3. Ekukholweni KuNkulunkulu, Kufanele Wakhe Ubudlelwane Obejwayelekile NoNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ekukholweni kuNkulunkulu, kumele okungenani ulungise indaba yokuba nobudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu. Uma ungenabo ubudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu, ukubaluleka kokukholwa kuNkulunkulu kuyalahleka. Ukwakha ubudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu kutholakala ngokugcwele ngenhliziyo ethule phambi kukaNkulunkulu. Ukuba nobudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu kusho ukuthi ukwazi ukungangabazi nokungaphikia noma imuphi umsebenzi Wakhe nokwazi ukuthobela umsebenzi Wakhe. Kusho ukuba nezinhloso ezinhle phambi kukaNkulunkulu, ukungazicabangeli wena, nokucabangela okuzozuzisa umndeni kaNkulunkulu kuqala kuzo zonke izinto; kusho ukwamukela ukuhlolwa uNkulunkulu nokuthobela amalungiselo kaNkulunkulu. Kufanele ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu kukho konke okwenzayo. Noma ungayiqondi intando kaNkulunkulu, kusamele ufeze imisebenzi kanye nezibopho zakho ngawo wonke amandla akho. Lapho intando kaNkulunkulu seyembuliwe kuwe, yenza lokho ekushoyo. Ngeke kube sewushiywe yisikhathi. Lapho ubudlelwane bakho noNkulunkulu sebujwayelekile, uyophinde ube nobudlelwane obujwayelekile nabantu. Yonke into yakhelwe esisekelweni samazwi kaNkulunkulu. Yidla futhi uphuze amazwi kaNkulunkulu, bese wenza izimfuno zikaNkulunkulu, lungisa imibono yakho, bese ugwema ukwenza izinto eziphika uNkulunkulu noma eziphazamisa ibandla. Ungazenzi izinto ezingakuzuzisi ukuphila kwabafowethu nodadewethu, ungazisho izinto ezingabasizi abanye abantu, futhi ungazenzi izinto eziyihlazo. Yiba nobulungiswa nokuhlonipheka lapho wenza zonke izinto futhi uqinisekise ukuthi zonke izenzo zakho ziyemukeleka phambi kukaNkulunkulu. Nakuba inyama ibuthaka ngezinye izikhathi, kufanele ukwazi ukunaka okubaluleke emndenini kaNkulunkulu kuqala, ungabi nomhobholo wokuba kuzuze wena, futhi kufanele ukwazi ukwenza okulungile. Uma ungenza ngale ndlela, khona-ke ubudlelwane bakho noNkulunkulu buyoba obujwayelekile.

Kucashunwe embhalweni othi “Bunjani Ubuhlobo Bakho NoNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kukho konke okwenzayo, kumele uhlole ukuthi zilungile yini izinhloso zakho. Uma ukwazi ukwenza ngokuhambisana nezimfuno zikaNkulunkulu, kusho ukuthi ubudlelwane bakho noNkulunkulu bujwayelekile. Lesi yisikali okuqalwa kuso. Bheka izinhloso zakho, futhi uma uthola ukuthi sekuvele izinhloso ezingalungile, kufanele ukwazi ukuzifulathela wenze okuhambisana namazwi kaNkulunkulu; ngalokhu uyoba umuntu olungile phambi kukaNkulunkulu, okuveza ukuthi ubudlelwane bakho noNkulunkulu bujwayelekile, nokuthi konke okwenzayo kungenxa kaNkulunkulu, hhayi ngenxa yakho. Kukho konke okwenzayo nokushoyo, kumele ulungise inhliziyo yakho, ube olungile ezenzweni zakho, futhi ungaholwa yimizwa yakho, noma wenze intando yakho. Lezi yizimiso okufanele amakholwa kaNkulunkulu aziphathe ngazo. Izinto ezincane zingembula izinhloso zomuntu, ngakho, ukuze abantu bangene endleleni yokupheleliswa uNkulunkulu, kumele baqale balungise izinhloso zabo nobudlelwane babo noNkulunkulu. Kulapho ubudlelwane bakho noNkulunkulu buvamile kuphela lapho uyokwazi khona ukupheleliswa Nguye; kulapho kuphela ukusetshenzwa, ukuthenwa, ukuqoqwa, nokucwenga uNkulunkulu kuyothola khona umphumela obuhlosiwe. Lokho kusho ukuthi, uma abantu sebekwazi ukugcina uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi bengafuni ukuzizuzela noma bacabange ngekusasa labo (ngokwenyama), kodwa kunalokho bathwale umthwalo wokungena ekuphileni, benze okusemandleni ukufuna iqiniso, futhi bahobele umsebenzi kaNkulunkulu—uma ungenza lokhu, khona-ke imigomo oyifunayo izoba elungile, futhi ubudlelwane bakho noNkulunkulu buzoba ngobujwayelekile. Ukulungisa ubudlelwane bomuntu noNkulunkulu kungabizwa ngokuthi kuyigxathu lokuqala ekungeneni ohambeni lomuntu lokomoya. Nakuba ikusasa lomuntu lisezandleni zikaNkulunkulu, futhi linqunywe ngaphambili uNkulunkulu, futhi ngeke liguqulwe umuntu, ukuthi ungapheleliswa yini uNkulunkulu noma uzuzwe Nguye kuncike ekutheni bujwayelekile yini ubudlelwane bakho noNkulunkulu. Mhlawumbe kunezingxenye zakho ezibuthakathaka noma ezingalaleli—kodwa uma nje umbono wakho nezinhloso zakho kulungile, uma nje ubudlelwane bakho noNkulunkulu bulungile futhi bujwayelekile khona-ke uyoba ngofanele ukupheleliswa uNkulunkulu. Uma ungenabo ubudlelwane obuhle noNkulunkulu, futhi wenza ngenxa yenyama, noma yomndeni wakho, khona-ke noma ungasebenza kanzima kangakanani kuyoba ukusebenzela ize. Uma ubudlelwane bakho noNkulunkulu bujwayelekile, yonke into iyohlangana. UNkulunkulu akabheki okunye, kodwa ubheka kuphela ukuthi imibono yakho ekukholweni kuNkulunkulu ilungile yini: ubani okholwa kuye, ukholwa ngenxa kabani, nokuthi kungani ukholwa. Uma ukwazi ukuzibona kahle lezi zinto, futhi wenze izinto unemibono evulelekile, khona-ke ukuthuthuka kwakho kuyoqhubekela phambili futhi uyoqiniseka ngokungena emgudwini ofanele. Uma ubudlelwane bakho noNkulunkulu bungajwayelekile, nemibono yakho ekukholweni kuNkulunkulu kungaqondile, lokhu kuyize, futhi noma ungakholwa kanjani kuNkulunkulu, ngeke uzuze lutho. Kulapho ubudlelwane bakho noNkulunkulu sebujwayelekile lapho uNkulunkulu eyokuncoma khona, lapho ufulathela inyama, uthandaza, uhlupheka, ubekezela, ulalela, usiza abafowethu nodadewethu, uzikhandlela uNkulunkulu, njalo njalo.

Kucashunwe embhalweni othi “Bunjani Ubuhlobo Bakho NoNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu bakholwa kuNkulunkulu, bathanda uNkulunkulu, futhi banelisa uNkulunkulu ngokuthinta uMoya kaNkulunkulu ngenhliziyo yabo, kanjalo bazuza ukwaneliseka Kwakhe; futhi lapho bedingida amazwi kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, babe sebekhuthazwa uMoya kaNkulunkulu. Uma ufisa ukufinyelela ekuphileni okujwayelekile komoya futhi wakhe ubudlelwane obukwayelekile noNkulunkulu, khona-ke kumele uqale unikele ngenhliziyo yakho Kuye. Kungemva kokuba uthulise inhliziyo yakho phambi Kwakhe futhi uthulule yonke inhliziyo yakho Kuye kuphela lapho ungakwazi khona kancane kancane ukuba nokuphila komoya okujwayelekile. Uma, ekukholweni kwabo Kuye, abantu benganikeli ngenhliziyo yabo kuNkulunkulu, uma inhliziyo yabo ingekho Kuye, futhi bengabheki umthwalo Wakhe njengowabo, yonke into abayenzayo iwukukhohlisa uNkulunkulu, futhi iwukuziphatha kwabantu benkolo, lokhu akukwazi ukwamukela ukuncoma kukaNkulunkulu. UNkulunkulu akakwazi kuthola lutho kulolu hlobo lomuntu; lolu hlobo lomuntu lungasebenza kuphela njengesiqhathaniso emsebenzini kaNkulunkulu, njengomhlobiso endlini kaNkulunkulu, luqede indawo futhi alulusizo lwalutho—uNkulunkulu akalusebenzisi lolu hlobo lomuntu. Kumuntu onjalo, akugcini nje ngokuthi lingabi bikho ithuba lomsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa ngaphezu kwalokho akukho ukubaluleka kokupheleliswa; lolu hlobo lomuntu lufana nokuthi “luhamba lufile” ngempela—alunazo izinto ezingasetshenziswa uMoya oNgcwele—bonke bathunjwe uSathane, bakhohlakaliswe kakhulu nguSathane, yibona uNkulunkulu afuna ukubasusa. Okwamanje, ekusebenziseni abantu, uMoya oNgcwele akagcini nje ngokusebenzisa lezo zingxenye zabo ezithandekayo ukwenza izinto zenzeke, futhi uphelelisa abuye aguqule izingxenye zabo ezingathandeki. Uma inhliziyo yakho ingathululelwa kuNkulunkulu, futhi uthule phambi kukaNkulunkulu, uyoba nethuba nokufaneleka ukusetshenziswa uMoya oNgcwele, ukuthola ukukhanyiselwa nokukhanyisa kukaMoya oNgcwele, futhi ngaphezu kwalokho uyothola ithuba lokuba uMoya oNgcwele akwazi ukulungisa amaphutha akho. Lapho unikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu, ungathola ukungena okujule kakhudlwana futhi uthole izinga eliphakeme lokwazi; ohlangothini olungeluhle, uyowaqonda kakhudlwana amaphutha neziphambeko zakho, uyokulangazelela nakakhulu ukufuna ukwanelisa intando kaNkulunkulu, futhi ngeke uyekelele, uyongena ngomdlandla, futhi lokho kuyosho ukuthi uwumuntu olungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Kubaluleke Kakhulu Ukwakha Ubudlelwane Obujwayelekile NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma ufuna ukuba nobudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu, inhliziyo yakho kumele iphendukele kuNkulunkulu, futhi kulesi sisekelo, uyophinde ube nobudlelwane obujwayelekile nabanye abantu. Uma ungenabo ubudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu, akunandaba ukuthi wenzani ukuze ulondoloze ubudlelwane bakho nabanye abantu, akunandaba ukuthi usebenza kanzima kangakanani noma ukuthi ukhipha amandla angakanani kukho, kusengokwefilosofi yempilo yomuntu. Ulondoloza isikhundla sakho phakathi kwabantu ngombono womuntu nefilosofi yabantu ukuze bakudumise, kodwa awulandeli izwi likaNkulunkulu ukwakha ubudlelwane obujwayelekile nabantu. Uma ungagxili ebudlelwaneni bakho nabantu kodwa ulondoloze ubudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu, uma uzimisele ukunikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu futhi ufunde ukumlalela, ngokwemvelo, ubudlelwane bakho nabo bonke abanye abantu buyoba ubujwayelekile. Ngale ndlela, lobu budlelwane abakhiwe enyameni, kodwa esisekelweni sothando lukaNkulunkulu. Zicishe zingabi bikho izingxoxo ezisekelwe enyameni, kodwa emoyeni kunokuzwana kanye nothando, induduzo, nokunakekelana. Konke lokhu kwenziwa esisekelweni senhliziyo eyanelisa uNkulunkulu. Lobu budlelwane abulondolozwa ngokuncika kufilosofi yempilo yomuntu, kodwa bakhiwa ngokwemvelo ngomthwalo kaNkulunkulu. Abuyidingi imizamo eyenziwa ngumuntu. Udinga kuphela ukwenza ngokuhambisana nezimiso zezwi likaNkulunkulu. Ingabe uzimisele ukucabanga ngentando kaNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukuba umuntu “ongacabangi” phambi kukaNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukunikela ngenhliziyo yakho ngokugcwele phambi kukaNkulunkulu, ungacabangi ngesikhundla sakho phakathi kwabantu? Kubo bonke abantu ofuna ukuxhumana nabo, yibaphi kubo onobudlelwane obuhle nabo? Yibaphi kubo onobudlelwane obubi nabo? Ingabe ubudlelwane bakho nabantu bujwayelekile? Ingabe uphatha bonke abantu ngokulinganayo? Ingabe ubudlelwane bakho nabanye bulondolozwa ngokwefilosofi yempilo yakho, noma bakhiwe esisekelweni sothando lukaNkulunkulu? Lapho umuntu enganikeli ngenhliziyo yakhe kuNkulunkulu, umoya wakhe uyadideka, uba ndikindiki futhi ungaphili. Lolu hlobo lomuntu alusoze lwawaqonda amazwi kaNkulunkulu, futhi alusoze lwaba nobudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu; lolu hlobo lomuntu alusoze lwaguqula isimo salo. Ukuguqula isimo somuntu yinqubo lapho umuntu enikela ngenhliziyo yakhe ngokugcwele kuNkulunkulu, neyokwamukela ukukhanyiselwa nokucaciselwa emazwini kaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu ungenza umuntu angene ngomdlandla, nokuba umenze ashiye izingxenye eziphambene ngemva kokuthola ulwazi. Lapho ukwazi ukunikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu, uyokwazi ukubona konke ukunyakaza okunganakekile emoyeni wakho, futhi uzokwazi noma ikuphi ukukhanyiselwa nokukhanyiswa okwamukelwe kuNkulunkulu. Bambelela kulokhu, futhi kancane kancane uzongena endleleni yokupheleliswa uMoya oNgcwele. Lapho nje inhliziyo yakho iba nokuthula phambi kukaNkulunkulu, umoya wakho uyozwela nakakhulu futhi ube muhle, futhi lapho umoya wakho ukwazi ukubona umnyakazo kaMoya oNgcwele, ubudlelwane bakho noNkulunkulu buyoba obujwayelekile nakakhulu. Ubudlelwane obujwayelekile phakathi kwabantu bakhiwe esisekelweni sokunikela ngenhliziyo yabo kuNkulunkulu; akufinyelelwanga kubo ngemizamo yabantu. Ngaphandle kukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, ubudlelwane obuphakathi kwabantu buwubudlelwane benyama nje. Abujwayelekile, kodwa bunokuzitika kwenkanuko—buwubudlelwane uNkulunkulu abenyanyayo, abuzondayo. Uma uthi umoya wakho unyakazisiwe, kodwa uhlale ufuna ukuba nezingxoxo nabantu abakukhangayo, nanoma ubani ombheka njengobalulekile, futhi uma kuba nomunye ofunayo ongaveli kuwe, ongamthandi futhi ongeke uxoxe naye, lokhu kuwubufakazi obuthe xaxa bokuthi ungumuntu ophethwe yimizwelo yakho futhi awunabo nhlobo ubudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu. Uzama ukukhohlisa uNkulunkulu umboze ububi bakho. Ngisho noma ungaxoxa ngokunye ukuqonda kodwa uthwele izonhloso ezimbi enhliziyweni yakho, konke okwenzayo kuhle kuphela ezindinganisweni zomuntu. UNkulunkulu ngeke akuncome—wenza ngokuvumelana nenyama, hhayi ngokuvumelana nomthwalo kaNkulunkulu. Uma ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu futhi ube nobuhlobo obujwayelekile nabo bonke labo abathanda uNkulunkulu, yilapho kuphela uyofaneleka khona ukusetshenziswa uNkulunkulu. Ngale ndlela, akunandaba ukuthi uzwana kanjani nabanye, ngeke kube ngokwefilosofi yempilo, kodwa kuyoba ukuphila phambi kukaNkulunkulu, ukucabanga ngomthwalo Wakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Kubaluleke Kakhulu Ukwakha Ubudlelwane Obujwayelekile NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Funda wonke amazwi kaNkulunkulu bese uwenza ngokushesha lapho usuwaqonda. Mhlawumbe kwakunezikhathi lapho lapho inyama yakho yayibuthakathaka, wawudlubulundela, noma futhi wawuphikisa khona; kungakhathaleki ukuthi wawuziphatha kanjani, akunandaba, futhi ngeke kuvimbe ukuthi ukuphila kwakho kuvuthwe namuhla. Uma nje usakwazi ukuba nobudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu namuhla, lisekhona ithemba. Uma ngaso sonke isikhathi ofunda ngaso amazwi kaNkulunkulu, kuba noguquko kuwe nabanye abantu bakutshele ukuthi ukuphila kwakho kushintshile kwaba ngcono, kubonisa ukuthi ubudlelwane bakho noNkulunkulu sebujwayelekile, ukuthi sebulungisiwe. UNkulunkulu akabaphathi abantu ngokweziphambeko zabo. Uma nje usuqonda futhi usubona, uma nje ungayeka ukuhlubuka noma ukuphikisa, khona-ke uNkulunkulu usazoba nomusa kuwe. Lapho unokuqonda nesifiso sokulwela ukupheleliswa uNkulunkulu, khona-ke isimo sakho phambi kukaNkulunkulu siyoba esijwayelekile. Noma yini oyenzayo, cabanga okulandelayo lapho uyenza: UNkulunkulu uzocabangani uma ngenza lokhu? Kuzobasiza yini abafowethu nodadewethu? Kuyoba nenzuzo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu? Hlola izinhloso zakho noma kusemthandazweni, ezingxoxweni, ekukhulumeni, emsebenzini, nasekuxhumaneni nabantu, uhlole ukuthi ubudlelwane bakho noNkulunkulu bujwayelekile noma cha. Uma ungakwazi ukuhlukanisa izinhloso nemicabango yakho, kusho ukuthi awukwazi ukuhlukanisa, okufakazela ukuthi kuncane kakhulu okwaziyo ngeqiniso. Uma ukwazi ukuba nokuqonda okucacile ngakho konke uNkulunkulu akwenzayo, ukubona izinto ngeso lezwi likaNkulunkulu, ukuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu, khona-ke imibono yakho iyobe isingelungile. Ngakho, ukwakha ubudlelwane obuhle noNkulunkulu kuyinto ebaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu; bonke abantu kufanele bakubheke njengomsebenzi obaluleke kakhulu nanjengesehlakalo esikhulu kakhulu ekuphileni kwabo. Yonke into oyenzayo ilinganiswa ngokuthi unabo yini noma cha ubudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu. Uma ubudlelwane bakho noNkulunkulu bujwayelekile nezinhloso zakho zilungile, yenze. Ukuze ugcine ubudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu, akufanele wesabe ukulahlekelwa yizinto ozithandayo, akufanele uvumele uSathane anqobe, akufanele uvumele uSathane athole into embi kuwe, futhi akufanele uvumele uSathane akwenze inhlekisa. Ukuba nezinhloso ezinjalo kuveza ukuthi ubudlelwane bakho noNkulunkulu bujwayelekile—hhayi ngenxa yenyama, kodwa ngenxa yomoya, yokuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele nokwanelisa intando kaNkulunkulu. Ukuze ungene esimweni esifanele, kufanele wakhe ubudlelwane obuhle noNkulunkulu futhi ulungise imibono yakho ngokukholwa kwakho kuNkulunkulu. Lokhu kwenza ukuthi uNkulunkulu akuzuze, futhi aveze izithelo zamazwi Akhe kuwe futhi akukhanyisele ngisho nakakhulu. Ngale ndlela uyobe usungene endleleni efanele. Qhubeka udle futhi uphuze njalo amazwi kaNkulunkulu anamuhla, ngena endleleni yamanje yokusebenza kukaMoya oNgcwele, yenza ngokuvumelana nezimfuno zamanje zikaNkulunkulu, ungalandeli imikhuba eyisidala, ungabambeleli ezindleleni ezindala zokwenza izinto, futhi ngena ngokushesha endleleni yanamuhla yokusebenza. Ngale ndlela, ubudlelwane bakho noNkulunkulu buyoba obujwayeleke ngokugcwele futhi uyobe usungene emgudwini ofanele wokukholwa kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Bunjani Ubuhlobo Bakho NoNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 2. Ekuthungatheni Indlela Yangempela, Kufanele Ube Nengqondo

Okulandelayo: 4. Ukuziphatha Kahle Okungcwele Amakholwa KaNkulunkulu Okufanele Abe Nakho

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp