Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe

Manje sekumele niphokophelele ukuba abantu bakaNkulunkulu, bese niqala ukungena ngokuphelele endleleni eyiyo. Ukuba ngabantu bakaNkulunkulu kusho ukungena eNkathini YoMbuso. Namuhla, niqala ukungena ngokusemthethweni ekuqeqeshelweni umbuso, kanti nezimpilo zenu zekusasa zizoyeka ukuhuduleka njengasekuqaleni; izimpilo ezinjalo angeke zikwazi ukufinyelela emazingeni adingwa uNkulunkulu. Uma ungenawo umuzwa wokuphuthuma, lokho kusho ukuthi awuzimisele ukuzithuthukisa, kusho ukuthi lokhu okuphokophelele kudungekile futhi kuyadida, futhi ngeke ukwazi ukufeza intando kaNkulunkulu. Ukungena ekuqeqeshelweni umbuso kusho ukuqala kwempilo yabantu bakaNkulunkulu—ingabe uzimisele ukwamukela lolu hlobo lokuqeqeshwa? Ingabe uzimisele ukuba nomuzwa wesimo esiphuthumayo? Ingabe uzimisele ukuphila ngokuyalwa uNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukuphila ngokusolwa nguNkulunkulu? Uma amazwi kaNkulunkulu ekuvivinya lapho efika kuwe, uzokwenzenjani? Uyokwenzenjani uma ubhekene nazo zonke izinhlobo zamaqiniso? Esikhathini esedlule, wawungagxilile ekuphileni; namuhla, kumele ungene eqinisweni lokuphila, bese uphokophelela izinguquko esimweni sempilo yakho. Lokhu yikho okumele abantu bombuso bakufeze. Bonke labo abangabantu bakaNkulunkulu kumele babe nokuphila, kumele bamukele ukuqeqeshelwa umbuso, futhi baphokophelele izinguquko esimweni sempilo yabo. Lokhu yikho uNkulunkulu akudingayo kubantu bombuso.

Okudingwa uNkulunkulu kubantu bombuso yilokhu okulandelayo:

1. Kumele bamukele umsebenzi kaNkulunkulu, okungukuthi, kumele bamukele wonke amazwi akhulunywa emsebenzini kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina.

2. Kumele bangene ekuqeqeshelweni umbuso.

3. Kumele baphokophelele ukuba izinhliziyo zabo zithintwe nguNkulunkulu. Uma inhliziyo yakho isiphendukele kuNkulunkulu ngokugcwele, futhi unempilo yakamoya ejwayelekile, uzophila endaweni yenkululeko, okusho ukuthi uzophila ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa nguNkulunkulu ube ngokaNkulunkulu.

4. Kumele bazuzwe nguNkulunkulu.

5. Kumele babonakalise inkazimulo kaNkulunkulu emhlabeni.

La maphuzu amahlanu angumyalelo waMi kini. Amazwi aMi akhulunywa kubantu bakaNkulunkulu, kanti uma ungazimisele ukwamukela le miyalelo, ngeke ngikuphoqe—kodwa uma uyamukela ngeqiniso, uzokwazi ukwenza intando kaNkulunkulu. Namuhla niqala ukwamukela imiyalelo kaNkulunkulu, niphokophelele ukuba ngabantu bombuso futhi nifinyelele emazingeni adingekayo kubantu bombuso. Lesi yisinyathelo sokuqala sokungena. Uma ufisa ukwenza ngokuphelele intando kaNkulunkulu, kumele wamukele le miyalelo emihlanu, kanti uma ukwazi ukufinyelela kuyo, uzobe usufuna inhliziyo kaNkulunkulu bese uba usizo olukhulu kuNkulunkulu. Okubalulekile namuhla ukungena ekuqeqeshelweni umbuso. Ukungena ekuqeqeshelweni umbuso kubandakanya impilo yakwamoya. Ekuqaleni, akuzange kukhulunywe ngempilo yakwamoya, kodwa namuhla, njengoba uqala ungena ekuqeqeshelweni umbuso, ungena ngokusemthethweni empilweni yakwamoya.

Impilo enjani impilo yakwamoya? Impilo yakwamoya yilapho inhliziyo yakho isuke isiphendukele ngokugcwele kuNkulunkulu, ukukwazi nokubona uthando lukaNkulunkulu. Yilapho uphila khona emazwini kaNkulunkulu, kungabi khona okunye okungena enhliziyweni yakho, bese ukwazi ukubamba intando kaNkulunkulu namuhla, futhi ube uqondiswa ukukhanya koMoya Ongcwele namuhla ukuze wenze umsebenzi wakho. Impilo enjengalena phakathi komuntu noNkulunkulu iyona eyaziwa ngempilo yakwamoya. Uma ungakwazi ukulandela ukukhanya kwanamuhla, lokho kusho ukuthi kuvuleke igebe phakathi kwakho noNkulunkulu—kungenzeka ukuthi selilikhulu—awusenayo impilo yakwamoya ejwayelekile. Ubudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu bakhelwa phezu kwesisekelo sokwamukela amazwi kaNkulunkulu namuhla. Ingabe unayo impilo yakwamoya ejwayelekile? Ingabe unabo ubudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu? Ingabe ungumuntu olandela umsebenzi kaMoya Ongcwele? Uma ukwazi ukulandela ukukhanya kukaMoya Ongcwele namuhla, futhi ukwazi ukubamba intando kaNkulunkulu emazwini aKhe, ukwazi ukungena kulawo mazwi, lokho kusho ukuthi ungumuntu olandela indlela kaMoya Ongcwele. Uma ungalandeli endleleni kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi ngokungangabazeki ungumuntu ongaliphokopheleli iqiniso. Umoya Ongcwele angeke abe nethuba lokusebenza kulabo abangenalo uthando lokuzithuthukisa, ngalokho, abantu abanjalo abakwazi ukuqoqa amandla abo, futhi bahlala bengenzi lutho. Namuhla, ingabe ulandela indlela kaMoya Ongcwele? Ingabe usendleleni kaMoya Ongcwele? Ingabe usuphumile esimweni sokungenzi lutho? Bonke laba abakholelwa emazwini kaNkulunkulu, abathatha umsebenzi kaNkulunkulu njengesisekelo, balandele ukukhanya kukaMoya Ongcwele namuhla—bonke basendleleni kaMoya Ongcwele. Uma ukholelwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso elingephikiswe empeleni ayiwo, futhi uma ukholelwa emazwini kaNkulunkulu nakunoma yini ayishiyo, kusho ukuthi ungumuntu ophokophelele ukungena emsebenzini kaNkulunkulu, ngale ndlela uzofezekisa intando kaNkulunkulu.

Ukuze ungene endleleni kaMoya Ongcwele kumele ube nobudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu, futhi kumele uqale ushintshe lesi simo sakho sokungenzi lutho. Abanye abantu bavamise ukulandela iningi, nezinhliziyo zabo sezikude kakhulu noNkulunkulu; abantu abafana nalabo abazimisele ngokuzithuthukisa, kanti namazinga abawaphokophelelayo aphansi kakhulu. Intando kaNkulunkulu ukuphokophelela ukuthanda uNkulunkulu kanye nokuzuzwa nguNkulunkulu. Kukhona abantu abasebenzisa unembeza wabo ukubuyisela uthando lukaNkulunkulu, kodwa lokhu akuyenelisi intando kaNkulunkulu; ukuba phezulu kwamazinga owaphokophelelayo, kusho ukuthi uzohambisana kakhulu nentando kaNkulunkulu. Njengomuntu ojwayelekile, futhi ophokophelela uthando lukaNkulunkulu, ukungena embusweni ukuze ube ngomunye wabantu bakaNkulunkulu ilona kusasa lakho leqiniso, nokuyimpilo eyigugu ngempela futhi ebalulekile, akekho obusiseke ngaphezu kwakho. Kungani ngisho lokhu? Kungoba labo abangakholelwa kuNkulunkulu baphilela inyama, futhi baphilela uSathane, kodwa namuhla niphilela uNkulunkulu, futhi niphilela ukwenza intando kaNkulunkulu. Kungakho ngithi izimpilo zenu zibaluleke kakhulu. Yileli qembu labantu kuphela, elikhethwe nguNkulunkulu, elikwazi ukuphila impilo ebaluleke kakhulu: Akekho omunye emhlabeni okwazi ukuphila impilo eyigugu nenengqondo kanje. Ngenxa yokuthi nikhethwe uNkulunkulu, futhi niphakanyiswe uNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyanithanda, senibambe ukuphila kwangempela, futhi seniyazi ukuthi iphilwa kanjani impilo eyigugu. Lokhu akungenxa yokuthi lokhu enikuphokophelelayo kulungile, kodwa kungenxa yomusa kaNkulunkulu; nguNkulunkulu ovule amehlo enu kamoya, kwaba uMoya kaNkulunkulu othinte izinhliziyo zenu, waninika inhlanhla enkulu yokuza phambi kwaKhe. Uma uMoya kaNkulunkulu ungazange ukunike ulwazi, kusho kuthi ubungeke ukwazi ukubona okuthandekayo ngoNkulunkulu, futhi ubungeke ukwazi ukuthanda uNkulunkulu. Kungenxa yokuthi uMoya kaNkulunkulu uthinte izinhliziyo zabantu okwenze zaphendukela kuNkulunkulu. Kwesinye isikhathi, uma uthokozela amazwi kaNkulunkulu, umoya wakho uyathinteka, bese uba nomuzwa wokuthi akukho ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu, uzwe ukuthi kunamandla amakhulu ngaphakathi kuwe, nokuthi ayikho into ongeke ukwazi ukuyiyeka. Uma uzizwa kanjena, kusho ukuthi uthintwe uMoya kaNkulunkulu, kanti nenhliziyo yakho nayo isiphendukele kuNkulunkulu ngokuphelele, futhi uzobe usuthandaza kuNkulunkulu uthi: “O Nkulunkulu! Ngempela samiselwa futhi sakhethwa nguWe. Inkazimulo yaKho ingenza ngiziqhenye, kunginika intokozo ukuba ngomunye wabantu baKho. Ngizolahla konke nginikele ngakho konke ukuze ngenze intando yaKho, futhi ngizonikela ngayo yonke iminyaka yami, nayo yonke imizamo yokuphila kwami konke, kuWe.” Uma uthandaza kanje, inhliziyo yakho izoba nothando olungenamkhawulo nokulalela uNkulunkulu ngeqiniso. Wake wahlangabezana noma waba nomuzwa ofana nalona? Ngokuvamile uma abantu bethintwa uMoya kaNkulunkulu, bavame ukufisa ukuzinikela kuNkulunkulu ngemikhuleko yabo: “O Nkulunkulu! Ngifisa ukubona usuku lwenkazimulo yaKho, futhi ngifisa ukuphilela Wena—akukho okudlula noma okunengqondo ukudlula ukuphilela Wena, futhi angifisi nakancane ukuphilela uSathane nenyama. Ungiphakamisele ukuthi ngikwazi ukuphilela Wena namuhla.” Uma uke wathandaza ngale ndlela, uzozwa ukuthi awukwazi ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthi unikele inhliziyo yakho kuNkulunkulu, ukuthi kumele uzuze uNkulunkulu, nokuthi ngeke uthande ukufa ungazange umzuze uNkulunkulu ngesikhathi usaphila. Uma usuthandaze ngale ndlela, uzoba namandla angapheli ngaphakathi kuwe, futhi ngeke wazi nokuthi aqhamukaphi; enhliziyweni yakho kuzoba namandla angenamkhawulo, futhi uzokuzwa ukuthi uNkulunkulu uthandeka kakhulu, nokuthi ufanelwe ukuthandwa. Lesi yisona sikhathi ozobe uthintwe uNkulunkulu ngaso. Bonke labo abake bahlangabezana noma baba nalo muzwa bathintwe uNkulunkulu. Kulabo abavame ukuthintwa uNkulunkulu, izimpilo zabo ziyashintsha, bayakwazi ukwenza izinqumo zabo futhi bayafisa ukuzuza uNkulunkulu ngokuphelele, uthando lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo luba namandla, izinhliziyo zabo ziphendukele kuNkulunkulu ngokuphelele, abanandaba nomndeni, abanandaba nomhlaba, abanandaba nezinto ezibathandelile, noma ikusasa labo, futhi bafisa ukunikela imizamo yempilo yabo yonke kuNkulunkulu. Bonke laba abathintwe uMoya kaNkulunkulu bangabantu abafuna iqiniso, futhi abanethemba lokupheleliswa nguNkulunkulu.

Ingabe usuyiphendulile inhliziyo yakho yabheka ngakuNkulunkulu? Ingabe inhliziyo yakho ithintwe uMoya kaNkulunkulu? Uma ungakaze uhlangabezane noma ube nalo muzwa, uma futhi ungakaze uthandaze ngale ndlela, lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu akanandawo enhliziyweni yakho. Bonke labo abaqondiswa uMoya kaNkulunkulu nabathintwe uMoya kaNkulunkulu baphethe umsebenzi kaNkulunkulu, okukhombisa ukuthi amazwi kaNkulunkulu nothando lukaNkulunkulu seluzinzile ngaphakathi kubo. Abanye abantu bathi: “Angikho qotho njengawe emikhulekweni yami, futhi uNkulunkulu akangithintanga njengawe; kwesinye isikhathi—uma ngizinza ngikhuleka—ngizwa sengathi uNkulunkulu uyathandeka, nenhliziyo yami ithintwe nguNkulunkulu.” Ayikho into ebaluleke njengenhliziyo yomuntu. Uma inhliziyo yakho isiphendukele kuNkulunkulu, ubuWena bonke buzophendukela kuNkulunkulu, kanti ngaleso sikhathi inhliziyo yakho izobe isithintwe uMoya kaNkulunkulu. Abaningi kini bake bahlangabezana nalokhu noma baba nawo lo muzwa—ukuthi nje ukujula ebenibhekane nabo abufani. Abanye abantu bathi: “Angisho amagama amaningi uma ngikhuleka, ngimane nje ngilalele lapho ngihlanganyela nabanye bese amandla evuka ngaphakathi kimi.” Lokhu kukhombisa ukuthi uthintwe uNkulunkulu ngaphakathi. Abantu abathintwe uNkulunkulu ngaphakathi bayagqugquzeleka uma bezwa ukuhlanganyela kwabanye; uma inhliziyo yomuntu ingashukumiseki nhlobo lapho ezwa amagama agqugquzelayo, lokhu kufakazela ukuthi umsebenzi kaMoya Ongcwele awukho ngaphakathi kuye. Akanakho ukulangazelela ngaphakathi kuye, okufakazela ukuthi akakasenzi isinqumo, ngalokho akanawo umsebenzi kaMoya Ongcwele. Uma umuntu ethintwe uNkulunkulu, kukhona okuzokwenzeka uma ezwa amazwi kaNkulunkulu; uma engakathintwa uNkulunkulu, kusho ukuthi akakaxoxisani namazwi kaNkulunkulu, awasho lutho kuye, futhi ngeke akwazi ukuba nolwazi ngawo. Labo abawazwile amazwi kaNkulunkulu bese kungenzeki lutho kubo yilabo bantu abangakathintwa uNkulunkulu—bangabantu abangenawo umsebenzi kaMoya Ongcwele. Bonke labo abakwaziyo ukwamukela ukukhanya okusha bathintiwe, futhi banomsebenzi kaMoya Ongcwele.

Zihlole:

1. Ingabe uphakathi komsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele?

2. Ingabe inhliziyo yakho isiphendukele kuNkulunkulu?

Ingabe uthintwe uNkulunkulu?

3. Ingabe amazwi kaNkulunkulu azinzile ngaphakathi kuwe?

4. Ingabe lokhu okwenzayo kwakhelwe phezu kwesisekelo sezidingo zikaNkulunkulu?

5. Ingabe uphila ngaphansi kwesiqondiso sokukhanya kwamanje kukaMoya Ongcwele?

6. Ingabe inhliziyo yakho ilawulwa imiqondo yakudala, noma ilawulwa amazwi kaNkulunkulu namuhla?

Uma nizwa la mazwi, kwenzekani ngaphakathi kini? Njengoba senikholwe yonke le minyaka, ingabe ninawo amazwi kaNkulunkulu njengezimpilo zenu? Ingabe lube khona ushintsho esimweni senu esikhohlakele sangaphambili? Ingabe uyazi ukuthi, ngokwamazwi kaNkulunkulu namuhla, kusho ukuthini ukuba nokuphila, nokuthi kusho ukuthini ukungabi nakho ukuphila? Ingabe lokhu kucacile kini? Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu namuhla: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu namuhla. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu namuhla, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele. UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe. Noma ngabe kuhle futhi kumsulwa kangakanani obukuqonda ngaphambi kwalokhu, uNkulunkulu akakufuni, futhi uma ungakwazi ukuhlukana nezinto ezinjalo, zizoba isithiyo ekungeneni ekusaseni lakho. Babusisiwe bonke laba abakwazi ukulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya Ongcwele. Abantu bezinkathi ezedlule nabo balandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu, kodwa azange bakwazi ukulandela kuze kube namuhla; lesi isibusiso sabantu bezinsuku zokugcina. Labo abalandela umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele, nabakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu, ngendlela yokuthi balandela uNkulunkulu noma kuphi lapho ebaholela khona—laba abantu ababusisiwe nguNkulunkulu. Labo abangawulandeli umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele abakangeni emsebenzini wamazwi kaNkulunkulu, futhi noma bengasebenza kangakanani, noma bengahlupheka kangakanani, noma bengaba matasa kangakanani, konke lokho akusho lutho kuNkulunkulu, futhi ngeke abancome. Namuhla, bonke laba abalandela amazwi kaNkulunkulu amanje basendleleni kaMoya Ongcwele; labo abangawazi amazwi kaNkulunkulu namuhla bangaphandle kwendlela kaMoya Ongcwele, kanti futhi abantu abanjalo uNkulunkulu akajabuli ngabo. Umsebenzi ohlukene namazwi kaMoya Ongcwele amanje ngumsebenzi wenyama, wemiqondo, futhi awukwazi ukuhambisana nentando kaNkulunkulu. Uma abantu bephila phakathi komqondo wenkolo, kusho ukuthi abakwazi ukwenza nanoma yini ehambisana nentando kaNkulunkulu, yize besebenzela uNkulunkulu, bamsebenzela ingakashintshi indlela abacabanga ngayo, futhi abakwazi ukusebenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu. Labo abangakwazi ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele abayiqondi intando kaNkulunkulu, kanti labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu ngeke bamsebenzele uNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna umsebenzi ofuna inhliziyo yaKhe; akafuni umsebenzi womqondo nenyama. Uma abantu bengakwazi ukulandela izinyathelo zomsebenzi kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi baphila ngemiqondo. Ukusebenza kwabantu abafana nalaba kuyaphazamisa, futhi ukusebenza okunjalo kuphambene noNkulunkulu. Ngalokho labo abangakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu nakanjani baphikisana noNkulunkulu, futhi akunakwenzeka bavumelane noNkulunkulu. “Ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele” kusho ukuqonda intando kaNkulunkulu namuhla, ukwazi ukwenza ngokwezidingo zamanje zikaNkulunkulu, ukwazi ukuthobela nokulandela uNkulunkulu namuhla, nokungena ngokuhambisana namazwi amuva kaNkulunkulu. Lona ngumuntu olandela umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi osendleleni kaMoya Ongcwele. Abantu abafana nalaba akukona ukuthi bafanelwe ukuthola ukubongwa nguNkulunkulu nokubona uNkulunkulu, kodwa abazokwazi isimo sikaNkulunkulu emsebenzini wakamuva kaNkulunkulu, futhi bazokwazi imiqondo yabantu nokungathobeki, nendalo yomuntu kanye nesiqu, emsebenzini waKhe wakamuva; futhi, bayakwazi ukuthi bashintshe kancane kancane esimweni sabo ngenkathi besebenza. Ngabantu abafana nalaba kuphela abakwaziyo ukuzuza uNkulunkulu, nasebethole indlela yeqiniso. Labo abasuswa ngomsebenzi kaMoya Ongcwele abantu abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu, abahlamuka umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu. Ukuthi abantu abafana nalaba baphikisa uNkulunkulu ngokusobala kungenxa yokuthi umfanekiso kaNkulunkulu awufani nalona abazenzele wona emiqondweni yabo—ngenxa yokuthi baphikisa uNkulunkulu ngokusobala bahlulele uNkulunkulu, okuholela ekutheni uNkulunkulu abazonde futhi abachithe. Ukuba nolwazi lomsebenzi wakamuva kaNkulunkulu akuyona into elula, kodwa uma abantu benomqondo wokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu, bafune umsebenzi kaNkulunkulu, bazokwazi ukuba nethuba lokubona uNkulunkulu, futhi bazokwazi ukuba nethuba lokuzuza ukuqondiswa okusha nguMoya Ongcwele. Labo abaphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso abakwazi ukuthola ulwazi ngoMoya Ongcwele noma ukuqondiswa nguNkulunkulu. Ngalokhu, noma abantu bayawuthola umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu noma cha kuncike emseni kaNkulunkulu, kuncike ekulandeleni kwabo, futhi kuncike ezinhlosweni zabo.

Babusisiwe bonke labo abakwazi ukuthobela amazwi amanje kaMoya Ongcwele. Akukhathaleki ukuthi babenjani, noma uMoya Ongcwele wayesebenza kanjani ngaphakathi kubo—labo asebezuze umsebenzi wakamuva yibo ababusiseke kakhulu, kanti labo abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva namuhla bayasuswa. UNkulunkulu ufuna labo abakwaziyo ukwamukela ukukhanya okusha, ufuna labo abemukela nabazi umsebenzi waKhe wakamuva. Kungani kuthiwa kumele nibe izintombi ezimsulwa? Intombi emsulwa iyakwazi ukufuna umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi iqonde izinto ezintsha, ngaphezu kwalokho, ikwazi ukubeka eceleni imiqondo yakudala, ithobele umsebenzi kaNkulunkulu namuhla. Leli qembu labantu, abemukela umsebenzi wakamuva namuhla, babebekwe nguNkulunkulu ngaphambi kwezinkathi, futhi bangabantu ababusiseke ngempela. Nizwa izwi likaNkulunkulu ngqo, nibone uNkulunkulu evela, ngakho-ke, emhlabeni nasezulwini, nasezinkathini akekho oke wabusiswa njengani, nina qembu labantu. Konke lokhu kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu, ngenxa yokubekelwa eceleni nokukhethwa nguNkulunkulu, nangenxa yomusa kaNkulunkulu; ukube uNkulunkulu akazange awakhulume amazwi aKhe, ingabe izimo zenu zinjengoba zinjena namuhla? Ngalokho, inkazimulo nodumo lonke malube kuNkulunkulu ngoba konke lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu ukuphakamisile. Usunalezi zinto engqondweni, usengakwazi yini ukungenzi lutho? Amandla akho ngeke akwazi yini ukuphakama?

Ukuthi uyakwazi ukwamukela ukwahlulelwa, ukusolwa, ukushaywa, nokucwengisiswa ngamazwi kaNkulunkulu, futhi phezu kwalokho, uyakwazi ukwamukela imisebenzi kaNkulunkulu, konke kwakubekwe uNkulunkulu ekuqaleni kwesikhathi, ngalokho akumele uphatheke kabi uma usolwa. Akekho namunye ongathatha umsebenzi osuwenziwe kini, nezibusiso eziphezu kwenu, futhi akekho namunye ongathatha konke lokhu okunikwe nina. Abantu benkolo ngeke baqhathaniswa nani. Aniphethe ubungoti obukhulu baseBhayibhelini, futhi anihlonyiswanga ngemfundo yenkolo, kodwa ngenxa yokuthi uNkulunkulu usesebenze ngaphakathi kini, senizuze okukhulu kunabo bonke abanye kulezi zinkathi—ngakho-ke lesi isibusiso senu esikhulu. Ngenxa yalokhu kumele nizinikele ngempela kuNkulunkulu, nithembeke kakhulu kuNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ukuphakamisile, kumele wenyuse imizamo yakho, futhi kumele ulungise isimo sakho ukuze wamukele umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ume uqine endaweni uNkulunkulu akunike yona, uphokophelele ukuba ngomunye wabantu bakaNkulunkulu, wamukele ukuqeqeshelwa umbuso, uzuzwe uNkulunkulu ekugcineni ube ubufakazi kuNkulunkulu. Unokungaki kulezi zinqumo? Uma uzithathile lezi zinqumo, kusho ukuthi ekugcineni ngokuqinisekile uzozuzwa uNkulunkulu, ube ubufakazi kuNkulunkulu. Kumele uqonde ukuthi umsebenzi omkhulu ukuthi uzuzwe uNkulunkulu ube ubufakazi kuNkulunkulu. Lena yintando kaNkulunkulu.

Amazwi kaMoya Ongcwele ayizinto zomsebenzi kaMoya Ongcwele namuhla, kanti ukukhanya okuqhubekayo okulethwa uMoya Ongcwele kumuntu ngalesi sikhathi kuyindlela yokwenza kaMoya Ongcwele. Iyini le ndlela yokwenza kaMoya Ongcwele namuhla? Ingukuhola abantu emsebenzini kaNkulunkulu namuhla, nasempilweni yakomoya ejwayelekile. Kunezinyathelo ezimbalwa zokungena empilweni yakamoya ejwayelekile:

1. Okokuqala, kumele uthulule inhliziyo yakho emazwini kaNkulunkulu. Akumele uphokophelele amazwi kaNkulunkulu esikhathi esedlule, futhi akumele uwafunde noma uwaqhathanise namazwi anamuhla. Kunalokho, kumele uthulule inhliziyo yakho emazwini kaNkulunkulu amanje. Uma kukhona abantu abasafisa ukufunda amazwi kaNkulunkulu, izincwadi ezikhuluma ngezinto zikamoya, noma ezinye izindlela zokushumayela zesikhathi esidlule, abangalandeli amazwi kaMoya Ongcwele namuhla, kusho ukuthi bayiziphungumangatha; uNkulunkulu uyabazonda abantu abanjalo. Uma uzimisele ukwamukela ukukhanya kukaMoya Ongcwele namuhla, kusho ukuthi thulula inhliziyo yakho ngokugcwele emazwini kaNkulunkulu namuhla. Lena yinto yokuqala okumele uyenze.

Kumele uthandaze ngesisekelo samazwi akhulunywe nguNkulunkulu namuhla, ungene emazwini kaNkulunkulu ube nobudlelwano noNkulunkulu, uthathe izinqumo phambi kukaNkulunkulu, uthole ukuthi uphokophelele ukuzuzani.

Kumele uphokophelele ukungena okujulile eqinisweni phezu kwesisekelo somsebenzi kaMoya Ongcwele namuhla. Ungabambeleli ezinkulumweni esezidlulelwe isikhathi nezimfundiso zakudala.

4. Kumele ufune ukuthintwa uMoya Ongcwele, ungene emazwini kaNkulunkulu.

5. Kumele uphokophelele ukungena endleleni ehanjwe uMoya Ongcwele namuhla.

Ukufuna kanjani ukuthintwa uMoya Ongcwele? Okubalulekile ukuphila emazwini amanje kaNkulunkulu, nokuthandaza phezu kwesisekelo sezidingo zikaNkulunkulu. Uma usukhuleke ngale ndlela, uMoya Ongcwele nakanjani uzokuthinta. Uma ungacingi ubhekise ngasesisekelweni samazwi akhulunywe uNkulunkulu namuhla, kusho ukuthi lokhu akunamsebenzi walutho. Kumele ukhuleke uthi: “O Nkulunkulu! Ngiyakuphikisa, futhi kuningi engikukweleta kona; angilaleli, futhi angikwazi ukukwanelisa. O Nkulunkulu, ngifisa ungisindise, ngifisa ukukusebenzela kuze kube sekugcineni, ngifisa ukufa ngenxa yaKho. Uyangehlulela, ungisole, futhi angikhalazi; ngiyakuphikisa futhi ngifanelwe ukufa, ukuze bonke abantu babone ukulunga kwaKho ekufeni kwami.” Uma uthandaza ngale ndlela ngokusuka enhliziyweni yakho, uNkulunkulu uzokuzwa, akuqondise; uma ungakhuleki phezu kwesisekelo samazwi kaMoya Ongcwele namuhla, ayikho indlela yokuthi uthintwe uMoya Ongcwele. Uma ukhuleka ngokwentando kaNkulunkulu, nangalokhu uNkulunkulu afisa ukukwenza namuhla, uzothi:[a] “O Nkulunkulu! Ngifisa ukwamukela umsebenzi waKho ngithembeke emsebenzini waKho, futhi ngizimisele ukunikela impilo yami yonke enkazimulweni yaKho, ukuze konke lokhu engikwenzayo kufinyelele emazingeni abantu bakaNkulunkulu. Inhliziyo yami mayithintwe nguwe. Ngifisa ukuthi uMoya waKho ungifundise njalo, ukuze konke engikwenzayo kuhlaze uSathane, kuze kube ukuthi ekugcineni ngizuzwe nguwe.” Uma ukhuleka ngale ndlela, ugxile entandweni kaNkulunkulu, nakanjani uMoya Ongcwele uzosebenza kuwe. Akunandaba ukuthi mangaki amagama omthandazo wakho—okubalulekile ukuthi uyayiqonda na intando kaNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi nonke nike nabhekana nalokhu: Kwesinye isikhathi ngenkathi nithandaza nihlangene, amandla omsebenzi kaMoya Ongcwele aphakama, kwenza ukuthi amandla abantu aphakame. Abanye abantu bakhala kabuhlungu baphume izinyembezi ngesikhathi bethandaza, bezisola phambi kukaNkulunkulu, abanye bakhombise izinqumo abazithathile, benze izifungo. Nguwo lo umphumela okumele wenziwe umsebenzi kaMoya Ongcwele. Namuhla, kubalulekile ukuthi bonke abantu bathulule izinhliziyo zabo emazwini kaNkulunkulu. Ungagxili emazwini akhulunywa ngaphambilini; uma usabambelele kulokhu okwashiwo kuqala, kusho ukuthi uMoya Ongcwele ngeke usebenze kuwe. Uyabona ukuthi kubaluleke kanjani lokhu?

Niyayazi indlela ehanjwe uMoya Ongcwele namuhla? La maphuzu ambalwa angenhla awezinto okumele zifezwe uMoya Ongcwele namuhla nasesikhathini esizayo; ayindlela ethathwe uMoya Ongcwele, nokungena okumele abantu bakuphokophelele. Ekungeneni kwakho ekuphileni, okungenani kumele uthulule inhliziyo yakho emazwini kaNkulunkulu, ukwazi ukwamukela ukwahlulelwa nokusolwa amazwi kaNkulunkulu; inhliziyo yakho kumele ilangazelele uNkulunkulu, kumele uphokophelele ukungena okujulile eqinisweni, nezinto ezidingwa uNkulunkulu. Uma usunawo la mandla, kuzobe sekukhombisa ukuthi uthintwe uNkulunkulu, nenhliziyo yakho isiqalile ukuphendukela kuNkulunkulu. Isinyathelo sokuqala sokungena ekuphileni ukuthulula inhliziyo yakho emazwini kaNkulunkulu, isinyathelo sesibili ukwamukela ukuthintwa uMoya Ongcwele. Kunamphumela muni ukwamukela ukuthintwa uMoya Ongcwele? Ukuze ukwazi ukulangazelela, ukufuna, nokuthola iqiniso elijulile, nokukwazi ukusebenzisana noNkulunkulu ngenzindlela ezinhle. Namuhla, usebenzisana noNkulunkulu, okungukuthi kukhona okuphokophelele ngokuphokophelela kwakho, ekukhulekeni kwakho, nasebudlelwaneni bakho namazwi kaNkulunkulu, futhi wenza umsebenzi wakho ngokwezidingo zikaNkulunkulu—yilokhu kuphela ukusebenzisana noNkulunkulu. Uma ukhuluma ngokuyekela uNkulunkulu enze, kodwa wena ungenzi lutho, ungathandazi noma ufune, lokhu kungabizwa ngokuzithoba? Uma kungekho ongasebenzisana ngakho kuwe, futhi ukhaliswa ukuqeqeshelwa ukungena okunento okuyiphokophelele, kusho ukuthi awuzithobi. Abanye abantu bathi: “Konke kuya ngokuthi uNkulunkulu wayebekni kwasekuqaleni, konke kwenziwa nguNkulunkulu uqobo lwaKhe; uma uNkulunkulu engakwenzanga, umuntu angakwenza kanjani?” umsebenzi kaNkulunkulu ujwayelekile, awukho neze ngaphezu kwendalo ejwayelekile, futhi uMoya Ongcwele usebenza kuphela ngokuthi wena ufune ngokuzimisela, ngoba uNkulunkulu akamphoqi umuntu—kumele unike uNkulunkulu ithuba lokusebenza, uma ungaphokopheleli noma ungene, futhi uma kungekho nokuncane ukulangazelela enhliziyweni yakho, kusho ukuthi uNkulunkulu akanalo nelincane ithuba lokusebenza. Ungakufuna ngayiphi indlela ukuthintwa uNkulunkulu? Ngokukhuleka, nokusondela kuNkulunkulu. Kodwa okubaluleke nakakhulu, khumbula, kumele kube phezu kwesisekelo samazwi akhulunywa uNkulunkulu. Uma uvamise ukuthintwa uNkulunkulu, awubi isigqila senyama: Umyeni, inkosikazi, izingane, nemali—akukwazi ukukubopha, ufisa kuphela ukuphokophelela iqiniso nokuphila phambi kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, uzoba ngumuntu ophila endaweni yenkululeko.

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awunawo amagama athi “uzothi.”

Okwedlule: Mayelana Nenqubo Yokuthandaza

Okulandelayo: Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp