Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu

Ziningi izinto enginethemba lokuthi nizozizuza. Nokho, izenzo zenu kanye nezimpilo zenu akuhlangabezani ngokuphelele nezidingo Zami, ngakho-ke kufanele ngiqonde ephuzwini nginichazele intando Yami. Ngenxa yokuthi ukuqonda kwenu kuphansi nokwazisa kwenu nakho kuphansi, cishe anisazi nhlobo isimo Sami kanye nobunjalo Bami, kuyinto ephuthumayo ukuthi nginazise ngalokhu. Kungakhathaleki ukuthi nina ubukuqonda kangakanani lokhu ngaphambilini noma ukuthi uzimisele ukuzama ukuqonda lezi zinto, kusamele nginichazele ngazo kabanzi. Lezi zindaba aziyona into eningayazi, kepha nibukeka ningakuqondi noma ningawejwayele umqondo eziwuqukethe. Abaningi kinina banokuqonda okulufifi, futhi ngaphezu kwalokho kuyingxenye futhi akugcwele. Ukunisiza ukuze nikwazi ukwenza iqiniso kangcono, okusho ukuthi, ukwenza amazwi ami asebenze, ngicabanga ukuthi yilezi zindaba okufanele ukuthi niqale nizazi. Kungenjalo, ukholo lwenu luyohlala lumfiliba, lunokuzenzisa, futhi lugcwele imihlobiso yezenkolo. Uma ungasiqondi isimo sikaNkulunkulu, ngeke neze ukwazi ukwenza umsebenzi okufanele umenzele wona. Uma ungabazi ubunjalo bukaNkulunkulu, ngeke kwenzeke ukuthi umkhombise inhlonipho nokumesaba, kunalokho uyomkhombisa ukukha phezulu okungenakulalela nokukhohlisa okungenangqondo, ngaphezu kwalokho nibe nokuhlambalaza okungenakulungiseka. Nakuba ukuqonda isimo sikaNkulunkulu impela kubalulekile, nokwazi ubunjalo bukaNkulunkulu kungeke kubukelwe phansi, akekho oseke wakuxilonga lokhu futhi wangena wajula kulezi zindaba. Kusobala ukuthi nonke niyishaye indiva imiyalo yokuziphatha enganinika yona. Uma ungasiqondi isimo sikaNkulunkulu, kulula ukuthi usone kalula nje isimo Sakhe. Ukona okufuze lokhu kufana ncamashí nokucasula uNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi umphumela wasekugcineni wokwenza kwakho uba ukuphikisana nezinqumo zokuziphatha. Manje kumele ubone ukuthi ukuqonda isimo sikaNkulunkulu kuhambisana nokuqonda izinqumo zokuphatha. Ngokuqinisekile, izinqumo eziningi zokuphatha zithinta isimo sikaNkulunkulu, kodwa isimo Sakhe asiveziwe sonke phakathi kuzo. Yikho udinga ukuthatha elinye inyathelo ukukhulisa ukuqonda kwakho isimo sikaNkulunkulu.

Namhlanje angikhulumi nani inkulumo ejwayelekile, ngakho kumele amazwi Ami niwathathe ngokuqaphela, futhi ngaphezu kwalokho, nizindle ngokujulile ngawo. Engikuqondile ngalokhu ukuthi kuncane kakhulu ukunaka enikinikeze amazwi engiwakhulumile. Uma kuziwa esimweni sikaNkulunkulu nina anizimisele ngisho nokuzindla ngokuzimisela ngaso, futhi kumbalwa kakhulu ukuzama kwabantu ukukwenza. Ngalesi sizathu ngithi ukholo lwenu luyindlela ephakeme nje yokukhuluma. Namanje, akukho ngisho noyedwa kinina onikele ngomzamo oqatha wokubhekana nobuthaka benu obukhulu. Ningenzele phansi phezu kokukhathazeka okungaka enginithwalele khona. Akumangazi ukuthi aninandaba noNkulunkulu futhi niphila izimpilo ezingenalo iqiniso. Kungenzeka kanjani-ke ukuthi abantu abanje babizwe ngokuthi bangabangcwele? Umthetho wezulu ngeke uze uyibekezelele into enje! Ngenxa yokuthi ninokuqonda okuncane kangaka ngalokhu, akukho engingakwenza ngaphandle kokusebenzisa umoya omningi.

Isimo sikaNkulunkulu siyindaba engaqondakali kakhulu kuwo wonke umuntu, futhi ngaphezu kwalokho kuyinto engelula kunoma ngubani ukuyemukela, ngoba isimo sikaNkulunkulu asifani nobuntu bomuntu. UNkulunkulu, naye, unemizwa yakhe yenjabulo, intukuthelo, usizi nentokozo, kodwa le mizwa iyehluka kweyomuntu. UNkulunkulu uyilokhu ayikho futhi unalokhu anakho. Konke akuvezayo nakwembulayo kumela ubunjalo bakhe nomfanekiso wakhe. Lokho ayikho nalokho anakho, kanye nobunjalo nomfanekiso Wakhe, yizinto ezingeke zivalelwe isikhala ngumuntu. Isimo Sakhe sihlanganisa uthando Lwakhe ngesintu, induduzo ngesintu, inzondo ngabantu, futhi ikakhulu, ukusiqonda ngokuphelele isintu. Isimo somuntu, nokho, singase sinikeze ithemba, sigcwale impilo, noma singabi namuzwa. Isimo sikaNkulunkulu singesoMbusi wazo zonke izinto nezidalwa eziphilayo, eseNkosi yayo yonke indalo. Isimo Sakhe simela ukuhlonipheka amandla, ukuphakama, ubukhulu, futhi okubaluleke kakhulu, ukuba phezulu. Isimo Sakhe siwuphawu lwegunya, uphawu lwakho konke okulungile nokuhle. Ngaphezu kwalokho, siwuphawu Lwakhe ongeke[a] acindezelwe noma ahlaselwe ubumnyama kanye nanoma imaphi amandla ezitha, futhi siwuphawu Lwakhe ongasoze oniwe (futhi ongeke akumele ukoniwa)[b] yinoma yini edaliwe. Isimo Sakhe siwuphawu lwamandla aphakeme kakhulu. Akukho muntu noma abantu abangakwazi noma abangaphazamisa umsebenzi Wakhe noma isimo Sakhe. Kodwa ubuntu bomuntu abuyilutho olwedlula uphawu nje lobukhudlwana bomuntu kunesilwane. Umuntu kuye nangokwakhe akanalo igunya, ukuzilawula nokwazi ukweqa imingcele yobuntu, kodwa engqikithini yakhe uyilowo oqhaqhazela emseni walo lonke uhlobo lwabantu, izehlakalo nezinto. Injabulo kaNkulunkulu ibangelwa ubukhona nokuvela kokukulunga nokukhanya; ngenxa yokushabalaliswa kobumnyama nobubi. Ujabuliswa ukuthi ulethe ukukhanya nokuphila okumnandi kubantu; injabulo Yakhe yinjabulo elungile, iwuphawu lokuba khona kwakho konke okuhle futhi, okubaluleke kakhulu, iwuphawu lwentokozo. Intukuthelo kaNkulunkulu ibangelwa ukuba khona kokungalungi nokuphazamisa okukudalayo okulimaza isintu Sakhe; ngenxa yokuba khona kobubi nobumnyama, ukuba khona kwezinto ezihlanekezela iqiniso, ngisho nokuba khona kwezinto ezimelana nezinto ezilungile nezinhle. Intukuthelo Yakhe iwuphawu lokuthi azisekho izinto ezimbi, futhi iwuphawu lobungcwele Bakhe. Ukudabuka Kwakhe kubangelwa isintu, anethemba ngaso kodwa esiwele ebumnyameni, ngoba umsebenzi awenza kumuntu awufinyeleli kulokho akulindele, nangenxa yokuthi isintu asithandayo asikwazi sonke ukuphila ekukhanyeni. Uyadabuka ngesintu esingenacala, ngomuntu othembekile kodwa ongazi lutho, nangomuntu olungileyo kodwa ontulayo emibonweni yakhe. Ukudabuka Kwakhe kuwuphawu lokulunga nomusa Wakhe, uphawu lobuhle nobumnene. Injabulo Yakhe, ngokusobala, isuka ekunqobeni izitha Zakhe, nokuthola ukholo lwabantua. Ngaphezu kwalokho, ibangelwa ukuxoshwa nokubhujiswa kwazo zonke izitha bese isintu sithola ukuphila okumnandi nokunokuthula. Injabulo kaNkulunkulu ayifani neyomuntu; kunalokho iwumuzwa wokwamukela izithelo ezinhle, okuwumuzwa ongaphezu kwenjabulo. Injabulo Yakhe iwuphawu lwesintu sikhululeka ekuhluphekeni kusuka manje kuya phambili nophawu lokungena ezweni lokukhanya. Imizwa yesintu, ngakolunye uhlangothi, yonke ikhona ngenxa yokuthandwa nguye, hhayi ngenxa yokulunga, ukukhanya, noma ngenxa yokuhle, ingasaphathwa eyawo wonke umusa onikezwe yiZulu. Imizwa yesintu inobugovu futhi eyasezweni lobumnyama. Ayikho ngenxa yentando kaNkulunkulu, ingasaphathwa eyohlelo lukaNkulunkulu, ngakho umuntu noNkulunkulu akunakwenzeka kukhulunywe ngabo ngesikathi esisodwa. UNkulunkulu unamandla mkhulu futhi uhloniphekile kuze kube phakade, kanti umuntu eyohlale ephansi, engenamsebenzi. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uhlale enza imihlatshelo ezinikela esintwini; umuntu, nokho, uhlale ezithathela futhi ezizamela yena kuphela. UNkulunkulu uhlale ehluphekela ukuphila kwesintu, kodwa abantu abanikeli lutho ngenxa yokukhanya noma ukulunga. Ngisho noma umuntu esebenza okwesikhashana, akwenzayo kubuthaka ngendlela yokuthi ngeke kumele ngisho igalelo elilodwa, ngoba umsebenzi womuntu uhlale ungowokuzuzisa yena hhayi abanye. Umuntu uhlale enobugovu, lapho uNkulunkulu ehlale ezidela. UNkulunkulu ungumthombo wakho konke okunobulungiswa, okulungile, nokuhle, kodwa umuntu yilowo ophumelela ekwenzeni futhi oveza bonke ububi nokukhohlakala. UNkulunkulu akasoze aguquka ubunjalo bakhe bokulunga nobuhle, kodwa umuntu ukwazi ngokuphelele, noma nini, nakusiphi isimo ukumelana nokulunga nokwedukela kude noNkulunkulu.

Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu. Niyobe nenza kahle uma nizindla ngokucophelela ngamazwi Ami, futhi niyozuza kakhulu kuwona. Ubunjalo bukaNkulunkulu bunzima kakhulu ukuqondakala, kodwa ngiyethemba ukuthi okungenani nonke ninalo ulwazana maqondana nesimo sikaNkulunkulu. Ngethemba ukuthi-ke, nizokwazi ukungibonisa futhi nenze okuningi okungaphambani nesimo sikaNkulunkulu. Lapho-ke ngiyoba nokwethemba. Isibonelo nje, gcina uNkulunkulu esenhliziyweni yakho ngazo zonke izikhathi. Uma kukhona okwenzayo, yenza okuhambisana nezwi Lakhe. Funa izinhloso Zakhe kuzona zonke izinto, futhi ugweme ukwenza lokho okungahloniphi nokwedelela uNkulunkulu. Ungalingi nakancane ukubeka uNkulunkulu emsamo wengqondo yakho ukugcwalisa isikhala senkathi ezayo enhliziyweni yakho. Uma wenza lokhu, uyobe wone isimo sikaNkulunkulu. Futhi, uma ungalokothi ukhulume amazwi noma ukukhononda okuhlambalaza uNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakho, futhi, uma ukwazi ukwenza kahle konke akubeke kuwe futhi uzithoba kuwo wonke amazwi Akhe kuyo yonke impilo yakho, khona-ke uyobe usukugwemile ukwephula izinqumo zokuphatha. Ngokwesibonelo, uma sewake wathi “Kungani ngingacabangi ukuthi unguNkulunkulu?” “Ngicabanga ukuthi la mazwi awulutho nje olungaphezu kokuthi awukukhanyisa kukaMoya oNgcwele,” “Ngokubona kwami akuyona yonke into eyenziwa uNkulunkulu enhle,” “Ubuntu bukaNkulunkulu abukho ngaphezu kobami,” “Amazwi kaNkulunkulu awakholakali nje,” noma amanye amazwi anje okwahlulela, ngakho ngiyanincenga ukuba nivume futhi niphenduke ezonweni kaningi. Ngale kwalokho, ngeke ube nethuba lokuxolelwa, ngoba awoni kuphela kumuntu, kodwa kuNkulunkulu uqobo. Ungakholwa ukuthi wahlulela umuntu, kodwa uMoya kaNkulunkulu wona awuboni ngaleyo ndlela. Ukungayihloniphi kwakho inyama Yakhe kulingana nokungahloniphi Yena. Uma-ke kunjalo, ingabe awusonanga yini isimo sikaNkulunkulu? Kufanele ukhumbule ukuthi konke okwenziwa wuMoya kaNkulunkulu wukuvikela umsebenzi Wakhe enyameni kanye nokuthi lo msebenzi wenziwe kahle. Uma ukushaya indiva lokhu, ngithi kuwe ungumuntu ongasoze aphumelela ekukholweni kuNkulunkulu. Ngokuba uhlokoze ulaka lukaNkulunkulu, ngakho uyosebenzisa isijeziso esifanele ukukufundisa isifundo.

Ukufinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu akusiyona indaba encane. Kufanele nakanjani uqonde isimo Sakhe. Ngale ndlela-ke, uyoya ngokuya futhi unganakile, ufinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu. Uma usungenile kulolu lwazi, uyozithola unyathela uya phambili uyongena esimweni esiphezudlwana futhi esihle kakhudlwana. Ekugcineni, uyozizwa unamahloni ngomoya wakho omubi, ngendlela yokuthi uyoze uzwe ukuthi akukho ndawo ongazifihla kuyo. Ngaleso sikhathi, kuyoncipha kancane kancane ekuziphatheni kwakho okungase kone isimo sikaNkulunkulu, inhliziyo yakho iyoya ngokuya isondelana nekaNkulunkulu, bese kuya ngokuya kwanda uthando Lwakhe enhliziyweni yakho. Lokhu kuwuphawu lokungena kwesintu esimweni esihle. Kodwa okwamanje anikafiki kulesi simo. Ngenkathi niphithizela nehla nenyuka nifuna lapho niya khona, ubani lapha kini ongacabanga ngokuzama ukuthola ubunjalo bukaNkulunkulu? Uma lokhu kuqhubeka, niyobe, ngokungazi, niphambana nezinqumo zokuphatha ngoba niqonda okuncane kakhulu ngesimo sikaNkulunkulu. Ngakho-ke, ingabe lokhu enikwenzayo njengamanje akusikhona ukubeka isisekelo sokona kwenu ngokuphambene nesimo sikaNkulunkulu? Lokhu ngikubuzela ukuthi nikwazi ukuqonda ukuthi isimo sikaNkulunkulu asiphambene nomsebenzi Wami. Ngoba uma nizephula kaningi izinqumo zokuphatha, ubani phakathi kwenu oyophunyuka ekujezisweni na? Ingabe lokho ngeke kusho yini ukuthi umsebenzi Wami ubuyize leze? Ngakho-ke, namanje ngisaninxusa ukuthi ngaphezulu kokucubungula ukuziphatha kwenu, niqaphele izinyathelo enizithathayo. Lesi yisicelo esikhulu kakhulu engisenza kini, futhi ngethemba ukuthi nonke nizosicabanga ngokucophelela futhi nisithathe ngokuzimisela. Uma kwenzeka kufika usuku lapho khona ukwenza kwenu kungithukuthelisa kakhulu, umuntu ngayedwa kuyofuneka acabange ngemiphumela, futhi ngeke kube khona omunye oyothwala isijeziso esikhundleni senu.

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka ngokuthi “kuwuphawu lokungakwazi ukuba.”

b. Umbhalo wokuqala walapha ufundeka ngokuthi “ukungakwazi ukuba (yebo nakanjani, ukungavunyelwa ukuba ube wenze njalo).”

Okwedlule: Iziphambeko Ziyoholela Umuntu Esihogweni

Okulandelayo: Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp