Umuntu Ochaze UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?

Umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka nokuthuthuka, futhi nakuba inhloso yomsebenzi Wakhe ingaguquki, izindlela asebenza ngazo ziyaguquguquka njalo, kanjalo nangalabo abalandela uNkulunkulu. Ubuningi bomsebenzi kaNkulunkulu, busho ukuthi abantu sebemazi kahle uNkulunkulu, nesimo somuntu siguquka ngokuhambisana nomsebenzi Wakhe. Kodwa-ke, kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyaguquka yingakho labo abangawazi umsebenzi woMoya oNgcwele nalabo abangenangqondo abangalazi iqiniso babe abaphikisi bakaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ulandele imicabango yabantu, ngoba umsebenzi Wakhe uhlale umusha awubi mdala. Akakaze nanini aphinde umsebenzi omdala kodwa kunalokho uqhubekela phambili nomsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini. Njengoba uNkulunkulu engawuphindi umsebenzi Wakhe nabantu belokhu behlulela umsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla ngomsebenzi Wakhe wesikhathi esidlule, kunzima kakhulu ukuba uNkulunkulu aqhube isigaba ngasinye somsebenzi wenkathi entsha. Umuntu uletha izihibe eziningi kakhulu! Ukucabanga komuntu kuncane impela! Akekho umuntu owazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa bonke bayawuchaza lo msebenzi. Uma ekude noNkulunkulu, umuntu ulahlekelwa ukuphila, iqiniso, kanye nezibusiso zikaNkulunkulu, kodwa umuntu akamukeli ukuphila noma iqiniso, kanjalo nezibusiso ezinkulu uNkulunkulu azibeke phezu komuntu. Bonke abantu bafisa ukuzuza uNkulunkulu kodwa abakwazi ukubekezelela ushintsho emsebenzini kaNkulunkulu. Labo abangawamukeli umsebenzi omusha kaNkulunkulu bakholelwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ume nse. Ekukholelweni kwabo, konke okudingekayo ukuze uzuze ukusindiswa kwangunaphakade kuNkulunkulu ukuthi ugcine umthetho, nokuthi inqobo nje uma bephenduka bevuma izono zabo, intando kaNkulunkulu izokwaneliseka ingunaphakade. Bacabanga ukuthi uNkulunkulu angaba uNkulunkulu kuphela ngaphansi komthetho nokuthi uNkulunkulu owabethelwa esiphambanweni ngenxa yabantu; baphinde bacabange ukuthi uNkulunkulu akumele futhi angeke abe ngaphezu kweBhayibheli. Yiyo kanye le mibono ebabophele yabaqinisa emthethweni wakudala yabagcina beboshelelwe emithethweni enzima. Ngisho nabaningi bakholelwa ukuthi noma yimuphi umsebenzi omusha kaNkulunkulu, kumelwe usekelwe iziphrofetho, nokuthi esigabeni ngasinye somsebenzi onjalo, bonke labo abamlandela ngenhliziyo eqinisekile kumele baboniswe izambulo, ngale kwalokho lowo msebenzi ngeke kube okaNkulunkulu. Kakade akuwona umsebenzi olula kumuntu ukwazi uNkulunkulu. Uma usuhlanganisa nenhliziyo yomuntu emangazayo nendalo yakhe yokuhlubuka yokuzazisa nokuzidla, konke lokhu kwenza kube nzima kakhulu ukuba abantu bamukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu. Umuntu akawufundisisi umsebenzi omusha kaNkulunkulu ngokucophelela noma awemukele ngokuthobeka; kunalokho, umuntu uba nesimo sokungahloniphi, elinde izambulo nokuholwa uNkulunkulu. Lena akuyona indlela yokuziphatha yabantu abahlubuka nabaphikisa uNkulunkulu? Abantu abanjalo bangakuthola kanjani ukwamukelwa uNkulunkulu?

Ngaleso sikhathi, uJesu wathi umsebenzi kaJehova usalele emuva eNkathini Yomusa, kunjengoba ngisho namuhla ukuthi umsebenzi kaJesu usalele emuva. Uma ngabe kube khona iNkathi Yomthetho kuphela yangaba khona iNkathi Yomusa, uJesu ngabe akabethelwanga futhi ngabe akabahlenganga bonke abantu; uma ngabe kwaba khona iNkathi Yomthetho kuphela, ingabe abantu babezoba khona kuze kube namuhla? Umlando uqhubekela phambili; umlando awuwona yini umthetho wemvelo womsebenzi kaNkulunkulu? Ingabe lokhu akuvezi ukuphatha Kwakhe umuntu emhlabeni wonke? Umlando uqhubekela phambili, kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu, nentando kaNkulunkulu iyaqhubeka nokuguquka. Ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu agcine isigaba esisodwa somsebenzi iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ngoba bonke abantu bayazi ukuthi uhlale emusha akabi mdala. Ubengeke akwazi ukuqhubeka agcine umsebenzi ofana nokubethelwa, kanye, kabili, kathathu … abethelwe esiphambanweni. Lokhu ukubona komuntu ongenangqondo. UNkulunkulu akagcini umsebenzi ofanayo, futhi umsebenzi Wakhe uhlale uguquka futhi umusha njalo, njengoba ngihlale ngikhuluma nani amazwi amasha ngenze nomsebenzi omusha. Lona umsebenzi engiwenzayo, ukubaluleka kwawo kuvezwe emagameni athi “omusha” nelithi “omangazayo.” “UNkulunkulu akaguquki, futhi uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu”; lesi sisho siyiqiniso ngempela. Ubuqu bukaNkulunkulu abuguquki, uNkulunkulu uhlale enguNkulunkulu, futhi ngeke abe uSathane, kodwa lokhu akubona ubufakazi bokuthi nomsebenzi Wakhe nawo awuguquguquki njengobuqu Bakhe. Uthi uNkulunkulu uyilokhu, kodwa ungakuchaza kanjani ukuthi uNkulunkulu uhlale emusha akabi mdala? Umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka nokusabalala uguquguquke njalo, futhi intando kaNkulunkulu ilokhu ibonakala futhi yenziwa yaziwe kubantu. Njengoba umuntu ebona umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sakhe silokhu siguquka, nolwazi lwakhe luyaqhubeka luguquke. Pho, ivelaphi le nguquko? Ayiveli yini emsebenzini kaNkulunkulu oguquka njalo? Uma isimo somuntu singaguquka, kungani pho umuntu engavumeli umsebenzi Wami namazwi Ami ukuba kuhlale kuguquka? Ingabe kumele ngizithobe emingceleni ebekwe umuntu? Ingabe anizinikeli enkohlisweni?

Ngemva kokuvuka Kwakhe, uJesu wavela kubafundi wayesethi, “Nginithumela isethembiso sikaBaba wami: kepha hlalani edolobheni laseJerusalema, nize nembathiswe amandla avela kophezulu.” Niyazi ukuthi achazwa kanjani la mazwi? Ingabe manje senihlonyiswe ngamandla Akhe? Ingabe seniyaqonda manje ukuthi yini le ebizwa ngamandla? UJesu wamemezela ukuthi uMoya weqiniso uzoba phezu kwabantu ezinsukwini zokugcina. Sekuyizinsuku zokugcina manje; niyayiqonda indlela uMoya weqiniso okhuluma ngayo amazwi? Ubonakala futhi usebenza kuphi uMoya weqiniso? Encwadini yesiphrofetho yomphrofethi u-Isaya akuzange kushiwo ukuthi umntwana okuthiwa nguJesu uyozalwa enkathini yeThestamente Elisha; kwabhalwa nje ukuthi umntwana ongumfana uyozalwa oyobizwa ngokuthi ngu-Imanuweli. Kungani engazange agagule igama elithi Jesu? Akukho lapho livela khona leli gama eTestamenteni Elidala, pho kungani nisakholelwa kuJesu? Ngiqinisekile ukuthi anizange nimbone uJesu ngamehlo enyama ngaphambi kokuthi nikholelwe Kuye? Noma niqale ukukholelwa Kuye ngemva kokwambulelwa? Ingabe uNkulunkulu anganibonisa ngempela umusa onjalo? Abeke phezu kwenu izibusiso ezinkulu kangaka? Namkholelwa ngaliphi uJesu? Kungani pho ningakholwa ukuthi uNkulunkulu usenyameni ngalesi sikhathi? Kungani nithi ukungembulelwa kwenu okuvela kuNkulunkulu kufakazela ukuthi akakabi senyameni? Ingabe uNkulunkulu kumele atshele abantu ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe? Kumelwe aqale athole imvume kubantu? U-Isaya wamemezela ukuthi usana lomfana luzozalelwa emkhombeni kuphela kodwa akaze aphrofethe ukuthi uMariya ozozala uJesu. Kungani pho nikholelwa kuJesu ozalwe nguMariya? Ngiqinisekile ukukholwa kwenu akukhona okokungaqiniseki nokokuphithana! Abanye bathi igama likaNkulunkulu aliguquki, pho kungani igama likaJehova laphenduka uJesu? Kwaphrofethwa ngokuza kukaMesiya, pho kungani kweza indoda egama layo linguJesu? Kungani laguquka igama likaNkulunkulu? Ingabe umsebenzi onjena awenziwanga kudala? UNkulunkulu akakwazi ukwenza umsebenzi omusha namuhla? Umsebenzi wayizolo ungaguqulwa, futhi umsebenzi kaJesu ungalandela lowo kaJehova. Ungeke pho umsebenzi kaJesu ulandelwe omunye umsebenzi? Uma igama likaJehova lingaguqulwa libe nguJesu, pho kungani igama likaJesu nalo lingeke liguqulwe? Akukho okuxakayo kulokhu; ukuthi nje abantu bacabanga kancane ngokwedlulele. UNkulunkulu uyohlale enguNkulunkulu. Noma umsebenzi Wakhe ungaguquka negama Lakhe, isimo Sakhe nobuhlakani ngeke kuguquke kuze kube phakade. Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu angabizwa ngegama elithi Jesu, lokho kusho ukuthi unolwazi oluncane kakhulu. Ungalokotha uthi uJesu yilona gama likaNkulunkulu kuze kube phakade, ukuthi uNkulunkulu uyolokhu futhi uyohlale ebizwa ngegama elithi Jesu, nokuthi lokho ngeke kushintshe? Ake sithi ngokuqinisekile yigama elithi Jesu eliqede iNkathi Yomthetho laphinde laqeda inkathi yokugcina? Ubani ongathi umusa kaJesu yiwo ongaqeda inkathi? Uma usuwazi lawa maqiniso futhi ekucacele, ngeke kuphela ungakwazi ukushumayela ivangeli, kodwa nawe uqobo ngeke usale ukhexile. Uma lufika usuku lokuthi uxazulule bonke ubunzima balabo bantu benkolo uphikise wonke amanga abo, lokho kuyoba ubufakazi bokuthi uqinisekile ngempela ngalesi sigaba somsebenzi futhi awungabazi nakancane. Uma ungakwazi ukuphikisa amanga abo, bazokubheca ngobende bakuthuke. Ingabe lokhu akuhlambalazi?

AmaJuda angalesiya sikhathi onke afunda eTestamenteni Elidala futhi azi ngesiphrofetho sika-Isaya ukuthi ingane yomfana izozalelwa emkhombeni. Kungani pho, sebenalolu lwazi, baqhubeka bemshushisa uJesu? Ingabe lokhu akungenxa yesimo sabo sokuhlubuka sendalo nokungawazi umsebenzi woMoya oNgcwele? Ngaleso sikhathi, abaFarisi babekholelwa ukuthi umsebenzi kaJesu wawungafani nalokhu ababekwazi okwaphrofethwa ngengane yom fana; abantu banamuhla baphika uNkulunkulu ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni awuhambisani neBhayibheli. Ingabe into eyenza ukuba bahlubuke uNkulunkulu ayiyona into eyodwa efanayo? Ningakwazi ukwamukela ngaphandle kwemibuzo wonke umsebenzi woMoya oNgcwele? Uma kungumsebenzi kaMoya oNgcwele, lokho kusho ukuthi “ngumthombo” ofanele. Kumele uwamukele ngaphandle kokungabaza, kunokuba ukhethe ofuna ukukwamukela. Uma uzuza ulwazi oluthile kuNkulunkulu futhi ube nokungabaza Ngaye, khona-ke ngabe lokhu akuyona into engadingekile? Awudingi ukufuna okunye ukwesekelwa eBhayibhelini; uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, kufanele ukwamukele, ngoba ukholwa kuNkulunkulu ukuze ulandele uNkulunkulu, hhayi ukumphenya. Akumele nifune obunye ubufakazi obungubufakazi bokuthi nginguNkulunkulu wenu. Kunalokho, kumele nihlukanise ukuthi nginalo na usizo kini; ilokho okusemqoka. Yize senithole ubufakazi obungephikiswe eBhayibhelini, ngeke bunilethe ngokuphelele phambi Kwami. Yini eniphila emingceleni yeBhayibheli, hhayi phambi Kwami; iBhayibheli ngeke linisize ukuba nazi Mina, futhi ngeke lijulise uthando lwenu Ngami. Yize iBhayibheli laphrofetha ukuthi ingane yomfana izozalwa, akekho owaqonda ukuthi isiphrofetho sizofezeka ngobani, ngoba umuntu ubengawazi umsebenzi kaNkulunkulu, yikho lokhu okwenza ukuba abaFarisi balwisane noJesu. Abanye bayazi ukuthi umsebenzi Wami owokusiza abantu, kodwa basaqhubeka nokukholelwa ukuthi uJesu Nami abantu ababili abahlukene abangasoze baqhathaniswa. Ngaleso sikhathi, uJesu wakhuluma kubafundi Bakhe kuphela ochungechungeni lwezintshumayelo eNkathini Yomusa, ezifana nokuthi bangenza kanjani, bangahlanganyela kanjani ndawonye, bangacela kanjani ngomkhuleko, bangabaphatha kanjani abanye, nokunye. Umsebenzi awenza wawungoweNkathi Yomusa, futhi wachaza kuphela ukuthi kumele abafundi nalabo abamlandelayo benze kanjani. Wenza umsebenzi weNkathi Yomusa kuphela akenzanga lutho okwezinsuku zokugcina. Ngenkathi uJehova ebeka imithetho yeTestamente Elidala eNkathini Yomthetho, kungani engenzanga nomsebenzi weNkathi Yomusa? Kungani engawenzanga wacaca ekuqaleni umsebenzi weNkathi Yomusa? Ingabe lokhu bekungeke kusize ekwamukeleni kwabantu? Waphrofetha ukuthi ingane yomfana izozalwa bese iyabusa, kodwa akazange akwenze singakafiki isikhathi umsebenzi weNkathi Yomusa. Umsebenzi kaNkulunkulu enkathini ngayinye unemingcele ecacile; wenza kuphela umsebenzi wenkathi yangaleso sikhathi futhi akawenzi umsebenzi wesigaba esilandelayo singakafiki isikhathi sawo. Yingale ndlela kuphela ezokwenza ukuba umsebenzi wesigaba ngasinye ulethwe phambili. UJesu wakhuluma kuphela ngezimpawu zezinsuku zokugcina, ngokuthi ubekezela kanjani nokuthi usindiswa kanjani, nokuthi uyophenduka kanjani uvume nezono, kanjalo nokuthi usithwala kanjani isiphambano ubekezelele ukuhlupheka; akaze akhulume ngendlela umuntu ezinsukwini zokugcina okumele angene ngayo, noma ngokuthi kumele bafune kanjani ukwanelisa intando kaNkulunkulu. Kanjalo, ngeke kube amanga ukubheka eBhayibhelini ukuze uthole umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina? Yini ongayihlukanisa ngokubamba iBhayibheli kuphela ezandleni zakho? Kungaba ngutolika weBhayibheli noma umshumayeli, ubani ongazi ngaphambili umsebenzi wanamuhla?

“Lowo onendlebe, makezwe lokho uMoya akusho emabandleni.” Seniwezwile manje amazwi oMoya oNgcwele? Amazwi kaNkulunkulu afikile phezu kwenu. Niyawezwa? UNkulunkulu wenza umsebenzi wezwi ezinsukwini zokugcina, kanti amagama anjengalawa oMoya oNgcwele, ngoba uNkulunkulu unguMoya oNgcwele futhi uyakwazi ukuba yinyama; ngakho-ke, amazwi oMoya oNgcwele, njengoba ekhulunyiwe esikhathini esedlule, angamazwi kaNkulunkulu osenyameni namuhla. Baningi abantu abangenangqondo abakholelwa ukuthi amazwi kaMoya oNgcwele kumelwe ehle emazulwini eze ezindlebeni zabantu. Noma ngubani ocabanga ngale ndlela akawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Eqinisweni, amazwi akhulunywa nguMoya oNgcwele yilawo akhulunywa nguNkulunkulu esenyameni. UMoya oNgcwele awukhulumi ngqo nomuntu, kanti futhi noJehova akazange akhulume ngqo nabantu, ngisho naseNkathini Yomthetho. Ngeke kwenzeke ukuthi enze kanjalo ngale nkathi yanamuhla? Ukuze uNkulunkulu akhulume enze umsebenzi, kumele abe yinyama, kungenjalo umsebenzi Wakhe ngeke uyifeze inhloso Yakhe. Labo abaphika uNkulunkulu oyinyama yilabo abangawazi uMoya noma imigomo asebenza ngayo uNkulunkulu. Labo abakholelwa ukuthi manje yinkathi yoMoya oNgcwele kodwa bengawemukeli umsebenzi Wakhe omusha yilabo abaphila ngokholo olungacacile. Abantu abanjena ngeke bawuthole umsebenzi kaMoya oNgcwele. Labo abafisa kuphela ukuthi uMoya oNgcwele ukhulume ngqo futhi wenze umsebenzi Wakhe, kodwa bengawemukeli amazwi noma umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, ngeke bakwazi ukungena enkathini entsha noma bathole insindiso ephelele kuNkulunkulu!

Okwedlule: Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu

Okulandelayo: UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp