Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu

Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso. Umsebenzi wokudala umhlaba kwabe kuwumsebenzi wokudala sonke isintu. Kwakungewona umsebenzi wokusindisa isintu, futhi awuphathelene nomsebenzi wokusindisa isintu, ngoba ngesikhathi umhlaba udalwa isintu sasingakhonakaliswa uSathane, ngakho sasingekho isidingo sokwenza umsebenzi wokusindisa isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu waqala kuphela lapho isintu sesonakaliswe uSathane, ngakho umsebenzi wokuphatha isintu nawo waqala kuphela lapho isintu sesonakalisiwe. Ngamanye amazwi, ukuphatha kukaNkulunkulu isintu kwaqala ngenxa yomsebenzi wokusindisa isintu futhi akuvelanga emsebenzini wokudala umhlaba. Umsebenzi wokuphatha isintu ngaphandle kwesimo esonakele waba khona kuphela ngemva kokuba isintu sibe nesimo esonakele, kanye nomsebenzi umsebenzi wokuphatha isintu onezingxenye ezintathu, kunokuba ube nezigaba ezine, noma izinkathi ezine. Lena iyona ndlela kuphela elungile yokukhuluma ngokuphathwa kwesintu nguNkulunkulu. Lapho inkathi yokugcina ifika ekupheleni, umsebenzi wokuphatha isintu uyobe usufike ekugcineni ngci. Ukuphethwa komsebenzi wokuphatha kuchaza ukuthi umsebenzi wokusindisa sonke isintu sewuphele nya, nokuthi isintu sesifike ekupheleni kohambo lwaso. Ngaphandle komsebenzi wokusindisa sonke isintu, umsebenzi wokuphatha isintu ubungeke ube khona, noma izigaba ezintathu zomsebenzi ngabe azikho. Kwakungenxa yokonakala kwesintu, nokuthi isintu sasinesidingo esiphuthumayo sokusindiswa, ingakho uJehova aphothula ukudalwa komhlaba futhi waqala umsebenzi weNkathi Yomthetho. Ilapho kuphela umsebenzi wokuphatha isintu waqala khona, okuchaza ukuthi yilapho kuphela okwaqalwa khona umsebenzi wokusindisa isintu. “Ukuphatha isintu” akuchazi ukuqondisa impilo yesintu esisanda kudalwa emhlabeni (okusho ukuthi, isintu esasingakhonakaliswa). Kunalokho, kungukusindiswa kwesintu esesonakaliswe uSathane, okusho ukuthi kungukuguqulwa kwesintu esonakalisiwe. Lena incazelo yokuphatha isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu awuhlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, ngakho-ke umsebenzi wokulawula isintu awuhlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, futhi uhlanganisa kuphela izigaba ezintathu zomsebenzi ezehlukene kunokudalwa komhlaba. Ukuze uqonde umsebenzi wokuphatha isintu, kuyadingeka ukuba ube nolwazi ngomlando wezigaba ezintathu zomsebenzi—lokhu ikona okufanele wonke umuntu akwazi ukuze asindiswe. Njengezidalwa zikaNkulunkulu, kufanele nikhumbule ukuthi umuntu wadalwa nguNkulunkulu, futhi kufanele nikhumbule isisusa sokonakaliswa komuntu, futhi ngaphezu kwalokho, kufanele nikhumbule inqubo yokusindiswa komuntu. Uma wazi kuphela ukwenza ngokuhambisana nemfundiso yokholo ukuze uzuze umusa kaNkulunkulu, kodwa ungenalwazi ngisho oluncane ukuthi uNkulunkulu usisindisa kanjani isintu, noma isisusa sokonakaliswa kwesintu, ngakho yikho lokhu okuswele njengesidalwa sikaNkulunkulu. Akufanele waneliswe ukuqonda lawo maqiniso angenziwa kuphela, kuyilapho ulokhu ungenalwazi ngesilinganiso esibanzi kakhulu somsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha—uma kunjalo, ubambelele ezimfundisweni ezingaphikiswa. Izigaba ezintathu ziyindaba yangaphakathi kokuphatha kukaNkulunkulu umuntu, ukuqala kwevangeli lomhlaba wonke, imfihlakalo enkulu kunazo zonke esintwini, futhi kuyisisekelo sokusabalalisa ivangeli. Uma ugxila ekuqondeni amaqiniso alula kuphela aphathelene nempilo yakho, futhi ungazi lutho ngalokhu, izimfihlakalo ezinkulu kunazo zonke kanye nemibono, ngakho impilo yakho ayifani yini nomkhiqizo ongasebenzi, ongelusizo lwalutho ngaphandle kokuthi uwubuke nje?

Uma umuntu egxila ekwenzeni kuphela, futhi ebona umsebenzi kaNkulunkulu nolwazi lomuntu njengolusekelayo, akufani yini nokuzikhathaza ngemininingwane emincane ube unganaki izinto ezibaluleke ngokwengeziwe? Lokho okufanele ukwazi, kufanele ukwazi, futhi lokho okufanele ukwenze, kufanele ukwenze. Yilapho kuphela uyoba umuntu okwaziyo ukulwela iqiniso. Uma usuku selufika ukuba usabalalise ivangeli, uma kuphela ukwazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu omkhulu futhi olungile, ukuthi unguNkulunkulu Ophakemeyo, uNkulunkulu ongefaniswe namuntu omkhulu, nokungekho ophakeme kuNaye…, uma ungasho kuphela lawa mazwi angenamsebenzi futhi akha phezulu, uphinde ungakwazi nhlobo ukusho amazwi asemqoka kakhulu, futhi anohlonze, uma ungenalutho ongalusho ngokumazi uNkulunkulu, noma umsebenzi kaNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ungakwazi ukuchaza iqiniso, noma ulethe lokho okuswelekayo kumuntu, ngakho umuntu onjengawe akakwazi ukwenza umsebenzi wakhe kahle. Ukufakazela uNkulunkulu nokusabalalisa ivangeli lombuso akuyona into elula. Kufanele kuqala uhlome ngeqiniso, kanye nemibono okufanele iqondwe. Uma ucaciselekile ngemibono kanye neqiniso lezingxenye ezehlukene zomsebenzi kaNkulunkulu, enhliziyweni yakho ugcina uwazi umsebenzi kaNkulunkulu, futhi akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu wenzani—noma ukwahlulela okulungile noma ukucwengwa komuntu—unombono omkhulu njengesisekelo sakho, futhi uneqiniso okuyilo ongalenza, uyokwazi ukulandela uNkulunkulu kuze kube sekugcineni. Kufanele wazi ukuthi akukhathaleki ukuthi imuphi umsebenzi awenzayo, inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu ayiguquki, inhliziyo yomsebenzi Wakhe ayiguquki, futhi intando Yakhe ngomuntu ayiguquki. Ngisho noma amazwi Akhe enzima kangakanani, ngisho noma siphikisa kangakanani isimo, imiyalelo yomsebenzi Wakhe ngeke iguquke, futhi nenhloso Yakhe yokusindisa umuntu ngeke iguquke. Inqobo nje uma kungesona isambulo sokuphela komuntu noma isiphetho somuntu, futhi akuwona umsebenzi wesigaba sokugcina, noma umsebenzi wokufikisa ekugcineni uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lulonke, futhi inqobo uma kusesesikhathini lapho esebenza kumuntu, ngakho inhliziyo yomsebenzi Wakhe ngeke iguquke: iyohlale iyinsindiso yesintu. Lokhu kufanele kube isisekelo sokholo lwenu kuNkulunkulu. Inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi ukusindisa sonke isintu—okuchaza ukusindiswa okuphelele komuntu ekubuseni kukaSathane. Nakuba ngasinye sezigaba ezintathu sinenjongo kanye nokubaluleka kwaso, ngasinye siyingxenye yokusindisa umuntu, futhi siwumsebenzi ohlukile wensindiso owenziwe ngokuvumelana nezidingo zesintu. Uma sewazi inhloso yalezi zigaba ezintathu zomsebenzi, uyobe sewazi ukuqonda ukubaluleka kwesigaba ngasinye somsebenzi, futhi uyokwazi ukuthi wenze njani ukuze wanelise isifiso sikaNkulunkulu. Uma ungafinyelela kuleli banga, ngakho lokhu, umbono omkhulu kunayo yonke, uyoba isisekelo sokukholwa kwakho kuNkulunkulu. Akufanele ufune kuphela izindlela ezilula zokwenza, noma amaqiniso ajulile, kodwa kufanele uhlanganise imibono nokwenza, khona kuzoba khona kokubili, amaqiniso ongawenza kanye nolwazi olunesisekelo emibonweni. Yilapho kuphela uyoba umuntu oshisekela iqiniso ngokupheleleyo.

Izigaba ezintathu zomsebenzi zisekujuleni kwenhliziyo yokuphatha kukaNkulunkulu kukonke, futhi kuzo kuvezwa isimo sikaNkulunkulu nalokho ayikho. Labo abangazi ngezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu abakwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu usiveza kanjani isimo Sakhe, futhi ababazi ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, futhi baqhubeka nokungabi nalwazi ngezindlela eziningi asindisa ngazo isintu, kanye nentando Yakhe ngesintu sisonke. Izigaba ezintathu zomsebenzi zingukuvezwa okuphelele komsebenzi wokusindisa isintu. Labo abangazazi izigaba ezintathu zomsebenzi bazohlala bengenalwazi ngezindlela nemiyalelo ehlukene yomsebenzi woMoya oNgcwele; labo ababambelela kakhulu kuphela emfundisweniemfundisweni esalayo esigabeni esisodwa somsebenzi ngabantu abakhawulisa uNkulunkulu emfundisweni, kanti ukholo lwabo kuNkulunkulu aluqondakali futhi alunasiqiniseko. Abantu abanjalo abasoze bathola insindiso kaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kuphela ezingaveza ngokuphelele isimo sikaNkulunkulu sisonke, futhi ziveze ngokuphelele inhloso kaNkulunkulu yokusindisa isintu sisonke, kanye nenqubo yonke yokusindiswa kwesintu. Lokhu ubufakazi bokuthi usemhlulile uSathane waphinde wazuza isintu, kuwubufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu, futhi kungukuvezwa kwesimo sikaNkulunkulu sisonke. Labo abaqonda isigaba esisodwa ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu bazi ingxenye kuphela yesimo sikaNkulunkulu. Ekucabangeni komuntu, kulula ukuthi lesi sigaba esisodwa somsebenzi siphenduke imfundiso, kuyabonakala ukuthi umuntu angamisa imigomo ngoNkulunkulu, futhi umuntu usebenzisa le ngxenye eyodwa yesimo sikaNkulunkulu njengokuthi imele isimo sikaNkulunkulu sisonke. Ngaphezu kwalokho, okuningi ukucabanga ngamehlo engqondo komuntu kuhlangene lapho, ngendlela yokuthi uyasikhawula ngokuqinile isimo, ubuyena, kanye nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nemiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, ngaphakathi kwemikhawulo enyinyekile, ekholelwa ukuthi uma uNkulunkulu wabe enje ngokunye, uzohlala enjalo sonke isikhathi, futhi ngeke aphinde ashintshe. Kuphela yilabo abaziyo futhi abazinanelayo izigaba ezintathu zomsebenzi abangamazi uNkulunkulu ngokuphelele futhi ngokuyikho. Okungenani, ngeke bamchaze uNkulunkulu njengoNkulunkulu wama-Israyeli, noma amaJuda, futhi ngeke bambone njengoNkulunkulu oyohlala ebethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu. Uma ufinyelela ekwazini uNkulunkulu kusukela esigabeni esisodwa somsebenzi Wakhe, ulwazi lwakho luncane kakhulu. Ulwazi lwakho luyiconsi olwandle. Uma kungenjalo, kungani abaningi bamakholwa ohlobo oludala esabethela uNkulunkulu esiphambanweni ephila? Akungenxa yokuthi umuntu ufaka uNkulunkulu emikhawulweni ethile? Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abayibo yini abantu abangazi lutho futhi abanolwazi oluncane abancinyane, abazama nje ukukhombisa ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Laba bantu abanaso isizathu abangakhuluma ngaso! Empeleni, lapho ulwazi lwabantu lulukhulu ngoNkulunkulu, yilapho bephuza ukwahlulela umsebenzi Wakhe. Ngaphezu kwalokho, bakhuluma kancane kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, kodwa abanawo amawala ekwahluleleni kwabo. Lapho kukuncane abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, yilapho beqhosha khona futhi benokuzethemba okweqile, futhi yilapho bememezela ngokungabi namahloni okukhulu ubukhona bukaNkulunkulu—kepha bakhuluma okucatshangwayo nje kuphela, futhi abalethi ubufakazi bangempela. Abantu abanjalo abalusizo kwalutho. Labo ababona umsebenzi woMoya oNgcwele njengomdlalo abanangqondo! Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki? Noma ngabe usuku luyafika lapho abantu abanjalo bemukela umsebenzi omusha woMoya oNgcwele, nakalokhu, uNkulunkulu ngeke ababekezelele. Ababukeli phansi labo abasebenzela uNkulunkulu nje kuphela, kodwa bahlambalaza uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abanobuwula kanje ngeke baxolelwe, noma kulenkathi noma enkathini ezayo futhi bayobhubha ingunaphakade esihogweni! Abantu abanjalo, abangahloniphi, abathanda ukuzitika bayazenzisa ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu, futhi lapho beqhubeka nokwenze njalo, yilapho bengazithola bephula izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuve bonke labo abaqhoshayo, abangalawuliwe ngokwemvelo, futhi abangakaze bahloniphe muntu, bonke behamba le ndlela? Abaphikisani noNkulunkulu usuku nosuku, Yena ohlala emusha futhi engagugi? Namuhla, kufanele niqonde ukuthi kungani kufanele nazi ukubaluleka kwezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu. Amazwi engiwashoyo awokusiza nina, futhi awalona ize. Uma niwafunda nje sengathi nibuka izimbali ngenkathi nedlula ngejubane nisemhlane wehhashi, ngeke wonke umsebenzi Wami onzima ube ngowamahhala? Ngamunye wenu kufanele ayazi imvelo yakhe. Abantu abaningi banekhono lokuqophisana, izimpendulo zemibuzo yezinto ezicatshangwayo iphimiseka kalula niyisho, kodwa aninakho eningakusho mayelana nemibuzo ephathelene nezinto ezinohlonze. Nanamuhla, nisaba nezingxoxo ezinobuwula, anikwazi ukushintsha imvelo yenu yakudala, futhi iningi lenu alizimisele ukushintsha indlela enishisekela ngayo ukuze nithole iqiniso eliphakeme, kuphela niphila izimpilo zenu ngokungabi nentshisekelo. Abantu abanjalo bangakwazi kanjani ukulandela uNkulunkulu kuze kube sekugcineni ngci? Ngisho noma ningaphikelela nize nifike ekupheleni kwendlela, kuyokuzuzisa ngani? Kungcono ukushintsha imibono yenu ningaze nishiywe isikhathi, noma nishiseke ngokweqiniso, noma nidikibale nishiye kusekhona isikhathi. Uma isikhathi sihamba niyoba yimbungulu ehamba idla mahhala—nizimisele ukudlala indima ephansi nengenasithunzi kanjalo?

Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumlando ngomsebenzi wonke kaNkulunkulu, ziwumlando wokusindiswa kwesintu futhi aziqanjiwe nje. Uma nifisa ngempela ukuthola ulwazi ngesimo sikaNkulunkulu sisonke, kufanele nizazi izigaba ezintathu zomsebenzi owenziwa nguNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, akufanele neqe inoma isiphi isigaba. Lesi yisiqalo nje okufanele babe naso labo abafuna ukwazi uNkulunkulu. Umuntu uqobo akakwazi ukuzakhela ngokwakhe ulwazi lweqiniso lukaNkulunkulu. Akuyona into umuntu uqobo angayicabanga nje, futhi akuwona umphumela womusa okhethiwe uMoya oNgcwele awunike umuntu oyedwa. Kunalokho, kuwulwazi olufika emuva kokuthi umuntu esezizwele umsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngulwazi lukaNkulunkulu olufika kuphela emuva kokuzizwela amaqiniso omsebenzi kaNkulunkulu. Ulwazi olunje ngeke lutholakale ngomcabango ozifikelayo nje, futhi aluyona into engafundiswa. Luphathelene ngokupheleleyo nodlule kukhona mathupha. Ukusindisa isintu kukaNkulunkulu kuwumnyombo walezi zigaba ezintathu zomsebenzi, kepha emsebenzini wensindiso kutholakala izindlela eziningi zokusebenza namasu isimo sikaNkulunkulu esivezwa ngawo. Yilokhu okunzima kakhulu kumuntu ukuthi akukhombe, futhi kunzima kumuntu ukuthi akuqonde. Ukuhlukaniswa kwezinkathi, izinguquko emsebenzini kaNkulunkulu, izinguquko esizindeni somsebenzi, izinguquko kubemukeli balo msebenzi, njalo njalo—konke lokhu kutholakala ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Ikakhulukazi, umehluko endleleni uMoya oNgcwele asebenza ngayo, kanye ngezinguquko esimweni sikaNkulunkulu, isiqu, igama, ubunjalo, noma ezinye izinguquko, konke kuyingxenye yezigaba ezintathu zomsebenzi. Isigaba esisodwa somsebenzi singamela ingxenye eyodwa kuphela, futhi sigcina esilinganisweni esithile. Asifaki ukwehlukana kwezinkathi, noma izinguquko emsebenzini kaNkulunkulu, kungasaphathwa okwezinye izingxenye. Leli iqiniso elisobala. Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu sewuwonke. Umuntu kufanele awazi umsebenzi kaNkulunkulu kanye nesimo sikaNkulunkulu emsebenzini wensindiso, futhi ngaphandle kwaleli qiniso, ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lungamazwi ayize, aluyilutho ngaphandle kokubeka imibono engasho lutho. Ulwazi olunjalo alukwazi ukugqugquzela noma ukunqoba umuntu, ulwazi olunjalo luphambene nokuyikhona, futhi akusilona iqiniso. Lungaba luningi kakhulu, luphinde lube mnandi uma uluzwa kodwa uma lumelene nesimo sikaNkulunkulu semvelo, ngakho uNkulunkulu ngeke akuhawukele. Ngeke kuphela angaluncomi ulwazi lwakho, kodwa futhi uyoziphindiselela kuwe ngokuba isoni esimhlambalazayo. Amazwi okwazi uNkulunkulu awakhulunywa kalula. Noma ungaba nolimi olulula futhi uyigagu, futhi nakuba amazwi akho ehlakaniphe ngendlela yokuthi uyakwazi ukuthi into emnyama imhlophe futhi emhlophe imnyama, kodwa awunakho okudingekayo uma sekuza ekutheni ukhulume ngolwazi lukaNkulunkulu. UNkulunkulu akayena lowo ongamehlulela ngamawala, noma umncome ngokunganaki, noma umlulaze ngokunganaki. Uncoma noma ubani nowonke wonke, kepha uyazabalaza ukufika emazwini afanelekile ukuchaza ubukhulu bobuhle nomusa kaNkulunkulu—yilokhu okufundwa izo zonke izehluleki. Nakuba kunochwepheshe bezilimi abaningi abangakwazi ukuchaza uNkulunkulu, ubuqiniso kwalokho abakushoyo, kuncane ngangesilinganiso sekhulu kuneqiniso elikhulunywa abantu baNkulunkulu futhi abanolwazi lwamagama olimi olunomkhawulo, kepha bebe benolwazi nokubona okuningi. Ngakho kuyabonakala ukuthi ulwazi lukaNkulunkulu lutholakala ngokushaya esikhonkosini nokuba yikho uqobo, hhayi ukusetshenziswa kwamagama okuhlakanipha noma ukuba nolwazi lwamagama olimi olunothile, nokuthi ulwazi lomuntu nolwazi lukaNkulunkulu akuhlobene neze. Isifundo sokwazi uNkulunkulu siphakeme ukudlula noma isiphi esesayensi yesintu. Kuyisifundo esingafunyanwa abambalwa kakhulu balabo abafuna ukwazi uNkulunkulu, futhi ngeke kwatholwa inoma umuphi nje umuntu onethalente. Ngakho akufanele nibheke ukwazi uNkulunkulu nokushisekela iqiniso njengokuthi kungamane kwenziwe yingane. Mhlawumbe ube nempumelelo ngokuphelele empilweni yomndeni wakho, noma emsebenzini wakho, noma emshadweni wakho, kodwa uma sekuza eqinisweni, nesifundo sokwazi uNkulunkulu, awunalutho esandleni, awufezanga lutho. Ukwenza iqiniso, kungashiwo, kunzima kakhulu kini, futhi ukwazi uNkulunkulu kuyinkinga enkulu impela. Lokhu ubunzima benu, futhi ubunzima isintu sisonke esibhekene nabo. Phakathi kwalabo ababe nokuphumelela okuthile emkhakheni wokwazi uNkulunkulu, cishe abekho abasezingeni elifanele ncamashi. Umuntu akazi ukuthi kuchaza ukuthini ukwazi uNkulunkulu, noma ukuthi kungani kunesidingo ukwazi uNkulunkulu, noma iliphi izinga elisho ukuthi sewuyamazi uNkulunkulu. Yilokhu okukhungathekisayo esintwini, futhi ngempela nje kuyimpicabadala enkulu kunazo zonke isintu esibhekene nayo—futhi akekho okwazi ukuphendula lo mbuzo, futhi akekho ozimisele ukuphendula lo mbuzo, ngoba, kuze kube namuhla, akekho phakathi kwesintu osewake waba nempumelelo ekufundeni lo msebenzi. Mhlawumbe, uma impicabadala yezigaba ezintathu zomsebenzi isiveziwe esintwini, kuyovela ngokulandelana iqembu labantu abanamathalente abamaziyo uNkulunkulu. Empeleni, ngethemba ukuthi kunjalo, futhi, ngaphezu kwalokho, Ngiphezu kwenqubo yokwenza lo msebenzi, futhi ngithemba ukubona ukuvela kwabaningi abanamathalente anjalo maduzane. Bazoba yilabo abafakazela iqiniso lalezi zigaba ezintathu zomsebenzi, futhi, empeleni, bayoba ngabokuqala ukufakaza ngalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Uma abantu abanawo la mathalente anjalo bengekho, ngosuku lokuphela komsebenzi kaNkulunkulu, noma kukhona oyedwa noma ababili, futhi bevumile mathupha ukupheleliswa nguNkulunkulu othathe isimo sesintu, akukho okubuhlungu futhi esinokuzisola ngakho okudlula lokhu—nakuba kuyisithombe sesimo esibi kunazo zonke ezingenzeka. Noma kwenzekani, ngisethemba ukuthi lapho abashisekela ngokweqiniso bangasizuza lesi sibusiso. Kusukela ekuqaleni kwesikhathi, awukaze ubekhona umsebenzi onje ngaphambilini, umsebenzi onje awukaze wenzeke emlandweni wokuthuthuka komuntu. Uma ngempela ungaba omunye wabokuqala kulabo abazi uNkulunkulu, ngeke lokhu kube wudumo oluphakeme kakhulu kuzo zonke izidalwa? Singaba khona esinye isidalwa phakathi kwesintu esingathola ukunconywa okukhulu okudlula lokho kuNkulunkulu? Umsebenzi onje awulula ukuwufeza kodwa usayovuna imivuzo ekugcineni. Ngale kobulili noma ubuzwe babo, bonke labo abakwazi ukuthola ulwazi lukaNkulunkulu ekugcineni, bayothola amaqhuzu amakhulu kakhulu kuNkulunkulu, futhi kuyoba yibo kuphela abayoba negunya likaNkulunkulu. Lokhu umsebenzi wanamhlanje, futhi umsebenzi wangesikhathi esizayo; owokugcina, futhi uphakeme kunayo yonke imisebenzi ezofezwa eminyakeni eyizi-6,000 yokusebenza, futhi uyindlela yokusebenza eveza lonke uhlobo lomuntu. Ngomsebenzi wokwenza umuntu ukuthi azi uNkulunkulu, izigaba ezehlukene zabantu ziyavezwa: labo abazi uNkulunkulu bafanelekile ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu futhi bemukele izithembiso Zakhe, kuthi labo abangamazi uNkulunkulu abafanelekile ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu nokwamukela izithembiso Zakhe. Labo abazi uNkulunkulu bangabangani abakhulu bakaNkulunkulu, kanti labo abangamazi uNkulunkulu angeke babizwa ngabangani abakhulu bakaNkulunkulu; abangani abakhulu bakaNkulunkulu bangathola noma iziphi izibusiso zikaNkulunkulu, kodwa labo abangebona abangani Bakhe abakhulu akufanele bathole noma imiphi yemisebenzi Yakhe. Noma ngabe izinhlupheko, ukucwengwa, noma ukwahlulelwa, konke ngokokuvumela umuntu ukuthola ekugcineni ulwazi lukaNkulunkulu nokuthi umuntu athobele uNkulunkulu. Yilo mphumela kuphela oyofezeka ekugcineni. Ayikho into ezigabeni ezintathu zomsebenzi efihliwe, futhi lokhu kuwusizo ekwazini komuntu uNkulunkulu, futhi kusiza umuntu ukuthi athole ulwazi lukaNkulunkulu oluphelele futhi olugcwele. Wonke lo msebenzi uwusizo kumuntu.

Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe ngumbono umuntu ekufanele awubone, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu ngeke ufezwe ngumuntu, futhi akuwona owomuntu. Izigaba ezintathu zomsebenzi zingukuphatha kukaNkulunkulu sekukonke, futhi awukho umbono omkhulu ukudlula lona ofanele ukwaziwa ngumuntu. Uma umuntu engawazi lo mbono omkhulu kangaka, ngakho akulula ukuthi azi uNkulunkulu, futhi akulula ukuqonda intando kaNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, indlela umuntu ahamba kuyo iya ikhuphukela ukukhandla. Ngaphandle kwemibono, umuntu ubengeke akwazi ukuhamba aze afike lapha. Imibono eqaphe umuntu kwaze kwaba inamuhla, futhi yiyo ehlinzeke umuntu ngokuvikeleka okukhulu kakhulu. Esikhathini esizayo, ulwazi lwenu kufanele lujule kakhulu, futhi kufanele nazi intando Yakhe isiyonke kanye nengqikithi yomsebenzi Wakhe ohlakaniphile ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Yilesi kuphela isiqu senu sangempela. Isigaba sokugcina somsebenzi asimile sodwa, kodwa siyingxenye yendikimba eyakhiwe izigaba ezimbili zangaphambilini ndawonye, okusho ukuthi ngeke kwenzeke neze ukuthi uqede umsebenzi wonke wokusindisa ngokwenza esinye sezigaba ezintathu zomsebenzi sodwa kuphela. Nakuba isigaba sokugcina somsebenzi siyakwazi ukusindisa umuntu ngokuphelele, lokhu akusho ukuthi kudingeka kwenziwe lesi sigaba sisodwa kuphela, nokuthi lezi zigaba zomsebenzi ezimbili zangaphambilini azidingeki ukusindisa umuntu ethonyeni likaSathane. Asikho isigaba ezigabeni ezintathu esingaphakanyiswa njengombono okuyiwona kuphela ofanele waziwe isintu sonke, ngoba umsebenzi wensindiso sewu wonke uyizigaba ezintathu zomsebenzi, hhayi isigaba esisodwa phakathi kwazo. Inqobo uma umsebenzi wensindiso ungakafezeki, ukuphatha kukaNkulunkulu ngeke kukwazi ukufika ekupheleni okuphelele. Ubuyena, isimo, kanye nokuhlakanipha kukaNkulunkulu buvezwa emsebenzini wensindiso sewu wonke, abuvezwanga kumuntu ekuqaleni kakhulu, kodwa kuvezwe kancane kancane emsebenzi wensindiso. Isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso siveza ingxenye yesimo sikaNkulunkulu, kanye nengxenye yobuyena; Akuzona zonke izigaba zomsebenzi ezingaveza ngqo futhi ezingaveza ngokuphelele Ubuyena sebubonke bukaNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi wensindiso ungaphethwa uma izigaba ezintathu zomsebenzi seziphothuliwe, ngakho ulwazi lo muntu ngakho konke ngoNkulunkulu, lungehlukaniswe nezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu. Lokho umuntu akuzuzayo esigabeni somsebenzi esisodwa kumane kuyisimo sikaNkulunkulu esivelayo engxenyeni eyodwa yomsebenzi Wakhe. Akukwazi ukumela isimo nobuyena okuvela ezigabeni ezingaphambili noma ezingemuva. Lokhu yingoba umsebenzi wokusindisa umuntu ngeke uqedwe khona manjalo esikhathini esisodwa, noma endaweni eyodwa, kodwa kancane kancane uya ujula ngangezinga lokuthuthuka komuntu ezikhathini nasezindaweni ezihlukene. Kuwumsebenzi owenziwa ngezigaba, futhi awupheli ngesigaba esisodwa. Ngakho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu sekukonke kucaciswa ezigabeni ezintathu kunasesigabeni esisodwa. Ubuyena bubonke nobuhlakani Bakhe bubonke bendlalwe kulezi zigaba ezintathu, futhi isigaba ngasinye siphethe ubuyena Bakhe, futhi siwumbhalo wokuhlakanipha komsebenzi Wakhe. Umuntu kufanele azi isimo sisonke sikaNkulunkulu esivezwa kule zigaba ezintathu. Konke lokhu ngobuyena bukaNkulunkulu kubaluleke kakhulu impela esintwini sonke, futhi uma abantu bengenalo lolu lwazi uma bekhonza uNkulunkulu, abahlukile kulabo abakhonza uBuddha. Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu awufihliwe kumuntu, futhi kufanele waziwe yibo bonke labo abakhonza uNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu esezenzile lezi zigaba ezintathu zomsebenzi wensindiso phakathi kwabantu, umuntu kufanele azi ukuvezwa kwalokho anakho nayikho ngezikhathi zalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ilokhu okufanele kwenziwe umuntu. Akufihlayo uNkulunkulu kumuntu yilokho umuntu angeke akwazi ukukwenza, nalokho umuntu angafanele ukukwazi, kanti lokho uNkulunkulu akukhombisa umuntu yilokho umuntu ekufanele akwazi, nalokho umuntu ekufanele abenakho. Isigaba ngasinye sezigaba ezintathu zomsebenzi senziwa phezu kwesisekelo sesigaba esingaphambilini; asenziwa ngokuzimela, sehlukanisiwe emsebenzini wensindiso. Nakuba kunomehluko omkhulu enkathini nenhlobo yomsebenzi owenziwayo, emnyombeni wawo, kuseyinsindiso yesintu, futhi isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso sijulile kakhulu kunesigcinile. Isigaba ngasinye somsebenzi siqhubeka esisekelweni sesigaba esigcinile, esingaqedwanga. Ngale ndlela, emsebenzini Wakhe ohlale umusha futhi ongabi mdala neze, uNkulunkulu uhlala eveza izingxenye zesimo Sakhe ezingakaze zivezwe ngaphambilini kumuntu, futhi uhlala eveza kumuntu umsebenzi Wakhe omusha, nobuyena Bakhe obusha. Futhi nakuba amakholwa ahambisa ngokudala enza konke okusemandleni ukumelana nalokhu, futhi aphikisana nakho imbaba, uNkulunkulu uyawenza njalo umsebenzi omusha ahlose ukuwenza. Umsebenzi Wakhe uhlale ushintsha, futhi ngenxa yalokhu, uhlale uhlangabezana nokuphikiswa ngumuntu. Naso, ngokunjalo, isimo Sakhe sihlale sishintsha, njengenkathi nabamukeli bomsebenzi Wakhe? Ngaphezu kwalokho, njalo uhlale enza umsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini, wenza ngisho umsebenzi obukeka uphambene nomsebenzi obuwenziwa ngaphambilini, ahambise ngokuphambene nawo. Umuntu ukwazi ukwemukela indlela eyodwa kuphela yokusebenza noma indlela eyodwa yokwenza. Kunzima kumuntu ukwemukela umsebenzi noma izindlela zokwenza, ezingavumelani nabo, noma eziphakeme kunabo—kodwa uMoya oNgcwele uhlale enza umsebenzi omusha, ngakho kuye kuqhamuke amaqembu ngamaqembu ochwepheshe kwezokukholwa abamelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu. Laba bantu sebebe ngochwepheshe ngenxa kanye yokuthi umuntu akanalo ulwazi lokuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akabi mdala nhlobo, futhi akanalwazi ngezimiso zomsebenzi kaNkulunkulu, kuphinde, okudlula lokho, akanalwazi ngezindlela eziningi uNkulunkulu asindisa ngazo umuntu. Ngakho, umuntu akakwazi nhlobo ukubona noma umsebenzi ovela kuMoya oNgcwele, noma umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abaningi babambelela kule simo sengqondo lapho, uma uhambisana namazwi angaphambilini, babe sebeyawemukela, futhi uma kunomehluko kunomsebenzi wangaphambilini, bayamelana nawo futhi bawukhahlele. Namuhla, akuve nonke nibambelele kuleyo miyalelo? Izigaba ezintathu zomsebenzi wensindiso azizange zibe nomphumela otheni kini, futhi kunalabo abakholwa ukuthi izigaba ezimbili zangaphambilini ziwumthwalo ongenasidingo ngempela sokuthi bawazi. Bacabanga ukuthi lezi zigaba akufanele zithulwe kuquqaba futhi kufanele zihoxiswe ngokushesha kakhulu, ukuze abantu bangazizwa bekhungathekile yizigaba ezimbili zangaphambilini kule zigaba ezintathu zomsebenzi. Abaningi bakholelwa ukuthi ukwenza izigaba ezimbili zangaphambilini ukuthi zaziwe, sekwedlulele, futhi akunasizo ekwazini uNkulunkulu—nicabanga kanjalo. Namuhla, nonke nicabanga ukuthi kulungile ukwenza kanjalo, kodwa usuku luyofika lapho niyobona ukubaluleka komsebenzi Wami: Yazini ukuthi angenzi msebenzi ongabalulekile. Njengoba ngimemezela izigaba ezintathu kuwe, ngakho kufanele zibe wusizo kuwe; njengoba le zigaba ezintathu ziyingqikithi yokuphatha kukaNkulunkulu kukonke, ngakho kufanele bonke abantu bagxile kuzona emhlabeni jikelele. Ngelinye ilanga, nonke niyobona ukubaluleka kwalo msebenzi. Yazini ukuthi nimelana nomsebenzi kaNkulunkulu, noma nisebenzisa imibono yenu siqu ukukala umsebenzi wanamhlanje, ngoba anizazi imiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngoba aniwuthathi ngokuthi ubalulekile ngokwanele umsebenzi woMoya oNgcwele. Ukumelana kwenu noNkulunkulu kanye nokuvimbela umsebenzi woMoya oNgcwele kudalwa imibono yenu kanye nokukhukhumala okusemvelweni yenu. Akukhona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulunganga, kodwa yingoba anilaleli kakhulu ngokwemvelo. Emuva kokuthola ukholo lwabo kuNkulunkulu, abanye abantu abakwazi ngisho ukusho ngesiqiniseko ukuthi umuntu waqhamuka kuphi, kepha bayalokotha bathule izinkulumo emphakathini behlola ukulunga nokungalungi komsebenzi woMoya oNgcwele. Futhi baze bafundise abaphostoli abanomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, bephawula futhi bekhuluma kungafanele; ubuntu babo buphansi kakhulu, futhi abanangqondo kwakona. Ngeke lufike na usuku lapho abantu abanjalo beyolahlwa umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bashe emililweni yasesihogweni. Abawazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa kunalokho bayawugxeka umsebenzi Wakhe, futhi baphinde bazame ukutshela uNkulunkulu ukuthi asebenze kanjani. Bangamazi kanjani abantu abangenangqondo kanjalo uNkulunkulu? Umuntu ufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngesikhathi senqubo yokumfuna nokuzizwela Yena; ufika ekumazini uNkulunkulu ngokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, hhayi ngokumgxeka ngomathanda. Uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luya ngokucophelela, bayanciphisa ukumelana Naye. Uma siqhathanisa, uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luphansi, yilapho kulula ukuthi bamelane Naye. Imibono yakho, imvelo yakho endala, nobuntu, isimilo kanye nesimo sakho sokuziphatha, “isamba” omelana ngaso noNkulunkulu, futhi ngangokukhohlakala, ukonakaliswa kanye nokubaphansi oyikho, ingangokunyukela kokuba kwakho isitha sikaNkulunkulu. Labo abanemibono emibi kakhulu futhi abanesimo sokuzithwala banobutha ngisho nakakhulu noNkulunkulu othathe isimo sesintu, futhi abantu abanjalo abaphikikristu. Uma imibono yakho ingaguqulwanga, iyohlala njalo imelene noNkulunkulu; awusoze wazwana noNkulunkulu, futhi uyohlala uhlukene Naye.

Ungakwazi ukuthola ulwazi olusha kuphela uma ubeka eceleni imibono yakho emidala, kepha ulwazi oludala alusho ngempela imibono emidala. “Imibono” ikhuluma ngezinto ezicatshangwa ngumuntu ngamehlo engqondo ezingavumelani neqiniso. Uma ulwazi oludala bese luvele lusemuva ngenkathi endala, futhi lwavimba umuntu ukuthi angene emsebenzini omusha, ngakho ulwazi olunjalo nalo luwumbono. Uma umuntu engakwazi ukulubuka ngendlela efanele lolo lwazi, futhi akwazi ukufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngezindlela eziningi ezihlukene, ulwazi oludala luphenduka usizo kumuntu, futhi luphenduka isisekelo umuntu angena ngaso enkathini entsha. Isifundo sokwazi uNkulunkulu sidinga wena ukuthi uqondisise imiyalelo eminingi: ungena kanjani endleleni yokwazi uNkulunkulu, imaphi amaqiniso okufanele uwaqonde ukuze wazi uNkulunkulu, nendlela yokulahla imibono nemvelo yakho endala ukuze uthobele wonke amalungiselelo omsebenzi omusha kaNkulunkulu. Uma usebenzisa lezi zimiso njengesisekelo sokungena esifundweni sokwazi uNkulunkulu, ulwazi lwakho luyoya lujula. Uma unolwazi olucacile ngezigaba ezintathu—okusho ukuthi, uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu selulonke—futhi uma ungahlanganisa ngokuqhathanisa izigaba ezimbili zangaphambilini zomsebenzi kaNkulunkulu nesigaba samanje, futhi ukwazi ukubona ukuthi umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu oyedwa, uyoba nesisekelo esiqinile kakhulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi zenziwa uNkulunkulu oyedwa; lokhu umbono omkhulu kunayo yonke, futhi iyona kuphela indlela yokwazi uNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi bezingenziwa uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi akekho umuntu ongamenzela lo msebenzi—okusho ukuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela obengenza umsebenzi Wakhe siqu kusukela ekuqaleni kuze kube manje. Nakuba izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwe ezinkathini nasezindaweni ezehlukene, futhi nakuba umsebenzi wazo ngasinye uhlukile, wonke umsebenzi wenziwe nguNkulunkulu oyedwa. Emibonweni iyonke, lona umbono omkhulu kunayo yonke umuntu okufanele ayazi, futhi uma uqondwa ngokuphelele umuntu, ngakho uyokwazi ukuma aqine. Namuhla, inkinga enkulu kakhulu izinkolo namahlelo ezibhekene nayo ukungawazi umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi awakwazi ukuhlukanisa phakathi komsebenzi woMoya oNgcwele nomsebenzi okungewona owoMoya oNgcwele—ngakho azikwazi ukubona noma lesi sigaba somsebenzi, njengalezi zigaba ezimbili zomsebenzi ezigcinile, naso senziwa nguNkulunkulu uJehova. Nakuba abantu belandela uNkulunkulu, abaningi abakwazi ukubona noma yindlela elungile yini. Umuntu uyakhathazeka ngokuthi le ndlela yindlela eholwa nguNkulunkulu Ngokwakhe mathupha, nokuthi ukuthatha kwesimo sesintu kukaNkulunkulu kuyiqiniso, futhi abantu abaningi namanje abakwazi ukwehlukanisa uma sekuza ezintweni ezinjalo. Labo abalandela uNkulunkulu abakwazi ukucacisa indlela, ngakho imilayezo ekhulunywayo inomphumela ongaphelele phakathi kwala bantu, futhi ayikwazi ukusebenza ngokuphelele, ngakho lokhu kuyakuthikameza ukungena empilweni kwabantu abanjalo. Uma umuntu engabona ezigabeni ezintathu zomsebenzi ukuthi zenziwa nguNkulunkulu Uqobo ezikhathini ezehlukene, ezindaweni ezehlukene, kanye nakubantu abahlukene, uma bengabona ukuthi nakuba umsebenzi uhlukile, wonke wenziwa uNkulunkulu oyedwa, nokuthi njengoba kuwumsebenzi owenziwa uNkulunkulu oyedwa, khona-ke kufanele ukuthi ulungile, futhi awunawo amaphutha, nokuthi noma ungavumelani nemibono yabantu, akukho ukungabaza ukuthi umsebenzi waNkulunkulu oyedwa—uma umuntu engasho ngokuqiniseka ukuthi ngumsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, ngakho imibono yomuntu izomane iphenduke ubala nje, engafanelekile ngisho ukuthi ungakhuluma ngakho. Ngenxa yokuthi imibono yomuntu ayicacanga, futhi umuntu wazi uJehova njengoNkulunkulu, noJesu njengeNkosi, futhi unemiqondo emibili mayelana noNkulunkulu othathe isimo sesintu wanamhlanje, abantu abaningi baqhubeka nokuzinikela emsebenzini kaJehova noJesu, futhi bakhungathwe imibono ngomsebenzi wanamhlanje, abantu abaningi bahlale bengabaza, futhi abawuthathi umsebenzi wanamhlanje ngokuthi ubalulekile. Umuntu akanayo imibono mayelana nezigaba ezimbili zokugcina zomsebenzi, ezazingabonakali. Yingoba umuntu akaliqondi iqiniso mayelana nezigaba ezimbili zokugcina zomsebenzi, futhi akazange azibonele zona mathupha. Yingoba azibonakali yingakho umuntu ezicabangela njengoba ethanda; akukhathaliseki ukuthi uvezani, awekho amaqiniso azifakazelayo, futhi akekho ozozilungisa. Umuntu unikezela ngokungenamkhawulo ukuzibonela kwakhe ngokwemvelo engakhathaleli lutho futhi evumela ukucabanga ngamehlo engqondo kwakhe kukhululeke, ngoba akunamaqiniso ongaqinisekisa ngawo, ngakho ukucabanga komuntu kuphenduka “iqiniso,” akukhathaliseki noma bukhona yini ubufakazi kukhona. Ngakho umuntu ukholelwa kuNkulunkulu wakhe emqondweni wakhe, futhi angamfuni uNkulunkulu weqiniso. Uma umuntu oyedwa enenkolelo ethize, ngakho phakathi kwabantu abalikhulu abanezinkolelo kunezinhlobo eziyikhulu zezinkolelo. Umuntu unalezo zinkolelo ngoba akaliboni iqiniso lomsebenzi kaNkulunkulu, ngoba usawuzwe ngezindlebe zakhe kuphela futhi akakawuboni ngamehlo akhe. Umuntu usezwe izinganekwane nezindaba kodwa—akavamisile ukuzwa ulwazi ngamaqiniso omsebenzi kaNkulunkulu. Ngalokho kungenxa yemibono yabo ukuthi abantu osekuphele unyaka owodwa nje bengamakholwa, ukuthi bakholwe nguNkulunkulu, lokhu kuyiqiniso futhi nakulabo asebekholwe kuNkulunkulu iminyaka yabo yonke. Labo abangawaboni amaqiniso abasoze bakwazi ukuphunyuka okholweni lapho benemibono ngoNkulunkulu. Umuntu ucabanga ukuthi usezikhululile ezibophweni zemibono yakhe emidala, futhi usengene endaweni entsha. Umuntu akazi ukuthi ulwazi lwalabo abangabuboni ubuso beqiniso bukaNkulunkulu luyimibono nenzwabethi nje kuphela? Umuntu ucabanga ukuthi imibono yakhe ilungile, futhi ayinaphutha, futhi ucabanga ukuthi le mibono ivela kuNkulunkulu. Namhlanje, lapho umuntu ebona umsebenzi kaNkulunkulu, udedela imibono eseyakheleke eminyakeni eminingi. Imicabango yokubuka ngomqondo kanye namacebo akudala aphenduka abayisithiyo emsebenzini wale sigaba, futhi kwaba lukhuni kumuntu ukuthi ashiye imibono enjalo futhi aphikise amacebo anjalo. Imibono ngalo msebenzi ohambisa ngesinyathelo nesinyathelo sabaningi balabo abakade belandela uNkulunkulu kuze kube namuhla seyiye ngokunyukela yabanzima kakhulu futhi laba bantu kancane kancane sebakhe ubutha obunenkani noNkulunkulu othathe isimo somuntu. Isisusa sale nzondo sisemibonweni nasemicabangweni yomuntu. Imibono nemicabango yomuntu iphenduke isitha somsebenzi wanamuhla, umsebenzi ophambene nemibono yomuntu. Lokhu kwenzeke ngenxa kanye yokuthi amaqiniso awamvumeli umuntu ukuthi akhulule ukubuka kwakhe ngamehlo engqondo, futhi, ngaphezu kwalokho, akulula ukuthi aphikiswe ngumuntu, futhi nemibono nokubona ngamehlo engqondo komuntu, akuvumeli ukubakhona kwamaqiniso, phezu kwalokho, ngoba umuntu akacabangi ngokulunga nokunemba kwamaqiniso, futhi ngokuzicabangela yedwa umane adedele imibono yakhe futhi asebenzise ukucabanga kwakhe. Lokhu kungathiwa nje kuphela iphutha lemibono yomuntu, futhi ngeke kuthiwe iphutha lomsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu angacabanga noma yini ayithandayo, kodwa akakwazi ukuphikisa ngokukhululeka nanoma isiphi isigaba somsebenzi kaNkulunkulu noma ucezu lwaso; ukubakhona komsebenzi kaNkulunkulu akunakoniwa ngumuntu. Ungakhulula ukucabanga kwakho ngamehlo engqondo, futhi ungaqoqa ndawonye izindaba ezinhle ngoJehova noJesu, kodwa awukwazi ukuphikisa iqiniso nganoma isiphi isigaba somsebenzi kaJehova noJesu ngasinye; lokhu isimiso, futhi njalo kuyisimemezelo sokuphatha, futhi kufanele niqonde ukubaluleka kwalezi zindaba. Umuntu ukholwa ukuthi le sigaba somsebenzi asihambisani nemibono yomuntu, futhi nokuthi lokhu akunjalo mayelana nezigaba zomsebenzi ezimbili ezingaphambilini. Ekubukeni kwakhe ngamehlo engqondo, umuntu ukholwa ukuthi umsebenzi wezigaba ezimbili zangaphambilini ngokuqinisekile awufani nomsebenzi wanamhlanje—kodwa wake wacabanga ukuthi imiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu zonke ziyafana, ukuthi umsebenzi Wakhe ungobonakalayo njalo, nokuthi, akukhathali inkathi, kuyohlala kukhona inkindlane yabantu abamelana futhi baphikise iqiniso lomsebenzi Wakhe? Bonke labo namuhla abamelana futhi baphikise le sigaba somsebenzi akungabazeki ukuthi babeyophikisana noNkulunkulu ezikhathini zakudala, ngoba abantu abanjalo bayohlala beyizitha zikaNkulunkulu. Abantu abazi iqiniso ngomsebenzi kaNkulunkulu bazobona izigaba ezintathu zomsebenzi njengomsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, futhi bazoshiya phansi imibono yabo. Laba ngabantu abamaziyo uNkulunkulu, futhi abantu abanjalo yilabo abalandela uNkulunkulu ngeqiniso. Uma ukuphatha kwaNkulunkulu sekukonke sekusondela ekupheleni, uNkulunkulu uzohlela zonke izinto ngohlobo lwazo. Umuntu wenziwa izandla zoMdali, futhi ekugcineni kufanele Abuyisele umuntu ngaphansi kombuso Wakhe; lesi isiphetho sezigaba ezintathu zomsebenzi. Isigaba somsebenzi ezinsukwini zokugcina, nezigaba ezimbili ezingaphambilini kwa-Israyeli naseJudiya, ziwuhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu emhlabeni jikelele. Akekho ongakuphika lokho, futhi kuyiqiniso lomsebenzi kaNkulunkulu. Nakuba abantu abakawuboni noma bazizwele okuningi ngalo msebenzi, amaqiniso aselokhu engamaqiniso, futhi lokhu kungephikiswe nanoma imuphi umuntu. Abantu abakholwa kuNkulunkulu emazweni wonke emhlabeni jikelele bonke bazokwemukela izigaba ezintathu zomsebenzi. Uma wazi isigaba esithile somsebenzi, futhi ungaziqondi lezi ezinye izigaba ezimbili, ungaqondi umsebenzi kaNkulunkulu ezikhathini ezedlule, ngakho awukwazi ukukhuluma iqiniso lonke lohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, futhi ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lunohlangothi olulodwa, ngoba okholweni lwakho kuNkulunkulu Awumazi, noma Awumqondi, ngakho awufanele ukufakazela uNkulunkulu. Akukhathaliseki ukuthi ulwazi lwakho lwamanje lwalezi zinto lujulile noma lukha phezulu, ekugcineni, kufanele nibe nolwazi, futhi nikholiseke ngokucophelela, futhi bonke abantu bayowubona umsebenzi kaNkulunkulu usuwonke futhi bathobe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Ekupheleni kwalo msebenzi, zonke izinkolo ziyohlangana, zonke izidalwa ziyobuyela ngaphansi kombuso woMdali, zonke izidalwa ziyokhonza uNkulunkulu oyedwa oyiqiniso, futhi zonke izinkolo ezimbi ziyophela, futhi zingaphinde zivele.

Kungani kulokhu kukhulunywa ngalezi zigaba ezintathu zomsebenzi? Ukudlula kwezinkathi, ukuthuthuka kwezokuhlalisana kwabantu, kanye nobuso bemvelo obushintshayo konke kulandela izinguquko ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Ngokuhamba kwesikhathi isintu siyashintsha ngokuhambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, futhi asithuthuki ngokwaso sisodwa. Ukuzisho izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kwenzelwa ukuze kuqoqwe zonke izidalwa, nabantu kuzo zonke izinkolo namahlelo, ngaphansi kombuso kaNkulunkulu oyedwa. Akukhathaleki ukuthi ukuyiphi inkolo, ekugcineni nonke niyothoba ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela ongenza lo msebenzi; awunakwenziwa inoma iyiphi inhlokho yenkolo. Ziningi izinkolo ezinkulu emhlabeni, futhi ngayinye inenhloko yayo, noma umholi, futhi abalandeli basabalele emazweni ngezifunda ezihlukene emhlabeni wonke; wonke amazwe, angaba mancane noma makhulu, anezinkolo ezihlukene ngaphakathi kwawo. Nokho, akukhathaliseki ukuthi zingaki izinkolo ezikhona emhlabeni jikelele, bonke abantu emhlabeni uhlangene namazulu ekugcineni baphila ngaphansi kokuqondiswa nguNkulunkulu oyedwa, futhi impilo yabo ayiqondiswa ikhanda noma umholi wenkolo othile. Okungukusho ukuthi isintu asiholwa inhloko noma umholi wezenkolo othile; esikhundleni salokho isintu sisonke siholwa nguMdali, owadala amazulu nomhlaba, kanye nezinto zonke, futhi wadala nesintu—futhi lokhu kuyiqiniso. Nakuba umhlaba unezinkolo eziningi ezinkulu, akukhathaliseki ukuthi zinkulu kangakanani, zonke zikhona ngaphansi kokubuswa uMdali futhi azikho kuzona ezingadlula isilinganiso salo mbuso. Ukuthuthuka kwesintu, inqubekela phambili kwezokuhlalisana kwabantu, ukuthuthuka kwezesayensi yemvelo—ngakunye kungehlukaniswe namalungiselelo oMdali, futhi lo msebenzi akuyona into engenziwa umholi wenkolo othile. Izinhloko zezinkolo zimane zingabaholi benkolo ethile, futhi ngeke zimele uNkulunkulu noma lowo owadala amazulu nomhlaba kanye nezinto zonke. Izinhloko zenkolo zingahola bonke labo abakuleyo nkolo iyonke, kodwa ngeke zikwazi ukubusa zonke izidalwa ngaphansi kwamazulu—leli iqiniso elivunywayo emhlabeni wonke. Izinhloko zenkolo zimane zingabaholi, futhi ngeke zime zilingane noNkulunkulu (uMdali). Zonke izinto zisezandleni zoMdali, futhi ekugcineni zonke ziyobuyela ezandleni zoMdali. Isintu senziwa nguNkulunkulu ekuqaleni, futhi akukhathaliseki inkolo, wonke umuntu uyobuyela ngaphansi kokubuswa nguNkulunkulu—lokhu akunakugwemeka. UNkulunkulu kuphela okunguye oPhezukonke phakathi kwezinto zonke, futhi umbusi ophakeme kunabo bonke phakathi kwezidalwa zonke kufanele naye abuyele ngaphansi kokubusa Kwakhe. Noma ngabe isikhundla somuntu siphakeme kangakanani, ngeke akwazi ukuletha isintu esiphethweni esifanele, futhi akekho okwazi ukuhlela zonke izinto ngohlobo lwazo. UJehova Uqobo Lwakhe owadala isintu futhi wasihlela ngohlobo, futhi uma isikhathi sokuphela sifika uyokwenza umsebenzi Wakhe Uqobo Lwakhe, ehlela zonke izinto ngohlobo lwazo—futhi lokhu ngeke kwenziwe inoma ubani ngaphandle kukaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi ezenziwe kusukela ekuqaleni kuze kube namuhla zonke zenziwa nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi zenziwa nguNkulunkulu oyedwa. Iqiniso ngezigaba ezintathu zomsebenzi yiqiniso lobuholi bukaNkulunkulu besintu sonke, iqiniso ongekho ongaliphika. Ekugcineni kwezigaba ezintathu zomsebenzi, zonke izinto ziyohlelwa ngohlobo futhi zibuyele ngaphansi kokubuswa nguNkulunkulu, ngoba emhlabeni jikelele kukhona lo Nkulunkulu oyedwa kuphela, futhi azikho ezinye izinkolo. Ongazange awudale umhlaba ngeke akwazi ukuwufikisa ekugcineni, kepha Lowo owadala umhlaba ngokuqinisekile uzowufikisa ekugcineni, ngakho uma umuntu engakwazi ukuletha inkathi esiphethweni futhi wazi nje ukusiza umuntu ukuthi alungise umqondo wakhe, impela ngeke abe uNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile ngeke abe yiNkosi yesintu. Ngeke akwazi ukwenza umsebenzi omkhulu kanjalo; munye kuphela ongenza lo msebenzi onjalo, futhi bonke labo abangakwazi ukwenza lo msebenzi ngokuqinisekile izitha ngaphandle kwaNkulunkulu. Zonke izinkolo ezimbi azihambisani noNkulunkulu, futhi njengoba zingahambisani noNkulunkulu, ziyizitha zikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi wenziwa yilo Nkulunkulu oyedwa oyiqiniso, kanti nomhlaba wonke nezulu lonke likhuzwa ngulo Nkulunkulu oyedwa. Akukhathaliseki ukuthi usebenza kwa-Israyeli noma eShayina, akukhathaliseki ukuthi umsebenzi wenziwe uMoya oNgcwele noma inyama, konke kwenziwa uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi kungenziwe omunye. Yingoba kanye unguNkulunkulu wesintu sonke yingakho Yena esebenza ngokukhululeka, engacindezelwe yinoma imiphi imibandela-futhi lokhu umbono omkhulu kunayo yonke. Njengesidalwa sikaNkulunkulu, uma ufisa ukwenza umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu futhi uqonde intando kaNkulunkulu, kufanele uqonde umsebenzi kaNkulunkulu, kufanele uqonde intando kaNkulunkulu ngezidalwa, kufanele uqonde uhlelo Lwakhe lokuphatha, futhi kufanele uqonde konke ukubaluleka komsebenzi awenzayo. Labo abangakuqondi lokhu abafanelekile ukuba izidalwa zikaNkulunkulu! Njengesidalwa sikaNkulunkulu, uma ungaqondi ukuthi wavelaphi, ungaqondi umlando wesintu kanye nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ungaqondi ukuthi isintu sithuthuke kanjani kuze kube inamuhlanje, futhi ungaqondi ukuthi ubani olaya isintu sisonke, awukwazi ukwenza umsebenzi wakho. UNkulunkulu usehole isintu kwaze kwaba inamhlanje, futhi selokhu Adala umuntu emhlabeni akakaze amshiye. UMoya oNgcwele akayeki ukusebenza, akakaze ayeke ukuhola isintu, futhi akakaze asishiye isintu. Kodwa isintu asiboni ukuthi kukhona uNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi sazi uNkulunkulu, futhi ikhona yini enye into edumaza ukudlula le ezidalweni zikaNkulunkulu zonke? UNkulunkulu uhola umuntu mathupha, kodwa umuntu akawuqondi umsebenzi kaNkulunkulu. Uyisidalwa sikaNkulunkulu, kepha awuwuqondi umlando wakho siqu, futhi awazi ukuthi ubani okuholile kulolu hambo, awuwazi umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, futhi ngeke umazi uNkulunkulu. Uma ungazi manje, awusoze wafaneleka ukuba unike ubufakazi ngoNkulunkulu. Namuhla, uMdali uhola abantu mathupha futhi, wenza bonke abantu babone ubuhlakani, ukuba ngusomandla, insindiso kanye nokumangalisa Kwakhe. Kepha namanje awuboni noma awuqondi—ngakho awuyena lowo ongeke aze athole insindiso? Laba abangaba kaSathane abawaqondi amazwi kaNkulunkulu, futhi labo abangaba kaNkulunkulu bayakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu. Bonke labo ababonayo futhi abaqondayo amazwi engiwakhulumayo yilabo abazosindiswa, futhi bafakazele kuNkulunkulu; bonke labo abangaqondi amazwi engiwakhulumayo ngeke bakwazi ukufakazela uNkulunkulu, futhi bayilabo abayobhubhiswa. Labo abangaqondi intando kaNkulunkulu futhi abangawuboni umsebenzi kaNkulunkulu ngeke bakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, kuphinde abantu abanjalo ngeke bafakazele uNkulunkulu. Uma ufisa ukufakazela uNkulunkulu, kufanele wazi uNkulunkulu, futhi ulwazi lukaNkulunkulu lugcwaliseka ngomsebenzi kaNkulunkulu. Sekukonke, uma ufisa ukwazi uNkulunkulu, kufanele wazi umsebenzi kaNkulunkulu: Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu impela. Uma izigaba ezintathu zomsebenzi zifika ekupheleni, kuyokwenziwa iqembu lalabo abafakazela uNkulunkulu, iqembu lalabo abamaziyo uNkulunkulu. Bonke laba bantu bayomazi uNkulunkulu futhi bayokwazi ukwenza iqiniso. Bayoba nobuntu nomqondo, futhi bonke bayozazi izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso. Lona umsebenzi oyogcwaliseka ekugcineni, futhi la bantu bangukucaciswa komsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, futhi bangubufakazi obunamandla bokuhlulwa kukaSathane ekugcineni. Labo abangafakazela uNkulunkulu bayokwazi ukuthola isithembiso nesibusiso sikaNkulunkulu, futhi bayoba iqembu eliyosala ekugcineni ngci, elinegunya likaNkulunkulu futhi lifakazela uNkulunkulu. Mhlawumbe abalapha phakathi kwenu bonke bayoba amalunga aleli qembu noma mhlawumbe uhhafu kuphela, noma abambalwa kuphela—kuncike entandweni yenu nokushisekela kwenu.

Okwedlule: Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu

Okulandelayo: Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp