Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu

Indlela uMoya oNgcwele asebenza ngayo kubantu ukuqala ngokukhipha izinhliziyo zabo kubo bonke bantu, izigameko, nezinto uzifake emazwini kaNkulunkulu ukuze bonke bakholwe ezinhliziyweni zabo ukuthi amazwi kaNkulunkulu kuphela angenakungatshazwa futhi ayiqiniso eliphelele. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu kumele ukuthi ukholwe nasemazwini Akhe; uma ubukholwa kuNkulunkulu eminyakeni eminingi kepha ungayazi indlela uMoya oNgcwele osebenza ngayo, ngabe uyikholwa ngempela na? Ukuzuza ukuphila komuntu ojwayelekile—ukuphila okujwayelekile komuntu onobudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu—kufanele uqale ngokukholwa emazwini Akhe. Uma ngabe ungasifezile isigaba sokuqala somsebenzi uMoya oNgwele akwenzayo ebantwini, kusho ukuthi awunaso isisekelo. Uswele umthetho okuyiwona oyisisekelo empilweni, uyokwazi kanjani ukuhamba indlela engaphambili empilweni? Ukuthatha indlela okuyiyona uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu ngukungena endleleni elungile yomsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele; lokho ngukuhamba ngendlela uMoya oNgcwele ahamba ngayo. Kuyimanje nje, indlela ehanjwa nguMoya oNgcwele ingamazwi amanje kaNkulunkulu. Ukuze umuntu akwazi ukuyihamba, kumele athobele, adle aphinde aphuze lawa mazwi amanje kaNkulunkulu, futhi yonke isukela emazwini Akhe, futhi konke kusukela emazwini Akhe, amazwi Akhe amanje. Noma ngabe kungukungangabazi ngokuphelele ngoNkulunkulu osenyameni noma ukumazi uNkulunkulu, umuntu kumele aqinise emazwini Akhe. Ngaphandle kwalokho ngeke afeze lutho, futhi uyosala engenalutho. Ngokwazi uNkulunkulu kuphela uphinde umgculise esisekelweni sokudla nokuphuza amazwi Akhe kancane kancane umuntu angakha ubuhlobo beqiniso Naye. Ukudla nokuphuza amazwi Akhe uphinde uwasebenzise indlela ebonisa ukusebenzisana kahle kakhulu noNkulunkulu, iphinde ibeyindlela efakazela ukuthi umuntu ungomunye wabantu Bakhe. Uma umuntu eqonda futhi ekwazi ukuthobela ngokamanje amazwi kaNkulunkulu, loyo muntu usuke ephila endleleni eholwa nguMoya oNgcwele futhi usuke esengene endleleni efanele kaNkulunkulu ephelelisa umuntu. Ekuqaleni abantu bebefuna umusa, nokuthula nenjabulo, ukusukela lapho bakwazi ukuthola umsebenzi kaNkulunkulu. Isimo sihlukile manje. Uma bengenawo amazwi kaNkulunkulu osenyameni, uma bengenalo iqiniso lalawa mazwi, ngeke bakuthole ukwamukelwa kuNkulunkulu futhi bayokususwa nguNkulunkulu. Ukuze uzuze ukuphila okufanele kukamoya, kumele uqale ngokudla uphinde uphuze amazwi kaNkulunkulu bese uyawasebenzisa, kulesi sisekelo kuyokhandeka ubuhlobo obufanele phakathi komuntu noNkulunkulu. Usebenzisana kanjani Naye? Ngabe ufakaza kanjani njengomunye wabantu Bakhe? Ubusungula kanjani ubudlelwano obufanele noNkulunkulu?

Nansi indlela ongabona ngayo ukuthi unobudlelwane obufanele noNkulunkulu ekuphileni kwakho kwansuku zonke:

1. Uyabukholwa yini ubufakazi obuphuma kuNkulunkulu ngoKwakhe?

2. Ngabe uyakholwa yini enhliziyweni yakho ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso futhi awanaphutha?

3. Ngabe ungumuntu owenza amazwi Akhe na?

4. Uzinikele yini emsebenzini Wakhe akwethembe ngawo? Ungazinikela kanjani kuwo?

5. Ngabe konke okwenzayo ukwenzela ukwenelisa nokuthembeka kuNkulunkulu?

Ngalezi izinto, ungakwazi ukubona ukuthi unobudlelwane beqiniso noNkulunkulu kulesi sigaba samanje.

Uma ngabe uyakwazi ukwamukela lokho uNkulunkulu akuphathise kona, yamukela isithembiso Sakhe, futhi ulandele indlela kaMoya oNgcwele, lokhu kungukwenza intando kaNkulunkulu. Ngabe unakho yini ukuqonda okungaphakathi ngendlela kaMoya oNgcwele? Ngabe izenzo zakho zamanje ziyahambelana nendlela Yakhe na? Ngabe inhliziyo yakho iyasondela kuNkulunkulu na? Ngabe uzimisele yini ukulandela ukukhanya okusha okuvela kuMoya oNgcwele? Ngabe uzimisele yini ukuzuzwa nguNkulunkulu? Ngabe uzimisele yini ukuba yisibonakaliso senkazimulo kaNkulunkulu emhlabeni? Unayo yini intshisekelo yokuzuza lokho uNkulunkulu akufunayo? Uma ngabe uzimisele ukusebenzisana nokuNkulunkulu masishane emva kokuba ekhulumile futhi uzimisele ukumgculisa, uma lokhu kuyisimo somqondo wakho manje, kusho ukuthi amazwi kaNkulunkulu athele izithelo enhliziyweni yakho. Uma ungenaso lesi sifiso futhi ungenawo umgomo ofisa ukuwufeza ngalokhu, kusho ukuthi inhliziyo yakho ayikanyakaziswa uNkulunkulu.

Uma abantu bengene ngokusemthethweni ekuqeqeshweni kombuso, izinto uNkulunkulu azilindele kubo ziphakanyisiwe. Ukubona kanjani umuntu lokho? Kwakushiwo ngaphambili ukuthi abantu abanakho ukuphila, kodwa manje abantu bafuna ukuphila, bafuna ukuba ngabanye babantu bakaNkulunkulu, ukutholwa nokupheleliswa uNkulunkulu. Akusikhona ukuphakanyiswa lokhu? Eqinisweni, okudingeka ebantwini kulula kakhulu kunakuqala. Abantu abasalindelwe ukuthi babe yizisebenzi noma bafe—okulindelwe kubo ukuthi babe ngabantu bakaNkulunkulu. Akulula lokhu na? Inkani nje uma unikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu nokulalela ukuqondisa Kwakhe, konke okunye kuyofezeka. Kungani ucabanga ukuthi kunzima? Ukungena ekuphileni, okukhulunywa ngakho namuhla, kucacile kunasekuqaleni. Esikhathini esedlule, abantu babedidekile futhi bengazi ukuthi laliyini iqiniso langempela. Empeleni, bonke abaphendulayo lapho bezwa amazwi kaNkulunkulu, abakhanyiselwa futhi bakhanyiswe nguMoya oNgcwele futhi bazuze ukupheleliswa phambi kukaNkulunkulu futhi kuguqulwe isimo sabo—bonke abantu abanjalo banokuphila. Okufunwa uNkulunkulu yizidalwa eziphilayo, hhayi izinto ezingaphili. Uma ngabe ungenayo ukuphila ufana nesidumbu, uNkulunkulu angeke akhulume nawe, futhi angeke akuphakamise ukuthi ube ngomunye wabantu bakhe. Njengoba seniphakanyiswe nguNkulunkulu, senithole isibusiso esikhulu kangaka Kuye, lokhu kusho ukuthi niyibo bonke abantu abanokuphila, futhi labo abanokuphila bavela kuNkulunkulu.

Ukuze umuntu afune inguquko esimweni sakhe, indlela yokwenza izinto ilula. Uma, kulokho ohlangane nakho empilweni yakho, ukwazi ukulandela amazwi amanje kaMoya oNgcwele futhi uzwe umsebenzi kaNkulunkulu, khona-ke isimo sakho siyakwazi ukuguquka. Uma ulandela futhi ufuna konke okushiwo nguMoya oNgcwele, ungumuntu omlalelayo, ngale yondlela uzokwazi ukuba noguquko esimweni. Isimo somuntu siguqulwa ngamazwi amanje kaMoya oNgcwele; uma ngabe uhlala njalo uphakamisa izindlela zakho ezindala zokucabanga nemithetho, isimo sakho ngeke siguquke. Uma uMoya oNgcwele ungakhuluma namhlanje ukutshela bonke abantu ukungena ekuphileni okujwayelekile kobuntu kodwa wena ube uqhubeka ugxila kokungaphandle futhi udidekile ngesimo sempilo yeqiniso futhi ungakuboni ukubaluleka kwakho, uzoba umuntu ongakwazi ukwenza umsebenzi wakhe futhi angeke ube umuntu osengenile endleleni eholwa uMoya oNgcwele. Ukuthi isimo sakho siyaguquka noma cha kuncike ekutheni uyahambisana noma cha amazwi amanje avela kuMoya oNgcwele nokuthi unakho yini ukuqonda kwangempela. Lokhu kuhlukile kunalokhu obukwazi ngaphambili. Obukuqonda ngoguquko esimweni ngaphambili bekungukuthi nina, enihlulela abanye kalula, ngenxa yokuyala kukaNkulunkulu anisakhulumi noma yikanjani. Kodwa lokhu kuyisibonakaliso esisodwa nje soguquko, futhi njengamanje iphuzu elibaluleke kakhulu ukulandela isiqondiso sikaMoya oNgcwele. Ulandela konke uNkulunkulu akushoyo; ulalela konke akushoyo. Abantu abakwazi ukuguqula izimilo ngokwabo, kumele badlule ekuhlulelweni nasekusolweni, ukuhlupheka nasekucwengeni kwezwi likaNkulunkulu, noma ukuba kubhekwane nabo, baqondiswe, futhi bathenwe ngamazwi Akhe. Emva kokuthi kwenzeke konke lokhu sebengakwazi ukuthi bakwazi ukumlalela nokuzinikela kuNkulunkulu, ngaphandle kokuzama ukumkhohlisa ngokwenza izinto bengazicabangisisanga kahle. Kwenziwa ngaphansi kokucwengwa yizwi likaNkulunkulu ukuthi abantu babe noguquko esimweni. Yilabo kuphela abedlula ekuvezweni obala, ukwahlulelwa, ukuqondiswawa nokubhekanwa nabo ngamazwi Akhe abangeke baphinde benze izinto ngokunganaki, abayoba nesizotha baphinde baziphathe ngokuzihlonipha. Okubaluleke kakhulu ukuthi bayakwazi ukuthobela amazwi amanje kaNkulunkulu baphinde bathobele nomsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe wehlukile emicabangweni yabantu, bayakwazi ukuyibeka eceleni le mibono bathobele ngenhloso. Esikhathini esedlule, ukukhuluma ngezinguquko esimweni kwakubhekisa ikakhulu ekuthini umuntu akwazi ukuzidela, avumele ukuba inyama ihlupheke, aqoqe umzimba wakhe, ayeke ukwenza okuthandwa yinyama—lokhu olunye uhlobo loguquko lwesimo. Manje abantu sebeyazi ukuthi indlela okuyiyona yokubonisa uguquko esimweni ukuthobela amazwi amanje kaNkulunkulu nokwazi ukuba nokuqonda okuphelele komsebenzi Wakhe omusha. Ngale ndlela, ukuqonda kwabantu uNkulunkulu kwangaphambili, okwakuthelelwe yimicabango yabo, kungasuswa, bese bekwazi ukuthola ulwazi oluyiqiniso lukaNkulunkulu nokulamlela—yilokhu kuphela okuwukuvezwa ngokweqiniso koguquko lwesimo.

Ukufuna kwabantu ukungena empilweni kusekelwe emazwini kaNkulunkulu; kushiwo ngaphambili ukuthi yonke into yenzeka ngenxa yamazwi Akhe, kodwa akekho noyedwa olibonayo iqiniso. Uma ngabe kulesi sigaba uthola ulwazi uzobe usucacelwe ngokuphelele—lokhu ukwakha isisekelo esihle sezilingo zakusasa, kanti noma uNkulunkulu angathini, kumele nje ungene emazwini Akhe. Uma uNkulunkulu ethi, uyaqala usola abantu, uyakwamukela ukusola Kwakhe. Uma uNkulunkulu ethi abantu abafe, uyakwamukela lokho kulingwa. Uma ngabe uhlale uphila ngaphakathi kwamazwi Akhe amasha, ekugcineni amazwi kaNkulunkulu azokuphelelisa. Uma uhlala ungena emazwini kaNkulunkulu, yilesi sikhathi lapho uzopheleliswa khona masinyane. Kungani ngihlanganyela njalo njalo futhi nginicela ukuthi nikuqondisise ukungena emazwini kaNkulunkulu? Kungokugxila kuphela ekulandeleni amazwi kaNkulunkulu futhi uwazi bese ungena eqinisweni lawo lapho uMoya oNgcwele uzoba khona nethuba lokusebenza kuwe. Manje nonke ningabancintisanayo ngezindlela zonke uNkulunkulu asebenza ngazo, noma ngabe izinhlupheko zenu zibe zinkulu noma zangconywana ekugcineni, nonke nizoba nesikhumbuzo. Ukuze nizuze ukupheleliswa kwenu kokugcina, kufanele ningene kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu. Ukuze uMoya oNgcwele aphelelise abantu, akazange asebenze ngokuphathelene nohlangothi olulodwa. Ufuna abantu babambisane; udinga wonke umuntu asebenze ngokubambisana Naye. Noma ngabe uNkulunkulu uthini, uvele ungene nje kalula emazwini Akhe—lokhu kunomvuzo omkhulu ezimpilweni zenu. Yonke into yenzelwe uguquko lwesimo sakho. Uma ungena emazwini kaNkulunkulu, inhliziyo yakho izonyakaziswa uNkulunkulu, futhi uyokwazi ukuqonda zonke izinto uNkulunkulu afuna ukuzizuza kulesi sigaba somsebenzi, futhi uzoba nokuzimisela ngokuzizuza. Ezikhathini zokusola abanye abantu babekholwa ukuthi kwakuyindlela yokusebenza futhi babengakholwa amazwi kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, abacwengwanga futhi baphuma esikhathini sokusolwa bengazuzanga lutho futhi bengaqondanga lutho. Kukhona abanye abangena ngokweqiniso kula mazwi ngaphandle kokungabaza okuncane, ababethi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso elingenaphutha nokuthi abantu kufanele basolwe. Babelwa nalokho isikhathi eside, futhi babekhohlwa yikusasa labo nalapho babeya khona, futhi lapho bevela, izimo zabo zase zinokuguquka okuthile, futhi base bezuze ukuqonda uNkulunkulu ngokujule kakhudlwana. Labo ababephume phakathi kokusolwa bonke babezwa uthando lukaNkulunkulu, futhi bazi ukuthi leso sigaba somsebenzi kaNkulunkulu sasiwuthando lwakhe olukhulu oluza esintwini, nokuthi kwakuwukunqoba nokusindiswa ngothando lukaNkulunkulu. Futhi babebuye bathi imicabango kaNkulunkulu ihlale imihle njalo, futhi konke uNkulunkulu akwenzayo kubantu kuwuthando, hhayi inzondo. Labo ababengakholwa emazwini kaNkulunkulu noma babone ukubaluleka kuwo abazange babhekane nokucwengwa ngezikhathi zokusolwa, futhi umphumela waba ukuthi uMoya oNgcwele awuhambisananga nabo, futhi abatholanga lutho. Labo abangena ezikhathini zokusolwa, nakuba bedlule ekucwengweni, uMoya oNgcwele wawusebenza ngaphakathi kubo ngendlela efihlekile, umphumela kwaba ukuthola uguquko esimweni sabo sempilo. Abanye abantu babonakala benesimo esihle ngaphandle. Babehlale bejabule, kodwa abangenanga esimweni sokucwengwa amazwi kaNkulunkulu futhi abaguqukanga nhlobo, okuwumphumela wokungakholwa emazwini kaNkulunkulu. Uma ungakholwa emazwini Akhe uMoya oNgcwele ngeke asebenze kuwe. UNkulunkulu ubonakala kubo bonke abakholwa ngamazwi Akhe; labo abakholwa futhi baqonde amazwi Akhe bazozuza uthando Lwakhe!

Ukuze ungene eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu, kufanele uthole indlela yokwenza futhi wazi indlela yokwenza amazwi kaNkulunkulu. Yile ndlela kuphela ongathola ngayo inguquko esimweni sakho sokuphila, ukupheleliswa uNkulunkulu, futhi ngabantu abapheleliswe uNkulunkulu kuphela ngaleyo ndlela abangahambisana nentando Yakhe. Ukuze uthole ukukhanya okusha, kumele uphile emazwini Akhe. Uma ngabe ushukunyiswe uMoya oNgcwele kanye, lokho akwanele neze—kumele ujule. Labo abashukunyiswe kanye bavuselwe ugqozi kuphela futhi babe nokuzimisela ukufuna, kodwa abakwazi ukukugcina lokho isikhathi eside, futhi kufanele bahlale bemukela ukushukunyiswa uMoya oNgcwele. Ziningi izikhathi engihlale ngisho ngazo ukuthi ngethemba ukuthi uMoya kaNkulunkulu ungashukumisa imimoya yabantu, ukuthi bafune uguquko ezimweni zempilo yabo, futhi ngenkathi belinde ukushukunyiswa uNkulunkulu baqonde ubuthakathaka babo, futhi endleleni yokuthola amazwi Akhe, basusa konke okungalungile kubona (ukuzenzisa, ukuzidla, nemicabango yabo, njll.) Musa ukukholwa ukuthi ukuhlabela phambili nje uthole ukukhanya okusha kwenele—kumele ususe zonke izinto ezivela ezingxenyeni eziphambene. Kumele ningangeni kuphela ngengxenye elungile, kodwa nizobuye nidinge ukukhucula konke okungalungile ezingxenyeni eziphambene. Kumele nihlale nizihlola mayelana nokuthi yikuphi okubi okusasele kinina. Imibono yenkolo yesintu, izinhloso, amathemba ukuzenzisa nokuzidla, konke yizinto ezingahlanzekile. Ziqhathanise nawo wonke amazwi kaNkulunkulu esambulo, bese uzibheka yonke imicabango yenkolo ongaba nayo. Uma ukwazi ukuyibona ngempela uzokwazi ukuyikhuculula. Abanye bantu bathi “Manje sekwanele ukulandela nje ukukhanya komsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele ngaphandle kokukhathazeka nganoma yini enye.” Uzoyikhuculula kanjani-ke imicabango yakho yezenkolo uma ivela? Ucabanga ukuthi kulula kanjalo ukulandela amazwi kaNkulunkulu namuhla? Uma uwumuntu wenkolo, ziyavela iziphazamiso emibonweni yakho yenkolo nasemicabangweni yendabuko ngenkolo okusenhliziyweni yakho, futhi uma sezivela lezi zinto, zingaphazamisa ikhono lakho lokwamukela izinto ezintsha. Lezi yizo zonke izinkinga ezikhona ngempela. Uma ulandela amazwi amanje kaMoya oNgcwele kuphela ngeke ufeze intando kaNkulunkulu. Ngenkathi ulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya oNgcwele, kumele wazi ukuthi yimiphi imicabango nezinhloso osenazo, yiziphi izinto zobuntu zokuzenzisa ezisekhona, nanokuthi yikuphi ukuziphatha okungathobeli uNkulunkulu. Uma usuzibonile zonke lezi zinto, kumele uzikhuculule. Ukushiya kwakho izenzo nokuziphatha kwakudala usuke wenzela amazwi amanje kaMoya oNgcwele. Ukuze kube noguquko esimweni, ngakolunye uhlangothi, kutholakala ngamazwi kaNkulunkulu, futhi ngakolunye uhlangothi, kudinga ukusebenzisana ohlangothini lwesintu. Kukhona umsebenzi kaNkulunkulu bese kuba khona ukwenza kwabantu, futhi kokubili akunakusala.

Endleleni yenu yesikhathi esizayo yokusebenza, ungayenelisa kanjani intando kaNkulunkulu? Iphuzu elibalulekile ukuqhubeka ufune ukungena ekuphileni, ulandele uguquko lwesimo, futhi ufune ukungena ngokujuliule eqinisweni—le yiyona ndlela yokuzuza ukupheleliswa nokutholwa uNkulunkulu. Nonke nizothola umsebenzi kuNkulunkulu, yini pho leyo? Lokhu kuhambelana nesinyathelo esilandelayo somsebenzi, okuzoba umsebenzi omkhulu ozokwenziwa emhlabeni wonke jikelele. Ngakho manje nimele nilandele uguquko esimweni senu sokuphila ukuze esikhathini esizayo nibe ubufakazi bukaNkulunkulu ethola inkazimulo ngomsebenzi Wakhe, futhi nenziwe izifanekiso zomsebenzi Wakhe wangomuso. Ukufuna kwanamhlanje kwakha isisekelo somsebenzi wesikhathi esizayo; ukuze wena usetshenziswe uNkulunkulu ukuze ube ufakazi Wakhe. Uma lokhu kuyilokho okuhlosile, uzokwazi ukuzuza uMoya oNgcwele. Uma liphakeme izinga lokufuna kwakho, nezinga lokupheleliswa kwakho lizonyuka. Uma uqhubeka ngokufuna iqiniso, ilapho uMoya oNgcwele uzosebenza kakhulu. Uma umdlandla wokufuna wenyuka, ilapho uzozuza lukhulu. UMoya oNgcwele uphelelisa abantu ngokungaphakathi kubo. Abanye abantu bathi abafuni ukusetshenziswa uNkulunkulu noma ukupheleliswa Nguye, bathi kuzolunga inqobo nje uma inyama yabo ihlala iphephile futhi iphelele futhi bengavelelwa yishwa. Abanye abantu abazimisele ukungena embusweni, kodwa bazimisele ukwehlela emgodini ongenamkhawulo. Kulokho, uNkulunkulu uzokugcwalisela leso sifiso. Noma yikuphi okufunayo, uNkulunkulu uzokufezela khona. Ikuphi okufunayo? Ingabe ufuna ukupheleliswa? Ingabe izenzo zakho nokuziphatha ukwenzela ukupheleliswa uNkulunkulu, ukuze utholwe Nguye? Kumele uhlale uzilinganisa ngale ndlela nsukuzonke. Uma inhliziyo yakho uyigxilisa ekufuneni inhloso eyodwa, noma kanjani uNkulunkulu uzokuphelelisa. Lena yindlela kaMoya oNgcwele. Indlela eholwa uMoya oNgcwele itholakala ngokufuna kwabantu. Uma niqhubeka nokulangazelela ukupheleliswa nokutholwa uNkulunkulu, ilapho-ke uMoya oNgcwele uzosebenza ngaphakthi kwenu khona. Uma uqhubeka nokungafuni, nokubuka izinto kabi nokuhambela kude, noMoya oNgcwele uphelelwa amathuba okusebenza. UMoya oNgcwele uyogcina esenishiyile. Ingabe nizimisele ukupheleliswa uNkulunkulu? Ingabe nizimisele ukutholwa uNkulunkulu? Ingabe nizimisele ukusetshenziswa uNkulunkulu? Kumele niqhubeke nokwenza konke okusemandleni ukuze nipheleliswe, nitholwe, futhi nisetshenziswe uNkulunkulu, nivumela konke okusemhlabeni ukubona izenzo zikaNkulunkulu kinina. Kuzo zonke izinto, yinina abalawuli bazo, futhi phakathi kwakho konke lokho okukhona, nizovumela uNkulunkulu athokozele ubufakazi nenkazimulo ngenxa yenu—lokhu kukhombisa ukuthi niyisizukulwane esibusisiwe kunazo zonke!

Okwedlule: Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe

Okulandelayo: Ukuthulisa Inhliziyo Yakho Phambi KukaNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp