UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade

Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, noma into engatholwa yinoma ngubani kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza. Kusukeka ngesikhathi edala umhlaba, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi obandakanya ukubaluleka kokuphila, wenze umsebenzi omningi onika umuntu ukuphila, futhi wakhokha inani elikhulu ukuze umuntu aphinde abe nokuphila, ngoba uNkulunkulu Uqobo uwukuphila okungunaphakade, futhi uNkulunkulu Uqobo uyindlela umuntu avuswa ngayo. UNkulunkulu uhlala ekhona enhliziyweni yomuntu, futhi uphila phakathi komuntu ngaso sonke isikhathi. Nguye obeqhubekisa ukuphila komuntu, isisekelo sobukhona bomuntu, futhi utshale lukhulu ukuze umuntu aphile emuva kokuzalwa. Wenza umuntu azalwe kabusha, futhi wenza akwazi ukuphila endimeni nendima okumele abe kuyo. Sibonga amandla Akhe, kanye namandla Akhe okuphila angeshatshalaliswe, umuntu uphile izizukulwane eziningi, kukho konke amandla kaNkulunkulu yiwo akade enza ukuthi umuntu aqhubeke nokuba khona, futhi uNkulunkulu ukhokhe inani umuntu ojwayelekile angakaze alikhokhe. Amandla empilo kaNkulunkulu angachuma kunanoma amaphi amandla, phezu kwalokho, edlula wonke amandla. Ukuphila Kwakhe kungunaphakade, amandla Akhe makhulu ngokwedlulele, futhi amandla Akhe okuphila awanakwehlulwa yinoma yini edaliwe noma amandla esitha. Amandla kaNkulunkulu akhona, futhi akhanyisa bha, noma ngabe yisiphi isikhathi noma indawo. Izulu nomhlaba kungaba nezinguquko ezinkulu, kodwa ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kufana. Zonke izinto ziyedlula, kodwa ukuphila kukaNkulunkulu kulokhu kumile, ngoba uNkulunkulu ungumthombo wobukhona bazo zonke izinto, futhi ungumsuka wobukhona bazo. Ukuphila komuntu kuvela kuNkulunkulu, izulu likhona ngenxa kaNkulunkulu, futhi ubukhona bomhlaba busuka emandleni okuphila kukaNkulunkulu. Akukho okubalulekile okungadlula ubukhulu bukaNkulunkulu, futhi akukho okunamandla okuphuma emandleni okuphathwa nguNkulunkulu. Ngale ndlela, ngisho noma bangobani, bonke abantu kumele bathobele ukubusa kukaNkulunkulu, bonke abantu kumele baphile ngaphansi kokulawulwa uNkulunkulu, futhi akekho umuntu ongaphunyuka elulawuleni Kwakhe.

Mhlawumbe, manje, ufisa ukuthola ukuphila, noma mhlawumbe ufisa ukuthola iqiniso. Noma ngabe yikuphi, ufisa ukuthola uNkulunkulu, ukuthola uNkulunkulu ongancika kuye, futhi ongakunika ukuphila okuyingunaphakade. Uma ufisa ukuthola ukuphila okungunaphakade, kumele uqale uqonde umthombo wokuphila ingunaphakade, futhi kumele uqale wazi ukuthi uNkulunkulu ukuphi. Bese ngishilo ukuthi uNkulunkulu kuphela ongukuphila okungashintshi, futhi uNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Njengoba ukuphila Kwakhe kungashintshi, ngakho kungokwengunaphakade; njengoba kuwuNkulunkulu kuphela indlela yokuphila, ngakho uNkulunkulu Uqobo uyindlela yokuphila okuphakade. Njengoba kumele uqale uqonde ukuthi uNkulunkulu ukuphi, nokuthi le ndlela yokuphila ingunaphakade itholakala kanjani. Manje masifunde ngalezi zindaba ezimbili ngokwahlukana.

Uma ufisa ukuthola indlela eya ekuphileni kwaphakade ngokweqiniso, futhi uma ukulambele ngokweqiniso ngenkathi ukufuna, kumele uqale ngokuphendula lo mbuzo: Ukuphi uNkulunkulu namuhla? Mhlawumbe uzophendula ngokuthi uNkulunkulu uhlala ezulwini, vele—ubengeke Aphile ekhaya lakho, angithi? Mhlawumbe ungathi, vele uNkulunkulu uphila phakathi kwazo zonke izinto. Noma ungathi uNkulunkulu uphila enhliziyweni yomuntu ngamunye, noma uNkulunkulu usemhlabeni womoya. Angikuphiki konke lokhu, kodwa kumele ngicacise le ndaba. Akusilo iqiniso ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu uphila enhliziyweni yomuntu, kodwa futhi akusilo iphutha ngokugcwele. Lokhu kubangelwa ukuthi, phakathi kwabantu abakholelwa kuNkulunkulu kukhona labo abakholwa ngokweqiniso kanye nalabo abakholwa ngokungeyikho okweqiniso, kukhona labo abagunyazwa uNkulunkulu kanye nalabo angabagunyazi, kukhona labo abamuthokozisayo kanye nalabo abazondayo, futhi kunalabo abalungisayo kanye nalabo abachithayo. Ngakho ngithi uNkulunkulu uphila ezinhliziyweni zabantu abambalwa, futhi labo bantu akungatshazwa ukuthi yilabo abakholelwa kuNkulunkulu ngokweqiniso, labo abagunyazwe uNkulunkulu, labo abamthokozisayo, kanye nalabo abalungisisayo. Kukhona labo abaholwa uNkulunkulu. Njengoba beholwa uNkulunkulu, bangabantu asebezwile futhi ababone indlela kaNkulunkulu yokuphila okungunaphakade. Labo abakholelwa kuNkulunkulu ngendlela engasilo iqiniso, labo abangagunyazwa uNkulunkulu, labo abamcasulayo uNkulunkulu, labo abachithwa uNkulunkulu—nakanjani bayochithwa uNkulunkulu, nakanjani bazosala bengenayo indlela yokuphila, futhi nakanjani bayohlala bengazi ukuthi uNkulunkulu ukuphi. Kolunye uhlangothi, labo uNkulunkulu ahlala ezinhliziyweni zabo bayazi ukuthi ukuphi. Bangabantu uNkulunkulu abanike indlela yokuphila ingunaphakade, futhi yibo abalandela uNkulunkulu. Sewuyazi manje ukuthi uNkulunkulu ukuphi? UNkulunkulu usenhliziyweni yomuntu futhi useceleni nomuntu. Akekho emhlabeni womoya kuphela, futhi phezu kwakho konke, kodwa muningi kakhulu emhlabeni umuntu aphila kuwo. Ngakho ukufika kwezinsuku zokugcina kufike ezigabeni zomsebenzi kaNkulunkulu kwangena endaweni entsha. UNkulunkulu ungaphezu kwazo zonke izinto emhlabeni, futhi Nguye oyisisekelo somuntu enhliziyweni yakhe, futhi phezu kwalokho, ukhona phakathi komuntu. Yingale ndlela kuphela angaletha indlela yokuphila esintwini, futhi anike umuntu indlela yokuphila. UNkulunkulu uze emhlabeni, futhi uphila phakathi kwabantu, ukuze umuntu athole indlela yokuphila, futhi ukuze umuntu abe khona. Khona manjalo, uNkulunkulu ufuna ukulawula zonke izinto emhlabeni jikelele, ukuze zihambisane nokuphatha Kwakhe phakathi kwabantu. Ngakho, uma wazisa imfundiso yokuthi uNkulunkulu usezulwini nasenhliziyweni yomuntu, kube awulazisi iqiniso lobukhona bukaNkulunkulu phakathi komuntu, kusho ukuthi ngeke uphinde ukuthole ukuphila, futhi ngeke uphinde ulithole iqiniso.

UNkulunkulu Uqobo ungukuphila, neqiniso, futhi ukuphila Kwakhe neqiniso kuyahambisana. Labo abehluleka ukuthola iqiniso abasoze bakuthola ukuphila. Ngaphandle kokuqondiswa, ukusekelwa, kanye nokuhlinzeka ngeqiniso, uyothola amagama nje, nezimfundiso, kanti, ngaphezu kwakho konke, ukufa. Ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kukhona, futhi iqiniso Lakhe nokuphila kuyahambisana. Uma wehluleka ukuthola umthombo weqiniso, kusho ukuthi awusoze wathola ukudla kokuphila; uma wehluleka ukuthola isihlinzeko sempilo nakanjani awuzukuba neqiniso, futhi kuqhelelene kakhulu nemicabango nokuqonda, umzimba wakho uwonke awuzukuba yilutho ngaphandle kwenyama, inyama yakho enuka phu. Yazi ukuthi amagama asezincwadini awabalwa njengokuphila, izincwadi zomlando ngeke zithathwe ngokuthi ziyiqiniso, futhi izimfundiso zakudala zingesebenze njengamazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla. Ngokuvezwa uNkulunkulu kuphela uma eseza emhlabeni futhi ephila phakathi komuntu okuyiqiniso, ukuphila, intando kaNkulunkulu, kanye nendlela Yakhe yamanje yokusebenza. Uma ungasebenzisa amarekhodi amazwi akhulunywe uNkulunkulu ezikhathini ezedlule namuhla, kusho ukuthi uwusomlando ovundulula okucashile, futhi indlela ephuma phambili yokukuchaza ukuthi ungungoti wamagugu omlando. Lokho kudalwa ukuthi uhlala ukholelwa emlandweni womsebenzi kaNkulunkulu awenza ngezikhathi esezadlula, ukholelwa esithunzini uNkulunkulu asishiya ngenkathi esebenza kubantu ngaphambilini, futhi ukholelwa endleleni uNkulunkulu ayinika abalandeli Bakhe ngezikhathi zangaphambilini. Awukholelwa endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla, awukholelwa ebusweni bukaNkulunkulu obukhazimulayo namuhla, futhi awukholelwa endleleni yeqiniso elivezwa uNkulunkulu namuhla. Ngakho uyaziphuphela nje futhi uqhelelene nokuqhubekayo okuyinto engephikiswe. Uma manje usabambelele emazwini angenike umuntu ukuphila, ungumuntu oqinelwa yikhanda,[a] ngoba uzigodlile, unenkani yeselesele, uqinelwa ikhanda kakhulu awufuni nokucabanga!

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa futhi uyinyama embethwe uNkulunkulu njengoba ephethe futhi eqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalise isimo sikaNkulunkulu, imele uNkulunkulu kahle, futhi inike umuntu ukuphila. Esikhathini esingatheni, labo abazenza uKristu bayowa, ngoba yize bethi banguKristu, akukho abanakho okuwumgogodla kaKristu. Ngakho ngithi ubuqiniso ngoKristu ngeke buchazwe umuntu, kodwa kuphendulwa futhi kunqunywe uNkulunkulu Uqobo. Ngale ndlela, uma ufisa ngempela ukuthola indlela yokuphila, kumele uqale uvume ukuthi uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunika umuntu indlela yokuphila ngokuza Kwakhe emhlabeni, futhi kumele uyazise ngezinsuku zokugcina ukuthi uza emhlabeni ukuzonika umuntu indlela yokuphila. Lokhu akusiyo into yakudala; yenzeka njengamanje.

UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngamagama, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi ayizibhidi okulokhu kubanjelelwe kuwo izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni amagama angakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho? Ungakwazi yini ukuzisindisa ukuze ungene ezulwini uye kohlangana noNkulunkulu ngokwakho? Ngaphandle kokuza kukaNkulunkulu, ungaziyisa yini wena ezulwini ukuze uthokozele intokozo yomndeni noNkulunkulu? Ingabe usaphupha namanje? Ngiphakamisa ukuthi uyeke ukuphupha, ubheke ukuthi ubani osebenzayo manje, ukuthi ubani owenza umsebenzi wokusindisa abantu ngezikhathi zokugcina. Uma ungazi, ngeke uphinde ulithole iqiniso, futhi awusoze waba nokuphila.

Labo abafisa ukuthola ukuphila ngaphandle kokwethembela eqinisweni elikhulunywa uKristu bangabantu abangenangqondo kakhulu emhlabeni, futhi bayilabo abangayamukeli indlela yokuphila elethwe uKristu abalibele ukuphupha. Ngakho ngithi uma abantu bengamamukeli uKristu wezinsuku zokugcina bayohlala bezondwa uNkulunkulu unomphela. UKristu uyindlela yomuntu yokungena embusweni ngezikhathi zokugcina, abanye abangangakunaka. Akekho umuntu ongalungiswa uNkulunkulu ngaphandle kokudlula kuKristu. Uyakholwa nguNkulunkulu, futhi kumele wamukele amazwi Akhe futhi uhloniphe indlela Yakhe. Kumele ungacabangi nje ngokuthola izibusiso ngaphandle kokuthola iqiniso, noma ukwamukela okuhlinzeka ngokuphila. UKristu uza ngezinsuku zokugcina ukuze labo abakholelwa Kuye ngokweqiniso bakwazi ukuhlinzekwa ngokuphila. Umsebenzi Wakhe wenzelwa ukuqedela isikhathi esedlule futhi ungena kwesisha, futhi indlela okumele ithathwe yibo bonke abafuna ukungena esikhathini esisha. Uma wehluleka ukumazisa, futhi esikhundleni sokugxeka, ukuthuka, noma ukumkhaphela, kusho ukuthi nakanjani uyosha ingunaphakade, futhi awusoze wangena embusweni kaNkulunkulu. Ngoba uKristu ngokwakhe uyisibonakaliso soMoya oNgcwele, futhi ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, loyo uNkulunkulu amethembe ukuthi uzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni. Futhi ngithi uma wehluleka ukwamukela konke okwenziwa uKristu ngezinsuku zokugcina, wethuka uMoya oNgcwele. Isijeziso okumele sibhekane nalabo abathuka uMoya oNgcwele sicacele bonke abantu. Ngiyanitshela ukuthi uma niphikisa uKristu wezinsuku zokugcina, futhi Nimuphika, kusho ukuthi akekho umuntu ongakuthwalela umphumela walokho. Phezu kwalokho, kusukela ngalolu suku kuya phambili anizukuba nelinye ithuba lokuthola ukugunyazwa uNkulunkulu; noma ningazama ukuzikhulula, anisoze nabona ubuso bukaNkulunkulu. Ngoba aniphikisani nomuntu, aniphikisani nokuthile okudaliwe, kodwa uKristu. Ingabe uyawazi umphumela walokhu? Awenzanga iphutha elincane, kodwa wenze icala elesabekayo. Futhi ngeluleka bonke abantu abamelene neqiniso, noma abagxeka ngobudedengu, ngoba yiqiniso kuphela elingakunika ukuphila, futhi yiqiniso kuphela elingakwenza uzalwe kabusha futhi ubone ubuso bukaNkulunkulu.

Imibhalo yaphansi:

a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “akanakusizakala.”

Okwedlule: Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu

Okulandelayo: Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp