Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze

Eqinisweni, umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo ngezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo. Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu. Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane. Ngokwanda kwalolu hlobo lwesijeziso nesahlulelo, yilapho inhliziyo yomuntu ingalimala kakhulu futhi yilapho umoya wakhe ungaphaphanyiswa. Ukuphaphamisa imimoya yalaba bantu abakhohlakele ngokweqile futhi abakhohliswe ngokujulile, yinhloso yalolu hlobo lokwahlulela. Umuntu akanamoya, okusho ukuthi, umoya wakhe wafa kudala kanti akazi ukuthi kukhona iZulu, akazi ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi akazi nangempela ukuthi uyazabalaza egodini lokufa; kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uphila kulesi sihogo esibi emhlabeni? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi lesi sidumbu sakhe esibolayo sinani, ngenxa yokukhohlakala kukaSathane, sesiwele eHayidesi yokufa? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi yonke into emhlabeni yoniwe yisintu nokuthi ngeke iphinde ilungiseke? Futhi kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uMdali uze emhlabeni namhlanje ukuzofuna idlanzana labantu abakhohlakele angabasindisa? Nangemva kokuba umuntu esezwe yonke inhlobo yokucwengwa nokwahlulelwa, isazela sakhe esifiphele, asithinteki nakancane, futhi sicishe singakwazi nhlobo ukuphendula. Isintu sikhohlakele ngokweqile! Lolu hlobo lokwahlulelwa lufana nesichotho esinesihluku esisuka esibhakabhakeni, luwusizo olukhulu kakhulu kumuntu. Ngaphandle kokwahlulela abantu kanje, ngabe akukho mphumela futhi bekuyoba nzima kakhulu ukusindisa abantu kuleliwa losizi. Ngaphandle kwalo msebenzi, bekuzoba nzima kakhulu ukuthi abantu baphume eHayidesi ngoba izinhliziyo zabo kade zafa kudala kanye nemimoya yabo kudala yaxovwa ngezinyawo nguSathane.Ukusindisa wena osubishe ekujuleni kokonakala kudinga ukuthi umenyezwe kanzima, wahlulelwe ngomfutho, yilapho-ke kuphela leyo nhliziyo yakho ebanda qa iyophaphama.

Inyama yakho, izifiso zakho eziwukumosha, umhawu wakho, inkanuko yakho kwakhele kwajula kuwe. Lezi zinto zilawula inhliziyo yakho njalo njalo ngendlela yokuthi awunamandla okulahla lelijoka laleyo micabango elwayo futhi ephuphile. Awufisi ukushintsha isimo sakho samanje, ube futhi ungafisi ukuphunyuka ekuqhutshweni ubumnyama. Umane uboshiwe yilezo zinto. Noma ngabe wazi ukuthi impilo enje ibuhlungu nokuthi izwe elinje limnyama kakhulu, kodwa namanje, akukho namunye wenu onesibindi sokushintsha impilo yalolu hlobo. Ulangazelela nje kuphela ukuphunyuka kule nhlobo yempilo yangempela, ukukhulula imiphefumulo yenu enhluphekweni, futhi uphile endaweni enoxolo, nenjabulo nefana nezulu. Awuzimisele ukubhekana nobunzima bokushintsha impilo yakho yamanje; ube futhi ungafuni ukucinga phakathi kwalokhu kwahlulelwa nesijeziso impilo okufuneka ungene kuyo. Kunalokho, uphupha amaphupho angenakwenzeka nhlobo, ngaleliya zwe elihle ngaphesheya kwenyama. Impilo oyifisayo yile ongayithola kalula nje ngaphandle kokuzwa ubuhlungu. Lokho ngeke kwenzeke nhlobo! Ngoba lokhu onethemba lakho, akuve kuwukuphila impilo enohlonze enyameni nokuzuza iqiniso ekuqhubekeni kwempilo, okungukuthi, ukuphilela iqiniso kanye nokumela ubulungiswa. Lokho akukona ongakubuka njengempilo ehlabahlosile, ewubukhazikhazi. Uzwa sengathi lena ngeke kube impilo enobukhazikhazi noma enohlonze. Ngokubuka kwenu, ukuphila impilo enjalo bekuyozwakala kungenabulungiswa! Nanoma usemukela lesi sijeziso namhlanje, kodwa empeleni okulandelayo akukona ukuzuza iqiniso, noma ukuphila iqiniso njengamanje, kodwa ukuba ungene empilweni enenjabulo ngale kwenyama, emuva kwalokhu. Awuhambi ufunana neqiniso, awumeli iqiniso, futhi awuphileli iqiniso. Awuphokophelele ukungena namuhla, kodwa kunalokho uhlala ucabanga “ngelinye ilanga”, ubheke esibhakabhakeni esiluhlaza, ukhala izinyembezi ezinomunyu, futhi ulindele ukuthathwa uyiswe ezulwini ngelinye ilanga. Awazi ukuthi lokhu kucabanga kwakho akuhambisani neqiniso? Ulokhu ucabanga ukuthi uMsindisi onomusa ongapheli nozwelo uyofika nakanjani, ngolunye usuku akuthathe ahambe nawe, wena obekezelele ubunzima nokuhlupheka kulo mhlaba, nanokuthi uyokuphindiselela nakanjani, wena okade uhlukunyezwa noma ucindezelwe. Awugcwele isono na? Uwena wedwa oke wahlupheka kulomhlaba? Wena uqobo uwele endaweni kaSathane, wahlupheka, kepha usadinga ukuthi uNkulunkulu akuphindiselele? Labo abangakwazi ukwenelisa imigomo kaNkulunkulu—ngabe uNkulunkulu usadinga ukukuphindiselela ngempela? Labo abangakholelwa kuNkulunkulu osenyameni—ababona yini abaphikikristu? Izenzo zakho ezinhle zisho ukuthini? Zingayithatha indawo yenhliziyo ekhonza uNkulunkulu? Awukwazi ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu ngokuthi nje wenze izenzo ezinhle futhi uNkulunkulu angeke akuphindiselele ngenxa yokuthi kade uhlukunyezwa noma ucindezelwe. Labo abakholelwa kuNkulunkulu kodwa bebe bengamazi, kodwa abenza izenzo ezinhle—nabo abajeziswa ndawonye ngokufana na? Ukholelwa kuNkulunkulu nje kuphela, ufuna uNkulunkulu akulungisele futhi akuphindiselele ngamaphutha enziwe kuwe, futhi ufuna uNkulunkulu akunike intuba yokuphuma enhluphekweni yakho. Kodwa uyenqaba ukulalela iqiniso; ube futhi ungalilangazelele ukuliphila iqiniso.Ngeke-ke nakancane uphunyuke kule mpilo enzima engenalutho. Kunalokho, lapho usaphila impilo yakho enyameni nempilo yakho yesono, ubheka ngokulangazelela kuNkulunkulu ukuthi alungise izikhalazo zakho bese embula inkungu yokuphila kwakho. Lokhu kungenzeka kanjani? Uma uneqiniso, ungamlandela uNkulunkulu. Uma umphilela, ungaba isibonakaliso sezwi likaNkulunkulu.Uma unempilo, ungasithokozela isibusiso sikaNkulunkulu. Labo abaneqiniso bangathokozela isibusiso sikaNkulunkulu. UNkulunkulu uyaqinisekisa ngokulungisela labo abamthanda ngokuphelele futhi bebekezelela ubunzima nezinhlupheko, hhayi labo abazithanda bona nje kuphela futhi asebengene ekukhohlisweni nguSathane. Kungaba khona kanjani ukulunga kulabo abangalithandi iqiniso? Kungaba khona kanjani ukulunga kulabo abathanda inyama nje kuphela? Ukulunga nobuhle konke akuphathelene yini neqiniso? Akuve kubekelwe kuphela, labo abamthanda ngenhliziyo yonke uNkulunkulu? Labo abangalithandi iqiniso futhi bemane beyizidumbu ezibolayo nje akuve bonke laba bantu bequkethe ububi nje? Labo abangakwazi ukuphila iqiniso—abazona bonke izitha zeqiniso? Kuthiwani ngawe?

Uma ungaphunyuka kula mathunzi obumnyama futhi uzihlukanise nalezo zinto ezingcolile, uma ubungaba ngcwele, kusho ukuthi uneqiniso. Akusho ukuthi ubuwena bemvelo bushintshile, kodwa kusho ukuthi uyakwazi ukwenza iqiniso futhi uyakwazi ukushiya phansi inyama. Yilokhu labo asebehlanziwe abanakho. Inhloso esemqoka yomsebenzi wokunqoba, ukuhlanza isintu ukuze umuntu abe neqiniso, ngoba njengamanje umuntu uqonda iqiniso elincane kakhulu! Ukwenza umsebenzi wokunqoba kulaba bantu kunokubaluleka okukhulu kakhulu. Nonke niwele ngaphansi kokuqhutshwa ubumnyama nalimala kakhulu. Inhloso yalo msebenzi ukukusiza ukuthi wazi imvelo yomuntu bese ngaleyo ndlela uphile iqiniso. Ukupheleliswa yinto zonke izidalwa ezidaliwe okufanele ziyamukele. Uma umsebenzi walesi sigaba uphathelene nokuphelelisa abantu nje kuphela, ngakho ungenziwa eNgilandi, noma eMelika noma kwa-Israyeli; ungenziwa kubantu banoma isiphi isizwe. Kodwa umsebenzi wokunqoba uyakhetha. Isinyathelo sokuqala somsebenzi wokunqoba sithatha isikhathi esifishane; esikakhulukazi, sizosetshenziswa ukuhlambalaza uSathane futhi kunqotshwe umhlaba jikelele. Lowo umsebenzi wokuqala wokunqoba. Umuntu angathi nanoma isiphi isidalwa esikholelwa kuNkulunkulu singapheleliswa ngoba ukupheleliswa kuyinto umuntu angayizuza kuphela emuva koshintsho oluthathe isikhathi eside. Kodwa ukunqotshwa kuhlukile. Isibonelo nesifanekiso sokunqotshiwe kufanele kube osele emuva kunabo bonke, ophila ebumnyameni obunzulu, futhi olulazeke kunabo bonke, ongazimisele neze ukwemukela uNkulunkulu, futhi oyihlongandlebe kunabo bonke. Lolu uhlobo lomuntu ongafakazela ukuthi wanqotshwa. Inhloso esemqoka yomsebenzi wokunqoba ukwehlula uSathane. Inhloso esemqoka yokuphelelisa abantu, ngakolunye uhlangothi, ukuzuza abantu. Eyokwenza ukuthi abantu babe nobufakazi emuva kokunqotshwa bokuthi lo msebenzi wokunqoba ubekwe lapha, phezu kwabantu abanjengani. Laba bantu abanqotshiwe bazosetshenziswa ukufeza inhloso yokudumaza uSathane. Ngakho-ke, iyini indlela yokunqoba esemqoka? Ukujezisa, ukwahlulela, ukuqalekisa, nokwembula—ukusebenzisa isimo esilungile ukunqoba abantu ukuze bakholiseke ngenxa yesimo esilungile sikaNkulunkulu. Ukusebenzisa iqiniso lezwi kanye nokusebenzisa igunya lezwi, ukunqoba abantu nokubenza bakholwe ngokuphelele—lokhu kusho ukunqotshwa. Labo asebephelelisiwe abazuzi nje ukuthi bakwazi ukulalela emuva kokunqotshwa, kodwa bayakwazi nokuba nolwazi lomsebenzi wokwahlulela, bashintshe izimo zabo bese bazi uNkulunkulu. Bezwa indlela yokuthanda uNkulunkulu, baphinde bagcwaliswe ngeqiniso. Bayazi ukuthi bangawenza kanjani umsebenzi kaNkulunkulu, bayakwazi ukuhluphekela uNkulunkulu, banentando yabo ngokwabo. Abaphelelisiwe yilabo abanokuqonda kwangempela ngeqiniso ngenxa yokuthi sebeke bazizwela izwi likaNkulunkulu. Abanqotshiwe yilabo abaziyo ngeqiniso kodwa abakayemukeli incazelo yangempela yeqiniso.Emuva kokunqotshwa, bayalalela, kodwa ukulalela kwabo konke kungenxa yokwahlulelwa abakutholile. Abanakuqonda nhlobo ngencazelo yangempela yamaqiniso amaningi. Bayalamukela iqiniso ngomlomo kodwa abakalizwa iqiniso. Umsebenzi owenziwa kulabo abapheleliswayo uhlanganisa ukujeziswa nokwahlulelwa, kanye nokuphiwa impilo. Umuntu okwazisayo ukungena eqinisweni umuntu ozopheleliswa. Umehluko phakathi kwalabo asebephelelisiwe kanye nalabo abanqotshiwe usekutheni bayangena yini eqinisweni. Labo abaqonda iqiniso, bangena eqinisweni, futhi baphila iqiniso, bangabaphelelisiwe; labo abangaliqondi iqiniso, abangeni eqinisweni, okungukuthi, labo abangaliphili iqiniso, bangabantu abangeke bapheleliswe. Uma abantu abanjalo sebekwazi manje ukulalela ngokuphelele, ngakho-ke banqotshiwe. Uma labo abanqotshiwe bengalifuni iqiniso—uma belandela kodwa bengaliphili iqiniso, uma belibona futhi belizwa iqiniso kodwa bengakukhuthazi ukuliphila iqiniso—ngeke bapheleliswe. Labo abazopheleliswa benza iqiniso ngendlela yokupheleliswa, okusho ukuthi, benza iqiniso elitholakala endleleni yokupheleliswa. Ngalokhu, bafeza intando kaNkulunkulu futhi baphelelisiwe. Noma ubani olandelayo kuze kube sekugcineni ngaphambi kokuba umsebenzi wokunqoba uqedwe ungonqotshiwe, kodwa angeke kuthiwe ungophelelisiwe. Abaphelelisiwe kusho labo, okuthe, emuva kokuthi umsebenzi wokunqotshwa sewuphelile, bama baqina ekuhluphekeni futhi baliphila iqiniso. Okwenza umehluko phakathi kokunqotshwa nokupheleliswa umehluko ezinyathelweni zokusebenza nomehluko ezingeni abantu abaqonda nabangena ngalo eqinisweni. Bonke labo abangakayiqali indlela yokupheleliswa, okuchaza labo abangenalo iqiniso, bayochithwa ekugcineni. Yilabo kuphela abaneqiniso futhi abaphila iqiniso abangazuzwa ngokuphelele nguNkulunkulu. Okungukuthi, labo abaphila umfanekiso kaPetru bangabaphelelisiwe, lapho bonke abanye bengabanqotshiwe. Umsebenzi owenziwa kubo bonke labo abanqotshwayo, umane uhlanganisa ukuqalekisa, ukujezisa, ukukhombisa intukuthelo, kanti okuza kubona ukulunga neziqalekiso nje. Ukusebenza kumuntu onje ukwembula ngokusobala—ukwembula isimo esikhohlakele phakathi kuye ukuze asibone ngokwakhe futhi akholiseke. Uma umuntu eselalela ngokuphelele, umsebenzi wokunqoba uyaphela. Ngisho noma abantu abaningi bengazami ukuqonda iqiniso, umsebenzi wokunqoba uyobe usuphelile.

Kunemibandela okufanele uyigcine uma uzopheleliswa. Ngokuzimisela kwakho, ukubekezela kwakho, kanye nonembeza wakho, nangokuphokophela kwakho, uzokwazi ukuyizwa impilo, uphinde ugcwalise intando kaNkulunkulu.Lezi izinto ezifuneka uma ungena, futhi lokho okufunekayo endleleni eya ekuphelelisweni. Umsebenzi wokupheleliswa ungenziwa kubo bonke abantu.Wonke umuntu ophokophela ekufuneni uNkulunkulu angapheleliswa futhi unethuba nezinto ezifunekayo nolwazi lokuthi apheleliswe. Ayikho imithetho eqinile lapha.Ukuthi umuntu angapheleliswa yini kuncike ikakhulukazi kulokho umuntu aphokophela ukukufuna. Abantu abalithandayo iqiniso futhi abakwaziyo ukuphila iqiniso, nakanjani bangapheleliswa. Abantu abangalithandi iqiniso abanconywa nguNkulunkulu; abanayo impilo uNkulunkulu ayifunayo, futhi abakwazi ukupheleliswa. Umsebenzi wokuphelelisa owokuzuza abantu kuphela, awusona isinyathelo ekulweni noSathane; umsebenzi wokunqoba ungowokulwa noSathane kuphela, okusho ukusebenzisa ukunqotshwa komuntu ukwehlula uSathane. Lona wesibili uwona msebenzi osemqoka, umsebenzi omusha sha ongakaze wenziwe ezinkathini zonke. Umuntu angathi inhloso yalesi sigaba somsebenzi esikakhulukazi ukunqoba bonke abantu ukuze kunqotshwe uSathane. Umsebenzi wokuphelelisa abantu—lowo msebenzi awumusha.Wonke umsebenzi ophakathi nesikhathi uNkulunkulu esebenza esenyameni unenjongo yawo esemqoka ewukunqoba abantu. Lokhu kunjengaseNkathini Yomusa. Ukuhlengwa kwesintu sisonke ngesiphambano, kwakuyikho umsebenzi osemqoka. “Ukuzuza abantu” kwakuyisengezo emsebenzini wasenyameni kanti wenziwa emuva kwesiphambano.Wathi lapho uJesu efika futhi enza umsebenzi Wakhe, inhloso Yakhe kwakuwukusebenzisa isiphambano Sakhe ukunqoba phezu kobugqila bokufa neHayidesi, nokunqoba phezu kwamandla kaSathane, okuchaza ukumehlula uSathane. Kungemuva kokubethelwa kukaJesu, lapho uPetru waqala isinyathelo ngasinye indlela eya ekuphelelisweni. Impela wayengomunye walabo ababelandela uJesu ngesikhathi uJesu esebenza, kodwa akazange apheleliswe ngaleso sikhathi. Kepha, kwakungemuva kokuthi uJesu eseqedile umsebenzi wakhe, lapho uPetru waqala waqonda iqiniso kancane kancane futhi wabe esepheleliswa. UNkulunkulu esemzimbeni wesintu uza emhlabeni kuphela ukuzofeza isigaba somsebenzi esiwukhiye futhi esibucayi, ngesikhathi esifishane, hhayi ukuzophila isikhathi eside phakathi kwabantu emhlabeni ngenhloso yokubaphelelisa. Akawenzi lowo msebenzi. Akalindi kuze kufike leso sikhathi lapho umuntu esepheleliswe ngokugcwele, ukuze aphethe umsebenzi Wakhe. Lokho akuyona inhloso nokubaluleka kokuthatha kwakhe umzimba wenyama. Ufika kuphela ukuzokwenza umsebenzi wesikhathi esifishane wokusindisa isintu kuphela, hhayi ukuzokwenza umsebenzi wesikhathi eside kakhulu wokuphelelisa isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu ungowokumela, futhi ukwazi ukwethula inkathi entsha kanti ungaqedwa esikhathini esifishane. Kodwa ukuphelelisa isintu kudinga ukuletha umuntu ezingeni elithile futhi kungumsebenzi othatha isikhathi eside. Lo msebenzi kufanele wenziwe nguMoya oNgcwele, kodwa wenziwa phezu kwesisekelo seqiniso elikhulunywa ngesikhathi somsebenzi esenyameni. Noma, ngaphezulu kwalokho, uvusa abaphostoli ukwenza umsebenzi wesikhathi eside wokwelusa ukufeza umgomo Wakhe wokuphelelisa isintu. UNkulunkulu osesimweni somuntu akawenzi lo msebenzi. Ukhuluma nje kuphela ngendlela yokuphila ukuze abantu baqonde futhi unika isintu iqiniso kuphela, kunokuba njalo-njalo aphelezele umuntu ekwenzeni iqiniso, ngoba lokho akukho enkonzweni Yakhe. Ngakho-ke ngeke aphelezele umuntu kuze kufike usuku lapho umuntu eqonda iqiniso ngokuphelele futhi ethola iqiniso ngokuphelele. Umsebenzi Wakhe esenyameni ufezeka lapho umuntu engena ngokusemthethweni emgudwini olungile wokukholwa kuNkulunkulu, lapho umuntu ethatha isinyathelo emgudwini okuyiwonawona wokupheleliswa. Lokhu, ilapho phela eyobe esemnqobe ngokugcwele uSathane futhi wanqoba phezu komhlaba. Akanandaba ukuthi umuntu ugcine engenile yini eqinisweni, ngaleso sikhathi, futhi akanandaba nokuthi impilo yomuntu inkulu noma incane. Akukho nokukodwa kulokho okuphathwa Nguye esesenyameni; ayikho neyodwa yazo esenkonzweni kaNkulunkulu osenyameni. Uma eqeda umsebenzi Wakhe awuhlosile, uphetha umsebenzi Wakhe enyameni. Ngakho umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osenyameni, umsebenzi ongenakwenziwa uMoya oNgcwele kaNkulunkulu bukhoma. Ngaphezu kwalokho, ngumsebenzi wesikhathi esifishane wensindiso, hhayi umsebenzi wesikhathi eside wasemhlabeni.

Ukunyusa izinga lakho akukho enkundleni yomsebenzi Wami. Ngiyakucela ukuthi ukwenze lokhu ngoba izinga lakho liphansi kakhulu. Eqinisweni lokhu akuyona ingxenye yomsebenzi wokupheleliswa; kodwa kungumsebenzi othasiselwe owenziwa kuwe.Umsebenzi owenziwa kuwena namuhla wenziwa ngenxa yesidingo sakho.Uhlelelwe wena wedwa, hhayi indlela ekufanele ithathwe yibo bonke abapheleliswayo.Ngoba izinga lakho liphansi kunabo bonke abake bapheleliswa kudala, lo msebenzi, uma sewuza kuwena, uhlangana nezingqinamba eziningi. Ngiphakathi kwenu ngenza lo msebenzi othasiselwe ngoba izinhloso zokupheleliswa zihlukene. Ngokubalulekile, uma uNkulunkulu eza emhlabeni, uziklamela indawo Yakhe elinganiselwe bese enza umsebenzi Wakhe, engazihluphi kakhulu ngezinye izindaba. Akangeni ezindabeni zomndeni noma abe nesandla ezimpilweni zabantu. Akanandaba nhlobo nalezo zinto ezingathi shu, nezinto ezingasho lutho njengalezo; aziyona ingxenye yenkonzo Yakhe. Kodwa izinga lakho liphansi kakhulu kunaleli engilidingayo—akukho ngisho ukuqhathanisa—ngendlela yokuthi lidala izithiyo ezinzima emsebenzini. Ikakhulukazi, lo msebenzi kufanele wenziwe phakathi kwabantu kulelizwe laseShayina. Ufunde kancane ngendlela yokuthi akukho okunye engingakwenza, ngaphandle kokuthi ngiphoqe ukuthi uthole imfundo. Ngikutshelile ukuthi lokhu kungumsebenzi oyisithasiselo, kodwa kuyinto okufanele ukuthi ubenayo, into esiza ukupheleliswa kwakho. Empeleni, kufanele uthole imfundo, ulwazi oluyisendlalelo ngokuziphatha, nolwazi oluyisendlalelo ngempilo kusengaphambili; akufanele ngize ngikhulume nawe ngalezi zinto. Kepha ngenxa yokuthi aninazo lezi zinto, ayikho into engingayenza ngaphandle kokuthi ngenze umsebenzi wokufaka lezi zinto kini emva kokuzalelwa emhlabeni. Noma ngabe unemicabango eminingi elokoza kuwe Ngami, ngisafuna lokhu kuwe, ngisafuna ukuthi unyuse izinga lakho. Akuyona inhloso Yami ukuthi ngize ngizokwenza lo msebenzi, ngoba umsebenzi Wami ukuthi ngivele ngikunqobe nje, ukuze nje ngithole ukukholiseka kwakho okuphelele ngokukwahlulela, ngokwenze njalo ngikukhombise indlela yempilo ukufanele ungene kuyo. Uma sikubeka ngenye indlela, ukuthi ufunde kangakanani nanokuthi unolwazi olungakanani ngempilo, bekungeke kusho lutho Kimi, uma bekungeve kuwukuthi ngidinga ukukunqoba ngezwi Lami. Konke lokhu kuyengezwa ukuqikelela imiphumela emsebenzini wokunqoba nangenxa yokupheleliswa kwakho okuzolandela. Akusona isinyathelo emsebenzini wokunqoba. Ngenxa yokuthi nisezingeni eliphansi, niyavilapha, nibudedengu, niyiziwula futhi kanikhaliphile, noyizingodo futhi niyiziphukuphuku—ngenxa yokuthi anijwayelekile ngokweqile— ngifuna ukuthi niqale nikhuphule izinga lenu. Noma ubani ofuna ukupheleliswa kufanele afeze imibandela ethize. Ukuze apheleliswe, kufanele umuntu abenomqondo ocacile futhi onokuqonda futhi azimisele ukuphila impilo enenjongo. Uma ungumuntu ongazimisele ukuphila impilo eyize, ungumuntu ofunisisa ukulandela iqiniso, ungumuntu oqotho kukho konke akwenzayo, futhi ungumuntu onobuntu obuphelele ngokweqile, khona-ke ukulungele ukupheleliswa.

Lo msebenzi phakathi kwenu wenziwa kinina ngokuthi yimuphi umsebenzi odinga okwenziwa. Emuva kokunqotshwa kwalaba bantu, iqembu labantu lizopheleliswa.Ngakho-ke omningi umsebenzi wamanje, ungowokulungiselela inhloso yokuphelelisa nina, ngoba baningi abalilambelayo iqiniso abangapheleliswa. Ukuba umsebenzi wokunqoba bewenziwa kini bese emuva kwalokho kungabe kusenziwa omunye umsebenzi, bekungeke yini kusho ukuthi abanye abalangazela iqiniso ngeke balizuze? Umsebenzi wamanje uhlose ukuvula indlela yokuphelelisa abantu kamuva. Nakuba umsebenzi Wami kuwukunqoba kuphela, indlela yokuphila ekhulunywe Yimi, noma kunjalo, ingeyokulungisela ukuphelelisa abantu kamuva. Umsebenzi olandela emuva kokunqoba ugxile ekupheleliseni abantu, ngakho-ke ukunqoba kwenziwa ukwendlala isisekelo sokuphelelisa. Umuntu angapheleliswa kuphela emuva kokunqotshwa. Njengamanje umsebenzi osemqoka ukunqoba; emuva kwalokho labo abafunisisa futhi abalangazelela iqiniso bayopheleliswa. Ukupheleliswa kuphathelene nezindlela ezinhle zokungena: Unayo inhliziyo ethanda uNkulunkulu na? Kube ngakanani ukujula kolwazi obenalo njengoba bewuhamba le ndlela na? Lumsulwa kangakanani uthando lwakho lukaNkulunkulu na? Uqikelela kangakanani ekwenzeni iqiniso? Ukuze apheleliswe, umuntu kufanele abe nolwazi oluyisisekelo ngamacala wonke obuntu. Lokhu umbandela oyisisekelo. Bonke labo abangenakupheleliswa emuva kokunqotshwa baphenduka izinto ezisizayo futhi bayogcina belahlwe echibini lomlilo nesibabuli baphinde balahlwe emgodini wakwalasha ngoba isimo sabo asikashintshi futhi basengabakaSathane.Uma umuntu engenazo izinto ezifunekayo ukuze apheleliswe, akalusizo lwalutho—ungudoti, ithuluzi, into engenakumelana nokulingwa ngomlilo! Lukhulu kangakanani uthando lwakho lwaNkulunkulu njengamanje? Ingabe uzizonda kakhulu kangakanani? Ingabe ujule kangakanani ngokumazi ngempela uSathane? Ingabe ukuqinisile ukuzimisela kwakho? Ingabe impilo yakho ebuntwini ihleleke kahle? Ishintshile yini impilo yakho? Ingabe usuphila impilo entsha? Indlela obuka ngayo impilo ingabe ishintshile? Uma lezi zinto zingashintshanga, ngeke ukwazi ukupheleliswa noma ungahlehli; okunalokho nje, usunqotshiwe. Uma sekuyisikhathi sokukuvivinya, uswele iqiniso, ubuntu bakho abujwayelekile, futhi usezingeni eliphansi njengesilwane. Unqotshiwe nje kuphela, unqotshiwe nje kuphela Yimi. Njengoba, uma imbongolo seyike yezwa noma yashwaywa isitshwebhu somnikazi, imbongolo iba novalo nokwesaba ukuhlupha njalo uma ibona umnikazi, ngakho nawe, usuyile mbongolo enqotshiwe. Uma umuntu engenazo lezo zinto ezinhle futhi esikhundleni salokho angenzi luthofuthi abe nokwesaba, abe novalo nokungabaza ngezinto zonke, angakwazi ukuqonda nanoma yini ngokucacile, angakwazi ukwemukela iqiniso, futhi eselokhu engenayo indlela yokwenza, nangaphezulu, engenayo inhliziyo ethanda uNkulunkulu—uma umuntu engenakuqonda ngokuthi amthande kanjani uNkulunkulu, nokuthi angayiphila kanjani impilo enohlonze, noma ukuthi angaba njani umuntu woqobo—angamfakazela kanjani uNkulunkulu umuntu onjalo na? Lokhu kuyakhombisa ukuthi impilo yakho ayinasisindo esitheni, futhi uyimbongolo enqotshiwe nje kuphela. Unqotshiwe, kodwa lokho kusho ukuthi nje umlahlile udrako omkhulu obomvu futhi waphinde wenqaba ukuthoba endaweni aphethe kuyo; kusho ukuthi uyakholwa ukuthi kukhona uNkulunkulu, ufuna ukulalela zonke izinhlelo zikaNkulunkulu, futhi awunazikhalo. Kodwa ezingxenyeni ezinhle, uyakwazi ukuphila ngokwezwi likaNkulunkulu nokubonakalisa uNkulunkulu? Uma ungenakho nokukodwa kwalezi zinto, kusho ukuthi awukazuzwa nguNkulunkulu, futhi uyimbongolo enqotshiwe nje kuphela. Ayikho into ethandekayo kuwe, phinde noMoya oNgcwele akasebenzi kuwe. Ubuntu bakho bushoda kakhulu, futhi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu akusebenzise. Kufanele uvunywe nguNkulunkulu futhi ube sezingeni elingcono ngamakhulu ngaphezu kwalezi zilwane ezingakholwa nalaba abahamba befile—yilabo kuphela abafinyelela kuleli zinga abavumelekile ukuba bapheleliswe. Uma umuntu enobuntu futhi enonembeza, yilapho efanelekile ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Uma usuphelelisiwe yilapho kuphela ungathathwa ngokuthi ungumuntu. Abantu abaphelelisiwe kuphela abaphila izimpilo ezinenjongo nohlonze. Abantu abanjena kuphela abangafakaza ngokungathandabuzi kuNkulunkulu.

Okwedlule: Okumayelana Namagama Nokuthi Ungubani

Okulandelayo: Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp