Indlela Yokwazi Iqiniso

UNkulunkulu unguNkulunkulu ongokoqobo: Wonke umsebenzi Wakhe ungokoqobo, wonke amazwi awakhulumayo angokoqobo, futhi wonke amaqiniso awavezayo angokoqobo. Yonke into engewona amagama Akhe ayinalutho, ayikho, futhi ayinampilo. Namhlanje uMoya oNgcwele uzoholela abantu emazwini kaNkulunkulu. Uma abantu bezophokophela ukungena eqinisweni, kufanele bafune iqiniso, futhi bazi iqiniso, emuva kwalokho bazizwele iqiniso, baphinde baliphile iqiniso. Uma kwanda ukuba abantu bazi iqiniso, yilapho abantu bekwazi kangcono khona ukubona ukuthi ngabe amazwi abanye awangempela yini; uma kwenyuka ukwazi kwabantu iqiniso, iyancipha imibono ababa nayo; uma kwanda ukuzizwela kwabantu iqiniso, futhi uma kwenyuka ukwazi kwabo izenzo zikaNkulunkulu weqiniso, futhi kuya kuba lula kubo ukuphunyuka ezimeni zabo ezonakele ezinobusathane; ukwanda kweqiniso kubantu, kuya kwanda ukwazi kwabo uNkulunkulu, futhi kuya kwanda ukwenyanya kwabo inyama nokuthanda iqiniso; uma kwanda ukuba neqiniso kwabantu, baya besondela ezingeni lezimfuneko zikaNkulunkulu. Abantu abazuzwa nguNkulunkulu yilabo abaneqiniso, abazi iqiniso; nasebefinyelele ekwazini izenzo zangempela zikaNkulunkulu ngokuzizwela iqiniso. Uma ukubambisana noNkulunkulu ngokoqobo futhi uthibe umzimba wakho, yilapho uyowuthola kakhulu umsebenzi woMoya oNgcwele, yilapho uyozuza iqiniso, futhi uyokhanyiselwa kakhulu nguNkulunkulu—futhi ingakho luyokhula ulwazi lwakho ngemisebenzi kaNkulunkulu yangempela. Uma ukwazi ukuphila ekukhanyeni kwamanje koMoya oNgcwele, indlela yamanje yokwenza iyoya ikucacela, futhi uyokwazi ukuzehlukanisa nemibono yenkolo kanye nokwenza okudala kwesikhathi esidlule. Namuhla sigxile eqinisweni: Uma abantu beba neqiniso ngokwengeziwe, luya lucaca ulwazi labo ngeqiniso, futhi kuya kukhula ukuqonda kwabo intando kaNkulunkulu. Iqiniso linganqoba wonke amagama kanye nezimfundiso, linganqoba lonke ulwazi olucatshangwayo nobuchwepheshe, futhi uma abantu begxila kakhulu eqinisweni, kuya kukhula ukuthanda kwabo uNkulunkulu, nokulamba nokunxanelwa amazwi Akhe. Uma ugxila eqinisweni, ifilosofi yakho ngempilo, imibono ngenkolo kanye nesimilo sakho semvelo, siyocinywa ngokwemvelo emuva komsebenzi kaNkulunkulu. Labo abangashisekeli iqiniso, futhi abangenalo ulwazi ngeqiniso, kulula ukuthi baphishekele lokho okungaphezu kwemvelo, futhi bayokhohliseka kalula. UMoya oNgcwele awunayo indlela yokusebenza kubantu abanjalo, ngakho bazizwa bengenalutho, futhi nokuthi izimpilo zabo azisho lutho.

UMoya oNgcwele ungasebenza kuwe uma uqeqesha ngempela, ufune ngempela, uthandaza ngempela futhi uzimisela ukuhlupheka ngenxa yokulandela iqiniso. Labo abangalifuni iqiniso abanalutho ngaphandle kwamagama nezifundiso, nemicabango ethile eyize, futhi labo abangenalo iqiniso ngokwemvelo banemibono eminingi ngoNkulunkulu. Abantu abanjalo bafisa nje ukuthi uNkulunkulu aguqule umzimba wabo wenyama ube owomoya ukuze bakwazi ukwenyukela ezulwini lesithathu. Ave beyiziwula laba bantu! Bonke abasho izinto ezinjalo abanalwazi ngoNkulunkulu, noma iqiniso; abantu abanjalo abasoze babambisana noNkulunkulu, futhi bangazola nje kuphela. Uma abantu bezoqonda iqiniso, futhi balibone ngokucacile iqiniso, futhi uma, ngaphezu kwalokho, bezongena eqinisweni, futhi balenze, kufanele baqeqeshe ngempela, bafune ngempela futhi balambe futhi bome. Uma ulambile futhi womile, futhi lapho ubambisana noNkulunkulu ngempela, uMoya kaNkulunkulu uyokuthinta ngokuqinisekile futhi usebenze kuwe, okuzokulethela ukukhanyiseleka okukhulu, futhi kukunike ulwazi olukhulu ngeqiniso, kuphinde kube usizo olukhulu empilweni yakho.

Uma abantu bezomazi uNkulunkulu, kufanele baqale bazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongokoqobo, futhi kufanele bazi amazwi kaNkulunkulu, ukubukeka kukaNkulunkulu okungokoqobo, kanye nomsebenzi ongokoqobo kaNkulunkulu. Kuphela emuva kokwazi ukuthi wonke umsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo uyokwazi ukubambisana noNkulunkulu ngempela, futhi ingale ndlela kuphela uyokwazi ukuba nokukhula empilweni yakho. Bonke labo abangenalwazi ngeqiniso abanandlela yokuzizwela amazwi kaNkulunkulu, bangene ogibeni ngenxa yemibono yabo, baphila emicabangweni yabo yamehlo engqondo, ngakho abanalo ulwazi ngamazwi kaNkulunkulu. Uma luya lwanda ulwazi lwakho ngeqiniso, uya usondela kuNkulunkulu, futhi uba nobungane obusondelene kakhulu Naye; uma ukufuna ngokwengeziwe okungaqondakali nalokho okusengqondweni kuphela, kanye nemfundiso, ilapho uyoqhubekela phambili nokuduka kwakho kuNkulunkulu, futhi yilapho uyozwa ukuthi ukuzizwela amazwi kaNkulunkulu kuyakhandla futhi kunzima, futhi yilapho ungeke ukwazi ukungena. Uma ufisa ukungena eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu nasemgudwini ofanele empilweni yakho yangokomoya, kufanele wazi iqiniso kuqala futhi uzikhiphele eceleni ezintweni ezingaqondakali futhi ezingezona ezemvelo yasemhlabeni—okungukuthi, uma ungaqonda ngempela umsebenzi wangempela woMoya oNgcwele phakathi kuwe, uyobe sewungenile emgudwini ofanele wokupheleliswa nguNkulunkulu.

Namuhla yonke into iqala eqinisweni. Umsebenzi kaNkulunkulu nguwo oyiqiniso kakhulu, futhi ungathintwa abantu; uyilokhu abantu abangazizwela khona, futhi bakufeze. Kubantu kuningi lokho okungaqondakali futhi okungesikho okwemvelo yasemhlabeni, okubavimba ekutheni bazi umsebenzi wamanje kaNkulunkulu. Ngakho, lapho bedlula ezintweni, banjalo bayaphambuka, futhi bazwe ubunzima, konke okubangelwa yimibono yabo. Abantu abakwazi ukubamba izimiso zomsebenzi woMoya oNgcwele, abalazi iqiniso, ngakho bahlale bekhuluma kambi endleleni yabo yokungena. Bazibukela kude izimfuneko zikaNkulunkulu, abanakuzifeza; bamane babone nje ukuthi amazwi kaNkulunkulu alungile impela, kodwa abayitholi indlela yokungena. UMoya oNgcwele usebenza ngale simiso: Ngokubambisana nabantu, ngokuthi bathandaze ngenkuthalo, bafune futhi basondele kuNkulunkulu, imiphumela ingatholakala futhi bangakhanyiselwa futhi bakhanyiswe uMoya oNgcwele. Akukhona ukuthi uMoya oNgcwele usebenza ohlangothini olulodwa. Kokubili kusemqoka, futhi uma abantu ngokubambisana ngokwengeziwe, futhi uma bekuphishekela ngokwengeziwe ukufinyelela emazingeni ezimfuneko zikaNkulunkulu, uyoba mkhulu umsebenzi woMoya oNgcwele, ungaveza okuhlangenwe nakho kwangempela nolwazi olunohlonze lwamazwi kaNkulunkulu. Kancane kancane, ngokuzizwela ngale ndlela, umuntu ophelelisiwe uyakheka ekugcineni. UNkulunkulu akazenzi izinto ezingezona ezemvelo yalapha emhlabeni; emibonweni yabantu, uNkulunkulu ungusomandla, futhi yonke into yenziwa nguNkulunkulu—okunomphumela wokuthi abantu bazole, abawafundi amazwi kaNkulunkulu noma bathandaze, futhi bamane balinde ukuthintwa uMoya oNgcwele. Labo abanokuqonda okufanele, nokho, bakholwa yilokhu: Izenzo zikaNkulunkulu zingahamba kuphela ngangokubambisana kwami naye, nomphumela umsebenzi kaNkulunkulu onawo kimi uncike ekutheni ngibambisana kanjani. Uma uNkulunkulu ekhuluma, kufanele ngenze konke engingakwenza ukuphokophela emazwini kaNkulunkulu; yilokhu okufanele ngikufeze.

KuPetru noPawulu nibona ngokucacile ukuthi uPetru owaqaphela iqiniso. Kulokho uPetru adlula kukho, kuyabonakala ukuthi lokho adlula kukho kwaqoqa izifundo zalabo ababekade behlulekile ngaphambilini, futhi wathola amandla kwabangcwele besikhathi esedlule-futhi kulokhu kuyabonakala ukuthi kwakuyiqiniso kangakanani okuhlangenwe nakho kukaPetru, futhi kwakwanele ukuvumela abantu ukuthi bazithinte, babe nokwazi futhi, nanokuthi kwakungenziwa ngabantu. UPawulu, nokho, wayehlukile: Zonke izinto akhuluma ngazo zabe zingaqondakali, futhi zingabonakali, izinto ezinjengokuya ezulwini lesithathu, ukukhuphukela esihlalweni sobukhosi, kanye nomqhele wokulunga. Wagxila kulokho okungaphandle: esikhundleni, futhi exwayisa abantu, ngokuzikhukhumeza ngesikhundla sakhe esiphakeme, ukuthintwa nguMoya oNgcwele, njalo njalo. Ayikho into ayiphishekela eyabe iyiqiniso, futhi okuningi kwabe kufeketha kungelona iqiniso, ngakho kungabonakala ukuthi konke lokho okungesikho okwemvelo yasemhlabeni, njengokuthi uMoya oNgcwele ubathinta kangakanani abantu, intokozo enkulu abantu abayijabulelayo, ukuya ezulwini lesithathu, noma ukuqeqesha njalo nokujabulela kuze kube ezingeni elithile, ukufunda izwi likaNkulunkulu nokukujabulela lokhu kuze kube ezingeni elithile—konke lokhu akukho. Wonke umsebenzi woMoya oNgcwele ujwayelekile futhi uyiqiniso. Uma ufunda amazwi kaNkulunkulu futhi uthandaza, ngaphakathi uzizwa uphapheme futhi ugxilile ungena kuzanyazanyiswa, umhlaba ongaphandle awukwazi ukugxambukela kuwe, ngaphakathi uzimisele ukuthanda uNkulunkulu, uzimisele ukuhlanganyela nezinto ezinhle, futhi uyawuzonda umhlaba omubi; lokhu ukuphila ngaphakathi kukaNkulunkulu. Akukhona ukuzijabulisa kakhulu, njengoba abantu besho—inkulumo enjalo ayilona iqiniso. Namuhla, yonke into kufanele iqale eqinisweni. Yonke into uNkulunkulu ayenzayo iyiqiniso, futhi ezintweni odlula kuzo, kufanele uqaphele ukwazi ngempela uNkulunkulu, kanye nokufuna izimpawu zomsebenzi kaNkulunkulu nezindlela uMoya oNgcwele othinta futhi okhanyisela ngayo abantu. Uma udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi uthandaza, uphinde ubambisane ngendlela eyiqiniso kakhulu, wetshisa lokho okulungile ezikhathini zakudala, futhi wenqaba lokho okubi njengoPetru, uma ulalela ngezindlebe zakho futhi ubuke ngamehlo akho, uphinde uthandaze futhi uzindle enhliziyweni yakho, futhi wenze konke ongakwenza ukubambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, ngokuqinisekileyo uNkulunkulu uyokuhola.

Okwedlule: Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu

Okulandelayo: Okumayelana Nempilo Yokomoya Ejwayelekile

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp