Ukudalula Ukukhohlakala Kwesintu 1

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 300)

Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe—ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi. Ngisho nanamuhla, umuntu usamkhaphela uNkulunkulu: Lapho umuntu ebona uNkulunkulu uyamkhaphela, futhi noma engamboni uNkulunkulu nalapho futhi uyamkhaphela. Kukhona nalabo abathe sebebone iziqalekiso nolaka lukaNkulunkulu kodwa balokhu bemkhaphela. Ngakho ngithi umqondo womuntu ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni nonembenza wakhe ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni. Umuntu engimbukayo yisilwane esigqoke izingubo zomuntu, uyinyoka enobuthi, noma ezama kangakanani ukuvela edabukisa emehlweni Ami, angeke ngize ngibe nomusa kuye, ngoba umuntu akawutholi umehluko phakathi kokumnyama nokumhlophe, noma umehluko phakathi kweqiniso nokungelona iqiniso. Umqondo womuntu unqindekile, kodwa usafisa ukuthola izibusiso; ubuntu bakhe abuthembeki kodwa usafisa ukuba nobukhosi benkosi. Angaba yinkosi kabani, ngomqondo onjalo? Angenza kanjani, ngobuntu obunjalo ukuthi ahlale phezu kwesihlalo sobukhosi? Umuntu ngempela akanamahloni! Ungumuntu omubi kakhulu! Kulabo phakathi kwenu abafisa ukuthola izibusiso, ngiphakamisa ukuthi niqale ngokuthola isibuko nibheke ububi benu—ngabe ufanele ukuba yinkosi? Unabo ubuso balowo ongahle azuze izibusiso? Akukaze kube ngisho noluncane uguquko esimweni sakho futhi awukaze usebenzise nalinye iqiniso kodwa ufisa ukuba nekusasa elihle. Uyazikhohlisa! Uzalelwe ezweni elingcole kangaka, umuntu yilokhu ehangulwe umphakathi, uthonywe yinkambiso endala, futhi ufundiswe “ezikhungweni zemfundo ephakeme”. Ukucabangela emuva, ukuziphatha okubi, ukubuka kabi impilo, indlela yokuphila enyanyekayo, ukuphila okungenamsebenzi, indlela yokuphila namasiko onakele—zonke lezi zinto zibe nemingenela enzima enhliziyweni yomuntu zabukela phasi futhi zahlasela unembenza wakhe. Ngalokho—ke umuntu uselokhu eqhele kakhulu kuNkulunkulu, futhi ulokhu ephikisana Naye. Isimo somuntu siba sibi kakhulu usuku nosuku kanti akekho namunye umuntu onganikela ngokuzithandela noma yini kuNkulunkulu, namunye ongalalela uNkulunkulu ngokuthanda, nangaphezu kwalokho akekho namunye ongafuna ngokuzimisela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kunalokho, ngaphansi kwendawo ebuswa nguSathane, umuntu akenzi lutho kodwa ulwela injabulo, ezinikela enkohlakalweni yenyama ezweni lodaka. Ngisho noma bezwa iqiniso labo abahlala ebumnyameni abangacabangi ukulenza noma ukuthambekela ekufuneni uNkulunkulu noma ngabe babone ukubonakala Kwakhe. Abantu abonakele kangaka bangaba kanjani nethuba lokusindiswa? Bangahlala kanjani abantu abonakele ekukhanyeni na?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 301)

Isimo esonakele somuntu sisuka ekufakelweni ubuthi nokunyathelwa nguSathane, ekulinyazweni okumangalisayo nguSathane emicabangweni, ekuziphatheni, ekuboneni, nasemqondweni wakhe. Kungenxa kanye yokuthi lezi zinto zomuntu eziyisisekelo zoniwe uSathane, futhi azifani nendlela uNkulunkulu azidala ngayo ekuqaleni, ukuthi umuntu aphikisane noNkulunkulu angaliqondi iqiniso. Ngalokho, izinguquko esimweni somuntu kufanele ziqale ngezinguquko ekucabangeni, olwazini nasemqondweni wakhe okuyoguqula ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu nolwazi lwakhe lweqiniso. Labo abazalelwe ezweni elonakele kakhulu ukwedlula onke abanaki kakhulu lokho uNkulunkulu ayikho, noma ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu. Lapho abantu bekhohlakele kakhulu, kuyancipha ukwazi kwabo ubukhona bukaNkulunkulu, kuncipha nomqondo nokubona kwabo. Umthombo wokuphikisa nokuhlubuka kwabantu kuNkulunkulu ukonakaliswa uSathane. Ngenxa yokuthi umuntu woniwe uSathane, unembeza wakhe usundikindiki, uziphetheka kabi, imicabango yakhe yedlulele futhi isimo sengqondo yakhe sonakele. Ngaphambi kokuba oniwe nguSathane, umuntu wayelandela uNkulunkulu futhi elalela amazwi Akhe emva kokuwezwa. Wayesemqondo omuhle futhi enonembeza omuhle, futhi enobuntu obuvamile. Ngenxa yokoniwa uSathane, umqondo, unembeza nobuntu bomuntu obuhle bonakala futhi konakaliswa uSathane. Ngakho walahla ukulalela nokuthanda kwakhe uNkulunkulu. Isimo sakhe sesifana nesesilwane, kanti ukuhlubuka kwakhe uNkulunkulu kwenzeka kaningi futhi kuyadabukisa kodwa umuntu uselokhu engazi futhi engakuboni lokhu futhi ulokhu ephikisa ngobumpumputhe elokhu ehlubuka. Ukwembula isimo somuntu ukusho umqondo wakhe, umbono nonembeza futhi ngenxa yokuthi umqondo nombono wakhe akulungile, nonembeza wakhe uvele waba buthuntu kakhulu, ngakho isimo sakhe sihlubuka uNkulunkulu. Uma umqondo womuntu nombono kungeke kuguquke, ngakho izinguquko esimweni sakhe ngeke zibe khona-ke, njengokulandela inhliziyo kaNkulunkulu. Uma umqondo womuntu ungalungile, ngalokho angeke akwazi ukusebenzela uNkulunkulu futhi akakulungele ukusetsheziswa nguNkulunkulu. “Umqondo ovamile” usho ukulalela nokuthembeka kuNkulunkulu, ukulangazela uNkulunkulu, ukuba kuNkulunkulu ngokuphelele, nokuba nonembeza kuNkulunkulu. Kusho ukuba nenhliziyo eyodwa nengqondo eyodwa kuNkulunkulu ungamphikisi ngabomu uNkulunkulu. Labo abanomqondo ophambukile abanje. Selokhu umuntu oniwa uSathane uveze imicabango ngoNkulunkulu futhi akabanga nokwethembeka noma ukulangazelela uNkulunkulu kungashiwo lutho ngonembeza kuNkulunkulu. Umuntu uphikisa ahlulele uNkulunkulu ngabomu, ngaphezu kwalokho ajikijele inhlamba Kuyena ngenkathi esafulathele. Umuntu wazi kahle ukuthi unguNkulunkulu kodwa usamehlulela efulathele, akazimisele ukumlalela kodwa uselokhu enza izimfuno nezicelo ezinobumpumputhe kuNkulunkulu. Abantu abanjalo—Abantu abanomqondo ophambukile—abakwazi ukwazi isimo sabo esinyanyekayo noma ukuzisola ngokuhlubuka kwabo. Uma abantu benakho ukuzazi ngokwabo, kuzobe sebabuyelwe umqonjwana omncane; ngokuvama kokuhlubuka kuNkulunkulu kodwa bengazazi, kuvama umqondo ongalungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 302)

Umthombo wokwembula isimo somuntu esonakele awulutho ngaphandle kukanembeza wakhe obuthuntu, ububi bemvelo yakhe nomqondo wakhe ongalungile, ukuba unembeza womuntu nomqondo wakhe kuyakwazi ukubuyela esimweni esijwayelekile, uzokulungela-ke ukusetshenziswa phambi kukaNkulunkulu. Kungenxa yokuthi, unembeza womuntu ulokhu undikindiki, umqondo womuntu awukaze ulunge futhi uyaqhubeka ngokuba buthuntu okwenza umuntu aqhubeke nokuhlubuka uNkulunkulu, okwenza waze wabethela uJesu esiphambaweni futhi wenqabela uNkulunkulu osesimweni somuntu ukuba angene ekhaya lakhe, futhi ulahla inyama kaNkulunkulu, futhi abone inyama kaNkulunkulu iphansi. Ukuba umuntu ubenobuntu nje obuncane, ubengeke akhohlakale kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu, uma ngabe ubesenomqonjwana nje ubengeke abe mubi kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu; uma ngabe usenaye unembeza omncane ubengeke “abonge” uNkulunkulu osesimweni somuntu ngale ndlela. Umuntu uphila ngesikhathi lapho uNkulunkulu eba yinyama kodwa akakwazi ukumbonga uNkulunkulu ngokumnikeza ithuba elihle kangaka, kunalokho uqalekisa ukuza kukaNkulunkulu noma azibe nje impela iqiniso lokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu futhi ubukeka ephikisana naso futhi ekhathele yiso. Kungakhathalekile ukuthi umuntu ukuthatha kanjani ukuza kukaNkulunkulu, uNkulunkulu, ngamafuphi, ubesalokhu eqhubeka ngesineke ngomsebenzi wakhe—yize umuntu engakhombisanga ngisho nokuncane ukwamukela kuye, ngobumpumputhe enza izicelo Kuye. Isimo somuntu sesibe sibi kakhulu, umqondo wakhe usubuthuntu ngokwedlulele kanti unembeza wakhe unyathelwe waphela ngomubi kanti kudala wagcina ukuba unembeza womuntu ojwayelekile. Umuntu akabongi kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu ngokumnikeza impilo nomusa ongaka, kodwa ubuye wacasulwa uNkulunkulu ngokumnikeza iqiniso; yingoba umuntu akanayo nencane intshisekelo eqinisweni okwenza azonde uNkulunkulu. Akukhona kuphela ukuthi umuntu akakwazi ukunikela ngempilo yakhe kuNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela kodwa ubuye azame ukuthola usizo Kuye, afune inzuzo ephindwe kaningi kakhulu kunalokhu umuntu akunikele kuNkulunkulu. Abantu abanonembeza nomqondo onjalo bacabanga ukuthi konke lokhu akulona udaba olukhulu, babuye bakholwe ukuthi bangazikhandla kakhulu ngenxa kaNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ubaphe okuncane kakhulu. Kukhona abantu okuthi, benginikeze isitsha samanzi, belule izandla bafune ngibakhokhele ngokwezitsha ezimbili zobisi, noma banginikeza igumbi lokulala ubusuku obubodwa kodwa bazama ukungikhokhisa kaningi imali yendawo. Ngobuntu obunje nonembeza onje, ungafisa kanjani ukuthi uqhubeke uzuze impilo? Naze naba yizihlupheki eziyihlazo! Kungenxa yalobu buntu nonembeza womuntu ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu uzula ezweni lonke, engayitholi indawo yokukhosela. Labo abasenawo ngempela unembeza nobuntu kufanele bakhonze futhi bamsebenzele ngezinhliziyo zabo eziphelele uNkulunkulu osesimweni somuntu hhayi ngenxa yomsebenzi awenzile, kodwa noma ngabe ubengezukwenza msebenzi nhlobo. Nakhu okufanele kwenziwe yilabo abanomqondo ophusile, futhi kungumsebenzi womuntu. Abantu abaningi baze bakhulume nangemibandela ekusebenzeleni uNkulunkulu: Abanandaba noma unguNkulunkulu noma ungumuntu, bakhuluma ngeyabo nje imibandela, futhi bafuna ukwanelisa izifiso zabo kuphela. Uma ningiphekela, nifuna ukukhokhelwa imali yomsebenzi, uma ungigijimela, ufuna imali yokugijima, uma ungisebenzela ufuna imali yokusebenza, uma uhlanza izingubo Zami, ufuna imali yokuhlanza izingubo, uma uhlinzeka ibandla ufuna ukubuyiselwa izindleko, uma uba yisikhulumi ufuna imali yokukhuluma, uma uphana ngezincwadi ufuna imali yokuzisabalalisa, kanti uma ubhala ufuna imali yokubhala. Labo engike ngasebenza nabo baze bafune nesinxephezelo Kimi, kuthi labo abathunyelwe ekhaya bafune izinxephezelo ngenxa yomonakalo wegama labo; labo abangashadile babize ilobolo, noma isinxephezelo sokulahlekelwa ubusha babo, labo ababulala inkukhu bafuna imali yomhlabi, labo abathosa ukudla bafuna imali yokuthosa, nalabo abenza umhluzi bafuna ukukhokhelwa ngalokho, futhi…. Lobu ngubuntu benu obuqhoshayo nobunamandla, futhi lezi yizenzo ezishiwo unembeza wenu ophilayo. Uphi umqondo wenu? Buphi ubuntu benu? Ake nginitshele! Uma niqhubeka kanje, ngizoyeka ukusebenza phakathi kwenu. Angeke ngisebenze phakathi komhlambi wezilwane ezigqoke izingubo zabantu, angeke ngihluphekele iqembu labantu abanje ubuso babo obuhle obufihle inhliziyo elukhuni, angeke ngibekezelele umhlambi onje wezilwane ezingenalo nelincane ithemba lokusindiswa. Mhla nginifulathela kuzoba yilolo suku enizofa ngalo, kuzoba usuku lapho nizokwembozwa khona ubumnyama, usuku lapho nizoshiywa khona ukukhanya! Ake nginitshele! Angisoze ngibe nobubele eqenjini elifana nelenu, iqembu elisezingeni eliphansi ngisho nakwelezilwane! Kunemikhawulo emazwini nasezenzweni Zami, futhi ngobuntu nangonembeza benu njengoba kunjalo, angisezukwenza msebenzi ngoba nintula kakhulu uma kuza kunembeza, ningizwise ubuhlungu obukhulu, futhi ukuziphatha kwenu okungcolile, kunginyanyisa kakhulu. Abantu abantula kangaka ubuntu nonembeza ngeke babe nethuba lensindiso; ngeke ngize ngisindise abantu abangenazinhliziyo nabangabongiyo. Uma usuku Lwami lufika, ngizokwehlisa imvula Yami yamalangabi alavuzayo kuze kube phakade kubo bonke abantwana bokungalaleli abake basusa ulaka Lwami oluvuthayo, ngizokhipha isijeziso Sami saphakade kulezo zilwane ezike zaphonsa inhlamba Kimi zangishiya, ngizoshisa unomphelo ngemililo yentukuthelo Yami amadodana okungalaleli, lawo ake adla futhi aphila Nami kodwa angakholwa Kimi, angethuka futhi angikhaphela. Ngizojezisa bonke labo abangithukuthelisa, ngizokwehlisa intukuthelo Yami yonke phezu kwalezo zilwane ezike zafisa ukuma eduze Nami njengezilingana Nami kodwa zangangikhonza noma zingilalele; induku engishaya ngayo umuntu izowela phezu kwalezo zilwane ezike zajabulela ukunakekelwa Yimi nezimfihlo ebengizikhuluma, ezazama ukuthatha injabulo yezinto Kimi. Ngeke ngixolele muntu ozama ukuthatha indawo Yami; Ngeke ngishiye namunye ozama ukuzuza ukudla noma impahla Kimina. Okwamanje, niphephile ekulimaleni futhi niyaqhubeka niba ngamaqili ezintweni enizifuna Kimi. Mhla usuku lolaka lufika ngeke nisenza zimfuno Kimi; ngaleso sikhathi, ngizokuvumela “uzijabulele” wenelise inhliziyo yakho, ngizophoqelela ubuso bakho emhlabeni, ngeke usakwazi ukubuye usukume futhi! Masinya, nje, “ngizokhokha” lesi sikweletu—futhi ngiyethemba uzolindela ngokubekezela ukufika kwalolu suku.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 303)

Umuntu uyehluleka ukuzuza uNkulunkulu hhayi ngoba uNkulunkulu enomuzwa, noma, ngenxa yokuthi uNkulunkulu akazimiselanga ukuzuzwa ngumuntu, kodwa ngoba umuntu akafuni ukuzuza uNkulunkulu, futhi ngoba umuntu akamfuni ngokushesha uNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuthi omunye walaba abafuna uNkulunkulu ngempela aqalekiswe nguNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi omunye walaba abanomqondo ophusile nonembeza ozwayo aqalekiswe nguNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo okhonza ngeqiniso esebenzela uNkulunkulu ashiswe umlilo wolaka Lwakhe? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ojabulela ukulalela uNkulunkulu akhishelwe ngaphandle kwendlu kaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ongakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwanele ahlale esijezisweni sikaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ojabulele ukuyekelela konke kuNkulunkulu asale engenalutho? Umuntu akazimisele ukufuna uNkulunkulu, akazimisele ukuchithela uNkulunkulu impahla yakhe, futhi akazimisele ukunikela umzamo wempilo yakhe yonke kuNkulunkulu, kunalokho uthi uNkulunkulu usegamenxe kakhulu, ukuthi okuningi ngoNkulunkulu kuyangqubuzana nokomqondo womuntu. Ngobuntu obunje, noma ngabe beningagudluki emizamweni yenu beningasoze nizuze ukuvunywa nguNkulunkulu kungasashiwo lutho ngokuthi animfuni uNkulunkulu. Anazi yini ukuthi niyimpahla yesintu enamaphutha? Anazi yini ukuthi abukho ubuntu obuphansi ukwedlula obenu? Anazi yini ukuthi siyini “isikhundla senu sokuhlonishwa”? Labo abathanda uNkulunkulu ngempela bakubiza ngoyise wempisi, unina wempisi, indodana yempisi, umzukulu wempisi; uyisizukulwane sempisi, umuntu wempisi, futhi kufanele uzazi ukuthi ungubani ungabuye ukhohlwe. Ungacabangi ukuthi ungumuntu omkhulu: Niyiqembu elikhohlakele kakhulu labangebona abantu phakathi kwabantu. Awukwazi lokhu? Uyazi ukuthi bengizifake kwengakanani ingozi ngokusebenza phakathi kwenu? Uma ngabe umqondo wakho awusoze wabuyela kojwayelekile, nonembeza wakho ungasebenzi ngokujwayelekile, awusoze wakhululeka-ke egameni “lempisi” ngeke usinde osukwini lwesiqalekiso, ngeke usinde osukwini lwesijeziso sakho. Uzalwe umncane, into engenamsebenzi. Nifana nenqwaba yezimpisi ezilambile, inqwaba yemfucuza nodoti, futhi, angifani nani, angisebenzi kini ukuze ngithole ukusizakala kodwa ngenxa yesidingo somsebenzi. Uma niqhubeka nihlubuka ngale ndlela, ngizomisa umsebenzi Wami, ngingaphinde ngisebenze kinina futhi; okwehlukile, ngizodlulisela umsebenzi Wami kwelinye iqembu elingijabulisayo, bese ngale ndlela, nginishiya unomphelo, ngoba angizimisele ukubheka labo abayizitha Kimi. Ngalokho-ke, niyafisa ukufanelana Nami, noma ukuba nobutha Kimi?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 304)

Bonke abantu bafisa ukubona ubuso bukaJesu bangempela futhi bafisa ukuba Naye. Ngikholwa ukuthi akukho namunye kubafowethu noma odadewethu ongathi akazimisele ukumbona noma ukuhlala noJesu. Ngaphambili kokuthi umbone uJesu, okungukuthi, ngaphambili kokubona uNkulunkulu osesimweni somuntu, uyoba nemicabango eminingi, isibonelo nje, mayelana nokubukeka kukaJesu, indlela akhuluma ngayo, indlela Yakhe yokuphila, njalo njalo. Kodwa-ke, uma sekwenzeka umbona, imicabango yakho iyoshesha ukuguquka. Kungani lokhu? Uyafisa ukwazi? Lapho ukucabanga komuntu kungeke impela kwabukelwa phansi, akubekezeleleki kakhulu ukuba umuntu aguqule ingqikithi kaKristu. Nibuka uKristu njengesidalwa esingenakufa, isazi, kodwa akekho noyedwa ombuka uKristu njengomuntu ojwayelekile onengqikithi yobunkulunkuku. Ngakho-ke, iningi lalabo abalangazelela ubusuku nemini ukubona uNkulunkulu yibona kanye abayizitha zikaNkulunkulu futhi abangahambisani noNkulunkulu. Ingabe lokhu akukhona ukungalungi ngasohlangothini lomuntu? Ngisho namanje nisacabanga ukuthi ukukholwa kwenu kanye nokwethembeka kunenza nifaneleke ukuba nibone ubuso bukaKristu, kodwa ngiyaninxusa ukuba nizihlomise ngezinto eziningi eziphathekayo! Ngoba esikhathini esedlule, namanje, nangesikhathi esizayo, iningi lalabo abaxhumana noKristu bahlulekile; bonke badlala indawo yabaFarisi. Ingabe iyini imbangela yokwehluleka kwenu? Isizathu esiyiso yingoba emicabangweni yenu kukhona uNkulunkulu ophakemeyo othandekayo. Kodwa iqiniso alifani nokufisa komuntu. Akukhona ukuthi uKristu akaphakeme kuphela, kepha muncanyana impela; akukhona ukuthi ungumuntu kuphela kepha ungumuntu ojwayelekile; akukhona ukuthi akakwazi ukwenyukela ezulwini, nokuthi akakwazi ukuhamba ngokukhululeka emhlabeni. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomuntu ojwayelekile; bamthatha kalula lapho benaye futhi bakhulume ngokunganaki Kuye, sonke isikhathi belokhu belinde ukubuya “kukaKristu weqiniso.” Nibuka uKristu lo osewafika njengomuntu ojwayelekile nezwi Lakhe linjengelomuntu ojwayelekile. Ngakho-ke, anizange nithole lutho kuKristu kunalokho niveze ngokuphelele ububi benu ekukhanyeni.

Ngaphambi kokuxhumana noKristu, ungacabanga ukuthi isimo sakho sesiguqulwe sonke, ungakholwa ukuthi ungumlandeli othembekile kaKristu, futhi ungakholwa ukuthi ungofanelekile ukwamukela izibusiso zikaKristu. Ngoba sewuhambe imigwaqo eminingi, wenza imisebenzi eminingi, wabuye wathela izithelo, ngakho kufanele ube ngumuntu owamukeliswa umqhele ekugcineni. Kepha kukhona iqiniso elilodwa ongase ungalazi: Isimo senkohlakalo nesokuhlubuka kanye nokuphikisa komuntu kugqama ngenkathi ebona uKristu, kanti ukuhlubuka nokuphikisana okuvela kuleso sikhathi yikho kanye okuphelele kunokunye. Yingenxa yokuba uKristu uyiNdodana yomuntu futhi unobuntu obejwayelekile okwenza umuntu angamtusi futhi angamhloniphi. Yingenxa yokuthi uNkulunkulu uphila enyameni okwenza ukuhlubuka komuntu kuvele ekukhanyeni ngokuphelele nangokugqamile. Ngakho ngithi ukufika kukaKristu kuveze obala konke ukuhlubuka kwesintu kwaveza imvelo yesintu obala. Lokhu kubizwa ngokuthi “ukulutha ingwe uyehlise entabeni” kanye “nokulutha impisi ukuba iphume emgedeni.” Ningasho yini ukuthi nethembekile kuNkulunkulu? Ningasho yini ukuthi nikhombisa ukumlalela okugcwele uNkulunkulu? Ningasho yini ukuthi animvukeli? Abanye bazothi: Sonke isikhathi lapho uNkulunkulu engenzela isimo esingizungezile, ngihlala ngimlalela futhi angikaze ngikhononde. Ngaphezu kwalokho, anginayo imicabango ngoNkulunkulu. Abanye bayothi: Yonke imisebenzi uNkulunkulu anginikeze yona, ngiyenza ngokusemandleni wonke enginawo futhi angenzi ngokunganaki. Manje nginibuza lokhu: Ningahambisana yini noKristu uma nihlala ndawonye Naye? Futhi niyohambisana naye isikhathi esingakanani? Usuku olulodwa? Izinsuku ezimbili? Ihora elilodwa? Amahora amabili? Ukholo lwakho impela luyancomeka, kepha awunakho ukubambelela ngokuqinile. Uma usuhlala noKristu ngokweqiniso, ukuzishaya isifuba ngokulunga kwakho kanye nokuzibona ubalulekile kuyoqala ukuvela kancane ngamazwi kanye nezenzo zakho, kancane kancane, ngakho-ke ukulangazelela kwakho nokwedlulele nokungalaleli, isimo sakho somqondo sokungalaleli kanye nokungagculiseki kuyozivelela ngokwakho. Ekugcineni, ukuzithwala kwakho kuyoya ngokugqama kakhulu, futhi lapho uyoba nokungahambisani noKristu njengamanzi nomlilo, ilapho imvelo yakho iyohlala obala ngokugcwele. Ngaleso sikhathi, imicabango yenu iyobe ingasafihlekile. Ukukhononda kwenu, nakho, kuyohlala obala ngokwako, kanye nobuntu benu obuyihlazo buyovela obala ngokuphelele. Nakuba kunjalo, niyaqhubeka nokuphika ukuhlubuka. Futhi nikholwa ekutheni uKristu onjengalo akulula ukumamukela futhi unesandla esiqinile kumuntu, nokuthi beningakwazi ukuzinikezela ngokuphelele ukuba ubenguKristu owehlukile, onomusa. Nikholwa ukuthi kunesizathu sokuhlubuka, nokuthi nihlubuka ngenkathi uKristu esenicasule kwaze kwafika ezingeni elithize. Anizange nikuqonde ukuthi anibuki uKristu njengoNkulunkulu, noma aninayo inhloso yokumlalela. Kunalokho, ngamakhanda enu alukhuni nigcizelela ukuthi uKristu enze umsebenzi njengokusho kwezingqondo zenu, futhi kunoma yimuphi umsebenzi ongenziwanga kanjalo, ukholwa ukuthi akayena uNkulunkulu kodwa ungumuntu. Ababaningi yini lapha phakathi kwenu abaphikisana Naye ngale ndlela? Ngubani lo enikholwa kuye? Futhi nifuna kanjani?

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 305)

Sonke isikhathi nihlale nifuna ukubona uKristu, kepha ngiyaninxusa ukuba ningazikhukhumezi kanjalo; wonke umuntu angambona uKristu, kodwa ngithi akekho okulungele ukubona uKristu. Ngenxa yemvelo yomuntu egcwele ububi, ukuzikhukhumeza, kanye nokuhlubuka, uma ubona uKristu, imvelo yakho iyokona futhi ikugwebele ekufeni. Ubudlelwano bakho nomfowenu (noma udadewenu) bungase bungakhombisi okuningi ngawe, kodwa akulula kanjalo uma uzihlanganisa noKristu. Noma ngasiphi isikhathi, imibono yakho ingazimelela ibe nezimpande, ukuzikhukhumeza kwakho kuhlume, nokuhlubuka kwakho kuthele amakhiwane. Kungenzeka kanjani ukuthi wena onobuntu obunjena ulungele ukuzihlanganisa noKristu? Ingabe uzokwazi ukumthatha ngokweqiniso njengoNkulunkulu sonke isikhathi sosuku? Ingabe uyoba nakho yini ukumlalela uNkulunkulu ngokweqiniso? Nikhonza uNkulunkulu ophakemeyo ezinhliziyweni zenu njengoJehova kodwa nibuke uKristu obonakalayo njengomuntu. Umqondo wenu umncane kakhulu nobuntu benu buphansi kakhulu! Anikwazi ukubuka uKristu njengoNkulunkulu njalo njalo; kunalokho, nivele nimdonse kalula nimkhonze njengoNkulunkulu uma nizizwa nithanda. Yingakho ngithi aniwona amakholwa kaNkulunkulu, kodwa ningabahlanganyeli bobubi nalabo abalwa noKristu. Ngisho labo bantu abakhombisa ukulunga kwabanye bayakhokhelwa, kepha uKristu, owenza umsebenzi onjalo phakathi kwenu, akaze athole uthando noma ukukhokhelwa nokuthotshelwa. Ingabe lokhu akusiyo yini into edabukisa inhliziyo?

Kungenzeka ukuthi kuyo yonke le minyaka yokukholwa kuNkulunkulu, anikaze nithuke muntu noma nenze izenzo ezimbi, kodwa ekuzihlanganiseni noKristu, anikwazi ukukhuluma iqiniso, nenze ngokweqiniso, noma nilalele izwi likaKristu; ngakho ngithi ningabakhohlisi futhi nabadukisi abakhulu emhlabeni. Uma nilungile futhi nithembekile ikakhulukazi ezihlotsheni zenu, kubangani benu, emakhosikzini (noma kubayeni), emadodaneni kanye namadodakazi, nakubazali, futhi ningasizakali ngabanye, kepha ningakwazi ukuhambisana futhi nibe nokuthula noKristu, ngisho noma nithumela konke okwenu ukuyolekelela omakhelwane benu noma ninakekele oyihlo, onyoko, kanye nemizi yenu, Mina ngisathi nikhohlakele, ningamaqili futhi. Ningacabangi ukuthi nihambisana noKristu ngoba nje nikwazi ukuphila nabanye noma nenza izenzo ezinhle ezimbalwa. Niyakholwa yini ukuthi ukulunga kwenu kungantshontsha isibusiso saseZulwini? Nicabanga ukuthi izenzo zenu ezinhle zithatha indawo yokulalela kwenu? Akukho namunye ongemukela ukubhekana kanye nokuthenwa, futhi nonke nikuthola kulukhuni ukwamukela ubuntu obujwayelekile bukaKristu, kodwa nibe nithi niyamlalela uNkulunkulu. Ukukholwa okufana nokwenu kuyonilethela impindiselo enifanele. Yekani ukuziphatha ngokuzikhohlisa okunamanga okuyize nibe nokufisa ukubona uKristu, ngokuba nibancane kakhulu ngesiqu, ngendlela yokuthi anifanele nokumbona. Uma senisuse ukuhlubuka kwenu ngokuphelele, futhi nikwazi ukuba noxolo noKristu, uNkulunkulu uyobe eseziveza ngokwakhe kini Uma uhamba uyobona uNkulunkulu ngaphandle kokuba usudlule ekuthenweni noma ukwahlulelwa, noma kanjani uyoba yisitha sikaNkulunkulu futhi uyobe usuhlelelwe ukucekelwa phansi. Imvelo yomuntu ngokwayo inobutha noNkulunkulu, ngokuba bonke abantu bonakaliswe nguSathane ngokuphelele. Ayikho into enhle engaphuma kumuntu okhohlakele ozozihlanganisa noNkulunkulu. Zonke izenzo namazwi omuntu nakanjani ayokuveza obala ukukhohlakala kwakhe; futhi uma ezihlanganisa noNkulunkulu, ukuhlubuka kwakhe kuyovela obala kuzo zonke izingxenye. Umuntu ube ngokungazi esephikisana noKristu, amkhohlise uKristu, futhi amphike uKristu; lapho umuntu uyoba sesimweni esiyingozi kakhulu. Uma ngabe kuqhubeka,uyobe eseba ngofanele ukujeziswa.

Abanye bangakholwa ukuthi uma ukuzihlanganisa noNkulunkulu kuyingozi enkulu, ngakho, kuyoba ukuhlakanipha ukuqhelelana noNkulunkulu. Yini-ke, abantu abanjalo abangayithola? Bangathembeka kuNkulunkulu? Impela, ukuzihlanganisa noNkulunkulu kunzima kakhulu, kodwa lokhu kunje ngenxa yomuntu okhohlakele hhayi ngoba uNkulunkulu akakwazi ukuzihlanganisa nomuntu. Kungabangcono kuwe ukuba uzinikele ukwenza umzamo omkhudlwana eqinisweni lokuzazi wena qobo. Kungani ungakaze uwuthole umusa kuNkulunkulu? Kungani isimo sakho sinengeka Kuye? Kungani amazwi akho ezondeka Kuye? Niyazincoma ngokwethembeka okuncane kanti futhi nifuna ukuklonyeliswa ngokuzinikela kwenu okuncane; nibukela phansi abanye uma nikhombisa ukulalela okuncane, futhi niyamdelela uNkulunkulu emva kokwenza imisebenzana ewubala. Nifisa ingcebo, nezipho nokutuswa ngokwamukela uNkulunkulu. Izinhliziyo zenu ziyaqaqamba uma nje nike nanikela ngohlamvu lwemali olulodwa noma ezimbili; uma unikele ngezilishumi, nifisa ukuthola izibusiso kanye nokuba nehluke kwabanye. Ubuntu obunjengalobu benu buyacasula ngempela ukukhuluma ngabo noma ukuzwa ngabo. Yini nje efanele ukunconywa emazwini enu nezenzo zenu? Labo abenza umsebenzi wabo kanye nalabo abangawenzi; labo abaholayo nalabo abalandelayo; labo abemukela uNkulunkulu nabangamemukeli; labo abaphayo nalabo abangaphi; labo abashumayelayo nabemukela izwi, njalo njalo; bonke abantu abanjalo bazincoma bona. Anikutholi lokhu kuhlekisa? Ngineqiniso niyazi ukuthi nikholwa kuNkulunkulu, kodwa anikwazi ukuhambisana noNkulunkulu. Nazi kahle kakhulu ukuthi anifanelekile ngokuphelele, niyaqhubeka nokuzikhukhumeza. Anizizwa ukuthi imiqondo yenu isifike lapho isiphelelwe ngamandla okuzilawula? Kungenzeka kanjani ukuthi nina nemiqondo enjalo nizibone nifanele ukuhlangana noNkulunkulu? Ingabe manje anesabeli izimpilo zenu? Isimo senu sesivele sama ngendlela yokuthi ngeke nihambisane noNkulunkulu. Ingabe ukholo lwenu alunabo ubuthutha obumangalisayo? Ingabe ukholo lwenu alunangqondo? Uzobhekana kanjani nekusasa lakho? Uyoyikhetha kanjani indlela oyohamba ngayo?

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 306)

Ngikhulume amazwi amaningi, futhi ngiyishilo intando Yami nesimo Sami, kodwa noma kunjalo, abantu abakakwazi ukungazi nokukholelwa Kimi. Noma kungathiwa abakakwazi ukungilalela. Labo abaphila eBhayibhelini, labo abaphila ngaphansi kwemithetho, labo abaphila esiphambanweni, labo abaphila ngezimfundiso, labo abaphila emsebenzini engiwenzayo namuhla—ibaphi phakathi kwabo abafanelana Nami? Ucabanga kuphela ukuthola izibusiso nemiklomelo, awukaze ucabange ngokuthi ungafanelana kanjani Nami, noma ucabange ngokuthi ungazivikela kanjani ukuthi ungabi yisitha Sami. Ngiphoxeke kakhulu ngawe, ngoba ngikunikeze okuningi kodwa ngizuze okuncanyana kuwena. Ukukhohlisa kwakho, ukuzidla kwakho, umhobholo wakho, izifiso zakho ezinkulu, ukungathembeki kwakho, ukungalaleli kwakho—yikuphi kulokhu engingekubone? Ukumbandaza kwenu Kimi, ningenza isiwula, niyangethuka, niyangikhohlisa, ningithwalisa ubunzima, futhi ningiphanga imihlatshelo—kungenzeka kanjani ukuthi lokhu okulimaza kangaka kuphunyuke ekujeziseni Kwami? Ukwenza kwakho ububi kuwubufakazi bobutha bakho Kimi, nokungafanelani Nami. Omunye nomunye wenu ukholelwa ukuthi ufanelana kahle Nami, kodwa uma ngabe kunjalo, manje lobu bufakazi obungephikiswe busebenza kubani? Nikholwa ukuthi niqotho futhi nithembeke kakhulu Kimi. Nicabanga ukuthi nilunge kakhulu, ninozwela, futhi nizinikele kakhulu Kimi. Nicabanga ukuthi ningenzele okwanele. Kodwa nike naqhathanisa lezi zinkolelo nokuziphatha kwenu? Ngithi niyazidla kakhulu, nigcwele umhobolo, nibudedengu kakhulu, amaqhinga eningikhohlisa ngawo anobuqili, kanti ninezinhloso nezindlela eziyihlazo eziningi. Ukuthembeka kwenu kuncane, ubuqotho benu abunamsebenzi, kanti unembeza wenu wona untula kakhulu. Kunobubi obuningi ezinhliziyweni zenu, futhi akekho osindayo ebubini benu, ngisho Nami uqobo. Ningivalela ngaphandle ngenxa yezingane zenu, noma abayeni benu, noma ukuze nizigcine nina. Kunokuthi ningikhathalele, nikhathalela imindeni yenu, izingane zenu, izikhundla zenu, ikusasa lenu nokwaneliseka kwenu. Nike nangicabanga nini ezinkulumweni nasezenzweni zenu? Uma kubanda, imicabango yenu iya ezinganeni zenu, kubayeni benu, kumakhosikazi enu nabazali benu. Uma kushisa, angikho nokuba khona emicabangweni yenu futhi. Uma wenza umsebenzi wakho, ucabanga ngezinto ezithandwa nguwe, ukuphepha kwakho, kwamalungu omndeni wakho. Ungenzeleni Mina? Uke wacabanga nje Ngami? Uke wazinikela nini Kimi, nasemsebenzini Wami noma kukusiphi isimo? Bukuphi ubufakazi bakho bokufanelana Nami? Kukuphi ukuthembeka ngeqiniso kwakho Kimi? Liphi iqiniso lokwethembeka kwakho Kimi? Kunini lapho izinhloso zakho bekungezona nje zokuthi uthole izibusiso Zami? Ungenza isiwula ungikhohlisa, udlala ngeqiniso, ufihle ubukhona beqiniso, uthengise ngobukhona beqiniso. Uzibeka ebutheni obukhulu Nami, ngakho ikusasa likuphatheleni? Ufuna nje ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, ufune nje inkolo engekho, kodwa awufanelani noKristu. Ingabe inkohlakalo yakho angeke ithole ukuziphindiselela okufanele ababi? Ngaleso sikhathi, uzobona ukuthi akekho umuntu ongafanelani noKristu ongaphunyuka osukwini lolaka, futhi uzothola ukuthi nhloboni yokuziphindiselela ezoba phezu kwalaba abayizitha noKristu. Uma lufika lolo suku, amaphupho enu okubusiswa ngenxa yokukholelwa kwenu kuNkulunkulu, nawokungena ezulwini, azoshabalala. Kodwa-ke, akunjalo kulabo abafanelana noKristu. Yize belahlekelwe okuningi kangaka, yize bedlule ebunzimeni obukhulu, bazothola wonke amafa engizowanikeza abantu. Ekugcineni, uzoqonda ukuthi yimina kuphela uNkulunkulu olungile, kanti yimina ngedwa enginganika umuntu ikusasa elihle.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Ufune Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 307)

UNkulunkulu ubaphathise okuningi abantu futhi ukhulume ngezindlela ezingabaleki ngokungena kwabantu. Kodwa ngenxa yokuthi izinga labantu liphansi kakhulu, amazwi amaningi kaNkulunkulu awakaze agxile. Kunezizathu eziningi zaleli zinga eliphansi, njengokukhohlakala komcabango nesimilo somuntu, nokungakhuliswa ngendlela efanele; izinkolelo zesidala esezibambe kakhulu inhliziyo yomuntu; izindlela zokuphila ezonakele nezihlehlela emuva esezifake ububi obuningi emagumbini asekujuleni kwenhliziyo yomuntu; ukuqonda okukha phezulu ngolwazi lwamasiko, okwenza kube nabantu abacishe babe amaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili abantula imfundo ngolwazi lwamasiko, bese, ngaphezu kwalokho, beba mbalwa kakhulu abathola amazinga aphezulu emfundo yamasiko. Ngakho-ke, abantu empeleni abanalo ulwazi lokuthi kuchazwani ngoNkulunkulu noma uMoya, kodwa banesithombe esifiphele futhi esingacacile sikaNkulunkulu abasithole ezinkolweni zabo zesidala. Amathonya alimazayo ashiywe yizinkulungwane zeminyaka “yomoya ophakeme wobuzwe” ekujuleni kwenhliziyo yomuntu kanye nokucabanga kwesidala abantu ababoshwe ngakho bakinatelwa, ngaphandle kwenhlayiyana yenkululeko, bengenasifiso sokulangazelela noma ukubekezela, esikhundleni salokho besala bemi ndawonye futhi behlehlela emuva, bebambeke emqondweni wobugqila, njalo njalo—la maqiniso azimele akhe isithombe esibi ngokungacisheki ekubukeni impilo, izinhloso-nqangi, isimilo, nesimo sesintu. Kubonakala sengathi abantu baphila ezweni labesabisi lobumnyama, okungekho ofuna ukuphuma kulo, futhi akekho phakathi kwabo ocabanga ukuqhubekela ezweni eliphelele; Kunalokho, benelisekile ngabayikho empilweni, ukuchitha zonke izinsuku zabo bezala futhi bekhulisa izingane, bezabalaza, bejuluka, benza imisebenzi yabo, bephupha ngomndeni othokomele nojabulayo, umshado onothando, ukuzwana nezingane zabo, ukuthokozela iminyaka yokuguga njengoba belandela ukuphila ngokuthula…. Amashumi, izinkulungwane, amashumi ezinkulungwane zeminyaka kuze kube manje, abantu bebelokhu bechitha isikhathi sabo ngale ndlela, kungekho obakha ukuphila okuphelele, bonke bezimisele kuphela ngokubulalana kuleli zwe elimnyama, emjahweni wodumo nomcebo, bakhelana uzungu bodwa. Ubani oseke wafuna intando kaNkulunkulu? Ingabe ukhona oseke walalela umsebenzi kaNkulunkulu? Zonke izingxenye zesintu ezithathwe yithonya lobumnyama kudala zaba yimvelo yomuntu, ngakho kunzima kakhulu ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu futhi abantu banenhliziyo encane kakhulu yokunaka lokho abaphathise khona namuhla. Noma kunjalo, ngikholwa ukuthi abantu ngeke baphatheke kabi uma ngikhuluma la mazwi ngoba engikhuluma ngakho ngumlando wezinkulungwane zeminyaka. Ukukhuluma ngomlando kusho amaqiniso, futhi, ngaphezu kwalokho, nezigameko ezimbi ezisobala kubo bonke, ngakho kunamsebenzi muni ukusho okuphambene neqiniso? Kodwa futhi ngikholwa ukuthi abantu abanengqondo, lapho bebona la mazwi, bazophaphama futhi balwele ukuthuthuka. UNkulunkulu wethemba ukuthi abantu bangaphila futhi basebenze ngokuthula nangokwaneliseka bese ngesikhathi esifanayo bakwazi ukuthanda uNkulunkulu. Kuyintando kaNkulunkulu ukuthi bonke abantu bangene ekuphumuleni; ngaphezu kwalokhu, ukugcwalisa umhlaba wonke ngenkazimulo kaNkulunkulu kuyisifiso esikhulu sikaNkulunkulu. Kuphathisa amahloni nje ukuthi abantu selokhu becwile ekungazini futhi bengaphapheme, bonakaliswe kakhulu uSathane kangangokuba namuhla abasenawo umfanekiso wabantu. Ngakho umcabango womuntu, ukuziphatha nemfundo kwenza ikhongco elibalulekile, kanye nokuqeqeshwa olwazini lwamasiko kwenza ikhongco lesibili, kwenza ngcono ekuphakamiseni izinga lesiko labantu bese kuguqula ukubuka kwabo okungokomoya.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 308)

Ezintweni abantu abadlule kuzo, bavamise ukucabanga, ngidele umndeni nekusasa lami ngenxa kaNkulunkulu, Yena unginikeni? Kumele ngenezele okunye—zikhona izibusiso engizitholile muva nje? Nginikele ngokuningi ngalesi sikhathi, ngigijimile futhi ngahlupheka kakhulu—ingabe kukhona uNkulunkulu athembise ukungibuyisela khona? Ingabe uzikhumbulile izenzo zami ezinhle? Siyoba yini isiphetho sami? Ngingazithola izibusiso zikaNkulunkulu? … Wonke umuntu uhlale enza lezo zibalo enhliziyweni yakhe, futhi efuna izinto ngoNkulunkulu ngezisusa zakhe, nezifiso kanye nemibono yakhe. Okusho ukuthi, enhliziyweni yakhe, umuntu uhlale evivinya uNkulunkulu, uhlale akha amacebo ngoNkulunkulu, futhi uhlale ephikisana ngesiphetho sakhe noNkulunkulu, ezama ukuthola uvo lukaNkulunkulu, ukubona ukuthi uNkulunkulu angamnika yini akufunayo. Ngesikhathi esifanayo nalandela ngaso uNkulunkulu, umuntu akamphathi uNkulunkulu njengoNkulunkulu. Uhlale ezama ukwenza amacebo noNkulunkulu, efuna izinto ezingapheli Kuye, emcindezela kuzo zonke izinyathelo, ezama ukuthola okuthile ngaphambi kokuthatha elinye igxathu. Ngesikhathi esifanayo nazama ngaso ukwenza amacebo noNkulunkulu, umuntu uyaphikisana Naye, futhi kukhona ngisho nabantu okuthi lapho behlelwa izilingo noma bezithola besezimweni ezithile, bavame ukuba buthaka, bathanda ukukhangeza futhi bahudula izinyawo emsebenzi wabo, bahlale bekhononda ngoNkulunkulu. Kusukela ngesikhathi aqala ngaso ukukholwa kuNkulunkulu, umuntu ubebheka uNkulunkulu njengonenala yezinto, bese yena umuntu azibheke njengombolekisi wemali omkhulu, njengokungathi ukuzama ukuthola izibusiso nezithembiso zikaNkulunkulu yinto eyifa nesibopho sakhe, kuyilapho isibopho sikaNkulunkulu kuwukuvikela umuntu nokuthi amnakekele futhi amondle. Lokho ukuqonda okuyisisekelo “ukukholwa kuNkulunkulu” kwalabo abakholwa kuNkulunkulu, nombono wabo ojulile ngokukholwa kuNkulunkulu. Kusukela esiqwini sokwakheka komuntu kuye ezintweni azifunayo, akunalutho oluhlobana nokwesaba uNkulunkulu. Inhloso yomuntu ekukholweni kuNkulunkulu ayikwazi ukungahlanganisi lutho nokukhonza uNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, umuntu akakaze acabange noma aqonde ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kudinga ukwesaba uNkulunkulu, nokumkhonza. Mayelana nezimo ezinjalo, ingqikithi yomuntu sisobala. Iyini ingqikithi yakhe? Ukuthi inhliziyo yomuntu iyakhohlisa, ifukamela inzondo, ayibuthandi ubulungiswa nokulunga, nalokho okuhle, futhi inomhobholo. Inhliziyo yomuntu ingasondelana kakhudlwana noNkulunkulu; akazange nhlobo ayinike uNkulunkulu. UNkulunkulu akakaze abone inhliziyo yangempela yomuntu, futhi akakaze akhonzwe umuntu. Kungakhathaleki ukuthi likhulu kangakanani inani uNkulunkulu alikhokhayo, noma ukuthi ungakanani umsebenzi awenzayo, noma ukuthi umnakekela kangakanani umuntu, umuntu akakuboni konke, akaboni mehluko. Umuntu akakaze amnike uNkulunkulu inhliziyo yakhe, ufuna kube nguye olawula inhliziyo yakhe, enze izinqumo zakhe—amazwi asesihlokwaneni abonisa ukuthi umuntu ongafuni ukulandela indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi, noma ukulalela ubukhosi namalungiselelo kaNkulunkulu, futhi akafuni ukukhonza uNkulunkulu njengoNkulunkulu. Lezo izimo zabantu namuhla.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 309)

Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abayibo yini abantu abangazi lutho futhi abanolwazi oluncane abancinyane, abazama nje ukukhombisa ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Laba bantu abanaso isizathu abangakhuluma ngaso! Empeleni, lapho ulwazi lwabantu lulukhulu ngoNkulunkulu, yilapho bephuza ukwahlulela umsebenzi Wakhe. Ngaphezu kwalokho, bakhuluma kancane kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, kodwa abanawo amawala ekwahluleleni kwabo. Lapho kukuncane abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, yilapho beqhosha khona futhi benokuzethemba okweqile, futhi yilapho bememezela ngokungabi namahloni okukhulu ubukhona bukaNkulunkulu—kepha bakhuluma okucatshangwayo nje kuphela, futhi abalethi ubufakazi bangempela. Abantu abanjalo abalusizo kwalutho. Labo ababona umsebenzi woMoya oNgcwele njengomdlalo abanangqondo! Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki? Noma ngabe usuku luyafika lapho abantu abanjalo bemukela umsebenzi omusha woMoya oNgcwele, nakalokhu, uNkulunkulu ngeke ababekezelele. Ababukeli phansi labo abasebenzela uNkulunkulu nje kuphela, kodwa bahlambalaza uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abanobuwula kanje ngeke baxolelwe, noma kulenkathi noma enkathini ezayo futhi bayobhubha ingunaphakade esihogweni! Abantu abanjalo, abangahloniphi, abathanda ukuzitika bayazenzisa ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu, futhi lapho beqhubeka nokwenze njalo, yilapho bengazithola bephula izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuve bonke labo abaqhoshayo, abangalawuliwe ngokwemvelo, futhi abangakaze bahloniphe muntu, bonke behamba le ndlela? Abaphikisani noNkulunkulu usuku nosuku, Yena ohlala emusha futhi engagugi?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 310)

Ukwazi isiko nomlando wasendulo oyiminyaka eyizinkulungwane eziningi kuvimbe ukucabanga nemibono yomuntu nesimo sakhe somqondo ngokuqine ngendlela yokuthi akungeneki futhi akuhlakazeki.[1] Abantu baphila ezingeni leshumi nesishiyagalombili lesihogo, njengokungathi uNkulunkulu ubaphose emigodini engamajele, ngeke baphinde bakubone ukukhanya. Ukucabanga ngendlela yakudala kumcindezele kakhulu umuntu ngendlela yokuthi ucishe angakwazi ngisho nokuphefumula futhi uyacinana. Akanawo namancane amandla okukuphikisa futhi umane akubekezelele buthule…. Akekho oseke walokotha walwela noma wamela ukulunga nobulungiswa; abantu baphila nje impilo embi kakhulu kuneyesilwane, ngaphansi kokushaywa nokuhlukunyewa yizinkambiso eziyisidala, usuku nosuku, unyaka nonyaka. Abakaze bacabange ukufuna uNkulunkulu ukuze bajabule emhlabeni wabantu. Kusengathi umuntu ucindezelwe, njengamaqabunga awile asekwindla, washwabana waze wagqwala. Umuntu akasakhumbuli lutho futhi uphila esihogweni engenakho ukuzisiza ngenxa yegama lomhlaba wesintu, ulinde ukufika kosuku lokugcina ukuze abhubhe kanye nesihogo, kube sengathi usuku lokugcina alulangazelelayo wusuku ayothokozela ngalo ukuthula okunokuphumula. Izindlela zokuphila zakudala yizo ezifake umuntu “eHayidesi,” zawanciphisa ngokwengeziwe amandla omuntu okwenqaba. Izinhlobo ezehlukahlukene zokucindezelwa ziphoqe umuntu ukuba angene ajule kancane kancane eHayidesi futhi aqhele kakhudlwana kuNkulunkulu. Manje, uNkulunkulu ubengaziwa nhlobo ngumuntu, futhi umuntu usamgwema masinyane lapho behlangana. Umuntu akamnaki uNkulunkulu futhi umbandlulula sengathi umuntu akakaze amazi noma ambone phambilini. Nokho uNkulunkulu ubelokhu elinde umuntu kulo lonke uhambo olude lokuphila komuntu, engayiqondisi nhlobo kuye intukuthelo Yakhe engacindezeleki, elinde ngokuthula kuphela, engasho lutho, ukuba umuntu aphenduke futhi aqale kabusha. UNkulunkulu kade afika emhlabeni wesintu futhi wabekezelela ukuhlupheka okufanayo nokomuntu. Usephile nomuntu iminyaka eminingi futhi akekho obone ubukhona Bakhe. UNkulunkulu ulubekezelela buthule usizi lobubi emhlabeni wesintu ngesikhathi enza umsebenzi eze nawo mathupha. Uqhubeka nokubekezela ngenxa yentando kaNkulunkulu uBaba nangenxa yezidingo zesintu, ezwa ukuhlupheka umuntu angakaze akuzwe ngaphambili. Phambi komuntu, ubasebenzele buthule futhi wazithoba, ngenxa yentando kaNkulunkulu uBaba kanye nezidingo zesintu. Ulwazi ngesiko lasendulo lumthumbe ngesinyenyela umuntu, lwamsusa phambi kukaNkulunkulu, lwanikela umuntu enkosini yodeveli namadodana ayo. Iqoqo elithi Izincwadi Ezine nelithi Izincwadi Ezinhlanu Ezivelele[a] athathe ukucabanga nombono womuntu akubeka kwenye inkathi yokuhlubuka, enza ukuthi muntu abakhonze kakhulu kunangaphambili labo abahlanganisa iNcwadi/Iqoqo Lemibhalo Evelele, neMibhalo Evelele, andisa imibono yabo ngoNkulunkulu. Inkosi yodeveli yamxosha ngonya uNkulunkulu enhliziyweni yomuntu, umuntu enganakile, ngenkathi ingena ngenjabulo enhliziyweni yomuntu. Kusukela lapho, umuntu wayelokhu enomphefumulo omubi futhi ononya onobuso benkosi yodeveli. Ukuzonda kwakhe uNkulunkulu kwagcwalisa izifuba zabo, nenzondo yenkosi yodeveli kwasabalala kumuntu usuku nosuku kwaze kwamudla kwamqeda umuntu. Umuntu wayengasenayo nencane inkululeko futhi wayengasenandlela yokugqashula izibopho zenkosi yodeveli. Wayengeke enze lutho ngaphandle kokubanjwa khona lapho, ukuba azinikele futhi awe phansi ngokuzinikela phambi kwakhe. Kudala, lapho inhliziyo nomphefumulo womuntu kusekuncane, inkosi yodeveli yatshala kukho imbewu yomdlavuza wokungakholwa kuNkulunkulu, yafundisa umuntu amanga afana nokuthi “funda ngesayensi nobuchwepheshe, feza Izinto Ezine Zesimanjemanje, akekho uNkulunkulu emhlabeni.” Ayigcinanga lapho, yabuye yamemezela ngokuphindaphindiwe ukuthi, “Ake sakhe izwe elihle ngomsebenzi wethu wokukhuthala,” icela bonke abantu kusukela ebuntwaneni ukuba balungele ukukhonza izwe labo. Umuntu walethwa engaboni phambi kwayo, futhi udumo yaluthatha ngaphandle kokunqikaza (kubhekiswe kuNkulunkulu ephethe sonke isintu ngezandla Zakhe). Ayikaze nakanye izwe ukudumazeka. Ngaphezu kwalokho, yathumba abantu bakaNkulunkulu yabafaka endlini yayo ngaphandle kwamahloni, lapho igxumela etafuleni njengegundane futhi yenza umuntu ayikhonze njengoNkulunkulu. Iyingozi kakhulu! Imemeza amahlazo ashaqisayo, “Akekho uNkulunkulu emhlabeni. Umoya ubangelwa yimithetho yemvelo; imvula iwumswakama oshubayo bese uwa ungamaconsi phezu komhlaba; ukuzamazama komhlaba kuwukunyakaza kwengaphezulu lomhlaba ngenxa yezinguquko zokwakheka komhlaba; isomiso sibangelwa ukoma komoya okwenziwa ukuphazanyiswa kwengaphezulu lelanga ngamandla enunzi. Lezi yizinto ezenzeka ngokwemvelo. Iyiphi ingxenye eyisenzo sikaNkulunkulu?” Kukhona nalabo abamemeza izinkulumo ezifana nezilandelayo, izinkulumo okungafanele zize zigqanyiswe: “Umuntu uguquke esuka ezinkawini zasendulo, futhi umhlaba wanamuhla uvela ochungachungeni lwemiphakathi yakudala kusuka eminyakeni ebalelwa ezigidini eziyisigidi edlule. Ukuthi izwe liyachuma noma liyawa kusezandleni zabantu balo ngokuphelele.” Ngemva kwakhe, yenza ukuba umuntu ayilengise odongeni noma ayibeke etafuleni ukuze ayikhonze futhi anikele kuyo. Ngaso leso sikhathi imemeza ithi, “Akekho uNkulunkulu,” izibheka njengoNkulunkulu, ikhipha uNkulunkulu emingceleni yomhlaba ngokungaphezi. Ima endaweni kaNkulunkulu yenzise okwenkosi yodeveli. Ubuphukuphuku obukhulu! Yenza umuntu adliwe yinzondo ewushevu. Kubonakala sengathi uNkulunkulu uyisitha sayo esikhulu futhi uNkulunkulu akabuyisani nayo. Iceba ukuxosha uNkulunkulu ibe ilokhu ingajeziswa futhi ihamba ngokukhululeka.[2] Iwuhlobo olunje lwenkosi yodeveli! Singakubekezelela kanjani ukuba khona kwayo? Ngeke iphumule kuze kube lapho isiphazamise umsebenzi kaNkulunkulu yawushiya umanikiniki futhi unhlakanhlaka ngokuphelele,[3] sengathi ifuna ukuphikisa uNkulunkulu kuze kube sekugcineni, kuze kube yilapho kufa khona inhlanzi noma kudabuka khona inetha. Imelana ngamabomu noNkulunkulu futhi iya ngokuya isondela. Ubuso bayo obunyanyekayo kade bembulwa ngokuphelele futhi manje bunezibazi futhi bunamaphuphusi,[4] buyanyantisa, kodwa ayikuyeki ukuzonda kwayo uNkulunkulu, sengathi ifuna ukushwabadela uNkulunkulu ngokuphelele ngethamo elilodwa ukuze kuphele inzondo esenhliziyweni yayo. Singasibekezelela kanjani lesi sitha sikaNkulunkulu esizondekayo! Ukuqedwa nya kwaso kuphela okuyophumelelisa izifiso zempilo yethu. Singavunyelwa kanjani ukuba sicanase? Sonakalise umuntu ngezinga lokuthi umuntu akalazi ilanga lasezulwini, futhi uyafa aphinde abe buthuntu. Umuntu ulahlekelwe ukucabanga okuvamile komuntu. Kungani singanikeli ngesiqu sethu sonke ukuze siyibhubhise futhi siyishise ukuze sisuse konke ukukhathazeka futhi sivumele umsebenzi kaNkulunkulu ukuba ufinyelele masinyane ebuhleni obungakaze bubonwe? Leli qembu lezixhwanguxhwangu seliphakathi kwabantu futhi selenze iziyaluyalu neziphithiphithi ezinkulu. Lilethe bonke abantu onqenqemeni lwewa, lihlela ngokuyimfihlo ukubadudulela phansi ukuze baphihlizeke babe yizicucu futhi lishwabadele izidumbu zabo. Lifisa ngokungenampumelelo ukuphazamisa icebo likaNkulunkulu futhi lincintisane noNkulunkulu ngokugembula okunamathuba amancane okuphumelela.[5] Lokho akulula neze! Vele, isiphambano silungiselwe inkosi yodeveli enecala lobugebengu obubi kakhulu. UNkulunkulu akayena owesiphambano futhi usesishiyele udeveli. UNkulunkulu kade anqoba futhi akasaluzwa usizi ngezono zesintu. Uzosindisa sonke isintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Akuhlakazeki” kuhloswe njengokubhuqa lapha, kuchaza ukuthi abantu abanyakazi olwazini lwabo, isiko, nokubuka ngokomoya.

2. “ingajeziswa futhi ihamba ngokukhululeka” kubonisa ukuthi udeveli uqhubeka nokuphambana ikhanda kanye nokudlebeleka.

3. “Unhlakanhlaka ngokuphelele” kubhekise endleleni ukuziphatha ngobudlova kukadeveli okungabekezeleleki ngayo.

4. “Bunezibazi futhi bunamaphuphusi” kubhekise ebusweni obubi benkosi yodeveli.

5. “Ngokugembula okunamathuba amancane okuphumelela” umfanekiso wamacebo kadeveli okuyenga ngokuqili, okubi. Kusetshenziselwa ukuhlekisa.

a. Iqoqo elithi Izincwadi Ezine nelithi Izincwadi Ezinhlanu Ezivelele yizincwadi ezithathwa njengezinegunya enkolweni yeConfucianism eShayina.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 311)

Kusukela phezulu kuye phansi, futhi kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni, uSathane ubelokhu ephazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi ephikisana Naye. Zonke izinkulumo zamasiko asendulo, ulwazi olubalulekile ngamasiko asendulo, izimfundiso zobuTao nezobuConfucian, imisebenzi evelele yobuConfucian kanye namasiko empilo yakudala kungenise umuntu esihogweni. Isayensi nezobuchwepheshe okuphezulu kwamanje, kanye nezezimboni ezithuthukile, ezolimo, nezamabhizinisi akusabonwa nangalukhalo. Kunalokho kuqhakambisa amasiko akudala asungulwe “ngezinkawu” zasendulo ukuze kuphazanyiswe ngenhloso, kuphikiswe futhi kubhidlizwe umsebenzi kaNkulunkulu. Akugcinanga nje ngokuhlukumeza umuntu kuze kube manje, kodwa kufuna ukushwabadela[1] umuntu ngokuphelele. Imfundiso yomthetho nendlela yokuphila yakudala nokudlulisa ulwazi lwamasiko asendulo kade kwamthelela umuntu futhi kwaphendula abantu baba odeveli abakhulu nabancane. Kunedlanzana elizimisele ukwamukela uNkulunkulu nokwamukela ngentokozo ukufika kukaNkulunkulu. Ubuso bomuntu bugcwele ukubulala, futhi kuzo zonke izindawo, ukufa kusemoyeni. Bafuna ukugudluza uNkulunkulu kuleli zwe; bephethe imimese nezinkemba, bazihlela ngokwempi ukuze babulale uNkulunkulu. Izithixo zisakazeke zagcwala lonke izwe likadeveli lapho umuntu ehlala etshelwa khona ukuthi akekho uNkulunkulu. Phezu kwalo mhlaba kugcwele iphunga elinyanyisayo lephepha nempepho eshayo, likhulu ngendlela ecinanisayo. Kubonakala kuyiphunga lodaka elikhuphukayo lapho inyoka izisonga, futhi lenele ukwenza umuntu angakwazi ukugwema ukuhlanza. Ngaphandle kwalokho, kuzwakala ngokufiphele amadimoni amabi ecula imibhalo. Lo msindo uzwakala sengathi uvela kude esihogweni, futhi ayikho into engenziwa umuntu ngaphandle kokuzwa umzimba uhlasimula. Kulo lonke leli zwe kusabalele izithixo, ezinemibalabala yothingo lwenkosazane, eziphendula izwe libe umhlaba wezinjabulo zenyama, lapho inkosi yodeveli ilokhu ihleka ngonya, kungathi icebo layo elibi liphumelele. Kodwa umuntu akakuboni nhlobo, akaboni nokuthi udeveli usemonakalise ngezinga lokuthi akusazweli lutho futhi unqotshiwe. Ufisa ukususa konke okumayelana noNkulunkulu ngegalelo elilodwa, nokubuye amngcolise futhi ambulale; uzimisele ukucekela phansi nokuphazamisa umsebenzi Wakhe. Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba abe sezingeni elilinganayo? Angakubekezelela kanjani “ukugxambukela” kukaNkulunkulu emsebenzini wakhe phakathi kwabantu emhlabeni? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba amembule ubuso bakhe obubi? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba amembule ubuso bakhe obunyanyekayo? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba aphazamise umsebenzi wakhe? Lo develi, uvutha bhe intukuthelo, angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba alawule ihlalankosi lombuso wakhe emhlabeni? Angawucela kanjani umaluju? Ubuso bakhe bembuliwe ubunjalo babo, okwenza umuntu angazi ukuthi kufanele ahleke noma akhale yini, futhi yinto okunzima ngempela ukukhuluma ngayo. Ingabe le akuyona ingqikithi yakhe? Ngomphefumulo omubi, usakholwa ukuthi muhle ngendlela emangalisayo. Leli qembu labalekeleli![2] Bafika phakathi kwabantu ukuze bazitike ngenjabulo futhi babange izinxushunxushu. Ukuphazamisa kwabo kwenza izwe libe ntekenteke futhi kuletha ukwethuka enhliziyweni yomuntu, futhi sebedlale ngomuntu kakhulu kangangokuthi usefana nesilwane sasendle esingenabuntu, esibi ngokwedlulele, esesilahlekelwe ngisho yinsalela yokugcina yomuntu wasekuqaleni ongcwele. Ngaphezu kwalokho, bafisa ngisho ukuthatha amandla obukhosi emhlabeni. Bawenza ube nzima umsebenzi kaNkulunkulu kangangokuba ucishe ungayi nakancane phambili, futhi bavimbela umuntu ngokuqine njengezindonga zethusi nensimbi. Ngemva kokwenza izono eziningi kangaka nokubanga izinkinga ezingaka, yini enye abangayilindela ngaphandle kokusolwa? Amadimoni nemimoya emibi bekulokhu kudlebelekile emhlabeni futhi kuvimbe intando kanye nomzamo kaNkulunkulu onokucophelela, kukwenza kungangeneki. Yisono esibulalayo leso! Angahlala kanjani angakhathazeki uNkulunkulu? Angahlala kanjani angathukutheli uNkulunkulu? Awuphazamisa kakhulu futhi amelene kakhulu nomsebenzi kaNkulunkulu. Ahlubuka ngokwedlulele! Ngisho nalawo madimoni amakhulu namancane aziqhenya kakhulu ngenxa yodeveli abanamandla bese eqala ukuzigqamisa. Aliphikisa ngamabomu iqiniso, naphezu kokulibona ngokucacile. Amadodana okuhlubuka! Kusengathi, manje njengoba inkosi yawo yesihogo yehlele esihlalweni sobukhosi, aba nokuzithwala bese edelela bonke abanye. Mangaki afuna iqiniso nalandela ukulunga? Onke ayizilwane njengezingulube nezinja, ahola iqembu lamabhungane anukayo ebulongweni ukuze anikine amakhanda awo bese esusa uthuthuva.[3] Akholwa ukuthi inkosi yawo yesihogo inkulu kunawo wonke amakhosi, engaboni ukuthi awazidluli ngalutho izimpukane ezibhuza ekudleni okubolile. Akukhona nje lokho kuphela, akunyundela ngonya ukuba khona kukaNkulunkulu ngokuthembela kubazali bawo abayizingulube nezinja. Njengezimpukane ezincane, acabanga ukuthi abazali bawo bakhulu njengemikhoma enamazinyo.[4] Acishe angazi ukuthi, lapho kwawona emancane, abazali bawo bayizingulube nezinja ezingcolile ezinkulu ngokuphindwe ngezigidi ezingamakhulu kunawo. Engakuboni ukuba phansi kwawo, ayadlebeleka ngephunga elibolile lalezo zingulube nezinja futhi anombono onokuzikhohlisa wokuzala izizukulwane ezizayo. Lokho ukungabi namahloni kakhulu! Ngezimpiko eziluhlaza emhlane (lapha kubhekise kokushiwo yiwo ukuthi akholwa kuNkulunkulu), aqala ukuziqhenya futhi ahambe eqhosha ngobuhle bawo, efaka ngesinyelela ukungcola kwawo kumuntu. Futhi aba nokuzithwala, kube sengathi amaphiko amabili anemibala yothingo lwenkosazane angakufihla ukungcola kwawo, futhi ngalezi zindlela, acindezela ulwazi mayelana nokuba khona kukaNkulunkulu weqiniso (lapha kubhekiswe kulokho okwenzeka ekusithekeni emhlabeni wenkolo). Kuncane umuntu akwaziyo ngokuthi, nakuba amaphiko empukane emahle futhi eheha, empeleni ayehluke ngalutho empukaneni encane egcwele ukungcola futhi embozwe amagciwane. Emandleni abazali babo abayizingulube nezinja, adlebeleka kulo lonke izwe (lokhu kubhekise ezikhulwini zenkolo ezishushisa uNkulunkulu ngenxa yokwesekwa kakhulu yizwe elikhaphela uNkulunkulu weqiniso neqiniso) ngolaka olukhulu. Kuba sengathi izipoki zabaFarisi abangamaJuda zibuyele kanye noNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obomvu, esidlekeni sazo esidala. Aphinde aqala esinye isiwombe sokushushisa, ephinde eqhuba umsebenzi wawo wezinkulungwane eziningi zeminyaka eyedlule. Leli qembu lezonakali nakanjani lizogcina libhubhile emhlabeni! Kubonakala sengathi, ngemva kwezinkulungwane eziningi zeminyaka, imimoya engcolile ikhohlisa futhi inobuqili kakhudlwana. Ihlale icabanga ngezindlela zokudicilela phansi ngokuyimfihlo umsebenzi kaNkulunkulu. Inobuqili nokuphamba futhi ifisa ukuphinda inhlekelele yeminyaka eyizinkulungwane eziningi ezweni layo. Lokhu kucishe kwenze ukuba uNkulunkulu amemeze kakhulu, futhi ukuthola kunzima ukuthi azithibe ekubuyeleni ezulwini lesithathu ukuze ababhubhise. Ukuze umuntu athande uNkulunkulu, kumele aqonde intando Yakhe nenjabulo nosizi Lwakhe, kanye nalokho akuzondayo. Lokhu kuzokwenza ukungena komuntu kuphumelele kangcono. Ukushesha kokungena komuntu, kwenza inhliziyo kaNkulunkulu igculiseke kakhudlwana; lapho umuntu eyiqonda kakhudlwana inkosi yodeveli, yilapho esondelana kakhudlwana khona noNkulunkulu, ukuze isifiso Sakhe sigcwaliseke.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Ukushwabadela” kubhekise endleleni yokuziphatha kobudlova kwenkosi yodeveli, okuphanga abantu ngokuphelele.

2. “Abelekeleli” bawuhlobo olulodwa “neqembu lezigebengu.”.

3. “Ukususa uthuthuva” kubhekise endleleni abantu abanamademoni abasusa ngayo isiphithiphithi, bavimbele futhi bamelane nomsebenzi kaNkulunkulu.

4. “Imikhoma enamazinyo” isetshenziselwa ukuhlekisa. Kuyisingathekiso wendlela izimpukane ezincane ngayo ngangokuba izingulube nezinja zibonakala zizinkulu njengemikhoma kuzo.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 312)

Izinkulungwane zeminyaka leli bekulokhu kuyizwe eligcwele ukungcola, lingcole ngokwedlulele, ligcwele usizi, izipokwe zigijima zigcwale zonke izinkalo, bayaphamba futhi bakhohlise, basola ngaphandle kwesizathu,[1] banonya futhi babi, bathuthumelisa izipokwe bazishiye nezidumbu; ukubola kumboze izwe kungcolisa nomoya, kuqashwe kakhulu.[2] Ubani ongabona umhlaba ongale kwesibhakabhaka? Udeveli uwubambe ngqi wonke umzimba womuntu, umkopolote womabili amehlo, wawuvala wawuqinisa umlomo wakhe. Inkosi yodeveli ibilokhu uphulukundlela zonke lezi zinkulungwane zeminyaka, kuze kube namuhla, ngesikhathi isanake idolobha lezipoki, njengokungathi isigodlo samademoni esiqinile; ngesikhathi esifanayo, lezi zinja ezigadile, ziwakhiphe wonke amehlo, zesaba ukuthi uNkulunkulu uzozibamba zinganakile aziqothule, azishiye zingasenayo indawo yokuthula nokujabula. Babengambona kanjani uNkulunkulu abantu besipokwe sedolobha abafana nalaba? Ingabe bake baluzwa uthando lukaNkulunkulu? Bayazazisa yini izindaba zomhlaba wesintu? Ubani kubo ongaqonda ugqozi lwentando kaNkulunkulu? Okuncane okudidayo nje mayelana nokuzifihla kukaNkulunkulu osesimweni somuntu: Emphakathini omnyama njengalona, lapho kunamademoni anonya nangenabo ubuntu, kungenzeka kanjani ukuba inkosi yodeveli, ebulala abantu ngokungangabazi nakancane, ibekezelele ukuba khona kukaNkulunkulu onothando, onomusa, futhi ongcwele? Zingakujabulela futhi zikuhalalisele kanjani ukufika kukaNkulunkulu? Labo thathekile! Babonga umusa ngenzondo, bebelokhu bengamthandi uNkulunkulu, bemhlukumeza, bakhohlakele kabi, abamazi nokuthi uyini uNkulunkulu, bayamntshontshela futhi bamthuke, abasenawo nhlobo unembeza, baphikisana nawo wonke unembeza, futhi benza omsulwa angabi nangqondo. Ingabe bangokhokho basendulo? Abaholi abathandwayo? Bonke bamelene noNkulunkulu! Ukuba kwabo ogaxekile kushiye bonke abasezulwini besesimweni sobumnyama nesiyaluyalu! Ingabe inkululeko yenkolo? Ingabe amalungelo nezinto ezithandwa izakhamuzi? Konke kungamacebo okumboza isono! Ubani owamukele umsebenzi kaNkulunkulu? Ubani obeke phansi ukuphila kwabo noma wachitha igazi ngenxa yomsebenzi kaNkulunkulu? Izizukulwane ngezizukulwane, kusukela kubazali kuya ezinganeni, umuntu oyisigqila ngokushesha uphenduke isigqila sikaNkulunkulu—kungahlala kanjani lokhu kungamthukuthelisi? Izinkulungwane zeminyaka yenzondo zigxile enhliziyweni, izinkulungwane zesono zisenhliziyweni—kungahlala kanjani lokhu kungayikhuthazi inzondo? Kuphindiselele uNkulunkulu, kubuqede bonke ubutha, ungabe usakuvumela, ungakuvumeli ukuba kudale ezinye izinkinga njengoba kufisa! Manje isikhathi: Umuntu ubelokhu eqoqa amandla akhe, unikele ngayo yonke imizamo yakhe, wakukhokha konke, ngenxa yalokhu, ukuze embule ubuso bamademoni futhi avumele abantu, abenziwe izimpumputhe, wabekezelela lonke uhlobo lokuhlupheka nobunzima, ukuze aqede ubuhlungu futhi ajikele lo develi omdala omubi. Kungani uhlanganisa lezi zithikamezo emsebenzini kaNkulunkulu? Kungani uceba okubi ukuze ukhohlise abantu bakaNkulunkulu? Ikuphi inkululeko yangempela namalungelo kanye nokuthandwayo? Buphi ubulungiswa? Iphi induduzo? Iphi imfudumalo? Kungani usebenzisa inkohliso ukuze uphambe abantu bakaNkulunkulu? Kungani usebenzisa amandla ukuze ucindezele ukuza kukaNkulunkulu? Kungani ungamvumeli uNkulunkulu azulazule emhlabeni awudala? Kungani uba isicefe kuNkulunkulu aze angabi nayo indawo yokuphumuza ikhanda Lakhe? Ikuphi imfudumalo kubantu? Ukuphi umoya wokwamukelana kubantu? Kungani nikhathaza uNkulunkulu? Kungani nifuna uNkulunkulu elokhu enibiza? Kungani niphoqa uNkulunkulu ukuba akhathazeke ngeNdodana Yakhe ayithandayo? Kulo mphakathi onobumnyama kungani izinja zawo ezigadile ezilusizana zingamvumeli uNkulunkulu ukuba angene aphume emhlabeni awudala? Kungani umuntu engaqondi, umuntu ophila ngobuhlungu nokuhlupheka? Ngenxa yenu, uNkulunkulu ubekezelele ubuhlungu obukhulu, uyibeke ngobuhlungu obukhulu iNdodana Yakhe ayithandayo, inyama negazi Lakhe kini—ngakho kungani ninganaki? Wonke umuntu uyakuphika ukufika kukaNkulunkulu, enqabe ubungani bukaNkulunkulu. Kungani ningenanembeza kangaka? Ingabe nizimisele ukubekezelela ukungabi nabulungiswa emphakathini onesinyama njengalona? Kungani, esikhundleni sokugcwalisa izisu zenu ngezinkulungwane zeminyaka, nizigcwalisa “ngamasimba” enkosi yodeveli?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (8)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Ukusola ngaphandle kwesizathu” kubhekise ezindleleni udeveli alimaza ngazo abantu.

2. “Kuqashwe kakhulu” kubonisa ukuthi izindlela udeveli ahlupha ngazo abantu zimbi ngokukhethekile futhi ulawula abantu kangangokuthi abanalo ithuba lokunyakaza.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 313)

Uma abantu bengaqonda ngokugcwele indlela elungile yempilo yomuntu kanjalo nenhloso kaNkulunkulu yokulawula umuntu, ngeke baphathe ikusasa labo ngabanye ngabanye kanye nemigomo abayiphokophelele njengomcebo ezinhliziyweni zabo. Ngeke besafisa ukukhonza abazali babo abangcole ngaphezu kwezingulube nezinja. Ingabe ikusasa nezimpokophelo zomuntu akufani ncamashi nosuku lwamanje olubizwa ngokuthi “abazali” bakaPetru? Kuyefana nje nenyama negazi lomuntu. Ingabe impokophelo, ikusasa lenyama kuyoba ukubona uNkulunkulu ngenkathi kusaphila, noma ukuba umphefumulo uhlangane noNkulunkulu emva kokufa? Ingabe inyama izogcina kusasa iselangabini lomlilo njengezilingo, noma izoba sesithandweni somlilo? Akufanele ngabe imibuzo efana nale emayelana nokuthi inyama yomuntu iyobhekana neshwa noma nokuhlupheka yizindaba ezinkulu noma ubani okhona nonengqondo ephilayo akhathazekayo ngazo? (Lapha, ukubhekana nokuhlupheka kuchaza ukuthola izibusiso; inhlupheko ichaza ukuthi izilingo zesikhathi esizayo ziyosiza. Ishwa lichaza ukungakwazi ukuma uqine, noma ukukhohliswa; noma kuchaza ukuthi umuntu uzohlangabezana nezimo ezimbi futhi alahlekelwe yimpilo yakhe phakathi kwenhlekele, nokuthi ayikho indawo enhle ukuba umphefumulo ufinyelele kuyona.) Abantu bahlonyiswa ngengqondo ephusile kodwa mhlawumbe abakucabangayo akuhambisani kahle- kahle nalokho ingqondo yabo kufanele ihlonyiswe ngako. Lokhu kungenxa yokuthi bonke badidekile futhi futhi balandela izinto ngaphandle kokucabangisisa. Kufanele bonke babe nokuqonda okunzulu ngento abazifaka kuyona, futhi kufanele bahlele kahle lokho okufanele kungenwe kukhona ngesikhathi sezilingo (okusho ukuthi, ngesikhathi sokucwengwa ngomlilo), nalokho okufanele bahlome ngako esilingweni somlilo. Ungasebenzeli abazali (okuchaza inyama) bakho njalo abafana nezingulube nezinja, futhi ababi ngaphezu kwezintuthwane nezinambuzane. Iyini inhloso yokugxila kulokhu, ukucabangisisa, nokuhlela njalonjalo engqondweni? Inyama ayiyona eyakho, kodwa isezandleni zikaNkulunkulu ongagcini nje ngokulawula wena kodwa ophinde alawule noSathane. (Ekuqaleni kwakuchaza ukuthi ingekaSathane. Ngoba noSathane usezandleni zikaNkulunkulu, bekungachazwa kanjalo nje kuphela. Ngoba kunamandla kakhulu ukukubeka kanjalo—kuchaza ukuthi abantu abekho ngaphansi kokubusa kukaSathane ngokuphelele, kodwa basezandleni zikaNkulunkulu.) Uphila ngaphansi kokuhlushwa yinyama, kodwa inyama akuyona eyakho na? Ingabe ibuswa uwena? Kungani uzikhathaza ngokucabanga ngalokhu? Kungani unxusa uNkulunkulu njalonjalo ngenyama yakho engcolileyo ekade yalahlwa futhi yaqalekiswa, kanjalo yangcoliswa nayimimoya engcolile? Kungani uzikhathaza ngokusondeza abahlobo baSathane eduze nenhliziyo yakho? Awukhathazeki na ngokuthi inyama ingaphazamisa ikusasa lakho langempela, amathemba amahle, kanye nempokophelo yempilo yakho?

Kucashunwe embhalweni othi “Inhloso Yokwengamela Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 314)

Namuhla, lokhu esenikuqonda kungaphezulu kwawo wonke umuntu emlandweni ongazange apheleliswe. Noma kungaba ulwazi lwenu lokulingwa noma ukukholwa kuNkulunkulu, konke kungaphezu kwanoma ngubani okholwa kuNkulunkulu. Izinto eniziqondayo yizinto enizazi ngaphambi kokulingwa yizimo, kodwa isiqu senu sangempela asihambisani neze nazo. Lokhu enikwaziyo kungaphezu kwalokhu enikwenzayo. Yize nithi abantu abakholwa kuNkulunkulu kumele bathande uNkulunkulu, futhi akumele balwele izibusiso kuphela kodwa ukwanelisa intando kaNkulunkulu, okwenzekayo ezimpilweni zenu kuqhelelene nalokhu, kanti futhi kungcoliseke kakhulu. Abantu abaningi bakholwa kuNkulunkulu ukuze babe nokuthula nezinye izinzuzo. Uma kungeke kukuhlomulise, awukholwa kuNkulunkulu, futhi uma ungawutholi umusa kaNkulunkulu, uyadangala. Lokhu okushilo kungaba kanjani yisona siqu sakho sangempela? Uma kuziwa ezigamekweni zomndeni ezingagwemeki njengokugula kwezingane, ukulaliswa kwabathandwayo esibhedlela, isivuno esingesihle, nokushushiswa kwamalungu omndeni, ngisho nezinto ezivame ukwenzeka ekuphileni nsuku zonke ziyakwehlula. Uma kwenzeka izinto ezinjengalezi, uyethuka, awazi ukuthi wenzeni—futhi isikhathi esiningi, ukhononda ngoNkulunkulu. Ukhononda ngokuthi amazwi kaNkulunkulu akukhohlisile, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ukwenze ihlaya. Ingabe aninayo imicabango enjalo? Ingabe ucabanga ukuthi lezi zinto zenzeka phakathi kwenu ngokungavamile kuphela? Zonke izinsuku nizichitha niphila ngaphansi kwezehlo ezinje. Anicabangi nakancane ngempumelelo yokholo lwenu kuNkulunkulu, nokuthi ningayifeza kanjani intando kaNkulunkulu. Isiqu senu sangempela sincane kakhulu, sincane ngisho kunesechwane lenkukhu. Uma ibhizinisi lomndeni wakho lilahlekelwa imali ukhononda ngoNkulunkulu, uma nizithola nisendaweni lapho ningavikelwe nguNkulunkulu nalapho nikhononda ngoNkulunkulu, nikhononda ngisho noma kufa elilodwa emachwaneni enu noma kugula inkomo endala esibayeni. Uyakhononda noma sekuyisikhathi sokuthi indodana yakho iqale umndeni kodwa umndeni wakho ungenayo imali eyenele; ufuna ukwenza umsebenzi wokwamukela izihambeli, kodwa awunawo amandla, bese ukhononda. Uchichima ukukhononda, futhi ngesinye isikhathi awuyi emihlanganweni noma udle futhi uphuze amazwi kaNkulunkulu ngenxa yalokhu, ngezinye izikhathi ucabanga kabi isikhathi eside. Ayikho into eyenzeka kuwe namuhla ehlangene namathemba akho akusasa noma nesiphetho sakho; lezi zinto bezizokwenzeka noma ungakholwa kuNkulunkulu, kodwa namuhla uzenza umthwalo kaNkulunkulu, bese ulokhu uthi uNkulunkulu ukulahlile. Kuthiwani ngokholo lwakho kuNkulunkulu? ingabe ngempela uyinikelile impilo yakho? Uma nibhekene nezilingo ezifana nezikaJobe, akekho phakathi kwenu olandela uNkulunkulu namuhla obengama aqine, beningawa nonke. Futhi nje, ngokusobala, kunomehluko omkhulu phakathi kwenu noJobe. Namuhla, uma kungadliwa ingxenye nje yempahla yenu niyalokotha niphike ukuba khona kukaNkulunkulu; uma ungaphucwa indodana noma indodakazi yakho, ungagijima yonke indawo udinda isililo; uma indlela yakho yokuphila okungukuphela kwayo ifika kwangqingetshe, uzozama ukukhuluma noNkulunkulu; uzobuza ukuthi kungani ngasho amazwi amaningi kangaka ekuqaleni ngikwethusa. Ayikho into eningeke nilokothe niyenze ngezikhathi ezinjalo. Lokhu kusho ukuthi anikazuzi lwazi, futhi aninaso isiqu sangempela. Ngaleyo ndlela, izilingo ezikini zinkulu kakhulu, ngoba nazi okuningi ngokwedlulele kodwa enikuqonda ngempela akukhona ngisho okukodwa enkulungwaneni yalokhu enikwaziyo. Ningagcini ekuqondeni nasekwazini kuphela; kuyoba kuhle kakhulu ukuthi nibone ukuthi kungakanani eningakwenza, ukuthi kungakanani ukukhanyisela nokukhanyisa kukaMoya oNgcwele okutholakale ngomjuluko womsebenzi wakho onzima, nasekuthini kungaki ukwenza kwenu enifeze kukho isinqumo senu. Kufanele uthathe isiqu nokwenza kwakho ngokuzimisela. Ekukholweni kwakho kuNkulunkulu, akufanele uzame ukwenzela noma ngubani nje ngokungazimiseli—ukuthi ekugcineni ungalizuza noma cha iqiniso nokuphila kuncike ekufuneni kwakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 315)

Abanye bagqoka kahle, kodwa ngokungenasithunzi: Abesifazane bazihlobisa kahle njengezimbali, abesilisa bona bagqoka njengamakhosana noma amagcokama amasha acebileyo. Banaka kuphela izinto ezingaphandle, njengezinto abazidlayo nabazigqokayo; ngaphakathi, bayantula futhi abamazi nakancane uNkulunkulu. Uphi umqondo kulokhu? Kukhona futhi nabanye abagqoka njengezinxibi ezihluphekayo—babukeka njengezigqila zaseMpumalanga Asia ngempela! Anikuqondi ngempela engikucela kini? Xoxani ngalokhu: Yini eniyizuzile ngempela? Senikholwe kuNkulunkulu yonke le minyaka, kodwa nivune lokhu kuphela—anizizwa niphoxekile? Aninamahloni? Benifuna indlela eyiqiniso yonke le minyaka, kodwa nanamuhla isiqu senu sisengaphansi ngisho kwesespero! Bukani izintombi lapha phakathi kwenu, ningophuma langa sikothe ezingutsheni zenu nokuziphophotha kwenu, niyaqhathanisana—empeleni niqhathanisani? Injabulo yenu? Izimfuno zenu? Nicabanga ukuthi ngizele ukuzoqasha abakhangisi? Aninamahloni! Kuphi ukuphila kwenu? Ingabe lokhu enikufunayo akuzona izifiso zenu ezingaphezu kwenikudingayo? Ucabanga ukuthi umuhle kakhulu, kodwa nakuba ugqoke uconsa, eqinisweni awuyona nje impethu eshobashobayo, ezalelwe engqumbini yobulongwe? Namuhla, unenhlanhla yokuthokozela lezi zibusiso zasezulwini, hhayi ngenxa yobuso bakho obuhle, kodwa ngoba uNkulunkulu wenza isihe ngokukuphakamisa. Ingabe akukakucaceli ukuthi usuka kuphi? Lapho kukhulunywa ngokuphila, uvala umlomo wakho ungasho lutho, ube yisimungulu njengesithombe, nokho usenesibindi sokuswenka! Usathanda ukuziphophotha! Bhekani futhi oswenka phakathi kwenu, amagcokama enza akuthandayo achitha usuku lonke ethilileka, edlokovula, enobuso obunganaki lutho. Ingabe umuntu kufanele aziphathe kanje? Yini phakathi kwenu, madoda noma abesifazane, eniyinaka usuku lonke? Niyazi yini ukuthi nithembele kubani ukuze nizondle? Bheka izingubo zakho, bheka okuvunile ezandleni zakho, phulula isisu sakho—yini oyizuzile ngokuzikhandla kanzima kuyo yonke le minyaka yokukholwa? Usacabanga ukuphuma ubuke izwe, usacabanga ukuhlobisa inyama yakho enukayo—izinto ezingasho lutho! Ucelwa ukuthi ube ngumuntu onobuntu obuvamile, kodwa awugcini nje ngokuba umuntu ongavamile, uyaphambuka. Umuntu onjalo angasithathaphi isibindi sokuza phambi Kwami? Uma unobuntu obunjengalobu, ubukisa ngobuhle bakho futhi ugabisa ngenyama yakho, uphila enkanukweni yenyama—ngabe awuyona inzalo yamadimoni angcolile nemimoya emibi? Ngeke ngivumele amadimoni angcole kanjalo ukuthi aphile isikhathi eside! Futhi ungacabangi ukuthi angikwazi okucabangayo enhliziyweni yakho. Ungayibamba inkanuko nenyama yakho, kodwa kungenzeka kanjani ukuthi ngingayazi imicabango oyivalele enhliziyweni yakho? Kungenzeka kanjani ukuthi ngingakwazi okufiswa ngamehlo akho? Ingabe nina zintombi anizilungisi nibe bahle kangaka ukuze nibukise ngenyama yenu? Abaluleke ngani amadoda kinina? Anganisindisa ngempela olwandle lwenhlupheko? Nina-ke magcokama aphakathi kwenu, nonke nigqokela ukuba nibonakale nihloniphekile futhi nibalulekile, kodwa ingabe lokhu akulona icebo enilenzela ukuba kunakwe ukubukeka kwenu okuhle kakhulu? Nikwenzela bani lokhu? Babaluleke ngani abesifazane kinina? Abawona yini umsuka wesono senu? Madoda nabesifazane, sengisho amazwi amaningi kini, kodwa nisahambisane nambalwa kakhulu kuwo. Izindlebe zenu azizwa kahle, amehlo enu afiphele, nezinhliziyo zenu ziqine kangangokuthi akukho okukhona emizimbeni yenu ngaphandle kwenkanuko, kangangokuthi nibanjwe yiyo, anikwazi ukuphunyuka. Ngubani ofuna ukusondela kinina zimpethu, nina enishobashobeka ekungcoleni nasensileni? Ningakhohlwa ukuthi akukho eniyikho ngaphezu kokuba yilabo engibakhiphe engqumbini yobulongwe, ukuthi naningenabo ubuntu obuvamile ekuqaleni. Engikucela kinina ukuba nibe nobuntu obuvamile ebeningenabo ekuqaleni, hhayi ukuba nibukise ngenkanuko yenu noma nidedele inyama yenu enukayo yenze umathanda, inyama eqeqeshwe ngudeveli iminyaka eminingi kakhulu. Lapho nigqoka kanje, anesabi yini ukuthi niyohileleka ngokujule ngokwengeziwe? Anazi yini ukuthi naningabesono kwasekuqaleni? Anazi yini ukuthi imizimba yenu igcwele inkanuko kakhulu kangangokuba inkanuko ize iphumele ngaphandle kwezingubo zenu, iveze izimo zenu njengamadimoni amabi futhi angcole ngokungabekezeleleki? Akulona yini iqiniso ukuthi lokhu nikwazi ngokucace kunabo bonke abanye abantu? Izinhliziyo zenu, amehlo enu, izindebe zenu—ingabe konke akungcolisiwe amadimoni angcolile? Ngabe lezi zingxenye zakho azingcolile? Ucabanga ukuthi uma nje ungenzi lutho, kusho ukuthi ungcwele kakhulu? Ucabanga ukuthi ukugqoka izingubo ezinhle kungafihla imiphefumulo yenu engcolile? Lokho ngeke kusebenze! Ngineluleka ukuba nikubuke ngokuyikho: ningabi nokukhohlisa nokuzenzisa, futhi ningazigabisi. Nigabiselana ngenkanuko yenu, kodwa konke enizokuthola njengembuyiselo ukuhlupheka okungapheli nokushaywa okungenasihawu! Sikuphi isidingo sokuba niqwayizelane amehlo futhi nizitike ngokuthandana? Ngabe lokhu kukhombisa izinga lobuqotho benu, iqophelo lokulunga kwenu? Ngiyabenyanya labo phakathi kwenu abasebenzisa amakhambi amabi nobuthakathi; ngiyazenyanya izintombi nezinsizwa phakathi kwenu ezithanda inyama yazo. Kungcono nizithibe, ngoba manje kudingeka ukuba nibe nobuntu obuvamile, futhi anivunyelwe ukubukisa ngenkanuko yenu—kodwa nisebenzisa lonke ithuba enilitholayo, ngoba inyama yenu iningi ngokwedlulele, nenkanuko yenu inkulu ngokwedlulele!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 316)

Manje, umthelela wokufuna kwenu ulinganiswa ngalokho eninakho njengamanje. Yilokhu okusetshenziselwa ukunquma isiphetho senu; lokho kusho ukuthi isiphetho senu sembulwa eminikelweni eniyenzile nasezintweni enizenzile. Isiphetho senu sizokwambulwa ukufuna kwenu, ukholo lwenu, nalokho enikwenzile. Phakathi kwenu nonke, baningi kwamanje abangeke besasindiseka, ngoba namuhla wusuku lokwambula iziphetho zabantu, futhi ngeke ngidideke emsebenzini Wami; ngeke ngibaholele enkathini elandelayo labo abangeke nhlobo basindiseke. Kuzofika isikhathi lapho umsebenzi Wami uphethwa khona. Ngeke ngisebenze kulezo zidumbu ezinukayo, ezingenamoya ezingakwazi nhlobo ukusindiswa; lezi yizinsuku zokugcina zokusindiswa komuntu, futhi ngeke ngenze umsebenzi ongenalusizo. Ungakhonondi ngeZulu nomhlaba—ukuphela komhlaba kuyeza. Ngeke kugwemeke. Izinto sezifike kuleli qophelo, futhi akukho wena njengomuntu ongakwenza ukuze uzimise; awukwazi ukuguqula izinto ngokufisa kwakho. Izolo, awuzange uzikhandle ukuze uphishekele iqiniso futhi ubungethembekile; namuhla, isikhathi sesifikile, awusasindiseki; futhi kusasa, uyosuswa, futhi ngeke uxegiselwe ukuze usindiswe. Nakuba inhliziyo Yami ithambile futhi ngenza ngakho konke ukukusindisa, uma ungazilweli noma uzicabangele, lokho kuhlangene ngani Nami? Labo abacabangela inyama yabo kuphela futhi abathokozela ukunethezeka; labo ababonakala sengathi bayakholwa kodwa empeleni bengakholwa; labo abasebenzisa imithi yokwenza okubi nabathakathayo; labo abangenazimilo, abamanikiniki nabamahlimbihlimbi; labo abantshontsha iminikelo kaJehova nezimpahla Zakhe; labo abathanda ukugwazelwa; labo abaphupha ngokuvilapha ngokwenyukela ezulwini; labo abazidlayo nabaziqhenyayo, abalwela udumo nomcebo kuphela; labo abasabalalisa amazwi okwedelela; labo abahlambalaza uNkulunkulu uqobo Lwakhe; labo abangenzi lutho ngaphandle kokwahlulela futhi banyundele uNkulunkulu uqobo Lwakhe; labo abakha amaqenjana bese befuna ukuzimela; labo abaziphakamisa ngaphezu kukaNkulunkulu; abesilisa nabesifazane abasha, abaphakathi nendawo nabadala abathanda izinto ezingenamsebenzi ababambeke ekonakaleni; lawo madoda nabesifazane abathokozela udumo nomcebo futhi abafuna ukugqama phakathi kwabanye; labo bantu abangaphenduki ababambeke esonweni—ngabe bonke, abayibona yini abangasindiseki? Ukonakala, ukuba nezono, imithi yobubi, ubuthakathi, namazwi okwedelela konke kuyadlokovula phakathi kwenu; neqiniso namazwi okuphila ayanyathelwa phakathi kwenu, futhi ulimi olungcwele luyangcoliswa phakathi kwenu. Nina bantu bezizwe, eniqumbile ngenxa yokungcola nokungalaleli! Siyoba yini isiphetho senu? Kwenzeka kanjani ukuthi labo abathanda inyama, abathakatha inyama, nalabo ababambeke esonweni sokonakala babe nesibindi sokuqhubeka baphile! Anazi yini ukuthi abantu abanjengani bayizimpethu ezingenakusindiswa? Yini eninika ilungelo lokufuna lokhu nalokhuya? Kuze kube namuhla, akukaze kube ngisho noluncane uguquko kulabo abangalithandi iqiniso futhi abathanda inyama kuphela—bangasindiswa kanjani abantu abanjalo? Labo abangayithandi indlela yokuphila, abangamphakamisi uNkulunkulu futhi bamfakazele, abakha amacebo ukuze bathole izikhundla, abazidumisayo—abanjalo nanamuhla? Kubaluleke ngani ukubasindisa? Ukusindiswa kwakho akuncikile ekuphakameni kwesikhundla sakho noma enanini leminyaka osuyisebenzile, ingasaphathwa eyokuncika emagameni osuwakhile. Kunalokho, kuncike ekuthini ukufuna kwakho kube nemiphumela yini. Kufanele wazi ukuthi labo abasindisiwe “bayimithi” ethela izithelo, hhayi imithi enamahlamvu nezimbali eziningi kodwa engatheli zithelo. Ngisho ngabe usuchithe iminyaka eminingi uzula emigwaqeni, kubaluleke ngani lokho? Buphi ubufakazi bakho? Ukuhlonipha kwakho uNkulunkulu kuncane kakhulu kunokuzithanda kwakho nezinkanuko zakho—ngabe lolu hlobo lomuntu alusona yini isonakali? Kungenzeka kanjani ukuthi abe yisibonelo nezifanekiso zabokusindiswa? Imvelo yakho ayilungiseki, uhlubuka ngokwedlulele, awusindiseki! Abantu abanjalo akubona yini abayosuswa? Ingabe isikhathi okuyophela ngaso umsebenzi Wami akusona isikhathi sokufika kosuku lwakho lokugcina? Sengenze umsebenzi omningi kakhulu futhi ngakhuluma amazwi amaningi kakhulu phakathi kwenu—kungakanani kukho enikuzwile? Kungakanani kukho enikulalelile? Lapho umsebenzi wami ufika ekugcineni, leso kuyoba yisikhathi oyogcina ngaso ukungiphikisa, lapho uyoyeka khona ukumelana Nami. Ngenkathi ngisebenza, niphikisana Nami njalo; anize ningahambisana namazwi Ami. Ngenza umsebenzi Wami, futhi wena wenza owakho “umsebenzi,” wenza owakho umbuso omncane. Akukho eniyikho ngaphandle kokuba umhlambi wezimpungushe nezinja, nenza konke okungiphikisayo! Nihlala nizama ukusingatha labo abanithanda ngokuphelele—kuphi ukuhlonipha kwenu! Konke enikwenzayo kunenkohliso! Anilaleli futhi aninanhlonipho, futhi konke enikwenzayo kuyakhohlisa futhi kuyahlambalaza! Bangasindiswa abantu abanjalo? Abantu abaziphatha kabi ngokocansi nabahlala benenkanuko bahlala befuna ukudonsela kubo izifebe ezihungulayo ukuze bazithokozise bona. Ngeke ngiwasindise nhlobo la madimoni aziphatha kabi ngokocansi. Ngiyanizonda madimoni angcolile, futhi ukonakala nokuhungula kwenu kuyoniphonsa esihogweni. Yini eningayisho ngalokhu? Nina madimoni amabi nemimoya emibi niyenyanyisa! Niyacasula! Ungasindiswa kanjani udoti onjalo? Bangasindiswa yini bonke ababambeke esonweni? Namuhla, leli qiniso, le ndlela, nalokhu kuphila akukudonsi; kunalokho, udonsekela esonweni; emalini; egameni, ekudumeni nasekuzuzeni; ekuthokozeni ngokwenyama; ebuhleni bamadoda nasekuthandekeni kwabesifazane. Yini enenza nifanele ukungena embusweni Wami? Isiqu senu sikhulu ngisho kunesikaNkulunkulu, isikhundla sakho singaphezulu ngisho kunesikaNkulunkulu, ingasaphathwa eyesithunzi sakho phakathi kwabantu—seniyizithixo ezikhonzwa ngabantu. Ingabe usuyingelosi enkulu? Lapho kwembulwa iziphetho zabantu, okuyisikhathi futhi lapho umsebenzi wokusindisa uyobe ususondela esiphethweni, abaningi phakathi kwenu bayoba yizidumbu ezingeke zisasindiswa futhi okuyofuneka basuswe. Ngesikhathi somsebenzi wokusindisa, nginomusa futhi ngilungile kubo bonke abantu. Lapho umsebenzi usuphetha, iziphetho zezinhlobo ezehlukene zabantu ziyokwambulwa, futhi ngaleso sikhathi, ngeke ngisaba nomusa nokulunga, ngoba iziphetho zabantu ziyobe sezambuliwe, futhi umuntu ngomuntu uyobe esehlukaniswe ngokohlobo lwakhe, futhi kuyobe kungasasizi ukwenza omunye umsebenzi wokusindisa, ngoba inkathi yokusindisa iyobe isidlulile, futhi, lapho isidlulile, ngeke ibuye.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 317)

Umuntu ubelokhu ephila ngaphansi kwendwangu yethonya lobumnyama, eboshiwe ethonyeni likaSathane kungekho ukuphunyuka. Futhi isimo somuntu, emuva kokuguqulwa uSathane, siya ngokuya sikhula ekukhohlakaleni. Umuntu angathi umuntu yilokhu aphila nesimo sakhe senkohlakalo yobusathane, engakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Njengoba kunje, uma umuntu efisa ukuthanda uNkulunkulu, kumele asuswe ukuzibona engolungileyo, ukuzibona ebalulekile, ukuzidla, ubuqha, nokunye okunjalo, konke okungokwesimo sikaSathane. Uma kungenjalo, uthando lwakhe luwuthando olungemsulwa, olunobusathane, futhi olungeke lugunyazwe uNkulunkulu. Ngaphamdle kokupheleliswa, ukubhekwa, ukwaphulwa, ukuthenwa, ukuqondiswa, ukusolwa, noma ukucwengwa uMoya oNgcwele ngokuqondile, akekho okwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Uma uthi ingxenye yesimo sakho imele uNkulunkulu ngakho uyakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso, uyilowo okhuluma amagama okuzidla futhi uwumuntu oyisiwula. Abantu abanjalo bayizingelosi ezinkulu! Isimo somuntu azalwa naso ngeke sikwazi ukumela uNkulunkulu ngokuqondile. Umuntu kumele asikhiphe ngokupheleliswa uNkulunkulu, bese, ngokunakekela intando kaNkulunkulu, ukugcwalisa intando kaNkulunkulu kanye nokwedlula emsebenzini kaMoya ONgcwele, ukuphila kwakhe kukwazi ukuvunywa uNkulunkulu. Akekho umuntu ophila enyameni ongakwazi ukumela uNkulunkulu ngokuqondile ngaphandle kokuba abe umuntu osetshenziswa uMoya oNgcwele. Nokho, nomuntu onje, isimo sakhe kanye nalokho akuphilayo kungethiwe kumele uNkulunkulu ngokugcwele; umuntu angathi nje akuphilayo kuqondiswa uMoya oNgcwele. Isimo salowo muntu ngeke sikwazi ukumela uNkulunkulu.

Yize isimo somuntu sigcotshwa uNkulunkulu - lokhu akuphikiseki futhi kungathathwa njengento enhle—siguqulwe uSathane. Ngakho sonke isimo somuntu siyisimo sikaSathane. Umuntu angathi uNkulunkulu, ngokwesimo, uqondile ekwenzeni izinto, futhi naye uziphatha ngale ndlela; naye unalolu hlobo lwesimo, futhi uthi isimo sakhe simele uNkulunkulu. Ngabe uhlobo luni lomuntu lolu? Ngabe isimo sobusathane senkohlakalo singakwazi ukumela uNkulunkulu? Noma ubani othi isimo sakhe simele uNkulunkulu uhlambalaza uNkulunkulu, futhi uthuka uMoya oNgcwele! Uma kubhekwa indlela uMoya oNgcwele asebenza ngayo, umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ngowokunqoba kuphela. Yingakho isimo somuntu esiningi senkohlakalo yobusathane singakahlanzwa, nokuthi kungani lokhu okuphilwa umuntu kusewumfanekiso kaSathane. Yilokho umuntu akholwa ukuthi kulungile futhi kumele izenzo zenyama yomuntu, noma, ukukubeka kuqonde, kumele uSathane futhi ngeke kukwazi nhlobo ukumela uNkulunkulu. Yize noma umuntu evele esemthanda uNkulunkulu kangangokuba ukwazi ukuthokozela impilo yezulu emhlabeni, ukwazi ukwenza izinkulumo ezinjengezithi: “O Nkulunkulu! Angikwazi ukukuthanda ngokwanele," futhi usefinyelele esicongweni, awukwkwazi ukuthi uphila ubuNkulunkulu noma umele uNkulunkulu ngoba ubunjalo bomuntu abufani nobukaNkulunkulu. Umuntu angephile ubuNkulunkulu, njengoba engeke akwazi ukuba wuNkulunkulu. Lokho uMoya oNgcwele aqondise umuntu ukuba akuphile kuhambisana kuphela nalokho uNkulunkulu akufuna kumuntu.

Yonke iminyakazo nezenzo zikaSathane kubonakala kumuntu. Manje yonke iminyakazo nezenzo zomuntu ziyisibonakaliso sikaSathane, ngakho-ke akukwazi ukumela uNkulunkulu. Umuntu ungumfuziselo kaSathane, ngakho isimo somuntu asimeli isimo sikaNkulunkulu. Abanye abantu banesimilo esihle; UNkulunkulu angenza umsebenzi othile omuhle ngesimilo salaba bantu futhi umsebenzi abawenzayo ulawulwa nguMoya oNgcwele, kodwa isimo sabo asikwazi ukumela uNkulunkulu. Umsebenzi uNkulunkulu awenza kubo ungukusebenza nokukhulisa lokho osekuvele kukhona phakathi kubo. Noma ngabe abaphrofethi bakudala noma amadoda asetshenziswa uNkulunkulu, akekho ongamela uNkulunkulu ngqo. Bonke abantu bathanda uNkulunkulu ngenxa yokuphoqelelwa yizimo ezibazungezile, akekho okuzisukela kuye ukuba asebenzisane noNkulunkulu. Yiziphi izinto ezinhle? Konke okuvela ngqo kuNkulunkulu kuhle. Kodwa-ke isimo somuntu sesedlule esandleni sikaSathane ngakho ngeke simele uNkulunkulu. NguNkulunkulu osenyameni kuphela—uthando Lwakhe, ukuzimisela Kwakhe ukuhlupheka, ukulunga Kwakhe, ukunikezela, ukuthoba, nokufihlakala—konke lokhu kumela uNkulunkulu ngokuqondile. Lokhu kungenxa yokuba ngenkathi efika wayengenamvelo yesono futhi wayevela ngqo kuNkulunkulu; Akedlulanga ezandleni zikaSathane. UJesu usemfuziselweni wenyama eyonayo kuphela, akamele isono; ngakho-ke, iminyakazo Yakhe, izenzo, namazwi, kuze kufike leso sikhathi esandulela ukuphethwa komsebenzi Wakhe ngokubethelwa (kufaka umzuzu wokubethelwa Kwakhe) konke kumele ngqo uNkulunkulu. Isibonelo sikaJesu senele ukuqinisekisa ukuthi noma yimuphi umuntu onemvelo yesono akakwazi ukumela uNkulunkulu, nokuthi isono somuntu simele uSathane. Okusho ukuthi isono asimeli uNkulunkulu nokuthi uNkulunkulu akanasono. Ngisho umsebenzi owenziwe kumuntu nguMoya oNgcwele ungabukwa kuphela ngokuthi ulawulwe nguMoya oNgcwele futhi ngeke kuthiwe wenziwe ngumuntu egameni likaNkulunkulu. Kodwa, okomuntu nje ukuthi isono sakhe nesimo sakhe kokubili akumeli uNkulunkulu. Ekubukeni umsebenzi owenziwe kumuntu nguMoya oNgcwele kusuka esikhathini esedlule kuze kube namuhla, kuyabonakala ukuthi umuntu unalokho akuphilayo ngenxa yokuthi uMoya oNgcwele wenze umsebenzi kuye. Bambalwa kakhulu abakwazi ukuphila iqiniso emva kokuthi kubhekanwe nabo futhi baqondiswa wuMoya oNgcwele. Okusho ukuthi, ngumsebenzi kaMoya oNgcwele kuphela okhona nokuthi ukusebenzisana okuvela kumuntu akukho. Usuyakubona ngokucacile manje lokhu? uma kunjena, yini okufanele uyenze ukuze usebenze ngakho konke ngokuhambisana Naye ngenkathi uMoya oNgcwele esebenza, bese, ngokwenzenjalo, ufeze umsebenzi wakho?

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Okhohlakele Akakwazi Ukumela UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 318)

Inkolelo yakho kuNkulunkulu, ukufuna kwakho iqiniso ngisho nendlela oziphatha ngayo konke kufanele kube ngokoqobo: Yonke into oyenzayo kufanele ibe ngokoqobo, ungafuni nje izinto eziyize ezingenzeki, eziwubukhazikhazi. Akuzuzisi nhlobo ukwenza kanjalo, futhi ngaphezu kwalokho impilo enjalo ayibalulekile neze. Ngoba ukufuna kwakho nokuphila kuyinkohliso futhi awuzifuni izinto ezinenzuzo nokuqapheleka, okutholayo kuphela ukucabanga okungenangqondo nemfundiso engelona iqiniso. Izinto ezinjalo azihlangani nakancane nokubaluleka kokuphila kwakho futhi azikusizi ngalutho. Ngaleyo ndlela ukuphila kwakho konke ngeke kusize noma kubaluleke ngalutho—futhi uma ungakufuni ukuphila ukuphila okubalulekile, ungaphila iminyaka eyikhulu futhi lokho kuyoba yize leze. Kungabizwa kanjani-ke lokho ngokuthi ukuphila komuntu? Akukhona yini empeleni ukuphila kwesilwane? Ngokufanayo, uma nizama ukulandela indlela yokukholelwa kuNkulunkulu kodwa ningenzi lutho ukuze nifune uNkulunkulu obonakalayo, kunalokho nikhonze uNkulunkulu ongabonakali, ingabe lokho kufuna akulona neze ize? Ekugcineni, izinto ozifunayo ziyophenduka inqwaba yezincithakalo. Ngakho lokho kufuna kwakho kuyokusiza ngani? Inkinga enkulu ngomuntu ukuthi uthanda kuphela izinto angakwazi ukuzibona noma ukuzithinta, izinto eziyinkimbinkimbi kakhulu nezimangalisayo ezingacabangeki kumuntu futhi umuntu ofayo angeke azithole. Ukuqhubeka kwazo lezi zinto zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu eqhubeka khona ezihlaziya, aze ngisho azifune ekushaya indiva konke okunye, bese ezama ukuzizuza. Ukuqhubeka kwazo zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu ezihlolisisa khona futhi azihlaziye, aze adlulele kude ekutheni azenzele eyakhe imibono ngazo. Ngokuphambene nalokho, lapho izinto ziba ngokoqobo, yilapho nomuntu engazinaki khona; umane azibukele phansi aze ngisho azenyanye. Ingabe lokhu akuyona indlela okufanele nibheke ngayo umsebenzi ongokoqobo engiwenzayo namuhla? Lapho izinto ezinjalo ziba ngokoqobo, yilapho nawe uqhubeka ungazithandi. Awuziphi ngisho isikhathi sokuzihlola, kodwa umane uzizibe nje; uzibukela phansi lezi ezingokoqobo, izimfuneko ezicacile futhi uze ufukamele imibono eminingi ngalo Nkulunkulu ongokoqobo nakakhulu, futhi abakwazi ukwamukela kalula ukuba ngokoqobo nokujwayeleka Kwakhe. Ngaleyo ndlela, ingabe awukholelwa ezintweni ezingacacile eziningi? Unokholo olungeke lunyakaziswe kuNkulunkulu oyinqaba wakudala, futhi awunalo ilukuluku ngoNkulunkulu wangempela wanamuhla. Lokhu akubangelwa yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo nalowo wanamuhla baphile ezinkathini ezimbili ezingafani? Ingabe akukhona yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo uphakanyisiwe ezulwini, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyindoda encane emhlabeni? Ngaphezu kwalokho, ingabe akukhona yini ngenxa yokuthi uNkulunkulu okhonzwa ngabantu yilowo owenziwe ngezindlela zakhe, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyinyama ebunjwe lapha emhlabeni? Lapho konke sekushiwo kwaphinde kwenziwa, ingabe akukhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu wanamuhla ungokoqobo nakakhulu kangangokuthi umuntu akakwazi ukumfuna? Ngoba lokho uNkulunkulu wanamuhla akufunayo kubantu kuqondile kangangokuthi izikhathi eziningi umuntu akathandi ukukwenza futhi lokho kumenza abe namahloni. Ingabe lokhu akwenzi izinto zibe nzima kumuntu? Ingabe lokhu akumenzi ukuba abe nezibazi? Ngaleyo ndlela, abaningi abangakufuni okuyiqiniso baba yizitha zikaNkulunkulu osesimweni somuntu, babe abaphikukristu. Ingabe lokhu akulona iqiniso elisobala? Ngesikhathi esidlule, lapho uNkulunkulu esezokuba senyameni, kungenzeka nanisenkolweni noma ningamakholwa azinikele. Ngemva kokuba uNkulunkulu esebe yinyama, abaningi ababezinikele bazithola sebengabaphikukristu benganakile. Ingabe uyazi ukuthi kwenzekani lapha? Ekukholelweni kwakho kuNkulunkulu, awuzinaki izinto ezingokoqobo noma awulifuni iqiniso kunalokho uzixaka ngezinto ezingamanga—ingabe lokhu akuwona yini umthombo ocacile wenzondo onayo ngoNkulunkulu osesimweni somuntu? UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa uKristu, ngakho akubona bonke abangakholelwa kuNkulunkulu osesimweni somuntu abaphikukristu? Ngakho ingabe yilowo okholelwa futhi omthanda ngempela, uNkulunkulu osenyameni? Ingabe ngempela uyaphila, uNkulunkulu ophefumulayo ongokoqobo nakakhulu futhi nojwayelekile ngendlela emangalisayo? Uyini ngempela, ingabe uyilokho okufunayo? Ingabe isezulwini noma emhlabeni? Ingabe iwumbono noma iyiqiniso? Ingabe iwuNkulunkulu noma isidalwa esinamandla amakhulu angajwayelekile? Eqinisweni, iqiniso liyinto ehamba phambili ekuphileni futhi liwukuphila okusezingeni eliphakeme kubo bonke abantu emhlabeni. Ngenxa yokuthi liyimfuneko uNkulunkulu ayenzele abantu futhi liwumsebenzi uNkulunkulu azenzele wona, ngakho libizwa ngokuthi imfihlo yokuphila. Akuyona imfihlo efinyezwe entweni ethile, noma amazwi adumile avela kothile ophezulu; kunalokho ingamazwi avela eNkosini yasemazulwini nasemhlabeni futhi yazo zonke izinto, engewona amazwi afinyezwe umuntu, kunalokho awukuphila okuyifa kukaNkulunkulu. Ngakho abizwa ngokuthi imfihlo yokuphila ephakeme kunazo zonke. Ukufuna komuntu ukusebenzisa iqiniso kungukuzimisela kwakhe kulokho okumele akwenze, okusho ukuthi, ukufuna ukujabulisa uNkulunkulu. Ukubaluleka kwale mfuneko kuyiqiniso elingokoqobo ngaphezu kwawo wonke amaqiniso, okungcono kunemfundiso eyize engazuzwa muntu. Uma okufunayo kumane nje kuyimfundiso futhi kungenazo izinto ezingokoqobo, ingabe awuhlubuki yini eqinisweni? Ingabe awuyena umuntu olwisana neqiniso? Umuntu onjalo angalufuna kanjani uthando lukaNkulunkulu? Abantu abangaphili ngezinto ezingokoqobo yilabo abalwisana neqiniso futhi baqhubeka behlubuka ngisho nakakhulu!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 319)

Nonke niyakujabulela ukuthola umvuzo phambi kukaNkulunkulu nokuba ababekelwe umusa Wakhe emehlwenu Akhe. Lokhu kuyisifiso sawo wonke umuntu emuva kokuqala ukukholwa kuNkulunkulu, ngokuba umuntu ulwela izinto eziphezulu ngenhliziyo yakhe yonke futhi akekho ofisa ukuba semuva kwabanye. Lena indlela yomuntu. Ngenxa kanye yalesi sizathu, abaningi kini bahlala bezama ukuthola umusa kaNkulunkulu ezulwini, nokho empeleni, ukwethembeka nobuqotho kuNkulunkulu, kuncane kakhulu kunokwethembeka nobuqotho enikubhekise kini. Kungani ngisho lokhu? Ngenxa yokuthi angikwazisi nakancane ukwethembeka kwenu kuNkulunkulu, futhi ngiyakuphika ukuba khona kukaNkulunkulu okhona ezinhliziyweni zenu. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu enimkhonzayo, lo Nkulunkulu ongacacile enimthandayo, akekho nhlobo. Isizathu esenza ukuba ngisho lokhu ngesiqiniseko ukuthi nikude kakhulu noNkulunkulu weqiniso. Isizathu sokuthi nibe nokwethembeka suvela ebukhoneni besithixo phakathi ezinhliziyweni zenu, kodwa ngokwami, uNkulunkulu obonakala engemkhulu futhi engemncane emehlweni enu, konke enikwenzayo ukungemukela ngamazwi. Lapho ngikhuluma ngebanga lenu enikude ngalo kuNkulunkulu, ngikhuluma ngokuthi nikude kangakanani noNkulunkulu weqiniso, lapho lo Nkulunkulu ongacacile kusengathi useduze kakhulu. Uma ngithi “ongemkhulu” kumayelana nokuthi uNkulunkulu enikholwa Kuye manje ubonakala engumuntu nje ongenawo amakhono amakhulu; umuntu ongaphakeme kakhulu. Futhi uma ngithi “ongemncane,” lokhu kusho ukuthi nakuba lo muntu engeke abize umoya futhi akhuze imvula, nokho uyakwazi ukubiza uMoya kaNkulunkulu ukuba wenze umsebenzi onyakazisa amazulu nomhlaba, kanjalo ashiye umuntu ekhexile. Ngaphandle, nonke nibukeka ningabamlalelayo impela lo Kristu osemhlabeni, nokho empeleni anikholwa Kuye futhi animthandi. Engikushoyo ukuthi okunguyena enikholwa kuye ngeqiniso yilo Nkulunkulu ongaqondakali osemizweni yenu, futhi okunguyena enimthanda ngeqiniso uNkulunkulu enimlangazelelayo ubusuku nemini, nakuba ningakaze nimbone ngqo. Mayelana nalo Kristu, ukukholwa kwenu kuyingxenyana, futhi uthando lwenu Kuye luyize. Inkolo isho ukukholwa kanye nethemba; uthando lusho indumiso nokuncoma enhliziyweni, akuhlukani. Nokho ukukholwa nothando kuKristu wanamuhla kusele kakhulu kulokhu. Uma kuza ekukholweni, nikholwa kanjani Kuye? Uma kuza othandweni, nithanda kanjani? Aniqondi lutho ngesimo Sakhe, ingasaphathwa eyengqikithi Yakhe, ngakho nikholwa Kuye kanjani? Likuphi iqiniso lokukholwa kwenu Kuye? Nimthanda kanjani? Liphi iqiniso lothando lwenu Kuye?

Baningi abangilandelile ngaphandle kokungabaza kuze kube namuhla, futhi kule minyaka embalwa, nonke nibe nokukhathala. Ngisiqondisise ngokuphelele isimo semvelo kanye nemikhuba yenu ngamunye, futhi kbe nzima kakhulu ukusebenzisana nani. Okudabukisayo ukuthi nakuba ngithole ulwazi oluningi ngani, aninakuqonda nokuncane Ngami. Yingakho abantu bethi naluthwa umuntu ngomzuzu wokudideka. Ngempela, aniqondi lutho ngesimo Sami, ingasaphathwa eyokuqonda okusemqondweni Wami. Manje ukungaqondi ngokuyikho kwenu Ngami kuyakhula, futhi ukukholwa kwenu Kimi kuhlala kuwukukholwa okudidekile. Kunokuba kuthiwe niyakholwa Kimi, kungafaneleka kakhulu ukuthi kuthiwe nonke nizama ukuncenga umusa Wami futhi niyangibungaza nizenza bahle Kimi. Izinhloso zenu zilula—noma ubani ongangivuza, ngizomlandela, noma ubani ongangenza ngiphunyuke ezinhlekeleleni ezinkulu, ngiyomkholwa, kungaba uNkulunkulu noma imuphi uNkulunkulu othile. Akukho kulokhu okungikhathazayo. Baningi abantu abanje phakathi kwenu, futhi lesi simo sibucayi kakhulu. Uma ngolunye usuku, kungenziwa isivivinyo sokubona ukuthi bangaki phakathi kwenu abakholwa kuKristu ngoba ninokuqonda ngengqikithi Yakhe, ngiyesaba ukuthi akekho kini oyokwazi ukwenza lokhu engikufisayo. Ngakho ngeke kunilimaze ukucabanga lo mbuzo: UNkulunkulu enikholwa Kuye uhluke kakhulu Kimi, ngakho uma kunjalo, iyini ingqikithi yokukholwa kwenu kuNkulunkulu? Ngesikhathi nikholwa kakhulu kulowo enimbiza ngoNkulunkulu, kungesikhathi nideda kakhulu Kimi-ke umthombo wale ndaba? Ngiqinisekile ukuthi akekho noyedwa kini owake wacabanga ngale ndaba, kodwa ubunzima bale ndaba sebuke bakukhanyela nje? Nike nacabanga ngemiphumela yokuqhubeka nalolu hlobo lokukholwa?

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 320)

Ngibabonga kakhulu labo abangenazinsolo ngabanye futhi ngithanda kakhulu nalabo abasheshayo ukwemukela iqiniso; kulolu hlobo olubili lwabantu ngibonisa ukunakekela okukhulu, ngokuba emehlweni ami bangabantu abaneqiniso. Uma unenkohliso kakhulu, uyoba nenhliziyo eqaphile nemicabango yokusola ngezindaba zonke kanye nabantu bonke. Ngalesi sizathu, ukukholwa kwakho Kimi kwakhelwe esisekelweni sokusola. Ukholo olunje yilolu engingasoze ngalwemukela. Ngokweswela ukukholwa kweqiniso, uyoqheka kakhudlwana othandweni lwangempela. Futhi uma ukwazi ukungabaza uNkulunkulu uzicabangela Ngaye ngokuthanda, ngaphandle kokungabaza-ke ungumkhohlisi omkhulu kakhulu kubantu. Uyacabangela ukuthi ingabe uNkulunkulu angafana yini nomuntu: unesono ngokungaxoleleki, unesimilo esinobungqonjwana, awunabo ubuqotho nengqondo, weswele umqondo wobulungiswa, uthanda amasu anesihluku, ukukhohlisa, nobuqili, nokuthokoziswa ububi nobumnyama, kanye nokunye. Isizathu sokuba umuntu abe nemicabango enje akungenxa yokuthi umuntu akanalwazi noluncane ngoNkulunkulu? Uhlobo olunje lokukholwa aluhlukile esonweni! Ngaphezu kwalokho, kukhona ngisho nalabo abakholwa ukuthi labo abangijabulisayo abayilutho ngaphandle kwabazenzisi namakhothangqoko, nokuthi labo abantula la makhono abemukelekile futhi bayolahlekelwa yindawo yabo endlini kaNkulunkulu. Yilolu ulwazi olufundile kule minyaka eminingi? Ingabe ilokhu okuzuzile? Futhi ulwazi lwenu Ngami alugcini kuphela kulokhu kungaqondisisi; okubi kakhulu ukuhlambalaza kwenu uMoya kaNkulunkulu kanye nokungcolisa iZulu. Yingakho ngithi ukukholwa kwalolu hlobo olufana nolwenu luzonenza niqhele kakhulu Kimi futhi bese nimelana kakhulu Nami. Eminyakeni eminingi yomsebenzi, nibone amaqiniso amaningi, kodwa niyazi ukuthi izindlebe Zami zizweni? Bangaki kini abazimisele ukwamukela iqiniso? Nonke nikholwa ukuthi nizimisele ukukhokha intengo yeqiniso, kepha bangaki ngempela abake bahlupheka ngempela ngenxa yeqiniso? Konke okukhona ezinhiziyweni zenu ububi, futhi yingakho nikholwa ukuthi noma ubani, akunandaba ukuthi angaba ubani, unenkohliso nobugwegwe. Niyakholwa ngisho ukuthi uNkulunkulu othathe isimo somuntu angaba njengomuntu ojwayelekile, uyobe engenayo inhliziyo enomusa kanye nothando olunomusa. Ngaphezu kwalokho, nikholwa ukuthi ukuziphatha okuhle nesihe, nemvelo enomusa kukhona kuphela kuNkulunkulu osezulwini. Futhi nikholwa ukuthi ongcwele onje akekho, nokuthi ubumnyama nobubi kuphela okubusa emhlabeni, lapho uNkulunkulu eyinto umuntu abeka kuyo ukulangazelela kwakhe okulungile nokuhle, isithombe esiyinganekwane esenziwe ngumuntu. Emiqondweni yenu, uNkulunkulu osezulwini uqotho, ulungile, futhi mkhulu, ufanele ukudunyiswa nokuthandwa, kodwa lo Nkulunkulu osemhlabeni uyisibambiso nje futhi usetshenziswa uNkulunkulu osezulwini. Nikholwa ukuthi lo Nkulunkulu ngeke alingane noNkulunkulu osezulwini, ingasaphathwa eyokuthi kukhulunywe ngabo bobabili ongathi basezingeni elifanayo. Uma kukhulunywa ngobukhulu nangodumo lukaNkulunkulu, kungokukaNkulunkulu osezulwini, kodwa uma kukhulunywa ngemvelo nenkohlakalo yomuntu, kuyizici uNkulunkulu osemhlabeni oneqhaza kuzo. UNkulunkulu osezulwini uphakeme naphakade, lapho uNkulunkulu osemhlabeni engabalulekile, ebuthakathaka, engenamandla naphakade. UNkulunkulu osezulwini akasiye owemizwa, ukulunga kuphela, lapho uNkulunkulu osemhlabeni enezinhloso zobugovu kuphela futhiakanabulungiswa futhi akanangqondo. UNkulunkulu osezulwini akanabo nobuncane ubugwegwe futhi uthembekile ikuze kube phakade, kulapho uNkulunkulu osemhlabeni unengxenye yokungethembeki njalo. UNkulunkulu osezulwini uthanda umuntu kakhulu, lapho uNkulunkulu osemhlabeni unakekela umuntu ngokungagculisi, kokunye angamnaki nhlobo. Lolu lwazi oluyiphutha kade lugcinwe ezinhliziyweni zenu futhi lungabhebhethekiswa esikhathini esizayo. Nibheka zonke izenzo zikaKristu nizithathela ephuzwini lokungalungi futhi nicubungule wonke umsebenzi Wakhe, ubunjalo nengqikithi Yakhe ngeso lababi. Nenze iphutha elinzima ngokwenza okungakaze kwenziwe abeze ngaphambili kwenu. Okungukuthi, nikhonza kuphela uNkulunkulu ophakeme osezulwini, onomqhele ekhanda lakhe futhi anikaze nimnake uNkulunkulu enimthathela phansi njengongabalulekile ngendlela yokuthi akabonakali kini. Ingabe akusona yini isono senu lesi? Ingabe akusona yini isibonelo esijwayelekile secala lenu lokumelana nesimo sikaNkulunkulu? Niyamkhonza impela uNkulunkulu osezulwini. Niyayidumisa impela imifanekiso ephakeme futhi nazise kakhulu labo abagqame ngobugagu bokukhuluma. Niyayalwa ngokuthokoza nguNkulunkulu ogcwalisa izandla zenu ngengcebo, futhi niyamlangazelela kakhulu uNkulunkulu ongagcwalisa konke ukulangazelela kwenu. Okunguyena yedwa eningamdumisi yilo Nkulunkulu ongaphakeme: into eyodwa eniyizondayo ukuxhumana nalo Nkulunkulu okungekho muntu omhlonisphayo. Into eyodwa eningazimisele ukuyenza, ukukhonza uNkulunkulu ongakaze aninike neyodwa indibilishi, futhi oyedwa kuphela ongakwazi ukunenza nimlangazelele, yilo Nkulunkulu ongathandeki. Lolu hlobo lukaNkulunkulu ngeke lunenze ukuba nikhulise impelamehlo yenu, nizizwe sengathi nithole ingcebo, ingasaphathwa eyokufeza lokho enikufisayo. Kungani-ke, nimlandela?

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 321)

Nike nayicabanga imbuzo efana nale? Lokhu enikwenzayo akumcasuli lo Kristu nje kuphela, okubalulekile kakhulu, ukuthi kucasula uNkulunkulu osezulwini. Lokhu akuyona, ngiyacabanga, injongo yokukholwa kwenu kuNkulunkulu! Nilangazelela kakhulu ukuba uNkulunkulu athokoze ngani, kepha nikude kakhulu noNkulunkulu. Kwenzakalani la? Namukela kuphela amazwi Akhe, kepha hhayi ukunisebenza noma nokuthena Kwakhe, ingasaphathwa eyokwazi kwenu ukwamukela ukuhlela konke Kwakhe, ukuba nokukholwa okuphelele Kuye. Ingabe, ngempela, ikuphi inkinga lapha? Ekugcineni, ukukholwa kwenu kuyigobongo leqanda elingasoze lakhipha itshwele. Ngokuba ukukholwa kwenu akunilethelanga iqiniso noma kunizuzele ukuphila, kodwa kuna lokho kunilethele umuzwa oyinkohliso wethemba nokwesekwa. Injongo Yenu ngokukholwa kuNkulunkulu yileli themba nomuzwa wokwesekwa kuneqiniso nokuphila. Ngakho-ke, Ngithi umgudu wokholo lwenu kuNkulunkulu awulutho ngaphandle nje kokuzincengela umusa kaNkulunkulu ngokuzenzisa nokungabi namahloni, futhi angeke kuze kuthathwe njengokukholwa kweqiniso. Lingavela kanjani itshwele ekukholweni okufana nalokhu? Ngamanye amazwi, isiphi isithelo esingavezwa yilolu hlobo lokukholwa? Injongo yokukholwa kwenu kuNkulunkulu ngukusebenzisa uNkulunkulu ukufeza izinhloso zenu. Ingabe lokhu akukhombisi iqiniso elibonisa icala esimweni sikaNkulunkulu? Nikholwa ebukhoneni bukaNkulunkulu osezulwini kodwa niphike uNkulunkulu osemhlabeni. Nokho, angiyivumi imibono yenu. Ngincoma kuphela labo bantu abathobekile futhi abakhonza uNkulunkulu osemhlabeni, hhayi labo abangamemukeli uKristu osemhlabeni. Noma ngabe laba bantu bathembeke kanjani kuNkulunkulu osezulwini, ekugcineni, ngeke baphunyuke esandleni Sami esijezisa ababi. Laba bantu bangababi; bangababi abaphikisa uNkulunkulu futhi abangakaze balalele uKristu ngentokozo. Kunjalo, inani labo lifaka nabo bonke abangazi, futhi abangamvumi uKristu. Ingabe ukholwa ukuthi ungenza ngendlela oyithandayo kuKristu uma nje usathembekile kuNkulunkulu osezulwini? Akunjalo! Ukungazi kwakho ngoKristu kuwukungazi ngoNkulunkulu wasezulwini futhi. Noma ngabe uthembeke kangakanani kuNkulunkulu osezulwini, kungamazwi ayize nokuzenzisa, ngokuba uNkulunkulu osemhlabeni akabalulekile kuphela ekutheni umuntu athole iqiniso kanye nolwazi olujulile, kodwa ubalulekile nakakhulu ekujeziseni umuntu emva kwalokho nokubamba amaqiniso okujezisa ababi. Ingabe uyayiqonda imiphumela ezuzisayo nelimazayo lapha? Ingabe usudlulile kukho? Nginifisela ukuthi niliqonde leli qiniso ngolunye usuku oluseduze: Ukuze nazi uNkulunkulu, akumele nazi uNkulunkulu osezulwini kuphela, kodwa okubaluleke kakhulu, uNkulunkulu osemhlabeni. Ningadideki ngalokho okusemqoka noma nivumele okungaphansi kwedlule okumqoka. Kungale ndlela kuphela lapho ungakwazi khona ukwakha ngeqiniso ubudlelwano obuhle noNkulunkulu, nokusondela kuNkulunkulu, futhi ulethe inhliziyo yakho eduze Kwakhe. Uma ubungowenkolo iminyaka eminingi futhi sesiside isikhathi uhlobene Nami, kepha uhlala uqhelile Kimi, Ngithi kungenxa yokuthi ujwayele ukucasula isimo sikaNkulunkulu, futhi isiphetho sakho kuyoba nzima ukubhekana naso. Uma le minyaka eminingi yokuhlobana Nami ingehlulekanga kuphela ukukuguqulela kumuntu onobuntu neqiniso, kunalokho, yagxilisa izindlela zobubi bakho emvelweni yakho, futhi awunamibono yobukhulu ephindwe kabili kunakuqala kodwa ukungangiqondisisi kwakho knakho kuphindaphindiwe, ngendlela yokuthi uze ungithathe njengomngane wakho omncane, Ngithi-ke ukuhlupheka kwakho akusekuncane nje kodwa sekungene nasemathanjeni akho uqobo. Konke okusele ukuthi ulinde ukuba kwenziwe amalungiselelo omngcwabo wakho! Awudingi ukungincenga ngaleso sikhathi ukuthi Ngibe uNkulunkulu wakho, ngoba wenze isono esifanelwe ukufa, isono esingenakuthethelelwa. Noma ngabe bengingaba nomusa kuwe, uNkulunkulu osezulwini uzophikelela nokuthatha impilo yakho, ngenxa yokuthi icala lakho esimweni sikaNkulunkulu aliyona inkinga ejwayelekile, kodwa olohlobo olunzima kakhulu. Uma sesifika isikhathi, ungangisoli ngokuthi angikutshelanga ngaphambili. Konke kubuyela ekuthini: uma uhlobene noKristu—uNkulunkulu osemhlabeni—njengomuntu ojwayelekile, okungukuthi, uma ukholwa ukuthi lo Nkulunkulu akalutho kodwa ngumuntu nje, yilapho-ke uyobhubha khona. Lesi yisexwayiso esisodwa Sami kini nonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 322)

Kumuntu kukhona izwi lokukholwa elingenasiqiniseko, nokho umuntu akazi ukuthi yini eyakha ukukholwa, ingasaphathwa eyokuthi kungani enokholo. Umuntu uqonda okuyingcosana futhi umuntu ngokwakhe akanalwazi; umane abe nokukholwa Kimi ngokungacabangi nangokungabi nalwazi. Nakuba engazi ukuthi kuyini ukukholwa nokuthi kungani ekholelwa Kimi, uyaqhubeka nokukwenza ngokuthatheka. Engikucelayo kumuntu akusikhona nje ukuthi angibize ngale ndlela yokuthatheka noma akholwe Kimi ngendlela engenanjongo. Ngoba umsebenzi engiwenzayo owokuthi umuntu angibone futhi afinyelele ekungazini, hhayi ukuthi umuntu ngimhlabe umxhwele nje futhi angibheke ngamanye amehlo ngenxa yomsebenzi Wami. Ngiye ngazibonakalisa ngaphambilini ngezibonakaliso kanye nezimangaliso eziningi futhi ngenza izimangaliso eziningi. Abakwa-Israyeli ngesinye isikhathi bangincoma kakhulu futhi bahlonipha kakhulu ikhono Lami elahlukile lokuphilisa abagulayo nokuxosha amadimoni. Ngaleso sikhathi, amaJuda ayecabanga ukuthi amandla Ami okuphilisa angubuciko futhi angaphezu kokujwayelekile. Ngenxa yezenzo Zami eziningi zalolo hlobo, bonke bangiphatha ngenhlonipho; bawathakasela kakhulu amandla Ami wonke. Ngakho, noma ngubani owangibona ngenza izimangaliso wangilandela eduze, ngale ndlela yokuthi izinkulungwane zazingizungeza ukuze bangibukele ngiphilisa abagulayo. Ngabonakalisa izibonakaliso eziningi kanye nezimangaliso, kepha umuntu wamane wangithathisa okwenyanga enekhono; ngaphinde ngakhuluma amazwi amaningi okufundisa kulabo bantu ngaleso sikhathi, kepha Mina bangithathisa okothisha omkhulu kunabafundi bakhe! Kuze kube namuhla, emva kokuba abantu sebebone okubhaliwe ngomlando womsebenzi Wami, ukuhumusha kwabo kuyaqhubeka nokuthi ngiyinyanga enkulu ephilisa abagulayo nothisha kwabangenalo ulwazi. Futhi baye bazinqumela bona ukuthi ngiyiNkosi uJesu Kristu enomusa. Labo abahumusha umbhalo kungenzeka ukuba baye balichaza ngokweqile ikhono Lami lokuphulukisa, noma mhlawumbe kube abafundi manje asebedlula uthisha wabo, nokho abantu abanjenga laba bodumo olukhulu, amagama abo aziwa umhlaba wonke, bangithathela phansi kakhulu okwenyanga! Izenzo Zami ziningi kunezihlabathi zolwandle, futhi ukuhlakanipha Kwami kukhulu kunokwawo wonke amadodana kaSolomoni, nokho abantu bacabanga Ngami ngokungeya njengenyanga engatheni kanye nothisha wabantu ongaziwa. Baningi kakhulu abakholwa Kimi kuphela ukuze ngibaphilise. Baningi kakhulu abakholwa Kimi kuphela ukuze ngisebenzise amandla Ami ukuba ngixoshe imimoya engcolile emizimbeni yabo, futhi baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze nje bamukele ukuthula kanye nenjabulo Kimi. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze kuphela bafune Kimi ingcebo eningi kakhudlwana. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bachithe lokhu kuphila ngendlela enokuthula futhi ukuze balondeke futhi baphile kahle ezweni elizayo. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bagweme ukuhlupheka esihogweni futhi bamukele izibusiso ezivela ezulwini. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bathole ukunethezeka kwesikhashana, kodwa abafuni ukuzuza lutho ezweni elizayo. Ngesikhathi ngiletha intukuthelo phezu komuntu futhi nginqamula yonke injabulo kanye nokuthula ake waba nakho kwasekuqaleni, umuntu wabe eseba nokungabaza. Ngesikhathi nginika umuntu ukuhlupheka kwase sihogweni futhi ngimphuca izibusiso zase zulwini, ihlazo lomuntu laphenduka intukuthelo. Ngesikhathi umuntu ecela ukuba ngimphulukise, angimnakanga; umuntu wasuka kimi ukuze kunalokho afune indlela yemithi emibi nokuthakatha. Ngesikhathi ngithatha konke lokhu umuntu ayekade ekufune Kimi, bonke banyamalala bahamba bashona. Ngalokho, Mina ngithi umuntu unokukholwa Kimi ngoba ngenzelana umusa omkhulu, futhi kuningi kakhulu okuyinzuzo. AmaJuda ayekholwa Kimi ngenxa yomusa Wami, futhi angilandela noma kuphi lapho ngiya khona. Laba bantu abazikhukhumezayo futhi abanolwazi oluncane kanye nokuhlangenwe nakho okulinganiselwe, babefuna kuphela izibonakaliso nezimangaliso engangizenza Mina. Bangibona njengenhloko yendlu yamaJuda engangiyenzela izimangaliso ezinkulu. Ngakho-ke, ngesikhathi ngixosha amadimoni kubantu, bakhuluma bodwa benokudideka okukhulu, bathi ngingu-Eliya, nginguMose, ngingomunye wabaprofethi bakudala kakhulu basemandulo, Ngiyinyanga enkulu kunazo zonke. Ngaphandle kokuthi ngizisholo Mina ukuthi ngingukuphila, indlela, kanye neqiniso, akekho owabe azi ngobukhona Bami noma ubunjalo Bami. Ngaphandle kokuthi Mina ngisho ukuthi izulu indawo lapho uBaba Wami ehlala khona, akekho obazi ukuthi Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu, futhi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngaphandle kokuthi ngisho Mina uqobo ukuthi ngiyoletha ukuhlengwa kubantu bonke futhi ngibe isihlengo sesintu, akekho owabe azi ukuthi nginguMhlengi wesintu; abantu babengazi kuphela njengendoda enomusa futhi enesihawu. Futhi ngaphandle kokuthi ngikwazi ukuchaza konke Ngami, akekho owakwazi ukungibona, futhi akekho owakholwa ukuthi Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu ophilayo. Umuntu unalolu hlobo lokukholwa Kimi, futhi uyakhohlisa ngale ndlela. Umuntu angafakaza kanjani Ngami uma engibona ngale ndlela?

Kucashunwe embhalweni othi “Yini Oyaziyo Ngokukholwa?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 323)

Abantu sebekholwe kuNkulunkulu isikhathi eside, nokho abaningi kubo abaliqondi igama elithi “Nkulunkulu.” Bayalandela nje ngokudideka. Abaqondi ukuthi kungani umuntu kumele akholwe kuNkulunkulu noma ukuthi ngempela uyini uNkulunkulu. Uma abantu bazi ukukholwa nokulandela uNkulunkulu kuphela, kodwa bengazi ukuthi uyini uNkulunkulu, futhi bengamqondi uNkulunkulu, ngabe lokhu akusilo yini ihlaya elikhulu emhlabeni? Nakuba abantu manje sebebone izimfihlakalo eziningi zasezulwini futhi sebezwile ngolwazi olujulile umuntu abengakaze abe nalo ngaphambili, basebumnyameni ngamaqiniso amaningi alula, futhi angakacatshangwa okwamanje. Abanye abantu bangathi, “Sesikholwe kuNkulunkulu iminyaka eminingi. Kungenzeka kanjani ukuthi singamazi uNkulunkulu? Akusehlisi lokhu?” Kodwa eqinisweni, nakuba bonke bengilandela namuhla, akekho noyedwa onokuqonda konke ngalo msebenzi wamanje. Baziba nemibuzo esobala futhi elula, ingasaphathwa eyale enzima kakhulu enjengaleyo engoNkulunkulu. Imibuzo eniyizibayo futhi ningakwazi ukuyiqonda, yiyo okumele ngabe niyayiqonda kakhulu. Nazi kuphela ukulandela isixuku, ninganaki futhi ningabi nandaba nenifanele ukuzihlomisa ngakho. Ngabe niyazi ngempela ukuthi kungani kumele nikholwe kuNkulunkulu? Ngabe niyazi ukuthi uyini uNkulunkulu? Ngabe niyazi ukuthi uyini umuntu? Njengomuntu onokukholwa kuNkulunkulu, uma uhluleka ukuqonda lezi zinto, awulahlekelwa yini isithunzi sekholwa likaNkulunkulu? Umsebenzi Wami namuhla yilo: ukwenza abantu baqonde ingqikithi yabo, baqonde konke engikwenzayo, bazi ubuso beqiniso bukaNkulunkulu. Lesi yisenzo sokugcina sohlelo Lwami lokuphatha, isigaba sokugcina somsebenzi Wami. Yingakho nginitshela zonke izimfihlakalo zempilo ngaphambili, ukuze nina nonke nizamukele Kimi. Njengoba lo kungumsebenzi wenkathi yokugcina, kumele nginitshele onke amaqiniso empilo eningakaze nibe nawo ngaphambili, noma ngabe niyahluleka ukuwabamba futhi anikwazi nokuwabekezelela, ngenxa yokuthi nintula kakhulu futhi anihlomile kahle. Ngifuna ukuphetha umsebenzi Wami, ukuqeda wonke umsebenzi Wami odingekayo, futhi nginazise ngokugcwele lokhu enginiyala ukuba nikwenze, funa niduke futhi bese niwela enkohlisweni yomubi ngesikhathi ubumnyama behla. Ziningi izindlela ngaphezu kokuqonda kwenu, ziningi izindaba eningaziqondi. Aninalwazi kabi. Ngisazi kahle isiqu senu kanye namaphutha enu. Ngakho, nakuba emaningi amazwi eningeke nikwazi ukuwabamba, ngisafuna ukunitshela wonke la maqiniso eningakaze niwabambe ngaphambilini—ngoba ngihlala ngikhathazeka ngezinga lesiqu senu samanje, ukuthi niyokwazi yini ukungifakazela. Akusho ukuthi nginibukela phansi. Nonke niyizilwane ezingakaze zingene ekuqeqesheni Kwami okusemthethweni futhi kuyangabazeka ngempela ukuthi ngabe ingakanani inkazimulo ekini. Nakuba ngichithe amandla amakhulu kakhulu ngisebenza Kini, kubonakala sengathi izimpawu ezinhle azibonakali okwempela, lapho izimpawu ezimbi zibaleka ngeminwe futhi zisebenze njengobufakazi bokuhlaza uSathane. Cishe konke okunye kini ngubuthi bukaSathane. Nibukeka kiMina sengathi ngeke kusenzeka ukuba nisindiswe. Ngokuma kwezinto, ngibuka ukukhuluma nokuziphatha kwenu okwehlukene, futhi ekugcineni, sengiyalazi izinga lesiqu senu seqiniso. Yingakho ngilokhu ngikhathazeka ngani: Uma engashiywa ukuze aziphilele ngokwakhe, umuntu angagcina esengcono noma esafana nayikho namuhla? Anikhathazekile yini ngezinga lobungane benu? Ningaba yini ngempela njengabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli, nethembeke Kimi futhi Kimi kuphela ngaphansi kwazo zonke izimo? Lokhu okuvezwa kinina akusikho ukuganga kwezingane ezedukele abazali bazo, kodwa ubulwane obuqubuka ezilwaneni uma zikude nesibhaxu sikamninizo. Kumele niyazi imvelo yenu, okungubuthakathaka eninakho nonke, ukugula kwenu okufanayo. Ngakho, ukuniyala Kwami okukodwa namuhla ukuthi nimele ubufakazi Bami. Ningalokothi kunoma kusiphi isimo, nivumele ukugula kwenu kwakudala kugqamuke futhi. Into ebaluleke kunazo zonke ukunikeza ubufakazi. Leyo yinhliziyo yomsebenzi Wami. Kumele namukele amazwi Ami njengoMariya emukela isambulo sikaJehova esafika kuye ngephupho, ukukholwa bese kuba ukulalela. Yilokhu kuphela okuthathwa ngokuthi ukuba msulwa. Ngokuba inina enizwa amazwi Ami kakhulu, yinina enibusiswe yiMina kakhulu. Ngininika zonke izinto Zami ezibalulekile, nginipha konke ngokuphelele. Izinga lenu nabantu bakwa-Israyeli, nokho, lihlukene kakhulu, njengokuhlukana kwamazwe aqhelelene kakhulu. Kepha, uma niqhathaniswa nabo, namukela okuningi kakhulu. Ngesikhathi belindele ukubonakala Kwami ngokulangazelela okukhulu, nichitha izinsuku ezimnandi Nami, nabelana ngengcebo Yami. Uma kuqhathaniswa, yini eninika ilungelo lokuklabalasa nokuphikisana Nami bese nifuna ingxenye yezinto Zami? Ngabe anitholi okwanele? Ngininika okuningi, kakhulu kodwa ningibuyisela ngenhliziyo enokudabuka nokukhathazeka okukhulu kanye nenzondo nokungeneliseki okungavimbeki. Niyenyanyeka ngokweqile, kepha futhi niyadabukisa, ngakho ngiyaphoqeka ukuthi ngigwinye yonke inzondo Yami bese ngizwakalisa ukukhononda Kwami kini njalo njalo. Kule minyaka eyizinkulungwane eziningi yomsebenzi, angikaze ngiphikise isintu ngaphambili ngoba ngithole ukuthi emlandweni wokuthuthuka kwesintu, yilabo kuphela abakhohlisayo phakathi kwenu abadume kakhulu. Bafana namafa ayigugu, eniwashiyelwe ukhokho odumile wasemandulo. Ngizizonda kabi lezo zingulube nezinja ezingebantu. Aninanembeza kakhulu! Isimilo senu siphansi kakhulu! Izinhliziyo zenu ziqinile kakhulu! Ukuba ngathatha la mazwi Ami kanye nalo msebenzi Wami ngakuyisa kuma-Israyeli, ngabe kade ngathola udumo. Kodwa akunjalo phakathi kwenu. Phakathi kwenu kukhona ukunganakwa okunesihluku, ukudikilwa yinina, kanye nezaba zenu. Aninamizwa kakhulu futhi niyize leze!

Kucashunwe embhalweni othi “Kuthini Ukuqonda Kwakho UNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 324)

Nonke manje kufanele niqonde incazelo yeqiniso yokukholwa kuNkulunkulu. Incazelo yokukholwa kuNkulunkulu engikhulume ngayo phambilini ihlobene nokuvunyelwa kwakho ukuba ungene. Akunjalo namuhla. Namuhla ngingathanda ukuhlaziya umsuka wokholo lwenu kuNkulunkulu. Empeleni, lokhu kuniqondisa kunisusa engxenyeni engenhle; uma ngingenzi kanjalo, lokho kungasho ukuthi anisobe nabazi ubuso benu obuyiqiniso futhi niyohlale niqhosha ngokuzinikela kanye nangokwethembeka kwenu. Ngamanye amazwi, uma ngingakumbi ukujula kobubi ezinhliziyweni zenu, lokho kuzosho ukuthi omunye nomunye wenu uzozibeka umqhele ekhanda lakhe, azinike yonke inkazimulo. Imvelo yenu yokuzidla nokuziqhenya yikho okunenza nikhaphele onembeza benu, nihlubuke futhi nimelane noKristu, nembule ububi benu, futhi ngalokho niziveza obala izinhloso zenu, enikucabangayo, nezifiso ezinobugovu kanye namehlo enu agcwele umhobholo. Kodwa nisaqhubeka nithi nizonikela yonke impilo yenu emsebenzini kaKristu, futhi niwandaphinda njalo amaqiniso akhulunywa uKristu kudala. Lolu “ukholo” lwenu. Lolu “ukholo lwenu olungangcolile.” Sonke lesi sikhathi, ngibambe umuntu ngemithetho eqinile. Uma ubuqotho bakho buhambisana nezinhloso nemibandela, kungono ukuthi ngingabi nakho lokhu enikubiza ngobuqotho, ngoba ngiyabazonda labo abangikhohlisa ngezinhloso zabo futhi bangiluthe ngezimo. Ngifisa kuphela sengathi umuntu abe qotho ngokuphelele Kimi, hhayi komunye umuntu, futhi enze zonke izinto ngenxa yami abonise ubuqiniso futhi afakazele leli gama elilodwa elithi: ukholo. Ngiyakwenyanya ukusebenzisa kwenu amazwi amtoti ukuze ningenze ngijabule. Ngoba ngihlale nginiphatha ngobuqotho obuphelele futhi ngifisa ukuthi nani nenze ngokholo lweqiniso kimi. Lapho kukhulunywa ngokholo, abaningi bangase bacabange ukuthi balandela uNkulunkulu ngenxa yokuthi banokholo, uma kungenjalo bebengeke bakwazi ukubekezelela ukuhlupheka okufana nalokhu. Nakhu engikubuza khona: Kungani ungamhloniphi uNkulunkulu nakuba ukholwa ukuthi ukhona? Kungani ungamesabi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu uma nikholwa ebukhoneni Bakhe? Uyakwemukela ukuthi uKristu unguNkulunkulu osesimweni somuntu, pho kungani umedelela kanje? Kungani wenza ngokungahloniphi kangaka Kuye? Kungani umahlulela esidlangalaleni? Kungani nihlale nihlola izinyathelo Zakhe? Kungani ningazamukeli izinhlelo Zakhe? Kungani ningenzi izinto ngokuvumelana nezwi Lakhe? Kungani nimephuca futhi nimphamba ngeminikelo Yakhe? Kungani nikhuluma esikhundleni sikaKristu? Kungani nahlulela ukuthi umsebenzi nezwi Lakhe kulungile noma cha? Kungani nibe nesibindi sokumhlambalaza ngemuva Kwakhe? Ingabe lokhu nokunye kuyizinto ezakha ukholo lwenu?

Zonke izingxenye ezikhulumayo nokuziphatha kwenu kwembula izimpawu zokungakholwa kuKristu enihamba nazo ngaphakathi. Izisusa nemigomo yenu ngezinto enizenzayo kugcwele ukungakholwa; ngisho lowo muzwa osuka emehlweni enu ugcwele izimpawu ezinjalo. Ngamanye amazwi, umuntu ngamunye wenu, ngawo wonke umzuzu wosuku, uthwala izimpawu zokungakholwa. Lokhu kusho ukuthi, ngaso sonke isikhathi, usengozini yokukhaphela uKristu, ngoba igazi eligijima emzimbeni wakho ligcwele ukungakholwa ngokuba khona kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngakho, ngithi imilobo yezinyawo eniyishiya endleleni yokukholwa kuNkulunkulu ayinalutho olutheni. Nohambo lwenu endleleni yokukholwa kuNkulunkulu alugxilile, kunalokho nimane niyenza nje. Nihlale nilisola izwi likaKristu futhi anikwazi ukulenza ngaleso sikhathi. Lesi isizathu esenza ningabi nalo ukholo kuKristu, futhi imicabango enihlale ninayo ngaye ingesinye sezizathu ezinenza ningakholwa kuKristu. Nihlale ninokungabaza ngomsebenzi kaKristu, nivumela izwi likaKristu ukuba liwele ezindlebeni ezingezwa, ninemicabango nganoma yimuphi umsebenzi owenziwa uKristu, futhi ningakwazi ukuwuqonda ngokuyikho, nikuthola kunzima ukuyeka imicabango kungakhathaleki noma senithola ukuchazelwa, njalo njalo; zonke lezi izimpawu zokungakholwa ezinqwabelene ezixubene ezinhliziyweni zenu. Nakuba nilandela umsebenzi kaKristu futhi ningalokothi nisalele emuva, kunokuhlubuka okuningi ezinhliziyweni zenu. Lokhu kuhlubuka kuwukungcola ekukholweni kwenu kuNkulunkulu. Mhlawumbe awuvumelani nalokho, kodwa uma ungakwazi ukubona izinhloso zakho kukho, nakanjani uzoba yilowo ozobhubha. Ngoba uNkulunkulu uphelelisa labo abakholwa Kuye ngokweqiniso, hhayi labo abamlandela ngokungabaza ngaleya kokungakholwa ukuthi unguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 325)

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo kuthiwa ngabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele. Bakhuluma ngokunikelela uNkulunkulu, kodwa amehlo abo agxile kubefundisi kanye nothisha abaphakeme, bamshaya indiva uKristu. Izinhliziyo zabo zigcwele udumo, ingcebo nokukhazimula. Abakukholwa nhlobo ukuthi umuntukazana angakwazi ukunqoba abantu abaningi, nokuthi ongagqamile kangako angakwazi ukuphelelisa abantu. Abakukholwa nhlobo ukuthi laba bantu abengelutho abaphakathi kothuli nezindunduma zobulongwe bangabantu abakhethwe uNkulunkulu. Bakholwa ukuthi uma abantu abanjalo beyinjongo yokusindisa kukaNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi amazulu nomhlaba kuyophenduka kubheke phansi bese bonke abantu befa insini. Bakholwa ukuthi uma uNkulunkulu ekhethe ukuba kupheleliswe abantu abangelutho kanjalo, lokho kuyosho ukuthi izicukuthwane ziyoba nguNkulunkulu uqobo. Imibono yabo ingcoliswe ukungakholwa; impela, kude nokungakholwa, bayizilwane zasendle eziyiziphukuphuku. Ngoba ukuphela kwezinto abazazisayo isikhundla, ukuhlonishwa kanye namandla; into abayazisa kakhulu amaqembu namahlelo amakhulu. Abanandaba nhlobo nalabo abaholwa uKristu; bangamambuka nje afulathele uKristu, iqiniso kanye nokuphila.

Into oyazisayo akukhona ukuthobeka kukaKristu, kodwa abelusi bamanga abavelele. Awukuthandi ukuthandeka noma ukuhlakanipha kukaKristu, kodwa uthanda izifebe ezigcwele ezweni elikhohlakele. Uyabuhleka ubuhlungu bukaKristu ongenayo indawo yokufihla ikhanda Lakhe, kodwa uyazazisa lezo zidumbu zabantu ezidla iminikelo ziphile emanyaleni. Awuzimisele ngokuhlupheka kanye noKristu, kodwa uya ngenjabulo ezingalweni zalabo abangenanhliziyo abaphika uKristu ngoba bekunika okwenyama kuphela, amagama kuphela, nokulawula kuphela. Ngisho namanje inhliziyo yakho isaphendukela kubo, edumeleni labo, esikhundleni sabo, nasethonyeni labo. Kodwa wena usaqhubeka nesimo somqondo othola ngaso umsebenzi kaKristu ulukhuni ukwamukeleka futhi ungazimiseli ukuwamukela. Kungalesi sizathu ngithi aninalo ukholo lokuvuma uKristu. Isizathu esenza ukuthi nimlandele kuze kube manje ukuthi akukho okunye enaningakwenza. Uchungechunge. lwezithombe eziphakeme enhliziyweni yakho; ngeke ukwazi ukukhohlwa wonke amazwi nezenzo zazo, ngisho namazwi nezandla zabo okunethonya. Enhliziyweni yakho, bayohlale bephakeme futhi bengamaqhawe amakhulu. Kodwa akunjalo ngoKristu wanamuhla. Akabalulekile enhliziyweni yakho futhi akakufanele ukuhlonishwa. Ngoba ujwayeleke kakhulu, unethonya elincane kakhulu, futhi ukude kakhulu nokuphakama.

Noma kuyini-ke, ngithi bonke labo abangalihloniphi iqiniso bonke bangabangakholwa futhi nabakhapheli beqiniso. Abantu abanjalo abasoze bamukelwe uKristu. Ingabe manje usubonile ukuthi kungakanani ukungakholwa kuwe? Kungakanani ukukhaphela uKristu? Ngenxa yalokho ngiyaninxusa: Njengoba ukhethe indlela yeqiniso, kufanele uzinikele ngenhliziyo yakho yonke; ungabi mathinta-nyawo noma ube nenhliziyo engagcwele. Kufanele qonde ukuthi uNkulunkulu akayena owomhlaba noma owomuntu oyedwa, kodwa owabo bonke labo abakholwa Kuye ngeqiniso, bonke abamkhonzayo, nabo bonke abazinikele futhi abathembekile Kuye.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 326)

Ukholo lwabantu kuNkulunkulu lufuna ukuba uNkulunkulu abanike indawo efanelekile, futhi abanike wonke umusa ongaphansi kwelanga, ukwenza uNkulunkulu inceku yabo, ukwenza ukuthi uNkulunkulu agcine ubudlelwane obunokuthula nobulingani nabo, futhi ukuba zingabikho nhlobo izingxabano phakathi kwabo. Ngakho-ke, ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu kufuna ukuba uNkulunkulu athembise ukugcwalisa konke abakufunayo, ukubanika noma yini abayithandazelayo, njengoba kusho iBhayibheli “Ngizolalela yonke imithandazo yenu.” Badinga ukuthi uNkulunkulu angahluleli abantu noma abhekane nabo, ngoba uNkulunkulu uhleli enguMsindisi uJesu onesihe, ogcina ubudlelwane obuhle nabantu bonke ngaso sonke isikhathi nezindawo zonke. Bakholelwa endleleni enjena: Bafuna izinto kuNkulunkulu ngokungenamahloni, bekholwa ukuthi uzobanika lezo zinto ngobumpumputhe, noma ngabe bayahlubuka noma bayalalela. Bayaqhubeka nokufuna ukukhokhwa “kwesikweletu” kuNkulunkulu, bekholwa ukuthi kufanele “abakhokhele” ngaphandle kokuzabalaza futhi, ngaphezu kwalokho, akhokhe ngokuphindwe kabili; bacabanga ukuthi, noma ngabe uNkulunkulu kukhona akutholile kubona noma cha. Angakwazi ukuba semseni wabo kuphela; akakwazi ukuqondisa abantu ngaphandle kokunika umthetho, ingasaphathwa eyokuba aveze ubuhlakani Bakhe nesimo sokulunga ebesilokhu sifihliwe iminyaka eminingi njengoba efisa kubantu, ngaphandle kwemvume yabo. Bavuma izono zabo nje kuNkulunkulu, bekholwa ukuthi uNkulunkulu uzovele abathethelele, futhi akumcasuli lokho, futhi uyaqhubeke kuze kube phakade. Bayalela uNkulunkulu nganoma iyiphi indlela bekholwa ukuthi uzobalalela nje, ngoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu akezelanga ukukhonzwa umuntu, kodwa ukukhonza, nokuthi weza ukuze abe yisisebenzi somuntu. Ubungalokhu yini ukholwa ngale ndlela? Uma ningazuzi lutho kuNkulunkulu nifisa ukubaleka. Futhi uma kukhona eningaqondisisi kahle niyacasuka, futhi nize nimemeze yonke inhlobo yokuhlukumezo. Ngeke nimvumele uNkulunkulu uqobo Lwakhe aveze ngokugcwele ubuhlakani nezimangaliso Zakhe, kodwa nifuna ukujabulela ukuphumula nokunethezeka okwesikhashane. Kuze kube manje, isimo sengqondo ekukholweleni kwenu kuNkulunkulu sifana nendlela yakudala yokubheka izinto. Uma uNkulunkulu enibonisa ubukhosi obuncane anithokozi; ingabe ubona kahle ukuthi isiqu sinjani? Nicabanga ukuthi nonke nithembekile kuNkulunkulu kodwa eqinisweni indlela yenu endala yokubheka izinto ayikashintshi. Uma ungavelelwa lutho, ucabanga ukuthi konke kuhamba kahle futhi umthanda kakhulu uNkulunkulu. Kodwa uma uvelelwa into encane, uwela phansi eHayidesi. Ingabe lokhu ukwethembeka kwakho kuNkulunkulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 327)

Ekufuneni kwenu, ninemibono, amathemba, nekusasa okuningi. Umsebenzi wamanje uqondene nokubhekana nokulangazelela kwakho isikhundla kanye nezifiso ezedlulele. Amathemba, isikhundla nemibono, konke kuwukubonakaliswa okuvelele kwesimo sobusathane. Isizathu sokuthi kube khona zonke lezi zinto ezinhliziyweni zabantu ukuthi ubuthi bukaSathane buhlala budlavuza imicabango yabantu, futhi abantu bahlala bengakwazi ukuchiliza lezi zilingo zikaSathane. Baphila phakathi kwezono kepha abakholwa ukuthi yisono, futhi basacabanga ukuthi: “Sikholwa kuNkulunkulu, ngakho kumele asinikeze izibusiso futhi asilungiselele yonke into ngokufanele. Sikholwa kuNkulunkulu, ngakho kufanele sibe ngaphezulu kwabanye, futhi kumele sibe nesikhundla esingcono kanye nekusasa elingcono kunabo bonke abanye abantu. Njengoba sikholwa kuNkulunkulu, kumele asinike izibusiso ezingenamkhawulo. Kungenjalo, bekungeke kubizwe ngokuthi ukukholwa kuNkulunkulu.” Iminyaka eminingi, imicabango abantu ababethembele kuyo ukuze baphile beyilokhu idlavuza izinhliziyo zabo kangangoba baze baba nenkohliso, nobugwala, nokwenyanyeka. Abagcini nje ngokuntula amandla okwenza nokuzimisela kodwa futhi sebenomhawu, bazithwele, futhi bagcwele inkani. Bantula ngokugcwele ukuzimisela okwedlula nobubona uqobo, nangaphezulu kwalokho, abanaso nesincane isibindi sokuchitha lezi zithiyo zala mathonya amnyama. Imicabango kanye nezimpilo zabantu zibole ngendlela yokuthi imibono yabo ngokukholwa kuNkulunkulu isemibi ngendlela engabekezeleki, futhi nalapho abantu bekhuluma ngemibono yabo ngokukholwa kuNkulunkulu, ukukuzwa akubekezeleki nhlobo. Bonke abantu bangamagwala, bayehluleka ukwenza umsebenzi, bayenyayisa, futhi bantekenteke. Abawenyanyi amandla obumnyama, futhi abaluzwa uthando lokukhanya kanye neqiniso; kunalokho, benza konke okusemandleni ukukuxosha. Imicabango kanye nemibono yenu yamanje ayinjena? “Njengoba ngikholwa kuNkulunkulu kumele ngithelwe ngezibusiso, futhi kufanele kuqinisekiswe ukuthi isikhundla sami asehli nokuthi sihlala siphakeme kunesabantu abangakholwa.” Anizange niwugcine umbono onjengalona ngaphakathi kwenu unyaka owodwa noma emibili kuphela, kodwa kube yiminyaka eminingi. Indlela yenu yokucabanga enokuhwebelana ikhule ngokweqile. Yize senifike kulesi sinyathelo namuhla, anikasidedeli isikhundla, kodwa nihlala nilwela ukubuza mayelana naso, futhi nisibhekile nsukuzonke, ngokwesaba okujulile ukuthi ngelinye ilanga isikhundla senu siyolahleka futhi igama lenu lonakale. Abantu abakaze babeke eceleni ukulangazelela kwabo ukuphila kalula. Ngakho, njengoba nginahlulela ngale ndlela namuhla, ekugcineni nizoba nokuqonda okungakanani? Nizothi, nakuba isikhundla senu singaphakeme, nokho nikuthokozele ukuphakanyiswa nguNkulunkulu. Ngenxa yokuzalelwa ezingeni eliphansi, aninasikhundla, kodwa nizuza isikhundla ngenxa yokuphakanyiswa uNkulunkulu—yilokhu akubeke phezu kwenu. Namuhla nikwazi ukuthola ukuqeqeshwa nguNkulunkulu, ukusola Kwakhe kanye nokwahlulela Kwakhe. Lokhu, nangaphezulu, kuwukuphakanyiswa Nguye. Nikwazi ukuthola mathupha ukuhlanzwa nokushiswa Nguye. Lolu uthando lukaNkulunkulu olukhulu. Eminyakeni edlule akukaze kube khona noyedwa umuntu owathola ukuhlanza nokushisa Kwakhe, futhi akekho noyedwa owakwazi ukupheleliswa ngamazwi Akhe. Manje uNkulunkulu ukhuluma nani ubuso nobuso, anihlanze, ambule ukuhlubuka kwenu kwangaphakathi—lokhu kungukuphakanyiswa Nguye ngempela. Abantu banamaphi amakhono? Noma ngabe bangamadodana kaDavide noma inzalo kaMowabi, sebebonke, abantu bayizidalwa ezidaliwe ezingenanto ezingazigqaja ngayo. Njengoba niyizidalwa zikaNkulunkulu, kumele nenze umsebenzi wesidalwa. Akukho okunye okudingeka kini. Kufanele nithandaze kanje: “O Nkulunkulu! Noma nginesikhundla noma cha, manje sengiyaziqonda. Uma isikhundla sami siphakeme kungenxa yokuphakanyiswa Nguwe, futhi uma siphansi kungenxa yokunquma kwakho. Konke kusezandleni Zakho. Akukho engingakukhetha noma engingakhononda ngakho. Umise ukuthi ngizalelwe kuleli lizwe naphakathi kwalaba bantu, futhi kumele ngilalele ngokuphelele ngaphansi kokubusa Kwakho ngoba yonke into ingaphakathi kwalokho okumiswe Nguwe. Angicabangi ngesikhundla; vele, ngiyisidalwa nje. Uma ungibeka emgodini ongenamkhawulo, echibini lomlilo nesibabuli, angilutho ngaphandle kokuba yisidalwa. Uma ungisebenzisa, ngiyisidalwa. Uma ungiphelelisa, ngiyisidalwa nje. Uma ungangiphelelisi, ngisazokuthanda ngoba angilutho olunye ngaphandle kokuba yisidalwa. Angilutho olunye ngaphandle kwesidalwa esincinyane esidalwe iNkosi yendalo, oyedwa nje phakathi kwabo bonke abantu abadaliwe. Nguwe owangidala, futhi manje uphindile wangibeka ezandleni Zakho ukuze wenze okufisayo ngami. Ngizimisele ukuba yithuluzi Lakho kanye nesiqhathaniso Sakho ngoba yonke into iyilokhu okumiswe Nguwe. Akekho ongakuguqula. Zonke izinto nezigameko zisezandleni Zakho.” Uma kufika isikhathi sokuthi ungabe usacabanga ngesikhundla, uyophunyuka kukho. Yilapho kuphela oyokwazi khona ukufuna ngokuzethemba nangesibindi, futhi yilapho kuphela inhliziyo yakho eyokwazi khona ukukhululeka emigoqweni. Uma abantu sebekhishiwe kulezi zinto, ngeke besaba nokukhathazeka. Iningi lenu likhathazeke ngani njengamanje? Nihlala nithiywe yisikhundla futhi nihlala nikhathazeke ngekusasa lenu. Nihlala nipheqa amakhasi amazwi kaNkulunkulu, nifisa ukufunda izisho ezimayelana nesiphetho sesintu futhi nifuna ukwazi ukuthi ikusasa liniphatheleni nokuthi niyophetha kanjani. Niyazibuza: “Nginawo ngempela amathemba ekusasa? Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu uwathathile lawo mathemba? UNkulunkulu uthi ngiyisiqhathaniso kuphela; ayini-ke amathemba ekusasa lami?” Kulukhuni kini ukushiya amathemba ekusasa nesiphetho senu. Manje seningabalandeli, futhi seniyasiqonda kancane lesi sigaba somsebenzi. Nokho, anikakuyeki ukulangazelela kwenu izikhundla. Uma isikhundla senu siphezulu nifuna kahle, kodwa uma isimo senu siphansi niyayeka ukufuna. Izibusiso zesikhundla zihlala zisemiqondweni yenu. Kungani iningi labantu lehluleka ukuphuma emicabangweni emibi? Akubangelwa amathemba afiphele? Lapho kukhulunywa amazwi kaNkulunkulu, niphuthuma ukubona ukuthi isikhundla nesiqu senu kuyini ngempela. Nibeka phambili isikhundla nesiqu, bese umbono uba sendaweni yesibili. Endaweni yesithathu yilokho okumele ningene kukho, kanti kweyesine yintando kaNkulunkulu yamanje. Niqala ngokubheka ukuthi igama uNkulunkulu alibhekise kini lokuba “yisiqhathaniso” seliguqukile noma cha. Nifunda nifunde, kuthi uma nibona ukuthi igama elithi “isiqhathaniso” selisusiwe nijabule futhi nibonge uNkulunkulu kakhulu, nidumise amandla Akhe amakhulu. Kodwa uma nibona ukuthi niseyiziqhathaniso, niphatheka kabi futhi intshisekelo enhliziyweni yenu inciphe ngokushesha. Uma ufuna ngokwengeziwe ngale ndlela, uzovuna kancane ngokwengeziwe. Uma umuntu elangazelela isikhundla ngokwengeziwe, kuzobhekanwa naye futhi acwengisiswe ngokwengeziwe. Abantu abanjalo abanamsebenzi walutho! Kumele kubhekanwe nabo futhi bahlulelwe ngokufanele ukuze bakwazi ukudedela lezi zinto ngokuphelele. Uma ufuna ngale ndlela kuze kube sekugcineni, awuzukuvuna lutho. Labo abangafuni ukuphila ngeke bakwazi ukuguqulwa, futhi labo abangalomeli iqiniso ngeke balithole iqiniso. Awugxili ekufuneni ukuguqulwa komuntu kanye nokungena, kodwa ugxila ezifisweni eziyihaba nasezintweni ezivimba ukuthanda kwakho uNkulunkulu futhi ezikuvimba ekusondeleni Kuye. Ingabe lezo zinto zingakwazi ukukuguqula? Zingakwazi ukukuletha embusweni? Uma inhloso yokufuna kwakho kungeyona eyokufuna iqiniso, ungasebenzisa leli thuba ubuyele emhlabeni ukuze ulifune. Ukuchitha isikhathi sakho ngale ndlela ngempela akunasidingo—uzihlukumezelani? Akulona yini iqiniso ukuthi ungathokozela zonke izinhlobo zezinto emhlabeni omuhle? Imali, abantu besifazane abahle, isikhundla, ukuthanda izinto, umndeni, izingane, nokunye—ngabe yonke le mikhiqizo yomhlaba ayizona izinto ezinhle kakhulu ongazithokozela? Kusiza ngani ukuzulazula lapha ubheka indawo ongajabula kuyo? INdodana yomuntu ayinayo indawo yokubeka ikhanda Layo, pho ungakwazi kanjani ukuba nendawo enezimo ezilula? Ubengakwazi kanjani ukukudalela indawo enhle yokuphila kalula? Kungenzeka lokho? Ngaphandle kokwahlulela Kwami, namuhla ungakwazi ukuthola izimfundiso zeqiniso kuphela. Ngeke ukwazi ukuthola ukuthokomala Kimi noma uthole indawo yenjabulo ocabanga ngayo ubusuku nemini. Ngeke ngikunike ingcebo yomhlaba. Uma ufuna ngokweqiniso, ngizimisele ukukunikeza indlela yokuphila ngokugcwele, ukuthi ube njengenhlanzi ebuyele emanzini. Uma ungafuni ngokweqiniso, ngizokwephuca konke. Angizimisele ukunika amazwi avela emlonyeni Wami labo bantu abahahela intokomalo, abanjengezingulube nezinja nje!

Kucashunwe embhalweni othi “Kungani Ungazimisele Ukuba Yisiqhathaniso?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 328)

Ukuhlola ukuthi konke okwenzayo kulungile yini, nokuthi uNkulunkulu uyazibona yini zonke izenzo zakho, kuyimiyalo yokuziphatha yalabo abakholelwa kuNkulunkulu. Uzobizwa ngokuthi ulungile ngoba uyakwazi ukujabulisa uNkulunkulu, nangenxa yokuthi wamukela ukunakekela nesivikelo sikaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, bonke abamukela ukunakekela, isivikelo nokuphelela kukaNkulunkulu nabamukelwa nguYe, balungile futhi uNkulunkulu ubabheka ngokwazisa. Uma uqhubeka wamukela amazwi kaNkulunkulu alapha futhi uwamukela manje, uzoqhubeka wamukela futhi uqonda intando kaNkulunkulu, futhi ngaleyo ndlela uzoqhubeka uphila ngamazwi kaNkulunkulu futhi wanelisa izimfuneko Zakhe. Lo ngumyalo uNkulunkulu akunike wona nokuyinto okufanele uyithole. Uma usebenzisa imibono ukuze ukale futhi uchaze uNkulunkulu, njengokungathi uNkulunkulu uyisithombe sobumba esingashintshi, futhi uma ulinganisela uNkulunkulu eBhayibhelini, umlinganisela emsebenzini othile kuphela, lokhu kuwubufakazi bokuthi uyamenqaba uNkulunkulu. Phela ezinhliziyweni zawo, amaJuda angezikhathi zeTestamente Elidala enza uNkulunkulu waba yisithombe esibunjiwe, njengokungathi uNkulunkulu angase abizwe ngokuthi unguMesiya kuphela, futhi yilowo owayebizwa ngoMesiya kuphela owayenguNkulunkulu, futhi ngoba abantu babesebenzela futhi bekhonza uNkulunkulu njengokungathi ungubumba olungaphili. Babethela uJesu wangaleso sikhathi esiphambanweni, bemgwebela ukufa—bebulala uJesu ongenacala. Alikho icala elenziwe uNkulunkulu, noma kunjalo abantu baqhubeka nokusola uNkulunkulu, ngesibindi bamgwebela ukufa. Ngakho uJesu wabethelwa. Abantu bahlale bekholelwa ukuthi uNkulunkulu akashintshi, futhi bamchaza ngokwalokho okushiwo iBhayibheli, njengokungathi abantu bake bakubona ukuqondisa kukaNkulunkulu, njengokungathi konke okwenziwa uNkulunkulu kusesandleni somuntu. Abantu bayiziwula ngezinga elikhulu, bazithwele ngendlela engachazeki futhi bahamba phambili ngokukhuluma into engaqondakali. Kungakhathaliseki ukuthi unolwazi olukhulu kangakanani ngoNkulunkulu, ngisasho ukuthi awumazi uNkulunkulu, akekho ophikisana kakhulu noNkulunkulu ukwedlula wena, futhi wenqaba uNkulunkulu, ngoba awunakukwazi ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu nokuhamba endleleni evumela uNkulunkulu ukuba akwenze uphelele. Kungani uNkulunkulu engeneliseki ngokwenziwa abantu? Kungoba abantu abamazi uNkulunkulu, kungoba banemibono eminingi, futhi kunokuba bavumelane neqiniso konke abakwaziyo ngoNkulunkulu kusikwe endwangini efanayo, futhi kusebenzisa indlela efanayo kuso sonke isimo. Ngakho futhi, njengoba uNkulunkulu eye weza emhlabeni namuhla, abantu baphinde bambethela esiphambanweni. Abantu abanonya nabanesihluku! Ubuqili nokusongelana, ukududulana, ukugijimela udumo nokuceba, ukubulalana—kuzophela nini? UNkulunkulu uye wakhuluma izinto eziningi kakhulu, nokho akekho noyedwa oye waziqonda. Abantu benza izinto becabangela imindeni yabo, futhi becabangela amadodana namadodakazi abo, imisebenzi yabo, ikusasa labo, ukuma kwabo, ukuqhosha nemali, benzela ukugqoka, ukudla nemizimba yabo—yini eyenzelwa uNkulunkulu ngempela? Ngisho nalabo abenza okuthile egameni likaNkulunkulu, bambalwa kakhulu abamaziyo uNkulunkulu. Bangaki abangacabangi ngezinto abazifunayo lapho benza okuthile? Bangaki abangabacindezeli abanye noma babacwase ngoba nje befuna ukuvikela igama labo? Ngakho, uNkulunkulu uye wenqatshwa ngokuqinile futhi wabulawa izikhathi eziningi. Abahluleli abangenakubalwa abenza ngendlela yobulwane bamenqabile uNkulunkulu, okuwukubethela uNkulunkulu esiphambamweni futhi. Bangaki abangase babizwe ngokuthi balungile ngoba benza okuthile ngenxa kaNkulunkulu ngokweqiniso?

Ngaphambi kukaNkulunkulu, ingabe kulula kanjalo ukwenziwa uphelele futhi ube umuntu ongcwele noma olungile? Kuyinkulumo eyiqiniso ukuthi “abekho abalungileyo kulo mhlaba, abalungileyo abekho emhlabeni.” Lapho uza ngaphambi kukaNkulunkulu, cabanga ngalokho okugqokile, cabanga ngawo wonke amazwi nezenzo zakho, yonke imicabango nemibono yakho, ngisho namaphupho owaphupha mihla yonke—konke kungokwenzuzo yakho. Akulona yini iqiniso lelo? “Ukulunga” akusho ukupha othile isipho, akusho ukuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena, futhi akusho ukungalwi, ukungaphikisani, ukungayibambi inkunzi noma ukungebi. Ukulunga kusho ukuthatha imiyalo evela kuNkulunkulu njengomsebenzi wakho nokulalela iziqondiso nezinhlelo zikaNkulunkulu njengomsebenzi osifanele ovela ezulwini, kungakhathaliseki ukuthi kunini noma ukuthi kukuphi, njengoba nje kwenza iNkosi uJesu. Yilokhu kanye ukulunga okukhulunywe uNkulunkulu. ULoti kungase kuthiwe uyindoda elungile ngenxa yokuthi wasindisa izingelosi ezimbili ezazithunyelwe uNkulunkulu ngaphandle kokukhathazwa ukuthi yini azoyizuza noma azolahlekelwa yiyo; lokho akwenza ngaleso sikhathi kubizwa ngokuthi ukulunga, kodwa akakwazi ukubizwa ngendoda elungile. Okwenza uLoti washintshanisa ngamadodakazi akhe ngenxa yezingelosi ukuthi wayebone uNkulunkulu. Kodwa akuzona zonke izenzo Zakhe zangaphambili ezamelela ukulunga, futhi kungakho ngithi “abekho abalungileyo emhlabeni.” Ngisho naphakathi kwalabo abazama ukululama, akekho ongabizwa ngokuthi ulungile. Kungakhathaliseki ukuthi izenzo zakho zinhle kangakanani, kungakhathaliseki ukuthi ubonakala ukhazimulisa igama likaNkulunkulu kangakanani, awubashayi futhi awubaqalekisi abanye abantu, noma awubabambi inkunzi futhi awuzebi izinto zabo, noma kunjalo awukwazi ukubizwa ngokuthi ulungile, ngoba umuntu ovamile angaba njalo. Namuhla, okubalulekile ukuthi awumazi uNkulunkulu. Kuphela kungathiwa manje unobuntu obuncane obujwayelekile, kodwa awunazici zokulunga uNkulunkulu akhuluma ngakho, ngakho akukho kokwenzayo okuwubufakazi bokuthi unolwazi ngoNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ababi Nakanjani Bayojeziswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 329)

Ngaphambili, lapho uNkulunkulu esezulwini, abantu bazama ukukhohlisa uNkulunkulu ngezenzo zabo; namuhla, uNkulunkulu uye weza ebantwini—ukuthi isikhathi esingakanani, akekho owaziyo—noma kunjalo abantu abazibophezele kuNkulunkulu, futhi bazama ukukhohlisa uNkulunkulu. Ingabe indlela yomuntu yokucabanga ayisona isidala ngokwedlulele? Kwakuyinto efanayo ngoJuda: Ngaphambi kokuza kukaJesu emhlabeni, uJuda wayevame ukukhohlisa abafowabo nodadewabo, futhi ngemva kokuhamba kukaJesu, akashintshanga; wayengenalo noluncí ulwazi ngoJesu, futhi ekugcineni wamkhaphela uJesu. Kwakungengenxa yini yokuthi wayengamazi uNkulunkulu? Uma, namuhla, nawe ungamazi ukuNkulunkulu, kusho ukuthi uzoba uJuda, futhi ukubethelwa kukaJesu okubuhlungu phakathi neNkathi Yomusa, eminyakeni eminingi edlule, kuzophinde kwenzeke futhi. Ingabe awukukholelwa lokhu? Kuyiqiniso? Namuhla, abantu abaningi baphila ngaphansi kwezimo ezinjalo—futhi abantu abanjalo badlala indima kaJuda. Angikhulumi uwangala, kodwa iqiniso—kumele ukukholelwe lokhu. Nakuba abantu abaningi bezenza abathobekile, ezinhliziyweni zabo bafana namanzi amile anukayo. Njengamanje baningi ngokwedlulele ebandleni abanjalo, futhi ucabanga ukuthi angokuboni nhlobo lokhu. Namuhla, uMoya Wami uyanginqumela, futhi uyangifakazela. Ucabanga ukuthi angazi lutho? Ucabanga ukuthi angiyiqondi imicabango engalungile esenhliziyweni yakho nezinto ezisenhliziyweni yakho? Ingabe uNkulunkulu ukhohliseka kalula kanjalo? Ucabanga ukuthi ungamphatha nganoma iyiphi indlela othanda ngayo? Esikhathini esingaphambili, ngangikhathazwa ukuthi nikhululekile, ngakho ngaqhubeka ngininika inkululeko, kodwa abantu abakwazanga ukuqaphela ukuthi ngangibaphethe kahle, futhi lapho ngibanikeza isandla, bathatha ingalo yonke. Buzanani: Akekho engiye ngasebenzelana naye, futhi angizange ngibathethise—noma kunjalo ngizazi kahle izisusa nemiqondo yabantu. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu ngokwaKhe uNkulunkulu afakazelana naye uyisiwula? Khona-ke ngithi awuboni ngokwedlulele! Ngeke ngikuphikise, kodwa ake sibone ukuthi uye waba mubi kanjani. Ake sibone ukuthi amaqhinga akho angakusindisa yini, noma ngukuzama ukwenza konke ukuze uthande uNkulunkulu yikho okungakusindisa. Namuhla, ngeke ngimelane nawe; ake silinde kuze kufike isikhathi sikaNkulunkulu ukuze sibone ukuthi uzozibuyiselela kanjani kuwe. Okwamanje anginaso isikhathi sokukhuluma nawe njengokungathi anginangqondo, futhi ngizimisele ukubambezela imisebenzi Yami emikhulu ngenxa yakho, isibungu esinjengawe asikufanelekele ukuba uNkulunkulu angachitha isikhathi sakhe naso—ngakho ake sibone ukuthi kungakanani ozokwamukela. Abantu abanjalo abakwazi ngisho nokuthola ulwazi oluncane ngoNkulunkulu, futhi abanalo nhlobo uthando ngoNkulunkulu, noma kunjalo basafuna ukubizwa uNkulunkulu ngokuthi balungile—akuhlekisi yini lokho? Ngenxa yokuthi sincane kakhulu isibalo sabantu abaneqiniso, akukho engizikhathaza ngakho ngaphandle kokunika abantu ukuphila. Ngizokufeza konke lokho okufanele kwenziwe namuhla, futhi kamuva, imbuyiselo kufanele ilethwe ngokwezenzo zomuntu ngamunye. Ngikushilo obekufanele ngikusho, ngoba kungumsebenzi wami. Ngenza lokho okufanele ngikwenze, futhi angikwenzi lokho okungafanele ngikwenze, noma kunjalo ngisenalo ithemba ukuthi uzochitha isikhathi esiningi ucabanga ngalokhu: Lungakanani ngempela ulwazi onalo ngoNkulunkulu oluyiqiniso? Ingabe ungomunye walabo abaye bambethela futhi uNkulunkulu esiphambanweni? Okukugcina, nakhu engikushoyo: Maye kulabo ababethela uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ababi Nakanjani Bayojeziswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 330)

Njengoba uhamba indlela yanamuhla, yiluphi uhlobo lokufuna olufanele kakhulu? Ekufuneni kwakho, kufanele uzibone uyiluphi uhlobo lomuntu? Kufanele wazi ukuthi ungabhekana kanjani nakho konke okukwehlelayo namuhla, noma ngabe yizivivinyo noma ubunzima, noma ukusolwa nokuqalekiswa okunonya. Kufanele ukucabangisise kuzo zonke izimo. Ngikusholoni lokhu? Ngikusho ngoba okukwehlelayo namuhla, empeleni, kuyizivivinyo ezimfushane ezenzeka kaninginingi; mhlawumbe awuzithathi njengezinto ezikhathaza ingqondo, bese uziyeka kanjalo nje, ungazithathi njengento eyigugu ekufuneni kwakho inqubekela phambili. Waze wanganaka! Kuze kufike ezingeni lokuthi ucabanga ngaleli gugu elikhulu sengathi liyifu nje elizula phambi kwamehlo akho, futhi awuwazisi la magalelo anesihluku adamame ehlela kuwe kaningi—amagalelo amafishane, futhi abonakala ethambile kuwe—kodwa uwabuka ngokunganaki, awuwafaki enhliziyweni, uwathatha kalula njengokungqubuzeka okude kwenzeka. Uyazikhukhumeza kakhulu! Ukhombisa ukungabi nandaba nje ngalokhu kuhlaselwa okunesihluku, ukuhlasela okufana nezivunguvungu ezifika kaninginingi; ngezinye izikhathi uze umamatheke ngokungakhathazeki, ukhombisa ukungabi nandaba kuphela—ngoba awukaze ucabange ukuthi kungani ulokhu wehlelwa “yila mashwa.” Ngabe angimzweli kakhulu umuntu? Ngabe ngikuthola unephutha? Nakuba izinkinga ekucabangeni kwakho zingase zingabi zimbi njengoba ngishilo, kade usakhile isithombe sengaphakathi lakho ngendlela oziphatha ngayo ngaphandle. Akunasidingo sokuba ngikutshele ukuthi into eyodwa ecashe ekujuleni kwenhliziyo yakho wukusola okubi nezimpawu ezifiphele zosizi eziciche zingabonakali kwabanye. Ngenxa yokuthi uzwa ukuthi bekungafanele ukuba wehlelwe ukuvivinywa okunjalo, uyaqalekisa; izivivinyo zikwenza uzwe incithakalo yomhlaba, futhi ngenxa yalokhu, ugcwala usizi. Esikhundleni sokuthi ubuke la magalelo nokuqondiswa okuphindaphindekayo njengokuvikelwa okuhle kakhulu, ukubona njengenkinga engenamqondo edalwa yiZulu, noma-ke njengempindiselo efanele ephezu kwakho. Awazi lutho kakhulu! Uvalela izikhathi ezinhle ebumnyameni ngokungenaluzwelo; kaninginingi, ubona izivivinyo ezimangalisayo nokuqondiswa kuwukuhlasela okuvela ezitheni zakho. Awukwazi ukwamukela isimo sakho; ingasaphathwa eyokuzimisela ukuthi wenze lokho, ngoba awuzimisele ukuzuza lutho kulokhu kusolwa okuphindaphindayo—futhi, ngokwakho, okunonya. Awenzi mzamo wokufuna noma ukuhlola, futhi uvele uvumele okwenzekayo kwenzeke nje, uye lapho kukuholela khona. Lokho okubona kuwukusolwa okunesihluku akuyiguqulile inhliziyo yakho, futhi, akuyizuzile inhliziyo yakho; kunalokho, kukuhlaba enhliziyweni. Kuphela nje ubona lokhu “kusolwa okunonya” njengesitha sakho kulokhu kuphila, futhi awuzuze lutho. Uzibona ulunge kakhulu! Kuyethukela nje ukuthi ukholwe ukuthi wehlelwa yilokhu kuvivinywa ngoba wenyanyeka kakhulu; kunalokho, uzibona uneshwa kakhulu, futhi uthi ngihlala ngithola iphutha kuwe. Namuhla, lungakanani ulwazi onalo ngempela ngalokho engikushoyo nengikwenzayo? Ungacabangi ukuthi uphiwe ngokwemvelo, ungaphansi kancane nje kwamazulu kodwa ungaphezulu kakhulu komhlaba. Awuhlakaniphile kunabo bonke abanye abantu—futhi bekungashiwo ukuthi uyisiwula ngokuqaphelekayo kunabo bonke abanye abantu abanomqondo emhlabeni, ngoba uzibona uphakeme kakhulu, futhi awukaze uzizwe umncane; kubonakala sengathi ubona izenzo Zami zincane kakhulu. Empeleni, ungumuntu oswele umqondo kakhulu, ngoba awukwazi nhlobo engikwenzayo, ingasaphathwa eyokwazi ukuthi ngenzani manje. Kungakho ngithi awulingani ngisho nomlimi osebenza emasimini, umlimi ongenalo noluncane ulwazi ngokuphila komuntu kodwa ebe encike ezibusisweni zezulu ngenkathi elima. Awucabangisisi ngokuphila kwakho, awazi lutho ngokwaziwa, ingasaphathwa eyokuzazi wena. “Uphakeme” kakhulu!

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abangafundi Futhi Abahlala Bengazi Lutho: Abazona Yini Izilwane?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 331)

Kade nakhohlwa yizimfundiso Zami eziphindaphindwayo. Nize nizithathe njengezinto enidlala ngazo lapho ningenzi lutho, futhi nihlala nizithatha “njengomgexo wokuzivikela.” Lapho uSathane ekubeka icala, uyathandaza; lapho unesimo esiphambene, uyozela; lapho ujabulile, uyatshakadula; lapho ngikuthethisa, uyakhothama ube namahloni; futhi lapho ungishiya, uhleka njengohlanya. Esixukwini, akekho ongaphezu kwakho, kodwa awuzicabangi ungumuntu ozithwele kunabo bonke. Uhlala uphakeme, awunaki futhi uziqhenya ngendlela engachazeki. Bekungenzeka kanjani ukuthi “izinsizwa nezintombi” ezinjalo kanye “namakhosi namakhosazana” angafundi futhi ahlala engazi, bathathe amazwi Ami njengomcebo oyigugu? Manje ngizoqhubeka ngikubuze: Ufundeni nje emazwini nasemsebenzini Wami kulesi sikhathi eside kangaka? Awubanga nobuciko obukhudlwana ekukhohliseni kwakho? Awubanga nezinga eliphezudlwna enyameni yakho? Awungithathanga ngokunganaki okwengeziwe? Ngikutshela ngokuqondile: Ngenze umsebenzi omningi, kodwa wandise umdlandla kuwe, umdlandla obufana nowegundane. Ukungesaba kuncipha usuku ngosuku, ngoba nginomusa kakhulu, futhi angikaze ngijezise inyama yakho ngesihluku. Mhlawumbe, njengoba nibona, ngikhuluma amazwi anzima nje—kodwa kuvame kakhulu ukuthi nginikhombise ubuso obumamathekayo, futhi ngicishe ngingakuthethisi nhlobo bukhoma. Ngaphezu kwalokho, ngihlala ngibuxolela njalo ubuthakathaka bakho, futhi yilokhu okwenza ungiphathe njengenyoka ephatha umlimi olungileyo. Ngilithokozela kakhulu izinga eliphezulu lekhono, nokuhluzeka kwengqondo okusemandleni esintu okubuka izinto! Ake ngikutshele iqiniso elilodwa: Namuhla akusho lutho kangako ukuthi unenhliziyo enenhlonipho noma cha; Angikhathazeki futhi angihlupheki. Kodwa kufanele ngikutshele lokhu futhi: Wena, “muntu ophiwe,” ongafundi futhi ohlala engazi lutho, uyogcina uwiswe ukuhlakanipha kwakho okungenamsebenzi okunokuzithanda—uyoba yilowo oyohlupheka futhi asolwe. Ngeke ngibe yisilima kangangokuthi ngize ngikuphelezele lapho usuhlupheka esihogweni, ngoba angifani nawe. Ungakhohlwa ukuthi uyisidalwa esiqalekiswe Yimi, kodwa futhi esifundiswa sisindiswe Yimi. Awunanto Yami engingeke ngizimisele ukuhlukana nayo. Noma nini lapho ngisebenza, angivinjwa ngabantu, izigameko, noma izinto. Indlela engibuka ngayo abantu nemibono Yami ngesintu akukaze kuguquke. Angikuthandi ngokutheni, ngoba uyisijobelelo ekuphatheni Kwami, futhi akukho lutho okhetheke ngalo kunabanye abantu. Nasi iseluleko Sami kuwe: Ngazo zonke izikhathi, khumbula ukuthi awulutho olungaphezu kokuba yisidalwa sikaNkulunkulu! Ungaphila Nami, kodwa kufanele uzazi ukuthi uyini; ungazibukeli phezulu kakhulu. Ngisho noma ngingakusoli, noma ngibhekane nawe, futhi ngikubuka ngokumamatheka, lokhu akuqinisekisi ukuthi ufana Nami; kufanele wazi ukuthi ungomunye walabo abafuna iqiniso, awulona iqiniso uqobo! Akufanele uyeke ukuguquka uhambisane namazwi Ami. Awukwazi ukuphunyuka kulokhu. Ngikuyala ukuba uzame ukufunda okuthile ngalesi sikhathi esihle kakhulu, lapho kufika leli thuba elingandile. Ungangikhohlisi; angidingi ukunconywa nguwe uzama ukungikhohlisa. Lapho ungithungatha, konke akungenxa Yami, kodwa ngokokuzisiza wena!

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abangafundi Futhi Abahlala Bengazi Lutho: Abazona Yini Izilwane?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 332)

Usuku ngalunye eniluphilayo nenidlula kulo njengamanje lubucayi futhi lubaluleke kakhulu esiphethweni senu kanye nasekusaseni lenu, ngakho kumele nikwazise konke eninakho ngawo wonke umzuzu odlulayo. Kumele nisisebenzise kahle isikhathi senu ukuze nizinike inzuzo enkulu, ukuze ningayiphileli ize le mpilo. Mhlawumbe nizizwa ninokudideka ukuthi kungani ngikhuluma lamazwi. Ngokweqiniso, angithokozile ngezenzo zenu nonke. Ngokuba amathemba ebenginawo ngani awakona lokhu eniyikho njengamanje kuphela. Ngakho, ngingakuveza ngale ndlela: Nina nonke nisengcupheni yokungena engozini. Ukukhalela kwenu insindiso kwakudala kanye nokulangazelela okudlulile kokuphishekela iqiniso kanye nokufuna ukukhanya sekufike ekupheleni. Yile ndlela eningibonga ngayo ekugcineni, futhi kuyinto engingakaze ngiyilindele. Angifisi ukukhuluma okuphambene neqiniso, ngokuba ningidumaze kakhulu. Mhlawumbe anifisi ukushiya udaba lusele kanjalo futhi anifisi ukubhekana neqiniso, nokho kumele nginibuze lombuzo ngokuzithoba: Kuyo yonke leminyaka, yini egcwele ezinhliziyweni zenu? Izinhliziyo zenu zithembeke kubani? Ningasho ukuthi umbuzo Wami uze ningalindele, futhi ningangibuzi Mina ukuthi kungani ngibuza umbuzo onjena. Kumele nikwazi lokhu: Kungenxa yokuthi Mina nginazi kahle kakhulu, ngiyaninakekela kakhulu, futhi nginikela kakhulu inhliziyo Yami kulokhu enikwenzayo, yingakho nginibuza ngokuphindelela futhi ngibekezelela ubunzima obungachazeki. Nokho-ke, ngibongwa ngokunganakwa kanye nokushiywa okungabekezeleleki. Ninokudembesela okukhulu mayelana Nami; bekungenzeka kanjani ukuba ngingazi lutho ngakho? Uma nikholwa ukuthi lokhu kungenzeka, kuyaqhubeka nokufakazela leli qiniso. Ngakho ngithi nishaya sengathi aniboni. Nina nonke nihlakaniphe ngale ndlela yokuthi anazi ukuthi nenzani; ngakho-ke yini enizoyisebenzisa ukuziphendulela Kimi?

Umbuzo engikhathazekile ngawo Mina ukuthi izinhliziyo zenu zithembeke kubani. Ngifisa ukuba yilowo nalowo kini ahlele imicabango yakhe bese ezibuza ukuthi ingabe uthembeke kubani futhi uphilela bani. Mhlawumbe, anikaze niwucabangisise lombuzo, ngakho-ke ake nginimbulele impendulo Mina.

Bonke labo abakhumbulayo bazolivuma leli qiniso: Umuntu uziphilela yena futhi uthembeke kuye. Angikholwa ukuthi impendulo yakho iyiqiniso ngokuphelele, ngokuba nonke niphila izimpilo zenu ngokungafani, ngamunye wenu niyazabalaza ekuhluphekeni kwenu. Ngakho-ke, enethembeke kukho yilabantu enibathandayo kanye nezinto ezinithokozisayo, futhi anethembekanga kinina uqobo ngokupheleleyo. Ngoba ngamunye wenu nithonywe ngabantu, izehlakalo, kanye nezinto ezinizungezile, anithembekanga kinina ngokweqiniso. Ngikhuluma la mazwi hhayi ukuncoma ukuthembeka kwenu kinina, kodwa ukuveza ukuthembeka kwenu kunoma iyiphi into eyodwa. Ngokuba kuyo yonke le minyaka, Mina angikaze ngithole ukuthembeka kukanoma ubani komunye wenu. Ningilandelile Mina yonke le minyaka, kepha anikaze ninginikeze nokuncanyana ukuthembeka kwenu. Kunalokho, nigxile kubantu enibathandayo kanye nezinto ezinithokozisayo, kangangokuthi zisondezwe eduzane nezinhliziyo zenu futhi azisoze zalahlwa, noma ngasiphi isikhathi, noma kuphi. Uma nimagange noma ninentshisekelo noma ngayiphi into eyodwa eniyithandayo, kuhlala njalo kube ngalesi sikhathi enilandela Mina ngaso, noma ngesikhathi nilalele amazwi Ami. Ngakho Mina ngithi, nisebenzisa ukuthembeka engikucela kini, ukuze kunalokho nethembeke futhi nazise “izinto enizithandayo.” Noma ninganikela ngento noma ezimbili Kimi, akumeli uqobo lwenu lonke, futhi akubonisi ukuthi Yimi enithembeke kuye ngokweqiniso. Nizibandakanya nezinto enizithandayo: Abanye bathembeke kumadodana namadodakazi, abanye kubayeni, amakhosikazi, ingcebo, umsebenzi, abaphathi, isikhundla, noma abesifazane. Kulokho enithembeke kukho, anikaze nizizwe nikhathele noma nicasukile; kunalokho, niyakhula ekulangazeleleni ukuba nibe nokuningi kanye nezinto ezisezingeni elihle kulokhu enithembeke kukho, futhi anikaze niphelelwe yithemba. Mina kanye namazwi Ami sihlala siphushelwa ekugcineni ngokwezinto enizishisekelayo. Futhi awunako okunye ongakwenza ngaphandle kokuba ukubeke ekugcineni; abanye indawo esekugcineni bayishiyela ukwethembeka ezintweni abasazozithola abangazazi. Alikho inani abake bangibekela lona Mina ezinhliziyweni zabo. Mhlawumbe ucabanga ukuthi Mina ngicela okuningi kakhulu kuwe noma ngikubeka icala ngokungafanele, kodwa wake wakucabanga lokhu ukuthi ngesikhathi uchitha isikhathi nomndeni wakho ngentokozo, awukaze uthembeke Kimi? Ngezikhathi ezifana nalezi, akukuzwisi yini ubuhlungu? Ngesikhathi izinhliziyo zenu zigcwele injabulo nithola umholo ngemisebenzi yenu, anizizwa nidumele ngokuthi anizinikezanga iqiniso elanele? Yinini lapho wake wakhaliswa khona ukuthi awuyitholanga imvume Yami? Nihlupha izingqondo zenu ngamadodana kanye namadodakazi enu, kepha anikaneliseki, nikholwa ukuthi anizange nibakhuthalele, ukuthi aninikelanga ngemizamo yenu yonke. Kodwa Kimi, benilokhu nidebesela futhi nibudedengu, Mina ningigcina kuphela ezinkumbulweni kodwa hhayi njalo njalo ezinhliziyweni zenu. Ukuzinikela Kwami kanye nemizamo Yami ihlala njalo ingazwakali kini, futhi anikaze nizame ukuqonda. Nimane niba nokucabangisisa kwesikhashana bese niyakholwa ukuthi kuzo kwanela. Le ndlela “yokwethembeka” akusiyona lena ebengiyilangazelela, kodwa yileyo okukade yaba isinengiso Kimi. Nokho, nakuba ngikusho lokhu, nizoqhubeka nokuvuma kuphela into eyodwa noma ezimbili kodwa futhi ningakwazi ukuyamukela ngokuphelele, ngoba nonke niyazethemba kakhulu, futhi nihlala njalo nikhetha lokhu enifuna ukukwamukela emazwini Mina engiwakhulumile. Uma nisengale ndlela, Mina nginazo izindlela ezigodliwe zokulwa nokuzethemba kwenu, futhi Mina ngizokwenza ukuthi nivume ukuthi wonke amazwi Ami ayiqiniso futhi awasiyo inhlanekezelo yeqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Wethembeke Kubani?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 333)

Uma bengingabeka imali ethile phambi kwenu njengamanje bese ngithi khethani ngokukhululeka—futhi uma nginganilahli ngokukhetha kwenu—iningi lenu lingakhetha imali bese lilahla iqiniso. Abangcono kini bangayeka ingcebo bese bekhetha iqiniso ngokungabaza, ngaleso sikhathi labo abaphakathi nendawo bayothatha ingcebo ngesinye isandla neqiniso ngakwesinye. Ngale ndlela, ngeke yini ubuwena bangempela bube sobala? Uma nikhetha phakathi kweqiniso kanye nanoma yini enithembeke kuyo, nonke niyokwenza isinqumo esinjalo, futhi nesimo sengqondo yenu singaguquki. Ingabe akunjalo? Ingabe ababaningi yini phakathi kwenu abaguquguquka phakathi kokulungile nokungalungile? Emncintiswaneni phakathi kokuhle nokubi, okumnyama nokumhlophe, ngokuqinisekile niyazazi izinqumo enazenza phakathi komndeni noNkulunkulu, izingane noNkulunkulu, ukuthula nokuthikamezeka, ingcebo nobumpofu, ubukhulu nokuba umuntukazana, ukwesekwa nokudelwa, kanye nokunye. Phakathi komndeni onokuthula kanye nonomsindo, nakhetha okokuqala, futhi ngaphandle kokungabaza; phakathi kwengcebo kanye nomsebenzi, naphinde futhi nakhetha okokuqala, naze nalahlekelwa nayintando yokubuyela ogwini;[a] phakathi komnotho nobumpofu, nakhetha okokuqala; phakathi kwamadodana, amadodakazi, amakhosikazi, abayeni, kanye Nami, nakhetha okokuqala; futhi phakathi kombono neqiniso, naphinda futhi nakhetha okokuqala. Ngibhekene nalo lonke uhlobo lwezenzo zenu ezimbi, ngokusobala sengilahlekelwe ukwethembela Kwami kini. Mina ngishaqeke kakhulu ukuthi izinhliziyo zenu zinqaba kakhulu ukuthi zithanjiswe. Iminyaka eminingi yokuzinikela kanye nokuzama kungilethele ngokusobala ukudela kanye nokuphelelwa yithemba kwenu Kimi. Kepha amathemba Ami ngani ayakhula ngosuku ngalunye oludlulayo, ngokuba usuku Lwami selubekiwe ngokupheleleyo phambi kwawo wonke umuntu. Nokho-ke, niyaqhubeka nokufuna lokho okungokwasebumnyameni kanye nasebubini, futhi niyenqaba ukuxegisa lokhu enibambelele kukho. Ngokunjalo, uyoba yini umphumela wakho? Ingabe uke wakucabangisisa lokhu ngaphambili? Uma ubungacelwa ukuba ukhethe futhi, ingabe ungama kuphi? Kungaba ilokhu kwakuqala namanje? Lokhu eninganginika khona Mina kungaba ukuphoxeka kanye nosizi lokudabuka? Ingabe izinhliziyo zenu ziyoqhubeka ukuba zibe yimfudumalo encinyane? Ingabe usazoqhubeka nokungazi ukuthi kumele wenzeni ukuze ududuze inhliziyo Yami? Kulo mzuzu, siyini isinqumo sakho? Ingabe uzothobela amazwi Ami noma uzokhathala yiwo? Usuku Lwami selumisiwe phambi kwamehlo akho, futhi lokhu obhekene nakho impilo entsha kanye nesiqalo esisha. Nokho-ke, kufanele ngikutshele ukuthi lesi siqalo asisikho ukuqala komsebenzi omdala kabusha, kodwa ukuvalwa komdala. Okusho ukuthi, lesi isenzo sokugcina. Mina ngikholwa ukuthi nizoqonda ukuthi yini engajwayelekile ngalesi siqalo. Kodwa ngolunye usuku ngokushesha, niyoqonda incazelo yeqiniso yalesi siqalo, ngakho asihambisane ndawonye sisidlule futhi singenise isiphetho esilandelayo! Nokho-ke, engiqhubeka nokungakhululeki ngakho ukuthi uma ubhekene nokungalungi kanye nobulungiswa, njalo ukhetha lokhu kokuqala. Kodwa konke lokhu sekudlulile. Mina ngithemba ukuthi ngizokhipha emqondweni Wami lokhu okwenzeke kuwe ngaphambili, ngikukhiphe ngakunye ngakunye, noma lokhu kunzima kakhulu ukukwenza. Kepha Mina nginezindlela ezinhle zokukufeza lokhu. Akuthi ikusasa lithathe indawo yokwakudala futhi livumele izithunzi zosekudlulile kwakho zixoshwe kube nokushintshelana ngobuwena bakho beqiniso banamuhla. Ngalokhu kumele nginihluphe ukuze niphinde nikhethe: Nethembele kubani ngempela?

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Wethembeke Kubani?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Ukubuyela ogwini: Yisisho saseShayina esisho “ukuphenduka ezindleleni ezimbi.”

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 334)

Noma nini lapho kukhulunywa khona ngesiphetho, lokho nikubheka njengento ebaluleke kakhulu; nonke nisheshe nizwele uma kukhulunywa ngale ndaba. Abanye basheshe bathatheke kuNkulunkulu ngenxa yokuthi bafuna ukuba nesiphetho esihle. Ngingabona ngomfutho eninawo, ongadingi ukuba uchazwe ngamazwi. Nakanjani anifuni inyama yenu iwele enhlekeleleni, futhi ikakhulu, anifuni ukwehlela esijezisweni saphakade esikhathini esizayo. Ninethemba kuphela lokuphila ngokukhululekile futhi kalula. Ngakho niyacasuka ngempela noma nini lapho kukhulunywa ngesiphetho, nesaba ngokujulile ukuthi uma ningalaleli ngokwanele, ningase nimcasule uNkulunkulu, nigcine nijeziswa futhi kube kufanele. Anikaze ninqikaze ukudela izinto ngenxa yesiphetho senu, futhi iningi lenu elake lakhohlakala futhi langanaka selishintshe isigubhukane laba nomusa nobuqotho; ubuqotho benu buze bethuse. Ngale kwalokho, nonke ninezinhliziyo “ezithembekile”, futhi kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni niye nathulula isifuba senu Kimi ngaphandle kokufihla noma yiziphi izimfihlo zenu, ukusola, ukukhohlisa, noma ukuzinikela. Kukho konke, “nizivume” ngokwethembeka okukhulu Kimi lezo zinto ezibalulekile ezifihleke emizweni yenu. Ngempela, angikaze ngizigweme lezo zinto, ngoba seziyinto ejwayelekile Kimi. Ungamane ungene olwandle lomlilo esiphethweni sakho sokugcina kunokulahlekelwa umucu wonwele ukuze wamukelwe uNkulunkulu. Akukhona ukuthi ngiba undlovu kayiphikiswa; ukuthi inhliziyo enizinikela ngayo ngeke imelane nakho konke njengoba ngenza. Ningase ningakuqondi engikushoyo, ngakho ake nginithi fahla ngencazelo elula: Enikudingayo akulona iqiniso nokuphila; akuyona imiyalo yokuthi kufanele niziphathe kanjani, futhi akuwona umsebenzi Wami onzima. Enikudingayo yikho konke lokhu eninakho enyameni—umcebo, igama, umndeni, umshado, njalo njalo. Aniwanaki ngokugcwele amazwi nomsebenzi Wami, ngakho ngingalufingqa ngamagama amathathu ukholo lwenu: lungenhliziyo ehlukene phakathi. Ningaya noma kuphi ukuze nifinyelele izinto enizinikele kuzo ngempela, kodwa ngiphawule ukuthi anilahli yonke into ngenxa yezinto ezimayelana nokukholelwa kwenu kuNkulunkulu. Kunalokho, ngokwezinga elithile niqotho, futhi niyanakisisa. Yingakho ngithi labo abantula inhliziyo yobuqotho bangempela bayizehluleki ekukholelweni kwabo kuNkulunkulu. Cabangisisa—ingabe ziningi izehluleki ezikuzungezile?

Kufanele nazi ukuthi impumelelo ekukholweni kuNkulunkulu ifinyelelwa ngezenzo zabantu; lapho abantu bengaphumeleli kodwa bahluleke, nalokho kungenxa yezenzo zabo, akubangelwa ezinye izinto. Ngikholelwa ukuthi nizokwenza noma yini efunekayo ukuze nenze into enzima kakhulu nehluphekisa kakhulu ukwedlula ukukholelwa kuNkulunkulu, nokuthi niyokunakisisa kakhulu. Ngeke nifune ngisho ukwenza noma yimaphi amaphutha; lezi izinhlobo zemizamo yenu engapheli nonke eniyenze ezimpilweni zenu. Nikwazi ngisho nokungikhohlisa enyameni ngaphansi kwezimo lapho ningeke nikhohlise ngisho noma ubani emindenini yenu. Lena indlela enihlale niziphatha ngayo nomyalo eniwusebenzisayo ekuphileni kwenu. Seniyekile yini ukufuna isithombe samanga ukuze ningikhohlise, ngenxa yesiphetho senu, nokuba nesiphetho esihle nesijabulisayo? Ngiyazi ukuthi ukuzinikela nobuqotho benu okwesikhashana; izifiso nenani enilikhokhayo akukhona yini okwamanje kuphela hhayi ngaleso sikhathi? Nifuna kuphela ukuzikhandlela umzamo wokugcina ukuze nibe nesiphetho esihle. Enikufunayo nje ukwenza isivumelwano sokuhwebelana; akukhona ukuthi nithanda iqiniso, futhi akukhona ukuthi nifuna ukungibuyisela imali engayikhokha. Ngamafuphi, nimane nifuna ukuveza ukuthi nihlakaniphe kangakanani, kodwa anifuni ukukulwela lokho. Akusona yini isifiso senu esijulile lesi? Akumele nizifihle, futhi akumele nicabange kakhulu ngekusasa lenu ngezinga lokuthi ningabe nisakwazi ngisho ukudla noma ukulala. Akulona yini iqiniso ukuthi isiphetho senu siyobe sesinqunyiwe ekugcineni? Kufanele umsebenzi wenu niwenze ngokwamandla enu onke ngezinhliziyo ezivulekile neziqotho, nizimisele ukwenza noma yini edingekayo. Njengoba nishilo, lapho kufika usuku, uNkulunkulu ngeke angamnaki lowo ohluphekile noma owakhokha ngenxa Yakhe. Lolu ukholo okufanele sibe nalo, futhi akufanele ulukhohlwe. Yile ndlela kuphela engingakhulula ngayo ingqondo yami ngani. Ngale kwalokho, angisoze ngakwazi ukukhululeka ngani, futhi ngiyohlale nginganifuni. Uma nonke ningalandela unembeza wenu ningenzele konke, nizame konke emsebenzini wami, futhi ninikele ngokuphila kwenu emsebenzini wami wevangeli, ngeke yini inhliziyo yami ijabule ngani? Ngeke yini ngikhululeke ngokugcwele engqondweni mayelana nani? Kuyihlazo ukuthi engingakwenza kumane kuyingxenye encane futhi edabukisayo yalokho engikulindele; kulokhu, ningakwazi kanjani ukufuna Kimi lokho eninethemba lakho?

Kucashunwe embhalweni othi “Isiphetho Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 335)

Isiphetho kanye nomphumela wenu kubaluleke kakhulu kini—kuyindaba ebucayi kakhulu. Nikholelwa ukuthi uma ningenzi izinto ngokucophelela okukhulu, kuyofana nokungabi nasiphetho, kanye nokubhujiswa komphumela wenu. Kodwa ingabe nike nacabanga yini ukuthi imizamo umuntu ayenzayo imane nje ingenxa yesiphetho sakhe, imane iwumsebenzi ongenazithelo? Imizamo enjalo ayilona iqiniso—ingamanga futhi iyakhohlisa. Uma kunjalo, labo abasebenzela isiphetho sabo bayonqotshwa okokugcina, ngoba izehluleki ekukholelweni kwabantu kuNkulunkulu ziba khona ngenxa yenkohliso. Ngike ngasho ukuthi angithandi ukukhohliswa noma ukuphanjwa, noma ukuthi kushisekwe ngendlela engamanga Kimi. Ngithanda ukuthi abantu abathembekile babhekane namaqiniso Ami kanye nezinto engizilindele. Ngaphezu kwalokho, engikuthandayo yilapho abantu bekwazi ukuveza ukuthi bacophelela kakhulu futhi bayakhathazeka ngenhliziyo Yami, nalapho benganikela ngakho konke ngenxa Yami. Ingaduduzwa ngale ndlela kuphela inhliziyo Yami. Okwamanje, zingakanani izinto engingazithandi ngani? Zingakanani izinto engizithandayo ngani? Ingabe akekho kini oke wanaka bonke ububi enibenzile ngenxa yesiphetho senu?

Enhliziyweni Yami, angifisi ukuhlukumeza noma iyiphi inhliziyo enhle nekhuthaziwe, futhi angifisi ukuqeda amandla anoma ubani owenza umsebenzi wakhe ngokwethembeka; noma kunjalo, kumele nginikhumbuze nonke ngenikuntulayo nangemiphefumulo engcolile ekujuleni kwezinhliziyo zenu. Inhloso yokwenza kanjalo ukuba nethemba lokuthi nizokwazi ukunikela ngenhliziyo eneqiniso ekubhekaneni namazwi Ami, ngoba ngikuzonda kakhulu ukukhohliswa abantu. Kuphela nginethemba lokuthi esigabeni sokugcina somsebenzi Wami, nizokwenza umsebenzi omuhle kakhulu, nizinikele ngokugcwele, ningabe nisaba nenhliziyo ehlukene phakathi. Yiqiniso, ngethemba ukuthi nonke nizoba nesiphetho esihle. Noma kunjalo, ngisenezimfuno Zami, okuwukuthi nenze isinqumo esingcono nizinikele okokuqala nokokugcina Kimi. Uma umuntu enganikela ngesiqu sakhe, nakanjani lowo muntu uzoba impahla kaSathane, futhi ngeke ngiqhubeke ngimsebenzisa. Ngizomthumela ekhaya anakekelwe abazali bakhe. Umsebenzi Wami unisize kakhulu; enginethemba lokukuthola kini yinhliziyo eyethembekile nelangazelela phezulu, kodwa kuze kube manje izandla Zami zilokhu zingenalutho. Cabangani ngakho: Uma ngelinye ilanga ngisaphatheke kabi kakhulu ngaphezu kokungachazwa, ngiyoniphatha kanjani ngokuzayo? Ingabe ngiyoba nobungani? Ingabe inhliziyo Yami iyobe isenokuthula? Ingabe niyayiqonda imizwa yomuntu otshale ngokucophelela kodwa wangavuna ngisho okukodwa okusanhlamvu? Ingabe niyaqonda ukuthi lijule kangakanani inxeba lomuntu oshaywe kanzima? Ningawunambitha umunyu womuntu ogcwele ithemba okudingeka ahlukane nomuntu ngenxa yezinto ezimbi? Ingabe nike nayibona intukuthelo yomuntu ocasuliwe? Ningawazi yini umuzwa wokuziphindisela ngokuphuthumayo womuntu oye waphathwa ngenzondo nangenkohliso? Uma niyiqonda indlela laba bantu abacabanga ngayo, ngicabanga ukuthi akufanele kube nzima ukuthi niyibone ngeso lengqondo indlela uNkulunkulu ayokwenza ngayo ngesikhathi sempindiselo Yakhe. Okokugcina, ngethemba ukuthi nizokwenza okusemandleni enu ngenxa yesiphetho senu; noma kunjalo, kungaba ngcono kungabi nokukhohlisa emizamweni yenu, ngale kwalokho ngizobe ngisaphoxekile enhliziyweni Yami. Ukuphoxeka okunjalo kuholela kuphi? Anizikhohlisi yini? Labo abacabanga ngesiphetho sabo kodwa basonakalise bangabantu okungelula ukuba basindiswe. Ngisho noma labo bantu bethukuthele, ubani oyozwelana nabo? Kukho konke, ngisanifisela ukuthi nibe nesiphetho esihle. Noma kunjalo, ngethemba ukuthi akekho kini owela enhlekeleleni.

Kucashunwe embhalweni othi “Isiphetho Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukudalula Ukukhohlakala Kwesintu

Okulandelayo: Ukudalula Ukukhohlakala Kwesintu 2

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp