Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu

Inkathi endala seyidlulile, futhi inkathi entsha seyifikile. Unyaka nonyaka, usuku nosuku, uNkulunkulu usenze umsebenzi omkhulu. Wafika emhlabeni wabuye wawushiya ngesikhathi esifanele. Umjikelezo onjalo sewuqhubekile ezizukulwaneni eziningi. Kulolu suku, uNkulunkulu uyaqhubeka ukwenza njengakuqala umsebenzi okufanele awenze, umsebenzi okusafuneka awuqedele, ngoba kuze kube namhlanje, akakangeni ekuphumuleni. Kusukela esikhathini sokudala kuze kube namuhla, uNkulunkulu usenze umsebenzi omningi, kodwa bewazi ukuthi umsebenzi uNkulunkulu awenzayo namuhla mningi kunakuqala futhi isilinganiso sawo sikhulu kakhulu? Yingakho ngithi uNkulunkulu wenze into enkulu phakathi kwabantu. Wonke umsebenzi kaNkulunkulu ubaluleke kakhulu, noma kumuntu noma kuNkulunkulu, ngoba yonke into ngomsebenzi Wakhe iphathelene nomuntu.

Njengoba umsebenzi kaNkulunkulu ungenakubonwa noma uzwakale, kungasaphathwa ukuthi ubonwe ngumhlaba, ungaba kanjani into enkulu-ke? Into enjani ongayibheka uthi inkulu? Ngokuqinisekile akekho ongaphikisa ukuthi wonke umsebenzi kaNkulunkulu kungathiwa mkhulu, kodwa ngisho ngani ukuthi umsebenzi uNkulunkulu awenzayo manje unjalo? Uma ngithi uNkulunkulu wenze into enkulu, lokhu ngokungangabazeki kuphathelene nezimfihlo eziningi umuntu angakaziqondi. Asikhulume ngazo manje.

UJesu wazalelwa emkhombeni ngesikhathi esasingakwazi ukumela ubukhona Bakhe, kodwa umhlaba awukwazanga ukuma endleleni Yakhe, futhi waphila phakathi kwabantu iminyaka engamashumi amathathu nantathu ngaphansi kokunakekelwa nguNkulunkulu. Kuleyo minyaka eminingi yempilo, wazizwela umunyu wasezweni futhi wayizwa impilo yosizi emhlabeni. Wathatha isibopho esinzima sokubethelwa ukuze ahlenge sonke isintu. Wahlenga zonke izoni ezazikade ziphila ngaphansi kwkokubusa kaSathane, futhi ekugcineni, umzimba Wakhe owawuvukile wabuyela endaweni Yakhe yokuphumula. Manje umsebenzi omusha kaNkulunkulu sewuqalile, futhi uyisiqalo senkathi entsha. UNkulunkulu uletha endlini Yakhe labo abahlengiwe ukuqala umsebenzi Wakhe omusha wensindiso. Ngalesi sikhathi, umsebenzi wensindiso wenzisiswa kakhulu kunangaphambilini. Ngeke wenziwe uMoya oNgcwele esebenza kumuntu ukumvumela ukuthi aziguqukele, futhi ngeke wenziwe ngomzimba kaJesu uvela phakathi kwabantu, futhi ngeke wenziwe nakancane ngenye indlela. Kunalokho, umsebenzi uzokwenziwa futhi uqondiswe uNkulunkulu osenyameni uqobo. Lokhu kwenziwa ukuholela umuntu emsebenzini omusha. Akuyona into enhle kakhulu leyo? UNkulunkulu akawenzi lo msebenzi ngengxenye yabantu noma ngeziprofetho, kodwa ngoNkulunkulu uqobo Lwakhe. Abanye bangathi akuyona into enkulu lena futhi ngeke ilethele umuntu injabulo enkulu. Noma kunjalo, ngizothi kuwe umsebenzi kaNkulunkulu akumane uyilokhu nje, kodwa uyinto enkulu kakhulu nokunye okuningi.

Manje, uNkulunkulu ufika ezokwenza umsebenzi hhayi esemzimbeni kamoya kodwa esemzimbeni ojwayelekile. Akuyiwo kuphela umzimba kaNkulunkulu wokuba senyameni kwesibili, kodwa futhi umzimba uNkulunkulu abuya ekuwo. Uyinyama ejwayelekile kakhulu. Kuye, awukwazi ukubona into ehlukile kweyabanye, kodwa ungathola Kuye amaqiniso ongakaze uwezwe ngaphambilini. Le nyama engabalulekile iwukuhlanganiswa kwawo wonke amazwi eqiniso avela kuNkulunkulu, lokho okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, futhi kuveza sonke isimo sikaNkulunkulu ukuze umuntu asiqonde. Awukufisi kakhulu ukubona uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukuqonda uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukubona isiphetho sesintu? Uzokutshela zonke lezi zimfihlo okungekho muntu oke wakwazi ukukutshela zona, futhi uzobuye akutshele amaqiniso ongawaqondi. Uyisango lakho lokungena embusweni, nomqondisi wakho ekungeneni enkathini entsha. Inyama ejwayeleke kanjalo iqukethe izimfihlakalo ezingenakwaziwa. Izenzo Zakhe zingaqondakali kuwe, kodwa umgomo wawo wonke umsebenzi awenzayo wenele ukuthi ubone ukuthi akayona nje inyama njengoba umuntu ekholwa. Ngoba umele intando kaNkulunkulu kanye nokunakekela okukhonjiswa uNkulunkulu esintwini ezinsukwini zokugcina. Nakuba ungawezwa amazwi awakhulumayo okungathi ashukumisa amazulu nomhlaba noma ubone amehlo Akhe njengamalangabi alangukayo, futhi nakuba ungakuzwa ukuqondisa kwenduku Yakhe yensimbi, ungezwa emazwini Akhe ulaka lukaNkulunkulu futhi wazi ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ububele esintwini; ungasibona isimo esilungile sikaNkulunkulu nokuhlakanipha Kwakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ubone ukukhathazeka nokunakekela uNkulunkulu anakho ngesintu. Umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ukuvumela umuntu ukubona uNkulunkulu osezulwini ephila phakathi kwabantu emhlabeni, futhi nokwenza umuntu ukuthi azi, alalele, ahloniphe, futhi athande uNkulunkulu. Yingakho ebuyele enyameni okwesibili. Nakuba lokho umuntu akubonayo namuhla kunguNkulunkulu ofana nomuntu, uNkulunkulu onekhala kanye namehlo amabili, futhi uNkulunkulu ongamangalisi, ekugcineni uNkulunkulu uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu nomhlaba kungabhekana noguquko olumangalisayo; ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu lingafiphala, umhlaba ungaphenduka isiphithiphithi, futhi sonke isintu singaphila endlaleni nezifo ezibhubhisayo. Uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kwensindiso kaNkulunkulu osenyameni ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ngabe kade abhubhisa sonke isintu esihogweni; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ubuyohlala njalo uyinkosi yezoni nezidumbu ingunaphakade. Kufanele wazi ukuthi ngaphandle kokuba khona kwale nyama, sonke isintu besizobhekana nenhlekelele engenakugwemeka futhi sithole kunzima ukuphunyuka esijezisweni sikaNkulunkulu esinzima kakhulu ezinsukwini zokugcina. Ngaphandle kokuzalwa kwale nyama ejwayelekile, nonke benizoba sesimweni lapho ukuphila nokufa kungasafiki akukhathaleki ukuthi nikufuna kanjani; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ngalolu suku ubungeke ukwazi ukwemukela iqiniso futhi uze ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Kunalokho, ubuyojeziswa nguNkulunkulu ngenxa yezono zakho ezimbi kakhulu. Uyazi? Ukuba ubengabuyelanga uNkulunkulu enyameni, akekho obezoba nethuba lokusindiswa; futhi ukuba beyingezanga le nyama, uNkulunkulu ngabe kade ayiqeda inkathi endala. Kanjalo, usengakuchitha ukuba senyameni kukaNkulunkulu okwesibili? Njengoba ungazuza kakhulu kangaka kulo muntu ojwayelekile, kungani ungamamukeli Yena kalula?

Umsebenzi kaNkulunkulu yilokhu ongeke wakuqonda. Uma ungaqondi noma isinqumo sakho silungile futhi ungazi noma umsebenzi kaNkulunkulu ungaphumelela, kungani ungazami inhlanhla yakho futhi ubone noma lomuntu ojwayelekile uwusizo olukhulu kuwena, nokuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi omkhulu. Kepha, kufanele ngikutshele ukuthi ngesikhathi sikaNowa, abantu babekade bedla futhi bephuza, beshada futhi beshadisa kwaze kwafika ezingeni lokuthi kungabe kusabekezeleka kuNkulunkulu ukuba akubone, ngakho wathumela uzamcolo omkhulu ukubhubhisa isintu futhi washiya kuphela umndeni kaNowa wabayisishagalombili nazo zonke izinhlobo zezinyoni nezilwane. Ezinsukwini zokugcina, kepha, labo abayogcinwa nguNkulunkulu yilabo abebethembekile Kuye kuze kube sekugcineni. Nakuba zombili kwakuyizikhathi zenkohlakalo enkulu engabekezeleki ukuba ayibone uNkulunkulu, futhi isintu ezinkathini zombili sasikhohlakele ngendlela yokuthi saphika uNkulunkulu njengeNkosi, bonke abantu esikhathini sikaNowa babhujiswa nguNkulunkulu. Isintu ezinkathini zombili samdabukisa kakhulu uNkulunkulu, kepha uNkulunkulu uselokhu enesineke nabantu ezinsukwini zokugcina kuze kube manje. Kungani kunjalo? Awukaze ukucabange lokhu? Uma ungazi ngempela, ake ngikutshele. Isizathu uNkulunkulu ekwazi ukubaphatha ngomusa abantu ezinsukwini zokugcina akukona ukuthi bakhohlakele kancane kunabantu bangesikhathi sikaNowa noma ukuthi bakhombise ukuphenduka kuNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi uNkulunkulu ngeke akubekezelele ukubhubhisa abantu ezinsukwini zokugcina lapho ubuchwepheshe sebuthuthuke kakhulu. Kunalokho, ukuthi uNkulunkulu unomsebenzi adinga ukuwenza eqoqweni labantu ezinsukwini zokugcina futhi lokhu kuzokwenziwa nguNkulunkulu osenyameni uqobo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uzokhetha ingxenye yaleli qembu njengalabo abakhethelwa insindiso, isithelo sohlelo Lwakhe lokuphatha, futhi alethe labo bantu enkathini elandelayo. Ngakho, akukhathaleki ukuthi yini, le ntengo enkulu kangaka ekhokhwe uNkulunkulu yonke ibingamalungiselelo omsebenzi wokuthatha Kwakhe wokuba senyameni Kwakhe ezinsukwini zokugcina. Iqiniso ofinyelele kulo namuhla lingenxa yale nyama. Yingoba uNkulunkulu uyaphila enyameni yingakho unethuba lokuphila. Yonke le nhlanhla itholakale ngenxa yalo muntu ojwayelekile. Hhayi lokhu kuphela, kodwa ekugcineni zonke izizwe zizomkhonza lo muntu ojwayelekile, ziphinde zibonge futhi zilalele lo muntukazana ngoba yiqiniso, ukuphila kanye nendlela akulethile ukuze asindise isintu sonke, wadambisa ukungqubuzana phakathi komuntu noNkulunkulu, wanciphisa ibanga phakathi kwabo futhi wavula ukuxhumana phakathi kwemicabango kaNkulunkulu nomuntu. Nguye futhi oselethe udumo olukhulu nakakhulu kuNkulunkulu. Akafanele umuntu ojwayelekile njengaloukuthenjwa nokuthandwa nguwe? Ayifanele inyama ejwayelekile njengale ukubizwa ngoKristu? Ngeke kwenzeke ukuthi umuntu ojwayelekile onjalo abe ukuvezwa kukaNkulunkulu phakathi kwabantu? Akakufanele umuntu onjalo osiza isintu ukuthi siphephe enhlekeleleni ukuthandwa nokugonwa nguwe? Uma ulahla amaqiniso aphuma emlonyeni Wakhe futhi unyanya ukuba khona Kwakhe phakathi kwenu, siyoba yini isiphetho sakho?

Wonke umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina wenziwa ngalo muntu ojwayelekile. Uzobeka konke phezu kwakho, futhi, ngaphezu kwalokho, anganquma yonke into ngawe. Umuntu onjalo angaba njengoba ukholwa: umuntu ojwayeleke ngendlela yokuthi akafanele ukushiwo? Iqiniso Lakhe alanele ukukukholisa ngokuphelele? Ukubona izenzo Zakhe akwanele ukukukholisa ngokuphelele? Noma ukuthi indlela akuholela kuyo, ayifanelekile ukuthi uyilandele? Yini le ekwenza uzizwe umzonda, uphinde umlahle futhi umbalekele? Nguye oveza iqiniso, Nguye onika iqiniso futhi Nguye owenza ukuthi ube nendlela ozoyihamba. Kungenzeka ukuthi namanje awuziboni izimpawu zomsebenzi kaNkulunkulu kula maqiniso? Ngaphandle komsebenzi kaJesu, isintu ngabe asizange sehle esiphambanweni, kodwa ngaphandle kokuba senyameni namuhla, labo abehle esiphambanweni bebengeke bamukeleke kuNkulunkulu noma bangene enkathini entsha. Ngaphandle kokufika kwalo muntu ojwayelekile, ubungeke ube nethuba noma ufaneleke ukubona ubuso bangempela bukaNkulunkulu, ngoba nonke niyilabo ebekufanele ukuthi babhujiswa kudala. Ngenxa yokufika kokuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu, uNkulunkulu usekuxolele futhi wakukhombisa umusa. Noma kunjalo, amazwi okufanele ngikushiye nawo ekugcineni kuseyilawa: Lo muntu ojwayelekile, onguNkulunkulu osenyameni, ubaluleke ngokusemqoka kuwe. Yinto enkulu uNkulunkulu aseyenzile phakathi kwabantu.

Okwedlule: UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso

Okulandelayo: UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp