Ukubonakala KukaNkulunkulu Nomsebenzi Wakhe

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 46)

Ukudumisa kufikile eSiyoni futhi indawo yokuhlala kaNkulunkulu ibonakele. Igama elihle elingcwele lidunyiswa yibo bonke abantu, futhi liyasabalala. A, Nkulunkulu uSomandla! Inhloko yezulu nomhlaba, uKristu wezinsuku zokugcina—uyiLanga elikhanyayo, futhi uphakeme phezu kweNtaba iSiyoni enobukhosi futhi emangalisayo kulo lonke izulu nomhlaba …

Nkulunkulu uSomandla! Siyakuhalalisela; siyadansa futhi siyacula. UnguMhlengi wethu ngempela, iNkosi enkulu yezulu nomhlaba! Sewenze iqembu labanqobi, futhi ugcwalise uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu. Bonke abantu bagelezela kule ntaba. Bonke abantu bayoguqa phambi kwesihlalo sobukhosi! Ungoyedwa nokuphela kukaNkulunkulu wangempela futhi ufanelwe yinkazimulo nokuhlonipheka. Yonke inkazimulo, ukudunyiswa, negunya akube sesihlalweni sobukhosi! Umthombo wokuphila ugeleza usuka esihlalweni sobukhosi, unisela futhi wondla abantu bakaNkulunkulu. Impilo iguquka nsuku zonke; ukukhanya nezambulo ezintsha kuyasilandela, kuhlala kusinika ulwazi olusha ngoNkulunkulu. Ukuba nesiqiniseko ngoNkulunkulu ngokuhlangenwe nakho; amazwi Akhe ahlala ebonakala, ebonakala kulabo abafanele. Ngempela sibusiswe kakhulu! Ukubhekana ubuso nobuso noNkulunkulu nsuku zonke, sikhuluma noNkulunkulu kukho konke, futhi sinika uNkulunkulu ubukhosi kukho konke. Sizindla ngezwi likaNkulunkulu ngokucophelela, izinhliziyo zethu zizothile kuNkulunkulu, futhi ngalokho siza phambi kukaNkulunkulu lapho sithola khona ukukhanya Kwakhe. Ekuphileni kwethu, ezenzweni, emazwini, emicabangweni, nasemiqondweni kwansuku zonke, siphila ngaphakathi kwezwi likaNkulunkulu, futhi sihlala sinokwahlukanisa. Izwi likaNkulunkulu lifaka intambo enalithini; izinto ezifihlwe phakathi zibonakala enye emva kwenye kungalindelwe. Ukuhlanganyela noNkulunkulu akunakubanjezelwa; imicabango nemiqondo kubekwa obala nguNkulunkulu. Kuwo wonke umzuzu siphila phambi kwesihlalo sikaKristu lapho sedlula khona ekwahlulelweni. Yonke ingxenye yemizimba yethu ilokhu ihleli uSathane. Namuhla, ithempeli likaNkulunkulu kufanele lihlanzwe ukuze kubuyiswe ubukhosi Bakhe. Ukuze siphathwe nguNkulunkulu ngokuphelele, kufanele sedlule empini yokuphila nokufa. Kulapho kuphela ubuntu bethu obudala sebubethelwe lapho ukuphila kukaKristu okuvukile bungabusa ngobukhosi.

Manje uMoya oNgcwele uhlasela amagumbi onke ethu ukuze uqale impi yokubuyisa! Uma nje sikulungele ukuzincisha futhi sizimisele ukubambisana noNkulunkulu, uNkulunkulu noma nini uyokhanyisa futhi ahlanze ingaphakathi lethu, futhi abuyise kabusha lokho uSathane akuthathile, ukuze sikwazi ukupheleliswa nguNkulunkulu ngokushesha okungenzeka. Ungachithi isikhathi, futhi njalo hlala uphila ngaphakathi kwezwi likaNkulunkulu. Yakheka kanye nabangcwele, ngeniswa embusweni, futhi ungene enkazimulweni noNkulunkulu.

kuvela embhalweni othi “Isahluko 1” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 47)

Ibandla laseFiladelfiya selithole isimo, futhi lokhu kube ngokuphelele ngenxa yomusa nobubele bukaNkulunkulu. Abangcwele bakhiphe uthando lwabo lukaNkulunkulu futhi abazange baphambuke endleleni yabo yokomoya. Baqinile ekukholweni kwabo ukuthi uNkulunkulu wangempela ongukuphela Kwakhe ube yinyama, ukuthi uyiNhloko yezulu nomhlaba olawula zonke izinto—lokhu kuqinisekiswa nguMoya oNgcwele futhi kufakazelwa ngobufakazi obuqanda ikhanda! Akunakuguquka!

O, Nkulunkulu uSomandla! Namuhla uvule amehlo ethu angokomoya, uvumela ukuthi izimpumputhe zibone, izishosha zihambe, abanochoko ukuba basinde. Uvule ifasitela lezulu futhi sibone izimfihlakalo zomhlaba ongokomoya. Amazwi Akho angene kithi, futhi usisindisile ebuntwini obukhohlakele obulethwe nguSathane. Lokhu kuwumsebenzi Wakho omkhulu kanye nomusa Wakho omkhulukazi. Singofakazi Bakho!

Uthobeke futhi wafihlakala ekuthuleni isikhathi eside. Wedlule ekuvukeni nokuhlupheka kokubethelwa; waze intokozo nosizi lokuphila komuntu kanye nokushushiswa nobunzima. Uzwe futhi wanambitha ubuhlungu bomhlaba womuntu, futhi ushiywe yinkathi. UNkulunkulu osesimweni somuntu unguNkulunkulu Ngokwakhe. Usisindisile engqumbini yobulongwe ngenxa yentando kaNkulunkulu wase usiphakamisa ngesandla Sakho sokudla; umusa Wakho unikezwe thina mahhala. Wenza imizamo engapheli yokufaka ukuphila Kwakho kithina; inani olikhokhile ngegazi, umjuluko, nezinyembezi Zakho lokhu kukwabangcwele. Siyizikhonzi zemizamo Yakho yokuzikhandla; siyinani olikhokhayo.

O, Nkulunkulu Somandla! Kungenxa yothando nobubele Bakho, ukulunga nobukhosi Bakho, ubungcwele nokuthobeka Kwakho ukuba bonke abantu bayokhothama phambi Kwakho futhi bakukhonze kuze kube phakade.

Namuhla uphelelelise wonke amabandla—ibandla laseFiladelfiya—eliwukufezwa kohlelo Lwakho lokuphatha lweminyaka eyizi-6,000. Abangcwele manje sebengalalela ngokuthobeka phambi Kwakho; baxhumene nabanye emoyeni futhi bayaphelezelana othandweni. Baxhumene nomthombo wesiphethu. Amanzi okuphila aphilayo agobhoza ngokungapheli futhi asusa aphinde ahlanze konke ukungcola nodoti ebandleni, ephinda futhi ehlanza ithempeli. Simazile uNkulunkulu wangempela ongokoqobo, sahamba ngaphakathi kwamazwi Akhe, sabona imisebenzi yethu nokufanele sikwenze, futhi senza konke esingakwenza ukuze sizidele ngenxa yebandla. Kufanele sithathe yonke imizuzu ukuze sithule phambi Kwakho futhi silalele umsebenzi woMoya oNgcwele ukuze intando Yakho ingavimbeleki kithi. Phakathi kwabangcwele kukhona ukuthandana, futhi ukuqina kwabanye kuyovala isikhala sokwehluleka kwabanye. Bangahamba emoyeni kuyo yonke imizuzu futhi bazuze ukukhanyiselwa nokukhanya koMoya oNgcwele. Benza iqiniso masinyane emva kokuliqonda; bahambisana nokukhanya okusha futhi balandele izinyathelo zikaNkulunkulu.

Bambisana ngenkuthalo noNkulunkulu; ukumdedela alawule kungukuhamba Naye. Yonke imiqondo yakho, imicabango nemibono, konke ukuxakeka kwethu komhlaba, kushabalala emoyeni njengentuthu. Sivumela uNkulunkulu abuse emoyeni wethu, sihambe Naye futhi sizuze ukwedlula kokuyimvelo, sinqobe umhlaba, futhi imimoya yethu iyandiza iphinde ithole ukukhululwa; lena yimiphumela yokuba yiNkosi kukaNkulunkulu uSomandla. Kungenzeka kanjani singadansi futhi singaculi izindumiso, sinikeze ukudumisa kwethu, futhi sinikeze amaculo amasha?

Empeleni ziningi izindlela zokudumisa uNkulunkulu: ukumemeza igama Lakhe, ukusondela Kuye, ukucabanga Ngaye, ukufunda okuwukuthandaza, ukuhlanganyela, ukucabanga, ukuzindla, umthandazo, namaculo okudumisa. Kulezi zinhlobo zokudumisa kunokuthokoza, futhi kunogcobo; kukhona amandla ekudumiseni futhi kukhona nomthwalo. Kunokholo ekudumiseni, futhi kunolwazi olusha.

Bambisana ngenkuthalo noNkulunkulu, sebenza ngokuhambisana nibe munye, nelisa intando kaNkulunkulu uSomandla, phuthuma ukuba ngumzimba wokomoya ongcwele, nyathela uSathane, futhi uqede isiphetho sakhe. Ibandla laseFiladelfiya lihlwithwe phambi kukaNkulunkulu futhi liyazibonakalisa enkazimulweni kaNkulunkulu.

kuvela embhalweni othi “Isahluko 2” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 48)

INkosi enqobile ihleli esihlalweni Sayo sobukhosi esikhazimulayo. Ifeze ukuhlenga futhi iholele bonke abantu Bayo ekubeni babonakale enkazimulweni. Iphethe izulu nomhlaba ezandleni Zayo futhi ngokuhlakanipha namandla Ayo obunkulunkulu yakhe futhi yenza iSiyoni eliqinile. Ngobukhosi Bayo yahlulela umhlaba omubi; yahlulela zonke izizwe nabo bonke abantu, umhlaba nezilwandle nazo zonke izinto eziphilayo kukho, kanye nalabo abadakwe yiwayini nokungabi nasimilo. UNkulunkulu nakanjani uyobahlulela, futhi nakanjani uyobathukuthelela futhi kulokho kuyokwembulwa ubukhosi bukaNkulunkulu. Ukwahlulela okunjalo kuyoshesha futhi kuyokwethulwa ngaphandle kokulibala. Umlilo wolaka lukaNkulunkulu uyohangula amacala abo amabi futhi inhlekelele iyobehlela noma nini; ngeke bazi ndlela yokuphunyuka futhi ngeke babe nendawo yokucasha, bayokhala bagedle amazinyo abo, futhi bayozilethela imbubhiso.

Amadodana kaNkulunkulu anqobile nakanjani ayohlala eSiyoni, angalishiyi nhlobo. Izihlwele ziyolalelisisa iphimbo Lakhe, ziyonakisisa izenzo Zakhe, futhi amazwi azo okudumisa Yena ngeke ame. UNkulunkulu wangempela ongukuphela Kwakhe ubonakele! Siyoqiniseka Ngaye emoyeni futhi simlandele eduze siphinde senze konke esingakwenza ukuze siphuthume phambili ngaphandle kokungabaza. Ukuphela komhlaba kuyembuleka phambi kwethu; impilo yebandla kanye nabantu, izindaba, nezinto ezisizungezile ziqinisa ukuqeqeshwa kwethu. Asiphuthume sibuyise izinhliziyo zethu ezithanda umhlaba kakhulu! Asiphuthume sibuyise ukubona kwethu okusithwe kakhulu! Ngeke sisanyathela siye phambili ngoba singase seqe imingcele futhi siyobamba izilimi zethu ukuze siphile ngezwi likaNkulunkulu, futhi ngeke sisaxabana ngenxa yezinzuzo nokulahlekelwa kwethu. A, kuyekeni—ukuthanda kwenu umhlaba nomcebo okunomhobholo! A, zikhululeni kukho—ukunamathela ngokunkonkoshela kubayeni benu nasemadodakazini namadodana enu! Lahlani imibono nobandlululo lwenu! Vuka, ngoba isikhathi sifushane! Umoya wakho mawubheke phezulu, bheka phezulu udedele uNkulunkulu alawule. Ungavumi ukuba ufane nenkosikazi kaLoti. Kuyadabukisa ukulahlwa! Kudabukisa ngempela! Vuka!

kuvela embhalweni othi “Isahluko 3” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 49)

Izintaba nemifula kulokhu kuguquka, imifudlana igeleza iya phambili, futhi impilo yomuntu imfushane kunomhlaba nesibhakabhaka. NguNkulunkulu uSomandla kuphela ongukuphila kwaphakade okuvukile, ezizukulwaneni kuphila phakade! Zonke izinto nezigameko zisezandleni Zakhe, uSathane ungaphansi kwezinyawo Zakhe.

Namuhla kungenxa yokukhetha kukaNkulunkulu okumiselwe kusengaphambili ukuthi usisindisile ekubanjweni nguSathane. Ngempela unguMhlengi wethu. Impilo yaphakade evukile kaKristu ibunjwe ngaphakathi kithina, ngakho simiselwe ukuxhumana nokuphila kukaNkulunkulu, singaba naye ubuso nobuso, singamudla, simphuze, futhi simthokozele. Lokhu kungukuzinikela okunesineke nokuzidela kukaNkulunkulu.

Izikhathi zonyaka ziyafika zihambe, zedlula emoyeni nesithwathwa, zihlangana nokuningi ukuhlupheka kwempilo, ukushushiswa nezinhlupheko, ukulahlwa nokunyundelwa ngumhlaba, amacala okubhacekwa nguhulumeni, ukholo noma ukuzimisela kukaNkulunkulu akunciphi. Ngenhliziyo ephelele ukuze intando kaNkulunkulu, ukuze uhlelo lukuphatha lukaNkulunkulu lufezeke, ubeka eceleni ukuphila Kwakhe. Ngenxa yabo bonke abantu Bakhe, akagodli mandla, ondla futhi enisela ngokucophelela. Kungakhathaleki ukuthi asazi, futhi silukhuni kangakanani, sidinga kuphela ukulalela phambi Kwakhe, futhi ukuphila okuvukile kukaKristu kuyoguqula imvelo yethu endala…. Ngenxa yala mazibulo amadodana, usebenza ngokungakhathali, udela ukudla nobuthongo. Ezinsukwini nobusuku obuningi, ekushiseni okuhangulayo nokubanda okushubisa umnkantsha okuningi, ubheka ngenhliziyo yonke eSiyoni.

Umhlaba, ikhaya, nomsebenzi kudeliwe, ngokuzimisela, engathintwa yizinjabulo zamhlaba…. Amazwi aphuma emlonyeni Wakhe ayasishaya, edalula izinto ezifihlwe phakathi ekujuleni kwezinhliziyo zethu. Kungenzeka kanjani singakholwa? Wonke umusho ophuma emlonyeni Wakhe uyafezeka noma ngasiphi isikhathi kithina. Zonke izenzo zethu, ezisobala nezangasese, azikho angazazi, akukho angakuqondi. Konke empeleni kuyokwambulwa phambi Kwakhe, phezu kwezinhlelo namalungiselelo ethu.

Ihleli phambi Kwakhe, imimoya yethu iyathokoza, ithokomele futhi izothile, ihlala izwa ingenalutho ngaphakathi, ikweleta uNkulunkulu ngempela. Lokhu kuyisimanga esingacabangeki futhi esingafezeki. UMoya oNgcwele ufakaza ngokwanele ukuthi uNkulunkulu uSomandla ukungukuphela kukaNkulunkulu wangempela! Akunakuphikiswa! Thina, leli qembu labantu, ngempela sibusiseke kakhulu! Ukuba akungenxa yomusa nobubele bukaNkulunkulu, bekufanele siye ekubhubheni futhi silandele uSathane. NguNkulunkulu uSomandla kuphela ongasisindisa.

A! Nkulunkulu uSomandla uNkulunkulu ongokoqobo! Nguwena ovule amehlo ethu angokomoya, okwenze sabona izimfihlakalo zomhlaba womoya. Amangelengele ombuso awapheli. Bheka futhi ulinde. Usuku alukwazi ukuba kude kakhulu.

Imililo yempi iyayaluza, intuthu yezibhamu iyantanta, isimo sezulu siyafudumala, isimo sezulu sendawo siyaguquka, ubhubhane luzosabalala, futhi abantu kufanele bafe, benethemba elincane lokuphila.

A! Nkulunkulu uSomandla uNkulunkulu ongokoqobo! Uyinqaba eqinile. Uyisiphephelo sethu. Sibuthana ngaphansi kwamaphiko Akho, futhi inhlekelele ngeke isifice. Lokhu kungukuvikela nokunakekela Kwakho okunobunkulunkulu.

Sonke siphakamisa amaphimbo ethu, ukucula izindumiso, izindumiso ezinkeneneza eSiyoni lonke! UNkulunkulu uSomandla onguNkulunkulu ongokoqobo usilungiselele leso siphetho esihle kakhulu. Bheka—bheka! Isikhathi asikwazi ukuba kude.

kuvela embhalweni othi “Isahluko 5” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 50)

Selokhu uNkulunkulu uSomandla—iNkosi yombuso—ebonakele, umklamo wokuphatha kukaNkulunkulu wambuleke ngokuphelele kulo lonke izulu nomhlaba. Akugcinanga kuphela ngokuthi ukuvela kukaNkulunkulu kubonakale eChina, kodwa igama likaNkulunkulu uSomandla libonakele kuzo zonke izizwe nakuwo wonke amazwe. Zonke zimemeza leli gama elingcwele, zifuna ukuhlanganyela noNkulunkulu noma ngayiphi indlela okungenzeka ngayo, ziqonda intando kaNkulunkulu uSomandla futhi zisebenza ngokuhambisana nebandla. UMoya oNgcwele usebenza ngale ndlela emangalisayo.

Izilimi zezizwe ezehlukene zehlukile kwezinye kodwa kunoMoya owodwa kuphela. Lo Moya uxhumanisa amabandla kuwo wonke umhlaba futhi uyinto eyodwa noNkulunkulu, akukho nomncane umahluko, futhi lokhu kuyinto engenakungatshazwa. UMoya oNgcwele manje uyababiza futhi izwi Lawo liyabavusa. Yizwi lomusa kaNkulunkulu. Bonke bamemeza igama elingcwele likaNkulunkulu uSomandla! Futhi bayadumisa futhi bayacula. Akunakwenzeka ukuba kube nokuphambuka emsebenzini woMoya oNgcwele, futhi laba bantu benza noma yini ukuqhubeka ngendlela efanele, abahlehli futhi izimangaliso zawo zinqwabelana phezu kwezinye izimangaliso. Kuyinto abantu abakuthola kulukhuni futhi kungenzeki ukuyicabanga.

UNkulunkulu uSomandla uyiNkosi yokuphila ezulwini nomhlaba! Uhleli esihlalweni sobukhosi esikhazimulayo futhi wahlulela umhlaba, ubusa konke, ubusa zonke izizwe; bonke abantu bayamkhothamela, bakhuleka Kuye, basondela Kuye futhi bakhuluma Naye. Kungakhathaleki ukuthi usukholwe isikhathi eside kangakanani kuNkulunkulu, siphakeme kangakanani isikhundla sakho noma kukhulu kangakanani ukuphakama kwakho, uma uphikisa uNkulunkulu enhliziyweni yakho kufanele wahlulelwe futhi uwe phambi Kwakhe, ukhiphe imisindo yokunxusa ngobuhlungu; lokhu impela kungukuvuna izithelo zezenzo zakho. Lo msindo wokulila ngumsindo wokuzwa ubuhlungu echibini lomlilo nesibabuli, futhi uyisililo sokujeziswa yinduku kaNkulunkulu yensimbi; lokhu kuwukwahlulelwa phambi kwesihlalo sikaKristu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 8” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 51)

“Ukubonakala kukaNkulunkulu” sekuvelile kuwo onke amabandla. NguMoya okhulumayo, ungumlilo onamandla, Uthwele ubukhosi futhi uyahlulela; UyiNdodana yomuntu, egqoke ingubo ekhawula phansi ezinyaweni, futhi ezibophe ngebhande legolide ezibeleni. Ikhanda Lakhe nezinwele Zakhe zimhlophe njengoboya bezimvu, namehlo Akhe efana nelangabi lomlilo; futhi izinyawo Zakhe zifana nethusi elihle, engathi zishiswa esithandweni; kanye nephimbo Lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi. Esandleni Sakhe sokudla uphethe izinkanyezi eziyisikhombisa, inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili isemlonyeni Wakhe nobuso Bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo!

Indodana yomuntu ibonakele, uNkulunkulu uqobo Lwakhe wembuliwe, inkazimulo kaNkulunkulu iphumile, njengelanga elikhanya ngamandla alo! Ubuso obukhazimulayo bukaNkulunkulu bukhanya ngokuxhophayo; akabani amehlo alokotha ambuke ngokumelana Naye? Ukumelana Naye kusho ukufa! Akukhonjiswa nesincane isihe nganoma yini eniyicabangayo enhlizweni yenu, noma liphi izwi enilikhulumayo noma yini eniyenzayo. Nonke nizoqonda futhi nibone ukuthi kuyini lokho enikuzuzile—lutho ngaphandle kwesahlulelo Sami! Ngingakubekezelela na uma ningakhombisi imizamo yokudla amazwi Ami, kepha niphazamisa ngokungaqondile futhi nicekela phansi isakhiwo Sami? Ngeke ngiluthambisele lolu hlobo lomuntu! Okudlula kulokhu nizoshiswa amalangabi! uNkulunkulu uSomandla uvela emzimbeni womoya, ngaphandle kwesicubu nesincane noma igazi okuxhumanisa ikhanda nozwane. Ungaphezulu komhlaba wonke jikelele, ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esikhazimulayo ezulwini lesithathu ephethe zonke izinto! Umhlaba nazo zonke izinto kusezandleni Zami. Uma ngikhuluma, kuyakuba njalo. Uma ngikuvumela, kuyakuba njalo. USathane ungaphansi kwezinyawo Zami, usemgodini ongenamkhawulo! Uma izwi Lami seliphumile, izulu nomhlaba kuyoshabalala kube ize leze. Zonke izinto ziyovuselelwa futhi konke lokhu yiqiniso elingaguquleki eliyiqiniso elikhulu kakhulu. Nginqobile umhlaba wonke, nganqoba bonke abenzi bobubi. Ngihleli la ngikhuluma nani, bonke abanezindlebe kufanele balalele nalabo abaphilayo kufanele bakwamukele.

Izinsuku ziyofika ekugcineni; konke okusemhlabeni kuyoshabalala kanti futhi zonke izinto ziyozalwa kabusha. Khumbula lokhu! Khumbula lokhu! Makungabikhona ukungabaza! Kuyodlula izulu nomhlaba kepha amazwi Ami awasoze adlula! Angininxuse futhi: Ningagijimeli ize! Vukani! Phendukani futhi insindiso isondele! Sengibonakele phakathi kwenu nephimbo Lami laphakama. Iphimbo Lami liphakamile phambi kwenu, libhekene ubuso nobuso nani mihla yonke, kukusha zonke izinsuku. Uyangibona futhi ngiyakubona, ngikhuluma nawe njalo, ngibhekene nawe ubuso nobuso. Kepha futhi uyangilahla, awungazi; izimvu Zami ziyalizwa izwi Lami kepha nisangabaza! Niyangabaza! Izinhliziyo zenu zilukhuni, amehlo enu avalwe uSathane futhi anikwazi ukubona “ubuso Bami obukhazimulayo”- kwaze kwadabukisa! Kwaze kwadabukisa!

Imimoya eyisikhombisa ephambili kwesihlalo Sami sobukhosi ithunyelwe kuwona wonke amagumbi amane omhlaba, futhi ngizothumela Isithunywa Sami ukuba siyokhuluma namabandla onke Ami. Ngilungile futhi ngithembekile, nginguNkulunkulu ohlolisisa ekujuleni kwenhliziyo yomuntu. UMoya ukhuluma namabandla futhi ngamazwi Ami lawo aphuma ngaphakathi kweNdodana Yami; labo abanezindlebe mabalalele! Labo abaphilayo mabamukele! Wadleni futhi niwaphuze, ningabi nokungabaza. Bonke labo abawathobelayo futhi abalalela amazwi Ami bazokwamukela izibusiso ezinkulu! Bonke labo abafuna ubuso Bami ngokweqiniso bayothola ukukhanya okusha, ukukhanyiselwa okusha nolwazi olusha; konke kuyoba kusha. Amazwi Ami ayobonakala kuwe noma nini futhi ayovula amehlo akho kaMoya ukuze ukwazi ukubona zonke izimfihlakalo zendawo yoMoya nokuthi umbuso uphakathi kubantu. Ngena esiphephelweni base wonke umusa nezibusiso kuyoba phezu kwakho, indlala nezifo ngeke zikuthinte, izimpisi, izinyoka, izingwe nezinhlosi ngeke zikwazi ukukulimaza. Uzohamba Nami futhi ungene Nami enkazimulweni!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 15” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 52)

UNkulunkulu uSomandla! Umzimba Wakhe wenkazimulo ubonakala obala, umzimba woMoya oyingcwele uyaphakama futhi unguNkulunkulu uqobo lwakhe ophelele! Umhlaba nenyama kokubili kuguquliwe futhi ukuguquka Kwakhe entabeni kuyisiqu sikaNkulunkulu. Ugqoke umqhele wegolide ekhanda Lakhe, izingubo Zakhe zimhlophe njengeqhwa, esifubeni uzibophe ngebhande legolide futhi zonke izinto ezisemhlabeni ziyisenabelo sezinyawo Zakhe. Amehlo Akhe efana nelangabi lomlilo, inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili iphakathi komlomo Wakhe futhi uphethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni Sakhe sokudla. Indlela eya embusweni igqame ngokungenamkhawulo futhi futhi inkazimulo Yakhe iyaphakama futhi iyakhanya; izintaba zinenjabulo futhi namanzi ayahleka, ilanga, inyanga kanye nezinkanyezi konke kuzungeza ngendlela ehlelekile, kwamukela, uNkulunkulu weqiniso oyingqayizivele, ukubuya kwakhe engumnqobi okumemezela ukuphothulwa kohlelo lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Bonke bayagxuma, bayadansa ngenjabulo. Halalisani! uNkulunkulu uSomandla uhleli esihlalweni Sakhe sobukhosi esikhazimulayo. Culani! Ibhanela lokunqoba likaSomandla liphakamiselwe phezu kweNtaba iSiyoni enobukhosi, emangalisayo! Zonke izizwe ziyahalalisa, bonke abantu bayacula, iNtaba yaseSiyoni iyahleka ngenjabulo, inkazimulo kaNkulunkulu ivukile! Ngisho emaphusheni angikaze ngicabange ukuthi ngiyobona ubuso bukaNkulunkulu kepha namhlanje ngibubonile. Ubuso nobuso Naye nsuku zonke, ngivula obala inhliziyo yami Kuye. Uhlinzeka ngobuningi konke okudliwayo nokuphuzwayo. Impilo, amazwi, izenzo, imicabango, nemibono—Ukukhanya Kwakhe okukhazimulayo kubakhanyisela bonke. Uhola sonke isinyathelo sendlela futhi uma kukhona inhliziyo ehlubukayo khona-ke isahlulelo Sakhe sehla ngokushesha.

Ukudla kanye noNkulunkulu, ukuhlala ndawonye, ukuphila ndawonye Naye, ukuhamba ndawonye, ukujabula ndawonye, ukuthola inkazimulo kanye nezibusiso ndawonye, ukwabelana ubukhosi noNkulunkulu, nokuba ndawonye embusweni- yeka ubumnandi! Ubumnandi obungaka! Sibhekene ubuso nobuso Naye nsuku zonke, sikhuluma nsuku zonke, sixoxa njalo njalo, siba nenkanyiselo entsha, nolwazi olusha nsuku zonke. Amehlo ethu okoMoya avulekile futhi sibona konke, zonke izimfihlakalo zoMoya zambuliwe kithina. Impilo engcwele imnandi ngempela. Gijima ngokushesha ungami, qhubekela phambili njalo, kunempilo emangalisa ngokwengeziwe phambili. Unganeliswa ukunambitheka okumnandi nje kepha funa ukungena kuNkulunkulu. Unakho konke futhi unenala futhi unazo zonke izinhlobo zezinto esiziswelayo. Bambisana ngokukhuthala, ungene kuYena futhi konke ngeke kuphinde kufane nangaphambili. Impilo yethu iyoba ngaphezu kwemvelo futhi akekho umuntu, udaba, noma into okungasiphazamisa.

Ukwedlula imvelo! Ukwedlula imvelo! Ukwedlula imvelo kwangempela! Impilo kaNkulunkulu eyedlula imvelo ingaphakathi futhi zonke izinto ziba nokuphumula! Sedlula umhlaba nezinto zomhlaba, maningezwa ukunamathela kubayeni noma ezinganeni, sedlula ukulawula kwezifo nezimo zendawo. USathane akalokothi asiphazamise. Sedlula zonke izinhlekelele—lokhu kungukuvumela uNkulunkulu athathe ubukhosi! Sinyathela uSathane ngaphansi kwezinyawo, sifakazela ibandla futhi sidalule ubuso obubi bukaSathane. Ukwakhiwa kwebandla kukuKristu, umzimba okhazimulayo uvukile—lokho ukuphila ekuhlwithweni!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 15” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 53)

UNkulunkulu uSomandla, uYise Ongunaphakade, iNkosana yokuThula, uNkulunkulu wethu uyabusa! UNkulunkulu uSomandla ubeka izinyawo Zakhe eNtabeni yeMinqumo. Kwaze kwaba kuhle! Lalelani! Thina balindi siphakamisela phezulu amaphimbo ethu; ngamaphimbo ethu sicula ndawonye, ngoba uNkulunkulu ubuyele eSiyoni. Sibona ngamehlo ethu incithakalo yeJerusalema. Phakamani ngenjabulo futhi nicule ndawonye, ngoba uNkulunkulu ulethe induduzo kithi futhi uhlenge iJerusalema. UNkulunkulu uvule ingalo Yakhe engcwele phambi kwezizwe zonke, isiqu sangempela sikaNkulunkulu sivelile! Onke amaphethelo omhlaba ayibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

O, Nkulunkulu Somandla! Imimoya eyisikhombisa ithunyelwe isuka esihlalweni Sakho sobukhosi iya kuwo wonke amabandla ukuze yambule zonke izimfihlakalo Zakho. Uhleli esihlalweni Sakho sobukhosi senkazimulo, uphathe umbuso Wakho waphinde wawuqinisa futhi wawusimamisa ngobulungiswa nangokulunga, futhi unqobe zonke izizwe phambi Kwakho. O, Nkulunkulu uSomandla! Uqaqe ibhande lensimbi lamakhosi, uvule amasango edolobhakazi phambi Kwakho, ngeke aphinde avalwe. Ngoba ukukhanya Kwakho kufikile nenkazimulo Yakho iyaphakama futhi ikhanya ngokugqamile. Ubumnyama bemboza umhlaba futhi nobumnyama buphezu kwabantu. O, Nkulunkulu! Wena, nokho, ubonakele futhi uphakamile phezu kwethu, futhi inkazimulo Yakho izobonakala kithi; zonke izizwe zizoza ekukhanyeni Kwakho namakhosi ekugqameni kokuphakama Kwakho. Uphakamisa amehlo Akho ubheke nxazonke: Amadodana Akho abuthana phambi Kwakho; futhi asuka kude; Amadodakazi Akho aphethwe ezingalweni. O, Nkulunkulu uSomandla! Uthando Lwakho olukhulu luyasibamba; Nguwe ohola ukuhamba kwethu endleleni eya embusweni Wakho futhi amazwi Akho angcwele asihlabayo.

O, Nkulunkulu uSomandla! Siyakubonga futhi siyakudumisa! Masibheke Kuwe, sikufakazele, sikuphakamise, futhi sikuhlabelelele ngenhliziyo eqotho, enokuzotha, necabanga into eyodwa. Masibe nomqondo owodwa futhi sakhiwe ndawonye, futhi masinya masibe yilabo abafuna inhliziyo Yakho futhi sengathi ungasenza labo abafuna inhliziyo Yakho, abasetshenziswa Nguwe. Silangazelela ukuthi intando Yakho yenziwe emhlabeni wonke ngaphandle kokuphazanyiswa.

kuvela embhalweni othi “Isahluko 25” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 54)

UNkulunkulu uSomandla unamandla onke, uzuza konke futhi unguNkulunkulu wangempela ophelele! Akaphethe izinkanyezi eziyisikhombisa, aphathe oMoya abayisikhombisa, abe namehlo ayisikhombisa, avule izimpawu eziyisikhombisa futhi avule umqulu kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho uphatha izinhlupho eziyisikhombisa nezitsha eziyisikhombisa futhi uvula imidumo eyisikhombisa; kudala ushaye amacilongo ayisikhombisa! Zonke izinto ezidalwe futhi zapheleliswa Nguye kufanele zimdumise, zimnike inkazimulo futhi ziphakamise isihlalo Sakhe sobukhosi. O, Nkulunkulu uSomandla! Uyikho konke, ufeze konke, futhi Ngawe konke kuphelele, konke kuyakhanya, konke kukhululiwe, konke kukhululekile, konke kuqinile futhi kunamandla! Akukho okucashile noma okufihliwe. Ngaphezu kwalokho, wahlulela inqwaba yezitha Zakho, ukhombisa ubukhosi Bakho, ukhombisa umlilo Wakho oqothulayo, ukhombisa ulaka Lwakho, futhi ngaphezu kwalokho ukhombisa inkazimulo Yakho engakaze ibonakale, engapheli, futhi engenamkhawulo! Bonke abantu kufanele bavuke futhi kufanele bahalalise futhi bahlabelele ngaphandle kokuzibamba, bedumisa usomandla, weqiniso lonke, wokuphila konke, ophanayo, okhazimulayo noNkulunkulu weqiniso osukela phakade aye phakade. Isihlalo Sakhe sobukhosi kufanele siphakanyiswe njalo, igama Lakhe elingcwele lidunyiswe futhi likhazimuliswe. Lokhu kuyintando kaNkulunkulu yaphakade futhi kuyizibusiso ezingenamkhawulo azembulela futhi azinike thina! Ngubani phakathi kwethu ongakutholi njengefa? Ukuze athole izibusiso zikaNkulunkulu, umuntu kufanele aphakamise igama likaNkulunkulu elingcwele futhi azokhonza ngokuzungeza isihlalo sobukhosi. Bonke labo abaya phambi Kwakhe ngezinye izizathu nezinye izinhloso bayoncibilikiswa ngumlilo Wakhe oqothulayo. Namuhla wusuku lapho izitha Zakhe zizokwahlulelwa khona, futhi zizobhubha ngalolu suku. Ngaphezu kwalokho wusuku uNkulunkulu uSomandla Wami ozokwambulwa ngalo futhi wusuku lapho ezozuza khona inkazimulo nokuhlonipheka. O, bantu nonke! Sukumani masinyane ukuze nidumise futhi namukele uNkulunkulu uSomandla osinika phakade naphakade umusa wothando, insindiso, osinika izibusiso, owenza amadodana Akhe aphelele futhi afeze umbuso Wakhe ngempumelelo! Lokhu kuyisenzo sikaNkulunkulu esimangalisayo! Lokhu kuyisimiselo nelungiselelo likaNkulunkulu laphakade, lokuthi Yena Ngokwakhe uzela ukusisindisa, ukusiphelelisa nokusingenisa enkazimulweni.

Bonke labo abangasukumi bafakaze bangabanduleli bezimpumputhe, amakhosi okungazi futhi bayoba ngabangazi kuze kube phakade, iziwula zaphakade nabafile abayizimpumputhe zaphakade. Ngakho imimoya yethu kufanele ivuke! Bonke abantu kufanele basukume! Halalisani, dumisani futhi nibabaze ningaqedi iNkosi yenkazimulo, uYise womusa, iNdodana yokuhlenga, imimoya eyisikhombisa enenala, noNkulunkulu uSomandla oletha umlilo wobukhosi oqothulayo nokwahlulela okulungileyo, owanele konke, onenala, onamandla onke, futho ophelele. Isihlalo Sakhe sobukhosi siyophakanyiswa kuze kube phakade! Bonke abantu kufanele babone ukuthi lokhu kuwukuhlakanipha kukaNkulunkulu, kuyindlela Yakhe emangalisayo yokusindisa, futhi kungukufezwa kwentando Yakhe ekhazimulayo. Uma singasukumi sifakaze, uma umzuzu usudlulile khona-ke akukho kubuyela emuva. Ukuthi sizuza izibusiso noma ishwa kunqunywa kulesi sigaba samanje sohambo lwethu, ngalokho esikwenzayo, esikucabangayo nesikuphilayo ngalesi sikhathi. Ngakho kufanele nenze kanjani? Fakazani futhi niphakamise uNkulunkulu kuze kube phakade; phakamisani uNkulunkulu uSomandla, uKristu wezinsuku zokugcina—uNkulunkulu waphakade, oyingqayizivele, ongowangempela!

Kusuka manje kuya phambili kufanele ubone ngokusobala ukuthi bonke labo abangafakazi ngoNkulunkulu, abangafakazi ngoNkulunkulu ongafani nalutho, ongowempela, labo abanokungabaza Ngaye, bonke bayagula, bafile futhi yilabo abaphikisa uNkulunkulu! Amazwi kaNkulunkulu avele afakazelekile kusuka endulo: Bonke labo abangahlangani Nami bayahlakazeka, futhi labo abangekho Nami baphikisana Nami; lokhu kuyiqiniso elingaguquleki eliqoshwe etsheni! Labo abangafakazeli uNkulunkulu bayizinceku zikaSathane. Laba bantu beze ukuzophazamisa nokukhohlisa abantwana bakaNkulunkulu, ukuphazamisa ukuphatha kukaNkulunkulu, futhi kufanele babulawe! Noma ngubani obakhombisa izinhloso ezinhle ufuna ukubhujiswa kwabo. Kufanele uzwe futhi ukholwe yinkulumo yoMoya kaNkulunkulu, uhambe ngendlela yoMoya kaNkulunkulu futhi uphile amazwi oMoya kaNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho uphakamise isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu onamandla onke kuze kube phakade!

UNkulunkulu uSomandla nguNkulunkulu woMoya abayisikhombisa! Futhi unguNkulunkulu wamehlo ayisikhombisa nezinkanyezi eziyisikhombisa; uvula izimpawu eziyisikhombisa, nomqulu uvulwa Nguye! Useshaye amacilongo ayisikhombisa, futhi izitsha eziyisikhombisa nezinhlupho eziyisikhombisa zisesandleni Sakhe, ukuze akudedele ngokuthanda Kwakhe. O, imidumo eyisikhombisa ebilokhu ivaliwe! Isikhathi sokuyivula sesifikile! Lowo oyovula ukuduma okuyisikhombisa usevele ebonakele phambi kwamehlo ethu!

Nkulunkulu uSomandla! Ngawe konke kukhululiwe futhi kukhululekile, akukho bunzima, futhi konke kugeleza kahle! Akukho okulokotha kukuvimbe noma kukuphazamise, konke kuthobela Wena. Noma yikuphi okungathobi konke kuyafa!

Nkulunkulu uSomandla, uNkulunkulu onamehlo ayisikhombisa! Konke kucace ngokuphelele, konke kugqamile futhi kwambuliwe, konke kwambulwe futhi kwabekwa obala. Kuye konke kucace kakhulu, futhi uNkulunkulu akanjena kuphela, kodwa ngokunjalo namadodana Akhe nawo anje. Akukho muntu, futhi akukho nto, nodaba okungafihlakala phambi Kwakhe namadodana Akhe!

Izinkanyezi eziyisikhombisa zikaNkulunkulu uSomandla zigqamile! Ibandla lipheleliswe Nguye, umisa izithunywa zebandla Lakhe futhi lonke ibandla lingaphakathi kokondliwa Nguye. Uvula zonke izimpawu eziyisikhombisa, futhi Yena Ngokwakhe ufikisa uhlelo Lwakhe lokuphatha nentando Yakhe ekupheleleni. Umqulu uwulimi olufihlakele lokomoya lokuphatha Kwakhe futhi uwuvulile futhi wawembula!

Bonke abantu kufanele bezwe amacilongo Akhe ayisikhombisa ankenenezayo. Ngaye konke kuyaziwa, kungaphinde kufihlwe, futhi akusekho lusizi. Konke kuyambulwa futhi konke kunqobile!

Amacilongo ayisikhombisa kaNkulunkulu uSomandla avuliwe, amacilongo akhazimulayo futhi anqobileyo! Futhi angamacilongo ahlulela izitha Zakhe! Phakathi kokunqoba Kwakhe, uphondo Lwakhe luyaphakanyiswa! Ubusa phezu kwalo lonke izulu nomhlaba!

Ulungise izitsha eziyisikhombisa zezinhlupheko futhi zithelwa ngokutshekiswa okuphelele phezu kwezitha Zakhe kuze kube semkhawulweni wonke, futhi ziyobhujiswa emalangabini emililo Yakhe eqothulayo. UNkulunkulu uSomandla ukhombisa amandla egunya Lakhe futhi izitha Zakhe zonke ziyabhubha. Imidumo eyisikhombisa yokugcina ngeke isavalwa phambi kukaNkulunkulu uSomandla, ivulwe yonke! Ivulwe yonke! Ubulala izitha Zakhe ngemidumo eyisikhombisa, ezinzisa umhlaba, ewenza ukuthi umsebenzele, ungaphindi uchithwe!

Nkulunkulu uSomandla olungileyo! Siyakudumisa kuze kube phakade! Ufanelwe ukudunyiswa okungapheli, ukutuswa nokuphakanyiswa okungapheli! Imidumo Yakho eyisikhombisa akuyona nje eyokwahlulela Kwakho, kodwa ngokwengeziwe eyenkazimulo nethonya Lakho, ukugcwalisa zonke izinto!

Bonke abantu bayagubha phambi kwesihlalo sobukhosi, bephakamisa futhi bedumisa uNkulunkulu uSomandla, uKristu wezinsuku zokugcina! Amaphimbo anyakazisa wonke umhlaba njengokuduma kwezulu! Zonke izinto ngokungangabazeki zikhona ngenxa Yakhe, futhi ziphakama ngenxa Yakhe. Ngubani ongalokotha anganikezi yonke inkazimulo, ukuhlonipheka, igunya, ukuhlakanipha, ubungcwele, ukunqoba nezambulo ngokuphelele Kuye? Lokhu kungukufezwa kwentando Yakhe futhi kungukuphethwa kokugcina kokwakhiwa kokuphatha Kwakhe!

kuvela embhalweni othi “Isahluko 34” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 55)

Imidumo eyisikhombisa iphuma esihlalweni sobukhosi, izamazamisa izulu nomhlaba, igumbuqela izulu nomhlaba, bese inkeneneza esibhakabhakeni! Umsindo uhlaba ngendlela yokuthi abantu abakwazi ukuwubalekela nokuwucashela. Ukuphazima konyazi nokuduma kwezulu kuyathunyelwa, kugumbuqela izulu nomhlaba ngokuphazima kweso, futhi abantu baseduze nokufa. Bese, uzamcolo onesihluku wemboza izulu nomhlaba ngesivinini sonyazi, wehla esibhakabhakeni! Emagunjini asemajukujukwini omhlaba, njengozamcolo ugobhozela kuyo yonke imigojana nemisele, akusali ngisho nelilodwa ibala, futhi ngenkathi uhlanza konke kusuka ekhanda kuya ozwanini, akufihleki lutho kuwo noma kube khona umuntu ongawukhoselela. Ukuduma kwezulu, njengokukhanya okwethusayo kokuphazima konyazi, kwenza abantu baqhaqhazele ngokwesaba! Inkemba ebukhali nxazonke igawula amadodana okuhlubuka, futhi isitha sibhekene nenhlekelele, singenandawo esingacasha kuyo; anenzululwane emoyeni nasemvuleni enamandla, futhi, ediyazela ngenxa yokushaywa, awela emanzini agobhozayo efile bese emuka. Bafa kalula bengenandlela nhlobo yokuphephisa impilo yabo. Imidumo eyisikhombisa isuka Kimi futhi ihambisa inhloso Yami, ewukushaya amazibulo aseGibhithe, ukujezisa ababi nokuhlanza amabandla Ami, ukuze onke axhumane ngokusondelana, acabange futhi enze ngendlela efanayo, futhi abe nenhliziyo eyodwa Nami, futhi ukuze onke amabandla emhlabeni akhiwe abe ngelilodwa. Yilena inhloso Yami.

Lapho izulu liduma, amagagasi okulila ayaqala. Abanye bavuswa ebuthongweni babo, bese, bethuke kakhulu, bethungatha ekujuleni kwemiphefumulo yabo bese bephuthuma emuva phambi kwesihlalo sobukhosi. Bayayeka ukulutha nokukhohlisa kanye nokwenza amacala, futhi asedlulile kakhulu isikhathi sokuba abantu abanjalo bavuswe. Ngibuka ngisesihlalweni sobukhosi. Ngibuka ekujuleni kwezinhliziyo zabantu. Ngisindisa labo abangilangazelela ngobuqotho nangokuzimisela, futhi ngiyabahawukela. Ngizosindisa kuze kube phakade labo abangithanda ezinhliziyweni zabo ngaphezu kwakho konke okunye, labo abaqonda intando Yami, nabangilandela kuze kube sekupheleni kwendlela. Isandla Sami siyobabamba ngokuphepha ukuze bangabhekani nalesi simo futhi bangalimali. Abanye, lapho bebona umbono wonyazi oluphazimayo, banosizi olungaphimiseleki ezinhliziyweni zabo, futhi bazisola ngokwedlulele. Uma bephikelela ngokuziphatha ngale ndlela, sebedlulwe yisikhathi kakhulu. O, konke, konke! Konke kuyokwenziwa. Lokhu ngenye yezindlela Zami zokusindisa. Ngisindisa labo abangithandayo futhi ngibulale ababi. Ngakho umbuso Wami uyoqina futhi uzinze emhlabeni futhi bonke abantu bazo zonke izizwe, kuwo wonke umhlaba nasemaphethelweni omhlaba, bayokwazi ukuthi ngiwubukhosi, ngiwumlilo oqothulayo, ngiwuNkulunkulu othungatha inhliziyo yawo wonke umuntu ephakathi ekujuleni. Kusuka kulesi sikhathi kuya phambili, ukwahlulela kwesihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe kwambulwa obala ezihlweleni futhi kumenyezelwa kubo bonke abantu ukuthi ukwahlulela sekuqalile! Akungabazeki ukuthi bonke abangakhulumi lokho okusezinhliziyweni zabo, labo abezwa benokungabaza futhi abangalokothi baqiniseke, labo abachitha isikhathi, abaziqondayo izifiso Zami kodwa abangazimisele ukuzenza, kufanele bahlulelwe. Kufanele nihlole ngokucophelela izinhloso nezizathu zenu, futhi nithathe indawo yenu efanele, nenze ngokuphelele lokho engikushoyo, nazise okuhlangenwe nakho empilweni yenu, ningenzi ngomdlandla ngaphandle, kodwa yenzani izimpilo zenu zibe ngezikhulile, ezivuthiwe, ezizinzile nezinokwazi, futhi kulapho kuphela niyoba ngabafuna inhliziyo Yami.

Yenqabani izinceku nemimoya emibi kaSathane okuphazamisa futhi kubhidlize lokho engikwakhayo noma yimaphi amathuba okusebenzisa izinto ukuze kusizakale khona. Kufanele kuvinjwe futhi kuthiywe kakhulu futhi kungabhekanwa nakho kuphela ngokusetshenzisa kwamazwi abukhali. Okubi kakhulu kukho kufanele kusishulwe ngokushesha ukuze kungabi yingozi esikhathini esizayo. Futhi ibandla liyopheleliswa, lingabi nokukhubazeka, futhi liyoba nempilo, ligcwale ukuphila namandla. Emva konyazi oluphazimayo, ukuduma kwezulu kuyezwakala. Akufanele ninganaki, futhi akufanele niyeke kodwa kufanele nenze konke eningakwenza ukuze nisondele, futhi nakanjani niyokwazi ukubona lokho isandla Sami esikwenzayo, engikuzuzayo, engikulahlayo, engikuphelelisayo, engikusiphulayo, nengikuwisayo. Konke lokhu kuyokwambuleka phambi kwamehlo enu ukuze nikubone ngokucacile ukuba namandla onke Ami.

Kusuka esihlalweni sobukhosi kuya emhlabeni wonke nasemaphethelweni omhlaba, imidumo eyisikhombisa iyankeneneza. Iqembu elikhulu labantu liyosindiswa futhi lithobe phambi kwesihlalo Sami sobukhosi. Belandela lokhu kukhanya kokuphila, abantu bafuna indlela yokuphila futhi abakwazi ukwenza okunye ngaphandle kokuza Kimi, ukuguqa phansi bakhonze, imilomo yabo imemeza igama likaNkulunkulu wangempela onamandla onke, futhi bezwakalise ukunxusa kwabo. Kodwa kulabo abamelana Nami, abantu abaqinisa izinhliziyo zabo, izulu liduma ezindlebeni zabo futhi ngaphandle kokungabaza kufanele babhubhe. Lokhu kalula kungumphumela wokugcina kubona. Amadodana Ami athandekayo anqobile azohlala eSiyoni futhi bonke abantu bazobona lokho abazokuthola, futhi inkazimulo enkulu iyobonakala phambi kwenu. Ngempela, lokhu kuyisibusiso esikhulu, futhi kuwubumnandi okulukhuni ukubuchaza.

Lapho umsindo wemidumo eyisikhombisa uzwakala, kukhona ukusindiswa kwalabo abangithandayo, abangilangazelela ngezinhliziyo eziqinisileyo. Labo abangabami futhi engibamisele futhi ngabakhetha bonke bayakwazi ukuza ngaphansi kwegama Lami. Bayakwazi ukuzwa izwi Lami, elingukumemeza kukaNkulunkulu. Labo abasekugcineni komhlaba mababone ukuthi ngilungile, ngethembekile, ngiwuthando, ngiwububele, ngiwubukhosi, ngiwumlilo oqothulayo, futhi ekugcineni ngiwukwahlulela okungenasihawu.

Wonke umhlaba mawubone ukuthi ngiwuNkulunkulu ongokoqobo futhi ophelele Ngokwakhe. Bonke abantu bakholwa ngokuqotho futhi akekho olokotha amelane Nami futhi, angahlulele noma anginyundele futhi. Kungenjalo, bayohlangana ngokushesha nokuqalekiswa nenhlekelele iyobehlela. Bayokhala kuphela futhi bagedle amazinyo abo futhi bayozilethela ukubhubha kwabo.

Abantu bonke mabazi, futhi makwaziwe emhlabeni wonke nasemaphethelweni omhlaba, kuyo yonke imizi nakubo bonke abantu: UNkulunkulu uSomandla unguNkulunkulu wangempela oyedwa, bonke ngokulandelana bayoguqa ngamadolo ukuze bamkhonze futhi ngisho abantwana abasanda kufunda ukukhuluma bayomemeza bathi “Nkulunkulu uSomandla”! Lezo zikhulu eziphethe amandla ziyobona ngamehlo azo uNkulunkulu wangempela ebonakala phambi kwazo futhi ziyowa phansi ekukhonzeni, zicela umusa nokuthethelelwa, kodwa lokhu sekwedlulwe yisikhathi njengoba isikhathi sokubhubha kwazo sesifikile. Bangaqedwa kuphela futhi bagwetshwe ngokuphonswa kwalasha ongenamkhawulo. Ngiyofikisa yonke inkathi ekugcineni, futhi ngiqinise umbuso Wami ngokwengeziwe. Zonke izizwe nabantu kuyothoba phambi Kwami kuze kube phakade!

kuvela embhalweni othi “Isahluko 35” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 56)

UNkulunkulu onamandla onke wangempela, iNkosi esesihlalweni sobukhosi, ubusa wonke umhlaba nezulu, ubhekene nazo zonke izizwe nabo bonke abantu, nakho konke okungaphansi kwezulu kukhanya ngenkazimulo kaNkulunkulu. Zonke izinto eziphilayo ekugcineni komhlaba nezulu ziyobona. Izintaba, imifula, amachibi, izindawo, izilwandle nazo zonke izinto eziphilayo, ekukhanyeni kobuso bukaNkulunkulu wangempela zivule amakhethini azo, futhi zivuselelekile, njengokungathi zivuka ephusheni, njengokungathi kunamahlumela aqhuma enhlabathini!

A! UNkulunkulu oyedwa wangempela, ubonakala phambi komhlaba. Ngubani ongalokotha asondele Kuye ngokumelana Naye? Wonke umuntu uyaqhaqhazela ngenxa yokwesaba. Bonke bakholwa ngokuphelele, futhi bonke baphindelela becela ukuthethelelwa. Bonke abantu baguqe phambi Kwakhe, futhi yonke imilomo ikhonza Yena! Amazwekazi nezilwandlekazi, izintaba, imifula—zonke izinto zimdumisa ngokungaphezi! Isikhathi sentwasahlobo siza nomoya ofudumele oletha imvula yasentwasahlobo enhle. Njengabantu bonke, imisinga yemifudlana igeleza usizi nentokozo, ikhipha izinyembezi zokuba necala nokuzisola. Imifula, namachibi, amagagasi namadlambi olwandle, konke kuyahlabelela, kubonga igama elingcwele likaNkulunkulu wangempela! Izindumiso zizwakala ngokucace kakhulu! Zonke izinto ezindala ezazikhohlakaliswe nguSathane—leyo naleyo kuzo, ziyoguquka, bese zingena esimweni esisha kakhulu …

Leli yicilongo elingcwele, futhi seliqalile ukukhala! Lalela. Lowo msindo, omnandi kakhulu, yisihlalo sobukhosi sikhipha iphimbo, simemezela kuzo zonke izizwe nabantu ukuthi isikhathi sifikile, ukuthi isiphetho sokugcina sifikile. Uhlelo Lwami lokuphatha luphelile. Umbuso Wami ubonakala ngokusobala emhlabeni. Imibuso yomhlaba ibe ngumbuso kaNkulunkulu. Amacilongo Ami ayisikhombisa akhala esihlalweni sobukhosi, futhi kuzokwenzeka izimanga! Abantu emaphethelweni omhlaba bazogijima ndawonye besuka ndawo zonke ngomfutho wesiwulukuhlu namandla okushaya kwezulu. …

Ngiyajabula ukubona abantu Bami, abezwa izwi Lami, bese beqoqana besuka kuzo zonke izizwe namazwe. Bonke abantu, begcine uNkulunkulu wangempela njalo emilonyeni yabo, bayadumisa futhi bagxume ngenjabulo ngokungapheli! Bayafakaza emhlabeni, befakaza ngoNkulunkulu wangempela ngomsindo wamanzi adumayo. Bonke abantu bayobuthanela embusweni Wami.

Amacilongo Ami ayisikhombisa ayakhala, evusa labo abalele! Vuka masinyane, asikadluli kakhulu isikhathi. Bheka impilo yakho! Vula amehlo ubone ukuthi yisikhathi sini manje. Ufunani? Yini ekhona engacatshangwa? Futhi yini okungabanjelelwa kuyo? Kungenzeka ukuthi awukawucabangi umehluko ekubalulekeni phakathi kokuzuza ukuphila Kwami nazo zonke izinto othanda ukubambelela kuzo? Yeka ukuba nenkani nokudlala nje. Ungaliyeki leli thuba. Lesi sikhathi ngeke sibuye futhi! Mana uqonde, yenza ukusebenzisa umoya wakho, sebenzisa amathuluzi ehlukene ukubona ngale bese uvimba onke amacebo nobuqili bukaSathane, futhi unqobe uSathane, ukuze wenze okuhlangenwe nakho empilweni yakho kujule ngokwengeziwe bese uphila ngokwesimo Sami, ukuze ukuphila kwakho kuvuthwe, kukhule, futhi uhlale ulandela izinyathelo Zami. Ungapheli umdlandla, ungabi buthakathaka, uhlale uya phambili, isinyathelo ngesinyathelo, phambili ekugcineni kwendlela!

Lapho amacilongo ayisikhombisa ekhala futhi, kuyobe kungukubizela ekwahlulelweni, ukwahlulelwa kwamadodana ahlubukayo, ukwahlulelwa kwazo zonke izizwe nabo bonke abantu, nesizwe ngasinye siyozinikela phambi kukaNkulunkulu. Ubuso bukaNkulunkulu obukhazimulayo nakanjani buyokhonjiswa phambi kwazo zonke izizwe nabo bonke abantu. Wonke umuntu uyokholwa ngokuphelele, bese ememeza kuNkulunkulu wangempela ngokungaphezi. UNkulunkulu onamandla onke uyokhazimula ngokwengeziwe, futhi amadodana Ami ayokwabelwa enkazimulweni, abelane Nami ubukhosi, bese ehlulela zonke izizwe nabo bonke abantu, ajezise ababi, asindise futhi abe nesihawu kubo bonke abantu abangaBami, bese enza umbuso ukuthi uqine futhi ube nokuzinza. Ngomsindo wamacilongo ayisikhombisa, abantu abaningi kakhulu bayosindiswa, babuyele phambi Kwami ukuze baguqe bakhonze, ngokudumisa okungapheli!

Lapho amacilongo ayisikhombisa ephinda ekhala, kuyoba yisiphetho ekugcineni kwenkathi, ukukhala okukhulu kwecilongo kokunqoba phezu kukaSathane ongudeveli, isibingelelo ekuqaleni kwempilo evulekile yombuso emhlabeni! Lo msindo uphakeme kakhulu, lo msindo unkeneneza uzungeza isihlalo sobukhosi, lo msindo wecilongo uzamazamisa izulu nomhlaba, uwuphawu lokunqoba kohlelo Lwami lokuphatha, nokwahlulelwa kukaSathane; ugweba lo mhlaba ngokufa okuphelele, emgodini ongenamkhawulo! Lo msindo wecilongo usho ukuthi isango lomusa selizovalwa, ukuthi impilo yombuso izoqala emhlabeni, okulunge nokufanele ngokuphelele. UNkulunkulu usindisa labo abamthandayo. Lapho bebuyela embusweni Wakhe, abantu emhlabeni bayobhekana nendlala, umqedazwe wezifo, nezitsha zikaNkulunkulu eziyisikhombisa, izinhlupho eziyisikhombisa kuyokwenzeka kulandelana. Izulu nomhlaba kuyokwedlula, kodwa izwi Lami ngeke ledlule!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 36” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 57)

UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngamagama, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi ayizibhidi okulokhu kubanjelelwe kuwo izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni amagama angakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho? Ungakwazi yini ukuzisindisa ukuze ungene ezulwini uye kohlangana noNkulunkulu ngokwakho? Ngaphandle kokuza kukaNkulunkulu, ungaziyisa yini wena ezulwini ukuze uthokozele intokozo yomndeni noNkulunkulu? Ingabe usaphupha namanje? Ngiphakamisa ukuthi uyeke ukuphupha, ubheke ukuthi ubani osebenzayo manje, ukuthi ubani owenza umsebenzi wokusindisa abantu ngezikhathi zokugcina. Uma ungazi, ngeke uphinde ulithole iqiniso, futhi awusoze waba nokuphila.

Labo abafisa ukuthola ukuphila ngaphandle kokwethembela eqinisweni elikhulunywa uKristu bangabantu abangenangqondo kakhulu emhlabeni, futhi bayilabo abangayamukeli indlela yokuphila elethwe uKristu abalibele ukuphupha. Ngakho ngithi uma abantu bengamamukeli uKristu wezinsuku zokugcina bayohlala bezondwa uNkulunkulu unomphela. UKristu uyindlela yomuntu yokungena embusweni ngezikhathi zokugcina, abanye abangangakunaka. Akekho umuntu ongalungiswa uNkulunkulu ngaphandle kokudlula kuKristu. Uyakholwa nguNkulunkulu, futhi kumele wamukele amazwi Akhe futhi uhloniphe indlela Yakhe. Kumele ungacabangi nje ngokuthola izibusiso ngaphandle kokuthola iqiniso, noma ukwamukela okuhlinzeka ngokuphila. UKristu uza ngezinsuku zokugcina ukuze labo abakholelwa Kuye ngokweqiniso bakwazi ukuhlinzekwa ngokuphila. Umsebenzi Wakhe wenzelwa ukuqedela isikhathi esedlule futhi ungena kwesisha, futhi indlela okumele ithathwe yibo bonke abafuna ukungena esikhathini esisha. Uma wehluleka ukumazisa, futhi esikhundleni sokugxeka, ukuthuka, noma ukumkhaphela, kusho ukuthi nakanjani uyosha ingunaphakade, futhi awusoze wangena embusweni kaNkulunkulu. Ngoba uKristu ngokwakhe uyisibonakaliso soMoya oNgcwele, futhi ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, loyo uNkulunkulu amethembe ukuthi uzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni. Futhi ngithi uma wehluleka ukwamukela konke okwenziwa uKristu ngezinsuku zokugcina, wethuka uMoya oNgcwele. Isijeziso okumele sibhekane nalabo abathuka uMoya oNgcwele sicacele bonke abantu. Ngiyanitshela ukuthi uma niphikisa uKristu wezinsuku zokugcina, futhi Nimuphika, kusho ukuthi akekho umuntu ongakuthwalela umphumela walokho. Phezu kwalokho, kusukela ngalolu suku kuya phambili anizukuba nelinye ithuba lokuthola ukugunyazwa uNkulunkulu; noma ningazama ukuzikhulula, anisoze nabona ubuso bukaNkulunkulu. Ngoba aniphikisani nomuntu, aniphikisani nokuthile okudaliwe, kodwa uKristu. Ingabe uyawazi umphumela walokhu? Awenzanga iphutha elincane, kodwa wenze icala elesabekayo. Futhi ngeluleka bonke abantu abamelene neqiniso, noma abagxeka ngobudedengu, ngoba yiqiniso kuphela elingakunika ukuphila, futhi yiqiniso kuphela elingakwenza uzalwe kabusha futhi ubone ubuso bukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 58)

Ukuthi izimfihlakalo Zami zambuliwe futhi zibekwe obala, nokuthi aziseyona imfihlakalo, konke kungenxa yomusa kanye nesihe Sami. Ngaphezu kwalokho, izwi Lami libonakala phakathi kwabantu, futhi alisafihlekile, nalokho kungenxa yomusa nesihe Sami. Ngithanda bonke abazikhandla ngobuqotho Ngami nabazinikele Kimi. Ngizonda bonke abazalwe Yimi kodwa abangangazi, baze ngisho badlubulunde Kimi. Ngeke ngilahle noma ubani oqotho Kimi; kunalokho, ngizoziphinda kabili izibusiso zalowo muntu. Ngizobajezisa ngokuphindwe kabili labo abangabongiyo nabenza okuphambene nomusa Wami, futhi ngeke ngibayeke baphunyuke kalula. Embusweni Wami akukho isigwegwe noma ukukhohlisa, futhi akukho umoya wezwe; okuwukuthi, alikho iphunga lokufile. Kunalokho, konke kuqondile futhi kulungile; konke kumsulwa futhi akufihli lutho akunalutho olusithekile noma olufihlekile. Yonke into yintsha, yonke into iyajabulisa, futhi yonke into iyakha. Wonke umuntu oselokhu enephunga lokufa ngeke nganoma iyiphi indlela ahlale embusweni Wami, futhi kunalokho uyobuswa ngentonga yensimbi Yami. Zonke izimfihlakalo ezingenamkhawulo, kusukela endulo kuze kube usuku lwanamuhla, zembulwe ngokuphelele kini—ithimba labantu abazuzwe Yimi ezinsukwini zokugcina. Anizizwa yini nibusisekile? Izinsuku lapho yonke into yembulwe obala, ngaphezu kwalokho, yizinsuku enihlanganyela ngazo ukubusa Kwami.

Ithimba labantu ababusa ngempela njengamakhosi lincike ekunqunyelweni kusengaphambili nasekukhetheni Kwami, futhi akukho neze intando yomuntu kukho. Noma ubani onesibindi sokuba yingxenye kulokhu kufanele athole ubuhlungu bempama yesandla Sami, futhi abantu abanjalo bayoba yizinto zomlilo Wami oqothulayo; lolu olunye uhlangothi lokulunga nobukhosi Bami. Ngithe ngibusa zonke izinto, nginguNkulunkulu ohlakaniphile onegunya eliphelele, futhi anginamusa kunoma ubani; nginonya ngokuphelele, ongenayo ngokuphelele imizwa. Ngiphatha noma ubani (kungakhathaleki ukuthi ukhuluma kahle kangakanani, ngeke ngimkhulule) ngokulunga, ngokuqonda nangobukhosi Bami, ngesikhathi esifanayo ngivumela noma ubani ukuba abone kangcono isimangaliso sezenzo Zami, kanye nalokho okushiwo yizenzo Zami. Imimoya emibi ngiyijezise ngamunye ngamunye, ngazo zonke izinhlobo zezenzo ezezenzile, ngamunye ngiwuphonse emgodini ongenamkhawulo. Lo msebenzi ngiwuqede ngaphambi kokuqala kwesikhathi, ngiyishiye ingakwazi ukwenza lutho, ngiyishiye ingenayo indawo yokwenza umsebenzi wayo. Akukho bantu Bami abakhethiwe—labo abanqunyelwe kusengaphambili nabakhethwe Yimi—abangalokotha babe nemimoya emibi, futhi kunalokho bayoba ngcwele ngaso sonke isikhathi. Labo anganqunyelwe kusengaphambili nabangakhethiwe, ngiyobanikela kuSathane, futhi ngingasabavumeli ukuba basale. Ngazo zonke izici, imiyalelo Yami yokuphatha ibandakanya ukulunga Kwami kanye nobukhosi Bami. Ngeke ngidedele ngisho noyedwa walabo uSathane asebenza ngabo, kodwa ngibaphonsa kanye nemizimba yabo eHayidesi, ngoba ngiyamzonda uSathane. Angisoze ngamyeka kalula, kepha ngiyombhubhisa ngokuphelele, ngingamnikezi nethuba elincane lokwenza umsebenzi wakhe. Labo abonakaliswe uSathane kwaze kwaba sezingeni elithile (okuwukuthi, labo abayizinto zenhlekelele) bangaphansi kwelungiselelo elihlakaniphile lesandla Sami. Ungacabangi ukuthi lokhu kwenzeke ngenxa yomphumela wobudlova bukaSathane; yazi ukuthi nginguNkulunkulu uSomandla obusa umhlaba wonke kanye nazo zonke izinto! Kimina, azikho izinkinga ezingeke zaxazululwa, futhi ingasaphathwa eyento engeke yafezwa noma izwi elingeke lakhulunywa. Abantu akufanele benze njengabeluleki Bami. Qaphela ungashaywa yisandla Sami bese uphonswa eHayidesi. Ngiyakutshela lokhu! Labo ababambisana Nami ngenkuthalo namuhla bahlakaniphile, futhi bazogwema ukulahlekelwa bese bebalekela ubuhlungu bokwahlulelwa. Konke lokhu kungamalungiselelo Ami, anqunyelwe kusengaphambili Yimi. Ungenzi amazwi angenangqondo futhi ungakhulumi ngokubukisa, ucabange ukuthi umkhulu kakhulu. Ingabe konke lokhu akungenxa yokunqunyelwa kusengaphambili Yimi? Nina, ningaba abeluleki Bami, aninawo amahloni! Anisazi isiqu senu; yeka ukuthi sincane kangakanani! Noma kunjalo, nicabanga ukuthi lokhu akuyona indaba enkulu, futhi anizazi. Ngazo zonke izikhathi, aniwalaleli amazwi Ami, nenza imizamo Yami yokucophelela ibe yize futhi aniboni neze ukuthi iwukubonakaliswa komusa kanye nesihe Sami. Kunalokho, nizama ukubukisa ngokuhlakanipha kwenu ngokuphindaphindiwe. Ingabe niyakhumbula lokhu? Yikuphi ukucwengwa abantu okufanele bakuthole, abacabanga ukuthi bahlakaniphe kakhulu? Aninaki futhi aniqotho emazwini Ami futhi aniwaqophi ezinhliziyweni zenu, nisebenzisa Mina njengebhaxa lokwenza lokhu nalokhuya. Benzi bokubi! Niyokwazi nini ukucabangela ngokugcwele inhliziyo Yami? Aniyicabangeli, ngakho ukunibiza ngokuthi “abenzi bokubi” akusikho ukuniphatha kabi. Kunifanele ngokuphelele!

Namuhla ngiyanikhombisa izinto ezazifihliwe, ngayinye ngayinye. Udrago omkhulu obomvu uphonswa emgodini ongenamkhawulo futhi abhujiswe ngokuphelele, ngoba ukumgcina ngeke kwasiza nhlobo; lokhu kusho ukuthi ngeke enze inkonzo kaKhristu. Ngemva kwaloko, izinto ezibomvu ngeke zisaba khona; kancane kancane, kufanele ziphele zingabi khona. Ngenza lokho engikushoyo; lokhu ukuqedela umsebenzi Wami. Susa imibono yabantu; yonke into engiyishilo, ngiyenzile. Noma ubani ozama ukuhlakanipha umane uzilethela imbubhiso nokudelelwa, futhi akafuni ukuphila. Ngakho-ke, ngizokwanelisa, futhi ngokuqinisekile ngeke ngigcine abantu abanjalo. Ngemva kwalokho, inani labantu lizokhula ngobuhle, ngesikhathi bonke abangabambisani Nami ngenkuthalo bezobhujiswa bangabikho. Labo engibamukele yilabo engizobaphelelisa, futhi ngeke ngilahle noyedwa wabo. Akukho ukuphikisana kulokho engikushoyo. Labo abangabambisani Nami ngenkuthalo bazothola ukucwengwa kakhulu, nakuba, ekugcineni, ngokuqinisekile ngiyobasindisa. Ngaleso sikhathi, nokho, ubude bokuphila kwabo buyokwehluka kakhulu. Ngabe uyafuna ukuba yilolo hlobo lomuntu? Sukuma bese ubambisana Nami! Ngokuqinisekile ngeke ngimphathe ngobudlabha noma ubani ozikhandla ngobuqotho Ngami. Kulabo abazinikela Kimi ngenkuthalo, ngiyobathululela zonke izibusiso Zami. Zinikele ngokuphelele Kimi! Lokho okudlayo, lokho okugqokayo, kanye nekusasa lakho konke kusezandleni Zami; ngizohlela yonke into ngokufanele, ukuze ube nenjabulo engapheli, ongeke uyiqede. Lokhu kungoba ngiye ngathi, “Kulabo abazikhandla ngobuqotho Ngami, ngokuqinisekile ngiyonibusisa kakhulu.” Zonke izibusiso ziyofikela wonke umuntu ozikhandla ngokuqotho Ngami.

kuvela embhalweni othi “Isahluko 70” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 59)

Bantu bayangihalalisela, abantu bayangidumisa; yonke imilomo ibiza igama likaNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo ukubuka izenzo zaMi. Umbuso wehlela emhlabeni, ubuntu Bami bucebile bunenala. Ngubani ongekuthokozele lokhu? Ngubani ongesine ngentokozo ngalokhu? O, Siyoni! Phakamisa ifulegi lakho lokunqoba ungidumise! Huba ingoma yakho yokunqoba usabalalise igama laMi elingcwele. Nonke zinto ezisemhlabeni! Manje zingcweliseleni Mina ngemihlatshelo! Zinkanyezi esibhakabhakeni! Manje phindelani ezindaweni zenu nikhombise ubukhulu baMi esibhakabhakeni. Ngilalela amazwi abantu emhlabeni, bethulula uthando olungenamkhawulo nokungihlonipha ngomculo! Kulolu suku, njengoba zonke izinto zivuseleleka, ngiyeza ukuzonyathela emhlabeni. Kulo mzuzu, izimbali ziyaqhakaza, izinyoni ziyacula, zonke izinto zigcwele injabulo! Phakathi kwenhlokomo yokukhuleka embusweni, umbuso kaSathane uyabhidlika, udilizwa yingoma ezamazamisayo yehubo elikhulu lombuso. Ngeke uphinde uvuke futhi!

Ngubani ngempela emhlabeni ongasukuma azabalaze? Njengoba ngehlela emhlabeni ngiletha umlilo, ngiletha ulaka, ngiletha izinhlekelele. Imibuso yomhlaba manje isiwumbuso waMi! Phezulu esibhakabhakeni, amafu ayagomonqeka akhukhumale; ngaphansi kwesibhakabhaka, amachibi nemifula kuyaqubuka kuphehle imvunge enyakazisayo. Izilwane ebeziphumule ziyaphuma emigodini yazo, bonke abalalayo bayavuswa yiMi. Usuku bonke abantu ababekade belulindele seluze lwafika! Bangihubela amaculo amnandi ngokwedlulele!

Kulo mzuzu omuhle, kulesi sikhathi esimnandi,

amazulu phezulu nakho konke okungaphansi kwezulu manje kuyadumisa. Ngubani ongejatshuliswe yilokhu?

Ngubani ongethokoze ngalokhu? Ngubani ongekhale ngalesi senzakalo?

Isibhakabhaka asisenjengakuqala, manje sekuyisibhakabhaka sombuso.

Umhlaba akusewona umhlaba owawuyiwo, manje sekuwumhlaba ongcwele.

Lapho sekwedlule uzamcolo, umhlaba omdala ongcolile usuguqulwe ngokuphelele.

Izintaba ziguquka … amanzi eguquka….

Abantu nabo beguquka … zonke izinto ziguquka …

Zintaba ezithule! Ngisineleni!

Manzi amileyo! Gobhozani!

Madoda aleleyo! Sukumani kwenikulangazelelayo!

Sengifikile… Futhi ngiyabusa …

Bonke bayobubona ngamehlo abo ubuso baMi, bonke bayolizwa ngezindlebe zabo izwi laMi,

Bazizwele bona impilo yasembusweni …

Imnandi kangaka … inhle kangaka …

Ayikhohlakali … ayikhohlakali …

Ekuvutheni kolaka lwaMi, udrako omkhulu obomvu uthwala kanzima;

Ekwahluleleni kwami kobukhosi, odeveli bakhombisa ubunjalo babo bangempela;

Emagameni ami aqinile, bonke bashaywa ngamahloni, Bengalingi nokuveza ubuso babo.

Bekhumbula isikhathi esedlule, ukuthi babengibhuqa kanjani,

Belokhu bebukisa, behlala bengedelela.

Namuhla, ngubani ongeke akhale? Ngubani ongezwa ukuzisola?

Umhlaba wonke ugcwele izinyembezi …

Ugcwele imisindo yenjabulo … ugcwele uhleko …

Intokozo engenakuqhathaniswa … intokozo engenakuqhathaniswa …

Imvula elula ikhwifiza…iqhwa eliningi liphephezelela phansi …

Abantu bexuba usizi nentokozo … abanye behleka …

Abanye bechiphiza … abanye bememeza ngenjabulo …

Kusengathi abantu sebekhohliwe … ukuthi yintwasahlobo ehlomile nenemvula,

Ihlobo lezimbali eziqhakazile, ikwindla yesivuno esiyinala,

Ubusika obuqanda njengeqhwa nesithwathwa, akekho owaziyo …

Esibhakabhakeni amafu ayantanta, emhlabeni izilwandle ziyagubha.

Amadodana aphakamisa izingalo zawo … abantu banyakazisa izinyawo zabo besina …

Izingelosi zisemsebenzini … izingelosi ziyelusa …

Abantu bomhlaba bayaphithizela, zonke izinto emhlabeni ziyanda.

kuvela embhalweni othi “Ihubo lombuso” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 60)

Wonke umuntu kubantu kufanele amukele ukuhlola koMoya Wami, kufanele babhekisise konke ukukhuluma nokwenza kwabo, futhi, ngaphezu kwalokho, kufanele babheke izenzo Zami ezimangalisayo. Uzizwa kanjani ngesikhathi sokufika kombuso emhlabeni? Uma amadodana Ami nabantu Bami babuye bathutheleke esihlaweni Sami sobukhosi, ngiqala ngokusemthethweni ukwahlulela ngaphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi esimhlophe. Okungukuthi lapho ngiqala umsebenzi Wami emhlabeni ngoKwami nokuthi uma isikhathi sokwehlulela sesisondela ekupheleni, ngiqala ukuqondisa amazwi Ami emhlabeni wonke, ngikhulule izwi loMoya Wami emhlabeni wonke. Ngamazwi Ami, ngizohlanzisisa bonke abantu nezinto phakathi kwakho konke lokho okusezulwini nasemhlabeni, ukuze umhlaba ungabe usangcola futhi ube mubi, kodwa kube umbuso ongcwele. Ngizokwenza zonke izinto kabusha, ukuze zikwazi ukusetshenziswa Yimi ukuze zingabe zisaba nomoya wasemhlabeni, zingasanindwa izinongo zomhlaba. Emhlabeni, umuntu uguduza umgomo nemvelaphi yamazwi Ami, wahlola izenzo Zami, kodwa akekho namunye oke wazi ngeqiniso umsuka wamazwi Ami, futhi akekho namunye oke wabona isimangaliso ezenzweni Zami. Kunamuhla kuphela, lapho ngiza khona ngoKwami phakathi kwabantu ngikhulume amazwi Ami, ukuthi umuntu unolwazi oluncane Ngami, basusa indawo “Yami” emicabangweni yabo, kunalokho bazakhele indawo kaNkulunkulu owenzayo ngokwazi kwabo. Umuntu unemicabango kanti ugcwele ilukuluku lokwazi okufihlekileyo; ubani ongethande ukubona uNkulunkulu? Ubani ongethande ukuhlangana noNkulunkulu? Kodwa into yinye ethole indawo eqinisekayo enhliziyweni yomuntu uNkulunkulu lowo umuntu amuzwa engabonakali futhi engaphatheki. Ubani obengakubona lokhu uma ngabe bengingamtshelanga ngokusobala? Ubani obezokholwa ngeqiniso ukuthi ngempela ngikhona? Impela ngaphandle kokungabaza nakancane? Kunomehluko omkhulu phakathi kokuba khona “Kwami” enhliziyweni yomuntu “Nami” uqobo, akekho ongaqhathanisa phakathi kwabo. Uma ngabe ngingazange ngiphenduke inyama, abantu ngabe abangazi, noma ngabe ungazile, belungeke lolo lwazi luhlale lungumqondo nje? Usuku nosuku ngihambe phakathi kokuhamba kwabantu okungapheli, futhi ngisebenza ngaphakathi komuntu ngamunye nsuku zonke. Uma umuntu engibona ngeqiniso uzokwazi ukungazi emazwini Ami, futhi uzobamba indlela engikhuluma ngayo kanjalo nezinhloso Zami.

Uma umbuso ufika ngokusemthethweni lapha emhlabeni, yini, phakathi kwakho konke, okungethule? Ubani, phakathi kwabo bonke abantu ongesabe? Ngihamba yonke indawo emhlabeni wonke, yonke into ihlelwe Yimi ngoKwami. Ngalesi sikhathi, ubani ongazi ukuthi imisebenzi Yami mihle? Izandla Zami ziphethe zonke izinto, futhi ngingaphezu kwazo zonke izinto. Namuhla akukona ukuba senyameni Kwami nobukhona Bami ngoKwami phakathi kwabantu okuyincazelo eqinisekile yentobeko Yami nokusitheka? Ngaphandle, abantu abaningi bayangihalalisela njengolungile, futhi bangincome njengomuhle, kodwa ubani ongazi ngempela? Namuhla kungani ngibuza ukuthi niyangazi? Ngabe inhloso Yami akukona ukuhlaza udrako omkhulu obomvu? Angifisi ukuphoqa umuntu ukuba angidumise kodwa ukumenza ukuba angazi, lokho kuzoholela ekungithandeni bese eyangidumisa. Ukudunyiswa okunjalo kufanele igama lakho, akuyona inkulumo yeze nje; ukudumisa okunje okungafinyelela esihlalweni Sami sobukhosi kukhuphuke kuye esibhakabhakeni. Ngenxa yokuthi umuntu walingwa waze woniwa uSathane, ngoba uthathwe yimibono nemicabango, ngibe yinyama ukuze nginqobe ngoKwami bonke abantu, ukuveza yonke imicabango yomuntu, nokuklebhula ukucabanga komuntu. Ngenxa yalokho, umuntu akasabukisi phambi Kwami, futhi akasangikhonzi esebenzisa imicabango yakhe, ngakho “uMina” emqondweni womuntu uchithwe ngokupheleleyo. Uma umbuso ufika, ngizoqala ngokwenza lesi sigaba somsebenzi, futhi lokho ngizokwenza phakathi kwabantu Bami. Abangabantu Bami abazalelwe ezweni likadrako omkhulu obomvu, ngempela akukona okuncane, noma ingxenye, yobuthi bukadrako omkhulu obomvu ngaphakathi kwenu. Ngakho, lesi sigaba somsebenzi Wami sigxile kakhulu kinina kanti lokhu olunye lwezimpawu zokubaluleka kokuba senyameni Kwami eShayina. Abantu abaningi bayehluleka ukubamba ngisho isiqephu samazwi engiwakhulumayo kanti uma bewezwa, ukuqonda kwabo kulufifi kudungekile. Leli yiqophelo lokuguquka endleleni engikhuluma ngayo. Uma ngabe bonke abantu bebekwazi ukufunda amazwi Ami baqonde incazelo yawo, ubani phakathi kwabantu obengasindiswa, angaphonselwa eHayidesi. Uma umuntu engazi Mina futhi engilalela kuzoba yileso sikhathi engizophumula ngaso, futhi kuzoba yileso sikhathi lapho abantu bezokwazi ukuthola incazelo yamazwi Ami. Namuhla, isiqu senu sincane kakhulu, sincane lokhu okudabukisayo, asifanelwe ngisho ukuphakanyiswa—ukungasho lutho ngolwazi eninalo Ngami.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 11” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 61)

Uma unyazi luqhamuka eMpumalanga, futhi okuyisona kanye isikhathi engiqala ngaso ukukhuluma amazwi Ami—lapho unyazi luqhamuka, kukhanya izulu nomhlaba, bese kuqala izinguquko kuzo zonke izinkanyezi. Sonke isintu kuba sengathi sesihlungiwe. Ngaphansi kokukhanya komsebe wokukhanya okuqhamuka eMpumalanga, bonke abantu bavela esimweni sabo sokuqala sokudalwa, amehlo emangele, bedidekile; nalapho abakwazi ukufihla izici zabo ezimbi. Futhi, baphinde bafane nezilwane zibalekela ukukhanya Kwami ziyocasha emigedeni esezintabeni; kodwa akekho namunye phakathi kwabo ongeke angabonakali ekukhanyeni Kwami. Bonke abantu bamangele, bonke balindile, bonke bayabukela; ukuthi ngokufika kokukhanya Kwami, bonke bajabule ngosuku abazalwa ngalo, kanjalo bonke baqalekisa usuku abazalwa ngalo. Kunzima ukuchaza imizwa ephikisanayo; izinyembezi zokuzijezisa zenza imifula, zimuke nezikhukhula, zingabonakali nangokhalo. Futhi usuku lwami luyasondela kubantu, futhi luvusa abantu, lunika isintu indawo yokuqala kabusha. Inhliziyo Yami iyashaya, ngokulandela ukushaya kwenhliziyo Yami, izintaba zigxuma ngentokozo, imifula inyakaze ngenjabulo, namagagasi, egcina isikhathi, ashaye emadwaleni. Kunzima ukuchaza okusenhliziyweni Yami. Ngifuna ukuthi zonke izinto ezingcolile zishe zibe umlotha ngibhekile, ngifuna ukuthi wonke amadodana angalaleli anyamalale phambi kwamehlo Ami, bangabe besaba khona. Angenzanga kuphela indawo entsha yokuhlala endaweni ehlala udrako omkhulu obomvu, kodwa ngiqale umsebenzi omusha emhlabeni. Maduze imibuso yomhlaba izoba yimibuso Yami; maduze imibuso yasemhlabeni izophela ngenxa yombuso Wami, ngoba senginqobile, ngoba sengibe umnqobi. Udrako omkhulu obomvu usephelelwe yizo zonke izindlela zokuphazamisa uhlelo Lwami, unethemba lokuzosusa umsebenzi Wami emhlabeni, kodwa ingabe kumele ngiphelelwe amandla ngenxa yamasu akhe akhohlisayo? Kumele ngisabe ngiphelelwe ukuzethemba ngenxa yokukhohlisa kwakhe? Akekho noyedwa ezulwini noma emhlabeni ongekho entendeni yesandla Sami; kangakanani ke udrako omkhulu obomvu, owenza okuyisiphazamiso Kimi? Nakho akuyona into engingayisebenzisa ngezandla Zami?

Ngesikhathi Sami sokuba senyameni emhlabeni wabantu, abantu bafika bengazi ngalolu suku beholwa yisandla Sami, bangazi lutho Ngami. Kodwa ukuthi bazoyihamba kanjani indlela engaphambili, akekho owaziyo, akekho onakile, kanjalo futhi akekho owaziyo ukuthi leyo ndlela izomholela kuphi. Umuntu uzoyihamba aze ayiqede indlela ngenxa yokuthi uSomandla umbhekile; ukuholwa unyazi olungaseMpumalanga kuphela okungenza umuntu awelele embusweni Wami. Kubantu, akekho noyedwa oke wabona ubuso Bami, noyedwa owake wabona unyazi eMpumalanga; kangakanani-ke ngoyedwa owake wezwa izwi Lami livela esihlalweni Sami sobukhosi? Empeleni, kusukela ngezinsuku zakudala, akekho umuntu oke wahlangana Nami; yinamuhla kuphela, lapho sengize emhlabeni, lapho abantu bethole ithuba lokungibona. Kodwa ngisho namanje, abantu abakangazi, njengoba bebheka kuphela ubuso Bami bezwa nezwi Lami kuphela, kodwa bengaqondi ukuthi ngisho ukuthini. Bonke abantu banje. Ngenxa yokuthi ungomunye wabantu Bami, awuziqhenyi uma ubona ubuso Bami? Awubi namahloni ngenxa yokuthi awungazi? Ngihamba phakathi kwabantu, ngiphila phakathi kwabantu, ngoba ngibe yinyama ngeza emhlabeni wabantu. Inhloso Yami akukhona nje ukwenza isintu sibheke inyama Yami; okubaluleke kakhulu, ukwenza abantu bangazi. Phezu kwalokho, ngokuba Kwami senyameni, ngizolahla ngecala isintu ngenxa yezono zaso; ngesimo Sami senyama, ngizonqoba udrako omkhulu obomvu ngidilize isigodlo sakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 12” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 62)

Abantu emhlabeni wonke babungaza ukufika kosuku Lwami, nezingelosi zihamba phakathi kwabantu Bami. Uma uSathane edala inkinga, izingelosi ngenxa yomsebenzi wazo ezulwini, zihlala zisiza abantu Bami. Abakhohliswa uSathane ngenxa yobuthakathaka bomuntu, kodwa ngenxa yokuhlaselwa yimisebenzi yobumnyama, bazama ngokwengeziwe ukuhlangana nempilo yomuntu enkungwini. Bonke abantu bazithoba ngaphansi kwegama Lami, futhi akekho ovelayo ukuba angiphikise. Ngenxa yemisebenzi yezingelosi, umuntu wamukela igama Lami futhi konke kuphakathi kohide lomsebenzi Wami. Umhlaba uyawa! IBhabhiloni alikwazi kwenza lutho! Umhlaba wenkolo—ungahlala kanjani ungabhujiswa ngamandla Ami emhlabeni? Ubani osalokotha ukungangilaleli nokungiphikisa? Ababhali? Zonke izikhulu zenkolo? Ababusi nabasemagunyeni emhlabeni? Izingelosi? Ubani ongabungazi ukuphelela nokwenela komzimba Wami? Phakathi kwabo bonke abantu, ubani ongaculi amaculo Ami angaphezi, ubani ojabule ngokungapheli? Ngihlala emhlabeni wekhaya likadrako omkhulu obomvu, kodwa lokhu akungenzi ukuba ngithuthumele ngokwesaba noma ngibaleke, ngoba bonke abantu bakhe sebeqalile ukumenyanya. Akukaze kube khona “umsebenzi” wanoma yini owenziwa phambi kukadrako; kunalokho, zonke izinto zenza njengokubona kwazo, leyo naleyo iya lapha iya khona. Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angashabalali? Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angawi? Kungani abantu Bami bengahalalisi? Kungani bengaculi ngenjabulo? Ingabe lokhu kungumsebenzi womuntu? Ingabe ngumsebenzi wezandla zomuntu? Nginikeze umuntu imvelaphi yakhe, ngamnikeza izinto ezenziwe ngezandla, kodwa umuntu akakeneli ngesimo sakhe samanje ucela ukungena embusweni Wami. Kodwa angangena kanjani embusweni Wami kalula kanjalo, ngaphandle kokukhokhela intengo, nokungazimiseli ukunikela ngokuzinikela okungenabumina? Kunokufuna okuthile kumuntu, ngenza izidingo kuye, ukuze umbuso Wami emhlabeni ugcwale inkazimulo. Umuntu ubelokhu eholwa Yimi ukuya enkathini yamanje, ukhona ngalesi simo, futhi uphila phakathi kokuholwa ukukhanya Kwami. Uma bekungenjalo, ubani phakathi kwabantu emhlabeni ongazi amathemba abo? Ubani ongaqonda intando Yami? Ngifaka imihlinzeko Yami ezidingweni zomuntu; ingabe lokhu akuhambelani nemithetho yemvelo?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 22” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 63)

Embusweni, izinto eziningi ezidaliwe ziqala ukuphinde zisebenze futhi ziphinde zithole amandla azo okuphila. Ngenxa yokuguquka kwezimo zomhlaba, imingcele phakathi kwamazwe nayo iqala ukuguquka. Ngangiphrofethile ngaphambili: Lapho izwe lihlukanisiwe kwelinye, futhi izwe lihlangana nelinye, leso kuyoba yisikhathi sokuba ngiphihlize izizwe zibe yizicucu. Ngalesi sikhathi, ngizovuselela yonke indalo futhi ngihlukanise kabusha imbulunga yonke, ngaleyo ndlela ngenze imbulunga ihleleke, ngenze isimo sayo esidala sibe sisha. Lolu uhlelo Lwami. Le yimisebenzi Yami. Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.

Njengoba izwi Lami liba namandla, ngibheke futhi nesimo somhlaba. Ngamazwi Ami, izinto eziningi ezidaliwe zenziwa zintsha. Izulu liyashintsha, nomhlaba uyaguquka. Isintu sivezwa esimweni saso sokuqala, futhi kancane kancane, ngakunye ngakunye ngokohlobo lwakho, abantu bazithola bebuyela esifubeni semindeni yabo bengaqapheli. Ngizojabula kakhulu ngalokhu. Anginakho ukonakala, futhi imisebenzi Yami emikhulu iyaphelela, yonke ngaphandle kokuqaphela, iningi lezinto ezidaliwe liyaguqulwa, zonke ngaphandle kokuqaphela. Lapho ngidala umhlaba, ngibeka zonke izinto ezinomumo ndawonye nezifana nazo. Njengoba ukuphela kohlelo Lwami lokuphatha lusondela, ngizobuyisela indalo esimweni sayo sokuqala, konke ngizokubuyisela endleleni okwakwenziwe ngayo ekuqaleni, ngiguqule konke ngezinga elikhulu, ukuze konke kubuyele esifubeni sohlelo Lwami. Isikhathi sesifikile! Isigaba sokugcina sohlelo Lwami sesizofezeka. Wena mhlaba omdala ongcolile! Ngokuqinisekile uzowela phansi kwamazwi Ami! Ngokuqinisekile uhlelo Lwami luzokwenza ize! Nina zinto eziningi ezidaliwe! Nonke nizothola ukuphila okusha emazwini Ami—nizoba neNkosi engumbusi! Wena mhlaba ohlanzekile nongenasici! Ngokuqinisekile uzosebenza ngenkazimulo Yami! Ntaba YaseZiyoni! Ungabe usathula! Ngibuye ngokunqoba! Phakathi kwendalo, ngihlolisisa wonke umhlaba. Emhlabeni, isintu sesiqale ukuphila okusha, sithole ithemba elisha. Bantu Bami! Kungenzeka kanjani ningaphili ekukhanyeni Kwami? Kungenzeka kanjani ningagxumagxumi ngenjabulo ngaphansi kokuqondisa Kwami? Amazwe amemeza ngenjabulo, amanzi ayachwaza ngokuhleka okumtoti. Israyeli ovusiwe! Kungenzeka kanjani ungaziqhenyi ngokugcotshwa Kwami kusengaphambili? Ngubani okhalile? Ngubani oklabalasile? U-Israyeli wangaphambili akasekho, u-Israyeli wanamuhla uvukile, wama waqonda futhi waphakama, emhlabeni, waphakama ezinhliziyweni zabo bonke abantu. Ngokuqinisekile u-Israyeli wanamuhla uyothola umthombo wokuphila ngabantu Bami! Gibhithe elinenzondo! Ngokuqinisekile awusamelene Nami? Ungazuza kanjani ngomusa Wami futhi uzame ukubalekela kokusola Kwami? Kungani ungephile ngaphakathi kokusola kwami? Bonke labo engibathandayo impela bazophila ingunaphakade, bese bonke labo abamelana nami bazosolwa Yimi impela kuze kube phakade. Ngoba nginguNkulunkulu onomhawu, ngeke ngibayeke kalula abantu ngakho konke abakwenzile. Ngizowuqapha wonke umhlaba, futhi, ngiqhamuka eMpumalanga yomhlaba nokulunga, ubukhosi, ulaka nokusola, ngizozibonakalisa ezihlweleni zabantu!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 26” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 64)

Uma izingelosi zidlala umculo nezinto ezikhahlazwayo zawo zingidumisa, angikwazi ukungabi nozwelo kumuntu. Ngizizwa ngidabuke kakhulu enhliziyweni Yami, futhi kunzima ukususa lobu buhlungu. Ekujabuleni nasekudabukeni Kwami, ukuhlukana nokuhlangana futhi nabantu, angikwazi ukungakhumbuli. Sihlukene ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi, asikwazi ukuhlangana njalo. Ubani ongaphunyuka enkumbulweni? Ubani ongayeka ukukhumbula okwedlule. Ubani ongefise ukucabanga ngokuqhubeka kwemizwa emnandi edlule? Ubani ongelindele ukubuya Kwami? Ubani ongafisi ukuhlangana nabantu? Inhliziyo ikhathazeke kakhulu, kanti imimoya yabo ikhathazeke kakhulu. Yize sifana emoyeni yethu, asikwazi ukuhlala sindawonye, kanti angeke sikwazi ukuhlala sibonana. Ngalokho impilo yabo bonke abantu yoniwe kakhulu kanti iyantula ekugcineni komzimba njengoba belokhu be langazelela Mina. Kube sengathi izinto ezilahlwe ezulwini, bekhala bebiza igama Lami emhlabeni, bebhekise amehlo abo Kimi ukusuka emhlabeni—dwa bangaphunyuka kanjani emlonyeni wempungushe ehahayo? Bangazikhulula kanjani ekusatshisweni nasekulingweni yiyo? Abantu bangahlala kanjani bangazinikeli ngenxa yokulalela ilungiselelo lohlelo Lwami? Uma benxusa kakhulu, ngiyabafulathela, angisafuni ukubabona; kodwa ngingahlala kanjani ngingezwa ukukhala kwabantu abanjalo? Ngifuna ukulungisa ukungalungi kwabantu emhlabeni. Ngizozenzela Mina umsebenzi Wami emhlabeni jikelele, nginqabe ukuthi uSathane alimaze abantu Bami futhi, nginqabe ukuthi isitha senze intando yaso. Ngizoba yiNkosi emhlabeni ngimukise isihlalo sami sobukhosi lapho, ngenze ukuthi zonke izitha ziwele phansi zivume amacala azo phambi Kwami. Osizini lwami luxube nentukuthelo, ngizowunqoba umhlaba wonke, ngingashiyi noyedwa, ngenze zonke izitha zingesabe. Ngifuna ukwenza umhlaba ube ngamanxiwa, lapho zonke izitha zizoba khona, ukuvimba ukuthi zingabhebhethekisi inkohlakalo kubantu. Icebo Lami limisiwe, akekho noma ngabe ubani ongaliguqula. Njengoba ngintanta phezu komhlaba ngichachaza, sonke isintu sizokwenziwa kabusha, zonke izinto zizovuselelwa. Angeke besalila, besangikhalela ukuba ngibasize. Inhliziyo Yami izothakasa, abantu bazobuya bejabulile Kimi. Umhlaba jikelele, ukusuka phezulu ukuya phansi uzogobhoza injabulo …

Namuhla emazweni ahlukene, ngenza umsebenzi engangihlose ukuwufeza. Ngiya kubo bonke abantu, ngenza wonke umsebenzi Wami njengoba kuhleliwe, futhi sonke isintu sihlukanisa izizwe ezihlukahlukene ngokwentando Yami. Abantu abaphansi bagqolozele lapho beya khona, njengoba usuku lusondela namacilongo ezingelosi esekhalile. Akuseyikuba nakulibazisa emahoreni nasezinsukwini, zonke izinto zizoqala ukudansa ngenjabulo enkulu. Ubani ongelula usuku Lwami ngokuthanda kwakhe? Kungaba ngowasemhlabeni? Kungaba izinkanyezi esibhakabhakeni noma izingelosi? Uma ngikhuluma izwi ngiqala insindiso yabantu bakwa-Isirayeli, usuku Lwami luyasondela kubo bonke abantu. Wonke umuntu wesaba ukubuya kuka-Israyeli. Uma ebuya, kuzoba usuku Lwami lwenkazimulo, lapho zonke izinto zizoguquka zibe zintsha. Njengoba ukwahlulela okulungile kuzobe kugubuzele wonke umhlaba, bonke bethukile bayesaba, ngoba emhlabeni wabantu ukulunga akwaziwa. Uma ilanga lokulunga livela, iMpumalanga izokhanyisa, ikhanyise umhlaba wonke, kufinyelele kuwonke wonke. Uma umuntu angenza ukulunga Kwami, engesaba ini? Bonke abantu Bami balinde usuku lokubuya Kwami, bezindla ngokuza kosuku Lwami. Balinde ukuba ngivuze bonke abantu nginqume lapho bezophelela khona njengelanga lokulunga. Umbuso wami uyakheka phezu kwamazulu nomhlaba wonke, kanti isihlalo Sami sobukhosi sizuza izinhliziyo zezigidigidi zabantu. Ngokusizwa izingelosi, umsebenzi Wami omkhulu masinyane uzofezeka ngempumelelo. Zonke izixuku zamadodana nabantu Bami, zilinde ngentshisekelo ukubuya Kwami, bezindla ngokuhlangana Kwami nabo, singazophinde sehlukane futhi. Kwenzeka kanjani ukuthi isizwe sonke sombuso Wami singagxumagxumi ngenjabulo ndawonye ngokuba nabo Kwami? Ngabe lokhu ukuhlangana okuyize? Ngiyahlonipheka emehlweni abo bonke, ngimenyezwa emazwini abo bonke. Uma ngibuya, ngaphezu kwalokho, ngizonqoba wonke amabutho esitha. Sifikile isikhathi! Ngifuna ukuqala umsebenzi Wami, Ngifuna ukubusa ngaphezulu kwabantu! Ngiyabuya! Ngiyahamba! Yilokho okulindwe ngabantu bonke, lokho abafisa kwenzeke. Ngiyokwenza ukuthi sonke isintu sibone ukufika kosuku Lwami, bese samukela ngenjabulo ukufika kosuku Lwami!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 27” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 65)

Ngosuku lapho zonke izinto zavuswa khona, Ngeza phakathi kwabantu, ngachitha izinsuku nobusuku obumnandi nabo. Kulapha kuphela lapho umuntu ezwa kancane ngokufinyeleleka Kwami, futhi njengoba ukuhlangana Kwami nabo sekuvama, ubona okunye kwalokho enginakho nengiyikho—ngalokho, uzuza ulwazi oluthile Ngami. Phakathi kwabo bonke abantu ngiphakamisa ikhanda Lami ngibuke, bese bonke beyangibona. Kodwa uma inhlekelele iwela emhlabeni, basheshe babe nexhala, bese umfanekiso Wami uyashabalala ezinhliziyweni zabo; bathuswa wukufika kwenhlekelele, bangayinaki imiyalo Yami. Ngidlule iminyaka eminingi phakathi kwabantu, kodwa ulokhu engaqapheli, futhi akangazanga. Namuhla ngimtshela lokhu ngomlomo Wami, futhi ngenze ukuba bonke abantu beze Kimi bazothola utho, kodwa bayaqhubeka nokuqhela Kimi, ngakho-ke abangazi. Lapho izinyathelo Zami zihamba kuyo yonke indawo emhlabeni kuze kube semaphethelweni omhlaba, umuntu uzoqala ukuzindla ngaye, bese bonke abantu abeza Kimi bakhothame phambi Kwami bangidumise. Lolu kuzoba usuku lokukhazimuliswa Kwami, usuku lokubuya Kwami, futhi nosuku lokuhamba Kwami. Manje, sengiqale umsebenzi Wami kubo bonke abantu, ngingene ngokusemthethweni, emhlabeni wonke, uma uhlelo Lwami lokuphatha lufika ekugcineni. Ukusuka manje kuyaphambili, noma ubani ongaqapheli angabekwa icala lokuhlomeka phakathi kwesijeziso esingenawo umusa noma ngasiphi isikhathi. Lokhu akukhona ukuthi anginazwelo, kodwa isinyathelo sohlelo lokuphatha Kwami; konke kufanele kuqhubeke ngokwezinyathelo zecebo Lami, futhi akekho umuntu ongakuguqula lokhu. Uma ngiqala umsebenzi Wami ngokusemthethweni, bonke abantu banyakaza njengoba nginyakaza, kangangoba abantu emhlabeni wonke jikelele basebenza ngokuhambelana Nami, “kunenjabulo” emhlabeni jikelele, futhi umuntu ugqugquzelwa Yimi ukuya phambili. Ngaleso sikhathi, udrago omkhulu obomvu ngokwakhe ngimfake esimweni sentukuthelo nokudideka ngokomsebenzi Wami, futhi, ngaphandle kokuthi akazimisele, akakwazi ukulandela izifiso zakhe, okungamnikezi ukuzikhethela ngaphandle kokuthobela ukulawula Kwami. Kuwo wonke amacebo Ami, udrako omkhulu obomvu uyisithiyo Sami, isitha Sami, nesisebenzi Sami; angikaze ngithule “ngezidingo” Zami kuye. Ngakho-ke, isigaba sokugcina somsebenzi Wami wokuthatha isimo somuntu siqedelwe endlini yakhe. Ngale ndlela, udrago omkhulu obomvu uzokwazi ukwenza umsebenzi lowo engizonqoba ngawo ngiphelelise icebo Lami kangcono. Njengoba ngisebenza, zonke izingelosi zizongena empini yokunquma Nami, zinqume ukugcwalisa izifiso Zami esigabeni sokugcina, ukuze abantu emhlabeni bavune phambi Kwami njengoba zenza izingelosi, bangabi nesifiso sokungiphikisa, bangenzi lutho ebahlubukisa Kimi, lokhu yizimpawu zezinguquko zomsebenzi Wami emhlabeni jikelele.

Inhloso nokubaluleka kokufika Kwami kubantu ukusindisa bonke abantu, ukubuyisa bonke abantu endlini Yami, ukuhlanganisa izulu nomhlaba, nokwenza umuntu athumele “izimpawu” phakathi kwezulu nomhlaba, ngoba lokho kungumsebenzi womuntu wemvelo. Ngesikhathi ngidala umuntu, ngangilungisele umuntu zonke izinto, muva, ngavumela umuntu ukuba athole ingcebo ngamnikeza ngokwezidingo Zami. Kanjalo, ngithi kungaphansi kokuhola Kwami ukuthi bonke abantu bafinyelele namuhla. Konke lokhu kuyicebo Lami. Kubo bonke abantu, kukhona inani labantu elingebalwe elingaphansi kokuvikeleka othandweni Lwami, nenani elingebalwe lihlala ngaphansi kwesijeziso senzondo Yami. Yize bonke abantu bethandaza Kimi, kodwa abakakwazi ukuguqula izimo zabo zamanje; uma sebelahle ithemba, bangavumela imvelo kuphela ithathe indawo yayo bayeke ukungangilaleli, ngokuba lokhu yikho konke okungafezwa ngumuntu. Uma kufika esimweni sokuphila komuntu, umuntu kusafanele ukuba athole ukuphila koqobo, akakaboni ukungabi nobulungiswa, ukungajabuli, nezimo ezidabukisayo zasemhlabeni—manje, uma bekungesikho ukufika kwenhlekelele, abantu abaningi bebezoqhubeka babambelele kwiMvelo, futhi bebezoqhubeka bazibandakanye nobumnandi “bempilo”. Ngabe lokhu akukona okwenzeka ngempela emhlabeni? Ngabe lokhu akulona izwi lensindiso lelo engilikhuluma kumuntu? Kungani, phakathi kwabantu, kungakaze kube khona ongithanda ngempela? Kungani abantu bengithanda kuphela ekujezisweni nasezilingweni, kodwa kungekho ongithanda ngaphansi kokuvikela Kwami? Nginikezile ukusola Kwami ezikhathini eziningi esintwini. Bayakubuka, kodwa bangakunaki, futhi abafundi badlinze ngakho manje, ngakho konke okuza kumuntu ukwahlulela okungenamusa. Lokhu yindlela Yami eyodwa yokusebenza, kodwa isalungile ukuguqula umuntu imenze angithande.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 29” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 66)

Ngiyabusa embusweni, futhi, ngaphezu kwalokho ngibusa emhlabeni wonke jikelele; ngiyiNkosi yoMbuso neNhloko yomhlaba jikelele. Ukusukela manje kuyaphambili, ngizohlanganisa bonke labo abangebona abakhethiweyo bese ngiqala umsebenzi Wami kwabeZizwe, futhi ngizomemezela imithetho Yami yokuphatha emhlabeni jikelele, ukuze ngifinyelele ngempumelelo esinyathelweni esilandelayo somsebenzi Wami. Ngizosebenzisa isijeziso ukusabalalisa umsebenzi Wami phakathi kwabeZizwe, okusho ukuthi, ngizosebenzisa indluzula kubo bonke labo abangabeZizwe. Ngokusobala, lo msebenzi uzokwenziwa ngesikhathi esisodwa nomsebenzi Wami kulabo abakhethiweyo. Ngenkathi abantu Bami bebusa besebenzisa amandla emhlabeni kuzoba nawusuku lapho bonke abantu emhlabeni bezokunqotshwa, futhi, ngaphezu kwalokho kuzoba yisikhathi lapho ngizophumula khona—kulapho kuphela lapho ngizobonakala kubo bonke labo abanqotshiwe. Ngiyabonakala embusweni ongcwele, bese ngizifihla ezweni lokungcola. Bonke labo abanqotshiwe balalela phambi Kwami bazokwazi ukubona ubuso Bami ngamehlo abo, balizwe izwi Lami ngezindlebe zabo. Lesi yisibusiso salabo abazelwe ezinsukwini zokugcina, yisibusiso esihlelwe ngaphambili Yimina, futhi singeguqulwe yinoma ngubani. Namuhla, ngisebenza ngale ndlela ngenzela umsebenzi wekusasa. Yonke imisebenzi Yami ixhumene; kuyo yonke kukhona ubizo nokusabela: Akukaze kwenzeke ukuba noma yisiphi isinyathelo simiswe masinyane, kanti futhi akukaze kwenzeke ukuba noma yisiphi isinyathelo siqhutshwe ngokuzimela singahambisani nesinye. Akunjalo? Ngabe umsebenzi wesikhathi esidlule awusona isisekelo somsebenzi wanamuhla? Ngabe amazwi edlule akuwona andulela amazwi anamuhla? Ngabe izinyathelo ezedlule akuzona isiqalo sezinyathelo zanamuhla? Uma ngivula ngokusemthethweni umqulu kulapho abantu emhlabeni jikelele bajeziswa khona, lapho abantu emhlabeni jikelele bedlula ngaphansi kwezilingo, futhi uvuthondaba lomsebenzi Wami; bonke abantu bahlala emhlabeni ngaphandle kokukhanya, futhi bonke abantu baphila phakathi kwengozi yemiphakathi yabo. Ngamanye amazwi, yimpilo leyo umuntu angazange ayiphile ukusuka esikhathini sendalo kuze kube usuku lwanamuhla, futhi akekho kuso sonke lesi sikhathi oke “wajabulela” le nhlobo yempilo, ngakho ngithi ngenza umsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini. Lesi yisimo sezindaba ezenzeka ngempela, futhi lokhu kuyincazelo yangaphakathi. Ngenxa yokuba isikhathi Sami siyasondela kubo bonke abantu, ngoba asibonakali sisekude kodwa siphambi kwamehlo omuntu, ubani ongesabe ngalokho? Ubani ongejabule ngalokhu? Idolobhakazi elingcolile laseBhabhiloni lize lagcina lifikile ekubhujisiweni; umuntu usephinde wahlangana nomhlaba omusha sha, futhi izulu nomhlaba sekuguquliwe kwenziwa kusha.

Uma ngiqhamuka ezizweni zonke nakubantu bonke, amafu amhlophe ayahlangana esibhakabhakeni angemboze. Kanjalo, futhi, nezinyoni zomhlaba ziyahlabelela zingidansele ngenjabulo, zigqamisa isimo emhlabeni, zenza ukuthi zonke izinto emhlabeni ziphile, kungabi “njengokwenzika” kodwa kunalokho ziphile phakathi kwesimo sempilo. Uma ngiphakathi kwamafu, umuntu ubona ubuso namehlo Ami lufifi, futhi ngalesi sikhathi uzizwa esabasaba. Esikhathini esedlule, uzwe izindaba zomlando Ngami ezinganekwaneni, ngalokho ingxenye yakhe ikholelwa Kimi kanti futhi enye ingxenye yakhe iyangingabaza. Akangazi ukuthi ngikuphi, nokuthi ubuso Bami bukhulu kanganani—ngabe bubanzi njengolwandle noma abunamkhawulo njengamadlelo aluhlaza? Akekho ozaziyo lezi zinto. Kulapho umuntu ebona ubuso Bami kuphela emafini namuhla lapho umuntu ebona khona ubuMina basenganekwaneni bungokoqobo, ngakho kuba khona ukuvumelana kakhudlwana Nami, lokho kungenxa yezenzo Zami ukuthi ukungikhonza kwakhe kwande kancane. Kodwa umuntu akakangazi, ubona nje ingxenye Yami emafini. Ngemva kwalokho, ngelula izingalo Zami ngizikhombise umuntu. Umuntu uyamangala, abeke izandla zakhe emlonyeni, esaba kakhulu ukuthelwa phansi yisandla Sami, ngakho ufaka inhlonipho encanyana ekungibabazeni. Umuntu ugxilisa amehlo akhe ekunyakazeni Kwami konke, esaba kakhulu ukuthi uzothelwa phansi Yimina uma enganakile—kodwa ukuqashwa ngumuntu akungivimbeli, ngiyaqhubeka ngenze umsebenzi osezandleni Zami. Kusezenzweni zonke engizenzayo lapho umuntu ekhombisa umusa Kimi, bese esondela kancane kancane Kimina ukuhlanganyela Nami. Uma ngembulwa ngokuphelele emntwini, umuntu uzobona ubuso Bami, ukusuka lapho angeke ngisazifihla noma ngizifiphaze kumuntu. Emhlabeni jikelele, ngizovela esidlangalaleni kubo bonke abantu, nabo bonke labo abenyama negazi bazobona zonke izenzo Zami. Bonke labo abangabomoya bazohlala ngoxolo endlini Yami, futhi bazojabulela izibusiso ezinhle kanye Nami. Bonke labo engibakhathalelayo bazosinda ekujezisweni, futhi bazogwema ubuhlungu bomoya nokuhlupheka kwenyama. Ngizovela esidlangalaleni kubo bonke abantu ngibuse ngisebenzise amandla, ukuze ukunuka kwezidumbu kungasabikhona emhlabeni; kunalokho ukugqama kwamakha Ami kuzogcwala wonke umhlaba, ngoba usuku Lwami luyasondela, umuntu uyavuka, yonke into emhlabeni isohlelweni, futhi izinsuku zokusinda komhlaba azisekho, ngoba sengifikile!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 29” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 67)

Ngizogcwalisa iphezulu lezulu ngokufinyelela komsebenzi Wami, ukuze konke emhlabeni kuwe ngaphansi kwamandla ami, kwethula isu Lami “lokubumbana komhlaba” futhi kuphumelelisa lesi sifiso Sami esisodwa, nokuthi ngalokho isintu singabe sisaba nakho “ukuzulazula” ebusweni bomhlaba kodwa sithole indawo yokuphelela ngaphandle kokuchitha isikhathi. Ngicabangela isintu ngazo zonke izindlela, ngenza ukuba sonke isintu masinyane sihlale ezweni lokuthula nenjabulo, ukuze izinsuku zokuphila kwaso zingabe zisaba nokudabuka kanye nosizi, ukuze ngalokho futhi isu Lami lingafinyeleli ekungabini yilutho emhlabeni. Ngenxa yokuthi umuntu ukhona lapho, ngizokwakha isizwe emhlabeni, ngokuba ingxenye yokuvela kwenkazimulo Yami ifikile emhlabeni. Ezulwini phezulu, ngizobeka amadolobha Ami esimeni esilungile futhi ngenze konke kube kusha phezulu naphansi. Ngizohlanganisa konke okukhona phezulu nangaphansi kwezulu kube kunye, ukuze zonke izinto ezisemhlabeni zibumbane nazo zonke ezisezulwini. Lolu wuhlelo lwami, yilokho engizokufeza ngenkathi yokugcina—makungabi khona ogxambukela kule ngxenye yomsebenzi wami! Ukwedluliselwa komsebenzi Wami kwabeZizwe yingxenye yokugcina yomsebenzi Wami emhlabeni. Akekho okwazi ukuqonda umsebenzi engizowenza, ngakho abantu badidekile ngokupheleleyo. Futhi ngoba ngimatasatasa ngomsebenzi Wami emhlabeni, abantu bathatha ithuba “balibale ukudlala.” Ukubenza bangadlebeleki kakhulu ngibafake ngaphansi kokusola Kwami ukuze babekezelele ukuyalwa ngechibi lomlilo. Lesi yisinyathelo esisodwa emsebenzini wami, futhi ngizosebenzisa amandla echibi lomlilo ukufeza lo msebenzi Wami, ngaphandle kwalokho bekungezukwenzeka ukuqhuba umsebenzi wami. Ngizokwenza abantu emkhathini wonke ukuba bazithobe phambi kwesihlalo sobukhosi, ngibehlukanisa ngezigaba ezehlukene ngokokwahlulela kwami, ngibahlela ngalezi zigaba, bese ngibahlunga ngemindeni yabo, ukuze isintu sonke siyeke ukungangilaleli, singene, esikhundleni salokho, ohlelweni olunobunono futhi olumiswe kahle ngokwezigaba esengizishilo—akungabikho ozulazula noma kanjani! Kuwo wonke umkhathi, ngilungisile umsebenzi omusha; kuwo wonke umkhathi, sonke isintu sethukile savaleka umlomo ngokuvela Kwami kungazelelwe, izimpelamehlo zabo zaqhuma ngendlela engakaze izwakale ngenxa yokuvela Kwami ngokuvulekile. Inamuhla ngabe kalifani ncimishi nalokhu?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 43” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 68)

Ngisabalalisa umsebenzi Wami ezizweni. Inkazimulo Yami ikhanya emhlabeni wonke; intando Yami ibonakala kubantu abasabalele, bonke beqondiswa yisandla Sami futhi benza imisebenzi engibanike yona. Kusuka kuleli qophelo, sengingene enkathini entsha, ngilethe bonke abantu komunye umhlaba. Lapho ngibuyela “ezweni Lami lokuzalwa,” ngiqale enye ingxenye yomsebenzi osohlelweni Lwami lwasekuqaleni ukuze abantu bezokwazi Ngami ngokujulile. Ngibuka umhlaba wonke jikelele ngibone ukuthi[a] kuyisikhathi esifanele somsebenzi Wami, ngakho-ke ngiyaphuthuma ngehla ngenyuka ngenza umsebenzi Wami omusha kumuntu. Yinkathi entsha le, vele, futhi sengilethe umsebenzi omusha ozothatha abanye abantu abasha ubangenise enkathini entsha bese ubeka eceleni labo engizobakhipha. Esizweni sikadrako omkhulu obomvu, sengenze isigaba somsebenzi esingaqondwa abantu ngibenze bantenge emoyeni, emva kwalokho abaningi bayaphephuka buthule nokuvunguza komoya. Ngempela lesi “yisibuya” esengiseduze ukusiqeda; yilokhu engikulangezelelayo futhi kuwuhlelo Lwami. Ngokuba baningi abangalungile abanyonyobe bangena ngesikhathi ngisebenza, kodwa angijahile ukubaxosha. Kunalokho, ngizobachitha uma isikhathi sesifanele. Kuyoba ngemva kwalokho-ke kuphela lapho ngizoba khona umthombo wempilo, ngivumele labo abangithanda ngeqiniso ukuba bazuze Kimi izithelo zesihlahla somkhiwane kanye nephunga lomnduze. Emhlabeni lapho uSathane ehlala khona okwesikhashana, umhlaba wothuli, akunagolide elicwebile, kunesihlabathi sodwa, ngakho, ngibhekene nalokhu, ngenza umsebenzi wesigaba esinje. Kumele wazi ukuthi engikuzuzayo yigolide elicwebile, elicocekile, hhayi isihlabathi. Bangahlala kanjani abakhohlakele endlini Yami? Ngingazivumela kanjani izimpungushe ukuthi zibe yizimbungulu epharadesi Lami? Ngenza konke okusemandleni Ami ukuthi ngizixoshe lezi zinto. Ngaphambi kokuthi intando Yami ibonakaliswe, abekho abaziyo ukuthi yini esengizoyenza. Ngithatha leli thuba, ngixosha labo abakhohlakele, bese bephoqeka ukuthi basuke ebukhoneni Bami. Yilokhu engikwenzayo kwabakhohlakele, kodwa lusekhona usuku lokuthi bangisebenzele. Ukufisa kwabantu izibusiso kunamandla kakhulu; ngakho-ke ngijikisa umzimba Wami ngikhombise abezizwe ubuso Bami obukhazimulayo, ukuze bonke abantu baphile emhlabeni wabo bazihlulele bona, ngenkathi ngisho amazwi okumele ngiwasho futhi nginikeza abantu lokhu abakudingayo. Uma abantu bebuyelwa yimiqondo yabo, ngizobe sengiwusabalalisile kudala umsebenzi Wami. Ngizobe sengitshela abantu okuyintando Yami, bese ngiqala ingxenye yesibili yomsebenzi Wami kubantu, ngivumele bonke abantu bangilandele eduzane ukuze bezosebenzisana nomsebenzi Wami, ngiphinde ngivumele bonke abantu benze konke okusemandleni abo ukwenza kanye nami umsebenzi okumele ngiwenze.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa—Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awuwuqukethe umshwana othi “ngibone ukuthi.”

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 69)

Abekho abakholwayo ukuthi bazoyibona inkazimulo Yami, futhi angibaphoqi. Ngiyayisusa inkazimulo Yami phakathi kwesintu ngiyiyise komunye umhlaba. Uma abantu bephinda bephenduka, ngizobe sengikhombisa inkazimulo Yami kwabaningi abanokholo. Lo ngumgomo engisebenza ngawo. Ngoba kunesikhathi lapho inkazimulo Yami iishiya khona iKhanani, futhi kunesikhathi lapho inkazimulo Yami ishiya khona labo abakhethiweyo. Phezu kwalokho, kunesikhathi lapho inkazimulo Yami ishiya umhlaba wonke, iwenza ube lufifi bese iwuphonsa emnyameni. Ngisho nezwe laseKhanani ngeke likubone ukukhanya kwelanga; bonke abantu bazolahlekelwa wukholo lwabo, kodwa abekho abangamelana nokushiya iphunga elimnandi lezwe laseKhanani. Kuyoba kuphela lapho ngidlula ngiya ezulwini nasemhlabeni omusha okulapho ngithatha khona enye ingxenye yenkazimulo Yami bese ngiyambula okokuqala ezweni laseKhanani, ngenze inhlansi yokukhanya ikhanye emhlabeni wonke ozobe usebumnyameni obukhulu bobusuku, ukuvumela umhlaba wonke ukuba uze ekukhanyeni. Abantu emhlabeni wonke mabeze bazothatha amandla okukhanya, bevumela inkazimulo Yami ukuba ikhule ivele kabusha kuzo zonke izizwe. Abantu bonke mabazi ukuthi kade ngafika emhlabeni wabantu, futhi kade ngayiletha inkazimulo Yami ivela kwa-Israyeli iya eMpumalanga; ngoba inkazimulo Yami ikhanya isuka eMpumalanga, lapho yalethwa khona ngeNkathi yoMusa kuze kube manje. Kodwa ngasukela kwa-Israyeli ngaya eMpumalanga. Kungenkathi ukukhanya kwaseMpumalanga kuphenduka kancane kancane kuba mhlophe kuphela lapho ubumnyama emhlabeni wonke buzoguquka bube ukukhanya, kulapho kuphela abantu bazothola khona ukuthi kade ngahamba kwa-Israyeli sengiphakama kabusha eMpumalanga. Ngenxa yokuthi ngake ngehlela kwa-Israyeli kwathi emva kwesikhathi ngahamba, ngeke ngisaphinde ngizalelwe kwa-Israyeli, ngoba umsebenzi Wami uhola wonke umhlaba, futhi, okungaphezu kwalokho, umbani ushaya ukusuka eMpumalanga kuye eNtshonalanga. Ngalesi sizathu ngehlele eMpumalanga ngaletha iKhanani kubantu baseMpumalanga. Ngifisa ukuletha bonke abantu basemhlabeni ezweni laseKhanani, yikho ngiqhubeka ngikhuluma ngezwi Lami ezweni laseKhanani ukuze ngilawule umhlaba wonke jikelele. Kulesi sikhathi, akukho kukhanya emhlabeni wonke ngaphandle kwaseKhanani, futhi bonke abantu basengozini yendlala namakhaza. Nginikeze abakwa-Israyeli inkazimulo Yami ngase ngiyisusa, ngaletha abakwa-Israyeli eMpumalanga, futhi ngaletha bonke abantu eMpumalanga. Bonke ngibaholele ekukhanyeni ukuze baphinde babumbane babe nobudlelwano nakho, bangabe besadinga nokukufuna. Ngiyovumela bonke abafunayo ukuthi bakubone futhi ukukhanya babone nenkazimulo ebenginayo kwa-Israyeli; ngizokwenza babone ukuthi kudala ngehlela emhlabeni ngefu elimhlophe phakathi kwesintu, babone amafu amhlophe angenakubaleka kanye nezixheke zezithelo, futhi phezu kwalokho, babone uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Ngizokwenza ukuthi babone iNkosi yamaJuda, uMesiya abakade bemlangazelela, kanye nokuvela Kwami ngokuphelele engikade ngangihlushwa amakhosi iminyaka. Ngizosebenza kuwo wonke umhlaba futhi ngiyokwenza umsebenzi omkhulu, ngembule yonke inkazimulo Yami nayo yonke imisebenzi Yami kubantu ezinsukwini zokugcina. Ngizoveza ubuso Bami obukhazimulayo ekugcwaleni kwabo kulabo abebengilindile iminyaka eminingi, kulabo abebelangazelela ukuthi ngize ngefu elimhlophe, ku-Israyeli olangazelela befisa ukuthi ngivele futhi, nakubo bonke abantu abangihluphayo, ukuze bonke bazi ukuthi kade ngayithatha inkazimulo Yami ngayiletha eMpumalanga. Ayikho eJudiya, ngoba izinsuku zokugcina sezifikile!

Emhlabeni jikelele ngenza umsebenzi Wami, futhi eMpumalanga, ukuhlokoma okusazulu akupheli, kunyakazisa onke amazwe namahlelo. Yizwi Lami elilethe bonke abantu esikhathini samanje. Ngizokwenza bonke abantu banqotshwe yizwi Lami, bawele kulo mfudlana bese bezinikela phambi Kwami, ngoba kade ngayibuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke ngayisa kabusha eMpumalanga. Ubani ongafisi ukubona inkazimulo Yami? Ubani ongalindile ngexhala ukubuya Kwami? Ubani ongakomele ukuvela Kwami futhi? Ubani ongabufuni ubuhle Bami? Ubani ongeke eze ekukhanyeni? Ubani ongeke akubone ukunotha kweKhanani? Ubani ongakufisi ukubuya koMhlengi? Ubani ongamthandi uSomandla Omkhulu? Izwi Lami lizosabalala emhlabeni wonke; ngifisa, ngibheke kubantu Bami abakhethiwe, ukukhuluma amazwi amaningana kubona. Njengamazulu anamandla anyakazisa izintaba nemifula; ngikhuluma emhlabeni jikelele nasesintwini. Yingakho amazwi asemlonyeni wami esebe yigugu kubantu, futhi bonke abantu bayawazisa amazwi ami. Umbani uphazima usuka ngaseMpumalanga uze ufinyelele eNtshonalanga. Amazwi Ami angendlela yokuthi umuntu akafuni ukuwayeka futhi khona lapho uwathola engaqondakali, kodwa phezu kwalokho, uyawathokozela. Njengosana oluzelwe, bonke abantu bayajabula bathokoze, bebungaza ukuza Kwami. Ngezwi Lami, ngizoletha bonke abantu phambi Kwami. Emva kwalokho, ngizongena ngokomthetho ohlangeni lwabantu ukuze bazongidumisa. Ngenkazimulo engiyikhiphayo namazwi asemlonyeni wami ngizokwenza ukuthi bonke abantu beze phambi Kwami bese beyabona ukuthi umbani uphazima usuka eMpumalanga, nokuthi sengehlele “eNtabeni yemiNqumo” yaseMpumalanga. Bazobona ukuthi kade ngaba semhlabeni, hhayi njengeNdodana yamaJuda kodwa njengoMbani waseMpumalanga. Ngoba kade ngavuswa ekufeni, ngasuka phakathi kwesintu, ngabuye ngavela futhi kubantu ngenkazimulo. NgiNguye lowo owayekhonzwa endulo, futhi ngingumntwana owalahlwa ngama-Israyeli endulo. Phezu kwalokho, nginguNkulunkulu uSomandla mabeze phambi kwesihlalo Sami sobukhosi bazobona ubuso Bami obukhazimulayo, bezwe izwi Lami, babuke nemisebenzi Yami. Lokhu kungukuphelela kwentando Yami; kungukuphela novuthondaba lohlelo Lwami, kanye nenhloso yokuphatha Kwami. Izizwe zonke mazingidumise, zonke izilimi zingivume, bonke abantu bangethembe, bonke abantu babe ngaphansi Kwami!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa—Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 70)

Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka, umuntu ubelokhu elangazelela ukubona ukufika koMsindisi. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubona uJesu uMsindisi esefwini elihlophe njengoba ehla, engumuntu, phakathi kwalabo ababemlangazelele nababefisa ukumbona izinkulungwane zeminyaka. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubuya koMsindisi futhi ezozihlanganisa nabantu, okungukuthi, uJesu uMsindisi ukuba abuye kubantu asehlukane nabo iminyaka eyizinkulungwane. Umuntu unethemba lokuthi uMsindisi uzophinde enze umsebenzi wokukhulula awenza kumaJuda nokuthi uzoba nesihawu nothando kubantu, abathethelele izono zabo, athwale izono zabantu nazo zonke izeqo zabo futhi akhulule abantu esonweni. Balangazelela ukuthi uJesu uMsindisi afane nasekuqaleni—uMsindisi onothando, onobungani nohloniphekile, ongakaze amthukuthelele umuntu futhi ongakaze amsole. Lo Msindisi uthethelela futhi athwale zonke izono zomuntu, futhi aze afe esiphambanweni efela abantu. Njengoba uJesu ahamba, abafundi bakhe ababemlandela nabo bonke abangcwele ababesindisiwe balibonga igama Lakhe, bebelokhu bemlangazelele kakhulu futhi bemlindile. Bonke labo ababesindiswe ngomusa kaJesu Kristu phakathi neNkathi Yomusa bebelokhu belangazelele lolo suku lwenjabulo phakathi nezinsuku zokugcina, lapho uJesu uMsindisi efika ngefu elimhlophe futhi ebonakala kubantu. Empeleni, lesi yisifiso sabo bonke labo abamukela igama likaJesu uMsindisi namuhla. Kuyo yonke indawo, bonke labo abayaziyo insindiso kaJesu uMsindisi bebelokhu bekulindile ukufika kungazelelwe kukaJesu Kristu, ukuze kugcwaliswe amazwi kaJesu lapho esesemhlabeni: “Ngizofika ngendlela engihambe ngayo.” Umuntu ukholelwa ukuthi ngemva kokubethelwa novuko, uJesu wabuyela ezulwini ngefu elimhlophe, wabe esethola indawo Yakhe ngakwesokunene Sophezu Konke. Umuntu ucabanga ukuthi, ngokufanayo, uJesu uzophinde ehle ngefu elimhlophe (leli fu libhekisela efwini lelo uJesu anyuka ngalo lapho ebuyela ezulwini), phakathi kwalabo abebelokhu bemlinde ngokulangazela iminyaka eyizinkulungwane nokuthi uzoba nesithombe nezembatho zamaJuda. Ngemva kokuvela kubantu, uyobanika ukudla futhi enze amanzi okuphila ukuba agobhoze phambi kwabo futhi aphile nabantu, egcwele umusa nothando, ephila futhi engokoqobo. Njalo njalo. Nokho uJesu uMsindisi akazange akwenze lokhu; wenza okuphambene nalokho umuntu ayekucabanga. Akazange afike kulabo abebelokhu belinde ukubuya Kwakhe futhi akazange abonakale kubo bonke abantu njengoba ayegibele ifu elimhlophe. Usefikile, kodwa abantu abamazi, futhi bayaqhubeka bengamazi. Abantu bamane bamlinda ngokungenanhloso nje, bengaboni ukuthi usehlile ngefu elimhlophe (ifu eliwuMoya Wakhe, amazwi Akhe kanye nesimo semvelo Yakhe yonke nakho konke ayikho), manje usephakathi kweqembu labantu abangabanqobi azobakha phakathi nezinsuku zokugcina. Abantu abakwazi lokhu: Nakuba uMsindisi ongcwele uJesu egcwele uthando futhi ebakhonzile abantu, angasebenza kanjani “emathempelini” agcwele ukungcola nemimoya emibi? Nakuba umuntu elokhu elinde ukufika Kwakhe, angabonakala kanjani kulabo abadla inyama yabangalungile baphuze igazi labangalungile, bagqoke izingubo zabangalungile, abakholelwa Kuye kodwa bengamazi futhi abaqhubeka bemphanga? Abantu bazi kuphela ukuthi uJesu uMsindisi ugcwele uthando nobubele, futhi ungumnikelo wesono oyisihlawulelo. Kodwa umuntu akaqondi nakancane ukuthi Yena unguNkulunkulu Uqobo, ochichima ukulunga, ubukhosi, ulaka nesahlulelo, onegunya futhi abe nesithunzi. Nakuba kunjalo umuntu usakulangazelela futhi ukomele ukubuya koMkhululi, futhi ngisho noma Izulu linyakaza ngenxa yemithandazo yabantu, uJesu uMsindisi akabonakali kulabo abakholelwa Kuye kodwa bengamazi.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 71)

Icebo lokuqondisa likaNkulunkulu leminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selifika emaphethelweni, futhi amasango ombuso weZulu asevulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imikhondo kaNkulunkulu? Yeka indlela ukubonakala kukaNkulunkulu okulangazelelwa ngayo! Nendlela okunzima ngayo ukuthola umkhondo kaNkulunkulu! Eminyakeni efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kwakumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kwakumele senzeni ukulandela umkhondo kaNkulunkulu? Imibuzo enjalo ibhekana nawo wonke umuntu olinde ukubonakala kukaNkulunkulu. Nonke niye nakucabanga kaningi lokhu—kodwa nathola miphi imiphumela? UNkulunkulu ubonakala kuphi? Ikuphi imikhondo kaNkulunkulu? Ingabe uzitholile izimpendulo? Iningi labantu liphendula lithi: UNkulunkulu uzibonakalisa kulabo abamlandelayo futhi imikhondo yakhe iphakathi kwethu; kulula kanjalo! Noma ubani anganikeza impendulo yamazwi aklanyiwe, kodwa uyaqonda yini ukuthi kuyini ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi iyini imikhondoimikhondo kaNkulunkulu? Ukubonakala kukaNkulunkulu kusho ukufika Kwakhe emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe. Ngobuyena bakhe kanye nokuhlela, kanye nendlela yokwenza eyimvelo yakhe, wehlela phakathi kwabantu ukwenza umsebenzi wokusungula isikhathi futhi aqede isikhathi. Lolu hlobo lokubonakala akusilo uhlobo lomcimbi. Akusilo uphawu, isithombe, isimangaliso noma umbono omkhulu, noma ngaphansi kunalokho akusiyo inqubo yenkolo. Kuyinto ekhona ngempela engathintwa futhi ibanjwe. Le nhlobo yokubonakala akusiyona nje eyokulandela inqubo, noma indlela yokwenza okwesikhashana, kodwa empeleni isigaba somsebenzi wesu Lakhe lokuqondisa. Ukubonakala kukaNkulunkulu njalo kunenhloso, futhi kuxhumana nesu Lakhe lokuqondisa. Lokhu kubonakala kuhluke kakhulu kunokubonakala kwezeluleko zikaNkulunkulu, ukuhola, kanye nokukhanyiselwa komuntu. UNkulunkulu wenza umsebenzi omkhulu njalo uma ezibonakalisa. Lo msebenzi uhlukile kulowo wanoma iyiphi enye inkathi. Awunakucatshangwa ngumuntu, futhi awukaze ubonwe ngumuntu. Kungumsebenzi oqala isikhathi esisha futhi uphelise isikhathi sakudala, futhi ngumsebenzi omusha futhi ongcono wensindiso yomuntu; ikakhulukazi, umsebenzi wokuletha umuntu enkathini entsha. Lokhu kukhombisa ukubonakala kukaNkulunkulu.

Esikhathini esisodwa njengokuqonda ukubonakala kukaNkulunkulu, ungayifuna kanjani imikhondo kaNkulunkulu? Lo mbuzo akulukhuni ukuwuchaza: Lapho kunokubonakala kukaNkulunkulu, uzothola imikhondo kaNkulunkulu. Incazelo enjalo izwakala iqondile, kodwa akulula kanjalo ukwenza, ngoba abantu abaningi abazi ukuthi uNkulunkulu uzibonakalisa kuphi, futhi abazi nokuthi angafuna ukuzibonakalisa kuphi, noma kumele azibonakalise kuphi. Abanye ngokuxhamazela bakholelwa ukuthi lapho kunemisebenzi kaMoya Oyingcwele, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholelwa ekutheni lapho kunezithombe zomoya, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholelwa ukuthi uma kunabantu abadumile, kubonakala uNkulunkulu. Okwamanje, masingagxili ekutheni izinkolo ezinjalo ziyiqiniso noma amanga. Ukuchaza imibuzo enjalo, kumele sicacise injongo kuqala: Sifuna imikhondo kaNkulunkulu. Asifuni izithombe zomoya, futhi asilandeli izithombe ezidumile, silandela imikhondo kaNkulunkulu. Njengalokho, njengoba sifuna imikhondo kaNkulunkulu, kumele sifune intando kaNkulunkulu, amagama kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu—ngoba lapho kunamagama amasha kaNkulunkulu, kunezwi likaNkulunkulu, futhi lapho kunemikhondo kaNkulunkulu, kunezenzo zikaNkulunkulu. Lapho kunezwi likaNkulunkulu, kubonakala uNkulunkulu, futhi lapho kubonakala uNkulunkulu, kukhona iqiniso, indlela kanye nempilo. Ngenkathi ufuna imikhondo kaNkulunkulu, uzibe amagama okuthi “uNkulunkulu uyiqiniso, indlela kanye.” Ngakho uma abantu abaningi bathola iqiniso, abakholelwa ukuthi bathole imikhondo kaNkulunkulu futhi abakholelwa ukuthi uNkulunkulu uzibonakalisile. Iphutha elikhulu lelo! Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu angazibonakalisa kumuntu oyaliwe. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unamasu Akhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu indlela kaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele ibonwe nguwo wonke umuntu. Uma ulangazelela ukuba ngufakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu, uma ufisa ukulandela imikhondo kaNkulunkulu, kumele okukuqala wamukele ukwenziwa kwakho. Akumele ufune uNkulunkulu akwenzele lokhu nalokhuya, futhi akumele umbeke emkhawulweni wokudala wena kuphela. Kunalokho kumele ubuze ukuthi ungayifuna kanjani imikhondo kaNkulunkulu, ungakwamukela kanjani ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi ungazinikela kanjani emsebenzini omusha kaNkulunkulu; yilokho okumele kwenziwe ngumuntu. Njengoba umuntu kungasilo iqiniso, futhi engafakwangwa iqiniso, umuntu kumele afune, amukele, futhi athobele.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 72)

Kungakhathaliseki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma elinye izwe, kumele weqe umngcele wakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke ubambe imikhondo kaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu azibonakalise ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujulile umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingakalwa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Yingakho ngisho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna uNkulunkulu azibonakalise. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole imvume kaNkulunkulu.

UNkulunkulu unguNkulunkulu wabo bonke abantu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wesu lakhe angavinjelwe yinoma ikuphi ukwakheka, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze ucabange ngale ndlela noma mhlawumbe uyiphikile, noma mhlawumbe izwe noma amazwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu liyabandlululwa futhi ngelilodwa kulawo angathuthukile emhlabeni. Yize kunjalo uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nohlelo lakhe uthole iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu afune ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelele izivivinyo ezibuhlungu kanye nezijeziso ezahlukahlukene futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle komngcele wendlela ethile noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wesu Lakhe. Isibonelo, uma uNkulunkulu aphenduka waba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakukwenza umsebenzi wokuqothula ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholelwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama abe nguJuda iNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi bajezise futhi baphikisane noNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekumoshakaleni kwe-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bafuna ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bajezisa ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo futhi kubamba ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi ngibone abantu abaningi behleka bewa abawahleka usulu amazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka akuhlukile yini ekujeziseni kanye nokuthukana kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, ingasaphathwa eyokulangazelela iqiniso. Ufunda njengempumputhe nje futhi ulinda ngokunganaki. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini iziqondiso zikaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu azibonakalisa khona, kunobuqiniso, futhi kunezwi likaNkulunkulu. Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu. Bekela imicabango yakho eceleni! Yima ufunde la mazwi. Uma ulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzokukhanyisela ukuthi uqonde intando Yakhe kanye namazwi Akhe. Bekela eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ezibonakalisa khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubungako bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela azibonakalisa ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaliseki ukuthi imikhondo zakhe zikuphi. Noma ngabe imikhondo kaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu wawo wonke umuntu. Isibonelo iNkosi uJesu akusiyena uNkulunkulu wabakwa-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakalisa Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imikhondo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amagama Akhe kanye nokuzibonakalisa Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyabona ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imikhondo zakhe esikhathini esisha, futhi nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abamele ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 73)

UNkulunkulu uthule, akakaze avele kithi, kodwa umsebenzi Wakhe awukaze ume. Uhlola wonke amazwe, futhi uyala zonke izinto, kanti ubambelela kuwo wonke amazwi nezenzo zomuntu. Ukuqondisa Kwakhe kuhambisana nezigaba futhi kuvumelana necebo Lakhe. Uqhubeka ngokuthula, ngaphandle komsindo, futhi kade imikhondo Yakhe yadlulela kumuntu, isihlalo Sakhe sokwahlulela sisendaweni yonke sihamba ngesivinini sombani, kulandelwa ngokushesha ukwehlela kwesihlalo sobukhosi Sakhe kithi. Yeka indlela leso simo esikhulu ngayo, yeka ingqopha-mlando. Njengejuba, nanjengebhubesi elibhongayo, uMoya uyafika phakathi kwethu. Uhlakaniphile, ulungile futhi unamandla amakhulu, ufika ngokuthula phakathi kwethu, abe negunya futhi aphuphume uthando nobubele. Akekho okubonayo ukuza kwakhe, akekho okwemukelayo, futhi akekho owazi konke azokwenza. Ukuphila komuntu akushintshi; inhliziyo yakhe ayinamehluko, futhi unezinsuku ezijwayelekile. UNkulunkulu phakathi kwethu uphila njengomuntu ojwayelekile, njengomlandeli omangalisayo noma obaluleke kakhulu nekholwa elijwayelekile. Unezinto Zakhe azifunayo, imigomo Yakhe, futhi ngaphezu kwalokho, unobunkulunkulu okungekho muntu ojwayelekile anabo. Akekho oye waphawula ubunkulunkulu Bakhe, futhi akekho ofune umehluko phakathi kwesiqu Sakhe nesomuntu. Siphila kanye Naye, singaboshiwe futhi singethukile, ngoba asiboni njengongaphezu kwekholwa. Ulangazelela ukuhamba kwethu, futhi yonke imicabango yethu yenekwe phambi Kwakhe. Akekho onendaba nokuba khona Kwakhe, akekho okwazi ukucabanga umsebenzi Wakhe, futhi akekho onomqondo wokuthi ungubani. Simane siqhubeka nezinto esizifunayo, njengokungathi Yena akahlanganise lutho nathi …

UMoya oNgcwele uveza igama elithi “Ngaye,” futhi nakuba kungalindelekile, siyabona ukuthi lokhu kuyinto kaNkulunkulu, futhi siyakwamukela ngoba kuvela kuNkulunkulu. Lokho kungenxa yokuthi, kungakhathaliseki ukuthi la mazwi avela kubani, uma nje esavela kuMoya oNgcwele kufanele siwamukele, asinakuwaphika. Izwi elilandelayo lingavela ngami, noma ngawe, noma Ngaye. Kungakhathaliseki ukuthi livela ngobani, onke angumusa kaNkulunkulu. Kodwa akunandaba ukuthi umuntu ungubani, akufanele simkhonze, yena nanoma yini enye, akanakuba uNkulunkulu; ngeke nangayiphi indlela sikhethe umuntu ojwayelekile, abe uNkulunkulu wethu. UNkulunkulu wethu mkhulu futhi uhloniphekile; angamelwa kanjani umuntu ongabalulekile? Okukhulu, ukuthi sonke silinde ukufika kukaNkulunkulu ukuze asiyise embusweni wezulu, ngakho umuntu ongabalulekile angafaneleka kanjani ukwenza lowo msebenzi obalulekile? Uma iNkosi ibuya, kumele ibe sefwini elimhlophe, ibonakala kubo bonke. Yeka indlela lokho okuyokhazimula ngayo! Angakwazi kanjani ukuzifihla eqenjini labantu abajwayelekile?

Kodwa futhi ngumuntu ojwayelekile ocashe phakathi kwabantu owenza umsebenzi omusha wokusisindisa. Akasicaciseli lutho, akasitsheli nokuthi yini ayizele. Umane wenza umsebenzi ahlose ukuwenza ezigabeni Zakhe, futhi ngokuvumelana necebo Lakhe. Amazwi nezinto Zakhe kuyejwayeleka. Kusukela ekududuzeni, ekuzikhandleni, ekukhumbuzeni, kanye nokwexwayisa, kuya ekusoleni nasekusiyaleni; kusukela ephimbweni elinomusa kuye emazwini anolaka nanamandla amakhulu—onke anobubele nokukhathazeka kumuntu. Konke akushoyo kuhlaba esikhonkosini ngezimfihlo ezithukuswe kithi, amazwi Akhe ahlaba izinhliziyo zethu, ahlaba umoya wethu, asishiye sishaywa amahloni futhi sihlazekile. Siqala ukuzibuza ukuthi uNkulunkulu enhliziyweni yalo muntu uyasithanda ngempela yini, futhi yini ngempela ahlose ukuyenza. Mhlawumbe singajabula ngemva kokubekezelela izinhlungu ezinjalo? Emakhanda ethu siyabala … ngesikhathi esizayo nangomphumela wethu. Futhi akekho kithi okholelwa ukuthi uNkulunkulu uyishiyile inyama Yakhe usebenza phakathi kwethu. Ngisho noma ebe nathi isikhathi eside, nakuba esekhulume amazwi amaningi kangaka sibhekene ubuso nobuso Naye, asikazimiseli ukwamukela umuntu ongajwayelekile njengoNkulunkulu ekusaseni lethu, ingasaphathwa eyokwethemba umuntu onjalo ngekusasa nomphumela wethu. Kuye sithola amanzi angapheli okuphila, futhi siyambonga ngoba manje siphila noNkulunkulu. Sibonga kuphela umusa weNkosi uJesu emazulwini, futhi asikaze sinake imizwa yalo muntu ojwayelekile onobunkulunkulu. Usawenza umsebenzi Wakhe ngokuzithoba ezifihle enyameni, eveza izwi lenhliziyo Yakhe, okubonakala kungenandaba ukuthi aphikwe isintu, kuze kube phakade umuntu enobungane nokunganaki, futhi Yena embekezelela umuntu.

Engaziwa kithi, lo muntu ongabalulekile usiholele ezigabeni zomsebenzi kaNkulunkulu. Sidlula ezilingweni ezingenakubalwa, ekusolweni okungabaleki, futhi savivinywa ukufa. Sifunda ngokulunga namandla amakhulu esimo sikaNkulunkulu, futhi uthando Lwakhe nobubele, kuyawazisa amandla amakhulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, kuyalubona uthando lukaNkulunkulu, nesifiso esijulile sikaNkulunkulu sokusindisa umuntu. Emazwini alo muntu ojwayelekile, siye sazi isimo nesiqu sikaNkulunkulu, saqonda intando kaNkulunkulu, sazi isiqu nokwakheka komuntu, sabona nendlela yokusindiswa nokupheleliswa. Amazwi Akhe asenza sife, futhi asenza siphinde sizalwe; amazwi Akhe asilethela induduzo, aphinde asishiye sinecala, futhi sinomqondo wokwazisa; amazwi Akhe asilethela injabulo nokuthula, kodwa futhi nobuhlungu obukhulu. Ngezinye izikhathi sifana nezimvu ezihlatshwayo ezandleni Zakhe; kwezinye sifane nama-apula emehlweni Akhe, futhi sijabulele uthando; ngezinye izikhathi sifana nezitha Zakhe, siyiswa emlotheni ngethukuthelo Yakhe esemehlweni Akhe. Siyisintu esisindiswe Nguye, siyizimpethu emehlweni Akhe, futhi siyizimvu ezilahlekile azifuna ubusuku nemini. Unomusa kithi, uyasikhathalela, uyasiphakamisa, uyasiduduza futhi asigqugquzele, uyasiqondisa, uyasikhanyisela, uyasisola futhi asiyale, aze ngisho asiqalekise. Ukhathazeka ngathi ubusuku nemini, uyasivikela ubusuku nemini, akalokothi asishiye, usinakekela ngazo zonke izindlela akhokhe noma yiliphi inani. Phakathi kwamazwi ale nyama engatheni najwayelekile, siye sajabulela ukuphelela kukaNkulunkulu, futhi sabona ikusasa uNkulunkulu asibekele lona. Kodwa naphezu kwalokhu, ukuzidla kusagcwele ezinhliziyweni zethu, futhi asikazimiseli ukwamukela umuntu ofana noNkulunkulu wethu. Nakuba esinike inala yemana, izinto eziningi ezijabulisayo, akukho kulokhu okungathatha indawo kaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu. Siyabuhlonipha lobu buntu futhi sibubheka njengobubalulekile. Uma engasukumi asibonise ukuthi unguNkulunkulu, khona-ke ngeke siphinde simbheke njengoNkulunkulu ozofika maduze kodwa obelokhu esebenza phakathi kwethu.

Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. Siqala ukusondelana namazwi Akhe, siqala ukugxila endleleni akhuluma ngayo, bese siqala ukuthanda izwi lenhliziyo Yakhe ngalo muntu omangalisayo. Uzikhandla ngokukhulu ukucophelela ngenxa yethu, aqwashe futhi angafuni ukudla ngenxa yethu, akhale ngenxa yethu, alile ngenxa yethu, agule ngenxa yethu, ahlazwe ngenxa yekusasa nensindiso yethu, futhi inhliziyo Yakhe iyopha ikhale izinyembezi ngenxa yokuba ndikindiki kwethu nokuhlubuka. Ubuntu obunjalo nezinto Zakhe kungaphezu komuntu ojwayelekile, akekho umuntu okhohlakele ongaba nakho. Unokubekezela okungekho muntu omunye onakho, futhi asikho isidalwa esinothando analo. Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi sikaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho ukuqhakambisa ngokuphelele. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasibonisa indlela nokukhanya. Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze azambule kusukela ekudalweni kuze kube manje. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekugqilazweni uSathane nasesimweni sethu esikhohlakele. Umelela uNkulunkulu, embule izwi lenhliziyo kaNkulunkulu, nezikhuthazo zikaNkulunkulu, namazwi esahlulelo sikaNkulunkulu kuso sonke isintu. Uqale inkathi entsha, waletha amazulu amasha nomhlaba omusha, umsebenzi omusha, wasilethela ithemba, waqeda ukuphila esididekile kukho, wasivumela ukuba siyibambe ngokugcwele indlela eya ensindisweni. Usinqobile, wazuza nezinhliziyo zethu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izingqondo zethu ziqaphile, futhi umoya wethu uvuselelwe: Lo muntu ojwayelekile, ongabalulekile, ophila phakathi kwethu futhi ebesilokhu simphika—akayona yini iNkosi uJesu, ehlale isemicabangweni yethu, esiyilangazelela ubusuku nemini? Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu! Uyindlela, neqiniso nokuphila! Usivumele ukuba siphinde siphile, sibone ukukhanya, futhi wenze izinhliziyo zethu zangadideka. Sesibuyile ekhaya likaNkulunkulu, sibuyile esihlalweni Sakhe sobukhosi, sesiNaye, sizibonile izimbangi Zakhe, salubona nohambo olusihlalele. Ngaleso sikhathi izinhliziyo zethu wayesezinqobe ngokugcwele, asisangabazi ukuthi Nguye, futhi asisamelani nomsebenzi kanye nezwi Lakhe, siguqa ngokuphelele phambi Kwakhe. Asifisi lutho ngaphandle kokuhamba emikhondweni kaNkulunkulu ukuphila kwethu konke, nokupheleliswa Nguye, nokuphinde simkhokhele ngomusa Wakhe, nothando analo ngathi, nokulalela ukuqondisa namalungiselelo Akhe, nokubambisana nomsebenzi Wakhe, nokwenza konke okusemandleni ukuze sifeze asiphathise khona.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 74)

Akunakuthiwa uNkulunkulu nomuntu bayalingana. Ubuyena nomsebenzi Wakhe kungaphezulu kokuqonda kwabantu. Uma uNkulunkulu engawenzi Yena uqobo umsebenzi Wakhe akhulume amazwi Akhe emhlabeni wabantu, kusho ukuthi abantu ngeke bakwazi ukuyiqonda intando kaNkulunkulu, ngalokho-ke, nalabo abanikele impilo yabo yonke kuNkulunkulu ngeke bakwazi ukuzuza ukwamukelwa Nguye. Ngaphandle komsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe umuntu wenza kahle kanjani, ngeke kusho lutho lokho, ngoba imicabango kaNkulunkulu iyohlale ingaphezulu kwemicabango yomuntu, kanti nokuhlakanipha kukaNkulunkulu akuqondakali kumuntu. Ngalokho-ke ngithi labo “ababona ngokucacile” uNkulunkulu nomsebenzi Wakhe abanalo iqiniso, bayaqhosha futhi abanalwazi. Abantu akumele bachaze umsebenzi kaNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, abantu abakwazi ukuchaza umsebenzi kaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, umuntu mncane ngisho kunentuthwane, ngakho umuntu angawuqonda kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Labo abaphikelelayo bethi, “uNkulunkulu akasebenzi ngale ndlela noma ngaleya ndlela” noma “uNkulunkulu ufana nalokhu noma lokhuya”—ingabe bonke abaqhoshi? Sonke kumele sazi ukuthi abantu abayinyama, bonke uSathane ubenze bakhohlakala. Kungokwemvelo kubo ukuphikisana noNkulunkulu, futhi abalingani noNkulunkulu, ingasaphathwa eyokunikeza iseluleko ngomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuthi uNkulunkulu umhola kanjani umuntu kungumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu kumele bazithobe, futhi akumele babe nombono othile, ngoba umuntu uwuthuli. Njengoba sizama ukufuna uNkulunkulu ngeke sikwazi ukufaka ukuqonda kwethu emsebenzini kaNkulunkulu ukuze uNkulunkulu akubheke, kanjalo akumele sisebenzise isimo sethu esikhohlakele sizame ukuphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso. Ingabe lokho ngeke kusenze abaphikikrestu? Abantu abanjalo bangasho kanjani ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu? Njengoba sikholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, futhi njengoba sifisa ukumanelisa nokumbona, kumele sifune indlela yeqiniso, futhi sibheke indlela yokuvumelana noNkulunkulu. Akumele sibe ontamo-lukhuni siphikisane noNkulunkulu; yini enhle engavela ngokwenza kanjalo?

Namuhla, uNkulunkulu unomsebenzi omusha. Kungenzeka ungawamukeli la mazwi, angezwakala engavamisile kuwe, kodwa ngineluleka ukuba ningavezi ubunina bemvelo, ngoba yilabo abalambele nabomele ukulunga phambi kukaNkulunkulu abangathola iqiniso, futhi yilabo kuphela abazinikele ngeqiniso abangase bakhanyiselwe futhi baqondiswe Nguye. Imiphumela itholakala ngokufuna ngokuthula okunokuzotha, hhayi ngokulwa nokuncintisana. Uma ngithi “namuhla, uNkulunkulu wenze umsebenzi omusha,” ngibhekise odabeni lokubuyela kukaNkulunkulu enyameni. Mhlawumbe awunandaba nala mazwi, kungenzeka uyawazonda, noma unentshisekelo ngawo. Noma ngabe yikuphi, ngithemba ukuthi bonke laba abafisa ukuvela kukaNkulunkulu bangabhekana naleli qiniso balicabangisise. Kungcono ukungajahi ukufinyelela eziphethweni. Lena yindlela abantu abahlakaniphile okumele benze ngayo.

Ukufunda into enjengalena akunzima, kodwa kudinga ukuba sonke silazi leli qiniso: Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu. Indlela obukeka ngayo ngaphandle ayisho isiqu; ngaphezu kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu awusoze uhambisane nokuqonda kwabantu. Ingabe ukubonakala kukaJesu ngaphandle akuzange kushayisane nokuqonda kwabantu? Ingabe ukubonakala Kwakhe kwangaphandle nendlela yokugqoka akuzange kuhluleke ukunika abantu izinkomba zokuthi ungubani Yena ngokweqiniso? Ingabe kwakungesona isizathu sokuthi abaFarisi bokuqala bamphikisa uJesu ngenxa yokuthi bebebuka ingaphandle Lakhe, bangawanaka amazwi ayewakhuluma? Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu bangakuphindi lokhu okwenzeke emlandweni. Akumele nibe ngabaFarisi besikhathi samanje niphinde nibethele uNkulunkulu esiphambanweni futhi. Kumele niyibhekisise indlela enizokwamukela ngayo uNkulunkulu lapho ebuya, nibe nomqondo ocacile ngokuthi ningaba kanjani ngabantu abathobela iqiniso. Lokhu kungumthwalo wawo wonke umuntu olinde ukubuya kukaJesu ngamafu. Kumele sicikice amehlo ethu kamoya, singabi yizisulu zamazwi angelona iqiniso. Kumele sicabange ngomsebenzi owenziwa uNkulunkulu, futhi sibheke uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu. Ningajabuli kakhulu noma nilibale ukuphupha emini, nibheke usuku uNkulunkulu uJesu azokwehla ngalo ngefu anithathe nina eningakaze nimazi noma nimbone, ningazi nokuthi niyenze kanjani intando Yakhe. Kungcono ukucabanga ngezinto ezizokwenzeka!

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 75)

Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho nina, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokubambelela ngokuyize egameni likaMesiya, kulapho bephikisana nengqikithi kaMesiya ngazo zonke izindlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na? Ngiyabuza futhi: Akulula kakhulu na kinina ukuthi nenze amaphutha abaFarisi basekuqaleni, njengoba ningenakho nokuncane ukuqonda ngoJesu? Niyakwazi yini ukubona indlela yeqiniso? Ningaqinisekisa ukuthi ngeke nimelane noKristu? Niyakwazi yini ukulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele? Uma ungazi noma uyomphikisa yini uKristu, ngithi vele usuphila engcupheni yokufa. Labo ababengamazi uMesiya babekwazi ukuphikisana noJesu, noma bamdikile uJesu, noma bamhlebe. Bonke abantu abangamqondi uJesu bangakwazi ukumphika, futhi bamthuke. Ikakhulukazi, bangakwazi ukubona ukubuya kukaJesu njengenkohliso kaSathane, futhi abantu abaningi bazomehlulela uJesu obuyele enyameni. Akukusabisi yini konke lokhu? Lokhu oyobhekana nakho ukuhlambalaza uMoya oNgcwele, ukona amazwi kaMoya oNgcwele emabandleni, nokulahla konke okwabonakaliswa uJesu. Ungazuzani kuJesu uma udideke kangaka? Ningawuqonda kanjani umsebenzi kaJesu uma ebuya enyameni ngefu elimhlophe, uma ninqaba ngenkani ukubona amaphutha enu? Nginitshela lokhu: abantu abangalamukeli iqiniso, nokho, ngobumpumputhe balindele ukufika kukaJesu ngamafu amhlophe, ngokuqinisekileyo bayohlambalaza uMoya oNgcwele, futhi bayisigaba esiyobhujiswa. Nimane nifisa umusa kaJesu, futhi nimane nifuna ukuthokozela umkhathi wasezulwini onentokozo, kepha anikaze niwalalele amazwi akhulunywa uJesu, futhi anikaze nilamukele iqiniso elakhulunywa uJesu uma Ebuya enyameni. Yini oyoyiphakamisela ukubuya kukaJesu ngefu elimhlophe? Ubuqotho enenza ngabo izono niphindelela bese niyazivuma, njalo njalo? Yini oyoyenza ibe umnikelo kuJesu Kristu uma ebuya ngefu elimhlophe? Ingabe iminyaka yokusebenza eniziphakamisa ngayo? Yini oyoyiphakamisa ukuze uJesu osebuyile akwethembe? Ingabe imvelo yakho yokuzikhukhumeza, engalilaleli nanoma iliphi iqiniso?

Kucashunwe embhalweni othi “Ngesikhathi Ubona Umzimba KaJesu KaMoya, UNkulunkulu Uyobe Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 76)

Ukwethembeka kwenu kusemazwini kuphela, ulwazi lwenu ukuhlakanipha nokucabanga, imisebenzi yenu eyokuzuza izibusiso zasezulwini, ngakho, ukukholwa kwenu kungabe kunjani? Nanamuhla, nisavala izindlebe zenu kulona lonke izwi leqiniso. Anazi ukuthi uNkulunkulu uyini, anazi ukuthi uKristu uyini, anazi ukuthi niMhloniphe kanjani uJehova, anazi ukuthi ningene kanjani emsebenzini kaMoya oNgcwele. Anazi futhi ukwahlukanisa phakathi komsebenzi kaNkulunkulu uqobo kanye nokukhohlisa komuntu. Nazi kuphela ukwahlulela noma iliphi izwi leqiniso elikhulunywa uNkulunkulu elingahambisani nomcabango wenu. Kuphi ukuthobeka kwenu? Kuphi ukulalela kwenu? Kuphi ukwethembeka kwenu? Kuphi ukulangazelela kwenu ukufuna iqiniso? Kuphi ukumhlonipha uNkulunkulu? Ngiyanitshela, labo abakholwa kuNkulunkulu ngenxa yezibonakaliso, impela bayisigaba esiyozwa ukubhujiswa. Labo abangakwazi ukwamukela amazwi kaJesu osebuyile enyameni, impela bayinzalo yesihogo, isizukulwane sengelosi enkulu, isigaba esizoya ekubhujisweni okuphakade. Abantu abaningi kungenzeka bangakunaki engikushoyo, kodwa ngisafuna ukutshela bonke ababizwa ngabangcwele abalandela uJesu ukuthi, lapho nibona uJesu ehla ezulwini ngefu elimhlophe ngamehlo enu, lokhu kuyoba ukubonakala emphakathini kweLanga lokulunga. Kungenzeka, leso kuyoba isikhathi sokujabula kini, nokho kumele nazi ukuthi ngesikhathi nibona uJesu ehla ezulwini, kuyoba futhi isikhathi sokuthi niye phansi esihogweni niyojeziswa. Lokho kuyoba yisikhathi sokuphela kohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, futhi kuyoba isikhathi lapho uNkulunkulu eyovuza abahle bese ejezisa ababi. Ngokuba ukwahlulela kukaNkulunkulu kuyophela ngaphambi kokuba umuntu abone izibonakaliso, lapho kukhona ukuvezwa kweqiniso kuphela. Labo abemukela iqiniso, bengabheki izibonakaliso, futhi sebehlanziwe, bayobe sebebuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu futhi sebengene ekugonweni nguMdali. Labo kuphela abaphokophelela enkolweni ethi “uJesu ongagibeli efwini elimhlophe unguKristu wamanga” bayothola ukujeziswa okuphakade, ngokuba bakholwa kuphela kuJesu obonisa izibonakaliso, kodwa abamazisi uJesu omemezela ngokwahlulelwa okunzima bese ekhipha indlela yeqiniso yokuphila. Futhi kungaba kuphela ukuthi uJesu ubhekana nabo uma ebuya ngokusobala ngefu elimhlophe. Banenkani kakhulu, banokuzethemba kakhulu, futhi bayazikhukhumeza. Kungenzeka kanjani abantu abonakele kanje bavuzwe uJesu? Ukubuya kukaJesu kuyinsindiso enkulu kulabo abakwazi ukwamukela iqiniso, kodwa kulabo abangakwazi ukwamukela iqiniso, kuwuphawo lokwahlulelwa. Kumele nikhethe indlela yenu, ningahlambalazi uMoya oNgcwele futhi nenqabe iqiniso. Kumele ningabi abantu abangenalwazi futhi abakhukhumele, kodwa abantu abalalela ukuholwa uMoya oNgcwele, balangazelele futhi bafune iqiniso; ingalendlela kuphela lapho niyothola ukusizakala. Ngiyaniyala ukuthi nithathe indlela yokukholwa kuNkulunkulu ngokunakekela. Ningathathi izinqumo ngokushesha; ngaphezu kwalokho, ningathathi kalula futhi ningani nokungacabangi ekukholweni kwenu kuNkulunkulu. Kumele nikwazi lokhu, okungenani, labo abakholwa kuNkulunkulu kumele bazithobe futhi bahloniphe. Labo abalizwile iqiniso nokho baziqhenya, bayiziwula futhi abanalwazi. Labo abalizwile iqiniso nokho ngokunganaki benza izinqumo ngokushesha noma balichitha bahlushwa ukuzikhukhumeza. Akekho okholwa uJesu ofanele ukuqalekisa noma ahlulele abanye. Kumele nonke nibe nengqondo futhi namukele iqiniso. Mhlawumbe, emva kokuba usuzwile ngendlela yeqiniso futhi wafunda ngezwi lokuphila, ukholwa ukuthi izwi elilodwa kwayizi-10,000 ahambisana nokukholwa kwakho neBhayibheli, ngakho kumele uqhubeke nokufuna kuleli zwi lezi-10,000 kulawa mazwi. Ngisaniluleka ukuba nizithobe, ningazethembi ngokweqile, ningaziphakamisi kakhulu. Ngezinhliziyo zenu eziphethe ukuhlonipha okuncane kakhulu kukaNkulunkulu, niyothola ukukhanya okukhulu. Uma niwahlola ngokuqaphela futhi niwacabange niphindelela la mazwi niyoqonda noma ayilo noma akalona yini iqiniso, noma ayikho noma akasikhona ukuphila. Mhlawumbe, emva kokufunda imisho embalwa, abanye abantu bazokwahlulela la mazwi ngobumpumputhe, bethi, “Lokhu akulutho kunokukhanyiselwa okuthile uMoya oNgcwele,” noma, “Lona uKristu wamanga ozokhohlisa abantu.” Labo abasho izinto ezinje, ababoni ngenxa yokungazi! Niqonda okuncane kakhulu ngomsebenzi nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi ngiyaniyala ukuba niqale futhi ekuqaleni! Akufanele nahlulele ngobumpumputhe amazwi akhulunywa nguNkulunkulu ngenxa yokuvela koKristu bamanga ezinsukwini zokugcina, futhi ungabi umuntu ohlambalaza uMoya oNgcwele ngoba wesaba inkohliso. Ngeke lokho kube okudabukisayo okukhulu? Uma emuva kokuhlola okukhulu usakholwa ukuthi lawa mazwi akalona iqiniso, akayona indlela, akakhona ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, uyojeziswa ekugcineni, futhi ungabi nezibusiso. Uma ungenakho ukwemukela iqiniso elinje elikhulunywe ngokusobala nokucacile kakhulu, ngakho awufanelwe yini insindiso kaNkulunkulu? Awuyena umuntu ongenayo inhlanhla yokubuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu? Ake ukucabanga lokho! Ungagagameli futhi ube namawala, futhi ungakuthathi ukukholwa kuNkulunkulu njengomdlalo. Cabanga ngenxa yesiphetho sakho, ngenxa yamathemba akho, ngenxa yempilo yakho, futhi ungadlali ngawe. Ungawamukela la mazwi?

Kucashunwe embhalweni othi “Ngesikhathi Ubona Umzimba KaJesu KaMoya, UNkulunkulu Uyobe Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Izigaba Ezintathu Zomsebenzi

Okulandelayo: Ukwahlulela Ezinsukwini Zokugcina

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp