ukuhambisana nawo nokuwuphelelisa ukuze ulwazi ngoNkulunkulu lujule kubantu, nokuba ugqashule yonke imithetho esezinhliziyweni zabantu nokususa zonke izithombe eziyinkohliso ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Kungashiwo ukuthi asikho nesisodwa isigaba somsebenzi kaNkulunkulu uqobo esinganikeza umuntu ulwazi oluphelele Ngaye; isigaba ngasinye sinikeza ingxenye, hhayi lonke ulwazi Ngaye. Nakuba uNkulunkulu ezivezile isimo Sakhe ngokuphelele, ngenxa yokuthi ukuqonda komuntu kunomkhawulo, ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu lulokhu lungaphelele. Kuyinto engenakwenzeka, ngokusebenzisa ulimi lwabantu, ukuveza isimo sikaNkulunkulu sisonke; kungasaphathwa ukuthi kuncane kangakanani isigaba ngasinye somsebenzi Wakhe esingakuveza ngoNkulunkulu ephelele? Usebenza esenyameni embozwe ubuntu Bakhe obujwayelekile, futhi umuntu angamazi kuphela ngezenzo zobunkulunkulu Bakhe kuphela, hhayi ngomzimba Wakhe obonakalayo. UNkulunkulu uba sesimweni somuntu ukuze avumele ukuba umuntu amazi ngemisebenzi Yakhe ehlukahlukene, futhi asikho isigaba somsebenzi Wakhe esifana nesinye. Yingale ndlela kuphela umuntu angaba khona nolwazi oluphelele ngomsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, hhayi ngokubopheleka engxenyeni eyodwa. Nakuba umsebenzi wemizimba emibili esesimweni somuntu ungafani, ingqikithi yale mizimba, nomthombo womsebenzi Wayo, kuyefana; ukuthi nje ikhona ukuze yenze izigaba ezimbili zomsebenzi ezehlukene futhi ibe sezinkathini ezimbili ezingafani. Akukhathaleki ukuthi kwenzekani, imizimba kaNkulunkulu esesimweni somuntu inengqikithi efanayo nomthombo ofanayo—leli yiqiniso elingenakuphikwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 1. UNkulunkulu USomandla UnguNkulunkulu Oyedwa Obusa Phezu Kwezinto Zonke

Okulandelayo: 3. Insindiso Ingeza Kuphela Ngokukholwa KuNkulunkulu USomandla

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp