D. NgoNkulunkulu Njengomthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto

583. Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, noma into engatholwa yinoma ngubani kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza. Kusukeka ngesikhathi edala umhlaba, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi obandakanya ukubaluleka kokuphila, wenze umsebenzi omningi onika umuntu ukuphila, futhi wakhokha inani elikhulu ukuze umuntu aphinde abe nokuphila, ngoba uNkulunkulu Uqobo uwukuphila okungunaphakade, futhi uNkulunkulu Uqobo uyindlela umuntu avuswa ngayo. UNkulunkulu uhlala ekhona enhliziyweni yomuntu, futhi uphila phakathi komuntu ngaso sonke isikhathi. Nguye obeqhubekisa ukuphila komuntu, isisekelo sobukhona bomuntu, futhi utshale lukhulu ukuze umuntu aphile emuva kokuzalwa. Wenza umuntu azalwe kabusha, futhi wenza akwazi ukuphila endimeni nendima okumele abe kuyo. Sibonga amandla Akhe, kanye namandla Akhe okuphila angeshatshalaliswe, umuntu uphile izizukulwane eziningi, kukho konke amandla kaNkulunkulu yiwo akade enza ukuthi umuntu aqhubeke nokuba khona, futhi uNkulunkulu ukhokhe inani umuntu ojwayelekile angakaze alikhokhe. Amandla empilo kaNkulunkulu angachuma kunanoma amaphi amandla, phezu kwalokho, edlula wonke amandla. Ukuphila Kwakhe kungunaphakade, amandla Akhe makhulu ngokwedlulele, futhi amandla Akhe okuphila awanakwehlulwa yinoma yini edaliwe noma amandla esitha. Amandla kaNkulunkulu akhona, futhi akhanyisa bha, noma ngabe yisiphi isikhathi noma indawo. Izulu nomhlaba kungaba nezinguquko ezinkulu, kodwa ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kufana. Zonke izinto ziyedlula, kodwa ukuphila kukaNkulunkulu kulokhu kumile, ngoba uNkulunkulu ungumthombo wobukhona bazo zonke izinto, futhi ungumsuka wobukhona bazo. Ukuphila komuntu kuvela kuNkulunkulu, izulu likhona ngenxa kaNkulunkulu, futhi ubukhona bomhlaba busuka emandleni okuphila kukaNkulunkulu. Akukho okubalulekile okungadlula ubukhulu bukaNkulunkulu, futhi akukho okunamandla okuphuma emandleni okuphathwa nguNkulunkulu. Ngale ndlela, ngisho noma bangobani, bonke abantu kumele bathobele ukubusa kukaNkulunkulu, bonke abantu kumele baphile ngaphansi kokulawulwa uNkulunkulu, futhi akekho umuntu ongaphunyuka elulawuleni Kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

584. Kulokhu kwasukela uNkulunkulu azidala, ngokwemithetho ayeyilandela, zonke izinto bezisebenza futhi ziqhubeka nokuthuthuka. Ngaphansi kweso Lakhe, ngaphansi komthetho Wakhe, zonke izinto bezilokhu ziqhubeka nokuthuthuka zihambisana nokuphila komuntu. Akukho neyodwa into ekwazi ukuguqula le mithetho, akukho neyodwa futhi into engabulala le mithetho. Kungenxa yomthetho kaNkulunkulu othi zonke izinto kuyakwazi ukwanda, futhi ngenxa yomthetho Wakhe nokulawula Kwakhe okuthi zonke izinto kuzokwazi ukuqhubeka nokuphila. Lokhu kusho ukuthi ngaphansi komthetho kaNkulunkulu, zonke izinto kuba khona, kuyakhula, kuyanyamalala, kuphinde kuvuselelwe ngendlela ehlelekile. Uma kufika intwasahlobo, imvula ewumkhemezelo iletha lowo moya wentwasahlobo omanzisa umhlaba. Inhlabathi iyaqala incibilike, futhi utshani bukhuphuke busuka ngaphansi kwenhlabathi bese buqala ukuqhuma, ngenkathi izihlahla ziphenduka kancane kancane zibe luhlaza. Zonke lezi zinto eziphilayo ziveza ubungqabavu emhlabeni. Lokhu ukubonakala kwazo zonke izinto eziphilayo ziba khona futhi zikhula. Zonke izinhlobo zezilwane nazo ziyaphuma emigodini yazo zizwe imfudumalo yentwasahlobo kanye nokuqala konyaka omusha. Zonke izinto eziphilayo zethamela ukushisa ehlobo zijabulele imfudumalo elethwa yinkathi yonyaka. Zikhula ngamandla; izihlahla, utshani, kanye nazo zonke izinhlobo zezitshalo zikhula ngokushesha, bese ziqhakaza zithele izithelo. Zonke izinto eziphilayo zimatasatasa ehlobo, kubandakanya nabantu. Entwasabusika, izimvula ziletha ukuphola kwekwindla, bese zonke izinhlobo zezinto eziphilayo ziqala ukuzwa ukufika kwesikhathi sokuvuna. Zonke izinto eziphilayo zithela izithelo, nabantu baqale futhi bavune zonke izinhlobo zezinto ngoba sekuwa imikhiqizo yalezi zinto eziphilayo, ukulungiselela ukudla kwasebusika. Ebusika zonke izinto eziphilayo ziqala kancane kancane ukuphumula emakhazeni, zithule, abantu nabo bathatha ikhefu ngale nkathi yonyaka. Lezi zinguquko kusukela entwasahlobo kuya ehlobo kuya entwasabusika bese kufika ubusika—lezi zinguquko zonke zenzeka zilandela imithetho eyabekwa nguNkulunkulu. Uhola zonke izinto nesintu esebenzisa le mithetho futhi wakhele abantu impilo enothile futhi enhle, abalungisele inhlalo enamazinga ahlukahlukene okushisa kanye nezinkathi zonyaka ezahlukahlukene ukuba baqhubeke nokuphila. Kulezi zindawo ezihlelekile zokuqhubeka nokuphila, abantu bakwazi ukuphila bande ngendlela ehlelekile. Abakwazi abantu ukuguqula le mithetho kanti akukho noyedwa umuntu noma into ephilayo ekwazi ukuyephula. Noma ngabe kunezinguquko eziningi esezenzekile—izilwandle sezibe amasimu, namasimu aba yizilwandle—le mithetho iyaqhubeka nokuba khona. Ikhona ngoba uNkulunkulu ukhona, nangenxa yokubusa Kwakhe nokuphatha Kwakhe. Kulolu hlobo lokuhleleka, inhlalo ebanzi, izimpilo zabantu ziqhubekela phambili ngale mithetho nemigomo. Le mithetho yazala izizukulwane ngezizukulwane zabantu kanti izizukulwane ngezizukulwane zabantu zaqhubeka nokuphila ngaphansi kwale mithetho. Abantu bayijabulele le ndawo ehlelekile yokuphila kanye nazo zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu ezidalela izizukulwane ngezizukulwane. Nakuba abantu bezwa ukuthi lezi zinhlobo zemithetho ziyimvelo, nakuba bezichitha ngokuphelele, nakuba futhi bengezwa ukuthi uNkulunkulu Nguye ohlela le mithetho, ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwale mithetho, noma kungaba njani, uNkulunkulu uwubambile lo msebenzi ongaguquki. Inhloso Yakhe kulo msebenzi ongaguquki ukuthi umuntu aqhubeke nokuphila, ukuze abantu baqhubekele phambili.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

585. UNkulunkulu ulawula imithetho ebusa ukusebenza kwazo zonke izinto; ulawula imithetho ebusa ukuphila kwazo zonke izinto; ulawula zonke izinto, futhi uhlela ukuthi zisimamisane futhi enye incike kwenye, ukuze zingabhubhi noma zinyamalale. Umuntu angaphila ngale ndlela kuphela; angaphila ngale ndlela ngokuholwa nguNkulunkulu endaweni enjalo. UNkulunkulu uyinkosi yale mithetho yokusebenza, futhi akekho ongagxambukela kuyo, noma ongayiguqula; uNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela owazi le mithetho futhi Nguye kuphela oyiphethe. Ukuthi izihlahla zizohluma nini, lizona nini, umhlaba uzonikeza izitshalo amanzi angakanani nokudla okungakanani; amaqabunga azowa ngasiphi isikhathi sonyaka; izihlahla zizothela ngasiphi isikhathi sonyaka; umsoco ongakanani ukukhanya kwelanga okuzowunikeza izihlahla; izihlahla zizophefumulani emva kokondliwa ukukhanya kwelanga—zonke lezi zinto zahlelwa uNkulunkulu ngenkathi edala zonke izinto, njengemithetho engeke yephulwe muntu. Izinto ezadalwa nguNkulunkulu, noma ngabe ziyaphila noma, emehlweni abantu, aziphili, zisezandleni zikaNkulunkulu, lapho ezilawula futhi ezibusa khona. Akekho umuntu ongashintsha noma ephule le mithetho. Kusho ukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto wanquma kungakenzeki ukuthi isihlahla ngeke sifake izimpande phansi, sihlume, futhi sikhule uma umhlaba ungekho; ukuthi uma umhlaba ubungenazo izihlahla, ubuzokoma; ukuthi isihlahla kufanele sibe yikhaya lezinyoni nendawo lapho zikhosela khona emoyeni. Singaphila yini isihlahla ngaphandle kokukhanya kwelanga? (Cha.) Futhi ngeke siphile ngomhlaba wodwa. Zonke lezi zinto zenzelwe isintu, ukuze isintu siphile. Esihlahleni, umuntu uthola umoya omusha, futhi umuntu uphila emhlabeni, ovikelwa yisihlahla. Umuntu angephile ngaphandle kokukhanya kwelanga noma izinto ezehlukene eziphilayo. Noma ngabe ubudlelwane phakathi kwalezi zinto buphithene, kufanele ukhumbule ukuthi uNkulunkulu wadala imithetho ebusa zonke izinto ukuze ziqinisane, enye incike kwenye, futhi ziphile ndawonye. Ngamanye amazwi, yonke into ayidala inosizo nokubaluleka. Ukuba uNkulunkulu wadala into engenamsebenzi nokubaluleka, uNkulunkulu wayeyoyishabalalisa. Le ngenye yezindlela uNkulunkulu azisebenzisayo ekuhlinzekeni zonke izinto.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

586. Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wasebenzisa zonke izinhlobo zezindlela namasu ukuletha ukulingana kuzo, ukulinganisa izimo zenhlalo nokuphila ezintabeni nasemachibinikazi, ukulinganisa izimo zokuphila ezitshalweni kanye nasezinhlotsheni zonke zezilwane, izinyoni, izinambuzane—inhloso yakhe kwakungukuvumela zonke izinhlobo zokuphilayo ukuthi kuphile kwande kulandela imithetho ayeyibekile. Azikho izinto zendalo ezingaphuma kule mithetho, futhi ayikwazi ukwephulwa. Kukulolu hlobo lwempilo ejwayelekile lapho abantu bekwazi khona ukuphila ngokuphepha bande, izizukulwane ngezizukulwane. Uma izidalwa eziphilayo zeqa inani noma imikhawulo ebekwe nguNkulunkulu, noma zeqa isivinini ezikhula ngaso, izikhathi, noma inani lazo ngaphansi kokubusa Kwakhe, isimo senhlalo nokuphila komuntu kungahlukumezeka ngamazinga ahlukahlukene okuphazamiseka. Ngasikhathi sinye, ukuphila komuntu kungaba sengcupheni. Uma uhlobo olulodwa lwezidalwa eziphilayo lulukhulu ngesibalo, luzoqola abantu ngokudla, kubhidlike imithombo yamanzi abantu, kuphinde kulimale izindawo zabantu. Ngaleyo ndlela, ukuzalana kwabantu noma indlela abaphila ngayo kungathinteka masinya. … Uma kuba nohlobo olulodwa noma izinhlobo eziningi zezinto eziphilayo okwedlula inani elifanele, umoya, amazinga okushisa, umhwamuko, kanye nobungako bomoya endaweni okuphila kuyo umuntu kuzoba noshevu ozokubhidliza ngamazinga angafani. Ngokunjalo, ngaphansi kwalezi zimo, ukuphila kanye nesigcino somuntu kuzoba sengcupheni kuleyo ndawo nenhlalo. Ngakho, uma abantu belahlekelwa ngukulingana, umoya abawuphefumulayo uzokonakala, amanzi abawaphuzayo azongcola, kuthi amazinga okushisa abawadingayo aguquke, athinteke ngezindlela ezahlukahlukene. Uma lokho kwenzeka, izindawo zokuphila ezingezesintu ngokwendalo zizothinteka ngokubanzi futhi zibhekane nezinselele. Ngaphansi kwalolu hlobo lwesimo lapho izindawo zenhlalo nokuphila kwabantu sekubhidlikile khona, siyoba yini isigcino somuntu kanye nezinto zakhe? Yinkinga ejulile kakhulu lena! Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyazi ukuthi ziyini zonke izinto kubantu, neqhaza lazo zonke izinto azidala, luhlobo luni lwethonya ezinalo kubantu, nokuthi inzuzo eziyiletha kumuntu inkulu kangakanani—enhliziyweni kaNkulunkulu ikhona indlela yakho konke lokhu futhi Nguye olawula konke kuzo zonke izinto azidala, ngakho-ke ngokwenzela abantu, zonke izinto azenzayo zibalulekile kakhulu—ziyisidingo esikhulu. Ngalokho lapho ubona izinto ezithile zezindawo phakathi kwezinye, noma imithetho ethile yemvelo kwezinye izinto, imithetho phezu kwezinye izinto, ngeke usasingabaza isidingo sento ngayinye eyadalwa nguNkulunkulu. Ngeke usawasebenzisa amazwi anokungazi ukwenza izahlulelo ezingekho emthethweni ngohlelo lukaNkulunkulu ezintweni zonke kanye nasezindleleni ezahlukahlukene ahlinzeka ngazo umuntu. Ngeke futhi wenze izahlulelo budlabha ngemigomo kaNkulunkulu ezintweni zonke azidala.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

587. Uma zonke izinto zendalo bezingalahlekelwa yimithetho yazo, beziyoshabalala; uma imithetho yazo zonke izinto beyingalahleka, izinto eziphilayo phakathi kwazo zonke izinto bezingeke zikwazi ukuqhubekela phambili. Abantu nabo bebeyolahlekelwa yizimo zabo zenhlalo abancike kuzo ukuze baphile. Uma abantu bebelahlekelwa yikho konke lokho, bebengeke bakwazi ukuqhubeka nokuphila bandise izizukulwane ngezizukulwane. Isizathu esenze ukuthi abantu baphile kuze kube manje yingoba uNkulunkulu ubaphe zonke izinto zendalo ukuthi zibondle, zondle abantu ngezindlela ezahlukahlukene. Kungenxa kaNkulunkulu kuphela ngoba enakekela abantu ngezindlela ezahlukene njengoba besaphila kuze kube yimanje, njengoba besaphila kuze kube yilolu suku lwanamuhla. Kulolo hlobo lwendawo emisiwe ukuba kuqhubeke impilo ngokuhle nokuhlelekile, zonke izinhlobo zabantu emhlabeni, zonke izinhlobo zezizwe zikwazi ukuphila ezindaweni ezinemikhawulo ebekiwe. Akekho okwazi ukweqela ngale kwale mikhawulo noma le mingcele ngoba uNkulunkulu oyahlukanisile.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

588. Umhlaba kamoya uyindawo ebalulekile, uwumhlaba ohlukile emhlabeni wezinto ezibambekayo. Ngisho kanjani ukuthi ubalulekile? Sizoxoxa ngakho kabanzi lokhu. Ubukhona bomhlaba kamoya abuhlukaniseki nobukhona bomhlaba wezinto ezibambekayo kumuntu. Umhlaba kamoya udlala indawo ebalulekile empilweni kanye nasekufeni komuntu ekubuseni kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke; yiqhaza elibanjwa yiwo leli, ngesinye sezizathu ezenza ubukhona bawo bubaluleke. Kungoba uyindawo engahlukaniseki nezinzwa ezinhlanu, akekho okwazi ukunquma ukuthi lo mhlaba ukhona noma kawukho yini. Okuqhubekayo ngomhlaba kamoya kunamathelene ngqo nobukhona bomuntu, okunomphumela wokuba ukuphila kwesintu kuthonywe kakhulu ngumhlaba womoya. Kungabe lokhu kuyathintana nobukhulu bukaNkulunkulu? Yebo. Ngokusho kwami lokhu, seniyabona ukuthi kungani sixoxa ngalesi sihloko: Kungoba sithinta ubukhulu bukaNkulunkulu, nokuphatha Kwakhe. Emhlabeni ofana nalona—ongabonakali emehlweni abantu—ukufuza kwawo izulu, imiyalelo, izinhla zokuphatha zingaphezulu kakhulu kunemithetho nezinhlelo zanoma yiliphi izwe ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, kanti akukho noyedwa kubantu abahlala kulo mhlaba abangaba nesibindi sokuwuphazamisa noma bazithathele wona. Kungabe lokhu kuyabuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe? Kulo mhlaba, kunemiyalelo yokuphatha ecacile, ukuba yizulu okucacile, kanye nemithetho ecacile. Emazingeni ehlukene kanye nasezindaweni ezahlukahlukene, kunabakhokheli ababambelela kabanzi emsebenzini kanye nasekuqapheleni imithetho nezimiso, ngoba bazi kahle ukuthi miphumela mini engalindeleka kwabephula imithetho yezulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu ukujezisa kanjani okubi akuklomelise kanjani okuhle, kanye nokuthi uziphatha kanjani zonke izinto, indlela abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto, kanye, ngaphezu kwalokho, nokubona ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyenza kanjani imisebenzi nemithetho yasezulwini. Kungabe lokhu kwehlukile kulokho komhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo abantu? Kwehluke kakhulu. Umhlaba ongafani nhlobo nomhlaba wezinto ezibambekayo. Njengoba kunemigomo nemithetho ezulwini, ithintana nobukhulu bukaNkulunkulu, ukuphatha, kanye, ngaphezu kwalokho, nesimo sikaNkulunkulu nalokho anakho kanye nayikho.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

589. UNkulunkulu wenze imithetho yezulu eminingi, imiyalelo, nezinhlelo ngokomoya, emva kokwethulwa kwale mithetho, imiyalelo, kanye nezinhlelo, konke kulandelwa ngokuqinisileyo, njengokusho kukaNkulunkulu, ngabantu abasezikhundleni ezahlukahlukene emhlabeni kamoya, akekho onesibindi sokuyephula. Ngakho-ke, empilweni yabantu yokuphila nokufa emhlabeni wabantu, noma ngabe umuntu ubuyiselwe enyameni waba yisilwane noma wabangumuntu, kunemithetho kukho kokubili. Kungoba le mithetho ivela kuNkulunkulu, akekho onesibindi sokuyephula, futhi akekho nokwazi ukuyephula. Ngenxa yobukhulu bukaNkulunkulu, ngoba-ke kunale mithetho, ethi umhlaba wezinto ezibambekayo ubonwa ngabantu njengohlelekile noqondile; kungenxa yalobu bukhulu bukaNkulunkulu ukuthi umuntu akwazi ukuphila ngokuthula nomunye umhlaba ongabonakali nhlobo kumuntu, akwazi ukuphila ngoxolo nawo—kanti konke ongeke ukwehlukanise nobukhulu bukaNkulunkulu. Emva kokufa kwempilo yomuntu yenyama, umphefumulo usuke usaphila, ngakho bekuzokwenzekani uma ubungaphethwe uNkulunkulu? Lo mphefumulo bewuzozulazula yonke indawo, ungene le nale, uze ulimaze izinto eziphila emhlabeni wabantu. Lokho kulimala bekungeke kugcine kubantu, bekuzofinyelela nasezitshalweni nasezilwaneni—kodwa okokuqala okungalimala ngabantu. Uma bekungenzeka lokhu—ukuba lowo mphefumulo bewungangalawulwa, wase ulimaza abantu, wenza izinto ezimbi—bekuyoze ulawulwe emhlabeni kamoya: Uma izinto bezinqala, lowo mphefumulo bewuyoshabalala masinya, bewuyolimala uphele; uma kwenzeka, bewuyobekwa ndawana thile uze ubuyiselwe enyameni. Lokho kusho ukuthi, ukulawula komhlaba kamoya okwenzeka emiphefumulweni enhlobonhlobo kuhlelekile, kwenziwa kulandelwa izinyathelo nemithetho efanele. Kungenxa yalokhu kulawulwa ukuthi umhlaba wezinto ezibambekayo wabantu awusona isiphithiphithi, ukuthi isintu emhlabeni wezinto ezibambekayo siziphethe ngendlela eyamukelekayo, indlela enokuhlakanipha, nempilo yenyama ehlelekile. Kusemva kokuthi isintu sibe nempilo eyamukelekayo ukuthi labo abaphila enyameni bakwazi ukuqhubeka nokuphila bazalane ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

590. Ukufa komuntu ophilayo—ukumiswa kwempilo yomzimba—kusho ukuthi umuntu useye wahamba emhlabeni wezinto ezibambekayo waya emhlabeni kamoya, kanti ukuzalwa kwempilo yenyama entsha kusho ukuthi umuntu ophilayo ufikile evela emhlabeni kamoya efika emhlabeni wezinto ezibambekayo wayeseqala indima yakhe, yokubamba iqhaza lakhe. Noma ngabe ukuhamba noma ukufika kwento ephilayo, kokubili akuhlukaniseki emsebenzini womhlaba kamoya. Uma kufika umuntu emhlabeni wezinto ezibambekayo, amalungiselelo kanye nezidingo zakhe kusuke sekwenziwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya kwenzelwa umndeni aya kuwo, inkathi afika ngaso, ihora afika ngalo, iqhaza azolibamba. Impilo yonke yalo muntu—izinto azenzayo, izindlela azithathayo—ziqhubeka ngokwamalungiselelo akhe enziwe emhlabeni kamoya, ngaphandle kwephutha noma ngabe lincane kangakanani. Isikhathi lapho impilo yenyama iphela khona, okwesikhashana, nangendlela nendawo lapho iphelela khona, kucacisiwe kwafakazelwa futhi emhlabeni kamoya. UNkulunkulu ubusa umhlaba wezinto ezibambekayo, aphinde abuse emhlabeni kamoya, kanti akawubambezeli umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa, akenzi phutha futhi ekulungiseleleni umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa. Isithunywa ngasinye ezikhundleni ezisemthethweni emhlabeni kamoya siqala umsebenzi waso, senze njengoba kufanele, silandele imiyalelo nemithetho kaNkulunkulu. Ngakho, emhlabeni wesintu, yonke into eyenganyelwe ngumuntu ihlelekile, ayinasiphithiphithi. Konke lokhu kungenxa yohlelo lwemithetho ehleliwe kaNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto, kuphinde kube ngegunya likaNkulunkulu elibusa phezu kwakho konke, kanti konke lokho abusa phezu kwakho kubandakanya umhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo umuntu, kuphinde futhi, phezu kwakho lokho, kube umhlaba kamoya ongabonakali kumuntu. Ngakho, uma isintu sifisa impilo enhle, futhi sifisa ukuhlala ezindaweni ezinhle, phezu kokuphiwa umhlaba wezinto ezibambekayo ophelele obonakalayo, umuntu uyadinga ukuphiwa umhlaba kamoya, ongabonakali kumuntu, obusa phezu kwakho konke okuphilayo egameni lesintu, ophinda ube ngohlelekile.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

591. Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho. Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi. Kusukela ngosuku umuntu aba khona ngalo, uNkulunkulu yilokhu eme waqina emsebenzini Wakhe, ephethe indawo yonke futhi elawula ukuguquka nokunyakaza kwayo yonke. Njengazo zonke izinto, umuntu ngaleya kokuqaphela, ulokhu ondliwa ngobumtoti nemvula namazolo okuvela kuNkulunkulu. Njengazo zonke izinto, umuntu engazi uphila ngaphansi ngokuhlelela kwesandla sikaNkulunkulu. Inhliziyo nomoya womuntu kuphethwe esandleni sikaNkulunkulu, nakho konke ukuphila komuntu kubukwa amehlo kaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi uyakukholwa noma awukukholwa lokhu, zonke izinto, eziphilayo noma ezifile, ziyogudluka, ziguquke, zenziwe zintsha futhi zinyamalale ngokuhambisana nemicabango kaNkulunkulu. Lena yindlela uNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

592. UNkulunkulu wadala lo mhlaba futhi waletha umuntu, isidalwa esiphilayo afaka kuso ukuphila. Okwalandela, umuntu waba nabazali nezihlobo futhi akaba esaba yedwa. Kusukela ngesikhathi umuntu abona ngaso umhlaba, wayehlelelwe ukuba sogcotshweni lukaNkulunkulu. Umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu oweseka isidalwa ngasinye esiphilayo ekukhuleni kuze kube sebudaleni. Phakathi nale nqubo, akekho okholwa ukuthi umuntu uphila futhi akhule ngaphansi kokunakekelwa uNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ubambelela ekuthini wakhula ngaphansi kothando nokunakekelwa abazali bakhe, nokuthi ukukhula kwakhe kwakuqondiswa umuzwa wangaphakathi wokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu wazi okuncane ngokuthi ukuphila kwanikezwa ngubani nokuthi kuvela kuphi, akazi ukuthi inqubo yokuphila izidala kanjani izimangaliso. Umuntu wazi kuphela ukuthi ukudla kwakha isisekelo sokuthi umuntu aqhubeke nokuphila, nokuthi ukubekezela kuwumnyobo wobukhona bempilo nokuthi ukukholwa kungumnotho wokuphila kwakhe. Akawuboni umusa nokondliwa okuvela kuNkulunkulu. Umuntu ube esekusaphaza ukuphila akunikwe uNkulunkulu…. Akekho umuntu kubantu uNkulunkulu abalondoloza ubusuku nemini othatha kuqala isinyathelo sokumkhonza. UNkulunkulu uyaqhubeka esebenza kumuntu njengoba ehlelile futhi akalindele okuthile kuye. Lokho ukwenza enethemba lokuthi ngelinye ilanga, umuntu uyovuka emaphusheni bese eyiqonda injongo nokubaluleka kokuphila, aqonde nenani uNkulunkulu anike okuningi ngalo konke umuntu, futhi azi nokuthi uNkulunkulu ukulangazelela kangakanani ukuthi umuntu abuyele Kuye. …

Bonke abafika kulo mhlaba kumele baphile bese beyafa, futhi baningi asebelubonile uchungechunge lokufa nokuzalwa kabusha. Abaphilayo kungekudala bazoshona bese kuthi abafile babuye maduze. Konke lokhu kungumgudu wokuphila ohlelwe uNkulunkulu ewuhlelela sonke isidalwa esiphilayo. Nokho, lo mgudu nochungechunge kungamaqiniso uNkulunkulu afisa abantu bawazi, ukuthi ukuphila uNkulunkulu akufake kubo akupheli futhi akuphazanyiswa inyama, isikhathi, noma umkhathi. Lena imfihlakalo yokuphila uNkulunkulu akufake kumuntu nobufakazi bokuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu. Nakuba abaningi bengase bengakholwa ukuthi ukuphila kwavela kuNkulunkulu, abantu nakanjani bakujabulela konke okuvela kuNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi bayakukholwa noma bayakuphika ukuba khona Kwakhe. Uma ngelinye ilanga uNkulunkulu engake aguqule inhliziyo yakhe noma abuyisele kuye zonke izinto ezisemhlabeni noma athathe ukuphila akunikezile, akekho umuntu oyophila. UNkulunkulu usebenzisa ukuphila Kwakhe ukuze anakekele zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, enze konke kuhleleke esebenzisa amandla negunya Lakhe. Leli iqiniso okungekho muntu ongalisungula noma aliqonde kalula, futhi la maqiniso angaqondakali kalula abaluleke kakhulu futhi awubufakazi kanye bokubonakala kwamandla empilo kaNkulunkulu. Manje yithi nginitshele imfihlo: Ubukhulu namandla okuphila kukaNkulunkulu ngeke kuqondwe ngokujulile yinoma yisiphi isidalwa. Kunjena manje, njengoba kwakunjalo nasekuqaleni, kuyoba njalo esikhathini esizayo. Imfihlo yesibili engizoyikhipha yile: Umthombo wokuphila uvela kuNkulunkulu, kwayo yonke indalo, akunandaba ukuthi yakheke ngendlela ehlukile. Kungakhathaleki ukuthi uluhlobo olunjani lwesidalwa, awukwazi ukuhamba uphambane nomgudu uNkulunkulu awubekile. Kunoma ikuphi, engikufisayo ukuthi umuntu aqonde ukuthi ngaphandle kokunakekelwa, ukulondolozwa, kanye nokondliwa nguNkulunkulu, umuntu ngeke athole yonke into okwakufanele ayithole, akunandaba ukuthi uzama noma uzabalaza kangakanani. Ngaphandle kokuthola ukuphila kuNkulunkulu, umuntu ngeke azi ukuthi uphilelani, futhi uyolahlekelwa injongo yokuphila. UNkulunkulu angamvumela kanjani umuntu ochitha ukubaluleka kokuphila Kwakhe ukuba angabi nandaba kanje? Kodwa futhi, ungakhohlwa ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

593. UNkulunkulu Nguye obuse phezu kwazo zonke izinto, futhi olawula zonke izinto. Wadala konke okukhona, uphinda abuse phezu kwakho konke okukhona ahlinzekele konke okukhona. Lesi yisimo sikaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu lobo. Ngoba zonke izinto kanye nakho konke okukhona, uNkulunkulu Nguye onguMdali, futhi Nguye uMbusi wazo zonke izinto. Lobo wubunjalo ayibo uNkulunkulu, futhi wehlukile kuzo zonke izinto. Asikho isidalwa sikaNkulunkulu—singaba kubantu, noma emhlabeni kamoya—esingasebenzisa noma ini ukuzenza noma ukuthatha indawo kaNkulunkulu nobunjalo kanye nesimo Sakhe, ngokuthi ukhona munye kuphela ezintweni zonke onobunjalo Bakhe, amandla, igunya, kanye nekhono lokubusa phezu kwazo zonke izinto: uNkulunkulu wethu Uqobo ohlukile. Uhlala aphinde ahambele zonke izinto; ukwazi ukukhuphukela ezindaweni eziphakeme, ngaphezu kwazo zonke izinto; ukwazi ukuzithoba ngokuthi abe ngumuntu, abe ngoyedwa wethu esisenyameni negazi, ahlangabezane nabantu ubuso nobuso ehlanganyela ubuhlungu nathi ebubula; ngasikhathi sinye, eyala konke okukhona, enquma isiphelo sakho konke okukhona, enika inkombandlela okumele kuyithathe; ngaphezu kwalokho, uhlahla indlela yesiphelo somuntu, nenkombandlela yomuntu. UNkulunkulu ofana nalona udinga ukudunyiswa, ukulalelwa, kanye nokwaziwa yikho konke okuphilayo. Ngakho, ngaphandle kokunaka ukuthi umuntu ukuliphi iqembu noma uhlobo, ukukholwa nguNkulunkulu, ukumlandela uNkulunkulu, ukumesaba uNkulunkulu, ukwamukela umthetho kukaNkulunkulu, nokwamukela izinhlelo zikaNkulunkulu ezithinta isiphelo sakho ukuphela kwento edinga ukukhethwa, ukukhetha okunesidingo, kunoma yimuphi umuntu, kunoma yini ephilayo. Ekubeni ngohlukile kukaNkulunkulu, abantu bayabona ukuthi igunya Lakhe, ukulunga nokuziphatha Kwakhe, ubuYena, kanye nendlela ahlinzekela ngayo ezintweni zonke kwehlukile; ukwehluka Kwakhe kuveza ubunjalo Bakhe obuyiqiniso Ngaye Uqobo, futhi kuveza isimo Sakhe. Ngakho, kuzo zonke izidalwa, uma abaphila emhlabeni kamoya noma esintwini bebefise ukuma esikhundleni sikaNkulunkulu, bekungeke kwenzeke, bekuyofana nokuzama ukuzenza uNkulunkulu. Yiqiniso leli.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

594. Umsebenzi Wami wokugcina akusiwona owokujezisa umuntu kuphela kodwa ukuhlela isiphetho somuntu. Nangaphezu kwalokho, kungesizathu sokuthola ukwamukelwa kubo bonke, ngakho konke engikwenzile. Ngifuna wonke umuntu abone ukuthi konke engikwenzile kulungile nokuthi konke kuyindlela yokubonisa isimo Sami; akusikho ukwenza komuntu, kungasaphathwa imvelo, okwaletha isintu. Kunalokho, Yimina okhulisa konke okuphilayo endalweni. Ngaphandle kobukhona Bami, isintu singabhubha kuphela futhi sihlushwe yizinhlekelele. Akekho umuntu oyophinda futhi abone ilanga elihle kanye nenyanga noma umhlaba oluhlaza; isintu siyobona kuphela ubusuku obubandayo kanye nesigodi sethunzi lokufa esingenamkhawulo. Yimina kuphela insindiso yesintu. Yimina kuphela ithemba lesintu nangaphezulu, Ngiyilowo okuhlala kuye ubukhona besintu sonke. Ngaphandle Kwami, isintu siyoma ngqi masinyane. Ngaphandle Kwami, isintu siyovelelwa inhlekelele futhi sinyathelwe yilo lonke uhlobo lwemimoya emibi, nakuba engekho ongilalelayo. Ngenze umsebenzi obungeke wenziwe ngomunye, ithemba lokuthi umuntu uzongikhokhela ngezenzo ezinhle. Noma beyingcosana abangangikhokhela, ngisazophetha uhambo Lwami emhlabeni bese ngiqala isinyathelo esilandelayo somsebenzi owembulekayo, ngoba ukuphuthuma kwami ngiya le nale kule minyaka eminingi phakathi kwabantu kube nezithelo, futhi kuyangithokozisa. Engikhathazeka ngakho akulona inani labantu kodwa kunalokho izenzo zabo ezinhle. Noma kunjalo, ngethemba ukuthi uzolungisela isiphetho sakho isamba esenele sezenzo ezinhle. Ngiyobe sengeneliseka; ngaphandle kwalokho, akekho phakathi kwenu oyophunyuka enhlekeleleni ezonehlela. Inhlekelele isuka Kimi futhi ngokusobala ihlelwe Yimi. Uma ningeke nivele nibahle emehlweni Ami, ngeke niphephe ekwehlelweni yinhlekelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: C. Ngobungcwele BukaNkulunkulu

Okulandelayo: XII. Amazwi NgoMthethosisekelo, Izinqumo Zokuphatha Nemiyalelo YeNkathi Yombuso

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp