Ukungena Ekuphileni 1

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 374)

UNkulunkulu uSomandla, iNhloko yezinto zonke, uphethe amandla Akhe obukhosi asuka esihlalweni Sakhe sobukhosi. Ubusa phezu kwezulu nomhlaba nezinto zonke futhi uyasiqondisa emhlabeni wonke. Siyohlala siseduze Kwakhe ngazo zonke izikhathi, futhi siye phambi Kwakhe ngokuthula; ngeke silahlekelwe ngisho ngumzuzu owodwa, futhi kukhona izinto zokufundwa kuzo zonke izikhathi. Isimo esisizungezile kanye nabantu, izindaba nezinto, konke kuvunyelwe yisihlalo Sakhe sobukhosi. Ungabi nenhliziyo ekhonondayo, uma kungenjalo uNkulunkulu ngeke akunikeze umusa wakhe. Lapho kwehla ukugula kungenxa yothando lukaNkulunkulu, futhi izinhloso Zakhe ezinhle nakanjani zingemuva kwakho. Noma ngabe umzimba wakho uzwa ubuhlungu, ungathathi imiqondo kuSathane. Dumisa uNkulunkulu phakathi kokugula futhi uthokozele uNkulunkulu phakathi kokudumisa kwakho. Ungaphelelwa yisineke lapho ubhekene nokugula, qhubeka nokufuna futhi ungayeki, futhi uNkulunkulu uyokhanyisa ukukhanya Kwakhe kuwe. Wayekholwa kangakanani uJobe? UNkulunkulu uSomandla ungudokotela onamandla onke! Ukuhlala ekuguleni kungukugula, kodwa ukuhlala emoyeni kungukuphila. Uma unomphefumulo owodwa nje, uNkulunkulu ngeke akuyeke ufe.

Phakathi kithi sinokuphila okuvukile kukaKristu. Ngokungephikwe, sintula ukholo ebukhoneni bukaNkulunkulu. Sengathi uNkulunkulu angabeka ukholo lwangempela phakathi kithi. Izwi likaNkulunkulu limnandi impela! Izwi likaNkulunkulu lingumuthi onamandla! Beka odeveli noSathane ehlazweni! Uma siqonda izwi likaNkulunkulu siyoba nokwesekelwa futhi izwi Lakhe liyosindisa izinhliziyo zethu masinyane! Lixosha zonke izinto lenze konke kube nokuthula. Ukholo lufana nebhuloho lezingodo elihamba umuntu oyedwa, labo ababambelela ngokwedlulele ekuphileni bayoba nobunzima ekuliweleni, kodwa labo abazimisele ngokuzinikela bangawela ngaphandle kokukhathazeka. Uma umuntu enemicabango yokungabaza nokwesaba, wenziwa isiwula nguSathane. Wesaba ukuthi sizowela ibhuloho lokholo ukuze singene kuNkulunkulu. USathane wakha yonke indlela engenzeka ukusithumelela imicabango yakhe, kufanele sihlale sithandazela ukuthi ukukhanya kukaNkulunkulu kukhanye kithina, futhi kufanele sihlale sithembela kuNkulunkulu ukuthi asihlanze ebuthini bukaSathane. Siyohlala sizilolonga emimoyeni yethu ukuba sisondele kuNkulunkulu. Siyovumela uNkulunkulu abuse phezu kokuphila kwethu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 6” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 380)

Ungenzi izinto phambi kwabantu; kufanele uzenze phambi kukaNkulunkulu. Ngokwamukela ukubhekwa nokuhlolwa uNkulunkulu, inhliziyo yakho iba sesimweni esikahle. Uma njalo ukhathazeka ngokwenza izinto ukuze ubonwe ngabantu, khona-ke inhliziyo yakho ngeke ize ibe sesimweni esikahle. Futhi, lapho wenza izinto ungazenzeli wena. Ungazicabangeli izithakazelo zakho siqu. Ungazicabangeli izithakazelo zomuntu. Ungacabangeli isikhundla sakho siqu, ukuvelela, noma idumela. Okokuqala cabangela izithakazelo zendlu kaNkulunkulu. Beka phambili izithakazelo zendlu kaNkulunkulu. Cabangela injongo kaNkulunkulu. Cabanga ngomsebenzi wakho siqu kuqala: Ingabe kukhona ukungahlanzeki endleleni osebenza ngayo? Ingabe uzinikele ngokugcwele? Ingabe uye wafeza umthwalo wakho wemfanelo? ngabe uye wazikhandla ngamandla akho onke? Ingabe wenza ngamandla nangenhliziyo yakho yonke ekucabangeleni umsebenzi wakho kanye nomsebenzi wendlu kaNkulunkulu? Kufanele uzicabange lezi zinto. Lapho ucabanga ngalezi zinto, ngeke wehluleke ukwenza umsebenzi wakho, ngaphandle, uma kuwukuthi, umsebenzi wakho mubi noma unamaphutha bese kuvela ubuthakathaka emsebenzini wakho ngenxa yokuthi kuntuleka imfanelo yakho siqu, ulwazi lwakho alujulile, awunalo ulwazi noma awejwayelene nomsebenzi wakho, noma untula ikhono. Nokho, uye wazikhandla kakade ngamandla akho onke, futhi awenzi ngokwezifiso zakho zobugovu, noma ngokwezithakazelo zakho siqu, kodwa kukho konke ucabangela umsebenzi wendlu kaNkulunkulu futhi wenze ngokucabangela okuzozuzisa uNkulunkulu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu. Inhliziyo yakho isesimweni esihle, futhi unemisebenzi emihle emehlweni kaNkulunkulu. Ingabe umuntu onale misebenzi emihle akayena umuntu oneqiniso langempela? Lo muntu unobufakazi. Uma ngaso sonke isikhathi uphila ngokuvumelana nezifiso zakho zobugovu, njalo wenelisa izifiso zakho zobugovu, khona-ke lolu hlobo lomuntu alunabo ubufakazi emehlweni kaNkulunkulu futhi alunabo ubufakazi emehlweni kaSathane. Lolu uphawu olwenza uNkulunkulu abe namahloni, olwenza uNkulunkulu abe namahloni ezintweni zonke; Uthi, “Kodwa angenzanga lutho; ngingamenza kanjani uNkulunkulu abe namahloni?” Emicabangweni yakho, ezinhlosweni, emigomweni, nasezizuseni zezenzo zakho, kanye nasemiphumeleni yalokho okwenzile—ngakho konke wanelisa uSathane, uba inhlekisa, futhi uzibeka ekubeni usoleke, futhi awunabo ngisho nobuncane ubufakazi okufanele ukuthi ube nabo njengomKristu. Kuzo zonke izinto uhlambalaza igama likaNkulunkulu futhi awunabo ubufakazi bangempela. Ngakho, ingabe uNkulunkulu uzozikhumbula izinto ozenzile? Ekugcineni, yisiphi isiphetho uNkulunkulu azofinyelela kuso ngezenzo zakho nangomsebenzi owenzile? Ingabe ngeke yini kube nomphumela? Umbono? EBhayibhelini, iNkosi uJesu uthi, “Abaningi bazothi kimina ngalolo suku, Nkosi, Nkosi, asizange siphrofethe ngegama lakho? Futhi sakhipha namadimoni ngegama lakho? Futhi ngegama lakho senza imisebenzi eminingi emihle?” (Mathewu 7:22). Khona-ke yini iNkosi uJesu ayishoyo? (“Khona-ke ngizobe sengifakaza kubo ngithi, anginazi: sukani kimi, nina enenza okubi" (Mathewu 7:23).) Kungani iNkosi uJesu esho lokhu? Kungani labo abaye baphulukisa abagulayo futhi bakhipha amadimoni ngegama leNkosi, bahamba beyoshumayela ngegama leNkosi, beba abenzi bokubi? Obani laba benzi bokubi? Ingabe yilabo abangakholelwa kuNkulunkulu? (Cha.) Obani? (Yilabo abakholelwa kuNkulunkulu kodwa abangalenzi iqiniso.) Yebo. Bayakholelwa kuNkulunkulu futhi balandela uNkulunkulu. Futhi bayazikhandla ngoNkulunkulu, benzela uNkulunkulu izinto, futhi benze umsebenzi wabo. Nokho, ekwenzeni umsebenzi wabo abathembekile futhi abanabo ubufakazi, futhi ukwenza kwabo umsebenzi kube ububi. Ngakho, iNkosi uJesu uthi, “Sukani kimi, nina enenza okubi.”

Iyiphi indinganiso okuhlolwa ngayo izenzo zomuntu ukuthi zinhle noma zimbi? Kungaba ukuthi noma ukungabi ukuthi, emicabangweni yakho, ekukhulumeni, nasezenzweni, unobufakazi bokwenza iqiniso kanye nokuphila ngokuvumelana neqiniso langempela. Uma ungenakho lokhu ngempela noma ungaphili ngokuvumelana nakho, khona-ke ngokungangabazeki ungumenzi wokubi. UNkulunkulu ubabheka kanjani abenzi bokubi? Imicabango kanye nezenzo zakho zangaphakathi konke kwenza uNkulunkulu abe namahloni. Akumfakazeli uNkulunkulu. Ukumhlazisi uSathane noma kumnqobe; kunalokho, kukho konke kuwuphawu olwenza uNkulunkulu abe namahloni. Awumfakazeli uNkulunkulu, awuzikhandli ngoNkulunkulu, futhi awufezi umthwalo wakho wemfanelo kanye nesibopho sakho kuNkulunkulu kodwa kunalokho uzenzela wena. Yini esikiselwa ukuthi “wena? Ukuthi uSathane. Ngakho, ekugcineni uNkulunkulu uzothi, “Sukani kimi, nina enenza okubi.” Awukho umvuzo. UNkulunkulu akabakhumbuli. Emehlweni kaNkulunkulu izenzo zabo bezingezinhle kodwa zibe yizenzo ezimbi. Ingabe lokhu akulona ize? Manje, kungakhathaliseki ukuthi isifiso sombono wakho siwukuzimisela ukuphishekela iqiniso, noma leso sifiso asicacile futhi selokhu awuqiniseki ngokuthi kuyini ukuphishekela iqiniso, indlela elula yokwenza ukuthi ucabange ngezithakazelo zendlu kaNkulunkulu kuqala. Kukho konke cabanga ngezithakazelo zendlu kaNkulunkulu kuqala. Khohlwa yizifiso zakho zobugovu. Khohlwa izisusa, inhloso, ukukhathazeka ngokuvelela kanye nesikhundla sakho siqu. Beka lezo zinto ngemuva kwakho bese ucabanga ngezithakazelo zendlu kaNkulunkulu kuqala—yilokhu okungenani okufanele kwenziwe. Uma umuntu enza umsebenzi wakhe angeke aze enze ngisho nalokhu, khona-ke kungashiwo kanjani ukuthi wenza umsebenzi wakhe? Lokhu akukhona ukwenza umsebenzi wakho. Kufanele okokuqala ucabange ngezithakazelo zendlu kaNkulunkulu, ucabange ngezithakazelo zikaNkulunkulu, ucabange ngomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ubeke lezi zinto kuqala; bese kamuva ucabangela ukuzinza kwesikhundla sakho kanye nendlela abanye abakubheka ngayo. Ingabe ungakwenza lokhu? Ingabe anikuzwa sengathi kulula kancane uma nikwehlukanisa ngalezi zinyathelo bese nizilungisa ngasinye? Uma wenza lokhu okwesikhashana, uzozwa ukuthi ukwanelisa uNkulunkulu akuyona into enzima. Futhi ngemva kokubhekana nenkathi yokukwazi ukufeza umthwalo wakho, ukwenza izibopho nemisebenzi yakho, ukubeka eceleni izifiso zakho, ukubeka eceleni izinhloso nezisusa zakho, ukucabangela injongo kaNkulunkulu, futhi ubeke izithakazelo zikaNkulunkulu nezendlu yaKhe kuqala, uzocabanga, “Kuhle ukuphila kanjena! Kuwukuphila impilo eqondile nethembekile, hhayi ukuba umuntu olukhuni, ongelusizo lwalutho nongenamqondo ovalekile noma omubi kodwa kunalokho ukuphila impilo enobulungisa nehloniphekile. Lena indlela umuntu okufanele aphile futhi enze ngayo.” Kancane kancane, isifiso esingaphakathi enhliziyweni yakho sokwanelisa izithakazelo zakho siqu siyoncipha.

Kucashunwe embhalweni othi “Ungathola Iqiniso Ngemva Kokuyiguqulela Inhliziyo Yakho Yangempela KuNkulunkulu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 381)

Abantu abaningi bagcizelela ngokukhethekile ngokuziphatha ezinkolelweni zabo kuNkulunkulu, ngenxa yalokho kunezinguquko ezenzekayo ekuziphatheni kwabo. Ngemva kokukholwa kuNkulunkulu, bayeka ukuphikisana nabanye, bayeka ukulwa nabantu kanye nokubathuka, bayeka ukubhema nokuphuza, abantshontshi izinto zomphakathi—noma ngabe isipikili noma ipulangwe lokhuni—futhi baze bafinyelele ekuthini bengayi nasenkantolo uma belahlekelwa noma boniwe. Ngaphandle kokungabaza, ezinye izinguquko ziyenzeka ekuziphatheni kwabo. Ngoba, ngemva kokukholwa kuNkulunkulu, ukwamukela kwabo iqiniso kubenza bezizwe beneme ngokukhethekile, futhi ngenxa yokuthi sebezwe umusa womsebenzi kaMoya Ongcwele, ikakhulukazi babaqotho, futhi akukho lutho abangeke bayiyeke noma bayenze. Kodwa ngemva kokukholwa iminyaka emithathu, emihlanu, eyishumi, noma amashumi amathathu—ngenxa yokuthi alukaze lube bikho ushintso esimweni sempilo yabo, ekugcineni babuyela emuva ezindleleni zakudala, ukuzikhukhumeza kanye nokuzidla kwabo kuyakhula, bese beyaqala futhi ukulwela amandla kanye nenzuzo, bahalela imali yebandla, benza noma yini efeza ukulangazelela kwabo, balangazelela ukuba bakhulu kanye nokwenama, baphenduka izimbungulu zendlu kaNkulunkulu. Abaholi abaningi, ikakhulukazi, bayashiywa. Futhi afakazelani lamaqiniso? Izinguquko ekuziphatheni kuphela azisimeme. Uma lungekho ushintsho esimweni sempilo yabantu, ngakho masinyane noma ngokuhamba kwesikhathi uhlangothi olonakele luzozibonakalisa. Ngenxa yokuthi umsuka wezinguquko ekuziphatheni kwabo uyintshisekelo, noma uba muhle okwesikhathi. Njengoba besho abangakholwa, “Kulula ukwenza isenzo esisodwa esihle, okunzima ukwenza izenzo ezinhle ukuphila kwakho konke.” Abantu abakwazi ukwenza izenzo ezinhle ukuphila kwabo konke. Ukuziphatha kwabo kuqondiswa ukuphila; noma yini engukuphila kwabo, kanjalo nokuziphatha kwabo, futhi yilokho kuphela okubonakalisiwe emvelweni kumele ukuphila, kanye nemvelo yomuntu. Izinto okungezona angeke zime. Uma uNkulunkulu esebenza ukuze asindise umuntu, akusikhona ukuhlobisa umuntu ngokuziphatha okuhle—umsebenzi kaNkulunkulu owokuguqula izimo zabantu, ukubenza bazalwe kabusha ukuba babe abantu abasha. Ngaleyo ndlela, ukwahlulela kukaNkulunkulu, ukujezisa, izilingo, kanye nokucolisiswa komuntu konke kwenzelwe ukuguqula isimo sakhe, ukuze azuze ukulalela okupheleleyo kanye nokwethembeka kuNkulunkulu, kanye nendumiso evamile kaNkulunkulu. Lokhu kuyinjongo yomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuziphatha kahle akufani nokulalela uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokulingana nokufaneleka kuKristu. Izinguquko ekuziphatheni zisuselwa emfundisweni, futhi ezizalwa ugqozi—azisuselwa ekwazini uNkulunkulu ngeqiniso, noma eqinisweni, ingasaphathwa eyokuthi baphumule ekuqondisweni uMoya Ongcwele. Nakuba kukhona izikhathi lapho okunye okwenziwa ngabantu kuqondiswa uMoya Ongcwele, lokhu akuchazi ukuphila, ingasaphathwa eyokufana nokwazi uNkulunkuku; noma ngabe kuhle kanjani ukuziphatha komuntu, lokhu akufakazeli ukuthi balalela uNkulunkulu, noma ukuthi benza iqiniso. Izinguquko ekuziphatheni ziyinkohliso yesikhashana, ziwukubonakaliswa kwentshisekelo, futhi azichazi ukuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwezinguquko Zangaphandle Kanye Nezinguquko Esimweni” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 382)

Abantu bengaziphatha kahle, kodwa lokho akusho ukuthi baneqiniso. Intshisekelo yabantu ingabenza kuphela ukuba bathobele imfundiso futhi belandele isiqondiso; abantu abangenalo iqiniso abanayo indlela yokuxazulula izinkinga ezinzima, futhi isifundiso angake simele iqiniso. Labo asebeguqule izimo zabo bahlukile. Baneqiniso ngaphakathi, bahlola izindaba zonke, bayakwazi ukwenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu, ukwenza ngokwezimiso zeqiniso, ukwenza ngokwenelisa uNkulunkulu, futhi bayayiqonda imvelo yenkohlakalo abayivezayo. Ngesikhathi imibono nemicabango yabo ivezwa, bayakwazi ukuzihlola nokulahla inyama. Yile ndlela okubonakala ngayo inguquko esimweni. Into ebalulekile kakhulu ngenguquko yesimo ukuthi banakho kokubili iqiniso nokucaciseleka, futhi uma benza izinto, benza iqiniso ngokucophelela futhi inkohlakalo yabo ayiveli ngokuvamile. Ngokuvamile, umuntu onesimo esiguquliwe uveza ingqondo nokuqonda, futhi ngenxa yokuqonda kwabo iqiniso, ukuzikhukhumeza nokuzidla akuveli kakhulu. Bayakwazi ukubona konke ngokucacile, ngakho ababi nokuzidla ngemva kokuthola lokhu kucaciseleka. Bayakwazi ukuba nokuqonda okulinganisiwe kokuthi iyiphi indawo yomuntu, uziphatha kanjani ngendlela, uzinikela kanjani, yini okumele uyisho nokumele ungayisho, okumele uyisho futhi uyenze kubaphi abantu. Yingakho kuthiwa lezi zinhlobo zabantu banengqondo. Labo abaguqula izimo zabo baphila umfanekiso womuntu ngeqiniso, futhi baneqiniso; abaphili phansi kwethonya labanye. Labo abaguqukile esimweni bangconywana, abashayi sengathi bayashisa noma bayabanda, nanoma ngabe bakusiphi isimo, bayakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngendlela kanye nokwenza izinto ukwanelisa uNkulunkulu. Labo abanezimo eziguquliwe abagxilile ekutheni bengenzani ukuzenza babukeke kahle ezingeni lokuzenzisa—banokucaciseleka okungaphakathi kokuthi bengenzani ukwanelisa uNkulunkulu. Ngakho-ke, ngaphandle bengengebonakale benogqozi noma sengathi kukhona into enkulu kakhulu abayenzile, kodwa konke abakwenzayo kunomqondo, kubalulekile, futhi kunemiphumela ebonakalayo. Labo abanezimo zabo eziguquliwe banesiqiniseko sokuba neqiniso eliningi—lokhu kungafakazelwa indlela ababona ngayo izinto kanye nezimiso zabo ezenzweni zabo. Labo abangenalo iqiniso ngokuphelele abakaguquki esimweni. Lokhu akusho ukuthi umuntu okhulile ebuntwini bakhe uzovele abe noshintsho esimweni; kucishe kwenzeke kakhulu uma ushevu onobusathane ngaphakathi kwemvelo yomuntu ushintsha ngenxa yokwazi kwabo uNkulunkulu kanye nokuqonda kwabo iqiniso. Lokho kusho ukuthi, labo oshevu sebehlanziwe futhi iqiniso elishiwo uNkulunkulu liyagxila phakathi komuntu, liphenduka ukuphila kwakhe, futhi liphenduka isisekelo sokuphila kwakhe. Kungalesi sikhathi kuphela lapho aphenduka khona umuntu omusha, futhi nesimo sakhe sibe sesiyashintsha. Lokhu akusho ukuthi isimo sabo sangaphandle sesimnene kangcono kuna ngaphambili, bebevame ukuzikhukhumeza kodwa manje amazwi abo asenengqondo, ukuthi babe vame ukungalaleli muntu kodwa manje sebeyakwazi ukulalela abanye —lezi zinguquko zangaphamdle angeke kushiwo ukuthi izinguquko esimweni. Empeleni izinguquko esimweni zimbandakanya nazo lezi zimo, kodwa into ebaluleke kakhulu ukuthi ukuphila kwabo kwangaphakathi sekushintshile. Iqiniso elivezwa uNkulunkulu liphenduka libe ukuphila kwabo, abanye oshevu bobusathane ngaphakathi sebususiwe, indlela umuntu aqonda ngayo seyishintshiwe ngokuphelele, futhi ayikho into kuyona ehambisana kanye naleyo yasezweni. Uyabona ngokucacile izinhlelo kanye noshevu kadrako omdala obomvu; useyiqonda kahle ingqikithi yokuphila eyiqiniso. Ngakho imigomo yokuphila kwakho isishintshile—lolu ushintsho olubaluleke kakhulu kanye nengqikithi yoshintsho kwisimo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwezinguquko Zangaphandle Kanye Nezinguquko Esimweni” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 383)

Ukuguquka kwesimo akukhona ukuguquka ezenzweni, akukhona ukuguquka kokuzenzisa kwangaphandle, akukhona ukuguquka okunomdlandla wesikhashana, kodwa ukuguquka kwangempela kwesimo okuletha uguquko ezenzweni. Izinguquko ezenzweni ezinjalo zehlukile ezinguqukweni zokuziphatha kwangaphandle. Ukuguquka kwesimo kusho ukuthi uqondile futhi unolwazi ngeqiniso, nokuthi iqiniso selibe ukuphila kwakho. Esikhathini esedlule, uqonde iqiniso elimayelana nalolu daba, kodwa wangakwazi ukulenza; iqiniso belinjengemfundiso nje kuwe engahlali. Manje, isimo sakho sesiguqukile, futhi awuqondi iqiniso nje kuphela, kodwa futhi wenza ngokuhambisana neqiniso. Usukwazi ukususa izinto obuzithanda esikhathini esedlule; ukwazi ukuyeka izinto obuzimisele ukuzenza, imicabango yakho siqu, nemiqondo yakho. Usuyakwazi ukuyeka izinto obungakwazi ukuziyeka esikhathini esedlule. Lokhu kungukuguquka kwesimo futhi kuyinqubo yokuguqula isimo sakho. Kuzwakala kulula kakhulu, kodwa empeleni, umuntu ophakathi kwakho kufanele ezwe ubunzima obuningi, anqobe umzimba wakhe futhi ashiye izinto zenyama yakhe ezingezemvelo yakhe. Kufanele futhi edlule ekubhekanweni naye nokuthenwa, ekusolweni nasekwahlulelweni, futhi kufanele ahlangane nokuvivinywa. Kungemuva kokuhlangana nakho konke lokhu lapho umuntu engaqonda khona imvelo yakhe. Ukuba nokuqonda okuthile akusho ukuthi ukwazi ukuguquka ngokushesha. Kufanele akhuthazelele ubunzima endleleni. Kanjalo, ngabe ungayenza into lapho uqeda nje ukuyiqonda? Awukwazi ukuyenza ngokushesha. Esikhathini osithathayo ukuze uqonde, abanye bazokuthena futhi babhekane nawe, futhi isimo sizokuphoqa ukukwenza ngale ndlela nangaleya ndlela. Ngezinye izikhathi, awuzimiseli ukuqhubeka nalokhu, uthi, “Kungani ngingakwazi ukukwenza ngaleya ndlela? Kufanele ngikwenze ngale ndlela?” Abanye bathi, “Uma ukholwa kuNkulunkulu, khona-ke kufanele ukwenza ngale ndlela. Ukukwenza ngale ndlela kuhambisana neqiniso.” Ekugcineni, uyofika eqophelweni elithile lapho uqonda khona intando kaNkulunkulu futhi uqonda amaqiniso athile emva kokuhlangana nokuvivinywa, futhi ngandlela thize uyojabula futhi uzimisele ukukwenza. Uqala ungabaze ukukwenza. Thatha ukufeza imisebenzi ngokuzinikela njengesibonelo. Unokuqonda okuthile ngokufeza imisebenzi yakho nokwethembeka kuNkulunkulu, futhi uyawaqonda amaqiniso, kodwa uyozinikela nini ngokuphelele kuNkulunkulu? uyoyifeza nini ngokuphelele imisebenzi yakho ngamazwi nangezenzo? Lokhu kuyodinga isikhathi esithile. Ngesikhathi sale nqubo, ungehlelwa ubunzima obuningi; abantu bayobhekana nawe, abantu bayokuthena, abantu bayokuqondisa, bakucindezele futhi bakuphoqe. Amehlo awo wonke umuntu ayogqolozela wena, bese ekugcineni, ubone: Kuyinkinga yami. Ngabe kuyemukeleka ukufeza imisebenzi yami ngaphandle kokuzimisela? Angikwazi ukunganaki nokwenza ngokugcina icala. UMoya oNgcwele uyakukhanyisela ngaphakathi futhi uyokusola uma wenza iphutha. Kule nqubo, uyoqonda izinto ezithile ngawe futhi uyokwazi ukuthi awumsulwa ngokwedlulele, unezinhloso eziningi zakho siqu nezifiso eziningi kakhulu ekufezeni imisebenzi yakho. Emva kokwazi lokhu, ungaya ngokuya ungena emzileni ofanele futhi uyokwazi ukuguqula izenzo zakho.

Mayelana nengqikithi yokufeza imisebenzi yenu, ngabe ngempela niyifeza kahle kangakanani imisebenzi yenu? Niyifeza kahle kangakanani imisebenzi yenu ngokuhambisana neqiniso emva kokuguqula izimo zenu? Ngokucabanga ngalokhu, ungakwazi ukuthi isimo sakho ngempela siguquke kangakanani. Ukuguquka kwesimo akulona udaba olulula kangako. “Izenzo zami ziguqukile, futhi ngiyaliqonda iqiniso. Ngingakhuluma ngokuhlangenwe nakho okuthile kuyo yonke ingxenye yeqiniso futhi ngingakhuluma ngolwazi oluthile oluncane. Ngaphezu kwalokho, uMoya oNgcwele ungisolile ngalolu daba futhi sengiyakwazi ukuluyeka kancane futhi ngiyakwazi ukuthoba kancane.” Lokhu kungethathwe njengenguquko esimweni sempilo. Ngani? Uyakwazi ukuyeka kancane, kodwa lokho okwenzayo akukafiki ezingeni lokwenza iqiniso ngempela. Mhlawumbe isimo sakho sifanelekile okwesikhashana futhi izimo zakho ziyavuma, noma izimo zakho ziyakuphoqa ukuba uziphathe ngale ndlela, noma isimo somqondo wakho sizinzile futhi uMoya oNgcwele uyasebenza, khona-ke uyakwazi ukukwenza. Uma ubuphakathi kokuvivinywa njengoJobe owezwa ubuhlungu bokuvivinywa, noma njengoPetru owacelwa nguNkulunkulu ukuthi afe, ubuyokwazi ukuthi, “Noma ngifa emva kokufinyelela ekwazini Wena, kuyobe kulungile”? Ukuguquka esimweni akwenzeki ngokushesha, futhi akusho ukuthi ungenza iqiniso kuso sonke isimo emva kokuqonda iqiniso. Ngaphandle, kubonakala sengathi wenza iqiniso, kodwa empeleni, inhlobo yezenzo zakho ayikhombisi ukuthi wenza iqiniso. Baningi abantu abanokuziphatha okuthile kwangaphandle, abakholwa ukuthi “Ngenza iqiniso. Ngabe angiyifezi imisebenzi yami? Ngabe angishiyanga umndeni nomsebenzi wami? Angenzi iqiniso ngokufeza imisebenzi yami?” Kodwa uNkulunkulu uthi: “Angivumi ukuthi wenza iqiniso.” Kuyini lokhu? Lokhu kuyindlela yokuziphatha. Uma ngikhuluma iqiniso, ungalahlwa ngecala ngenxa yakho; ngeke kunconywe, ngeke kukhunjulwe. Uma ngikhuluma iqiniso ngokwengeziwe, ekuhlaziyeni lokhu, wenza ububi, ukuziphatha kwakho kuphikisa uNkulunkulu. Ngaphandle, awunqamuli, awuphazamisi, awulimazi lutho, noma wenze ngokuphambene nanoma yiliphi iqiniso. Kubonakala sengathi okwenzayo kuyezwakala futhi kunomqondo, kodwa wenza ububi futhi umelana noNkulunkulu. Ngakho kufanele ubheke emthonjeni njengoba uNkulunkulu efunile, ukuze ubone ukuthi kunokuguquka esimweni sakho noma ukuthi ulenzile iqiniso. Akuqondene nokuhambisana nemicabango nemibono yomuntu, noma nalokho okuthandwa nguwe siqu. Kodwa, nguNkulunkulu oshoyo ukuthi izenzo zakho zineqiniso nokuthi ziyafika noma azifiki ezindinganisweni Zakhe. Ukuzilinganisa ngezimfuno zikaNkulunkulu yiyona kuphela indlela elungile. Inguquko esimweni nokwenza iqiniso akulula njengoba abantu becabanga. Niyaqonda manje? Ninakho okuhlangenwe nakho ngalokhu? Ningase ningakuqondi uma kubandakanya ingqikithi yezindaba. Niyobe ningene ngokungajulile ngokwedlulele. Nigijima lonke usuku, kusuka entathakusa kuze kuyohwalala, nisheshe nivuke nephuze ukulala, kodwa aniqondi ngokucacile ukuthi kuyini ukuguquka kwesimo noma siyini isimo sangempela. Akukhi phezulu lokhu? Kungakhathaleki ukuthi umdala noma umusha, ningase ningayizwa ingqikithi nokujula kwenguquko esimweni. Nazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyanincoma noma cha? Okungenani, uyozwa uqine kakhulu enhliziyweni yakho mayelana nakho konke okwenzayo, uyozwa uMoya oNgcwele ukuqondisa futhi ukukhanyisela futhi usebenza kuwe lapho ufeza imisebenzi yakho, wenza noma muphi umsebenzi emndenini kaNkulunkulu, noma ezikhathini ezejwayelekile; ukuziphatha kwakho kuyohambisana ngokuphelele namazwi kaNkulunkulu, futhi lapho usunokuhlanganwe nakho okusezingeni elithile, uyozwa ukuthi okwenzile esikhathini esedlule bekufanelekile ngokwanele. Uma emva kokuzuza okuhlangenwe nakho isikhathi esithile, uzwa ukuthi ezinye zezinto ozenzile esikhathini esedlule bezingafanelekile futhi awenelisekile ngazo, futhi ngempela bekungenaqiniso ezintweni ozenzile, khona-ke kufakazela ukuthi konke okwenzile bekuwukumelana noNkulunkulu. Kufakazela ukuthi ukusebenza kwakho bekugcwele ukuhlubuka, ukumelana nokuziphatha kobuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Okufanele Ukwazi Ngokuguqula Isimo Sakho” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 389)

UPetru wayethembekile Kimi iminyaka eminingi, kepha akazange angunuze noma abe nenhliziyo ekhonondayo, futhi noJobe wayengelinganiswe naye. Kuyo yonke iminyaka yabangcwele, nakhona, akekho oke wafinyelela kuye. Akazange nje alandele ulwazi Ngami kodwa wakwazi Ukungazi ngesikhathi uSathane ayeqhuba amaqhinga akhe alahlekisayo. Lokhu kwaholela eminyakeni eminingi yokwenziwa komsebenzi efuna inhliziyo Yami uqobo, ngenxa yalokho akazange axhashazwe uSathane. UPetru wayesusela okholweni lukaJobe, kepha wayebona nalapho ayesilele khona. Yize uJobe wayenokukholwa okukhulu, wayengenalo ulwazi ngezinto zakamoya futhi wayesho amazwi amaningi engahambisani nalokho okwakuqhubeka; lokhu kuveza ukuthi ulwazi lwakhe lwaluseluncane futhi engenakulungisiswa. Futhi uPetru wayehlala efuna ukuqonda umoya futhi wayehlala eqapha okunhlobonhlobo ngendawo yakomoya. Ngenxa yalokhu, akakwazanga ukuqonda okuthile ngezifiso Zami kodwa wayeqonda okuncane ngamaqhinga kaSathane okulahlekisa, ngakho ulwazi lwakhe Ngami lwalulukhulu kakhulu kunabo bonke abanye abantu abake baba khona.

Kusukela kulokho okwenziwa uPetru, akunzima ukubona ukuthi uma umuntu efisa Ukungibona, kumele agxile ezintweni zakamoya kakhulu. Angikuceli ukuthi unikele Kimi kakhulu ngaphandle; lokhu kuyinto elandelayo ekhathazeka ngayo. Ukuba bewungangazi, kusho ukuthi konke ukukholwa, uthando, ukwethembeka okhuluma ngakho kuyimicabango nje, akusilo iqiniso futhi unesiqiniseko sokuthi ukuze ube umuntu oziqhenyayo phambi Kwami kodwa ongazazi futhi uzoqhubeka nokuhlwithwa uSathane futhi uvumele ukuzikhipha; uzoba indodana yasesihogweni futhi uzoba into yokushabalalisa. Kodwa uma ubanda futhi ungawagqizi qakala amazwi Ami, kusho ukuthi uphikisana Nami. Lokhu kuyiqiniso futhi ungenza kahle uma ubheka ngesango lokomoya emimoyeni eminingi noma embalwa esolwa Yimi. Ingabe yibaphi kubo abangenzanga lutho, futhi abanganakekelanga, nabangawamukelanga amazwi Ami? Yibaphi kubo okade bedelela amazwi Ami? Yibaphi kubo abangazange bazame ukuthola iphutha emazwini Ami? Yibaphi phakathi kwabo abangawasebenzisanga amazwi Ami njengesikhali sokuzivikela okumele sizivikele ngawo? Abazange balulandele ulwazi Ngami ngamazwi Ami, kodwa asetshenziswa njengamathoyizi okudlala. Kulokhu, abaphikisananga nami ngokuqondile? Ngobani abangamazwi Ami? Ubani uMoya Wami? Ngezinye izinkathi engibe ngabhekana nalowo mazwi kuwe, Njengoba sesibonile izingane zethu ezineminyaka angaphezu bese uyisuse. Ingabe wake wabhekana nalokho ngaphambilini? Kukukhumbuza futhi: uma engawazi amazwi Ami, ningamamukeli futhi ukuze asetshenziswe, ukungahlulwa kwakho kuba into yesijesizo Sami. Uzoba isisulu sikaSathane ngempela!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 8” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 390)

Nakuba abantu abaningi bekholelwa kuNkulunkulu, bambalwa abaqondayo ukuthi kusho ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi yini okumele bayenze ukuze babe senhliziyweni kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi, nakuba abantu belijwayele igama elithi “Nkulunkulu” namabinzana athi “umsebenzi kaNkulunkulu,” abamazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi Wakhe. Yingakho ngingamangali uma bonke laba abangamazi uNkulunkulu benezinkolelo ezididayo. Abantu abakuthathi njengokubalulekile ukukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso ngoba ukukholelwa kuNkulunkulu akujwayelekile, kusha ngokuphelele kubo. Ngale ndlela, abakwazi ukuhlangabezana nezimfuno zikaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, uma abantu bengamazi uNkulunkulu, bengawazi umsebenzi Wakhe, abakulungele ukusetshenziswa uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokugcwalisa okufiswa uNkulunkulu. “Ukukholwa kuNkulunkulu” kusho ukukholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu; le yiyona ndlela elula yokuqonda ukukholwa kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona akufani nokukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso; kunalokho, kuwukholo olulula olukhomba ukuqina ngokwenkolo. Ukukholwa kweqiniso kuNkulunkulu kusho ukubona amazwi nemisebenzi kaNkulunkulu ngokukholwa ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto. Ngakho-ke uzokhululeka esimweni senkohlakalo, ugcwalise okufiswa nguNkulunkulu, ufinyelele ekumazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho kungathiwa ukholelwa kuNkulunkulu. Nokho abantu babona ukukholelwa kuNkulunkulu njengodaba olulula nolungabalulekile. Abantu abakholwa kuNkulunkulu ngale ndlela sebelahlekelwe ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu, futhi nakuba bengaqhubeka bakholwe kuze kube sekugcineni, ngeke bazuze ukwamukelwa nguNkulunkulu ngoba bahamba endleleni okungeyona. Namuhla, kusekhona labo abakholelwa kuNkulunkulu ezincwadini, ezimfundisweni ezifile. Abazi ukuthi ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu akunasisindo, nokuthi abakwazi ukwamukelwa uNkulunkulu, nokuthi basathandazela ukuthula nomusa owanele bona ovela kuNkulunkulu. Kumele sime sizibuze ukuthi: Ingabe ngempela ukukholelwa kuNkulunkulu kuyinto elula emhlabeni? Ingabe ukukholelwa kuNkulunkulu akusho lutho ngaphandle kokuthola umusa kuNkulunkulu? Ingabe abantu abakholelwa kuNkulunkulu kube yibo abangamazi, nabakholelwa kuNkulunkulu kodwa bemphikisa, bangakugcwalisa okufiswa uNkulunkulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 391)

Ngabe yini le esiyamukelwe umuntu kusukela aqala ukukholwa kuNkulunkulu? Bewazini ngoNkulunkulu? Ngabe sewuguquke kangakanani njengoba sewukholwa kuNkulunkulu? Manje nonke seniyazi ukuthi ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akwenzelwa ukusindiswa komphefumulo kuphela kanye nokunakekelwa kwenyama, noma ukuthi anothise impilo yakhe ngokuthanda uNkulunkulu, njalo njalo. Njengoba kumi kanje, uma uthanda uNkulunkulu ngesizathu sokunakekelwa kwenyama noma ukuthokoza kwesikhashana, ngisho noma, ekugcineni, uthando othanda uNkulunkulu ngalo lufinyelela esicongweni futhi ungaceli lutho, lolu thando olufunayo kusewuthando olungahlanzekile nolungamthokozisi uNkulunkulu. Labo abasebenzisa uthando lukaNkulunkulu ukuze banothise izimpilo zabo eziphansi futhi bavale isikhala ezinhliziyweni zabo yilabo abafuna ukuphila kalula, hhayi labo abafuna ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Lolu hlobo lothando luphambene nentando yakhe, lungukulandela ukuthokoza komoya, futhi uNkulunkulu akaludingi lolu hlobo lothando. Ngakho, olwakho uthando luwuhlobo luni? UNkulunkulu umthandelani? Lungakanani uthando lweqiniso othanda ngalo uNkulunkulu manje? Uthando lwabantu abaningi phakathi kwenu lunjengalolu olubalwe ngenhla. Lolu hlobo lothando lungakwazi ukugcina isimo samanje kuphela; ngeke lukwazi ukuqhubeka phakade, noma ukuzinza kubantu. Lolu hlobo lothando lunjengembali engatheli izithelo emuva kokuqhakaza yabuna. Ngamanye amazwi, uma sewuthande uNkulunkulu ngaleyo ndlela futhi engekho umuntu ozokuhola endleleni, uzowa. Uma ukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngezikhathi zokuthanda uNkulunkulu futhi ungaguquli lutho esimweni sempilo yakho emva kwalokho, uzoqhubeka nokugutshuzelwa amandla obumnyama, ungakwazi ukuphunyuka, futhi ulokhu ungakwazi ukukhululeka ekuboshweni nasekwenziweni isiwula uSathane. Akekho umuntu onjalo ongazuzwa uNkulunkulu ngokugcwele; ekugcineni, umoya wabo, umphefumulo kanye nomzimba uzobe usangokaSathane. Lokhu akunakuphikiswa. Bonke labo abangakwazi ukuzuzwa nguNkulunkulu ngokugcwele bazobuyela endaweni yabo yokuqala, leyo, ukubuyela kuSathane, futhi bazoya echibini lomlilo nesibabule ukuze bamukele isigaba esilandelayo sokujeziswa uNkulunkulu. Labo abazuzwe uNkulunkulu yilabo abahlubuke kuSathane futhi baphunyuka endaweni ebuswa nguye. Abantu abanjalo bayobalwa ngokugcwele kubantu bombuso. Abantu bombuso bavela kanjalo. Ngabe uzimisele ukuba yilolu hlobo lomuntu? Ngabe uzimisele ukuzuzwa uNkulunkulu? Ngabe uzimisele ngokuphunyuka endaweni ebuswa nguSathane bese ubuyela kuNkulunkulu? Manje ngabe ungokaSathane noma ubalwa phakathi kwabantu bombuso? Izinto ezinjalo kumele zicace futhi zingadingi ukuthi zichazwe kabanzi.

Kucashunwe embhalweni othi “Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 392)

Ezikhathini zangaphambili, abantu abaningi babelandela ngezifiso kanye nemibono yomuntu nangenxa yamathemba abantu. Lezi azizukudingidwa njengamanje. Okumqoka ukuthola indlela yokwenza ezonivumela ukuthi umuntu ngamunye akwazi ukuba sesimweni esejwayelekile phambi kukaNkulunkulu futhi kuye ngokuya ekhululeka emaketangweni ethonya likaSathane, ukuze uNkulunkulu akwazi ukunizuza, bese niphila emhlabeni lokho uNkulunkulu akucela kinina. Yilokhu kuphela okungagcwalisa isifiso sikaNkulunkulu. Baningi abakholwa uNkulunkulu, kepha abakwazi lokho okufiswa uNkulunkulu noma lokho okufiswa uSathane. Ngobuwula bakholwa futhi balandele abanye ngobumpumputhe, ngakho abakaze bayiphile impilo yobuKristu ejwayelekile; abanabo ubudlelwano obejwayelekile nabantu, kunobudlelwane obejwayelekile obuncane kakhulu umuntu anabo noNkulunkulu. Kulokhu kuyabonakala ukuthi izinkinga kanye namaphutha abantu, kanye nokunye okuningi okungavimba intando kaNkulunkulu kuningi. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi umuntu akakangeni emgudwini ofanele wokukholwa kuNkulunkulu, futhi akakangeni ekuzweni ukuphila komuntu kwangempela. Ngakho-ke kusho ukuthini ukungena emgudwini ofanele wokukholwa kuNkulunkulu? Ukuba semgudwini ofanele kusho ukuthi ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu ngazo zonke izinkathi futhi uthokozele ukuxhumana ngokwemvelo noNkulunkulu, uye ngokuya ufinyelele ekwazini ukuthi kuntulekani kumuntu futhi aye ngokuya athole ulwazi olujulile ngoNkulunkulu. Ngalokhu, nsukuzonke uzuza ukubona okusha futhi ukhanyiseleke emoyeni wakho; ukulangazelela kwakho kuyakhula, futhi ufuna ukungena eqinisweni. Nsukuzonke kuba khona ukukhanya okusha kanye nokuqonda okusha. Ngale ndlela, uyakhululeka kancane kancane ethonyeni likaSathane, futhi impilo yakho iyakhula kakhulu. Umuntu onje usungene emgudwini ofanele. Hlaziya lokho obhekane nakho ngokwakho futhi uhlole indlela oyithathile ekukholweni kuNkulunkulu ukuqhathanise nokungenhla. Ngabe ungumuntu osemgudwini ofanele? Ngabe uzikhulule kuziphi izindaba emaketangaweni kaSathane kanye nasethonyeni likaSathane? Uma kuwukuthi yilapho usazongena emgudwini ofanele, izibopho zakho noSathane kusamele zigqashulwe. Njengoba kunje, ngabe lokhu kufuna uthando lukaNkulunkulu kungaholela othandweni oluyiqiniso, oluzinikele, futhi olumsulwa? Uthi uthando othanda uNkulunkulu ngalo luqinile futhi lusuka ekujuleni kwenhliziyo, kodwa awukazikhululi emaketangweni kaSathane. Ngabe awumenzi isiwula uNkulunkulu? Uma ufisa ukuthola uthando olumsulwa lukaNkulunkulu, uzuzwe nguNkulunkulu ngokugcwele, futhi ubalwe phakathi kwabantu basembusweni, ngakho kumele uqale ungene emgudwini ofanele wokukholwa kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 393)

Inkinga ejwayelekile ekhona kubo bonke abantu ukuthi bayaliqonda iqiniso kodwa abakwazi ukulenza. Imbangela eyodwa edala lokhu ukuthi abantu abafuni ukwenza konke okusemandleni ukuzimisela, futhi enye imbangela yalokhu ukuthi ukuhlakanipha komuntu akwenele; akakwazi ukubuka izinkinga angahlangabezana nazo ezikhona empilweni ngeso elidlulayo futhi akakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele. Njengalokhu umuntu enolwazi oluncane, izinga eliphansi, kanye nokuqonda olulinganiselwe kweqiniso, akakwazi ukuxazulula ubunzima ahlangabezana nabo empilweni. Ukwazi kuphela ukukhuluma ngezindebe zomlomo ngokholo lwakhe kuNkulunkulu, kepha akakwazi ukwenza uNkulunkulu ingxenye yempilo yakhe yansuku zonke. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu nguNkulunkulu, nempilo yimpilo, sengathi umuntu akanabudlelwano noNkulunkulu empilweni yakhe. Yilokho abantu bonke abakukholwayo. Lendlela yokukholwa kuNkulunkulu yenza umuntu angazuzeki futhi angapheleliswa Nguye ngokweqiniso. Empeleni, akusikho ukuthi izwi likaNkulunkulu aliphelele, kodwa kunalokho ikhono lomuntu lokwemukela izwi Lakhe alenele nje. Singakusho ukuthi cishe akekho umuntu okwazi ukwenza ngokuvumelana nezinhloso zikaNkulunkulu. Kunalokho, ukholo lwabo kuNkulunkulu luhambisana nezinhloso zabo, ngokwemibono namasiko ezenkolo amisiwe. Bayingcosana labo abaguqukayo kulandela ukwemukela kwabo izwi likaNkulunkulu bese benza njengokwentando Yakhe. Kunalokho, bayaqhubeka nezinkolelo zabo eziyiphutha. Uma umuntu eqala ukukholelwa kuNkulunkulu, ukwenza lokhu ngokulandela imigomo ejwayelekile yenkolo, aphinde aphile futhi aphilisane nabanye ngokuphelele ngendlela abuka ngayo impilo. Sinjalo isimo sabantu abayisishiyagalolunye kwabayishumi. Bambalwa labo abasungula amanye amaqhinga nabashintsha impilo yabo ngemuva kokuqala ukukholelwa kuNkulunkulu. Abekho nhlobo abalinakayo noma benze izwi likaNkulunkulu njengeqiniso.

Ake sithathe ukukholelwa kuJesu njengesibonelo. Noma ngabe umuntu wayemusha okholweni noma ngabe wayesenesikhathi eside ekholwa, bonke bamane basebenzisa noma yimaphi “amathalente” ababenawo futhi bakhombisa noma yimaphi “amakhono” ababenawo. Abantu bamane banezelela “ukukholwa kuNkulunkulu,” lamagama amabili nje, ezimpilweni zabo ezijwayelekile, kepha abenzanga zinguquko ezimweni zabo, kanti nokholo lwabo kuNkulunkulu alukhulanga nakancane. Ukushisekela komuntu kwakungashisi futhi kungabandi. Akazange asho ukuthi akakholwa, kepha futhi akazinikelanga ngokuphelele kuNkulunkulu. Wayengakaze amthande uNkulunkulu ngeqiniso noma amlalele uNkulunkulu. Ukholo lwakhe kuNkulunkulu lwalumbaxambili luqinisekile luphinde lunobuzenzisi, kanti futhi washaya sengathi akaboni futhi wayengazimisele ekukholweni kwakhe. Waqhubeka ekuleso simo sokudideka kusukela ekuqaleni kwaze kwafika isikhathi sokufa kwakhe. Yini incazelo kulokhu? Namuhla, kumele uzibeke emgudwini oyiwo njengalokhu ukholelwa kuNkulunkulu obonakalayo. Ngokukholelwa kuNkulunkulu, akufanele ufune izibusiso nje zodwa, kodwa funa ukuthanda uNkulunkulu nokumazi uNkulunkulu. Ngokukhanyiselwa Nguye kanye nokushisekela kwakho uqobo, ungadla futhi uphuze izwi Lakhe, ukhulise ukuqonda uNkulunkulu ngeqiniso, futhi ube nothando lweqiniso lukaNkulunkulu olusuka enhliziyweni yakho. Ngamanye amazwi, uthando lwakho ngoNkulunkulu luqinisekile kakhulu, ngendlela yokuthi akekho ongalucekela phansi noma ame endleleni yothando lwakho Ngaye. Ngakho usemgudwini oyiwo wokukholwa kuNkulunkulu. Lokhu kufakazela ukuthi ungokaNkulunkulu, ngoba inhliziyo yakho seyithathwe nguNkulunkulu wayenza Yakhe futhi angeke usathathwa nanoma yini enye. Ngenxa yokuzizwela kwakho, inani olikhokhile, kanye nomsebenzi kaNkulunkulu, uyakwazi ukukhulisa uthando lwakho ngoNkulunkulu olumane luzifikele. Khona-ke usukhululekile ethonyeni likaSathane uphila ekukhanyeni kwezwi likaNkulunkulu. Ukuphela uma usugqashulile waphuma ethonyeni lobumnyama ungathathwa ngokuthi usumzuzile uNkulunkulu. Ekukholweni kwakho uNkulunkulu, kumele lokhu kube yiwona mgomo wakho owufunayo. Lokhu ngumsebenzi womunye nomunye wenu. Akekho noyedwa wenu okumele azithambise eneliseke ngendlela izinto eziyiyo. Awukwazi ukuba nemiqondo emibili ngomsebenzi kaNkulunkulu noma uwuthathe kalula nje. Kumele ucabange ngoNkulunkulu ngayo yonke indlela nangaso sonke isikhathi, futhi wenze zonke izinto ngenxa Yakhe. Futhi lapho ukhuluma noma wenza izinto, kumele ubeke intando yendlu kaNkulunkulu phambili. Yilokhu kuphela okuvumelana nentando kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 394)

Iphutha elikhulu elenziwa ngumuntu okholwa nguNkulunkulu ukuthi ukholo lwakhe lungamagama kuphela, futhi uNkulunkulu akekho ezenzweni zempilo yakhe ezibonakalayo. Bonke abantu, bayakholwa ngempela, ukuthi uNkulunkulu ukhona, kepha uNkulunkulu akayona ingxenye yezimpilo zabo zansuku zonke. Miningi imithandazo eya kuNkulunkulu evela emlonyeni womuntu, kodwa uNkulunkulu unengxenye encane enhliziyweni yakhe, ngakho uNkulunkulu uyamvivinya umuntu ephinda phinda. Njengalokhu umuntu engcolile, uNkulunkulu akanakho okunye angakwenza ngaphandle kokuba amvivinye umuntu, ukuze azisole afinyelele ekumazini uNkulunkulu ngazo izivivinyo. Ngale kwalokho, abantu bonke bayoba ngabantwana bengelosi enkulu, bese beya begcwala inkohlakalo kakhulu. Ngokuqhubeka komuntu ekholwa kuNkulunkulu, izinhloso nezinjongo zomuntu eziningi ezakhe ngokwakhe, ziyalahlwa njengoba esuke eqhubeka ehlanzwa nguNkulunkulu. Ngale kwaloko, akekho umuntu ongasetshenziswa nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu akanandlela yokwenza kumuntu umsebenzi okufanele awenze. UNkulunkulu uqala ahlanze umuntu. Ngesikhathi kuqhubeka lokhu, kungenzeka umuntu afinyelele ekutheni azazi yena uqobo kanti noNkulunkulu angamshintsha umuntu. Emuva kwalokhu yilapho uNkulunkulu engakwazi khona ukwenza umsebenzi empilweni yomuntu, futhi yingale ndlela kuphela inhliziyo yomuntu ingaguquka ngayo ibheke kuNkulunkulu ngokupheleleyo. Ngakho-ke, ukukholwa kuNkulunkulu akusiyo into elula njengoba umuntu engasho. Ngokubuka kukaNkulunkulu, uma unolwazi kuphela kodwa ungenalo izwi Lakhe njengokuphila; uma unesilinganiso solwazi lwakho ngokwakho kuphela kodwa ungakwazi ukwenza iqiniso noma uliphile izwi likaNkulunkulu, ngakho lokhu kusengubufakazi bokuthi awunayo inhliziyo enothando ngoNkulunkulu, futhi kukhombisa ukuthi inhliziyo yakho ayikabi ngekaNkulunkulu. Ukufinyelela ekumazini uNkulunkulu ngokukholwa Nguye; lokhu kuwumgomo wokugcina okumele umuntu awufune. Kumele uzinikele ngomfutho ukuba uphile amazwi kaNkulunkulu ukuze akwazi ukufezeka ezenzweni zakho. Uma unolwazi lokufundiswa kuphela, ukholo lwakho kuNkulunkulu luyofana noluyize. Kuphela uma ubuye wenze futhi uliphile izwi likaNkulunkulu lapho ukholo lwakho luyothathwa njengoluphelele noluvumelana nentando kaNkulunkulu. Kule ndlela, abantu abaningi bangakhuluma ngolwazi oluningi, kodwa ngesikhathi sokufa kwabo, amehlo abo agcwala izinyembezi, futhi bazizonde ngoba bechithe isikhathi sabo sokuphila nokuthi baphilele ize baze baficwa ukuguga. Baqonda kuphela izimfundiso kodwa abakwazi ukwenza iqiniso futhi bafakazele uNkulunkulu, kunalokho bagijima baya le nale, bematasa njengenyosi; lapho sebesondele ekufeni bagcina sebebona ukuthi bantula ubufakazi obuyiqiniso, ukuthi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Akuve sesibashiyile nje isikhathi? Kungani ungasisebenzisi kahle isikhathi futhi ufune iqiniso leli olithandayo? Kungani uzolinda kuze kube kusasa? Uma empilweni ungahluphekeli iqiniso noma ufune ukulizuza, kungenzeka ukuthi ufuna ukuzisola ngehora lakho lokugcina? Uma kunjalo, kungani-ke ukholelwa kuNkulunkulu? Eqinisweni, ziningi izinto lapho umuntu, uma enza umzamo wokuzinikela ngisho omncane kakhulu, engalenza iqiniso ngendlela ebonakalayo futhi ngaleyo ndlela amenelise uNkulunkulu. Inhliziyo yomuntu ngaso sonke isikhathi ihlale igutshezelwe ngamadimoni ngakho akakwazi ukwenza ngenxa kaNkulunkulu. Kunalokho, njalo wehla enyuka ebheka okwenyama, angabuyelwa yilutho ekugcineni. Kungenxa yalezi zizathu umuntu ehlala esezinkingeni nasebuhlungwini. Akuzona lezi izinhlupho zikaSathane? Akukhona lokhu ukukhohlakala kwenyama? Akufanele wenze uNkulunkulu isilima umkhonze ngomlomo kuphela. Kunalokho, kumele uthathe isinyathelo esibonakalayo. Ungazikhohlisi wena uqobo; iyini injongo kulokho? Yini ongayizuza ngokuphilela inyama yakho nokukhandlekela udumo kanye nengcebo?

Kucashunwe embhalweni othi “Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 395)

Manje sekumele niphokophelele ukuba abantu bakaNkulunkulu, bese niqala ukungena ngokuphelele endleleni eyiyo. Ukuba ngabantu bakaNkulunkulu kusho ukungena eNkathini YoMbuso. Namuhla, niqala ukungena ngokusemthethweni ekuqeqeshelweni umbuso, kanti nezimpilo zenu zekusasa zizoyeka ukuhuduleka njengasekuqaleni; izimpilo ezinjalo angeke zikwazi ukufinyelela emazingeni adingwa uNkulunkulu. Uma ungenawo umuzwa wokuphuthuma, lokho kusho ukuthi awuzimisele ukuzithuthukisa, kusho ukuthi lokhu okuphokophelele kudungekile futhi kuyadida, futhi ngeke ukwazi ukufeza intando kaNkulunkulu. Ukungena ekuqeqeshelweni umbuso kusho ukuqala kwempilo yabantu bakaNkulunkulu—ingabe uzimisele ukwamukela lolu hlobo lokuqeqeshwa? Ingabe uzimisele ukuba nomuzwa wesimo esiphuthumayo? Ingabe uzimisele ukuphila ngokuyalwa uNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukuphila ngokusolwa nguNkulunkulu? Uma amazwi kaNkulunkulu ekuvivinya lapho efika kuwe, uzokwenzenjani? Uyokwenzenjani uma ubhekene nazo zonke izinhlobo zamaqiniso? Esikhathini esedlule, wawungagxilile ekuphileni; namuhla, kumele ungene eqinisweni lokuphila, bese uphokophelela izinguquko esimweni sempilo yakho. Lokhu yikho okumele abantu bombuso bakufeze. Bonke labo abangabantu bakaNkulunkulu kumele babe nokuphila, kumele bamukele ukuqeqeshelwa umbuso, futhi baphokophelele izinguquko esimweni sempilo yabo. Lokhu yikho uNkulunkulu akudingayo kubantu bombuso.

Okudingwa uNkulunkulu kubantu bombuso yilokhu okulandelayo:

1. Kumele bamukele umsebenzi kaNkulunkulu, okungukuthi, kumele bamukele wonke amazwi akhulunywa emsebenzini kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina.

2. Kumele bangene ekuqeqeshelweni umbuso.

3. Kumele baphokophelele ukuba izinhliziyo zabo zithintwe nguNkulunkulu. Uma inhliziyo yakho isiphendukele kuNkulunkulu ngokugcwele, futhi unempilo yakamoya ejwayelekile, uzophila endaweni yenkululeko, okusho ukuthi uzophila ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa nguNkulunkulu ube ngokaNkulunkulu.

4. Kumele bazuzwe nguNkulunkulu.

5. Kumele babonakalise inkazimulo kaNkulunkulu emhlabeni.

La maphuzu amahlanu angumyalelo waMi kini. Amazwi aMi akhulunywa kubantu bakaNkulunkulu, kanti uma ungazimisele ukwamukela le miyalelo, ngeke ngikuphoqe—kodwa uma uyamukela ngeqiniso, uzokwazi ukwenza intando kaNkulunkulu. Namuhla niqala ukwamukela imiyalelo kaNkulunkulu, niphokophelele ukuba ngabantu bombuso futhi nifinyelele emazingeni adingekayo kubantu bombuso. Lesi yisinyathelo sokuqala sokungena. Uma ufisa ukwenza ngokuphelele intando kaNkulunkulu, kumele wamukele le miyalelo emihlanu, kanti uma ukwazi ukufinyelela kuyo, uzobe usufuna inhliziyo kaNkulunkulu bese uba usizo olukhulu kuNkulunkulu. Okubalulekile namuhla ukungena ekuqeqeshelweni umbuso. Ukungena ekuqeqeshelweni umbuso kubandakanya impilo yakwamoya. Ekuqaleni, akuzange kukhulunywe ngempilo yakwamoya, kodwa namuhla, njengoba uqala ungena ekuqeqeshelweni umbuso, ungena ngokusemthethweni empilweni yakwamoya.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 396)

Impilo enjani impilo yakwamoya? Impilo yakwamoya yilapho inhliziyo yakho isuke isiphendukele ngokugcwele kuNkulunkulu, ukukwazi nokubona uthando lukaNkulunkulu. Yilapho uphila khona emazwini kaNkulunkulu, kungabi khona okunye okungena enhliziyweni yakho, bese ukwazi ukubamba intando kaNkulunkulu namuhla, futhi ube uqondiswa ukukhanya koMoya Ongcwele namuhla ukuze wenze umsebenzi wakho. Impilo enjengalena phakathi komuntu noNkulunkulu iyona eyaziwa ngempilo yakwamoya. Uma ungakwazi ukulandela ukukhanya kwanamuhla, lokho kusho ukuthi kuvuleke igebe phakathi kwakho noNkulunkulu—kungenzeka ukuthi selilikhulu—awusenayo impilo yakwamoya ejwayelekile. Ubudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu bakhelwa phezu kwesisekelo sokwamukela amazwi kaNkulunkulu namuhla. Ingabe unayo impilo yakwamoya ejwayelekile? Ingabe unabo ubudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu? Ingabe ungumuntu olandela umsebenzi kaMoya Ongcwele? Uma ukwazi ukulandela ukukhanya kukaMoya Ongcwele namuhla, futhi ukwazi ukubamba intando kaNkulunkulu emazwini aKhe, ukwazi ukungena kulawo mazwi, lokho kusho ukuthi ungumuntu olandela indlela kaMoya Ongcwele. Uma ungalandeli endleleni kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi ngokungangabazeki ungumuntu ongaliphokopheleli iqiniso. Umoya Ongcwele angeke abe nethuba lokusebenza kulabo abangenalo uthando lokuzithuthukisa, ngalokho, abantu abanjalo abakwazi ukuqoqa amandla abo, futhi bahlala bengenzi lutho. Namuhla, ingabe ulandela indlela kaMoya Ongcwele? Ingabe usendleleni kaMoya Ongcwele? Ingabe usuphumile esimweni sokungenzi lutho? Bonke laba abakholelwa emazwini kaNkulunkulu, abathatha umsebenzi kaNkulunkulu njengesisekelo, balandele ukukhanya kukaMoya Ongcwele namuhla—bonke basendleleni kaMoya Ongcwele. Uma ukholelwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso elingephikiswe empeleni ayiwo, futhi uma ukholelwa emazwini kaNkulunkulu nakunoma yini ayishiyo, kusho ukuthi ungumuntu ophokophelele ukungena emsebenzini kaNkulunkulu, ngale ndlela uzofezekisa intando kaNkulunkulu.

Ukuze ungene endleleni kaMoya Ongcwele kumele ube nobudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu, futhi kumele uqale ushintshe lesi simo sakho sokungenzi lutho. Abanye abantu bavamise ukulandela iningi, nezinhliziyo zabo sezikude kakhulu noNkulunkulu; abantu abafana nalabo abazimisele ngokuzithuthukisa, kanti namazinga abawaphokophelelayo aphansi kakhulu. Intando kaNkulunkulu ukuphokophelela ukuthanda uNkulunkulu kanye nokuzuzwa nguNkulunkulu. Kukhona abantu abasebenzisa unembeza wabo ukubuyisela uthando lukaNkulunkulu, kodwa lokhu akuyenelisi intando kaNkulunkulu; ukuba phezulu kwamazinga owaphokophelelayo, kusho ukuthi uzohambisana kakhulu nentando kaNkulunkulu. Njengomuntu ojwayelekile, futhi ophokophelela uthando lukaNkulunkulu, ukungena embusweni ukuze ube ngomunye wabantu bakaNkulunkulu ilona kusasa lakho leqiniso, nokuyimpilo eyigugu ngempela futhi ebalulekile, akekho obusiseke ngaphezu kwakho. Kungani ngisho lokhu? Kungoba labo abangakholelwa kuNkulunkulu baphilela inyama, futhi baphilela uSathane, kodwa namuhla niphilela uNkulunkulu, futhi niphilela ukwenza intando kaNkulunkulu. Kungakho ngithi izimpilo zenu zibaluleke kakhulu. Yileli qembu labantu kuphela, elikhethwe nguNkulunkulu, elikwazi ukuphila impilo ebaluleke kakhulu: Akekho omunye emhlabeni okwazi ukuphila impilo eyigugu nenengqondo kanje. Ngenxa yokuthi nikhethwe uNkulunkulu, futhi niphakanyiswe uNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyanithanda, senibambe ukuphila kwangempela, futhi seniyazi ukuthi iphilwa kanjani impilo eyigugu. Lokhu akungenxa yokuthi lokhu enikuphokophelelayo kulungile, kodwa kungenxa yomusa kaNkulunkulu; nguNkulunkulu ovule amehlo enu kamoya, kwaba uMoya kaNkulunkulu othinte izinhliziyo zenu, waninika inhlanhla enkulu yokuza phambi kwaKhe. Uma uMoya kaNkulunkulu ungazange ukunike ulwazi, kusho kuthi ubungeke ukwazi ukubona okuthandekayo ngoNkulunkulu, futhi ubungeke ukwazi ukuthanda uNkulunkulu. Kungenxa yokuthi uMoya kaNkulunkulu uthinte izinhliziyo zabantu okwenze zaphendukela kuNkulunkulu. Kwesinye isikhathi, uma uthokozela amazwi kaNkulunkulu, umoya wakho uyathinteka, bese uba nomuzwa wokuthi akukho ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu, uzwe ukuthi kunamandla amakhulu ngaphakathi kuwe, nokuthi ayikho into ongeke ukwazi ukuyiyeka. Uma uzizwa kanjena, kusho ukuthi uthintwe uMoya kaNkulunkulu, kanti nenhliziyo yakho nayo isiphendukele kuNkulunkulu ngokuphelele, futhi uzobe usuthandaza kuNkulunkulu uthi: “O Nkulunkulu! Ngempela samiselwa futhi sakhethwa nguWe. Inkazimulo yaKho ingenza ngiziqhenye, kunginika intokozo ukuba ngomunye wabantu baKho. Ngizolahla konke nginikele ngakho konke ukuze ngenze intando yaKho, futhi ngizonikela ngayo yonke iminyaka yami, nayo yonke imizamo yokuphila kwami konke, kuWe.” Uma uthandaza kanje, inhliziyo yakho izoba nothando olungenamkhawulo nokulalela uNkulunkulu ngeqiniso. Wake wahlangabezana noma waba nomuzwa ofana nalona? Ngokuvamile uma abantu bethintwa uMoya kaNkulunkulu, bavame ukufisa ukuzinikela kuNkulunkulu ngemikhuleko yabo: “O Nkulunkulu! Ngifisa ukubona usuku lwenkazimulo yaKho, futhi ngifisa ukuphilela Wena—akukho okudlula noma okunengqondo ukudlula ukuphilela Wena, futhi angifisi nakancane ukuphilela uSathane nenyama. Ungiphakamisele ukuthi ngikwazi ukuphilela Wena namuhla.” Uma uke wathandaza ngale ndlela, uzozwa ukuthi awukwazi ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthi unikele inhliziyo yakho kuNkulunkulu, ukuthi kumele uzuze uNkulunkulu, nokuthi ngeke uthande ukufa ungazange umzuze uNkulunkulu ngesikhathi usaphila. Uma usuthandaze ngale ndlela, uzoba namandla angapheli ngaphakathi kuwe, futhi ngeke wazi nokuthi aqhamukaphi; enhliziyweni yakho kuzoba namandla angenamkhawulo, futhi uzokuzwa ukuthi uNkulunkulu uthandeka kakhulu, nokuthi ufanelwe ukuthandwa. Lesi yisona sikhathi ozobe uthintwe uNkulunkulu ngaso. Bonke labo abake bahlangabezana noma baba nalo muzwa bathintwe uNkulunkulu. Kulabo abavame ukuthintwa uNkulunkulu, izimpilo zabo ziyashintsha, bayakwazi ukwenza izinqumo zabo futhi bayafisa ukuzuza uNkulunkulu ngokuphelele, uthando lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo luba namandla, izinhliziyo zabo ziphendukele kuNkulunkulu ngokuphelele, abanandaba nomndeni, abanandaba nomhlaba, abanandaba nezinto ezibathandelile, noma ikusasa labo, futhi bafisa ukunikela imizamo yempilo yabo yonke kuNkulunkulu. Bonke laba abathintwe uMoya kaNkulunkulu bangabantu abafuna iqiniso, futhi abanethemba lokupheleliswa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 397)

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu namuhla: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu namuhla. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu namuhla, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele. UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe. Noma ngabe kuhle futhi kumsulwa kangakanani obukuqonda ngaphambi kwalokhu, uNkulunkulu akakufuni, futhi uma ungakwazi ukuhlukana nezinto ezinjalo, zizoba isithiyo ekungeneni ekusaseni lakho. Babusisiwe bonke laba abakwazi ukulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya Ongcwele. Abantu bezinkathi ezedlule nabo balandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu, kodwa azange bakwazi ukulandela kuze kube namuhla; lesi isibusiso sabantu bezinsuku zokugcina. Labo abalandela umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele, nabakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu, ngendlela yokuthi balandela uNkulunkulu noma kuphi lapho ebaholela khona—laba abantu ababusisiwe nguNkulunkulu. Labo abangawulandeli umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele abakangeni emsebenzini wamazwi kaNkulunkulu, futhi noma bengasebenza kangakanani, noma bengahlupheka kangakanani, noma bengaba matasa kangakanani, konke lokho akusho lutho kuNkulunkulu, futhi ngeke abancome. Namuhla, bonke laba abalandela amazwi kaNkulunkulu amanje basendleleni kaMoya Ongcwele; labo abangawazi amazwi kaNkulunkulu namuhla bangaphandle kwendlela kaMoya Ongcwele, kanti futhi abantu abanjalo uNkulunkulu akajabuli ngabo. Umsebenzi ohlukene namazwi kaMoya Ongcwele amanje ngumsebenzi wenyama, wemiqondo, futhi awukwazi ukuhambisana nentando kaNkulunkulu. Uma abantu bephila phakathi komqondo wenkolo, kusho ukuthi abakwazi ukwenza nanoma yini ehambisana nentando kaNkulunkulu, yize besebenzela uNkulunkulu, bamsebenzela ingakashintshi indlela abacabanga ngayo, futhi abakwazi ukusebenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu. Labo abangakwazi ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele abayiqondi intando kaNkulunkulu, kanti labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu ngeke bamsebenzele uNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna umsebenzi ofuna inhliziyo yaKhe; akafuni umsebenzi womqondo nenyama. Uma abantu bengakwazi ukulandela izinyathelo zomsebenzi kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi baphila ngemiqondo. Ukusebenza kwabantu abafana nalaba kuyaphazamisa, futhi ukusebenza okunjalo kuphambene noNkulunkulu. Ngalokho labo abangakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu nakanjani baphikisana noNkulunkulu, futhi akunakwenzeka bavumelane noNkulunkulu. “Ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele” kusho ukuqonda intando kaNkulunkulu namuhla, ukwazi ukwenza ngokwezidingo zamanje zikaNkulunkulu, ukwazi ukuthobela nokulandela uNkulunkulu namuhla, nokungena ngokuhambisana namazwi amuva kaNkulunkulu. Lona ngumuntu olandela umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi osendleleni kaMoya Ongcwele. Abantu abafana nalaba akukona ukuthi bafanelwe ukuthola ukubongwa nguNkulunkulu nokubona uNkulunkulu, kodwa abazokwazi isimo sikaNkulunkulu emsebenzini wakamuva kaNkulunkulu, futhi bazokwazi imiqondo yabantu nokungathobeki, nendalo yomuntu kanye nesiqu, emsebenzini waKhe wakamuva; futhi, bayakwazi ukuthi bashintshe kancane kancane esimweni sabo ngenkathi besebenza. Ngabantu abafana nalaba kuphela abakwaziyo ukuzuza uNkulunkulu, nasebethole indlela yeqiniso. Labo abasuswa ngomsebenzi kaMoya Ongcwele abantu abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu, abahlamuka umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu. Ukuthi abantu abafana nalaba baphikisa uNkulunkulu ngokusobala kungenxa yokuthi umfanekiso kaNkulunkulu awufani nalona abazenzele wona emiqondweni yabo—ngenxa yokuthi baphikisa uNkulunkulu ngokusobala bahlulele uNkulunkulu, okuholela ekutheni uNkulunkulu abazonde futhi abachithe. Ukuba nolwazi lomsebenzi wakamuva kaNkulunkulu akuyona into elula, kodwa uma abantu benomqondo wokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu, bafune umsebenzi kaNkulunkulu, bazokwazi ukuba nethuba lokubona uNkulunkulu, futhi bazokwazi ukuba nethuba lokuzuza ukuqondiswa okusha nguMoya Ongcwele. Labo abaphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso abakwazi ukuthola ulwazi ngoMoya Ongcwele noma ukuqondiswa nguNkulunkulu. Ngalokhu, noma abantu bayawuthola umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu noma cha kuncike emseni kaNkulunkulu, kuncike ekulandeleni kwabo, futhi kuncike ezinhlosweni zabo.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 398)

Babusisiwe bonke labo abakwazi ukuthobela amazwi amanje kaMoya Ongcwele. Akukhathaleki ukuthi babenjani, noma uMoya Ongcwele wayesebenza kanjani ngaphakathi kubo—labo asebezuze umsebenzi wakamuva yibo ababusiseke kakhulu, kanti labo abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva namuhla bayasuswa. UNkulunkulu ufuna labo abakwaziyo ukwamukela ukukhanya okusha, ufuna labo abemukela nabazi umsebenzi waKhe wakamuva. Kungani kuthiwa kumele nibe izintombi ezimsulwa? Intombi emsulwa iyakwazi ukufuna umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi iqonde izinto ezintsha, ngaphezu kwalokho, ikwazi ukubeka eceleni imiqondo yakudala, ithobele umsebenzi kaNkulunkulu namuhla. Leli qembu labantu, abemukela umsebenzi wakamuva namuhla, babebekwe nguNkulunkulu ngaphambi kwezinkathi, futhi bangabantu ababusiseke ngempela. Nizwa izwi likaNkulunkulu ngqo, nibone uNkulunkulu evela, ngakho-ke, emhlabeni nasezulwini, nasezinkathini akekho oke wabusiswa njengani, nina qembu labantu. Konke lokhu kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu, ngenxa yokubekelwa eceleni nokukhethwa nguNkulunkulu, nangenxa yomusa kaNkulunkulu; ukube uNkulunkulu akazange awakhulume amazwi aKhe, ingabe izimo zenu zinjengoba zinjena namuhla? Ngalokho, inkazimulo nodumo lonke malube kuNkulunkulu ngoba konke lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu ukuphakamisile. Usunalezi zinto engqondweni, usengakwazi yini ukungenzi lutho? Amandla akho ngeke akwazi yini ukuphakama?

Ukuthi uyakwazi ukwamukela ukwahlulelwa, ukusolwa, ukushaywa, nokucwengisiswa ngamazwi kaNkulunkulu, futhi phezu kwalokho, uyakwazi ukwamukela imisebenzi kaNkulunkulu, konke kwakubekwe uNkulunkulu ekuqaleni kwesikhathi, ngalokho akumele uphatheke kabi uma usolwa. Akekho namunye ongathatha umsebenzi osuwenziwe kini, nezibusiso eziphezu kwenu, futhi akekho namunye ongathatha konke lokhu okunikwe nina. Abantu benkolo ngeke baqhathaniswa nani. Aniphethe ubungoti obukhulu baseBhayibhelini, futhi anihlonyiswanga ngemfundo yenkolo, kodwa ngenxa yokuthi uNkulunkulu usesebenze ngaphakathi kini, senizuze okukhulu kunabo bonke abanye kulezi zinkathi—ngakho-ke lesi isibusiso senu esikhulu. Ngenxa yalokhu kumele nizinikele ngempela kuNkulunkulu, nithembeke kakhulu kuNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ukuphakamisile, kumele wenyuse imizamo yakho, futhi kumele ulungise isimo sakho ukuze wamukele umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ume uqine endaweni uNkulunkulu akunike yona, uphokophelele ukuba ngomunye wabantu bakaNkulunkulu, wamukele ukuqeqeshelwa umbuso, uzuzwe uNkulunkulu ekugcineni ube ubufakazi kuNkulunkulu. Unokungaki kulezi zinqumo? Uma uzithathile lezi zinqumo, kusho ukuthi ekugcineni ngokuqinisekile uzozuzwa uNkulunkulu, ube ubufakazi kuNkulunkulu. Kumele uqonde ukuthi umsebenzi omkhulu ukuthi uzuzwe uNkulunkulu ube ubufakazi kuNkulunkulu. Lena yintando kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 399)

Amazwi kaMoya Ongcwele ayizinto zomsebenzi kaMoya Ongcwele namuhla, kanti ukukhanya okuqhubekayo okulethwa uMoya Ongcwele kumuntu ngalesi sikhathi kuyindlela yokwenza kaMoya Ongcwele. Iyini le ndlela yokwenza kaMoya Ongcwele namuhla? Ingukuhola abantu emsebenzini kaNkulunkulu namuhla, nasempilweni yakomoya ejwayelekile. Kunezinyathelo ezimbalwa zokungena empilweni yakamoya ejwayelekile:

1. Okokuqala, kumele uthulule inhliziyo yakho emazwini kaNkulunkulu. Akumele uphokophelele amazwi kaNkulunkulu esikhathi esedlule, futhi akumele uwafunde noma uwaqhathanise namazwi anamuhla. Kunalokho, kumele uthulule inhliziyo yakho emazwini kaNkulunkulu amanje. Uma kukhona abantu abasafisa ukufunda amazwi kaNkulunkulu, izincwadi ezikhuluma ngezinto zikamoya, noma ezinye izindlela zokushumayela zesikhathi esidlule, abangalandeli amazwi kaMoya Ongcwele namuhla, kusho ukuthi bayiziphungumangatha; uNkulunkulu uyabazonda abantu abanjalo. Uma uzimisele ukwamukela ukukhanya kukaMoya Ongcwele namuhla, kusho ukuthi thulula inhliziyo yakho ngokugcwele emazwini kaNkulunkulu namuhla. Lena yinto yokuqala okumele uyenze.

2. Kumele uthandaze ngesisekelo samazwi akhulunywe nguNkulunkulu namuhla, ungene emazwini kaNkulunkulu ube nobudlelwano noNkulunkulu, uthathe izinqumo phambi kukaNkulunkulu, uthole ukuthi uphokophelele ukuzuzani.

3. Kumele uphokophelele ukungena okujulile eqinisweni phezu kwesisekelo somsebenzi kaMoya Ongcwele namuhla. Ungabambeleli ezinkulumweni esezidlulelwe isikhathi nezimfundiso zakudala.

4. Kumele ufune ukuthintwa uMoya Ongcwele, ungene emazwini kaNkulunkulu.

5. Kumele uphokophelele ukungena endleleni ehanjwe uMoya Ongcwele namuhla.

Ukufuna kanjani ukuthintwa uMoya Ongcwele? Okubalulekile ukuphila emazwini amanje kaNkulunkulu, nokuthandaza phezu kwesisekelo sezidingo zikaNkulunkulu. Uma usukhuleke ngale ndlela, uMoya Ongcwele nakanjani uzokuthinta. Uma ungacingi ubhekise ngasesisekelweni samazwi akhulunywe uNkulunkulu namuhla, kusho ukuthi lokhu akunamsebenzi walutho. Kumele ukhuleke uthi: “O Nkulunkulu! Ngiyakuphikisa, futhi kuningi engikukweleta kona; angilaleli, futhi angikwazi ukukwanelisa. O Nkulunkulu, ngifisa ungisindise, ngifisa ukukusebenzela kuze kube sekugcineni, ngifisa ukufa ngenxa yaKho. Uyangehlulela, ungisole, futhi angikhalazi; ngiyakuphikisa futhi ngifanelwe ukufa, ukuze bonke abantu babone ukulunga kwaKho ekufeni kwami.” Uma uthandaza ngale ndlela ngokusuka enhliziyweni yakho, uNkulunkulu uzokuzwa, akuqondise; uma ungakhuleki phezu kwesisekelo samazwi kaMoya Ongcwele namuhla, ayikho indlela yokuthi uthintwe uMoya Ongcwele. Uma ukhuleka ngokwentando kaNkulunkulu, nangalokhu uNkulunkulu afisa ukukwenza namuhla, uzothi:[a] “O Nkulunkulu! Ngifisa ukwamukela umsebenzi waKho ngithembeke emsebenzini waKho, futhi ngizimisele ukunikela impilo yami yonke enkazimulweni yaKho, ukuze konke lokhu engikwenzayo kufinyelele emazingeni abantu bakaNkulunkulu. Inhliziyo yami mayithintwe nguwe. Ngifisa ukuthi uMoya waKho ungifundise njalo, ukuze konke engikwenzayo kuhlaze uSathane, kuze kube ukuthi ekugcineni ngizuzwe nguwe.” Uma ukhuleka ngale ndlela, ugxile entandweni kaNkulunkulu, nakanjani uMoya Ongcwele uzosebenza kuwe. Akunandaba ukuthi mangaki amagama omthandazo wakho—okubalulekile ukuthi uyayiqonda na intando kaNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi nonke nike nabhekana nalokhu: Kwesinye isikhathi ngenkathi nithandaza nihlangene, amandla omsebenzi kaMoya Ongcwele aphakama, kwenza ukuthi amandla abantu aphakame. Abanye abantu bakhala kabuhlungu baphume izinyembezi ngesikhathi bethandaza, bezisola phambi kukaNkulunkulu, abanye bakhombise izinqumo abazithathile, benze izifungo. Nguwo lo umphumela okumele wenziwe umsebenzi kaMoya Ongcwele. Namuhla, kubalulekile ukuthi bonke abantu bathulule izinhliziyo zabo emazwini kaNkulunkulu. Ungagxili emazwini akhulunywa ngaphambilini; uma usabambelele kulokhu okwashiwo kuqala, kusho ukuthi uMoya Ongcwele ngeke usebenze kuwe. Uyabona ukuthi kubaluleke kanjani lokhu?

Niyayazi indlela ehanjwe uMoya Ongcwele namuhla? La maphuzu ambalwa angenhla awezinto okumele zifezwe uMoya Ongcwele namuhla nasesikhathini esizayo; ayindlela ethathwe uMoya Ongcwele, nokungena okumele abantu bakuphokophelele. Ekungeneni kwakho ekuphileni, okungenani kumele uthulule inhliziyo yakho emazwini kaNkulunkulu, ukwazi ukwamukela ukwahlulelwa nokusolwa amazwi kaNkulunkulu; inhliziyo yakho kumele ilangazelele uNkulunkulu, kumele uphokophelele ukungena okujulile eqinisweni, nezinto ezidingwa uNkulunkulu. Uma usunawo la mandla, kuzobe sekukhombisa ukuthi uthintwe uNkulunkulu, nenhliziyo yakho isiqalile ukuphendukela kuNkulunkulu.

Isinyathelo sokuqala sokungena ekuphileni ukuthulula inhliziyo yakho emazwini kaNkulunkulu, isinyathelo sesibili ukwamukela ukuthintwa uMoya Ongcwele. Kunamphumela muni ukwamukela ukuthintwa uMoya Ongcwele? Ukuze ukwazi ukulangazelela, ukufuna, nokuthola iqiniso elijulile, nokukwazi ukusebenzisana noNkulunkulu ngenzindlela ezinhle. Namuhla, usebenzisana noNkulunkulu, okungukuthi kukhona okuphokophelele ngokuphokophelela kwakho, ekukhulekeni kwakho, nasebudlelwaneni bakho namazwi kaNkulunkulu, futhi wenza umsebenzi wakho ngokwezidingo zikaNkulunkulu—yilokhu kuphela ukusebenzisana noNkulunkulu. Uma ukhuluma ngokuyekela uNkulunkulu enze, kodwa wena ungenzi lutho, ungathandazi noma ufune, lokhu kungabizwa ngokuzithoba? Uma kungekho ongasebenzisana ngakho kuwe, futhi ukhaliswa ukuqeqeshelwa ukungena okunento okuyiphokophelele, kusho ukuthi awuzithobi. Abanye abantu bathi: “Konke kuya ngokuthi uNkulunkulu wayebekni kwasekuqaleni, konke kwenziwa nguNkulunkulu uqobo lwaKhe; uma uNkulunkulu engakwenzanga, umuntu angakwenza kanjani?” umsebenzi kaNkulunkulu ujwayelekile, awukho neze ngaphezu kwendalo ejwayelekile, futhi uMoya Ongcwele usebenza kuphela ngokuthi wena ufune ngokuzimisela, ngoba uNkulunkulu akamphoqi umuntu—kumele unike uNkulunkulu ithuba lokusebenza, uma ungaphokopheleli noma ungene, futhi uma kungekho nokuncane ukulangazelela enhliziyweni yakho, kusho ukuthi uNkulunkulu akanalo nelincane ithuba lokusebenza. Ungakufuna ngayiphi indlela ukuthintwa uNkulunkulu? Ngokukhuleka, nokusondela kuNkulunkulu. Kodwa okubaluleke nakakhulu, khumbula, kumele kube phezu kwesisekelo samazwi akhulunywa uNkulunkulu. Uma uvamise ukuthintwa uNkulunkulu, awubi isigqila senyama: Umyeni, inkosikazi, izingane, nemali—akukwazi ukukubopha, ufisa kuphela ukuphokophelela iqiniso nokuphila phambi kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, uzoba ngumuntu ophila endaweni yenkululeko.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awunawo amagama athi “uzothi.”

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 400)

UNkulunkulu uzimisele ukubona umuntu ephelelisiwe. Noma ngabe iyiphi indlela akhulumela kuyo, kungenxa yokuthi ufuna ukuphelelisa laba bantu. Amazwi akhulunywa ngohlangothi kaMoya obona ngayo anzima ukuba umuntu awaqonde, kanti umuntu akakwazi ukuthola indlela yokwenza, ngoba umuntu unekhono elinomkhawulo lokwamukela. Umsebenzi kaNkulunkulu uzuza imiphumela ehlukene, kanti isinyathelo ngasinye somsebenzi sinenhloso Yakhe. Ngaphezu kwalokho, kufanele akhulume ngezinhlangothi ezehlukene ukuphelelisa umuntu. Ukuba ubekhuluma ngezwi Lakhe ngohlangothi lukaMoya kuphela, lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu singeqedwe. Esimweni sephimbo Lakhe, uyabona ukuthi uzimisele ukuphelelisa leli qembu labantu. Njengalowo ofisayo ukupheleliswa nguNkulunkulu, yisiphi isinyathelo sokuqala okufanele usithathe? Kufanele uqale ngokwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Njengoba izindlela ezintsha zisetshenziswa neminyaka iguqukile ukusuka komunye ukuya komunye, indlela uNkulunkulu asebenza ngayo nayo iguqukile, njengoba kuguquke nendlela akhuluma ngayo. Manje, akuguqukanga indlela yomsebenzi Wakhe kuphela, kanjalo neminyaka. Kwaqala kuyiNkathi Yombuso, isigaba somsebenzi lapho ufanele ukuthanda khona uNkulunkulu. Manje, iNkathi Yombuso—iNkathi Yezwi—okusho ukuthi, isikhathi lapho uNkulunkulu esebenzisa izindlela eziningi zokukhuluma ukuphelelisa umuntu aphinde akhulume evela ngezinhlangothi ezehlukene ukuze ahlinzeke umuntu. ziqeda nje izikhathi ukwedlulela eNkathini Yombuso, uNkulunkulu waqala ukusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu, enikeza umuntu ikhono lokungena kokukhona ngempela kwempilo eholela umuntu emgudwini olungile. Emva kokuba umuntu ebone izinyathelo eziningi zomsebenzi kaNkulunkulu, umuntu ubonile ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awuhlali ungaguquki, kodwa uhlala uguquka futhi ujula ngokungaphezi. Ngemva kokuthi abantu sebewubone isikhathi eside, umsebenzi uguquke ngokuphindaphindiwe, ulokhu uphenduke njalo. Kodwa noma ngabe uguquka kangakanani, nokho, awugudluki enhlosweni kaNkulunkulu yokuletha insindiso esintwini. Noma kungaba nezinguquko eziyizinkulungwane eziyishumi awuguquki enhlosweni yawo yokuqala. Kungakhathaleki ukuthi indlela yomsebenzi kaNkulunkulu iguquka kanjani, lo msebenzi awusuki nhlobo eqinisweni noma empilweni. Izinguquko kule ndlela umsebenzi owenziwa ngayo yizinguquko nje esimweni somsebenzi nohlangothi okukhulunywa kuqhanyukwa kulo, hhayi inguquko kokuphokophelwe umongo womsebenzi Wakhe. Izinguquko ephimbweni lezwi nendlela yomsebenzi zenzelwe ukuzuza umphumela. Inguquko ephimbweni lezwi ayisho inguquko enhlosweni noma emgomweni womsebenzi. Umongo wokuthi umuntu athembele kuNkulunkulu ukufuna ukuphila. Uma ngabe uyakholwa kuNkulunkulu kodwa awukufuni ukuphila noma iqiniso noma ulwazi lukaNkulunkulu, akukho ke ukukholwa kuNkulunkulu! Ngabe kuyikho na ukuthi usafuna ukungena embusweni ukuze ube yinkosi? Ukuzuza kuphela uthando lukaNkulunkulu lweqiniso ngokufuna ukuphila kungokwempela; ukulandela nokwenza iqiniso yikhona okwempela. Yizwa amazwi kaNkulunkulu ngenkathi usafunda izwi Lakhe; ngale ndlela, uzothola ukwazi uNkulunkulu ngolwazi loqobo. Lokhu kuwukulandela kweqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 401)

ENkathini Yenkulungwane Yeminyaka Yombuso, ukuthi ungenile na kule minyaka emisha kuzonqunywa ukuthi ungenile na eqinisweni lezwi likaNkulunkulu nokuthi ngabe amazwi Akhe asebenza njengeqiniso empilweni yakho na. Izwi likaNkulunkulu laziswe wonke umuntu ukuze, ekugcineni, bonke abantu baphile emhlabeni wezwi nezwi likaNkulunkulu lizokhanyisa likhanyisele wonke umuntu ngaphakathi. Uma ngabe ngalesi sikhathi, uyaxhamazela futhi awukhathali ngokufunda izwi likaNkulunkulu, futhi awunamdlandla ezwini Lakhe, kubonakala sengathi kukhona okungalungile ngesimo sakho. Uma ngabe awukwazi ukungena eNkathini Yezwi, uMoya oNgcwele-ke awusebenzi kuwe; uma ngabe ungenile kule minyaka, uzokwenza umsebenzi Wakhe. Ungenzani okwamanje, ekuqaleni kwale Nkathi Yezwi, ukuzuza imisebenzi yoMoya oNgcwele? Kule minyaka, uNkulunkulu uzokwenza kube yiqiniso kinina ukuthi wonke umuntu aphile izwi likaNkulunkulu, akwazi ukusebenzisa iqiniso, athande uNkulunkulu ngobuqotho; ukuthi bonke abantu basebenzise izwi likaNkulunkulu njengesisekelo neqiniso labo babe nezinhliziyo ezihlonipha uNkulunkulu; nokuthi, ngokwenza izwi likaNkulunkulu, umuntu-ke angabusa kanye noNkulunkulu. Yilo msebenzi uNkulunkulu azowufeza. Ungaphila ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu? Baningi manje abazizwa sengathi angeke bakwazi ukuhlala ngisho usuku olulodwa nje noma ezimbili ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu. Kufanele bafunde izwi Lakhe nsuku zonke, kanti uma isikhathi singavumi, ukulalela nje izwi Lakhe kwanele. Lo umuzwa umuntu awunikezwa uMoya ONgcwele nendlela oqala ngayo ukunyakazisa umuntu. Kusho ukuthi, ubusa umuntu ngamazwi ukuze umuntu angene eqinisweni lezwi likaNkulunkulu. Uma uzwa ubumnyama nokoma ngemva nje kosuku olulodwa ungadlile futhi ungaphuzile izwi likaNkulunkulu, ukuthole kungemukelekile, lokhu kukhombisa ukuthi usunyakazisiwe uMoya oNgcwele, kanti futhi akakufulathelanga. Uyilowo okulo mfudlana. Nokho, uma ungenakho ukuqonda noma ungezwa koma ngemva kosuku noma ezimbili ngaphandle kokuphuza izwi likaNkulunkulu, futhi awuzizwa unyakaziseka, lokhu kukhombisa ukuthi uMoya oNgcwele ukufulathele. Lokhu kusho ukuthi-ke isimo ngaphakathi kwakho asilungile; awukangeni eNkathini Yezwi, futhi nguwena osalele emuva. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukubusa umuntu; uzizwa kamnandi uma udla futhi uphuza izwi likaNkulunkulu, kodwa uma ungakwenzi lokho, ngeke ube nayo indlela yokulandela. Izwi likaNkulunkulu liba ukudla komuntu namandla amqhubayo. IBhayibheli lithi “Akusinkwa kuphela umuntu angaphila ngaso, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” Lo umsebenzi uNkulunkulu azowufeza namuhla. Uzofeza leli qiniso kinina. Bekwenzeka kanjani ukuthi mandulo abantu bahlale izinsuku eziningi ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu kodwa baqhubeke badle futhi basebenze? Kungani kungenjalo manje? Kulesi sikhathi, uNkulunkulu usebenzisa kakhulu izwi ukubusa bonke. Ngezwi likaNkulunkulu, umuntu uyahlulelwa futhi apheleliswe, ekugcineni athathwe ayiswe embusweni. Izwi likaNkulunkulu kuphela elinganikeza umuntu ukuphila, futhi izwi likaNkulunkulu kuphela elinganikeza umuntu ukukhanya nendlela yokulenza, ikakhulu eNkathini Yombuso. Uma nje usalokhu udla futhi uphuza izwi Lakhe nsuku zonke ungaphumi eqinisweni lezwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu uzokuphelelisa.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 402)

Umuntu angejahe ukuthola impumelelo uma efuna ukuphila; ukukhula empilweni akwenzeki ngosuku noma ezimbili. Umsebenzi kaNkulunkulu uvamile futhi uyenzeka, futhi kufanele udlule phansi kwenqubo efanele. Kuthathe uJesu esenyameni iminyaka engama-33 nesigamu ukuba aqedele umsebenzi Wakhe wokubethelwa, ngingasakhulumi-ke ngempilo yomuntu! Futhi akuwona umsebenzi olula ukwenza umuntu ojwayelekile abonakalise uNkulunkulu. Lokhu kuqondene nabantu besizwe sikadrako omkhulu obomvu. Banezinga eliphasi futhi badinga isikhathi eside sezwi nomsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho ungajahi ukubona imiphumela. Kufanele uhambele phambili ekudleni nasekuphuzeni izwi likaNkulunkulu, usebenze ngamandla emazwini kaNkulunkulu. Ngemva kokufunda amazwi Akhe, kuzofuneka ukwazi ukuwenza empilweni yangempela, futhi emazwini kaNkulunkulu, ube usuthola ulwazi, umbono, ukuqonda, nokuhlakanipha. Ngalokhu, uzoguquka ngaphandle kokuqaphela. Uma ungazibekela umgomo wokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu, ukufunda izwi Lakhe, ukulazi, ukuthola kabanzi ngalo, ukulenza uzokhula unganakile. Abanye bathi abakwazi ukwenza izwi likaNkulunkulu ngisho nangemuva kokulifunda! Ujaheni? Uma ufika esimweni esithize, uzokwazi ukwenza izwi Lakhe. ingane eneminyaka emine noma emihlanu ingasho ukuthi ayikwazi ukweseka noma ukuhlonipha abazali bayo? Kumele wazi manje ukuthi isiqu sakho sithini, yenza lokhu okwaziyo ukukwenza, ungabi yilowo ophazamisa ukuphatha kukaNkulunkulu. Yidla nje uphuze amazwi kaNkulunkulu uqhubekele phambili, uthathe lokhu njengomgomo wakho. Ungakhathazeki ngokuthi ngabe uNkulunkulu angakuphelelisa na. Ungacubunguli lokho okwamanje. Yidla nje uphuze ezwini likaNkulunkulu uma ulokhu uhlangabezana nalo, kuqinisekisiwe ukuthi uNkulunkulu uzokuphelelisa. Kodwa-ke kukhona umgomo okumele uwulandele udle uphuze ngawo izwi Lakhe. Ungenzi kanjalo ngokunganaki. Kodwa, funa amazwi ozowafunda, okusho ukuthi, lawo ahlobene nombono. Enye ingxenye okufanele uyifune yilena yokwenza ngokoqobo, okusho ukuthi, leyo emayelana nalokho okufanele ungene kukho. Enye ingxenye imayelana nolwazi, kanti enye imayelana nokungena. Uma usuzithole zombili, okusho ukuthi, uma ubamba lokhu okufanele ukwazi nokufanele ukwenze, uzokwazi ukuthi kudliwa futhi kuphuzwa kanjani ezwini likaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 403)

Ukuqhubekela phambili, ukukhuluma ngezwi likaNkulunkulu umgomo okhuluma ngawo. Uma niba ndawonye nikhombisa ukuhlanganyela ngezwi likaNkulunkulu nisebenzise lokho njengesihloko senu; khulumani ngalokho enikwaziyo ngezwi likaNkulunkulu, nokuthi nilisebenzisa kanjani izwi Lakhe, nokuthi uMoya oNgcwele usebenza kanjani. Uma nihlanganyela ngezwi likaNkulunkulu, uMoya oNgcwele uzonikhanyisa. Abantu nabo kufanele babambisane uma ngabe lo kuzoba umhlaba wezwi likaNkulunkulu. Uma ningangeni kulokhu, uNkulunkulu ngeke akwazi ukwenza umsebenzi Wakhe. Uma ningakhulumi ngezwi Lakhe, angeke akwazi ukunikhanyisa. Uma nje unesikhathi, khuluma ngezwi likaNkulunkulu. Ungaliphathi ngeze! Ukuphila kwakho makugcwaliswe yizwi likaNkulunkulu; njalo uzoba yikholwa elizinikele. Noma ngabe ukuhlanganyela kwenu kugcizelela lokhu okubonakala ngaphandle kulungile. Ngaphandle kokukha phezulu ngeke nijule. Kunenqubo okufanele yenziwe. Ngokwenza kwenu nithola ulwazi ekukhanyeni koMoya oNgcwele phezu kwenu nokuthi ningalidla nliiphuze kanjani izwi likaNkulunkulu ngempumelelo. Ngemva kwesikhathi sokuhlola okunjalo, nizongena eqinisweni lezwi likaNkulunkulu. Uma kuphela wenze isinqumo sokusebenzisana uzokwamukela umsebenzi kaMoya oNgcwele.

Kunezinto ezimbili emgomweni wokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu: Omunye uhambelana nolwazi, omunye ukungena. Imaphi amazwi okufanele uwazi? Ufanele ukwazi amazwi ahambelana nombono (okusho ukuthi, iyiphi iminyaka uNkulukulu asengene kuyo manje, ufisa ukuzuzani manje uNkulunkulu, yini ukuba sesimweni somuntu, nokunye. Zonke lezi zinto zihlobene nombono). Iyiphi indlela umuntu okufanele angene kuyo? Lokhu kukhuluma ngamazwi kaNkulunkulu lawo umuntu okufanele awenze angene kuwona. Lezo izinto ezimbili zokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu. Ukusuka manje, yidla uphuze izwi likaNkulunkulu ngale ndlela. Uma uqonda kahle amazwi amayelana nombono, asikho-ke isidingo sokuqhubeka nokufunda. Okubaluleke kakhulu ukudla nokuphuza kakhulu amazwi okungena, njengokuthi uyibhekisa kanjani inhliziyo yakho kuNkulunkulu, uyithulisa kanjani inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu, nokuthi uyishiya kanjani inyama. Lokhu yilokhu okufanele ukwenze. Ngaphandle kokwazi ukuthi udla uphuze kanjani izwi likaNkulunkulu, ukuhlanganyela kweqiniso ngeke kube khona. Uma usuwazi ukuthi udla uphuze kanjani izwi Lakhe, usukubambile lokhu okusemqoka, ukuhlanganyela kuzokhululeka. Noma ngabe iziphi izindaba eziphakanyiswayo, uyakwazi ukuhlanganyela ngazo ubambe okuyiqiniso. Ukuhlanganyela ngezwi likaNkulunkulu ngaphandle kweqiniso kusho ukuthi awukwazi ukuthola lokho okusemqoka, futhi kukhombisa ukuthi awukwazi ukudla nokuphuza ezwini Lakhe. Abanye bafikelwa ukukhathala uma befunda izwi likaNkulunkulu. Isimo esinjalo asivamile. Ngempela, okuvamile ukuthi ungalinge ukhathale ukufunda izwi likaNkulunkulu, hlala ulomele, futhi uhlale ucabanga ukuthi izwi likaNkulunkulu lihle. Le yindlela lowo ongene ngempela adla aphuze ngayo izwi likaNkulunkulu. Uma uzwa sengathi izwi likaNkulunkulu liyenzeka ngeqiniso nokuthi yilo lelo umuntu afanele ukungena kulo; uma uzwa ukuthi izwi Lakhe lisiza kakhulu futhi linenzuzo kumuntu, nokuthi linika umuntu ukuphila, lo muzwa uwunikezwe nguMoya oNgcwele, ngokunyakaziswa uMoya oNgcwele. Lokhu kukhombisa ukuthi uMoya oNgcwele uyasebenza kuwe nokuthi uNkulunkulu akakufulathele. Ngokubona ukuthi uNkulunkulu uhlale ekhuluma, abanye bavele bakhathale yizwi Lakhe bacabange ukuthi alinamiphumela noma ngabe bayalifunda noma abalifundi. Lokho akusona isimo esijwayelekile. Izinhliziyo zabo azomele ukungena eqinisweni, abantu abanjalo abomi noma babone ukubaluleka kokupheleliswa. Uma sewuzizwa ungasomeli izwi likaNkulunkulu, kukhombisa ukuthi isimo sakho asijwayelekile. Kudala, ukuthi uNkulunkulu ukufulathele noma cha bekunqunywa ukuthi unakho yini ukuthula ngaphakathi nokuthi uzwa unakho na ukujabula. Manje okusemqoka wukuthi ngabe uyalomela na izwi likaNkulunkulu, ukuthi ngabe izwi Lakhe liyiqiniso kuwe, noma ngabe uthembekile, nokuthi ngabe uyakwazi ukwenza lokho ongakwenzela uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, umuntu wahlulelwa ngeqiniso lezwi likaNkulunkulu. UNkulunkulu uthumela izwi Lakhe kubantu bonke. Uma uzimisele ukulifunda, uzokukhanyisela kodwa uma ungafuni, ngeke Naye akukhanyisele. UNkulunkulu ukhanyisela labo abalambele nabomele ukulunga Kwakhe, nalabo abamfunayo. Abanye bathi uNkulunkulu akazange abakhanyisele nangemuva kokufunda izwi Lakhe. Afundwe kanjani amazwi? Uma ufunde izwi Lakhe sengathi ububuka izimbali usemhlane wehhashi wangabona kubaluleka kwempilo yoqobo, angakukhanyisela kanjani uNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ongalenzi igugu izwi likaNkulunkulu apheleliswe Nguye? Uma ungalenzi igugu izwi likaNkulunkulu, awusoze waba neqiniso noma impilo yangempela. Uma ulenza igugu izwi Lakhe, uzokwazi ukwenza iqiniso; kulapho ke ozoba khona nempilo yangempela. Manje ufanele ukudla ubuye uphuze izwi likaNkulunkulu noma ngabe kukusiphi isimo, noma ngabe umatasa noma cha, noma ngabe izimo ziphikisana nawe noma cha, noma ngabe uyalingwa noma cha. Empeleni, izwi likaNkulunkulu liyisisekelo sokuba khona komuntu. Akekho ongafulathela izwi Lakhe futhi kumele adle ezwini Lakhe kube sengathi yizidlo ezintathu zosuku. Kungaba yindaba elula kanjalo ukupheleliswa, uzuzwe uNkulunkulu? Noma ngabe uyaqonda noma awuqondi manje, noma unombono emsebenzini kaNkulunkulu, kumele udle uphuze kakhulu ezwini likaNkulunkulu. Lokhu ukuhambela phambili ukungena. Uma usulifundile izwi likaNkulunkulu, shesha ukusebenzisa lokho ongangena kukho, ubekele eceleni okwesikhashana lokho ongekwazi. Kungaba kuningi ongakuqondi ngezwi likaNkulunkulu ekuqaleni, kodwa ngemva kwezinyanga ezimbili noma ezintathu, noma mhlawumbe unyaka uzoliqonda. Kungenzeka kanjani lokhu? Kwenziwa ukuthi uNkulunkulu akakwazi ukuphelelisa abantu ngosuku noma ngezimbili. Isikhathi esiningi, uma ufunda izwi Lakhe, ungeqonde ngaleso sikhathi. Ngaleso sikhathi, kungabukeka sengathi umbhalo nje kuphela; ngesikhathi solwazi ungaba nakho ukuqonda. UNkulunkulu ukhulume okuningi, ngakho ufanele ukwenza okusemandleni akho ukudla nokuphuza izwi Lakhe. Ungasaqaphele, uzoqonda, bese uMoya oNgcwele ukukhanyisela. Uma uMoya oNgcwele ukhanyisela umuntu, kuvame ukuthi umuntu angaboni. Uyakukhanyisela akuhole uma womile, ufuna. Umgomo uMoya oNgcwele osebenza ngawo usenkabeni Yezwi likaNkulunkulu lelo olidlayo noliphuzayo. Bonke labo abangakhombisi ukubaluleka ezwini likaNkulunkulu abahlala bakhombise enye indlela yokuziphatha ezwini Lakhe, indlela yokunganaki nokukholwa ukuthi alenzi mehluko noma ngabe bayalifunda izwi Lakhe, yilabo abangenalo iqiniso. Abakwazi ukubona noma ngabe umsebenzi kaMoya oNgcwele noma ukukhanwa okulethwa Nguye. Abantu abanjalo bayahamba nje, abazenzisi abangenaziqu, njengoMnu. Nanguo womzekeliso.[a]

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awulifaki igama elithi “womzekeliso.”

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 404)

Uma uNkulunkulu ekhuluma, kufanele uthole ngaleso sikhathi amazwi Akhe ukuba udle kuwo. Noma ngabe uqonda kangakanani, bambelela emcabangweni wokuthi ubheke nje ukudla, ukwazi nokwenza izwi Lakhe. Lokhu yilokhu okufanele ukwenze. Unganaki ukuthi singaba sikhulu kangakanani isiqu sakho; gxila nje ekudleni izwi Lakhe. Lokhu yindlela abantu okufanele basebenzisane ngayo. Ukuphila kwakho kukamoya ukuthi ungene nje eqinisweni lapho udla uphuze khona amazwi kaNkulunkulu bese uwenza. Ufanele ungagxili kokunye futhi. Abaholi bamabandla kufanele bakwazi ukuholela wonke amadodana nodade ekwazini ukuthi kudliwa kuphuzwe kanjani emazwini kaNkulunkulu. Lokhu kuyisibophezelo sabo bonke abaholi bebandla. Noma ngabe basha noma badala, bonke kufanele bathathe ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu njengokubalulekile futhi bawagcine amazwi Akhe ezinhliziyweni zabo. Uma ungena kuleli qiniso, uzobe usungene eNkathini Yombuso. Kulezi zinsuku, abaningi bazizwa sengathi bangekwazi ukuphila ngaphandle kokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu, kanti ngaso sonke isikhathi bezwa sengathi izwi Lakhe liyamangalisa. Bese umuntu uyaqala ukuba sendleleni efanele. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukusebenza nokuhlinzeka umuntu. Uma bonke belangazelela futhi banxanele izwi likaNkulunkulu, bazongena emhlabeni wezwi Lakhe.

UNkulunkulu ukhulume okuningi. Kungakanani okwaziyo? Kungakanani osungene kukho? Uma ngabe umholi webandla engaholelanga abazalwane eqinisweni lezwi likaNkulunkulu, bazobe bebe budedengu emsebenzini wabo behluleka ukufeza izibophezelo zabo! Ukuthi ukuqonda kwakho kujulile noma akujulile, kungakhathaleki ukuthi lingakanani izinga lokuqonda kwakho, kufanele ukwazi ukuthi kudliwa kuphuzwe kanjani ezwini Lakhe; ufanele ukuthatha izwi Lakhe njengelibalulekile uqonde ukubaluleka nokudingeka kwalokho kudla nokuphuza. UNkulunkulu ukhulume okuningi. Uma ngabe awudli futhi awuphuzi ezwini Lakhe, noma awufuni futhi awusebenzisi izwi Lakhe, awufanele ukubizwa ngomuntu okholwa kuNkulunkulu. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, ufanele ukudla uphuze ezwini Lakhe, uphile ngaphakathi kwalo, ubuye uliphile. Yilokhu okungukukholwa kuNkulunkulu! Uma uthi uyakholwa kuNkulunkulu kodwa ungakwazi ukukhuluma noma yimaphi amazwi Akhe noma uwenze, awuthathwa njengomuntu okholwa kuNkulunkulu. Lokhu ukufuna “isinkwa sokuqeda indlala.” Ukusho ubufakazi obuncane, izinto ezingenamsebenzi, nezinto zangaphandle, ezingenakho ngisho nokuncane okweqiniso akwenzi ukholwe kuNkulunkulu, futhi ngokusobala awukayibambi indlela efanele yokukholwa kuNkulunkulu. Kungani ufanele ukudla nokuphuza kakhudlwana emazwini kaNkulunkulu? Ngabe kuthathwa njengokholo uma ungadli ungaphuzi emazwini Akhe ufune nje ukukhuphukela ezulwini? Yisiphi isinyathelo sokuqala salowo okholwa kuNkulunkulu? UNkulunkulu umphelelisa ngayiphi indlela umuntu? Ungapheleliswa ngaphandle kokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu? Ungathathwa njengomuntu wombuso ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu njengeqiniso lakho? Yini ngempela ukukholwa kuNkulunkulu? Abakholwa kuNkulunkulu kufanele babe nokuziphatha kahle ngaphandle, okungenani, kanti okubaluleke kakhulu ukuba nezwi likaNkulunkulu. Noma ngabe kunjani, ngeke ukwazi ukufulathela izwi Lakhe. Ukwazi kwakho uNkulunkulu nokugcwalisa intando Yakhe konke kufezeka ngezwi Lakhe. Zonke izizwe, amahlelo, izinkolo ezehlukene, nezindawo eziklanyiwe konke kuyonqotshwa ngezwi esikhathini esizayo. UNkulunkulu uzokhuluma ngqo, futhi bonke abantu bazobamba izwi likaNkulunkulu ezandleni zabo; abantu bazopheleliswa ngalokhu. Izwi likaNkulunkulu lisabalale yonke indawo: Abantu bakhuluma ngezwi likaNkulunkulu benze ngokwezwi likaNkulunkulu, nalokho abakugcine kubona kulokhu kuyizwi likaNkulunkulu. Ngaphakathi nangaphandle, bacwiliswe ezwini likaNkulunkulu, ngakho baphelelisiwe. Labo abagcina intando kaNkulunkulu bakwazi nokufakaza Ngaye yilabo abanezwi likaNkulunkulu njengeqiniso.

Ukungena eNkathini Yezwi, okungukuthi, iNkathi Yenkulungwane Yeminyaka Yombuso ngumsebenzi oqedwayo manje. Ukusuka manje, qala ukuhlanganyela ngezwi likaNkulunkulu. Ngokudla nangokuphuza ezwini Lakhe, nangokuthola ulwazi ngalo ungalibonisa izwi likaNkulunkulu. Kungamazwi akho kuphela olwazi onalo angenza abanye bakukholwe. Uma ungenalo izwi likaNkulunkulu, akekho umuntu ongakukholwa! Bonke labo abasetshenziswa nguNkulunkulu bayakwazi ukukhuluma ngezwi likaNkulunkulu. Uma ungakwazi, lokhu kukhombisa ukuthi uMoya ONgcwele awukasebenzi kuwe futhi awukapheleliswa. Lokhu ukubaluleka kwezwi likaNkulunkulu. Unayo inhliziyo enxanele izwi likaNkulunkulu? Labo abanxanele izwi likaNkulunkulu banxanele iqiniso, kanti yilabo bantu abanjalo ababusiswa nguNkulunkulu. Esikhathini esizayo, maningi kakhulu amazwi azowasho uNkulunkulu kuwo wonke amabandla nakuwo wonke amahlelo. Uqala ngokukhuluma asho ngeZwi Lakhe kini aniphelelise ngaphambi kokuqhubeka ngokukhuluma asho izwi Lakhe kwabezizwe abanqobe. Ngezwi, bonke bazokwaneliseka ngeqiniso. Ngezwi likaNkulunkulu nezambulo Zakhe, isimo esikhohlakele somuntu sishabalele. Bonke banesimo somuntu, kanti isimo somuntu sokuhlubuka sinciphile kakhulu. Izwi lisebenza kumuntu ngegunya limnqobe ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Umsebenzi lowo uNkulunkulu azowenza kule minyaka yamanje kanye nokuguquka komsebenzi Wakhe, konke kungatholakala ezwini Lakhe. Uma ungafundi izwi Lakhe, ngeke uqonde lutho. Ngokudla nangokuphuza ezwini Lakhe, ngokuhlanganyela nabazalwane nolwazi lwakho, ulwazi lwakho lwezwi likaNkulunkulu luzophelela. Yile ndlela ongakwazi ngayo ukuliphila empilweni yangempela.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 405)

Ngike ngasho ngaphambili ukuthi “Bonke abagxila ekuboneni izimpawu nezimangaliso bazolahlwa; akubona labo abazopheleliswa.” Sengikhulume amagama amaningi, kodwa umuntu akanalo noluncane ulwazi ngalo msebenzi, futhi, sekufinyelele lapha, umuntu usaqhubeka nokufuna izimpawu nezimangaliso. Ingabe ukukholwa kwakho kuNkulunkulu kungokufuna ukubona izimpawu nezimangaliso, noma kungoba ufuna ukuzuza ukuphila? UJesu Naye wakhuluma amazwi amaningi, futhi amanye awo nanamuhla asazogcwaliseka. Ungasho ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu? UNkulunkulu wafakazela ukuthi wayenguKristu futhi eyiNdodana ethandekayo kaNkulunkulu. Ungakuphika lokhu? Namuhla, uNkulunkulu ukhuluma amazwi kuphela, kanti uma ungekwazi ukwazi kahle, kusho ukuthi ngeke ukwazi ukuma ubambelele. Ingabe ukholwa Kuye ngoba enguNkulunkulu, noma ukholwa Kuye ngokuthi amazwi Akhe ayagcwaliseka noma cha? Ingabe ukholwa ezimpawini nasezimangalisweni, noma ukholwa kuNkulunkulu? Namuhla akavezi izimpawu nezimangaliso—ingabe unguNkulunkulu ngempela? Uma amazwi awakhulumayo engagcwaliseki, ingabe unguNkulunkulu ngempela? Ingabe ingqikithi kaNkulunkulu inqunywa ukuthi amazwi awakhulumayo ayagcwaliseka noma cha? Kungani abanye abantu belokhu belindele ukugcwaliseka kwamazwi kaNkulunkulu ngaphambi kokukholwa Kuye? Ingabe lokhu akusho ukuthi abamazi? Bonke laba ababona kanje ngabantu abaphika uNkulunkulu. Basebenzisa imicabango ukulinganisa uNkulunkulu; uma amazwi kaNkulunkulu egcwaliseka bayakholwa kuNkulunkulu, kanti uma engagcwaliseki abakholwa kuNkulunkulu; futhi bahlale befuna ukubona izimpawu nezimangaliso. Ingabe abayibona abaFarisi besikhathi samanje? Ukuthi uyakwazi ukuma uqine noma cha kuncike ekutheni wazi uNkulunkulu wangempela noma cha—lokhu kusemqoka! Uma izwi likaNkulunkulu liyiqiniso kuwe, yilapho uzoba nolwazi olukhulu ngeqiniso likaNkulunkulu, futhi uzokwazi ukuma uqine ngesikhathi sezilingo. Uma ulokhu ugxile ekufuneni ukubona izimpawu nezimangaliso, yilapho ungeke ukwazi ukuma uqine, futhi uzowela ezilingweni. Izimpawu nezimangaliso azisona isisekelo; yiqiniso likaNkulunkulu kuphela eliwukuphila. Abanye abantu abazi ukuthi mphumela muni okumele ufezwe umsebenzi kaNkulunkulu. Bachitha izinsuku zabo bedidekile, bengafuni ukwazi lo msebenzi kaNkulunkulu. Abakufunayo kuhlale kuwukuthi uNkulunkulu egcwalisa izifiso zabo, ngemva kwalokho bayazimisela ekukholweni kwabo. Bathi bazofuna ukuphila uma amazwi kaNkulunkulu egcwaliseka, kodwa uma amazwi Akhe engagcwaliseki, lokho kusho ukuthi awekho amathuba okuthi bafune ukuphila. Umuntu ucabanga ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kuwukufuna ukubona izimpawu nezimangaliso nokufuna ukunyukela ezulwini nasezulwini lesithathu. Akekho namunye othi ngokukholwa kwakhe kuNkulunkulu ufuna ukungena eqinisweni, ufuna ukuphila, nokufuna ukuzuzwa nguNkulunkulu. Kunanzuzoni ukufuna okunjalo? Labo abangafuni ulwazi lukaNkulunkulu nokwaneliseka kukaNkulunkulu bangabantu abangakholwa kuNkulunkulu, bangabantu abahlambalaza uNkulunkulu!

Manje ingabe usuyaqonda ukuthi kuyini ukukholwa kuNkulunkulu? Ingabe ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukubona izimpawu nezimangaliso? Ingabe ngukwenyukela ezulwini? Ukukholwa kuNkulunkulu akulula neze. Lokho kwenza kwasenkolweni kumele kususwe; ukufuna ukuphiliswa kwabagulayo nokukhishwa kwamadimoni, ukugxila ezimpawini nasezimangalisweni, ukufisa umusa kaNkulunkulu omningi, ukuthula nenjabulo, ukufuna ongase ukuthole nokunethezeka kwenyama—lokhu ukwenza kwasenkolweni, kanti lokhu okwenziwa enkolweni kuwuhlobo lokukholwa olungacacile. Namuhla, kuyini ukukholwa kuNkulunkulu kwangempela? Kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila kwakho nokwazi uNkulunkulu ezwini Lakhe ukuze uzuze uthando Lwakhe lweqiniso. Ukuze kucace: Ukukholwa kuNkulunkulu kungesizathu sokuba umlalele uNkulunkulu, uthande uNkulunkulu, bese wenza umsebenzi okumele wenziwe isidalwa sikaNkulunkulu. Lena yinhloso yokukholwa kuNkulunkulu. Kumele uthole ulwazi lokuthanda uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ufanelwe ukudunyiswa, ukuthi, ezidalweni Zakhe, umsebenzi wensindiso uwenza kanjani futhi ubaphelelisa kanjani—lezi yizidingo nqangi zokukholwa kwakho kuNkulunkulu. Ukukholwa kuNkulunkulu ikakhulu kungukuguquka usuka empilweni yenyama uye empilweni yokuthanda uNkulunkulu; usuka ekuphileni kwenkohlakalo uye ekuphileni empilweni yamazwi kaNkulunkulu; kungukuphuma ngaphansi kwesandla sikaSathane uphile ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu, kungukwazi ukulalela uNkulunkulu ungathobeli inyama, kungukuvumela uNkulunkulu azuze inhliziyo yakho yonke, ukuvumela uNkulunkulu akuphelelise, uzikhulule esimweni esikhohlakele sikaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu kwenzelwe kakhulu ukuthi amandla nenkanzimulo kaNkulunkulu kubonakale phezu kwenu, ukuze nenze intando kaNkulunkulu, nifeze icebo likaNkulunkulu, nikwazi ukuba ngofakazi bakaNkulunkulu phambi kukaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu akumele kwenziwe ngenxa yezimpawu nezimangaliso, futhi akumele kube ngenxa yenyama yomuntu. Kumele kube okokufuna ukwazi uNkulunkulu, nokulalela uNkulunkulu, njengoPetru, umlalele kwaze kwaba sekufeni. Yilokhu okusemqoka ukuze kuzuzwe. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kulungele ukuba wazi futhi wenelise uNkulunkulu. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kukunika ulwazi olukhulu ngoNkulunkulu, okuzothi ngemva kwalokho ukwazi ukulalela uNkulunkulu. Kuphela uma wazi uNkulunkulu lapho ungakwazi ukumthanda, kanti ukuze uthole lokhu okuhlosiwe yiyona nhloso kuphela okumele umuntu afune ukufinyelela kuyo ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu. Uma, ekukholweni kwakho kuNkulunkulu, uhlala uzama ukubona izimpawu nezimangaliso, lokho kusho ukuthi ukubona kwakho kanjalo ukukholwa kuNkulunkulu akulungile. Ukukholwa kuNkulunkulu kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila. Ukusebenzisa kuphela amazwi kaNkulunkulu aphuma emlonyeni Wakhe bese uwenza ngokwakho, lokho ngukuthola inhloso kaNkulunkulu. Ekukholweni kuNkulunkulu, abantu kumele bafune ukupheleliswa uNkulunkulu, bakwazi ukuthobela uNkulunkulu, balalele uNkulunkulu ngokuphelele. Uma ungalalela uNkulunkulu ngaphandle kokukhaononda, wazi okufiswa uNkulunkulu, ufane noPetru, ube nendlela kaPetru uNkulunkulu akhulume ngayo, kulapho uzobe usukholwa kuNkulunkulu ngempumelelo, futhi kuzobe kusho ukuthi usuzuziwe nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukungena Ekuphileni

Okulandelayo: Ukungena Ekuphileni 2

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp