Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu

Kubantu, akunakwenzeka ukuthi inzalo kaMowabi ingapheleliswa futhi ayikufanelekeli ukuba ibe njalo. Amadodana kaDavide, ngolunye uhlangothi, ngokuqinisekile analo ithemba futhi ngokuqinisekile angakwazi ukupheleliswa. Uma nje umuntu eyinzalo kaMowabi, ngeke akwazi ukupheleliswa. Ngisho nanamuhla, anikwazi ukubaluleka komsebenzi owenziwa phakathi kwenu; kuze kube kulesi sigaba nisanamathemba esikhathi esizayo ezinhliziyweni zenu futhi anifuni ukuwadela. Akekho onendaba nokuthi kungani Nkulunkulu ekhethe nina—iqembu elingafaneleki kakhulu—ukusebenza ngalo, ngakho ingabe lo msebenzi wenziwe kabi? Ingabe lo msebenzi ungukuqondisisa okwesikhashana? Kungani uNkulunkulu ehlile ngokuqondile wazosebenza phakathi kwenu ngokungakhethi, uma kade wazi ukuthi aniwona amadodana kaMowabi? Nike nikucabange lokhu? Ingabe uNkulunkulu akakaze akucabange lokhu uma enza umsebenzi wakhe? Ingabe uziphatha ngendlela yokuzikhukhumeza? Ingabe ubengazi ukuthi niyinzalo kaMowabi kwasekuqaleni? Ingabe anikwazi ukucabanga lezi zinto? Iye kuphi imicabango yenu? Ingabe ukucabanga kwenu okuphusile akusalunganga na? Kuye kuphi ukuhlakanipha nobuhlakani kwenu? Ingabe kungoba ninobubele kakhulu ukuthi anilukhathaleli udaba oluncane kangaka? Imiqondo yenu izwela kakhulu ezintweni ezifana namathemba aseza nokuzokwenzaka kini, kepha nganoma yini enye abanamizwa bayiziwula futhi abazi lutho nhlobo. Yini emhlabeni okholelwa kuyo? Amathemba enu esikhathi esizayo? Noma uNkulunkulu? Ingabe awukholelwa nje endaweni yakho enhle ozofinyelela kuyo? Amathemba akho esikhathi esizayo kuphela? Kungakanani okwaziyo manje ngendlela yokuphila? Senizuze okungakanani? Ingabe ucabanga ukuthi umsebenzi owenziwa manje enzalweni kaMowabi wenzelwa ukuba ukuhlaze? Ingabe wenziwa ngenhloso yokuveza ububi bakho? Ingabe wenziwa ngenhloso yokuba wamukele isijeziso nokukuphonsa echibini lomlilo? Angikaze ngisho ukuthi awunalo ikusasa, noma ukuthi kufanele ukuba ubhujiswe noma ushabalale; ngike ngayimemezela obala into enjalo? Uthi awunalo ithemba, kepha akusona isiphetho sakho lesi? Ingabe lokhu akuwona umphumela womqondo wakho? Ingabe siyabalwa isiphetho sakho? Uma ngithi awubusisiwe ngakho-ke ngokuqinisekile uzoba into yokubhujiswa, futhi uma ngithi kuwe ubusisiwe ngakho ngokuqinisekile ngeke ubhujiswe. Ngikusho lokhu manje ngoba uyinzalo kaMowabi. Angishongo ukuthi uyobhujiswa. Yikho ukuthi inzalo kaMowabi iqalekisiwe, futhi uhlobo olulodwa lwesintu esikhohlakele. Isono kuke kwakhulunywa ngaso ngaphambilini, ingabe nonke aninazo izono na? Ingabe izoni azikhohliswanga uSathane na? Ingabe izoni azimhloniphi futhi zihlubuke kuNkulunkulu na? Ingabe labo abangamhloniphi uNkulunkulu bayizinto zokuqalekiswa na? Kufanele zonke izoni zibhujiswe na? Uma kunjalo, ngubani phakathi kwabenyama negazi ongahlengwa? Niphile kanjani kwaze kwaba namuhla? Anilungile ngoba niyinzalo kaMowabi, futhi anibalwa kanye nabantu, abayizoni? Niphile kanjani kwaze kwaba namuhla? Uma kukhulunywa ngokungabi nasici niyajabula. Nizwile ukuthi kufanele nizwe usizi olukhulu, futhi nicabanga ukuthi lokhu kubusisiwe kakhulu. Nicabanga ukuthi phakathi kosizi ningaba abanqobi futhi lokho kube isibusiso esikhulu sikaNkulunkulu futhi kube ukuphakanyiswa kwenu nguYe. Uma kukhulunywa ngoMowabi, kuvela ukuxokozela phakathi kwenu. Abadala nezingane ngokufanayo bezwa ukudabuka okungakhulumeki nezinhliziyo zenu zigcwele usizi; nonke niyazisola ngokuzalwa. Anikuqondisisi ukubaluleka ngokuthi kungani lesi sigaba somsebenzi senziwa enzalweni kaMowabi; kuphela enikwaziyo ukufuna izikhundla eziphezulu, futhi nibuyele emuva uma senicabanga ukuthi aninalo ithemba. Uma kukhulunywa ngokungabinasici nangekusasa, nizizwa nijabula. Nikholelwa kuNkulunkulu ngoba nifuna ukuthola izibusiso, nokuthi ube nekusasa elihle. Abanye abantu manje bakhathazekile ngenxa yezikhundla zabo. Lokhu kungenxa yokuthi bayazenyeza, futhi banezikhundla eziphansi, okwenza bangafisi ukufuna ukungabinasici. Okokuqala, kwakhulunywa ngokupheleliswa, kwase kukhulunywa ngenzalo kaMowabi, ngakho abantu baphikisa indlela yokupheleliswa okwakukhulunywe ngayo esikhathini esedlule. Lokhu kungoba anikaze nikwazi ukubaluleka kwalo msebenzi, noma nikhathalele ukubaluleka kwawo. Iziqu zenu zincane kakhulu futhi anikwazi ukubekezelela ukuphazamiseka ngisho okuncane. Uma nibona izikhundla zenu ziphansi kakhulu niphatheka kabi, futhi aninalo ukholo lokuqhubeka nifune. Abantu bakhathalele ukuzuza umusa nokujabulela ukuthula njengezimpawu zokukholelwa kuNkulunkulu nokucinga izibusiso njengesisekelo sokholo kuNkulunkulu. Bancane kakhulu abantu abafuna ukwazi uNkulunkulu noma abafuna ukushintsha isimo sabo. Ukholo lwabantu kuNkulunkulu lufuna ukuba uNkulunkulu abanike indawo efanelekile, futhi abanike wonke umusa ongaphansi kwelanga, ukwenza uNkulunkulu inceku yabo, ukwenza ukuthi uNkulunkulu agcine ubudlelwane obunokuthula nobulingani nabo, futhi ukuba zingabikho nhlobo izingxabano phakathi kwabo. Ngakho-ke, ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu kufuna ukuba uNkulunkulu athembise ukugcwalisa konke abakufunayo, ukubanika noma yini abayithandazelayo, njengoba kusho iBhayibheli “Ngizolalela yonke imithandazo yenu.” Badinga ukuthi uNkulunkulu angahluleli abantu noma abhekane nabo, ngoba uNkulunkulu uhleli enguMsindisi uJesu onesihe, ogcina ubudlelwane obuhle nabantu bonke ngaso sonke isikhathi nezindawo zonke. Bakholelwa endleleni enjena: Bafuna izinto kuNkulunkulu ngokungenamahloni, bekholwa ukuthi uzobanika lezo zinto ngobumpumputhe, noma ngabe bayahlubuka noma bayalalela. Bayaqhubeka nokufuna ukukhokhwa “kwesikweletu” kuNkulunkulu, bekholwa ukuthi kufanele “abakhokhele” ngaphandle kokuzabalaza futhi, ngaphezu kwalokho, akhokhe ngokuphindwe kabili; bacabanga ukuthi, noma ngabe uNkulunkulu kukhona akutholile kubona noma cha. Angakwazi ukuba semseni wabo kuphela; akakwazi ukuqondisa abantu ngaphandle kokunika umthetho, ingasaphathwa eyokuba aveze ubuhlakani Bakhe nesimo sokulunga ebesilokhu sifihliwe iminyaka eminingi njengoba efisa kubantu, ngaphandle kwemvume yabo. Bavuma izono zabo nje kuNkulunkulu, bekholwa ukuthi uNkulunkulu uzovele abathethelele, futhi akumcasuli lokho, futhi uyaqhubeke kuze kube phakade. Bayalela uNkulunkulu nganoma iyiphi indlela bekholwa ukuthi uzobalalela nje, ngoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu akezelanga ukukhonzwa umuntu, kodwa ukukhonza, nokuthi weza ukuze abe yisisebenzi somuntu. Ubungalokhu yini ukholwa ngale ndlela? Uma ningazuzi lutho kuNkulunkulu nifisa ukubaleka. Futhi uma kukhona eningaqondisisi kahle niyacasuka, futhi nize nimemeze yonke inhlobo yokuhlukumezo. Ngeke nimvumele uNkulunkulu uqobo Lwakhe aveze ngokugcwele ubuhlakani nezimangaliso Zakhe, kodwa nifuna ukujabulela ukuphumula nokunethezeka okwesikhashane. Kuze kube manje, isimo sengqondo ekukholweleni kwenu kuNkulunkulu sifana nendlela yakudala yokubheka izinto. Uma uNkulunkulu enibonisa ubukhosi obuncane anithokozi; ingabe ubona kahle ukuthi isiqu sinjani? Nicabanga ukuthi nonke nithembekile kuNkulunkulu kodwa eqinisweni indlela yenu endala yokubheka izinto ayikashintshi. Uma ungavelelwa lutho, ucabanga ukuthi konke kuhamba kahle futhi umthanda kakhulu uNkulunkulu. Kodwa uma uvelelwa into encane, uwela phansi eHayidesi. Ingabe lokhu ukwethembeka kwakho kuNkulunkulu?

Uma isigaba sokugcina somsebenzi wokunqoba singaqala kwaIsrayeli, umsebenzi wokunqoba ngeke ube nasizathu. Umsebenzi ubaluleke kakhulu lapho wenziwa eShayina, nalapho wenziwa kinina bantu. Ningabantu abaphansi kakhulu, abantu abanezinga eliphansi. Ningabantu abasezingeni eliphansi kakhulu emphakathini futhi niyilabo ababemvuma kancane uNkulunkulu ekuqaleni. Ningabantu abahlubuke kakhulu kuNkulunkulu, futhi niyilabo abalimele kakhulu. Ngoba lesi sigaba somsebenzi esokunqoba kuphela, akukona yini ukuthi nifaneleke kakhulu ukuba nikhethelwe ukufakazela okuzayo? Uma isinyathelo sokuqala somsebenzi wokunqoba bekungekona ukuba senziwe kunina bantu, lokho bekungenza kube nzima ukuba uqhubekele phambili umsebenzi wokuqoba ozayo, ngoba umsebenzi wokunqoba ozolandela uzofeza imiphumela eyisisekelo esiyiqiniso salo msebenzi owenziwa namuhla. Umsebenzi wokunqoba namuhla uyisiqalo somsebenzi wonke wokunqoba. Niyiqembu lokuqala elizonqotshwa; ningabameli babantu bonke asebenqotshiwe. Uma kukhona onokuqondisisa kweqiniso, uzobona ukuthi wonke umsebenzi owenziwa uNkulunkulu namuhla mkhulu, ukuthi uNkulunkulu akavumeli ukuba abantu bazi ukuhlubuka kwabo kuphela, uveza nesimo sabo. Inhloso nencazelo yamazwi Akhe akukona ukwenza abantu babe babi, noma ukwenza abantu bawe phansi. Kunalokho ukuba bakwazi ukuthola isambulo futhi basindiswe ngamazwi Akhe; ukuvusa umoya wabantu ngamazwi Akhe. Kusukela ngenkathi kudalwa umhlaba kuze kube manje, abantu bebephila ngaphansi kokubuswa uSathane, bengazi ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi bengakholelwa ukuthi kukhona uNkulunkulu. Uma laba bantu bengafakwa ensindisweni enkulu kaNkulunkulu futhi bakhuliswe uNkulunkulu okukhombisa ngokweqiniso uthando lukaNkulunkulu; labo abaqondisisa ngokweqiniso bazocabanga ngale ndlela. Bazocabanga kanjani labo bantu abangenakho ukuqonda? “A, uNkulunkulu uthi ziyinzalo kaMowabi; Wakusho lokho ngamazwi Akhe. Ingabe sisengawuthola umphumela omuhle? Ngubani owasenza sabayinzalo kaMowabi? Ngubani owenza ukuthi singamlaleli kangaka esikhathi esedlule? UNkulunkulu weza ukuzosisola; awuboni ukuthi uNkulunkulu ubelokhu esahlulela kusukela ekuqaleni? Njengoba singamlaleli uNkulunkulu kufanele sisolwe ngale ndlela.” Ingabe la mazwi alungile? Namuhla uNkulunkulu uyasahlulela, futhi anisole, futhi anilahle, kodwa yazi ukuthi ukulahlwa kwakho kwenzelwa ukuba ukwazi ukuzazi. Ukulahlwa, isiqalekiso, isahlulelo, ukusolwa konke lokhu kwenzelwa ukuba uzazi, ukuze isimo sakho sikwazi ukuguquka, futhi ngaphezu kwalokho, ukuze uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani, futhi ubone ukuthi zonke izenzo zikaNkulunkulu zilungile, futhi zihambisana nesimo Sakhe nezidingo zomsebenzi Wakhe, ukuthi usebenza ngokuhambisana necebo Lakhe lensindiso yabantu, futhi ukuthi unguNkulunkulu olungileyo othanda abantu, nosindisa abantu, owahlulela futhi asole abantu. Uma nje bewazi ukuthi unesikhudla esiphansi, nokuthi ukhohlakele futhi awulaleli, kodwa awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukucacisa insindiso Yakhe ngokwahlulela nokusola akwenza kuwe namuhla, ngeke ube nayo indlela yokuzwa, okungenani ukwazi ukuqhubekela phambili. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu—Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela ekuthobeleni umbuso Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, ukuthinta Kwakhe umuntu kuwukumsindisa. Lolu hlobo lwensindiso lwenziwa lapho kuba nesivumelwano khona. Kulapho kuphela uNkulunkulu emnika khona ngokuphindaphindwe ngamakhulu lapho umuntu ethobeka ngaphambi kwegama likaNkulunkulu bese ezama ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi amnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso. Futhi, indlela yensindiso ayifani nesikhathi esedlule. Namuhla, isahlulelo esilungile siyakusindisa, futhi yithuluzi elihle lokunihlukanisa ngamunye ngokwemvelo yakhe, ukusola ngonya kuletha insindiso ephakeme kakhulu—futhi uzothini uma usubhekene nobuso bokusola nesahlulelo? Awuyijabulelanga insindiso kusukela eqaleni kuze sekugcineni? Nimbonile uNkulunkulu esimweni somuntu futhi nabona engumninimandla onke nabona nobuhlakani bakhe, ngaphezu kwalokho, nizwile ukushawa ngokuphindiwe nokuyalwa. Kodwa aniwutholanga umusa omkhulu na? Izibusiso zenu azizinkulu ukwedlula abanye na? Umusa wenu mkhulu kunodumo negcebo eyajatshulelwa uSolomoni! Cabanga: uma inhloso Yami yokuza bekungukuzonisola nokunijezisa, hhayi ukunisindisa, kungenzeka kanjani ukuthi izinsuku zenu zifinyelele esikhathini eside kangaka? Beningakwazi yini nina, zidalwa ezinesono zenyama negazi, ukusinda nibe khona namuhla? Uma inhloso bekungukunijezisa, bengizophendukelani ngibe ngokwenyama futhi ngiqale umsebenzi omkhulu kangaka? Ingabe ukunijesiza nina bantu abafayo bekungenziwe ngokukhuluma izwi elilodwa? Bengisengadinga ukunibhubhisa ngemva kokunisola ngenhloso? Aniwakholwa yini la mazwi Ami namanje na? Ngingahlenga abantu ngothando nesihawu? Noma Ngingasebenzisa ukubethelwa ukuhlenga abantu? Ingabe imvelo Yami elungileyo ayingcono yini ukwenza abantu bangilalele ngokuphelele. Ingabe iyakwazi ukuhlengisisa abantu kangcono?

Nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunyelwa insindiso yabantu, njengoba ngikhuluma amazwi futhi ngingajezisi inyama yabantu. La mazwi enza abantu baphile ekukhanyeni, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kukhona, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kuyigugu, ikakhulu nazi inzuzo yala mazwi kubantu, nokwazi ukuthi uNkulunkulu uyinsindiso. Nakuba sengiwakhulumile amazwi amaningi okusola nesahlulelo, akenzelwanga nina. Ngize ukuzokwenza umsebenzi Wami, nokukhuluma amazwi Ami, nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunywa ukuze ahlulele inkohlakalo yenu nokuhlubuka kwenu. Inhloso Yami yokwenza lokhu kusangukusindisa abantu, inhloso Yami akusiko ukulimaza abantu ngamazwi Ami. Amazwi Ami aqinile ukuze kube khona imiphumela efezwa umsebenzi Wami. Kungokusebenza ngale ndlela kuphela lapho abantu bengakwazi khona ukuzazi futhi behlukane nesimo sabo sokuhlubuka. Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kuphela okungenza ukuxhumana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indlela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu. Inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu kubantu ukuba bakwazi ukwanelisa intando kaNkulunkulu futhi konke kwenzelwa ukusindiswa kwabantu. Ngesikhathi sensindiso yabantu, uNkulunkulu akajezisi ububi noma anike umvuzo okuhle, noma embule iziphetho zabantu ngokwehluka kwabo. Kunalokho, ngemva kwesigaba sokugcina sokuphela komsebenzi Wakhe lapho umsebenzi wokujezisa ububi nokunika umvuzo okuhle, futhi kulapho embula iziphetho zabantu ngokwehlukana kwabo. Labo abajezisiwe bayoba yilabo impela abangeke basindiswe, kuthi labo abasindisiwe kuyoba yilabo abayozuza insindiso kaNkulunkulu, bonke labo abangasindiswa bayosindiswa ngokuphelele, akekho nomunye oyolahlwa, ngoba inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu ukusindisa abantu. Bonke labo, ngesikhathi sensindiso kaNkulunkulu yabantu, abakwazi ukufeza ukuguqula isimo sabo, bonke labo abangakwazanga ukulalela uNkulunkulu ngokuphelele, bazoba yizinto zesijeziso. Lesi sigaba somsebenzi singumsebenzi wamazwi uvulela abantu izindlela zonke nezimfihlakalo abangaziqondi, ukuba abantu bakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu nezindingo zikaNkulunkulu kubantu, ukuze bakwazi ukuba nemibandela yokukwenza njengokusho kwamazwi kaNkulunkulu futhi bazuze izinguquko esimweni sabo. UNkulunkulu usebenzisa amazwi kuphela ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi akabajezisi abantu ngoba behlubuka kancane, ngoba manje yisikhathi somsebenzi wensindiso. Ukube wonke umuntu ohlubukayo wayejeziswa ngabe akekho noyedwa obengaba nethuba lokusindiswa; bebengajeziswa futhi bawele eHayidesi. Inhloso yamazwi okwahlulela abantu ukubavumela ukuba bazi futhi balalele uNkulunkulu; akusiko okwabo ukuthi bajeziswe ngokwesahlulelo samazwi. Ngesikhathi somsebenzi wamazwi, abantu abaningi bazoveza ukuhlubuka kwabo nokungalaleli, futhi bazoveza ukungalaleli kwabo uNkulunkulu esesimweni somuntu. Kodwa ngeke abajezise bonke laba bantu ngenxa yalokhu, kunalokho uyolahla labo abakhohlakele kakhulu futhi abangenakusindiswa. Uyonika uSathane inyama yabo, futhi idlanzana, uyobhubhisa inyama yalo. Laba abasele bayoqhubeka nokulandela futhi bezwe ukubhekana nokuthenwa. Uma besalandela bengakwazi ukwamukela ukubhekana nokuthenwa futhi beqhubeke beba babi, laba bantu bayolahlekelwa ithuba lensindiso. Bonke abantu abamukele ukunqoba kwamazwi bazoba nethuba elanele lensindiso. Insindiso kaNkulunkulu yomuntu ngamunye kulaba ikhombisa isihe Sakhe, okuchaza ukuthi bakhonjiswa ukubekezelelwa okukhulu. Uma nje abantu befulathela indlela engalungileyo, uma nje bephenduka, uNkulunkulu uzobanika ithuba lokuzuza insindiso Yakhe. Uma abantu beqala ukuhlubuka kuNkulunkulu, uNkulunkulu akanaso isifiso sokubabhubhisa, kodwa kunalokho wenza konke angakwazi ukubasindisa. Uma umuntu engenayo indawo yensindiso, kulapho uNkulunkulu eyomlahla khona. Lowo Nkulunkulu uyaphuza ukujezisa umuntu ngoba uyafuna ukusindisa bonke labo abangasindiswanga. Uyahlulela, akhanyisele futhi ahole abantu ngamagama kuphela, futhi akasebenzisi induku ukubabhubhisa. Ukusebenzisa amazwi ukusindisa abantu, iyona nhloso nokubaluleka kwesigaba sokugcina somsebenzi.

Okwedlule: Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze

Okulandelayo: Umuntu Ochaze UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp