C. Ngobungcwele BukaNkulunkulu

569. UNkulunkulu waba inyama endaweni esilele emuva nengcole kunazo zonke, futhi yile ndlela kuphela uNkulunkulu akwazi ngayo ukubonisa ngokucacile isimo Sakhe sokulunga kanye nobungcwele Bakhe obuphelele. Futhi sibonakaliswa ngani isimo Sakhe sokulunga? Sibonakaliswa lapho ehlulela izono zomuntu, lapho ehlulela uSathane, lapho ezonda isono, nalapho enyanya izitha ezimelene Naye nezimhlubukayo. Amazwi engiwakhuluma namuhla awokwahlulela izono zomuntu, ukwahlulela ukungalungi komuntu, ukuqalekisa ukungalaleli komuntu. Ukugwegwa kanye nokukhohlisa komuntu, amazwi nezenzo zomuntu zokukhohlisa—konke okuphambene nentando kaNkulunkulu kufanele ukwahlulelwa, nokungalaleli komuntu kusolwe njengesono. Amazwi Akhe agxila ezimisweni zokwahlulela; usebenzisa ukwahlulela ukungalungi komuntu, isiqalekiso sokuhlubuka komuntu, kanye nokudalula izici ezimbi zomuntu ukuze abonakalise isimo Sakhe sokulunga. Ubungcwele buwukuvezwa kwesimo sokulunga Kwakhe, futhi eqinisweni ubungcwele bukaNkulunkulu buyisimo sangempela sokulunga Kwakhe. Izimo zenu ezonakele ziwumongo wamazwi anamuhla—ngizisebenzisa ukuze ngikhulume futhi ngahlulele, nokuthi ngenze umsebenzi wokunqoba. Lokhu kukodwa kungumsebenzi ongokoqobo, futhi lokhu kukodwa kwenza ubungcwele bukaNkulunkulu bukhazimule ngokugcwele. Uma kungekho umnonjana wesimo sokonakala kuwe, khona-ke uNkulunkulu ngeke akwahlulele, futhi ngeke akubonise isimo Sakhe sokulunga. Ngenxa yokuthi unesimo sokonakala, uNkulunkulu ngeke akuyeke, futhi kungenxa yalokhu kubonakaliswa ubungcwele Bakhe. Uma uNkulunkulu ubengabona ukungcola nokuhlubuka komuntu ukuthi kukhulu kakhulu kodwa angakhulumi noma akwahlulele, noma akucwenge ngenxa yokungalungi kwakho, khona-ke lokhu bekungabonisa ukuthi akayena uNkulunkulu, ngoba ubengabe akasizondi isono; ubengabe ungcolile njengomuntu. Namuhla, ukungcola kwakho okwenza ukuthi ngikwahlulele, futhi ukonakala nokuhlubuka kwakho okwenza ukuthi ngikucwenge. Angibukisi ngamandla Ami kini noma nginicindezele ngamabomu; ngenza lezi zinto ngoba nina, enizalwe kulelizwe lokungcola, nonakaliswe kakhulu ukungcola. Nina nimane nalahla ubuqotho nobuntu benu futhi nifana nezingulube ezizalelwe emagumbini omhlaba angcole kakhulu, futhi yilokhu okwenza ukuthi nahlulelwe nokuthi ngithululele phezu kwenu intukuthelo Yami. Yikho kanye lokhu kwahlulela okwenze ukuthi nikwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, nokuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongcwele; Yibo kanye ubungcwele Bakhe nokulunga Kwakhe okwenza ukuthi anahlulele futhi athululele ulaka Lwakhe phezu kwenu. Ngenxa yokuthi angembula isimo Sakhe sokulunga lapho ebona ukuhlubuka komuntu, nangenxa yokuthi angembula ubungcwele Bakhe lapho ebona ukungcola komuntu, lokhu kwanele ukukhombisa ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, ongcwele futhi ophelele, nokho uhlala ezweni elingcolile. Uma umuntu engene shi odakeni kanye nabanye, futhi kungekho lutho olungcwele ngaye, futhi engenaso isimo sokulunga, khona-ke akafaneleki ukwahlulela ububi bomuntu, futhi akafaneleki ukwahlulela umuntu. Uma umuntu ubezokwahlulela omunye, bekungeke yini kube sengathi uzishaya ngempama ebusweni? Kungenzeka kanjani ukuthi abantu abangcole ngokulinganayo bafaneleke ukwahlulela labo abafana nabo? UNkulunkulu ongcwele uqobo Lwakhe kuphela ongakwazi ukwahlulela konke ukungcola kwesintu. Umuntu angazehlulela kanjani izono zomuntu? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu abone izono zomuntu, futhi kungenzeka kanjani ukuthi umuntu afaneleke ukulahla lezi zono? Uma uNkulunkulu wayengafaneleki ukwahlulela izono zomuntu, khona-ke kungenzeka kanjani ukuthi abe uNkulunkulu olungile uqobo Lwakhe? Lapho izimo zokonakala zabantu zembulwa, uNkulunkulu uyakhuluma ukuze ahlulele abantu, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho abantu bebona khona ukuthi ungcwele. Njengoba ahlulela futhi ecwenga umuntu ezonweni zakhe, ngaso sonke isikhathi udalula izono zomuntu, akekho umuntu noma into engabalekela lokhu kwahlulela; konke okungcolile kwahlulelwa Nguye, futhi kungalokho kuphela isimo Sakhe kuthiwa silungile. Uma bekungenjalo, bekungashiwo kanjani ukuthi niyiziqhathaniso ngegama nangeqiniso kokubili?

… Ubungcwele bukaNkulunkulu buboniswa ngabantu abavela ezweni elingcolile ; namuhla, usebenzisa ukungcola okubonakala kulaba bantu bezwe elingcolile, bese ehlulela, futhi ngenxa yalokho embulwe phakathi nokwahlulela. Kungani ahlulela? Uyakwazi ukukhuluma amazwi okwahlulela ngoba uyasizonda isono; wayengathukuthela kanjani kangaka uma engakuzondi ukuhlubuka kwesintu? Uma kungekho ukwenyanya Kuye, kungekho ukuzonda, uma engakushayi mkhuba ukuhlubuka kwabantu, khona-ke lokho kungabonisa ukuthi Naye ungcolile njengomuntu. Ukuthi angahlulela futhi acwenge umuntu kungenxa yokuthi uyakuzonda ukungcola, futhi lokho akuzondayo kuyinto engekho Kuye. Uma futhi bekukhona ukuphikisa noma ukuhlubuka Kuye, ubengeke abazonde labo abaphikisayo nabahlubukayo. Uma umsebenzi wezinsuku zokugcina bewenziwa kwa-Israyeli, bewungeke ube namsebenzi. Kungani umsebenzi wezinsuku zokugcina wenziwa eShayina, izwe elimnyama kakhulu nelisemuva kakhulu kunawo onke? Ukwenza ukuze abonise ubungcwele nokulunga Kwakhe. Ngamafuphi, ukuba mnyama kwendawo, kwenza ubungcwele bukaNkulunkulu bubonakale ngokucace ngokwengeziwe. Eqinisweni, konke lokhu kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

570. Kade ngabona ngokucacile izenzo ezehlukene zemimoya emibi. Futhi abantu abasetshenziswa yimimoya emini (labo abanezinhloso ezingalungile, labo abakhanukela inyama noma umcebo, labo abaziphakamisayo, labo abaphazamisa ibandla, njll.) futhi ngamunye baboniwe ngaphakathi Yimi. Ungazitsheli ukuthi konke kuphela lapho sekukhishwe imimoya emibi. Ake ngikutshele! Kusuka manje kuya phambili, ngizobalahla laba bantu ngamunye, ngingaphinde ngibasebenzise! Okusho ukuthi, noma yimuphi umuntu okhohlakaliswe yimimoya emibi ngeke asetshenziswe Yimi, futhi uyoxoshwa! Ungacabangi ukuthi anginayo imizwa! Yazi lokhu! NginguNkulunkulu ongcwele, futhi ngeke ngihlale ethempelini elingcolile! Ngisebenzisa kuphela abantu abaqotho futhi abahlakaniphile abethembeke ngokuphelele Kimi futhi abangacabangela umthwalo Wami. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abanjalo banqunyelwe kusengaphambili Yimi. Nakanjani ayikho nhlobo imimoya emibi esebenza kubo. Ake ngicacise into eyodwa: Kusuka manje kuya phambili, bonke labo abangenamsebenzi woMoya oNgcwele banomsebenzi wemimoya emibi. Ake ngiphinde: Angifuni noyedwa umuntu okusebenza kuye imimoya emibi. Bonke bayophonswa eHayidesi kanye nenyama yabo!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 76” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

571. Inyama eyembethwe uMoya kaNkulunkulu yinyama kaNkulunkulu uqobo. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unamandla onke, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, inyama Yakhe nayo iphakeme, inamandla onke, ingcwele, futhi ilungile. Inyama enjalo ingenza kuphela lokho okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla; akakwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma emelene nobuqotho nobulungiswa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu ungcwele, futhi ngaleyo ndlela inyama Yakhe ayikhohlakaliswa nguSathane; inyama Yakhe inengqikithi eyehlukile enyameni yomuntu. Ngoba ngumuntu, hhayi uNkulunkulu, okhohlakaliswa nguSathane; uSathane ngeke akwazi ukukhohlakalisa inyama kaNkulunkulu. Ngakho, nakuba umuntu noKristu bahlala endaweni efanayo, ngumuntu kuphela ongenwa, asetshenziswe, futhi abanjwe uSathane. Ngokwehlukile, uKristu akangenwa naphakade ukukhohlakala kukaSathane, ngoba uSathane ngeke aze akwazi ukukhuphukela endaweni ephezu kwakho konke, futhi ngeke aze akwazi ukusondela kuNkulunkulu. Namuhla, kufanele nonke niqonde ukuthi yisintu kuphela, esikhohlakaliswe nguSathane, esingikhaphelayo. Ukukhaphela akusoze kwaba yinkinga ebandakanya uKristu nakancane.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

572. UNkulunkulu uqobo akanakho ukungalaleli; ingqikithi Yakhe ilungile. Uyikho konke okuhle nokulungile, futhi uwuthando lonke. Noma esenyameni, uNkulunkulu akenzi into yokungalaleli uNkulunkulu uBaba. Ngisho noma ngabe kusho ukuthi akanikele ngempilo Yakhe, uzokwenza ngenhliziyo ekhululekile angafuni ukukhetha okunye. UNkulunkulu akanakho ukuzilungisa nokuzibona ebalulekile, noma ukuzidla nokuzikhukhumeza; akanakho ukungathembeki. Konke lokhu okungalaleli uNkulunkulu kuqhamuka kuSathane; uSathane nguye umsuka wobubi nenkohlakalo. Isizathu esenza ukuthi umuntu abe nezici ezifana nezikaSathane ukuthi umuntu wonakaliswe waphinde wasetshenzwa nguSathane. UKristu akonakalisiwe nguSathane, yikho enezimpawu zikaNkulunkulu futhi azikho ezikaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

573. “Ubungcwele bukaNkulunkulu” busho ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ayinasici kuthi uthando lukaNkulunkulu alunamhawu, konke uNkulunkulu akunika umuntu akunamhawu, futhi niyokwazi ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu abunasici futhi abunakusolwa. Lezi zingxenye zengqikithi kaNkulunkulu aziwona nje amagama awasebenzisela ukubukisa ngesikhundla Sakhe, kodwa esikhundleni salokho, uNkulunkulu usebenzisa ingqikithi Yakhe ukuze aphathe umuntu ngamunye ngobuqotho obuthule. Ngamanye amazwi, ingqikithi kaNkulunkulu ayilona ize, futhi ayiwona umbono wokucutshungulwa noma oyimfundiso, futhi ngokuqinisekile, ayilona uhlobo lolwazi. Ayiyona inhlobo yemfundo yomuntu; esikhundleni salokho iyisambulo sangempela sezenzo zikaNkulunkulu uqobo futhi iyingqikithi eyambuliwewe yalokho uNkulunkulu anakho nayikho.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

574. Ubungcwele bukaNkulunkulu engikhuluma ngabo buchaza ukuthini? Ake nicabange umzuzwana. Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu wukuba neqiniso Kwakhe? Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu wukwethembeka Kwakhe? Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuzidela Kwakhe? Ukuthobeka Kwakhe? Ukuthanda Kwakhe umuntu? UNkulunkulu unika umuntu iqiniso nokuphila ngokukhululekile—ngabe lokhu kuwubungcwele Bakhe? (Yebo.) Konke lokhu uNkulunkulu akuvezayo kuyingqayizivele futhi akukho phakathi kwesintu esikhohlakele, futhi akubonakali phakathi kwesintu. Akubonakali ngisho nophawu oluncane lwakho ngesikhathi sokukhohlakaliswa komuntu uSathane, noma esimweni esikhohlakele sikaSathane noma engqikithini noma emvelweni kaSathane. Konke lokho uNkulunkulu anakho nayikho, kuyingqayizivele; nguNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela onalolu hlobo lwengqikithi. … Ingqikithi yobungcwele uthando lweqiniso, kodwa ngaphezu kwalokhu, buyingqikithi yeqiniso, ukulunga nokukhanya. Igama elithi “ngcwele” lifanele kuphela uma lisetshenziswa kuNkulunkulu; ayikho into endalweni efanele ukubizwa ngokuthi ingcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

575. Ngenkathi uNkulunkulu eza emhlabeni ubengeyena owomhlaba futhi akazange abe senyameni ukuze athokozele umhlaba. Indawo lapho ukusebenza bekungembula isimo Sakhe futhi kube nomqondo kakhulu yindawo lapho azalelwa khona. Noma ngabe yizwe elingcwele noma elingcolile, futhi noma ngabe usebenza kuphi, ungcwele. Yonke into emhlabeni yadalwa nguYena; ukuthi nje yonke into ikhohlakaliswe nguSathane. Nokho, zonke izinto kusengeZakhe; zonke zisezandleni Zakhe. Uza ezweni elingcolile azosebenza khona ukuze embule ubungcwele Bakhe; lokhu ukwenzela umsebenzi Wakhe kuphela, okusho ukuthi, ubekezelela ukuthotshiswa okukhulu ngokwenza umsebenzi onjalo ukuze asindise abantu baleli zwe elingcolile. Lokhu kwenzelwe ukwethula ubufakazi, ngenxa yaso sonke isintu. Umsebenzi onjalo ukhomnisa abantu ukulunga kukaNkulunkulu, futhi ukwazi kangcono ukuveza ubukhosi bukaNkulunkulu. Ubukhulu nobuqotho Bakhe bubonakala ekusindiseni iqembu labantu abaphansi abedelelwa ngabanye. Ukuzalelwa ezweni elingcolile akufakazeli nakanye ukuthi uphansi; kuvumela nje yonke indalo ukuba ibone ubukhulu nothando Lwakhe lweqiniso esintwini. Uma enza kanje ngokwengeziwe lwembuleka ngokwengeziwe uthando Lwakhe olumsulwa kumuntu, uthando Lwakhe olungenasici. UNkulunkulu ungcwele futhi ulungile. Yize azalelwa ezweni elingcolile, futhi yize ehlala nalabo bantu abagcwele ukungcola, njengoba uJesu wahlala nezoni eNkathini Yomusa, akuwona wonke yini umsebenzi Wakhe owenzelwe ukusinda kwaso sonke isintu? Akukhona yini ukuthi sonke isintu sizuze insindiso enkulu? Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, wayehlala nezoni iminyaka eminingi. Lokho kwakwenzelwa ukuhlenga. Namuhla, uhlala neqembu labantu abangcolile, abaphansi. Lokhu kungenxa yosindiso. Akukhona ukuthi wonke umsebenzi Wakhe wenzelwe nina bantu? Uma ngabe bekungekhona ukusindisa isintu, kungani waphila wahlupheka nezoni iminyaka eminingi kangaka emva kokuzalelwa emkhombeni? Uma ngabe bekungekhona ukusindisa isintu, ubezobuyelelani enyameni ihlandla lesibili, azalelwe kuleli zwe lapho amadimoni ebuthana khona, ahlale nalaba bantu abakhohlakaliswe ngokujulile nguSathane? Ngabe uNkulunkulu akathembekile? Iyiphi ingxenye yomsebenzi Wakhe ebingenziwa ngenxa yesintu? Iyiphi ingxenye ebingenzelwa lokho omiselwe khona? UNkulunkulu ungcwele—lokhu akuguquki! Akangcoliswa ukungcola, yize eze ezweni elingcolile; konke lokhu kuchaza ukuthi uthando lukaNkulunkulu esintwini luzidela ngokwedlulele, nokuhlupheka nokuthotshiswa akubekezelelayo kukhulu ngokwedlulele!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubaluleka Kokusindisa Isizukulwana SikaMowabi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

576. Imibono yakho, imicabango yakho, ukuziphatha kwakho, amazwi kanye nezenzo zakho—ingabe zonke lezi zinkulumo azifani yini nesiqhathaniso ekulungeni nasebungcweleni bukaNkulunkulu? Ingabe izinkulumo zenu azibonisi yini isimo esonakele esembulwe amazwi kaNkulunkulu? Imicabango kanye nemibono yakho, izisusa zakho nokonakala okwambulwe kuwe kubonisa isimo sokulunga sikaNkulunkulu, kanye nobungcwele Bakhe. UNkulunkulu, naye, wazalwa ezweni elingcolile, kodwa wahlala engangcolisiwe ukungcola. Uphila ezweni elifanayo lokungcola njengawe, kodwa unokucabanga kanye nombono, futhi uyakwenyanya ukungcola. Kungenzeka ungakwazi ngisho nokubona into engcolile emazwini nasezenzweni zakho, kodwa Yena uyakubona, futhi uyakutshela ngakho. Lezo zinto zakho ezindala—ukuntula isikhuthazo, ukuqonda, ingqondo, kanye nezindlela zakho ezisilele zokuphila—manje zibekwe obala yizambulo zanamuhla; ukuza emhlabeni kukaNkulunkulu ezosebenza kuphela okwenze abantu babona ubungcwele kanye nesimo sokulunga Kwakhe. Uyakwahlulela futhi akucwenge, akwenze ube nokuqonda; ngezinye izikhathi, kubonakala imvelo yakho yobudimoni, futhi akwazise ngayo. Wazi ingqikithi yomuntu njengentende yesandla Sakhe. Uphila phakathi kwenu, udla ukudla okufana nokwakho, futhi uphila endaweni efanayo—kodwa noma kunjalo, wazi okwengeziwe; angakudalula futhi abone ingqikithi eyonakele yesintu. Ayikho into ayenyanya ukwedlula amafilosofi okuphila nokonakala kanye nokukhohlisa komuntu. Uzonda kakhulu ukusebenzelana okungokwenyama kwabantu. Kungenzeka ukuthi akajwayelene namafilosofi omuntu okuphila, kodwa angazibona futhi azidalule ngokucacile izimo ezonakele ezembulwa abantu. Usebenza ukukhuluma nokufundisa umuntu ngalezi zinto, usebenzisa lezi zinto ukwahlulela abantu, kanye nokubonisa isimo Sakhe sokulunga nobungcwele. Ngakho abantu baba yiziqhathaniso zomsebenzi Wakhe. UNkulunkulu kuphela osenyameni ongabeka obala izimo zokonakala komuntu kanye nazo zonke izici ezimbi zikaSathane. Nakuba engakujezisi, futhi emane esebenzisa wena njengesiqhathaniso sokulunga kanye nobungcwele Bakhe, uzizwa unamahloni futhi ungatholi ndawo yokuzifihla, ngoba ungcole kakhulu. Ukhuluma esebenzisa lezo zinto ezidalulwe kumuntu futhi kuba kuphela lapho lezi zinto zibekwa obala lapho abantu beqaphela khona ukuthi ungcwele kangakanani uNkulunkulu. Akashalazeleli ngisho nokuncane ukungcola kubantu, hhayi ngisho nemicabango engcolile ezinhliziyweni zabo; uma amazwi nezenzo zabantu ziphambana nentando Yakhe, khona-ke akazivuni. Emazwini Akhe, ayikho indawo yokungcola kwabantu noma yanoma yini enye—konke kufanele kubekwe obala.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

577. Ngeke nibone uNkulunkulu eba nemibono efana naleyo abantu abanayo ngezinto, futhi, ngaphezu kwalokho, ngeke nimbone esebenzisa imibono, ulwazi, isayensi, ifilosofi noma ukucabanga komuntu ukubhekana nezinto. Esikhundleni salokho, konke uNkulunkulu akwenzayo kanye nakho konke akwambulayo kuxhumene neqiniso. Okungukuthi, wonke amazwi awashilo kanye nazo zonke izenzo azenzile ziphathelene neqiniso. Leli qiniso aliyona into nje eyiphupho elingenasisekelo; leli qiniso nala mazwi kuvezwa nguNkulunkulu ngenxa yengqikithi kanye nokuphila Kwakhe. Ngenxa yokuthi la mazwi kanye nengqikithi yakho konke uNkulunkulu akwenzile kuyiqiniso, singasho ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ingcwele. Ngamanye amazwi, konke uNkulunkulu akushoyo nakwenzayo kuletha umdlandla nokukhanya kubantu, kuvumela abantu ukuthi babone izinto ezinhle kanye nobukhona bangempela balezo zinto ezinhle, futhi kukhombisa isintu indlela ukuze sihambe endleleni elungile. Lezi zinto zinqunywa yingqikithi kaNkulunkulu nayingqikithi yobungcwele Bakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele V” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

578. Uma usubuqonda ubungcwele bukaNkulunkulu, yilapho ungakwazi ngempela ukukholwa kuNkulunkulu; uma usubuqonda ubungcwele bukaNkulunkulu, yilapho ungayiqonda ngempela incazelo yangempela yamagama athi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele.” Ngeke usacabanga sakuphupha, ukuthi kukhona ezinye izindlela ngaphandle kwalena ongakhetha ukuyihamba, futhi ngeke usafuna ukukhaphela konke uNkulunkulu akulungisele khona. Ngoba ingqikithi kaNkulunkulu ingcwele, kusho ukuthi ungakwazi ukuhamba empilweni ngendlela elungile yokukhanya; ngoNkulunkulu kuphela. Ungathola ukwazi incazelo yempilo ngoNkulunkulu kuphela; ungaphila ubuntu bangempela, futhi ube neqiniso futhi ulazi iqiniso ngoNkulunkulu kuphela. Ungakwazi ukuthola ukuphila eqinisweni ngoNkulunkulu kuphela. UNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela ongakusiza ukuthi ugweme ububi futhi akuhlenge ekulinyazweni nokulawulwa uSathane. Ngaphandle kukaNkulunkulu, akekho umuntu futhi ayikho into engakusindisa olwandle lokuhlupheka ukuze ungabe usahlupheka: Lokhu kunqunywa yingqikithi kaNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela okusindisa ngokuzidela okukhulu, uNkulunkulu kuphela ekugcineni ophethe ikusasa lakho, lokho okudalelwe kanye nokuphila kwakho, futhi ukuhlelela zonke izinto. Lokhu yinto engeke ifezwe yilutho oludaliwe noma olungadalwanga. Ngoba akukho okudaliwe noma okungadalwanga okunengqikithi efana nekaNkulunkulu, akukho umuntu noma into enamandla okukusindisa noma okukuhola. Lokhu ukubaluleka kwengqikithi kaNkulunkulu kumuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

579. Sonke lesi sikhathi, ngibambe umuntu ngemithetho eqinile. Uma ubuqotho bakho buhambisana nezinhloso nemibandela, kungono ukuthi ngingabi nakho lokhu enikubiza ngobuqotho, ngoba ngiyabazonda labo abangikhohlisa ngezinhloso zabo futhi bangiluthe ngezimo. Ngifisa kuphela sengathi umuntu abe qotho ngokuphelele Kimi, hhayi komunye umuntu, futhi enze zonke izinto ngenxa yami abonise ubuqiniso futhi afakazele leli gama elilodwa elithi: ukholo. Ngiyakwenyanya ukusebenzisa kwenu amazwi amtoti ukuze ningenze ngijabule. Ngoba ngihlale nginiphatha ngobuqotho obuphelele futhi ngifisa ukuthi nani nenze ngokholo lweqiniso kimi.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

580. Kumele wazi ukuthi ngifisa uhlobo olunjani lwabantu; abangcolile abavunyelwe ukungena embusweni, abangcolile abavunyelwe ukungcolisa umhlabathi oNgcwele. Nakuba kungenzeka wenze umsebenzi omkhulu, futhi ususebenze iminyaka, uma ekugcineni useokungcola okuthunazayo—akubekezeleleki emthethweni weZulu ukuthi ufuna ukungena embusweni Wami! Kusukela ekusekelweni komhlaba kuze kube namuhla, angikaze ngilokothe ngivule intuba elula yokungena embusweni Wami ngenxa yalabo abazincengela Kimi. Lona umthetho wezulu, akekho ongawephula! Kumele ufune ukuphila. Namuhla, labo abayopheleliswa bawuhlobo olufana noPetru: Yilabo abafuna uguquko esimweni sabo semvelo, abafuna ukufakaza ngoNkulunkulu benze nomsebenzi njengesidalwa sikaNkulunkulu. Abantu abafana nalaba kuphela abayopheleliswa. Uma ufuna kuphela imiklomelo, ungafuni ukuguqula isimo sokuphila kwakho kuphela, yonke imizamo yakho iyoba yize—lokho iqiniso elingenakuguqulwa!

Kucashunwe embhalweni othi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

581. UNkulunkulu uyilokhu ayikho futhi unalokhu anakho. Konke akuvezayo nakwembulayo kumela ubunjalo bakhe nomfanekiso wakhe. Lokho ayikho nalokho anakho, kanye nobunjalo nomfanekiso Wakhe, yizinto ezingeke zivalelwe isikhala ngumuntu. Isimo Sakhe sihlanganisa uthando Lwakhe ngesintu, induduzo ngesintu, inzondo ngabantu, futhi ikakhulu, ukusiqonda ngokuphelele isintu. Isimo somuntu, nokho, singase sinikeze ithemba, sigcwale impilo, noma singabi namuzwa. Isimo sikaNkulunkulu singesoMbusi wazo zonke izinto nezidalwa eziphilayo, eseNkosi yayo yonke indalo. Isimo Sakhe simela ukuhlonipheka amandla, ukuphakama, ubukhulu, futhi okubaluleke kakhulu, ukuba phezulu. Isimo Sakhe siwuphawu lwegunya, uphawu lwakho konke okulungile nokuhle. Ngaphezu kwalokho, siwuphawu Lwakhe ongeke[a] acindezelwe noma ahlaselwe ubumnyama kanye nanoma imaphi amandla ezitha, futhi siwuphawu Lwakhe ongasoze oniwe (futhi ongeke akumele ukoniwa)[b] yinoma yini edaliwe. Isimo Sakhe siwuphawu lwamandla aphakeme kakhulu. Akukho muntu noma abantu abangakwazi noma abangaphazamisa umsebenzi Wakhe noma isimo Sakhe. Kodwa ubuntu bomuntu abuyilutho olwedlula uphawu nje lobukhudlwana bomuntu kunesilwane. Umuntu kuye nangokwakhe akanalo igunya, ukuzilawula nokwazi ukweqa imingcele yobuntu, kodwa engqikithini yakhe uyilowo oqhaqhazela emseni walo lonke uhlobo lwabantu, izehlakalo nezinto. Injabulo kaNkulunkulu ibangelwa ubukhona nokuvela kokukulunga nokukhanya; ngenxa yokushabalaliswa kobumnyama nobubi. Ujabuliswa ukuthi ulethe ukukhanya nokuphila okumnandi kubantu; injabulo Yakhe yinjabulo elungile, iwuphawu lokuba khona kwakho konke okuhle futhi, okubaluleke kakhulu, iwuphawu lwentokozo. Intukuthelo kaNkulunkulu ibangelwa ukuba khona kokungalungi nokuphazamisa okukudalayo okulimaza isintu Sakhe; ngenxa yokuba khona kobubi nobumnyama, ukuba khona kwezinto ezihlanekezela iqiniso, ngisho nokuba khona kwezinto ezimelana nezinto ezilungile nezinhle. Intukuthelo Yakhe iwuphawu lokuthi azisekho izinto ezimbi, futhi iwuphawu lobungcwele Bakhe. Ukudabuka Kwakhe kubangelwa isintu, anethemba ngaso kodwa esiwele ebumnyameni, ngoba umsebenzi awenza kumuntu awufinyeleli kulokho akulindele, nangenxa yokuthi isintu asithandayo asikwazi sonke ukuphila ekukhanyeni. Uyadabuka ngesintu esingenacala, ngomuntu othembekile kodwa ongazi lutho, nangomuntu olungileyo kodwa ontulayo emibonweni yakhe. Ukudabuka Kwakhe kuwuphawu lokulunga nomusa Wakhe, uphawu lobuhle nobumnene. Injabulo Yakhe, ngokusobala, isuka ekunqobeni izitha Zakhe, nokuthola ukholo lwabantua. Ngaphezu kwalokho, ibangelwa ukuxoshwa nokubhujiswa kwazo zonke izitha bese isintu sithola ukuphila okumnandi nokunokuthula. Injabulo kaNkulunkulu ayifani neyomuntu; kunalokho iwumuzwa wokwamukela izithelo ezinhle, okuwumuzwa ongaphezu kwenjabulo. Injabulo Yakhe iwuphawu lwesintu sikhululeka ekuhluphekeni kusuka manje kuya phambili nophawu lokungena ezweni lokukhanya. Imizwa yesintu, ngakolunye uhlangothi, yonke ikhona ngenxa yokuthandwa nguye, hhayi ngenxa yokulunga, ukukhanya, noma ngenxa yokuhle, ingasaphathwa eyawo wonke umusa onikezwe yiZulu. Imizwa yesintu inobugovu futhi eyasezweni lobumnyama. Ayikho ngenxa yentando kaNkulunkulu, ingasaphathwa eyohlelo lukaNkulunkulu, ngakho umuntu noNkulunkulu akunakwenzeka kukhulunywe ngabo ngesikathi esisodwa. UNkulunkulu unamandla mkhulu futhi uhloniphekile kuze kube phakade, kanti umuntu eyohlale ephansi, engenamsebenzi. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uhlale enza imihlatshelo ezinikela esintwini; umuntu, nokho, uhlale ezithathela futhi ezizamela yena kuphela. UNkulunkulu uhlale ehluphekela ukuphila kwesintu, kodwa abantu abanikeli lutho ngenxa yokukhanya noma ukulunga. Ngisho noma umuntu esebenza okwesikhashana, akwenzayo kubuthaka ngendlela yokuthi ngeke kumele ngisho igalelo elilodwa, ngoba umsebenzi womuntu uhlale ungowokuzuzisa yena hhayi abanye. Umuntu uhlale enobugovu, lapho uNkulunkulu ehlale ezidela. UNkulunkulu ungumthombo wakho konke okunobulungiswa, okulungile, nokuhle, kodwa umuntu yilowo ophumelela ekwenzeni futhi oveza bonke ububi nokukhohlakala. UNkulunkulu akasoze aguquka ubunjalo bakhe bokulunga nobuhle, kodwa umuntu ukwazi ngokuphelele, noma nini, nakusiphi isimo ukumelana nokulunga nokwedukela kude noNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

582. Ukungabekezelelani nesinengiso kukaNkulunkulu kungubukhona Bakhe obukhethekile; ulaka lukaNkulunkulu luyisimo Sakhe esikhethekile; ubukhosi bukaNkulunkulu bungubukhona Bakhe obukhethekile. Isimiso ngemuva kwentukuthelo kaNkulunkulu sikhombisa ubunjalo nesikhundla okunguyena yedwa onaso. Akudingi ukuthi umuntu asho ukuthi kubuye kube nguphawu lobukhona bukaNkulunkulu oyingqayizivele Uqobo Lwakhe. Isimo sikaNkulunkulu singubukhona obusemvelweni Bakhe. Asiguquki nhlobo ngokuhamba kwesikhathi, futhi asiguquki ngokuguquka kwendawo. Isimo Sakhe ngokwemvelo umongo wobukhona Bakhe. Akukhathaleki ukuthi umsebenzi Wakhe uwenza kubani, ubukhona Bakhe abuguquki, futhi nesimo Sakhe esilungile asiguquki. Uma umuntu ethukuthelisa uNkulunkulu, lokho akuthumelayo kuyisimo Sakhe semvelo; ngalesi sikhathi isimiso emuva kwentukuthelo Yakhe asiguquki, futhi nobuyena nesikhundla Sakhe akuguquki. Akathukutheli ngenxa yoguquko ebukhoneni Bakhe noma ngenxa yokuthi isimo Sakhe sesikhiphe izinto ezihlukile, kodwa ngenxa yesimo somuntu esinengisa isimo Sakhe. Ukucasula ngamabomu komuntu ecasula uNkulunkulu, kuyinselelo enzima kubunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu. Ngokubuka kukaNkulunkulu, uma umuntu emphonsela inselelo, umuntu uyambangisa futhi uvivinya intukuthelo Yakhe. Uma umuntu emelana noNkulunkulu, uma umuntu ebanga noNkulunkulu, uma umuntu evivinya intukuthelo kaNkulunkulu ephindelela—okwenzeka futhi lapho abantu bephikelela benza isono umathanda—ulaka lukaNkulunkulu ngokwemvelo luyaziveza, lubonakale. Ngakho ukubonakalisa kukaNkulunkulu ulaka Lwakhe kuwuphawu lokuthi wonke amandla obumnyama ayoshabalala; kuwuphawu lokuthi wonke amandla obutha ayobhujiswa. Lokhu ubungqayizivele besimo esilungile sikaNkulunkulu futhi ngubungqayizivele bolaka lukaNkulunkulu. Uma isizotha nobungcwele bukaNkulunkulu buvivinywa, lapho amandla okulunga evinjelwa futhi engabonwa ngumuntu, uNkulunkulu uthumela ulaka Lwakhe. Ngenxa yobukhona bukaNkulunkulu, wonke la mandla emhlabeni abanga noNkulunkulu, amelana Naye futhi alwe Naye mabi, onakele futhi akalungile; asuka futhi kuSathane. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ulungile, ungowokukhanya futhi ungcwele ngokungenachashazi, konke okubi, okonakele futhi okukaSathane kuyonyamalala ngokudedelwa kolaka lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka ngokuthi “kuwuphawu lokungakwazi ukuba.”

b. Umbhalo wokuqala walapha ufundeka ngokuthi “ukungakwazi ukuba (yebo nakanjani, ukungavunyelwa ukuba ube wenze njalo).”

Okwedlule: B. Ngesimo SikaNkulunkulu Esilungileyo

Okulandelayo: D. NgoNkulunkulu Njengomthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp