Ukwahlulela Ezinsukwini Zokugcina

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 77)

Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele. Isibonelo, lapho abantu sebazi ukuthi bayinzalo kaMowabi, bakhipha amazwi okukhononda, ababe besafuna ukuphila, futhi baba abantu abanombono ongemuhle nhlobo. Akukhombisi lokhu ukuthi abakakwazi ukuzinikela ngokugcwele ngaphansi kokubusa kaNkulunkulu? Ingabe lokhu akusiso ngempela isimo esonakele sobusathane? Lapho ningafakiwe ekusolweni, izandla zenu zaziphakeme kakhulu kunezabanye, ngisho nakwezikaJesu. Nanimemeza ngezwi elikhulu: Yiba yindodana ethandekayo kaNkulunkulu! Yiba ngosondele kuNkulunkulu! Singamane sife kunanokuzinikela kuSathane! Vukelani udrako omkhulu obomvu! Akasuke emandleni udrako omkhulu obomvu! UNkulunkulu akasiphelelise! Ukumemeza kwenu kwakukukhulu kunokwabo bonke. Kodwa-ke kwase kufika izikhathi zokusolwa, kwase kuphinda kwembulwa isimo sabantu sokonakala. Ukumemeza kwabo kwase kuma, ababe besazimisela. Yilokhu ukonakala komuntu; kujulile kunesono, kutshalwe nguSathane kwagxiliswa ngokujulile futhi phakathi kumuntu. Akulula kumuntu ukuba abone izono zakhe; umuntu akakwazi ukubona imvelo yakhe egxilile. Ukwahlulelwa yizwi kuphela okungaba nomthelela onjalo. Yileyo ndlela umuntu angaguqulwa ngayo kancane kancane kusuka kulelo qophelo kuye phambili.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 78)

Uma kufika egameni elithi “ukwahlulela,” uzocabanga amazwi akhulunywa nguJehova kuzo zonke izindawo futhi amazwi okusola ashiwo nguJesu kubaFarisi. Yize la mazwi ebuhlungu, akasikho ukwahlulela abantu okwenziwa uNkulunkulu; lngamazwi kuphela akhulunywa nguNkulunkulu ezimweni ezahlukene, okusho ukuthi, ezindaweni nasezikhathini ezahlukene; futhi awafani namazwi akhulunywa nguKristu njengoba ahlulela abantu ezinsukwini zokugcina. Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyembula, abhekane, futhi athene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu. Uma ungawabuki la maqiniso ngokubaluleka kwawo futhi uhlala ucabanga ukuwabalekela noma ukuthola indlela entsha yokuwabalekela, ngithi uyisoni esikhulu. Uma ukholwa kuNkulunkulu, ube ungalifuni iqiniso noma intando kaNkulunkulu, noma ungayithandi indlela ekusondeza kuNkulunkulu, ngakho ngithi kuwe ungumuntu ozama ukubalekela ukwahlulela. Ungunopopi futhi uyimbuka elibalekela isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe. UNkulunkulu ngeke axolele muntu ohlubukayo ophunyukayo phansi kwamehlo Akhe. Abantu abanjalo bayothola isijeziso esiqine kakhulu. Labo abeza phambi kukaNkulunkulu ukuze behlulelwe futhi esebengcwelisiwe bayophila phakade embusweni kaNkulunkulu. Nakanjani, lokhu kuyokwenzeka esikhathini esizayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 79)

Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela. Abantu abaningi banomuzwa omubi mayelana nesimo sokuba senyameni kukaNkulunkulu, ngoba umuntu ukuthola kunzima bokukholwa ukuthi uNkulunkulu wayengaba yinyama ukuze enze umsebenzi wokwahlulela. Kodwa kumele ngikwazise ukuthi ngokuvamile umsebenzi kaNkulunkulu wedlula okulindelwe ngabantu futhi kulukhuni ukuthi imiqondo yabantu iwamukele. Ngoba abantu bayizimpethu nje emhlabeni, kube uNkulunkulu engophakeme ogcwalisa umhlaba; umqondo womuntu ufana nomgodi wamanzi abolile akhipha izimpethu kuphela, kanti isigaba ngasinye somsebenzi oqondiswa yimicabango kaNkulunkulu siwukuconsiswa kobuhlakani bukaNkulunkulu. Umuntu uhlala efisa ukuphikisana noNkulunkulu, engithi ngakho kusobala ukuthi ubani oyolahlekelwa ekugcineni. Ngiyanixwayisa nonke ukuthi ningaziboni ukuthi nibaluleke ngaphezu kwegolide. Uma abanye abantu bekwazi ukwamukela ukwahlulela kukaNkulunkulu, pho kungani nina ningakwazi? Nina niphakeme kangakanani ngaphezu kwabanye? Uma abanye abantu bekwazi ukugebisa amakhanda abo phambi kweqiniso, kungani nina ningenzi njalo? Umsebenzi kaNkulunkulu unomfutho onganqandeki. kazukuwuphinda umsebenzi wokwahlulela futhi ngenxa “yenu,” futhi nizogcwala ukuzisola okungenamkhawulo ngokudedela ithuba elihle kangaka. Uma ningawakholwa amazwi Ami, velani nilindele isihlalo sobukhosi esimhlophe esikhulu esibhakabhakeni ukuze sedlulisele ukwahlulela phezu kwenu! Kumele nazi ukuthi bonke abakwa-Israyeli bamala futhi bamphika uJesu, kodwa iqiniso lokuhlenga isintu kukaJesu laqhubeka lenabela emhlabeni jikelele laze lafika ekugcineni komhlaba. Akusilo leli iqiniso uNkulunkulu alenza kudala? Uma usalindele ukuthi uJesu akuyise phezulu ezulwini, ngithi kuwe uwukhuni olufie olunenkani.[a] uJesu ngeke emukele umuntu ongakholwa ngokweqiniso onjengawe ongethembekile eqinisweni futhi ofuna izibusiso kuphela. Empeleni, akazukukhombisa musa kuwe ekukuphoseni echibini lomlilo ukuze ushe iminyaka engamashumi ezinkulungwane.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “isimo esingathembisi.”

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 80)

Ngabe manje sewuyaqonda ukuthi kuyini ukwahlulela nokuthi iqiniso liyini? Uma sewuqonda, ngiyakunxusa ukuthi uthobele ngokulalela ukwahlulelwa, kungenjalo awusoze waba nethuba lokunconywa nguNkulunkulu noma lokuyiswa nguye embusweni Wakhe. Labo abamukela ukwahlulela kuphela kodwa abangakwazi ukuhlanzwa, okusho ukuthi, labo ababalekayo phakathi komsebenzi wokwahlulela, bayohlala bezondwa futhi belahlwa nguNkulunkulu. Izono zabo ziningi kakhulu, futhi zinkulu, kunezabaFarisi, ngoba bayamphika uNkulunkulu futhi bangamahlubuka kuNkulunkulu. Abantu abanjalo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi bayothola isijeziso esinzima kakhulu, isijeziso futhi esingapheli. UNkulunkulu akasoze ayeka noma ngubani omhlubukayo owake wathi wethembekile kuye ngamazwi kepha wayesemhlubuka. Abantu abanjalo bayothola impindiselo ngokujeziswa ngokomoya, umphefumulo, nangokomzimba. Ngabe lokhu akusikho kanye ukwembulwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Ngabe lokhu akusiyo injongo kaNkulunkulu yokwahlulela umuntu kanye nokumembula? UNkulunkulu ubeka bonke labo abenza zonke izinhlobo zemisebenzi emibi ngesikhathi sokwahlulela endaweni egcwele imimoya emibi ukuze le mimoya emibi ibhubhise imizimba yabo yenyama ngokuthanda. Imizimba yabo ikhipha iphunga lesidumbu, futhi nesijeziso esibafanele sinjalo. UNkulunkulu ubhala phansi ezincwadini zomlando wabo isono ngasinye salawo makholwa amanga angethembekile, abaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga; kuthi uma isikhathi sesifanele, ubaphosa phakathi kwemimoya engcolile ukuze imizimba yayo engcolile ingcolise yonke imizimba yabo ngokuthanda ukuze bangaphindi babe senyameni futhi bangaphindi babone ukukhanya. Labo bakhohlisi abenza umsebenzi ngesikhathi esisodwa kodwa abakwazi ukuhlala bethembekile kuze kube sekugcineni babalwa uNkulunkulu phakathi kwabantu abakhohlakele ukuze bahambe emiyalelweni yabantu abakhohlakele, babe yingxenye yoquqaba olungahlelekile; ekugcineni, uNkulunkulu uyobabhubhisa. UNkulunkulu uyabachitha futhi akabanaki labo abangakaze bethembeke kuKristu noma bazinikele ngemizamo ethile, futhi uyobabhubhisa bonke ngokuguquka kwezinkathi. Ngeke besaba khona emhlabeni, kube kuncane kakhulu ukuthola indlela engena embusweni kaNkulunkulu. Labo abangakaze bathembeke kuNkulunkulu kodwa abaphoqwa yisimo ukuthi babhekane Naye ngokushampuza nje bayobalwa phakathi kwalabo abasebenzela abantu Bakhe. Bambalwa kakhulu kubantu abanjalo abangasinda, kuyilapho iningi labo liyobhubha nalabo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi. Ekugcineni, uNkulunkulu uyofikisa embusweni Wakhe bonke labo abanomqondo ofana nokaNkulunkulu, abantu namadodana kaNkulunkulu kanjalo nalabo abahlelelwe uNkulunkulu ukuthi babe ngabefundisi. Sinjalo isithelo sikaNkulunkulu asiveza ngomsebenzi Wakhe. Kulabo abangakwazi ukungena kwesinye salezi zigaba ezimiswe nguNkulunkulu, bayobalwa phakathi kwabantu abangakholwa. Futhi nakanjani ningazicabangela nje ukuthi isiphetho sabo siyoba yini. Sengikushilo konke okumele ngikusho kini; indlela eniyikhethayo iyoba yisinqumo senu. Okumele nikuqonde yilokhu: Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi noma ubani ongakwazi ukuhambisana nesivinini Sakhe, futhi isimo sikaNkulunkulu sokulunga asikhombisi musa kunoma yimuphi umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 81)

UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi noma kuyiphi inkathi. Ngenxa yokuthi izinsuku zokugcina sezifikile, uzokwenza umsebenzi awenzayo ezinsukwini zokugcina futhi embule sonke isimo ngezinsuku zokugcina. Ekukhulumeni ngezinsuku zokugcina, lokhu kubhekise enkathini ehlukile, leyo uJesu athi nakanjani niyobhekana nenhlekelele, futhi nibhekane nokuzamazama komhlaba, indlala, nezifo ezibhubhisayo, okuyizinto ezizobonisa ukuthi yinkathi entsha lena, akuseyona endala iNkathi Yomusa. Uma kungukuthi, njengoba abantu besho, u uNkulunkulu akasoze aguquka, isimo Sakhe sihlala sibonisa isihawu nothando futhi uthembisa wonke umuntu insindiso futhi akasoze azonda umuntu, ngakho ingabe umsebenzi Wakhe uyokwazi ukufika esiphethweni? Ngesikhathi uJesu efika lapha, wabethelwa esiphambanweni, wazenza umhlatshelo ngenxa yazo zonke izoni futhi wazinikela phezu kwe-altare. Wayesewuqede kudala umsebenzi wokuhlenga futhi wafikisa iNkathi Yomusa esiphethweni. Ngakho sikuphi isidingo sokuphinda umsebenzi wangaleyo nkathi ezinsukwini zokugcina? Ingabe ukuphinda into enjalo akwenzi kube sengathi uJesu akenzanga lutho? Ukuba uNkulunkulu akenzanga umsebenzi wokubethelwa lapho efika kulesi sigaba kodwa waqhubeka nokuthanda nokuba nesihawu, ngakho wayeyokwazi ngempela ukufikisa lo msebenzi ekupheleni? Ingabe uNkulunkulu onothando nonobubele wayengayifikisa le nkathi esiphethweni? Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesokusola nokwahlulela, embula kukho konke okuwukungalungi, ukuze ahlulele obala bonke abantu futhi aphelelise labo abamthanda ngenhliziyo eqotho. Yisimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile. Ngakho, isimo esinje sigcwaliswe ngokubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa nokukhonjiswa kwesimo Sakhe kuvezwa ngenxa yomsebenzi waleyo naleyo nkathi entsha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uveza isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu futhi ngaphandle kokubaluleka. Uma kuwukuthi, ekwembuleni umphumela womuntu ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubesengambonisa uzwelo nothando olungapheli futhi aqhubeke ukuba nothando kuye, engamfaki umuntu phansi kokwahlulela okulungile kodwa emkhombisa ukubekezela, isineke, kanye nokuxolela, futhi ethethelela umuntu noma zizimbi kanjani izono zakhe, ngaphandle kwecashaza lokwahlulela okulungile: pho ubuyoqedwa nini wonke umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu? Kunini lapho isimo esinjalo besiyokwazi khona ukuholela isintu esiphethweni esifanele? Thatha ngokwesibonelo, ijaji elihlala linothando, ijaji elinobuso obunomusa nenhliziyo ethambile. Lithanda abantu kungakhathaleki ukuthi benza izono ezingakanani futhi linothando futhi liyababekezelela kungakhathaleki ukuthi bangobani. Ngakho, kunini lapho leli jaji liyokwazi khona ukwenza isinqumo esinobulungiswa? Ezinsukwini zokugcina, ukwahlulela okulungile kuphela okuyohlukanisa abantu ngokohlobo futhi kulethe umuntu endaweni entsha. Ngale ndlela, inkathi yonke ifikiswa esiphethweni ngesimo sokwahlulela nokusola okulungileyo kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 82)

Umsebenzi Wakhe enyameni yiwona obaluleke kakhulu, okuyiwona okuvame ukubhekiswa kuwo uma kukhulunywa ngomsebenzi, futhi Lowo oyosonga lo msebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi uMoya. Abanye bakholwa ukuthi ngezinye izikhathi uNkulunkulu angeza emhlabeni ukuze abonakale kumuntu, lapho eyokwahlulela isintu mathupha, avivinye umuntu ngamunye kungasali muntu. Labo abacabanga kanjalo abasazi lesi sigaba sikaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu? Ingabe ayifani yonke ingqikithi yomuntu? Okwahlulelwayo isiqu sesintu esikhohlakele, isiqu somuntu esonakaliswe uSathane, nazo zonke izono zomuntu. UNkulunkulu akehluleli amaphutha amancane nangabalulekile omuntu. Umsebenzi wokwahlulela kukhona okumelayo, awenziwa ngenxa yomuntu othile kuphela. Kunalokho, uwumsebenzi okwahlulelwa kuwo iqembu labantu ukuze kwahlulelwe sonke isintu. Ngokwenza Kwakhe lo msebenzi mathupha kulo lonke iqembu labantu, uNkulunkulu osenyameni usebenzisa umsebenzi Wakhe ukumela umsebenzi waso sonke isintu, ngemva kwawo oya ngokuya wanda. Nomsebenzi wokwahlulela unjalo. UNkulunkulu akahluleli uhlobo oluthile lomuntu noma iqembu elithile labantu, kodwa wahlulela abangalungile kuso sonke isintu—ukumelana noNkulunkulu kwabantu, ngokwesibonelo, noma ukungamhloniphi, noma ukuphazamiseka komsebenzi kaNkulunkulu, njalo njalo. Okwahlulelwayo yingqikithi yokumelana kwesintu noNkulunkulu futhi lo msebenzi ungumsebenzi wokunqoba ngezinsuku zokugcina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu okubonwa umuntu kuwumsebenzi wakwahlulela ongaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi phakathi nezinsuku zokugcina, izinto ezacatshangwa umuntu esikhathini esedlule. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uwukwahlulela ngqo okungaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi. UNkulunkulu osesimweni somuntu wanamuhla unguNkulunkulu owahlulela sonke isintu ezinsukwini zokugcina. Le nyama nomsebenzi Wakhe, nezwi kanye naso sonke isimo Sakhe, konke kungokwakhe. Nakuba umthamo womsebenzi wakho unomkhawulo, futhi ungabandakanyi indawo yonke ngokuqondile, ingqikithi yomsebenzi wokwahlulela iwukwahlulelwa ngokuqondile kwaso sonke isintu—hhayi ngenxa yabantu abakhethiweyo baseChina kuphela, noma ngenxa yabantu abambalwa. Ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu enyameni, nakuba umthamo womsebenzi ungabandakanyi indawo yonke, umela umsebenzi wendawo yonke, futhi ngemva kokuqeda umsebenzi osemthamweni wenyama Yakhe, lo msebenzi uyowusabalalisela ngokushesha endaweni yonke, ngendlela efanayo nalena ivangeli likaJesu elasabalala ngayo endaweni yonke ngemva kokuvuka nokunyukela ezulwini Kwakhe. Kungakhathaleki ukuthi kungumsebenzi kaMoya noma wenyama, kuwumsebenzi ofezwa ngaphansi komthamo othile, kodwa omela umsebenzi wayo yonke indawo. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubonakala enza umsebenzi Wakhe esebenzisa ukubonakala Kwakhe okusamuntu, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu uyena owahlulela abantu esesihlalweni esimhlophe sobukhosi. Kungakhathaleki ukuthi unguNkulunkulu kaMoya noma wenyama, lowo owenza umsebenzi wokwahlulela unguNkulunkulu owahlulela isintu ngezinsuku zokugcina. Lokhu kuchazwa ngokusekelwa emsebenzini Wakhe, akuchazwa ngendlela abukeka ngayo ngaphandle noma kwezinye izinto eziningi. Nakuba umuntu enemicabango yakhe ngala mazwi, akekho ongaphikisana nokwahlulela kukaNkulunkulu osesimweni somuntu nokunqotshwa kwaso sonke isintu. Kungakhathaleki ukuthi umuntu ucabangani ngakho, amaqiniso ayohlale engamaqiniso. Akekho ongathi “Umsebenzi wenziwa uNkulunkulu, kodwa inyama ayiyena uNkulunkulu.” Umbhedo lowo, ngoba lo msebenzi awunakwenziwa muntu ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Njengoba lo msebenzi usufeziwe, kulandelwa lo msebenzi, umsebenzi wokwahlulela ngeke usenziwa okwesibili; uNkulunkulu esesimweni somuntu okwesibili usewusonge wonke umsebenzi wokuphatha, kufanele kube nesigaba sesine somsebenzi kaNkulunkulu. Ngoba lowo owahlulelwayo ngumuntu, umuntu wenyama owonakalisiwe, hhayi umoya kaSathane owahlulelwa ngokuqondile, umsebenzi wokwahlulela awenziwa ezweni likaMoya kodwa phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 83)

Akekho ofaneleka ukwedlula uNkulunkulu osesimweni somuntu ukwenza umsebenzi wokwahlulela inyama yomuntu ekhohlakele. Ukuba ukwahlulela kwakwenziwa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu, ngabe-ke konke kulungile. Ngaphezu kwalokho, lowo msebenzi ubuyobe ulukhuni ukuthi umuntu awemukele, ngoba uMoya awukwazi ukubhekana ubuso nobuso nomuntu, futhi ngenxa yalokhu, imiphumela ngeke isheshe ivele, futhi umuntu ngeke akwazi ukubona ukungacasuleki kwesimo sikaNkulunkulu ngokucacile. USathane anganqotshwa ngokuphelele kuphela uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ahlulela ukonakala kwesintu. Ngokufana nomuntu onobuntu obuvamile, uNkulunkulu osenyameni angehlulela ngokuqondile ukungalungi komuntu; lokhu kuwuphawu lobungcwele Bakhe bemvelo, nolokungajwayeleki Kwakhe. UNkulunkulu kuphela ofanelekayo, futhi osesikhundleni sokwahlulela umuntu, ngoba uneqiniso nokulunga, ngakho angakwazi ukwahlulela umuntu. Labo abangenalo iqiniso nokulunga abakufanele ukwahlulela abanye. Ukuba lo msebenzi wawenziwa uMoya kaNkunkulu, bekungeke kube ukunqoba phezu kukaSathane. UMoya ungaphezulu kakhulu kwezidalwa ezifayo, futhi uMoya kaNkulunkulu ngendalo ungcwele, uyayinqoba inyama. Ukuba uMoya wenza lo msebenzi ngokuqondile, ubengeke akwazi ukwahlulela konke ukungalaleli komuntu, futhi ubengeke akwazi ukwambula konke ukungalungi komuntu. Ngoba umsebenzi wokwahlulela wenziwa futhi ngemicabango yomuntu ngoNkulunkulu, futhi umuntu akaze abe nemicabango yoMoya, futhi uMoya akakwazi kangcono ukwambula ukungalungi komuntu kube lukhuni ngokwengeziwe ukuveza kangcono ukungalungi okunjalo. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyisitha sabo bonke labo abangamazi. Ekwahluleleni imicabango yabantu nalabo abamelene Naye, uveza konke ukungalaleli kwesintu. Imiphumela yomsebenzi Wakhe enyameni ibonakala ngokucacile kuneyomsebenzi kaMoya. Ngakho ukwahlulelwa kwaso sonke isintu akwenziwa uMoya ngokuqondile, kodwa kuwumsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu osenyameni angabonwa noma athintwe umuntu, futhi angamnqoba ngokuphelele umuntu. Ebudlelwaneni bakhe noNkulunkulu osesimweni somuntu, umuntu uqhubeka esuka ekuphikiseni aye ekulaleleni, ekushushiseni aye ekwamukeleni, ekucabangeni aye olwazni, ekwaleni aye othandweni. Lena imiphumela yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Umuntu usindiswa kuphela ngenxa yokuvuma ukwahlulelwa, bese eya ngokuya azi uNkulunkulu ngamazwi omlomo Wakhe, anqotshwe Nguye ekumelaneni Naye, futhi athole ukuphila kuye ngokwamukela kwakhe isijeziso. Wonke lo msebenzi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, hhayi umsebenzi kaNkulunkulu onesiqu sikaMoya. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu umsebenzi omkhulu kakhulu, okuwumsebenzi obanzi kakhulu, futhi ingxenye ebaluleke kakhulu ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu yizigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu. Inkohlakalo enkulu yomuntu iyisithiyo esikhulu emsebenzini kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ikakhulu, umsebenzi owenziwa kubantu bezinsuku zokugcina unzima kakhulu, nesimo sinonya, nezinga lomuntu ngamunye liphansi. Kodwa ekupheleni kwalo msebenzi, usazofeza umphumela wawo, ngaphandle kwezici ezimbi; lona ngumthelela womsebenzi wenyama, futhi lo mthelela ukwenza uvume ngokwengezekile kunomsebenzi kaMoya. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kufanele zisongwe enyameni, futhi ziphothulwe uNkulunkulu osesimweni somuntu. Umsebenzi obaluleke kakhulu futhi obucayi kakhulu yilona owenziwa enyameni, futhi insindiso yabantu kufanele ivele kuNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngisho noma sonke isintu besicabanga ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu akahlobene nomuntu, eqinisweni le nyama ithintene nokuphila kwaso sonke isintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 84)

Namuhla uNkulunkulu uyasahlulela, futhi anisole, futhi anilahle, kodwa yazi ukuthi ukulahlwa kwakho kwenzelwa ukuba ukwazi ukuzazi. Ukulahlwa, isiqalekiso, isahlulelo, ukusolwa konke lokhu kwenzelwa ukuba uzazi, ukuze isimo sakho sikwazi ukuguquka, futhi ngaphezu kwalokho, ukuze uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani, futhi ubone ukuthi zonke izenzo zikaNkulunkulu zilungile, futhi zihambisana nesimo Sakhe nezidingo zomsebenzi Wakhe, ukuthi usebenza ngokuhambisana necebo Lakhe lensindiso yabantu, futhi ukuthi unguNkulunkulu olungileyo othanda abantu, nosindisa abantu, owahlulela futhi asole abantu. Uma nje bewazi ukuthi unesikhudla esiphansi, nokuthi ukhohlakele futhi awulaleli, kodwa awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukucacisa insindiso Yakhe ngokwahlulela nokusola akwenza kuwe namuhla, ngeke ube nayo indlela yokuzwa, okungenani ukwazi ukuqhubekela phambili. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu—Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela ekuthobeleni umbuso Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, ukuthinta Kwakhe umuntu kuwukumsindisa. Lolu hlobo lwensindiso lwenziwa lapho kuba nesivumelwano khona. Kulapho kuphela uNkulunkulu emnika khona ngokuphindaphindwe ngamakhulu lapho umuntu ethobeka ngaphambi kwegama likaNkulunkulu bese ezama ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi amnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso. Futhi, indlela yensindiso ayifani nesikhathi esedlule. Namuhla, isahlulelo esilungile siyakusindisa, futhi yithuluzi elihle lokunihlukanisa ngamunye ngokwemvelo yakhe, ukusola ngonya kuletha insindiso ephakeme kakhulu—futhi uzothini uma usubhekene nobuso bokusola nesahlulelo? Awuyijabulelanga insindiso kusukela eqaleni kuze sekugcineni? Nimbonile uNkulunkulu esimweni somuntu futhi nabona engumninimandla onke nabona nobuhlakani bakhe, ngaphezu kwalokho, nizwile ukushawa ngokuphindiwe nokuyalwa. Kodwa aniwutholanga umusa omkhulu na? Izibusiso zenu azizinkulu ukwedlula abanye na? Umusa wenu mkhulu kunodumo negcebo eyajatshulelwa uSolomoni! Cabanga: uma inhloso Yami yokuza bekungukuzonisola nokunijezisa, hhayi ukunisindisa, kungenzeka kanjani ukuthi izinsuku zenu zifinyelele esikhathini eside kangaka? Beningakwazi yini nina, zidalwa ezinesono zenyama negazi, ukusinda nibe khona namuhla? Uma inhloso bekungukunijezisa, bengizophendukelani ngibe ngokwenyama futhi ngiqale umsebenzi omkhulu kangaka? Ingabe ukunijesiza nina bantu abafayo bekungenziwe ngokukhuluma izwi elilodwa? Bengisengadinga ukunibhubhisa ngemva kokunisola ngenhloso? Aniwakholwa yini la mazwi Ami namanje na? Ngingahlenga abantu ngothando nesihawu? Noma Ngingasebenzisa ukubethelwa ukuhlenga abantu? Ingabe imvelo Yami elungileyo ayingcono yini ukwenza abantu bangilalele ngokuphelele. Ingabe iyakwazi ukuhlengisisa abantu kangcono?

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 85)

Nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunyelwa insindiso yabantu, njengoba ngikhuluma amazwi futhi ngingajezisi inyama yabantu. La mazwi enza abantu baphile ekukhanyeni, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kukhona, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kuyigugu, ikakhulu nazi inzuzo yala mazwi kubantu, nokwazi ukuthi uNkulunkulu uyinsindiso. Nakuba sengiwakhulumile amazwi amaningi okusola nesahlulelo, akenzelwanga nina. Ngize ukuzokwenza umsebenzi Wami, nokukhuluma amazwi Ami, nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunywa ukuze ahlulele inkohlakalo yenu nokuhlubuka kwenu. Inhloso Yami yokwenza lokhu kusangukusindisa abantu, inhloso Yami akusiko ukulimaza abantu ngamazwi Ami. Amazwi Ami aqinile ukuze kube khona imiphumela efezwa umsebenzi Wami. Kungokusebenza ngale ndlela kuphela lapho abantu bengakwazi khona ukuzazi futhi behlukane nesimo sabo sokuhlubuka. Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kuphela okungenza ukuxhumana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indlela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu. Inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu kubantu ukuba bakwazi ukwanelisa intando kaNkulunkulu futhi konke kwenzelwa ukusindiswa kwabantu. Ngesikhathi sensindiso yabantu, uNkulunkulu akajezisi ububi noma anike umvuzo okuhle, noma embule iziphetho zabantu ngokwehluka kwabo. Kunalokho, ngemva kwesigaba sokugcina sokuphela komsebenzi Wakhe lapho umsebenzi wokujezisa ububi nokunika umvuzo okuhle, futhi kulapho embula iziphetho zabantu ngokwehlukana kwabo. Labo abajezisiwe bayoba yilabo impela abangeke basindiswe, kuthi labo abasindisiwe kuyoba yilabo abayozuza insindiso kaNkulunkulu, bonke labo abangasindiswa bayosindiswa ngokuphelele, akekho nomunye oyolahlwa, ngoba inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu ukusindisa abantu. Bonke labo, ngesikhathi sensindiso kaNkulunkulu yabantu, abakwazi ukufeza ukuguqula isimo sabo, bonke labo abangakwazanga ukulalela uNkulunkulu ngokuphelele, bazoba yizinto zesijeziso. Lesi sigaba somsebenzi singumsebenzi wamazwi uvulela abantu izindlela zonke nezimfihlakalo abangaziqondi, ukuba abantu bakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu nezindingo zikaNkulunkulu kubantu, ukuze bakwazi ukuba nemibandela yokukwenza njengokusho kwamazwi kaNkulunkulu futhi bazuze izinguquko esimweni sabo. UNkulunkulu usebenzisa amazwi kuphela ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi akabajezisi abantu ngoba behlubuka kancane, ngoba manje yisikhathi somsebenzi wensindiso. Ukube wonke umuntu ohlubukayo wayejeziswa ngabe akekho noyedwa obengaba nethuba lokusindiswa; bebengajeziswa futhi bawele eHayidesi. Inhloso yamazwi okwahlulela abantu ukubavumela ukuba bazi futhi balalele uNkulunkulu; akusiko okwabo ukuthi bajeziswe ngokwesahlulelo samazwi. Ngesikhathi somsebenzi wamazwi, abantu abaningi bazoveza ukuhlubuka kwabo nokungalaleli, futhi bazoveza ukungalaleli kwabo uNkulunkulu esesimweni somuntu. Kodwa ngeke abajezise bonke laba bantu ngenxa yalokhu, kunalokho uyolahla labo abakhohlakele kakhulu futhi abangenakusindiswa. Uyonika uSathane inyama yabo, futhi idlanzana, uyobhubhisa inyama yalo. Laba abasele bayoqhubeka nokulandela futhi bezwe ukubhekana nokuthenwa. Uma besalandela bengakwazi ukwamukela ukubhekana nokuthenwa futhi beqhubeke beba babi, laba bantu bayolahlekelwa ithuba lensindiso. Bonke abantu abamukele ukunqoba kwamazwi bazoba nethuba elanele lensindiso. Insindiso kaNkulunkulu yomuntu ngamunye kulaba ikhombisa isihe Sakhe, okuchaza ukuthi bakhonjiswa ukubekezelelwa okukhulu. Uma nje abantu befulathela indlela engalungileyo, uma nje bephenduka, uNkulunkulu uzobanika ithuba lokuzuza insindiso Yakhe. Uma abantu beqala ukuhlubuka kuNkulunkulu, uNkulunkulu akanaso isifiso sokubabhubhisa, kodwa kunalokho wenza konke angakwazi ukubasindisa. Uma umuntu engenayo indawo yensindiso, kulapho uNkulunkulu eyomlahla khona. Lowo Nkulunkulu uyaphuza ukujezisa umuntu ngoba uyafuna ukusindisa bonke labo abangasindiswanga. Uyahlulela, akhanyisele futhi ahole abantu ngamagama kuphela, futhi akasebenzisi induku ukubabhubhisa. Ukusebenzisa amazwi ukusindisa abantu, iyona nhloso nokubaluleka kwesigaba sokugcina somsebenzi.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 86)

UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye. Yilabo abazi uNkulunkulu kuphela abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, nalabo isimo sabo esiguqukile abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu angeke avume ukuthi abantu bahlambalaze igama Lakhe ngamabomu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 87)

Kufezwa ngani ukupheleliswa komuntu kuNkulunkulu? Ngesimo saKhe sokulunga. Isimo sikaNkulunkulu ekuqaleni senziwe ukulunga, ulaka, ubukhosi, ukwahlulela, kanye nokuqalekisa, kanti nokuphelelisa kwaKhe umuntu kwenzeka ngokwahlulelwa. Abanye abantu abaqondi, babuza ukuthi kungani uNkulunkulu ekwazi ukwenza umuntu apheleliswe ngokwahlulela nokuqalekisa. Bathi, “Uma uNkulunkulu engaqalekisa umuntu, ngeke umuntu afe? Uma uNkulunkulu engahlulela umuntu, ngeke alahlwe? Pho usengenziwa kanjani aphelele?” Amazwi anjengalawa ashiwo ngabantu abangawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Into eqalekiswa uNkulunkulu ukungalaleli komuntu, futhi into ayahlulelayo Yena yizono zomuntu. Yize noma ekhuluma amagama ahlabayo, futhi ngaphandle kozwelo noluncane, uveza konke lokho okungaphakathi kumuntu, futhi ngenxa yalawa mazwi ahlabayo Wambula okusemqoka okungaphakathi kumuntu, kodwa ngokwahlulela okunjenga lokhu, unikeza umuntu ulwazi olujulile lomongo wenyama, futhi ngaleyo ndlela umuntu uzinikela ekuzithobeni phambi kukaNkulunkulu. Inyama yomuntu yenziwe ngesono, kanti ekaSathane, ayilaleli, nokuyilokho uNkulunkulu akusolayo—ngakho-ke, ukuvumela umuntu azazi, amazwi okwahlulela kukaNkulunkulu kufanele amfikele futhi kumele kusetshenziswe lonke uhlobo lokucwenga; yilapho kuphela lapho umsebenzi kaNkulunkulu uzosebenza ngempumelelo.

Emazwini akhulunywa nguNkulunkulu kuyabonakala ukuthi usevele uyijezisile inyama yomuntu. Ingabe la mazwi, pho, amazwi esiqalekiso? Amazwi akhulunywe nguNkulunkulu aveza ubunjalo bomuntu, futhi kungalesi sambulo ahlulelwa ngaso, futhi uma ebona ukuthi akakwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu, ngaphakathi uzizwa enosizi nokuzisola, uzibona enecala kuNkulunkulu, futhi ungayifanele intando kaNkulunkulu. Kunezikhathi lapho uMoya oNgcwele ekulungisa ngaphakathi, kanti lokhu kulungiswa kuqhamuka ekwahluleleni kukaNkulunkulu; kunezikhathi lapho uNkulunkulu ekusola futhi afihle ubuso baKhe kuwe, lapho engakunaki nhlobo, angasebenzi ngaphakathi kuwe, akukhuze ngaphandle kwezwi ukuze akucwenge kahle. Umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu ngokuqavile ukuba agqamise isimo saKhe sokulunga. Ubufakazi buni ekugcineni umuntu abuvezela uNkulunkulu? Ufakaza ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, ukuthi isimo saKhe singukulunga, ulaka, ukusola, kanye nokwahlulela; umuntu ufakaza isimo sokulunga kukaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa ukwahlulela kwaKhe ukwenza umuntu apheleliswe, ube nothando kumuntu, futhi wamsindisa umuntu—kodwa kungakanani okuqukethwe uthando lwaKhe? Kunokwahlulela, ubukhosi, ulaka, nokuqalekisa. Yize noma uNkulunkulu aqalekisa umuntu ngaphambilini, akazange aphonse umuntu ngaphandle emgodini omnyama ongenasiphelo, kodwa wasebenzisa lokho ukucwenga ukholo lomuntu; akazange ambulale umuntu, kodwa wenza ngendlela yokuba aphelelise umuntu. Umongo wenyama yilowo ongokaSathane—uNkulunkulu wakusho kahle impela—kodwa amaphuzu enziwa nguNkulunkulu akahambisani ngokuphelele namazwi aKhe. Uyakuqalekisa ukuze mhlawumbe umthande, futhi ukuze wazi umongo wenyama; uyakusola ukuze uphaphame, ukuvumela ukuba uwazi ubuthaka bakho obungaphakathi kuwena, kanye nokwazi ukungafaneleki komuntu ngokupheleleyo. Yingakho, iziqalekiso zikaNkulunkulu, ukwahlulela kwakhe, kanye nobukhosi nolaka—konke kunenhloso yokwenza umuntu apheleliswe. Konke lokho uNkulunkulu akwenzayo namuhla, kanye nesimo sokulunga Yena asenza sinikucacele bha—konke kungokokuba umuntu apheleliswe, futhi lunjalo-ke uthando lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 88)

Emicabangweni yomuntu yendabuko, ukholwa ukuthi uthando lukaNkulunkulu lungumusa waKhe, umusa, nozwelo lokuba buthakathaka komuntu. Yize noma lezi zinto zingothando lukaNkulunkulu, zisohlangothini olulodwa kakhulu, futhi azizona izindlela eziyinhloko uNkulunkulu enza umuntu apheleliswe ngazo. Uma abanye abantu besanda kuqala ukukholelwa kuNkulunkulu, kungenxa yokugula. Lokhu kugula kungumusa kaNkulunkulu kuwena; ngaphandle kwako, ngeke ukholelwe kuNkulunkulu, futhi uma ungakholelwa kuNkulunkulu ubungeke ufinyelele lapha—futhi yingakho nalo musa unguthando lukaNkulunkulu. Esikhathini sokukholelwa kuJesu—abantu benza okuningi okungathandwa nguNkulunkulu ngoba babengaliqondi iqiniso, kodwa uNkulunkulu unothando nomusa, futhi usehambe nomuntu kwaze kwaba lapha, futhi yize noma umuntu engaqondi lutho, kodwa uNkulunkulu usavumela ukuba umuntu amlandele Yena, futhi, ukudlula lapho, umhole umuntu kwaze kwaba namuhla. Ingabe lolu akulona uthando lukaNkulunkulu? Lokho okubonakala esimweni sikaNkulunkulu uthando lukaNkulunkulu—lokhu kuyiqiniso impela! Uma isakhiwo sebandla sesifinyelele esicongweni saso, uNkulunkulu wathatha isinyathelo somsebenzi wabenzi bomsebenzi waphonsa umuntu emgodini omnyana ongenasiphelo. Amazwi esikhathi sabenzi bomsebenzi kwakuyiziqalekiso zonke: iziqalekiso zenyama yakho, iziqalekiso zesimo sakho sobusathane esikhohlakele, kanye neziqalekiso zezinto zakho ezingayenelisi intando kaNkulunkulu. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu ngaleso sinyathelo wabonakaliswa njengobukhosi, maduze emva kokuba uNkulunkulu esethathe isinyathelo somsebenzi wokusola, kwabe sekufika isilingo sokufa. Emsebenzini onjalo, umuntu wabona ulaka, ubukhosi, ukwahlulela, nokusola kukaNkulunkulu, kodwa wawubona umusa kaNkulunkulu, nothando lwaKhe nesihawu; konke lokho uNkulunkulu akwenza, nakho konke akubonakalisile esimweni saKhe, kwaba uthando lomuntu, nakho konke uNkulunkulu akwenzile ukugcwalisa izidingo zomuntu. Wakwenza lokhu ukuze enze umuntu apheleliswe, futhi wahlinzeka umuntu ngokwesiqu sakhe. Uma uNkulunkulu wayengakwenzanga lokhu, umuntu ubengeke akwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu, futhi ubengeke akwazi ukwazi ubuso beqiniso bukaNkulunkulu. Kusukela ngenkathi umuntu aqala ukukholelwa kuNkulunkulu kuze kube manje, uNkulunkulu uhlinzeke kancane kancane umuntu njengokufaneleka kwesakhiwo somuntu, ukuze, ngaphakathi, umuntu athole ukumazi Yena. Kunamhlanje kuphela lapho umuntu ebona khona ukuthi kuhle kangakanani ukwahlulelwa nguNkulunkulu. Isinyathelo somsebenzi wabenzi bomsebenzi kwaba yisehlakalo sokuqala somsebenzi wokuqalekisa kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube namhlanje. Umuntu waqalekiselwa emgodini omnyama ongenasiphetho. Ukube uNkulunkulu wayengakwenzanga lokho, namhlanje umuntu ubengeke abe nolwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu; yisiqalekiso sikaNkulunkulu kuphela esenza ukuba umuntu ahlangane ngokusemthethweni nesimo Sakhe. Umuntu wembulwa ngokuvivinywa kwabenzi bomsebenzi. Wabona ukuthi ukuthembeka kwakhe kwakungamukelekile, ukuthi isakhiwo sakhe sasisincane kakhulu, ukuthi ubengeke akwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu, nokuthi lokho athi wenelisa ngako uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi kwakungamazwi nje kuphela. Yize noma esinyathelweni somsebenzi wabenzi bomsebenzi uNkulunkulu amqalekisa umuntu, uma kubukwa lokhu namhlanje leso sinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu kwakuyisinyathelo esihle kakhulu: Kwaletha inguquko enkulu kumuntu, futhi kwadala ushintsho olukhulu esimweni sempilo yakhe. Ngaphambi kwesikhathi sabenzi bomsebenzi, umuntu wayengaqondi lutho ngempilo, ukuthi kusho ukuthini ukukholwa nguNkulunkulu, noma ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, futhi wayengaqondi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ungamvivinya umuntu. Kusukela esikhathini sabenzi bomsebenzi kuze kube namuhla, umuntu uyabona ukuthi umangalisa kangakanani umsebenzi kaNkulunkulu, awunakulinganiswa umuntu, futhi ngokusebenzisa ingqondo yakhe ayakwazi ukucabanga ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani, futhi uyabona ukuthi sincane kangakanani isakhiwo sakhe nokuthi ingxenye enkulu yakhe iwukungalaleli. Uma uNkulunkulu eqalekisa umuntu, inhloso kwakungukufeza okuthile, futhi akazange ambulale umuntu. Yize noma amqalekisa umuntu, wakwenza lokhu ngamazwi, futhi iziqalekiso zaKhe azizange ziwele kumuntu, ngoba lokho okwaqalekiswa uNkulunkulu kwakuwukungalaleli komuntu, ngakho amagama eziqalekiso zaKhe inhloso yawo kwakungukuphelelisa umuntu. Noma ngabe uNkulunkulu uyamahlulela umuntu noma uyamqalekisa, kokubili kuyamphelelisa umuntu: Kokubili kwenzelwa ukuphelelisa lokho okungahlanzekile kumuntu. Ngalokhu umuntu uyacwengwa, nalokho okusilele kumuntu kupheleliswa ngamazwi aKhe nangomsebenzi. Isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu—noma ngabe ngamazwi ahlabayo, noma ukwahlulelwa, noma ukusolwa—kwenza umuntu apheleliswe, futhi ngempela kuyadingeka. Akukaze ekuhambeni kweminyaka kwenzeke ukuba uNkulunkulu enze umsebenzi ofana nalona: namuhla, usebenza ngaphakathi kinina ukuze nithokozele futhi nibazise ubuhlakani baKhe. Yize noma senizwe ubuhlungu obuthile ngaphakathi kinina, izinhliziyo zenu zinokuthula, noxolo; yisibusiso senu ukuba nithokozele lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu. Kungakhathalekile ukuthi yini enikwazi ukuyihlomula esikhathini esizayo, konke enikubonayo komsebenzi kaNkulunkulu namuhla uthando. Uma umuntu engatholi kwahlulelwa kukaNkulunkulu nokucwengwa, izenzo zakhe kanye nothando kuzohlale kungaphandle, futhi isimo sakhe siyohlala singashintshile. Ingabe lokhu kuyabalwa njengokuzuzwe nguNkulunkulu? Namuhla, yize noma kusekuningi okungaphakathi kumuntu ozazisayo noqhoshayo, isimo somuntu sizinze kakhulu kunangaphambilini. Ukubhekana kukaNkulunkulu nawe ukuze akusindise, futhi yize noma ungezwa ubuhlungu obuthile ngaleso sikhathi, kuyofika usuku lapho kuyoba noshintsho esimweni sakho. Ngaleso sikhathi, uzobuka emuva ubone ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unobuhlakani kangakanani, futhi yilapho uzokwazi ukuqondisisa kahle intando kaNkulunkulu. Namuhla, kunabantu abathile abathi bayayiqonda intando kaNkulunkulu—kodwa lokho akunakwenzeka. Empeleni, bakhuluma amanga, ngoba njengamanje kufanele baqonde ukuthi intando kaNkulunkulu ukusindisa noma ukuqalekisa umuntu. Mhlawumbe awukwazi ukubona ngokucacile manje, kodwa kuyofika usuku lapho uyobona khona ukuthi usuku lokukhazimuliswa kukaNkulunkulu selufikile, futhi uzobona kahle ukuthi kusemqoka kangakanani ukuthanda uNkulunkulu, ukuze ukwazi ukwazi impilo yomuntu, nenyama yakho izohlala emhlabeni wokuthanda uNkulunkulu, ukuthi umoya wakho uzokhululwa, impilo yakho izophuphuma injabulo, nokuthi uyohlale useduze noNkulunkulu, futhi uyohlezi ubheke kuNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, uyokwazi ngempela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ubaluleke kangakanani namuhla.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 89)

Umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo ngezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo. Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu. Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane. Ngokwanda kwalolu hlobo lwesijeziso nesahlulelo, yilapho inhliziyo yomuntu ingalimala kakhulu futhi yilapho umoya wakhe ungaphaphanyiswa. Ukuphaphamisa imimoya yalaba bantu abakhohlakele ngokweqile futhi abakhohliswe ngokujulile, yinhloso yalolu hlobo lokwahlulela. Umuntu akanamoya, okusho ukuthi, umoya wakhe wafa kudala kanti akazi ukuthi kukhona iZulu, akazi ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi akazi nangempela ukuthi uyazabalaza egodini lokufa; kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uphila kulesi sihogo esibi emhlabeni? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi lesi sidumbu sakhe esibolayo sinani, ngenxa yokukhohlakala kukaSathane, sesiwele eHayidesi yokufa? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi yonke into emhlabeni yoniwe yisintu nokuthi ngeke iphinde ilungiseke? Futhi kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uMdali uze emhlabeni namhlanje ukuzofuna idlanzana labantu abakhohlakele angabasindisa? Nangemva kokuba umuntu esezwe yonke inhlobo yokucwengwa nokwahlulelwa, isazela sakhe esifiphele, asithinteki nakancane, futhi sicishe singakwazi nhlobo ukuphendula. Isintu sikhohlakele ngokweqile! Lolu hlobo lokwahlulelwa lufana nesichotho esinesihluku esisuka esibhakabhakeni, luwusizo olukhulu kakhulu kumuntu. Ngaphandle kokwahlulela abantu kanje, ngabe akukho mphumela futhi bekuyoba nzima kakhulu ukusindisa abantu kuleliwa losizi. Ngaphandle kwalo msebenzi, bekuzoba nzima kakhulu ukuthi abantu baphume eHayidesi ngoba izinhliziyo zabo kade zafa kudala kanye nemimoya yabo kudala yaxovwa ngezinyawo nguSathane.Ukusindisa wena osubishe ekujuleni kokonakala kudinga ukuthi umenyezwe kanzima, wahlulelwe ngomfutho, yilapho-ke kuphela leyo nhliziyo yakho ebanda qa iyophaphama.

Kucashunwe embhalweni othi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 90)

UNkulunkulu waba inyama endaweni esilele emuva nengcole kunazo zonke, futhi yile ndlela kuphela uNkulunkulu akwazi ngayo ukubonisa ngokucacile isimo Sakhe sokulunga kanye nobungcwele Bakhe obuphelele. Futhi sibonakaliswa ngani isimo Sakhe sokulunga? Sibonakaliswa lapho ehlulela izono zomuntu, lapho ehlulela uSathane, lapho ezonda isono, nalapho enyanya izitha ezimelene Naye nezimhlubukayo. Amazwi engiwakhuluma namuhla awokwahlulela izono zomuntu, ukwahlulela ukungalungi komuntu, ukuqalekisa ukungalaleli komuntu. Ukugwegwa kanye nokukhohlisa komuntu, amazwi nezenzo zomuntu zokukhohlisa—konke okuphambene nentando kaNkulunkulu kufanele ukwahlulelwa, nokungalaleli komuntu kusolwe njengesono. Amazwi Akhe agxila ezimisweni zokwahlulela; usebenzisa ukwahlulela ukungalungi komuntu, isiqalekiso sokuhlubuka komuntu, kanye nokudalula izici ezimbi zomuntu ukuze abonakalise isimo Sakhe sokulunga. Ubungcwele buwukuvezwa kwesimo sokulunga Kwakhe, futhi eqinisweni ubungcwele bukaNkulunkulu buyisimo sangempela sokulunga Kwakhe. Izimo zenu ezonakele ziwumongo wamazwi anamuhla—ngizisebenzisa ukuze ngikhulume futhi ngahlulele, nokuthi ngenze umsebenzi wokunqoba. Lokhu kukodwa kungumsebenzi ongokoqobo, futhi lokhu kukodwa kwenza ubungcwele bukaNkulunkulu bukhazimule ngokugcwele. Uma kungekho umnonjana wesimo sokonakala kuwe, khona-ke uNkulunkulu ngeke akwahlulele, futhi ngeke akubonise isimo Sakhe sokulunga. Ngenxa yokuthi unesimo sokonakala, uNkulunkulu ngeke akuyeke, futhi kungenxa yalokhu kubonakaliswa ubungcwele Bakhe. Uma uNkulunkulu ubengabona ukungcola nokuhlubuka komuntu ukuthi kukhulu kakhulu kodwa angakhulumi noma akwahlulele, noma akucwenge ngenxa yokungalungi kwakho, khona-ke lokhu bekungabonisa ukuthi akayena uNkulunkulu, ngoba ubengabe akasizondi isono; ubengabe ungcolile njengomuntu. Namuhla, ukungcola kwakho okwenza ukuthi ngikwahlulele, futhi ukonakala nokuhlubuka kwakho okwenza ukuthi ngikucwenge. Angibukisi ngamandla Ami kini noma nginicindezele ngamabomu; ngenza lezi zinto ngoba nina, enizalwe kulelizwe lokungcola, nonakaliswe kakhulu ukungcola. Nina nimane nalahla ubuqotho nobuntu benu futhi nifana nezingulube ezizalelwe emagumbini omhlaba angcole kakhulu, futhi yilokhu okwenza ukuthi nahlulelwe nokuthi ngithululele phezu kwenu intukuthelo Yami. Yikho kanye lokhu kwahlulela okwenze ukuthi nikwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, nokuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongcwele; Yibo kanye ubungcwele Bakhe nokulunga Kwakhe okwenza ukuthi anahlulele futhi athululele ulaka Lwakhe phezu kwenu. Ngenxa yokuthi angembula isimo Sakhe sokulunga lapho ebona ukuhlubuka komuntu, nangenxa yokuthi angembula ubungcwele Bakhe lapho ebona ukungcola komuntu, lokhu kwanele ukukhombisa ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, ongcwele futhi ophelele, nokho uhlala ezweni elingcolile. Uma umuntu engene shi odakeni kanye nabanye, futhi kungekho lutho olungcwele ngaye, futhi engenaso isimo sokulunga, khona-ke akafaneleki ukwahlulela ububi bomuntu, futhi akafaneleki ukwahlulela umuntu. Uma umuntu ubezokwahlulela omunye, bekungeke yini kube sengathi uzishaya ngempama ebusweni? Kungenzeka kanjani ukuthi abantu abangcole ngokulinganayo bafaneleke ukwahlulela labo abafana nabo? UNkulunkulu ongcwele uqobo Lwakhe kuphela ongakwazi ukwahlulela konke ukungcola kwesintu. Umuntu angazehlulela kanjani izono zomuntu? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu abone izono zomuntu, futhi kungenzeka kanjani ukuthi umuntu afaneleke ukulahla lezi zono? Uma uNkulunkulu wayengafaneleki ukwahlulela izono zomuntu, khona-ke kungenzeka kanjani ukuthi abe uNkulunkulu olungile uqobo Lwakhe? Lapho izimo zokonakala zabantu zembulwa, uNkulunkulu uyakhuluma ukuze ahlulele abantu, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho abantu bebona khona ukuthi ungcwele. Njengoba ahlulela futhi ecwenga umuntu ezonweni zakhe, ngaso sonke isikhathi udalula izono zomuntu, akekho umuntu noma into engabalekela lokhu kwahlulela; konke okungcolile kwahlulelwa Nguye, futhi kungalokho kuphela isimo Sakhe kuthiwa silungile. Uma bekungenjalo, bekungashiwo kanjani ukuthi niyiziqhathaniso ngegama nangeqiniso kokubili?

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 91)

Kunomehluko omkhulu phakathi komsebenzi owenziwa kwa-Israyeli nomsebenzi wanamuhla. UJehova waqondisa izimpilo zama-Israyeli, futhi akuzange kube khona ukucwengwa nokwahlulelwa okukhulu kakhulu, ngoba ngaleso sikhathi, abantu babeqonda kancane kakhulu ngezwe futhi benezimo zokonakala ezimbalwa. Ngaleso sikhathi, ama-Israyeli ayelalela uJehova ngokuphelele. Lapho ewatshela ukuba akhe ama-althare, akha masinyane ama-althare; lapho ewatshela ukuba agqoke izingubo zabaphristi, alalela. Kulezo zinsuku, uJehova wayefana nomelusi oweluse umhlambi wezimvu, onezimvu ezilandela isiqondiso sikamelusi futhi zidla utshani edlelweni; uJehova wayeqondisa izimpilo zawo, ewahola endleleni okufanele adle, agqoke, ahlale, futhi ahambe ngayo. Leso kwakungesona isikhathi sokucacisa isimo siNkulunkulu, ngoba isintu ngaleso sikhathi sasisanda kuzalwa; babembalwa abahlubukayo nabaphikisayo, kwakungekho ukungcola okukhulu phakathi kwesintu, futhi ngenxa yalokho abantu babengeke babe yiziqhathaniso esimweni sikaNkulunkulu. Ubungcwele bukaNkulunkulu buboniswa ngabantu abavela ezweni elingcolile ; namuhla, usebenzisa ukungcola okubonakala kulaba bantu bezwe elingcolile, bese ehlulela, futhi ngenxa yalokho embulwe phakathi nokwahlulela. Kungani ahlulela? Uyakwazi ukukhuluma amazwi okwahlulela ngoba uyasizonda isono; wayengathukuthela kanjani kangaka uma engakuzondi ukuhlubuka kwesintu? Uma kungekho ukwenyanya Kuye, kungekho ukuzonda, uma engakushayi mkhuba ukuhlubuka kwabantu, khona-ke lokho kungabonisa ukuthi Naye ungcolile njengomuntu. Ukuthi angahlulela futhi acwenge umuntu kungenxa yokuthi uyakuzonda ukungcola, futhi lokho akuzondayo kuyinto engekho Kuye. Uma futhi bekukhona ukuphikisa noma ukuhlubuka Kuye, ubengeke abazonde labo abaphikisayo nabahlubukayo. Uma umsebenzi wezinsuku zokugcina bewenziwa kwa-Israyeli, bewungeke ube namsebenzi. Kungani umsebenzi wezinsuku zokugcina wenziwa eShayina, izwe elimnyama kakhulu nelisemuva kakhulu kunawo onke? Ukwenza ukuze abonise ubungcwele nokulunga Kwakhe. Ngamafuphi, ukuba mnyama kwendawo, kwenza ubungcwele bukaNkulunkulu bubonakale ngokucace ngokwengeziwe. Eqinisweni, konke lokhu kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu. Kunamuhla kuphela lapho nibona khona ukuthi uNkulunkulu wehlile ezulwini ukuze ame phakathi kwenu, okubonakaliswe ukungcola nokuhlubuka kwenu, futhi kumanje kuphela lapho senimazi khona uNkulunkulu. Ngabe lokhu akukhona yini ukuphakanyiswa okukhulu kakhulu? Eqinisweni, niyiqembu labantu baseShayina abakhethiwe. Futhi ngenxa yokuthi nikhethiwe futhi najabulela umusa kaNkulunkulu, nangenxa yokuthi beningafanele ukuthola umusa omkhulu kangaka, lokhu kubonisa ukuthi konke lokhu ukuphakanyiswa okukhulu kwenu. UNkulunkulu ubonakele kini, futhi wanibonisa isimo Sakhe sobungcwele obuphelele, futhi uninike konke lokhu, futhi wanenza najabulela zonke izibusiso eningazijabulela. Akukhona kuphela ukuthi nizwe isimo sokulunga sikaNkulunkulu, kodwa, ngaphezu kwalokho, nizwe insindiso kaNkulunkulu, ukuhlengwa uNkulunkulu nothando lukaNkulunkulu olungenamkhawulo. Nina, eningcole kunabo bonke, nijabulele umusa omkhulu kangaka—ingabe anibusisiwe? Akukhona yini ukuthi uNkulunkulu uyaniphakamisa? Nina bantu enineziqu eziphansi kunabo bonke; ngokwemvelo awufanele ukujabulela isibusiso esikhulu kangaka, kodwa uNkulunkulu wenze okwehlukile kunokuvamile ngokuthi akuphakamise. Awuzizwa yini unamahloni? Uma ungakwazi ukwenza umsebenzi wakho, khona-ke uzoba namahloni ekugcineni, futhi uyozijezisa wena. Namuhla, awuyalwa, futhi awujeziswa; inyama yakho iphephile futhi iphilile—kodwa ekugcineni, la mazwi azokwenza ube namahloni. Kuze kube manje, akukho noma ubani engimcwenga obala; amazwi Ami kungenzeka ukuthi anzima, kodwa ngibaphatha kanjani abantu? Ngiyabaduduza, futhi ngiyabanxusa, bese ngibakhumbuza. Ngenza lokhu ukuze nginisindise. Ingabe aniyiqondi ngempela intando Yami? Kufanele niqonde lokho engikushoyo, futhi kunikhuthaze. Kumanje kuphela lapho sekunabantu abaningi abanokuqonda. Ingabe lokhu akusona isibusiso sokuba yisiqhathaniso? Ingabe ukuba yisiqhathaniso akuyona yini into ebusiseke kakhulu? Ekugcineni, lapho niyosabalisa ivangeli, nizosho lokhu: “Siyiziqhathaniso ezivamile.” Bazonibuza, “Kusho ukuthini ukuthi niyiziqhathaniso ezivamile?” Futhi uzothi: “Siyiziqhathaniso zomsebenzi kaNkulunkulu, kanye namandla Akhe amakhulu. Isimo sokulunga kukaNkulunkulu okuphelele silethwa ekukhanyeni ukuhlubuka kwethu; siyizinto zokusebenza umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, siyizinto zokwenezela, kanye namathuluzi omsebenzi Wakhe.” Lapho bezwa lokho, bayohlabeka umxhwele. Ngokulandelayo, uzothi: “Siyizifanekiso kanye nezibonelo zokuqedela kukaNkulunkulu umsebenzi womhlaba wonke, nowokunqoba Kwakhe sonke isintu. Noma ngabe singcwele noma singcolile, uma sekukonke, sisalokhu sibusiseke kakhulu kunani, ngokuba sibone uNkulunkulu, futhi ngenxa yethuba lokusinqoba Kwakhe, kubonakaliswa amandla kaNkulunkulu amakhulu; ukuthi singcolile futhi sonakele okwenze ukuthi isimo sokulunga Kwakhe sibonakaliswe. Ingabe ningakwazi ukufakazela lo msebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina? Anifaneleki! Lokhu kuwukuphakanyiswa kwethu uNkulunkulu kuphela. Nakuba singeke sizithwale, singamdumisa ngokuziqhenya uNkulunkulu, ngokuba akukho muntu ongathola ifa eliyisethembiso esikhulu kangaka, futhi akukho muntu ongajabulela isibusiso esikhulu kangaka. Sizizwa sinokubonga kakhulu ngokuthi thina, abangcole kakhulu, singasebenza njengeziqhathaniso ekuphatheni kukaNkulunkulu.” Futhi lapho bebuza, “Ziyini izifanekiso nezibonelo?” uthi, “Siyisintu esihlubukayo nesingcole kakhulu; sonakaliswe kakhulu uSathane, kanti sisemuva futhi siyinyama ephansi kakhulu. Siyizibonelo ezivamile zalabo abasetshenziswe uSathane. Namuhla, sikhethwe uNkulunkulu njengabokuqala phakathi kwesintu esinqotshiwe, futhi sibone isimo sokulunga sikaNkulunkulu futhi sazuza isethembiso Sakhe; siyasetshenziswa ekunqobeni abantu abengeziwe, ngalokho siyizifanekiso kanye nezibonelo zalabo abanqotshiwe phakathi kwesintu.” Abukho ubufakazi obungcono kunala mazwi, futhi lokhu ohlangabezane nakho okungcono kakhulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 92)

Umsebenzi wokunqoba owenziwa kini ubaluleke kakhulu: Ngakolunye uhlangothi, inhloso yalo msebenzi ukuphelelisa iqembu labantu, okusho ukuthi, ukubaphelelisa eqenjini labanqobi, njengeqembu lokuqala labantu abaphelelisiwe, okusho ukuthi bayizithelo zokuqala. Ngakolunye uhlangothi, kuwukwenza izinto ezidaliwe zijabulele uthando lukaNkulunkulu, zamukele insindiso enkulu kaNkulunkulu, nensindiso Yakhe egcwele, futhi umuntu abe nomusa, ububele, kodwa okukhulu nakakhulu ukusolwa nokwahlulelwa. Kusukela ekudalweni kwezwe kuze kube manje, konke uNkulunkulu akwenze emsebenzini Wakhe kuwuthando, ngaphandle kokuzonda umuntu. Ngisho nokusola kanye nokwahlulela enikubonile kuwuthando, uthando lweqiniso futhi lwangempela; lolu thando luholela abantu endleleni yokuphila efanele. Okwesithathu, kuwubufakazi phambi kukaSathane. Okwesine, kwakha isisekelo sokusakaza ivangeli esikhathini esizayo. Wonke umsebenzi awenzile, uwenzele ukuholela abantu endleleni efanele ekuphileni, ukuze isintu siphile ngendlela ejwayelekile, kodwa umuntu akazi ukuthi kuqondiswa kanjani ukuphila. Ngaphandle kwalokho kuqondisa, uyophila ukuphila okungasho lutho, uyophila ukuphila okungasizi ngalutho futhi okungenamgomo, futhi ngeke wazi nhlobo ukuthi kunjani ukuba umuntu ojwayelekile. Lokhu ukubaluleka kokunqoba umuntu. Nonke niyinzalo yakwaMowabi. Ukwenza umsebenzi wokunqoba kini kuyinsindiso yenu enkulu. Nonke niphila endaweni yesono futhi aninasimilo; nonke nixegelwa yisimilo futhi niyizoni. Namuhla anigcini nje ngokubona uNkulunkulu, kodwa okubaluleke nakakhulu, namukele ukusolwa nesahlulelo, namukele insindiso enkulu, okusho ukuthi, namukele uthando olukhulu lukaNkulunkulu. Kodwa akwenzayo kuwuthando lweqiniso kini; akanazo izinhloso ezimbi. Unahlulela ngenxa yezono zenu, ukuze nizihlole bese namukela insindiso enkulu. Konke lokhu kwenziwa ngenhloso yokuphelelisa umuntu. Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, uNkulunkulu ubelokhu enza lokhu ukuze asindise umuntu, futhi akazimisele nhlobo ukubhubhisa abantu abadale ngezandla Zakhe. Manje uzele ukuzosebenza phakathi kwenu; akuyona yini enye insindiso lena? Uma enizondile, ingabe ubezowenza umsebenzi omkhulu kangako wokunihola ngokuqondile? Kungani kufanele ahlupheke kanjalo? UNkulunkulu akakuzondi noma abe nezinhloso ezimbi ngawe. Kufanele nazi ukuthi uthando lukaNkulunkulu lulwedlula lonke uthando lweqiniso. Ukungalaleli kwabantu okwenza uNkulunkulu abasindise ngokubahlulela; kungenjalo bebengeke basindiswe. Njengoba ningazi ukuthi nikuqondise kanjani ukuphila noma ukuthi niphile kanjani futhi nixegelwa yisimilo, niphila nasendaweni yesono futhi ningodeveli abenyanyekayo, uNkulunkulu akanayo inhliziyo yokunivumela nikhohlakale nakakhulu; futhi akanayo nenhliziyo yokunivumela niphile endaweni engcole kanje, nidlale uSathane, futhi akanayo inhliziyo yokunivumela niwele eHayidesi. Uma nje ufuna ukuzuza leli qembu lenu anisindise ngokuphelele. Lena inhloso eyinhloko yokwenza umsebenzi wokunqoba kini—kungokwensindiso kuphela. Uma ningakwazi ukubona ukuthi yonke into eyenziwe kini iwuthando nensindiso, uma nicabanga ukuthi kumane kuyindlela nje, indlela yokuhlupha umuntu okungafanele yethenjwe, khona-ke ningabuyela ezweni lenu niyoququdwa izinhlungu nobunzima! Uma nithanda ukuba kulo mthombo futhi nijabulele lezi zahlulelo nensindiso ejulile, ukujabulela zonke lezi zibusiso ezingatholakali ndawo ezweni labantu, ukujabulela lolu thando, nokuzithoba kulo mthombo ngokwamukela umsebenzi wokunqoba ukuze upheleliswe. Nakuba manje nizwa ubuhlungu futhi nicwengwa ngenxa yezahlulelo, lobu buhlungu bubalulekile futhi bunenhloso. Nakuba ukusola nokwahlulela kuwukucwengwa futhi kuyizinto ezingenamusa kumuntu, kuhloselwe ukujezisa izono nenyama yakhe, awukho umsebenzi kulona ohloselwe ukuyala nokubhubhisa inyama yakhe. Iziphetho ezinkulu zezwi zonke zihloselwe ukukuholela endleleni efanele. Senibhekane nokuningi kakhulu kulo msebenzi, ngokusobala akuniholelanga endleleni yokukhohlakala! Konke ngokokunenza niphile ubuntu obujwayelekile, futhi konke kungafezwa ubuntu bakho obujwayelekile. Zonke izigaba zomsebenzi ezenziwayo zisekelwe ezidingweni zenu, ebuthakathakeni benu, nasesimweni senu sangempela, futhi awukho umthwalo ongathwaleki obekwe emahlombe enu. Nakuba ningakwazi ukukubona ngokucacile lokhu futhi nicabanga ukuthi nginokhahlo kini, nakuba nicabanga ukuthi into eyenza nginijezise futhi nginisole nsuku zonke ukuthi ngiyanizonda, futhi nakuba nisolwa futhi nahlulelwa, empeleni konke kuwukunibonisa uthando, nesivikelo esikhulu kini. Uma ningakwazi ukubamba incazelo ejulile yalo msebenzi, khona-ke anikwazi ukuzihambela nina le ndlela. Kufanele niduduzelwe leyo nsindiso. Ningenqabi ukusebenzisa umqondo. Njengoba sesifike kuleli qophelo, kufanele nikubone ngokucacile ukubaluleka kwalo msebenzi wokunqoba. Akusafanele nibe nombono onjalo!

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 93)

Labo abakwazi ukuma baqine phakathi nomsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela nokusola phakathi nezinsuku zokugcina—okungukuthi, phakathi nomsebenzi wokugcina wokuhlanza—kuyoba yilabo abayongena ekuphumuleni kokugcina kanye noNkulunkulu; ngakho, labo abangena ekuphumuleni bayobe bekhululiwe ethonyeni likaSathane futhi bayobe bezuzwe uNkulunkulu ngemva kokudlula kwabo emsebenzini Wakhe wokuhlanza wokugcina. Laba bantu abazuzwe uNkulunkulu bayongena ekuphumuleni kokugcina. Isici somsebenzi kaNkulunkulu wokusola nokwahlulela ukuhlanza isintu, futhi usuku lokuphumula kokugcina. Ngale kwalokho, bonke abantu ngeke bekwazi ukulandela uhlobo lwabo noma ukungena ekuphumuleni. Lo msebenzi uwukuphela kwendlela yokungena kwesintu ekuphumuleni. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlanza kuphela oyohlanza isintu ekungalungini kwaso, futhi umsebenzi Wakhe wokusola nokwahlulela kuphela oyoveza lezo zinto zokungalaleli phakathi kwesintu, ngalokho wehlukanise labo abangasindiswa kulabo abangeke basindiswe, nalabo abayosala kulabo abangeke basale. Lapho lo msebenzi uphela, labo abayovunyelwa ukuba basale bayohlanzwa bonke futhi bangene esimweni sobuntu esiphakeme ngokwengeziwe lapho beyojabulela khona ukuphila kwabantu kwesibili okumangalisa ngokwengeziwe emhlabeni; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile. Bake batakulwa, baphinde bahlulelwa futhi basolwa; bake banikela inkonzo kuNkulunkulu umsebenzi, kodwa lapho kufika usuku lokugcina, bayoqothulwa futhi babhujiswe ngenxa yokukhohlakala kwabo nangenxa yokungalaleli kwabo futhi abanakuphinde batakulwe. Ngeke baphinde baphile emhlabeni esikhathini esizayo, futhi ngeke baphile nohlanga lwesintu lwesikhathi esizayo. Noma yibaphi abenza okubi nabangasindiswanga bayobhujiswa lapho abangcwele phakathi kwesintu bengena ekuphumuleni, kungakhathaleki ukuthi bashonile noma bayaphila. Akunandaba ukuthi baphila kuyiphi inkathi laba bantu abenza okubi, noma imimoya yabalungile nalabo abenza ukulunga, bonke abenza okubi bayobhujiswa, futhi bonke abantu abalungile bayosindiswa. Ukuthi umuntu noma umoya uyasindiswa noma cha, akuncikile ngokuphelele emsebenzini awenza esekhulile, kodwa kunqunywa ukuthi bamenqaba yini noma bamphika uNkulunkulu. Uma abantu benza okubi enkathini eyedlule, futhi bengashintshi izindlela zabo, nakanjani bayoba izisulu zesijeziso. Uma abantu kule nkathi benza okubi futhi bengashintshi izindlela zabo, nakanjani nabo bayizisulu zokujeziswa. Abantu bahlukene phakathi ngenxa yokulungile nokubi, hhayi ngenxa yenkathi abaphila kuyo. Uma beke bahlukaniswa ngenxa yokulungile nokubi, abantu abajeziswa noma bathole umvuzo ngokushesha; kunalokho, uNkulunkulu uyokwenza umsebenzi Wakhe wokujezisa ububi nokuklomelisa ukulunga ngemva kokwenza umsebenzi Wakhe wokunqoba ezinsukwini zokugcina. Empeleni, ubelokhu esebenzisa okulungile nokubi ukuze ahlukanise isintu, kusukela ngesikhathi enza ngaso umsebenzi Wakhe phakathi kwesintu. Uyomane abusise olungile futhi ajezise omubi lapho eqeda umsebenzi Wakhe, esikhundleni sokuhlukanisa ababi nabalungile lapho eseqeda umsebenzi Wakhe ekugcineni, uyobe eselandela ngokushesha nesu lokujezisa ababi anike abalungile umvuzo. Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila khona ekuphumuleni ngokuthula.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 94)

Izinyathelo Zami zinyathela ziye ekugcineni komhlaba nezulu, amehlo Ami ahlola ehlola wonke umuntu ngamunye, futhi okungaphezu kwalokho ngibheka sonke isithombe somhlaba nezulu. Amazwi Ami ngokoqobo agijimela kulo lonke igumbi lomhlaba. Noma ngubani olokotha angangenzeli umsebenzi, noma ngubani olokotha angathembeki Kimi, noma ngubani olokotha ahlulele igama Lami, futhi noma ngubani olokotha angcolise futhi anyundele amadodana Ami—bonke labo abenza lezi zinto ngempela kufanele bathole ukwahlulelwa okunzima. Ukwahlulela Kwami kwehla ngokuphelela kwakho. Lokhu kusho ukuthi, manje yinkathi yokwahlulela, futhi ngokubheka ngokucophelela uzothola ukuthi ukwahlulela Kwami kwenabela kuwo wonke umhlaba nezulu. Ngempela, umndeni Wami awusali ngaphandle; labo imicabango, amazwi, nezenzo zabo okungahambisani nentando Yami bazokwahlulelwa. Kufanele uqonde, ukwahlulela Kwami kuqondiswe kuwo wonke umhlaba nezulu, hhayi nje eqenjini elilodwa labantu noma lezinto—ukubonile lokhu? Uma, phansi ekujuleni, udidekile emicabangweni yakho mayelana Nami, khona-ke uyokwahlulelwa ngaphakathi masinyane.

Ukwahlulela Kwami kuza ngakho konke ukubukeka nezimo. Kwazi lokhu! NginguNkulunkulu okungekho okufana Naye futhi ohlakaniphile womhlaba nezulu! Akukho okungaphezu kwamandla Ami. Ukwahlulela Kwami konke kwambulwa kini: Uma udidekile Ngami emicabangweni yakho, ngizokukhanyisela, okuzobe kuyisixwayiso. Uma ungalaleli, khona-ke ngiyokushiya masinyane (lokhu akubhekisile ekungabazeni igama Lami, kodwa kunalokho ekuziphatheni kwangaphandle—lokho okuhlobene nezinjabulo zokwenyama). Uma imicabango yakho inokungedelela, ukhononda Kimi, wamukela ngokuphindaphinda imiqondo kaSathane futhi ungalandeli imizwa yempilo, khona-ke umoya wakho uzoba semnyameni futhi inyama yakho iyozwa ubuhlungu. Kufanele usondele Kimi. Ngeke ukwazi nhlobo ukubuyisela izimo zakho ezejwayelekile ngosuku olulodwa noma ezimbili nje, futhi impilo yakho iyosilela emuva kakhulu ngokubonakalayo. Labo abangenabuqotho ekukhulumeni ngiyoqondisa imilomo nezilimi zenu bese ngenza ukuthi kubhekanwe nezilimi zenu. Labo abanokwenza okungenabuqotho ngokungabambeki ngiyonixwayisa emoyeni wenu, futhi ngiyosola kanzima labo abangalaleli. Labo abangahlulela nabangidelela obala, okusho labo abakhombisa ukungalaleli ngamazwi noma ngezenzo, ngiyobasusa ngokuphelele futhi ngibalahle, ngibenze babhubhe futhi balahlekelwe yizibusiso eziphezulu; laba yilabo abasuswa emva kokukhethwa. Labo abangazi, okusho labo abanemibono engacacile, ngisayobakhanyisela futhi ngibasindise. Kodwa labo abaqonda iqiniso nokho bangalenzi bayophathwa ngokwemithetho eshiwo ngenhla, noma bazi noma bengazi. Mayelana nalabo bantu izinhloso zabo ezilokhu zaba ngezingalungile kusuka ekuqaleni, ngiyobenza bangakwazi unomphelo ukuqonda okungokoqobo futhi ekugcineni bayosuswa kancane kancane, ngamunye—akekho oyosala—kodwa basele manje ngokwelungiselelo Lami (njengoba ngingenzi izinto ngokuxhamazela, kodwa kunalokho ngenza ngokuhlelekile).

Ukwahlulela Kwami kwambulwa ngokuphelele, kubhekiswe kubantu abehlukene, futhi kufanele bonke bathathe izindawo zabo ezifanele. Kuya ngokuthi yimuphi umthetho owephuliwe, ngiyobaphatha futhi ngibahlulele ngokwalowo mthetho. Mayelana nalabo abangekho kuleli gama futhi abangamemukeli uKristu wezinsuku zokugcina, kukhona umthetho owodwa kuphela: Ngiyothatha umoya, umphefumulo nomzimba wanoma ngubani ongedelelayo ngikuphonse eHayidesi masinyane; noma ngubani ongangedeleli, ngiyonilinda ukuthi nivuthwe ngaphambi kokwenza ukwahlulela kwesibili. Amazwi Ami akuchaza konke ngokucace ngokuphelele futhi akukho okufihliwe. Ngifisa kuphela ukuba nikwazi ukuba nabo emqondweni ngazo zonke izikhathi!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 67” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 95)

Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, labo abawo wonke amazwe nazo zonke izizwe nabo bayowuzwa umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe? Ngakho, nizoqhubeka isikhathi eside kangakanani nezenzo zenu zokungalaleli? Ingabe aniboni yini ukuthi izinsuku zenu zokugcina sezisondele? Kungenzeka kanjani ukuthi labo abahlonipha uNkulunkulu nabamlangazelelayo babonakale bengaluboni usuku lokubonakala kokulunga kukaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi bangatholi umvuzo wokugcina wokulunga? Ingabe ungulowo owenza okuhle, noma ungulowo owenza okubi? Ingabe ungulowo owamukela ukwahlulela ngokulunga bese elalela, noma bese eqalekiswa? Ingabe ubuphila ekukhanyeni ngaphambi kwesihlalo sokwahlulela, noma ebumnyameni obusezweni elingaphansi komhlaba? Ingabe wena uqobo awuyena yini owazi ngokucace kakhulu ukuthi isiphetho sakho sizoba ngesomvuzo noma esesijeziso? Ingabe awuyena yini owazi ngokucace kakhulu noqonda ngokujule kakhulu ukuthi uNkulunkulu ulungile? Ngakho, empeleni, kunjani ukuziphatha kwakho futhi unaluphi uhlobo lwenhliziyo? Njengoba ngiqhubeka nokukunqoba namuhla, ingabe ukudinga ngempela ukuba Mina ngikutshele ukuthi ukuziphatha kwakho kubi noma kuhle? Kungakanani osukudelile Ngami? Ungikhulekela ngokujule kangakanani? Wena uqobo wazi ngokucace kakhulu ukuthi unjani Kimi—ingabe lokho akulona iqiniso? Kufanele wazi kangcono ukwedlula noma ubani ukuthi isiphetho sakho sizoba njani! Empeleni ngiyakutshela, ngadala kuphela isintu, futhi ngadala wena, kodwa angizange ngininikele kuSathane; futhi angizange ngenhloso nginenze ukuba nidlubulunde noma nimelane Nami futhi ngalokho nginijezise. Anizange yini nithole lezi zinhlekelele ngenxa yezinhliziyo zenu ezilukhuni kakhulu nangokuziphatha kwenu okunengeka kakhulu? Ngakho ingabe akulona yini iqiniso ukuthi ninganquma isiphetho senu? Ingabe akulona yini iqiniso ukuthi niyazi ezinhliziyweni zenu, ukwedlula noma ubani omunye, ukuthi sizoba njani isiphetho senu? Isizathu esenza nginqobe abantu ukuba ngibadalule, kanye nokuba ngiqinisekise insindiso yakho. Akusikho ukukwenza ukuba wenze okubi noma ukukwenza ngamabomu uye esihogweni sokubhujiswa. Lapho isikhathi sifika, konke ukuhluphela kwakho okukhulu, ukukhala kwakho nokugedla amazinyo—ingabe konke lokho akungenxa yezono zakho? Ngakho, ingabe akusikho ukulunga kwakho noma ububi bakho okukwahlulela kangcono? Ingabe lokho akubona yini ubufakazi obuqand’ ikhanda balokho isiphetho sakho esiyoba yikho?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 96)

Izwi elidumayo liyaphuma, lizamazamisa lonke izulu nomhlaba, livala abantu izindlebe, libenza bangakwazi ukushesha baqhele endleleni, futhi abanye bayafa, abanye bayabhujiswa, futhi abanye bayehlulelwa. Ngempela kuyisimanga esingakaze sibonwe ngumuntu ngaphambili. Lalelisisa, iziwombe zokuduma kwezulu ziphelezelwa yimisindo yokukhala, futhi lo msindo uvela eHayidesi, lo msindo uqhamuka esihogweni. Kungumsindo obuhlungu walawo madodana okuhlubuka asehlulelwe Yimi. Labo abangakusho engikushoyo futhi abangenzi engikwenzayo bahlulelwa kanzima futhi bamukela isiqalekiso solaka Lwami. Izwi Lami lingukwahlulela nolaka, futhi angiyeki muntu futhi angikhombisi sihe kumuntu, ngoba nginguNkulunkulu olungile uqobo Lwakhe, futhi nginolaka, ukuvutha, ukuhlanza, nokubhubhisa. Kimi akukho okufihlakele, akukho okunemizwelo, kunalokho konke kusobala, kulungile, futhi akukhethi. Ngoba amadodana Ami angamazibulo asevele aNami esihlalweni sobukhosi, abusa zonke izizwe nabo bonke abantu, lezo zinto ezingenabulungiswa nezingalungile futhi abantu bayaqala ukwahlulelwa. Ngiyobacubungula ngabanye ngabanye, ngingeqi lutho, ngibambule ngokuphelele. Ngoba ukwahlulela Kwami kwambulwe ngokugcwele futhi kusobala ngokugcwele, futhi akukho nhlobo okugodliwe; ngiyolahla lokho okungahambisani nentando Yami futhi ngikwenze kubhubhe kuze kube phakade emgodini ongenamkhawulo; ngiyokwenza kushe phakade emgodini ongenamkhawulo; lokhu ngukulunga Kwami; lokhu ngukuqonda Kwami. Akekho ongakuguqula lokhu, futhi kufanele kulawulwe Yimi.

Abantu abaningi bayawaziba amazwi Ami futhi bacabanga ukuthi amazwi ngamazwi nje nokuthi amaqiniso ngamaqiniso. Bayizimpumputhe! Ngabe abazi ukuthi nginguNkulunkulu owethembekile uqobo Lwakhe? Amazwi namaqiniso Ami kwenzeka kanyekanye—akulona iqiniso ngempela lokhu? Abantu abawaqondi nhlobo amazwi Ami, futhi yilabo kuphela abakhanyiselwe abangaqonda ngempela—lokhu kuyiqiniso. Lapho abantu beqeda ukubona amazwi Ami bethuka kakhulu, bacashe yonke indawo, ingasaphathwa eyalapho kwehla khona ukwahlulela Kwami. Lapho ngidala zonke izinto, lapho ngibhubhisa umhlaba, nalapho ngiphelelisa amadodana Ami angamazibulo, zonke lezi zinto zifezwa ngezwi elilodwa eliphuma emlonyeni Wami, ngoba izwi Lami ngokwalo liyigunya, ukwahlulela. Kungashiwo ukuthi umuntu engiwuye uwukwahlulela nobukhosi; lokhu kuyiqiniso elingenakuguqulwa. Lokhu kuwuhlangothi olulodwa lwezinqumo Zami zokuphatha; indlela Yami eyodwa yokwahlulela abantu. Emehlweni Ami, bonke abantu, zonke izindaba, nazo zonke izinto—kusezandleni Zami futhi kungaphansi kokwahlulela Kwami, akukho muntu futhi akukho nto elokotha iziphathe ngobudlwembe nangenkani, futhi konke kufanele kufezwe ngokuhambisana namazwi engiwakhulumayo. Emibonweni yomuntu, wonke umuntu ukholwa ngamazwi omuntu engiwuye. Lapho uMoya Wami ukhuluma, abantu bayangabaza. Abazi bonke ukuba Kwami namandla onke, futhi benza ukuzicabangela Ngami. Ngiyakutshela! Lowo ongabaza amazwi Ami, lowo odelela amazwi Ami, laba yilabo abayobhujiswa, bangamadodana aphakade okubhujiswa. Kulokhu kuyabonakala ukuthi bambalwa kakhulu abangamadodana angamazibulo, ngoba le yindlela Yami yokusebenza. Njengoba ngishilo, anginyakazisi nomunwe owodwa, kodwa kunalokho ngisebenzisa kuphela amazwi Ami ukufeza konke. Lokhu, khona-ke, kulapho kulele khona ukuba Kwami namandla onke. Emazwini Ami akekho ongathola umthombo nenhloso yenkulumo Yami. Abantu abakwazi ukufeza lokhu, futhi bangenza yonke into ngokuhambisana nokuhola Kwami, futhi bangenza kuphela konke ngokuhambisana nentando Yami ngokuhambisana nokulunga Kwami, ukuze umndeni Wami ube nokulunga nokuthula, uhlale ndawonye, uqinile futhi ungaxegi kuze kube phakade.

Ukwahlulela Kwami kuza kuwo wonke umuntu, izinqumo Zami zokuphatha zithinta wonke umuntu, futhi amazwi Ami nesiqu Sami kwambulwa kuwo wonke umuntu. Lesi yisikhathi somsebenzi omkhulu woMoya Wami (kulesi sikhathi labo abazobusiswa nalabo abazokwehlelwa yishwa bayehlukaniswa). Lapho amazwi Ami ephuma nje, ngahlukanise labo abayobusiswa nalabo abayokwehlelwa yishwa. Kucace kakhulu konke futhi ngikubona ngokukubuka kanye. (Kukhulunywa ngakho mayelana nobuntu Bami, ngakho akuphikisi ukunqumela ngaphambili nokukhetha Kwami.) Ngizula ezintabeni nasemifuleni nakuzo zonke izinto, umkhathi nomhlaba, ngibheka yonke indawo futhi ngihlanza yonke indawo, ukuze lezo zindawo ezingahlanzekile nalawo mazwe onakele konke kuyoyeka ukuba khona futhi kuyoshiswa kuphele ngenxa yamazwi Ami. Kimi, konke kulula. Ukube manje bekuyisikhathi engasinquma ngaphambili sokubhubhisa umhlaba, bengingawugwinya ngezwi elilodwa, kodwa manje akusona isikhathi. Konke kufanele kulunge ngaphambi kokuba ngenze lo msebenzi, ukuze kungaphazamisi uhlelo Lwami futhi kuphazamise ukuphatha Kwami. Ngiyayazi indlela yokukwenza ngokunomqondo: nginokuhlakanipha Kwami futhi nginelungiselelo Lami. Abantu kufanele banganyakazisi nomunwe owodwa—qaphelani ningabulawa esandleni Sami; lokhu sekuvele kuthinta izinqumo Zami zokuphatha. Kulokhu umuntu ubona isihluku sezinqumo Zami zokuphatha, futhi umuntu ubona izimiso zezinqumo Zami zokuphatha, okuhlanganisa izingxenye ezimbili: ohlangothini olunye ngibulala bonke abangahambisani nentando Yami futhi abadelela izinqumo Zami zokuphatha; kolunye uhlangothi, olakeni Lwami ngiqalekisa bonke abadelela izinqumo Zami zokuphatha. Lezi zingxenye zombili azinakusilela futhi ziyizimiso ezinkulu zezinqumo Zami zokuphatha. Wonke umuntu uphathwa ngokuhambisana nalezi zimiso ezimbili, ngaphandle komzwelo, kungakhathaleki ukuthi abantu bathembeke kangakanani. Lokhu kwanele ukukhombisa ubukhosi nolaka Lwami, okuyongqongqisa zonke izinto zezwe, zonke izinto zomhlaba, nazo zonke izinto ezingahambisani nentando Yami. Emazwini Ami kukhona izimfihlakalo ezifihliwe, futhi emazwini Ami kukhona futhi izimfihlakalo ezambuliwe, ngakho emicabangweni yomuntu, emqondweni womuntu, amazwi Ami ahlala engaqondakali futhi inhliziyo Yami ihlala ingaqondakali. Ngamanye amazwi, kufanele ngisuse abantu emiqondweni nasekucabangeni kwabo. Lokhu kuyingxenye ebaluleke kakhulu ohlelweni Lwami lokuphatha. Kufanele ngikwenze ngale ndlela ukuze ngizuze amadodana Ami angamazibulo futhi ukuze kufezwe izinto engifuna ukuzenza.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 103” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 97)

Siyoni! Jabula! Siyoni! Hlabelela! Ngibuye ngokunqoba, ngibuye nginqobile! Bantu nonke! Sheshani nime ngokuhleleka! Zinto zonke zendalo! Yimani ngqi, ngoba isiqu Sami sibheke lonke izulu nomhlaba futhi sibonakala eMpumalanga yomhlaba! Ngubani ongalokotha angaguqi akhonze? Ngubani ongalokotha angangibizi ngoNkulunkulu wangempela? Ngubani ongalokotha angabheki phezulu ngenhlonipho? Ngubani ongalokotha anganikezi indumiso? Ngubani ongalokotha angajabuli? Abantu Bami bayozwa iphimbo Lami, namadodana Ami ayophila embusweni Wami! Izintaba, imifula, nazo zonke izinto ziyohalalisa ngokungapheli, futhi zigxumagxume zingaphezi. Ngalesi sikhathi, akekho oyolokotha asale, futhi akekho oyolokotha asukume amelane Nami. Lesi yisenzo Sami esimangalisayo, futhi ngaphezu kwalokho, ngamandla Ami amakhulu! Ngiyokwenza konke kungihloniphe ezinhliziyweni zakho futhi, nangaphezu kwalokho, ngiyokwenza konke kungidumise! Lokhu kuyinhloso yokugcina yohlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi lokhu kunqunywe Yimi kungakenzeki. Akukho muntu noyedwa, akukho nto neyodwa, noma udaba olulodwa, okungalokotha kusukumele ukumelana Nami, noma okungalokotha kusukumele ukumelana Nami noma ukungiphikisa. Abantu Bami bonke bayothuthelekela entabeni Yami (ngamanye amazwi, umhlaba engiyowudala kamuva) futhi bayothoba phambi Kwami ngoba nginobukhosi nokwahlulela, futhi ngiphethe igunya. (Lokhu kubhekise lapho ngisemzimbeni. Nginegunya futhi enyameni, kodwa ngoba imikhawulo yesikhathi nendawo ayinakwedlulwa enyameni, ngeke kuthiwe ngithole inkazimulo ephelele. Nakuba ngithola amadodana angamazibulo enyameni, ngeke kuthiwe ngithole inkazimulo. Kungathiwa ngiphethe igunya kuphela lapho ngibuyela eSiyoni, bese ngiguqula ukubonakala Kwami—okungukuthi, ngithole inkazimulo.) Akukho okuyoba lukhuni Kimi. Konke kuyobhujiswa ngamazwi aphuma emlonyeni Wami, futhi konke kuyoba khona futhi kuyopheleliswa ngenxa yamazwi Ami. Anjalo amandla Ami amakhulu futhi linjalo igunya Lami. Ngoba ngigcwele amandla futhi ngigcwele igunya, akekho umuntu ongalokotha angivimbe. Senginqobile phezu kwakho konke futhi sengizuze wonke amadodana okuhlubuka. Ngihlanganisa amadodana Ami angamazibulo ukuze sibuyele eSiyoni. Angibuyeli ngedwa eSiyoni. Ngakho, bonke bayobona amadodana Ami angamazibulo bese ngalokho bethola inhliziyo yokungihlonipha. Yilena inhloso Yami ekutholeni amadodana angamazibulo, futhi lokhu bekuwuhlelo Lwami kusukela ekudalweni komhlaba.

Lapho konke sekulungile, lolo kuyoba usuku engiyobuyela ngalo eSiyoni, futhi lolu suku luyokhunjulwa yibo bonke abantu. Lapho ngibuyela eSiyoni, zonke izinto emhlabeni ziyothula, futhi zonke izinto emhlabeni ziyoba nokuthula. Lapho ngibuyela eSiyoni, konke kuyophinde kuqhubeke nokubonakala kwakho kokuqala. Khona-ke, ngiyoqala umsebenzi Wami eSiyoni. Ngiyojezisa ababi futhi ngiklomelise abalungile, futhi ngiyoqalisa ukulunga Kwami, bese ngenza ukwahlulela Kwami. Ngiyosebenzisa amazwi Ami ukufeza konke, ngenze bonke abantu nakho konke kuzwe isandla Sami esisolayo, futhi ngiyokwenza bonke abantu babone inkazimulo Yami egcwele, ukuhlakanipha Kwami okugcwele, nenala Yami egcwele. Akukho muntu oyolokotha asukume enze ukwahlulela njengoba, Kimi, konke kufeziwe; futhi lapha, wonke umuntu akabone isithunzi Sami esiphelele, ezwe ukunqoba Kwami okuphelele ngoba konke kubonakaliswa Kimi. Kulokhu, umuntu uyakwazi ukubona amandla Ami amakhulu negunya Lami. Akekho oyolokotha angicasule, futhi akekho oyolokotha angivimbe. Kimi, konke kwenziwa obala. Ngubani ongalokotha afihle noma yini? Ngiqinisekile ngokuthi ngeke ngimkhombise isihe lowo muntu! Izonakali ezinjalo kufanele zithole ukujezisa Kwami okunzima futhi inkucuza enjalo kufanele isuswe phambi kwamehlo Ami. Ngiyobabusa ngenduku yensimbi futhi ngiyosebenzisa igunya Lami ukubahlulela, ngaphandle kwesihe nesincane nangaphandle kokucabangela nakancane imizwa yabo, ngoba ngiwuNkulunkulu uqobo Lwakhe ongenamzwelo, onobukhosi futhi ongacasulwa. Bonke abantu kufanele bakuqonde futhi bakubone lokhu ukuze bagweme ukushaywa futhi babhujiswe Yimi “ngaphandle kwesisusa noma isizathu” ngoba induku Yami iyoshaya iwise bonke abangicasulayo. Anginandaba nokuthi bayazazi yini izinqumo Zami zokuphatha noma cha; lokho ngeke kusho lutho Kimi ngoba isiqu Sami asikwazi ukubekezelela ukucasulwa yinoma ngubani. Lesi yisizathu esenza kuthiwe ngiyibhubesi; noma ngubani engimthintayo, ngimshaya ngimwise. Yingakho kuthiwa manje kuwukuhlambalaza ukuthi nginguNkulunkulu wozwelo nomusa onothando. Ngokwangempela, angilona iwundlu kodwa ngiyibhubesi. Akekho ongalokotha angicasule; noma ubani ongicasulayo ngiyomjezisa ngokufa, ngokushesha nangaphandle kwesihe! Lokhu kwanele ukubonisa isimo Sami. Ngakho, enkathini yokugcina kuyohoxa iqembu labantu elikhulu, futhi lokhu kuyoba yinto okulukhuni kubantu ukuyibekezelela, kodwa Mina, ngikhululekile futhi ngijabulile, futhi angikuboni nhlobo lokhu njengomsebenzi olukhuni. Sinjalo isimo Sami.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 120” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 98)

Embusweni, izinto eziningi ezidaliwe ziqala ukuphinde zisebenze futhi ziphinde zithole amandla azo okuphila. Ngenxa yokuguquka kwezimo zomhlaba, imingcele phakathi kwamazwe nayo iqala ukuguquka. Ngangiphrofethile ngaphambili: Lapho izwe lihlukanisiwe kwelinye, futhi izwe lihlangana nelinye, leso kuyoba yisikhathi sokuba ngiphihlize izizwe zibe yizicucu. Ngalesi sikhathi, ngizovuselela yonke indalo futhi ngihlukanise kabusha imbulunga yonke, ngaleyo ndlela ngenze imbulunga ihleleke, ngenze isimo sayo esidala sibe sisha. Lolu uhlelo Lwami. Le yimisebenzi Yami. Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.

Njengoba izwi Lami liba namandla, ngibheke futhi nesimo somhlaba. Ngamazwi Ami, izinto eziningi ezidaliwe zenziwa zintsha. Izulu liyashintsha, nomhlaba uyaguquka. Isintu sivezwa esimweni saso sokuqala, futhi kancane kancane, ngakunye ngakunye ngokohlobo lwakho, abantu bazithola bebuyela esifubeni semindeni yabo bengaqapheli. Ngizojabula kakhulu ngalokhu. Anginakho ukonakala, futhi imisebenzi Yami emikhulu iyaphelela, yonke ngaphandle kokuqaphela, iningi lezinto ezidaliwe liyaguqulwa, zonke ngaphandle kokuqaphela. Lapho ngidala umhlaba, ngibeka zonke izinto ezinomumo ndawonye nezifana nazo. Njengoba ukuphela kohlelo Lwami lokuphatha lusondela, ngizobuyisela indalo esimweni sayo sokuqala, konke ngizokubuyisela endleleni okwakwenziwe ngayo ekuqaleni, ngiguqule konke ngezinga elikhulu, ukuze konke kubuyele esifubeni sohlelo Lwami. Isikhathi sesifikile! Isigaba sokugcina sohlelo Lwami sesizofezeka. Wena mhlaba omdala ongcolile! Ngokuqinisekile uzowela phansi kwamazwi Ami! Ngokuqinisekile uhlelo Lwami luzokwenza ize! Nina zinto eziningi ezidaliwe! Nonke nizothola ukuphila okusha emazwini Ami—nizoba neNkosi engumbusi! Wena mhlaba ohlanzekile nongenasici! Ngokuqinisekile uzosebenza ngenkazimulo Yami! Ntaba YaseZiyoni! Ungabe usathula! Ngibuye ngokunqoba! Phakathi kwendalo, ngihlolisisa wonke umhlaba. Emhlabeni, isintu sesiqale ukuphila okusha, sithole ithemba elisha. Bantu Bami! Kungenzeka kanjani ningaphili ekukhanyeni Kwami? Kungenzeka kanjani ningagxumagxumi ngenjabulo ngaphansi kokuqondisa Kwami? Amazwe amemeza ngenjabulo, amanzi ayachwaza ngokuhleka okumtoti. Israyeli ovusiwe! Kungenzeka kanjani ungaziqhenyi ngokugcotshwa Kwami kusengaphambili? Ngubani okhalile? Ngubani oklabalasile? U-Israyeli wangaphambili akasekho, u-Israyeli wanamuhla uvukile, wama waqonda futhi waphakama, emhlabeni, waphakama ezinhliziyweni zabo bonke abantu. Ngokuqinisekile u-Israyeli wanamuhla uyothola umthombo wokuphila ngabantu Bami! Gibhithe elinenzondo! Ngokuqinisekile awusamelene Nami? Ungazuza kanjani ngomusa Wami futhi uzame ukubalekela kokusola Kwami? Kungani ungephile ngaphakathi kokusola kwami? Bonke labo engibathandayo impela bazophila ingunaphakade, bese bonke labo abamelana nami bazosolwa Yimi impela kuze kube phakade. Ngoba nginguNkulunkulu onomhawu, ngeke ngibayeke kalula abantu ngakho konke abakwenzile. Ngizowuqapha wonke umhlaba, futhi, ngiqhamuka eMpumalanga yomhlaba nokulunga, ubukhosi, ulaka nokusola, ngizozibonakalisa ezihlweleni zabantu!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 26” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukubonakala KukaNkulunkulu Nomsebenzi Wakhe

Okulandelayo: Ukuba Sesimweni Somuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp