2. Ekuthungatheni Indlela Yangempela, Kufanele Ube Nengqondo

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Akunakuthiwa uNkulunkulu nomuntu bayalingana. Ubuyena nomsebenzi Wakhe kungaphezulu kokuqonda kwabantu. Uma uNkulunkulu engawenzi Yena uqobo umsebenzi Wakhe akhulume amazwi Akhe emhlabeni wabantu, kusho ukuthi abantu ngeke bakwazi ukuyiqonda intando kaNkulunkulu, ngalokho-ke, nalabo abanikele impilo yabo yonke kuNkulunkulu ngeke bakwazi ukuzuza ukwamukelwa Nguye. Ngaphandle komsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe umuntu wenza kahle kanjani, ngeke kusho lutho lokho, ngoba imicabango kaNkulunkulu iyohlale ingaphezulu kwemicabango yomuntu, kanti nokuhlakanipha kukaNkulunkulu akuqondakali kumuntu. Ngalokho-ke ngithi labo “ababona ngokucacile” uNkulunkulu nomsebenzi Wakhe abanalo iqiniso, bayaqhosha futhi abanalwazi. Abantu akumele bachaze umsebenzi kaNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, abantu abakwazi ukuchaza umsebenzi kaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, umuntu mncane ngisho kunentuthwane, ngakho umuntu angawuqonda kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Labo abaphikelelayo bethi, “uNkulunkulu akasebenzi ngale ndlela noma ngaleya ndlela” noma “uNkulunkulu ufana nalokhu noma lokhuya”—ingabe bonke abaqhoshi? Sonke kumele sazi ukuthi abantu abayinyama, bonke uSathane ubenze bakhohlakala. Kungokwemvelo kubo ukuphikisana noNkulunkulu, futhi abalingani noNkulunkulu, ingasaphathwa eyokunikeza iseluleko ngomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuthi uNkulunkulu umhola kanjani umuntu kungumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu kumele bazithobe, futhi akumele babe nombono othile, ngoba umuntu uwuthuli. Njengoba sizama ukufuna uNkulunkulu ngeke sikwazi ukufaka ukuqonda kwethu emsebenzini kaNkulunkulu ukuze uNkulunkulu akubheke, kanjalo akumele sisebenzise isimo sethu esikhohlakele sizame ukuphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso. Ingabe lokho ngeke kusenze abaphikikrestu? Abantu abanjalo bangasho kanjani ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu? Njengoba sikholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, futhi njengoba sifisa ukumanelisa nokumbona, kumele sifune indlela yeqiniso, futhi sibheke indlela yokuvumelana noNkulunkulu. Akumele sibe ontamo-lukhuni siphikisane noNkulunkulu; yini enhle engavela ngokwenza kanjalo?

Namuhla, uNkulunkulu unomsebenzi omusha. Kungenzeka ungawamukeli la mazwi, angezwakala engavamisile kuwe, kodwa ngineluleka ukuba ningavezi ubunina bemvelo, ngoba yilabo abalambele nabomele ukulunga phambi kukaNkulunkulu abangathola iqiniso, futhi yilabo kuphela abazinikele ngeqiniso abangase bakhanyiselwe futhi baqondiswe Nguye. Imiphumela itholakala ngokufuna ngokuthula okunokuzotha, hhayi ngokulwa nokuncintisana. Uma ngithi “namuhla, uNkulunkulu wenze umsebenzi omusha,” ngibhekise odabeni lokubuyela kukaNkulunkulu enyameni. Mhlawumbe awunandaba nala mazwi, kungenzeka uyawazonda, noma unentshisekelo ngawo. Noma ngabe yikuphi, ngithemba ukuthi bonke laba abafisa ukuvela kukaNkulunkulu bangabhekana naleli qiniso balicabangisise. Kungcono ukungajahi ukufinyelela eziphethweni. Lena yindlela abantu abahlakaniphile okumele benze ngayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukubuya kukaJesu kuyinsindiso enkulu kulabo abakwazi ukwamukela iqiniso, kodwa kulabo abangakwazi ukwamukela iqiniso, kuwuphawo lokwahlulelwa. Kumele nikhethe indlela yenu, ningahlambalazi uMoya oNgcwele futhi nenqabe iqiniso. Kumele ningabi abantu abangenalwazi futhi abakhukhumele, kodwa abantu abalalela ukuholwa uMoya oNgcwele, balangazelele futhi bafune iqiniso; ingalendlela kuphela lapho niyothola ukusizakala. Ngiyaniyala ukuthi nithathe indlela yokukholwa kuNkulunkulu ngokunakekela. Ningathathi izinqumo ngokushesha; ngaphezu kwalokho, ningathathi kalula futhi ningani nokungacabangi ekukholweni kwenu kuNkulunkulu. Kumele nikwazi lokhu, okungenani, labo abakholwa kuNkulunkulu kumele bazithobe futhi bahloniphe. Labo abalizwile iqiniso nokho baziqhenya, bayiziwula futhi abanalwazi. Labo abalizwile iqiniso nokho ngokunganaki benza izinqumo ngokushesha noma balichitha bahlushwa ukuzikhukhumeza. Akekho okholwa uJesu ofanele ukuqalekisa noma ahlulele abanye. Kumele nonke nibe nengqondo futhi namukele iqiniso. Mhlawumbe, emva kokuba usuzwile ngendlela yeqiniso futhi wafunda ngezwi lokuphila, ukholwa ukuthi izwi elilodwa kwayizi-10,000 ahambisana nokukholwa kwakho neBhayibheli, ngakho kumele uqhubeke nokufuna kuleli zwi lezi-10,000 kulawa mazwi. Ngisaniluleka ukuba nizithobe, ningazethembi ngokweqile, ningaziphakamisi kakhulu. Ngezinhliziyo zenu eziphethe ukuhlonipha okuncane kakhulu kukaNkulunkulu, niyothola ukukhanya okukhulu. Uma niwahlola ngokuqaphela futhi niwacabange niphindelela la mazwi niyoqonda noma ayilo noma akalona yini iqiniso, noma ayikho noma akasikhona ukuphila. Mhlawumbe, emva kokufunda imisho embalwa, abanye abantu bazokwahlulela la mazwi ngobumpumputhe, bethi, “Lokhu akulutho kunokukhanyiselwa okuthile uMoya oNgcwele,” noma, “Lona uKristu wamanga ozokhohlisa abantu.” Labo abasho izinto ezinje, ababoni ngenxa yokungazi! Niqonda okuncane kakhulu ngomsebenzi nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi ngiyaniyala ukuba niqale futhi ekuqaleni! Akufanele nahlulele ngobumpumputhe amazwi akhulunywa nguNkulunkulu ngenxa yokuvela koKristu bamanga ezinsukwini zokugcina, futhi ungabi umuntu ohlambalaza uMoya oNgcwele ngoba wesaba inkohliso. Ngeke lokho kube okudabukisayo okukhulu? Uma emuva kokuhlola okukhulu usakholwa ukuthi lawa mazwi akalona iqiniso, akayona indlela, akakhona ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, uyojeziswa ekugcineni, futhi ungabi nezibusiso. Uma ungenakho ukwemukela iqiniso elinje elikhulunywe ngokusobala nokucacile kakhulu, ngakho awufanelwe yini insindiso kaNkulunkulu? Awuyena umuntu ongenayo inhlanhla yokubuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu? Ake ukucabanga lokho! Ungagagameli futhi ube namawala, futhi ungakuthathi ukukholwa kuNkulunkulu njengomdlalo. Cabanga ngenxa yesiphetho sakho, ngenxa yamathemba akho, ngenxa yempilo yakho, futhi ungadlali ngawe. Ungawamukela la mazwi?

Kucashunwe embhalweni othi “Ngesikhathi Ubona Umzimba KaJesu KaMoya, UNkulunkulu Uyobe Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njengoba sifuna imikhondo kaNkulunkulu, kumele sifune intando kaNkulunkulu, amagama kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu—ngoba lapho kunamagama amasha kaNkulunkulu, kunezwi likaNkulunkulu, futhi lapho kunemikhondo kaNkulunkulu, kunezenzo zikaNkulunkulu. Lapho kunezwi likaNkulunkulu, kubonakala uNkulunkulu, futhi lapho kubonakala uNkulunkulu, kukhona iqiniso, indlela kanye nempilo. Ngenkathi ufuna imikhondo kaNkulunkulu, uzibe amagama okuthi “uNkulunkulu uyiqiniso, indlela kanye.” Ngakho uma abantu abaningi bathola iqiniso, abakholelwa ukuthi bathole imikhondo kaNkulunkulu futhi abakholelwa ukuthi uNkulunkulu uzibonakalisile. Iphutha elikhulu lelo! Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu angazibonakalisa kumuntu oyaliwe. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unamasu Akhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu indlela kaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele ibonwe nguwo wonke umuntu. Uma ulangazelela ukuba ngufakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu, uma ufisa ukulandela imikhondo kaNkulunkulu, kumele okukuqala wamukele ukwenziwa kwakho. Akumele ufune uNkulunkulu akwenzele lokhu nalokhuya, futhi akumele umbeke emkhawulweni wokudala wena kuphela. Kunalokho kumele ubuze ukuthi ungayifuna kanjani imikhondo kaNkulunkulu, ungakwamukela kanjani ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi ungazinikela kanjani emsebenzini omusha kaNkulunkulu; yilokho okumele kwenziwe ngumuntu. Njengoba umuntu kungasilo iqiniso, futhi engafakwangwa iqiniso, umuntu kumele afune, amukele, futhi athobele.

Kungakhathaliseki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma elinye izwe, kumele weqe umngcele wakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke ubambe imikhondo kaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu azibonakalise ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujulile umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingakalwa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Yingakho ngisho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna uNkulunkulu azibonakalise. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole imvume kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu unguNkulunkulu wabo bonke abantu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wesu lakhe angavinjelwe yinoma ikuphi ukwakheka, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze ucabange ngale ndlela noma mhlawumbe uyiphikile, noma mhlawumbe izwe noma amazwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu liyabandlululwa futhi ngelilodwa kulawo angathuthukile emhlabeni. Yize kunjalo uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nohlelo lakhe uthole iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu afune ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelele izivivinyo ezibuhlungu kanye nezijeziso ezahlukahlukene futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle komngcele wendlela ethile noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wesu Lakhe. Isibonelo, uma uNkulunkulu aphenduka waba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakukwenza umsebenzi wokuqothula ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholelwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama abe nguJuda iNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi bajezise futhi baphikisane noNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekumoshakaleni kwe-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bafuna ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bajezisa ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo futhi kubamba ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi ngibone abantu abaningi behleka bewa abawahleka usulu amazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka akuhlukile yini ekujeziseni kanye nokuthukana kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, ingasaphathwa eyokulangazelela iqiniso. Ufunda njengempumputhe nje futhi ulinda ngokunganaki. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini iziqondiso zikaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu azibonakalisa khona, kunobuqiniso, futhi kunezwi likaNkulunkulu. Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu. Bekela imicabango yakho eceleni! Yima ufunde la mazwi. Uma ulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzokukhanyisela ukuthi uqonde intando Yakhe kanye namazwi Akhe. Bekela eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ezibonakalisa khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubungako bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela azibonakalisa ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaliseki ukuthi imikhondo zakhe zikuphi. Noma ngabe imikhondo kaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu wawo wonke umuntu. Isibonelo iNkosi uJesu akusiyena uNkulunkulu wabakwa-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakalisa Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imikhondo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amagama Akhe kanye nokuzibonakalisa Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyabona ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imikhondo zakhe esikhathini esisha, futhi nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abamele ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 1. Ukwazi Umsuka Wokuphikisa Kwabantu Umsebenzi KaNkulunkulu Omusha Ekukholweni Kwabo KuNkulunkulu

Okulandelayo: 3. Ekukholweni KuNkulunkulu, Kufanele Wakhe Ubudlelwane Obejwayelekile NoNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp