I-App yeBandla likaNkulunkulu uSomandla

Lalela iphimbo likaNkulunkulu futhi wamukele ukubuya kweNkosi uJesu!

Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Izimvu ZikaNkulunkulu Zizwa Izwi LikaNkulunkulu (Okubalulekile Kwamakholwa Amasha)

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

`

Isahluko 1 Kufanele Wazi Ukuthi NguNkulunkulu USomandla Kuphela OnguNkulunkulu Oyedwa Wangempela Owadala Amazulu Nomhlaba Nakho Konke Okukukho

3. Insindiso Ingeza Kuphela Ngokukholwa KuNkulunkulu USomandla

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

…………

… uma uNkulunkulu eba yinyama manje, umsebenzi Wakhe ukubonakalisa isimo Sakhe, ikakhulu ngokusola nokwahlulela. Esebenzisa lokhu njengesisekelo, uletha iqiniso kubantu, akhombise ezinye izindlela zokwenza, ngalokhu bese efinyelela kulokhu akuphokophele kokunqoba abantu nokubasindisa esimweni sabo esonakele. Yilokhu okusemsebenzini kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Isoni esifana nawe, esisanda kuhlengwa, futhi esingakaguquki, noma sapheleliswa nguNkulunkulu, ungayifuna inhliziyo kaNkulunkulu? Nina, enisenobumina bakudala, kuyiqiniso ukuthi nisindiswe nguJesu, nokuthi anibaliwe njengezoni ngenxa yensindiso kaNkulunkulu, kodwa lokhu akufakazeli ukuthi aninasono, nokuthi aningcolile. Ningaba ngcwele kanjani uma ningakaguquki? Ngaphakathi kini, nigcine ukungcola, ubugovu nokudelela, kodwa nisafuna ukwehla noJesu – ngabe ninenhlanhla! Niphuthwe isinyathelo ekukholweni kwenu kuNkulunkulu: Nihlengiwe nje, kodwa anikaguquki. Ukuthi nifune inhliziyo kaNkulunkulu, uNkulunkulu kufanele azenzele Ngokwakhe umsebenzi wokukuguqula nowokukuhlanza; uma uhlengiwe kuphela, ngeke ukwazi ukuzuza ukungcweliswa.

kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emsebenzini wezinsuku zokugcina, izwi linamandla amakhulu kunokuvezwa kwezibonakaliso nezimangaliso futhi igunya lezwi lingcono kunelezibonakaliso nezimangaliso. Izwi lembula zonke izimo zenkohlakalo ezisenhliziyweni yomuntu. Awukwazi ukuzibonela zona. Lapho zibonakaliswa kini ngezwi, niyobe senizibona ngokwemvelo; ngeke nikwazi ukuziphika, kunalokho niyokholwa ngokuphelele. Ingabe akusilo igunya lezwi leli? Lona ngumphumela womsebenzi wanamuhla wezwi. Ngakho, umuntu akakwazi ukusindiswa ezonweni zakhe ngokugcwele ngokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni futhi angeke enziwe aphelele ngokwambulwa kwezibonakaliso nezimangaliso. Igunya lokuphulukisa nelokuxosha amadimoni limnikeza umusa kuphela umuntu kodwa inyama yomuntu isengekaSathane futhi isimo esonakele sobusathane sisekumuntu. Ngamanye amazwi, lokho okungakahlanzwa kusengokwesono nokungcola. Kungemuva kokuba umuntu esehlanziwe ngamazwi kuphela lapho engazuzwa nguNkulunkulu futhi angcweliswe. Uma kungekho okwenziwe ngaphezu kokuxosha amadimoni kumuntu nokumkhulula, lokho kungukumsusa kuphela ezandleni zikaSathane nokumbuyisela kuNkulunkulu. Nokho, akakahlanzwa noma akakashintshwa nguNkulunkulu, futhi futhi usalokhu onakele. Phakathi kumuntu kusekhona ukungcola, ukuphikisa futhi nokuvukela; umuntu ubuyele kuphela kuNkulunkulu ngokukhululwa, kodwa umuntu akanalo ulwazi ngaye futhi uyamelana futhi uyamlahla uNkulunkulu. Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nonke niphila endaweni yesono futhi aninasimilo; nonke nixegelwa yisimilo futhi niyizoni. Namuhla anigcini nje ngokubona uNkulunkulu, kodwa okubaluleke nakakhulu, namukele ukusolwa nesahlulelo, namukele insindiso enkulu, okusho ukuthi, namukele uthando olukhulu lukaNkulunkulu. Kodwa akwenzayo kuwuthando lweqiniso kini; akanazo izinhloso ezimbi. Unahlulela ngenxa yezono zenu, ukuze nizihlole bese namukela insindiso enkulu. Konke lokhu kwenziwa kumuntu osebenzayo. Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, uNkulunkulu ubelokhu enza lokhu ukuze asindise umuntu, futhi akazimisele nhlobo ukubhubhisa abantu abadale ngezandla Zakhe. Manje uzele ukuzosebenza phakathi kwenu; akuyona yini enye insindiso lena? Uma enizondile, ingabe ubezowenza umsebenzi omkhulu kangako wokunihola ngokuqondile? Kungani kufanele ahlupheke kanjalo? UNkulunkulu akakuzondi noma abe nezinhloso ezimbi ngawe. Kufanele nazi ukuthi uthando lukaNkulunkulu lulwedlula lonke uthando lweqiniso. Ukungalaleli kwabantu okwenza uNkulunkulu abasindise ngokubahlulela; kungenjalo bebengeke basindiswe. Njengoba ningazi ukuthi nikuqondise kanjani ukuphila noma ukuthi niphile kanjani futhi nixegelwa yisimilo, niphila nasendaweni yesono futhi ningodeveli abenyanyekayo, uNkulunkulu akanayo inhliziyo yokunivumela nikhohlakale nakakhulu; futhi akanayo nenhliziyo yokunivumela niphile endaweni engcole kanje, nidlale uSathane, futhi akanayo inhliziyo yokunivumela niwele eHayidesi. Uma nje ufuna ukuzuza leli qembu lenu anisindise ngokuphelele. Lena inhloso eyinhloko yokwenza umsebenzi wokunqoba kini—kungokwensindiso kuphela.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngezincwadi, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi adungekile alokhu emile izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi?

kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UKristu uza ngezinsuku zokugcina ukuze labo abakholelwa Kuye ngokweqiniso bakwazi ukuhlinzekwa ngokuphila. Umsebenzi Wakhe wenzelwa ukuqedela isikhathi esedlule futhi ungena kwesisha, futhi indlela okumele ithathwe yibo bonke abafuna ukungena esikhathini esisha. Uma wehluleka ukumazisa, futhi esikhundleni sokugxeka, ukuthuka, noma ukumkhaphela, kusho ukuthi nakanjani uyosha ingunaphakade, futhi awusoze wangena embusweni kaNkulunkulu. Ngoba uKristu ngokwakhe uyisibonakaliso soMoya oNgcwele, futhi ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, loyo uNkulunkulu amethembe ukuthi uzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni. Futhi ngithi uma wehluleka ukwamukela konke okwenziwa uKristu ngezinsuku zokugcina, wethuka uMoya oNgcwele. Isijeziso okumele sibhekane nalabo abathuka uMoya oNgcwele sicacele bonke abantu. Ngiyanitshela ukuthi uma niphikisa uKristu wezinsuku zokugcina, futhi Nimuphika, kusho ukuthi akekho umuntu ongakuthwalela umphumela walokho. Phezu kwalokho, kusukela ngalolu suku kuya phambili anizukuba nelinye ithuba lokuthola ukugunyazwa uNkulunkulu; noma ningazama ukuzikhulula, anisoze nabona ubuso bukaNkulunkulu. Ngoba aniphikisani nomuntu, aniphikisani nokuthile okudaliwe, kodwa uKristu. Ingabe uyawazi umphumela walokhu? Awenzanga iphutha elincane, kodwa wenze icala elesabekayo. Futhi ngeluleka bonke abantu abamelene neqiniso, noma abagxeka ngobudedengu, ngoba yiqiniso kuphela elingakunika ukuphila, futhi yiqiniso kuphela elingakwenza uzalwe kabusha futhi ubone ubuso bukaNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:UNkulunkulu USomandla UnguJesu Obuyile

Okulandelayo:Kungani uNkulunkulu Ethatha Amagama, futhi Kungenzeka Ukuthi Igama Elilodwa Limele Ukuphelela KukaNkulunkulu?

Ungase Uthande Nalezi