Isahluko 13

UNkulunkulu uyizonda yonke inzalo kadrako omkhulu obomvu, futhi umzonda nakakhulu udrako omkhulu obomvu. Yilena impande yolaka olusenhliziyweni kaNkulunkulu. Kubonakala sengathi uNkulunkulu ufuna ukuphonsa zonke izinto zikadrako omkhulu obomvu echibini lomlilo nesibabule ukuze azishise ziphele nya. Kukhona izikhathi lapho kuze kubonakale sengathi uNkulunkulu ufuna ukwelula isandla Sakhe ukuze aziqede mathupha—yilokho kuphela okungesula inzondo esenhliziyweni Yakhe. Wonke umuntu endlini kadrako omkhulu obomvu uyisilwane esingenabo ubuntu, okungakho uNkulunkulu elucindezela ngamandla ulaka lwakhe ukuze asho lokhu okulandelayo: “Kubo bonke abantu Bami, naphakathi kwawo wonke amadodana Ami, okungukuthi, phakathi kwalabo engibakhethile ohlangeni lwesintu, nina niseqenjini eliphansi kakhulu. …” UNkulunkulu useqale impi yamanqamu nodrako omkhulu obomvu ezweni lakhe, kuyothi lapho uhlelo Lwakhe seluthela izithelo ambulale, angabe esamvumela ukuthi onakalise isintu noma abhuqabhuqe imiphefumulo yaso. Alukho usuku olwedlulayo uNkulunkulu engababizanga abantu bakhe abozelayo ukuze abasindise, kodwa bonke basesimweni sokuphuphutheka nje sengathi baphuze amaphilisi okulala. Uma engabavusi noma umzuzu nje baphindela esimweni sabo sokulala, bangaboni lutho. Kubonakala sengathi bafe izingxenye ezimbili kwezintathu zemizimba yabo. Abazazi izidingo zabo nobufishane babo, ngisho nokufanele bakugqoke noma okufanele bakudle. Kukhombisa ukuthi udrako omkhulu obomvu usefake umfutho omkhulu ekonakaliseni abantu. Ububi bakhe benabela kuzo zonke izingxenye zeChina. Sekuze kwenza abantu bakhathala futhi ababe besazimisela ukuhlala kuleli zwe elonakeleyo nelingenanhlonipho. Lokho uNkulunkulu akwenyanya kakhulu ubunjalo bukadrako omkhulu obomvu, okungakho ebakhumbuza abantu olakeni lwakhe nsuku zonke, futhi abantu baphila ngaphansi kweso lolaka lwakhe nsuku zonke. Noma kunjalo, iningi labantu abakwazi ukufuna uNkulunkulu, kodwa bayahlala nje bebhekile belinde ukufunzwa. Ngisho noma bebelambela ukufa bebengeke bazimisele ukuhamba bayozifunela ukudla kwabo. Onembeza babantu kudala bonakaliswa nguSathane waguqula ubunjalo babo wabenza baba nezinhliziyo ezingazweli. Akumangazi ukuthi uNkulunkulu wathi: “Ukube angininyakazisanga, ngabe anikaphaphami, kodwa ngabe nisesesimweni okungathi esineqhwa, futhi, ngabe nikwesinye okungathi ningabantu ababanjwe ubuthongo basebusika.” Kusengathi abantu babenjengezilwane zilele ubuthongo bobusika zedlulisa ubusika zingaceli ukudla noma ukuphuza; yilesi kanye isimo samanje sabantu bakaNkulunkulu, okungakho uNkulunkulu edinga kuphela ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo lwakhe ekukhanyeni. Akadingi ukuthi abantu baguquke kakhulu noma babe nokukhula okukhulu empilweni yabo. Lokho kuyokwenela ukunqoba udrako omkhulu obomvu ongcolile omubi, ngale ndlela kuvele kangcono amandla amakhulu kaNkulunkulu.

Lapho abantu befunda amazwi kaNkulunkulu konke abakuqondayo ngumqondo osobala kodwa abakwazi ukuqonda ukubaluleka kwawo okungokomoya. Amagama amabili “amagagasi agubhayo” asethikameze noma ngubani emaqhaweni. Lapho ulaka lukaNkulunkulu luvezwa, awayiwo yini amagagasi agubhayo amazwi Akhe, izenzo zakhe nesimo sakhe? Lapho uNkulunkulu ahlulela isintu sonke, akuyikho lokhu ukwembulwa kolaka Lwakhe? Akusona isikhathi lapho amagagasi agubhayo ezwakala khona? Ngubani lowo ongahlali phakathi kwamagagasi agubhayo ngenxa yokonakala komuntu? Okungukuthi, ngubani ongaphili phakathi kolaka lukaNkulunkulu? Uma uNkulunkulu efuna ukuletha inhlekelele phakathi kwesintu, okubonwa abantu akusiyo “imfukumfuku yamafu amnyama agingqikayo”? Phakathi kwabantu, ngubani ongabalekeli inhlekelele? Ulaka lukaNkulunkulu lutheleka phezu kwabantu njengemvula enkulu lubaphephule njengesivunguvungu esibi. Abantu bonke bahlanzwa ngamazwi kaNkulunkulu sengathi baficwe yisiphepho seqhwa esiyaluzayo. Ngamazwi kaNkulunkulu angenakuqondwa kakhulu yisintu. Ngamazwi Akhe adala ngawo umhlaba futhi uhola ngawo ahlambulule ngawo isintu. Futhi ekugcineni, uyobuyisela ubumsulwa bomhlaba wonke ngamazwi Akhe. Kuyabonakala kuzo zonke izingxenye zamazwi Akhe ukuthi ubukhona bukaMoya kaNkulunkulu abulona ize. Kusemazwini kaNkulunkulu kuphela lapho abantu bengabona khona okuncane okuyindlela yokusinda. Abantu kufanele bawenze igugu amazwi Akhe ngoba aphethe umphako wempilo. Uma umuntu enaka ngokwengeziwe amazwi Akhe, iyanda imibuzo ayethula kumuntu—lokhu kumenza adideke kakhulu angabi naso isikhathi sokuphendula. Imibuzo kaNkulunkulu elandelanayo, iyodwa, yanele ukwenza abantu bazindle isikhathi eside, ingasakhulunywa-ke eyawo wonke amazwi Akhe. KuNkulunkulu, konke kugcwele futhi kuningi, akukho okungenele. Kodwa, abantu abakwazi ukuthokozela okuningi kwakho; bazi uhlangothi olulula lwamazwi Akhe sengathi konke abakwazi ukukubona yisikhumba senkukhu kodwa abakwazi ukudla inyama yenkukhu. Lokhu kusho ukuthi izinhlanhla zabantu ziyingcosane, ngendlela yokuthi abakwazi ukuthokozela uNkulunkulu. Emicabangweni yabantu lowo nalowo unoNkulunkulu othile enhliziyweni yakhe, okungakho kungekho muntu onomqondo wokuthi uNkulunkulu ongaqondakali uyini, nokuthi uyini umfanekiso kaSathane, ngakho-ke lapho uNkulunkulu ethi “ngoba lokhu enikholelwa kukho yisithombe nje sikaSathane futhi akuhlangani ndawo noNkulunkulu uqobo lwakhe,” bonke abantu bashaqeka ngokuthi sebekholwe yonke iminyaka eminingi kangaka, kodwa abakaze babone ukuthi lokhu ababekholwa yikho kwakuwuSathane hhayi uNkulunkulu uqobo lwakhe. Bezwa kunesikhala ngokushesha kodwa abaze bazi ukuthi bathini. Ngaleso sikhathi bazizwa bedidekile futhi. Kungenxa yokusebenza ngale ndlela lapho abantu bengakwemukela kangcono khona ukukhanya okusha bese bezenqaba izinto zakudala. Noma zingabonakala zizinhle kanjani, ngeke zisebenze. Kuyinzuzo kakhudlwana kubantu ukuqonda uNkulunkulu ongokoqobo uqobo Lwakhe; lokhu kubenza basuse ezinhliziyweni zabo isikhundla esiphethwe yimibono yabo, futhi bavumele uNkulunkulu uqobo Lwakhe ukuthi ahlale kubantu. Kungale ndlela kuphela lapho kungatholakala ukubaluleka kokuba senyameni nokuthi abantu bakwazi ukumazi uNkulunkulu uqobo lwakhe ngamehlo abo enyama.

UNkulunkulu ubatshele kaningi abantu ngezimo zomhlaba womoya: “Uma uSathane ema phambi Kwami, angisesabi isihluku sakhe, futhi angithuswa ukwesabeka kwakhe: Ngivele ngikuzibe.” Asebekuqondile abantu kulokhu yisimo sasempilweni yangempela kuphela; abalazi iqiniso lomhlaba womoya. Ngoba uNkulunkulu usebe yinyama, uSathane usesebenzise zonke izinhlobo zezindlela zokummangalela, efuna ukuhlasela uNkulunkulu ngale ndlela. Kodwa, uNkulunkulu akahlehli ngenxa yalokhu—uvele akhulume futhi asebenze phakathi kwesintu futhi avumele abantu ukuba bamazi ngokuba senyameni kwakhe. USathane unamehlo abomvu ngenxa yentukuthelo futhi usenze umsebenzi omkhulu kubantu bakaNkulunkulu ukubenza badikibale, bahlehle nokuthi beduke. Kodwa ngenxa yamandla amazwi kaNkulunkulu uSathane usehlulekile, lokhu okwengeza ekungazibambini kwakhe. Kungakho uNkulunkulu esekhumbuza wonke umuntu: “Ezimpilweni zenu, kungase kufike usuku enizohlangabezana nalesi simo ngalo: Ungavuma yini ngokuzithandela ukuba ngumthunjwa kaSathane, noma uzongivumela ngikuthole?” Noma abantu bengazazi izinto ezenzeka emhlabeni womoya, uma beqeda nje ukuzwa lezi zinhlobo zamazwi asuka kuNkulunkulu bayacophelela besabe—lokhu kuyakuhlehlisa ukuhlasela kukaSathane, okwanele ukukhombisa inkazimulo kaNkulunkulu. Noma bangena kudala endleleni entsha yokusebenza, abantu abakabi nokucacelwa ngempilo yasembusweni—noma beqonda, abanakho ukukhanyiselwa. Ngakho-ke emva kokuthi uNkulunkulu ekhiphele abantu isexwayiso, wabethulela ingqikithi yobunjalo bempilo yasembusweni: “Impilo embusweni yimpilo yabantu noNkulunkulu uqobo lwakhe.” Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uqobo lwakhe usesimweni somuntu, impilo yezulu lesithathu isizuzekile khona lapha emhlabeni. Lokhu akulona uhlelo lukaNkulunkulu kuphela, kodwa futhi lufezwa nguNkulunkulu. Ngokuqhubeka kwesikhathi abantu bafinyelela ekumazini uNkulunkulu kakhudlwana bese bekwazi ukuzwa impilo yasezulwini, ngoba sebezwe ngokweqiniso ukuthi uNkulunkulu usemhlabeni, ukuthi akayena uNkulunkulu ongaqondakali osezulwini. Iqiniso lithi uNkulunkulu uba yinyama futhi unambitha ukubaba komhlaba wabantu, futhi njalo uma ekwazi ukuzwa ukubaba enyameni, kuyanda ukuqinisekisa ukuthi unguNkulunkulu uqobo lwakhe. Yingakho amazwi alandelayo enele ukukhombisa ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu wanamuhla: “Endaweni Yami yokuhlala, okuyindawo engicashe kuyo, nokho, kule ndawo Yami yokuhlala, ngizinqobile zonke izitha zami; endaweni Yami yokuhlala, ngithole ulwazi lwangempela lokuphila emhlabeni; endaweni Yami yokuhlala, ngibheka wonke amazwi kanye nokwenza komuntu, futhi ngibheka ngikhipha imiyalelo yawo wonke umuntu.” Ekuphileni enyameni ngempela, ekuzweni impilo yabo bonke abantu enyameni ngempela, ekuqondeni ngempela sonke isintu ngaphakathi enyameni, ekunqobeni isintu ngempela enyameni, ekulweni ngempela nodrako omkhulu obomvu enyameni, nokwenza wonke umsebenzi kaNkulunkulu enyameni—akukhona kanye lokhu ukuba khona kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe? Nokho, akuvamile ukuba khona kwabantu ababona umyalezo kule migqa ejwayelekile eyakhulunywa nguNkulunkulu; bedlula kuyo ngokushesha nje, bangakuzwa ukubaluleka noma ukungejwayeleki kwamazwi kaNkulunkulu.

Amazwi kaNkulunkulu aguquka kahle kakhulu—umshwana othi “Njengoba isintu silele sakufa” uguqula incazelo kaNkulunkulu uqobo lwakhe uyenze incazelo yesimo saso sonke isintu. Lapha, umshwana “iziphepho zokukhanya okubandayo” awumele umbani waseMpumalanga, kodwa amazwi kaNkulunkulu, okuwukuthi, indlela Yakhe entsha yokusebenza. Ngale ndlela kulokhu kubonakala zonke izinhlobo zokwehluka kwabantu: emva kokungena endleleni entsha, bonke balahlekelwa yindlela, bengazi lapho beqhamuke khona nalapho beya khona. Umusho “Abaningi abantu bashaywa yimisebe yokukhanya ehlabayo” uqonde abantu abakhishwe yindlela yokusebenza entsha, labo abangakwazi ukumela izivivinyo noma ukubhekana nokucwengwa kokuhluphela bese bephinde bephonswa emgodini ongenamkhawulo. Izwi likaNkulunkulu libeka umuntu obala ngokusezingeni elithile—kubonakala sengathi abantu bayesaba uma bebona amazwi kaNkulunkulu, futhi abalingi basho lutho sengathi babone umbhobho wesibhamu uqondiswe ngqo ezinhliziyweni zabo. Nokho, babuye bezwe ukuthi kukhona izinto ezinhle emazwini kaNkulunkulu. Izinhliziyo zabo zidideke kakhulu futhi abakwazi okufanele bakwenze, kodwa ngenxa yokholo lwabo, konke abakwenzayo ukuqina bese bemba bajule emazwini Akhe ngenxa yokwesaba ukuthi uNkulunkulu uzobalahla. Njengoba uNkulunkulu athi: “ubani phakathi kwabantu ongekho kulesi simo? Ubani ongekho ngaphansi kokukhanya Kwami? Yize ninamandla noma nibuthakathaka, ningakugwema kanjani ukuza kokukhanya Kwami?” Uma uNkulunkulu esebenzisa umuntu, noma ngabe ubuthakathaka, uNkulunkulu uyoqhubeka amkhanyise futhi amkhanyisele ekumsoleni Kwakhe, ngakho lapho umuntu efunda ngokwengeziwe amazwi kaNkulunkulu, umqonda ngokwengeziwe, umhlonipha ngokwengeziwe, futhi buye ngokuya buncipha ubudlabha. Ukuthi abantu sebeze bafika lapha kungenxa yamandla amakhulu kaNkulunkulu kuphela. Kungenxa yegunya lamazwi Akhe, okungukuthi, kungenxa yoMoya osemazwini Akhe ukuthi abantu banokumesaba uNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu embula ngokwengeziwe ubuso bangempela besintu, bamesaba ngokwengeziwe, ngale ndlela kuyanda ukuba nesiqiniseko ngobuqiniso bobukhona Bakhe. Lokhu kuyinkomba endleleni yokuthi isintu siqonde uNkulunkulu, indlela asinike yona. Cabanga ngakho ngokucophelela: Ngabe akunjalo?

Ngabe lokhu okushiwo ngenhla akuyona inkomba endleleni ephambi kwesintu?

Okwedlule: Isahluko 12

Okulandelayo: Isahluko 14

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp