Okuqondene Nabo Bonke Abenza Umsebenzi Wabo

Esimweni samanje, wonke umuntu omthanda ngeqiniso uNkulunkulu unethuba lokulungiswa Nguye. Akusho lutho ukuthi basemusha noma bamdala, inqobo uma ezinhliziyweni zabo belalela uNkulunkulu futhi bemhlonipha, Yena uzokwazi ukubalungisa. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokwemisebenzi yabo ehlukahlukene. Inqobo uma usebenzise amandla akho wonke futhi wazithoba emsebenzini kaNkulunkulu uzokwazi ukupheleliswa Nguye. Njengamanje akekho noyedwa phakathi kwenu olungile. Ngesinye isikhathi ukwazi ukwenza uhlobo olulodwa lomsebenzi futhi ngesinye isikhathi ukwazi ukwenza emibili; inqobo uma unikela wonke amandla akho uzikhandlela uNkulunkulu ekugcineni uyogcina uphelelisiwe nguNkulunkulu.

Abantu abasebasha bannamafilosofi empilo ezimbalwa, futhi bantula ukuhlakanipha nokuqonda. UNkulunkulu ukhona ukuze aphelelise ukuhlakanipha nokuqonda komuntu, futhi iZwi likaNkulunkulu ligcwalisela izinto abantu abashoda ngazo. Nokho, izimo zabantu abasebasha azizinzile futhi lokhu kudinga ukuguqulwa uNkulunkulu. Abantu abasebasha banokuqonda okulinganiselwe ngezenkolo namafilosofi empilo ambalwa. Bacabanga ngendlela elula, futhi abakucabangayo akulukhuni. Lesi yisici lapho ubuntu babo bungakabi yilokho okumele kube yikho Futhi kuyisici esifisekayo, kodwa abantu abasebasha abazi futhi bantula ukuhlakanipha futhi, le yindawo okudingeka ipheleliswe uNkulunkulu. Ngokupheleliswa uNkulunkulu, kufanele ukhule ekuqondeni futhi ukwazi ukuziqonda ngokucacile izinto eziningi ezingokomoya, futhi kancane kancane uphenduke ube umuntu olungele ukusetshenziswa uNkulunkulu. Abafowethu nodadewethu abadala nabo bayakwazi ukwenza eminye yemisebenzi futhi uNkulunkulu akabalahlile. Abafowethu nodadewethu abadala nabo banezici ezithile ezifiselekayo nezici ezingafiseleki. Abafowethu nodadewethu abadala banamafilosofi empilo amaningi, baziqonda kakhulu ezenkolo, izenzo zabo zibambeke ohlakeni oluqinile, balandela futhi basebenzise imithetho njengokungathi bangamarobhothi, bawasebenzisa sengathi bayimishini, futhi abakwazi ukuvumelana nezimo, kunalokho baqinile. Lesi akusona isici esifiselekayo. Nokho, abafowethu nodadewethu abadala bazothile futhi abaxhamazeli lapho bebhekene nokuthile; bazinzile, futhi abalali bephenduka. Bangase bangasheshi ukwamukela izinto, kodwa lokhu akuwona umonakalo omkhulu. Inqobo uma nikwazi ukuthoba; uma nikwazi ukwamukela amazwi amanje kaNkulunkulu futhi ningacubunguli amazwi kaNkulunkulu; uma nikhuthalela kuphela ukuthoba nokulandela, futhi ningawahluleli nhlobo amazwi kaNkulunkulu noma ningenayo eminye imicabango emibi ngawo; uma namukela amazwi Akhe bese niwenza—khona-ke, uma senanelise le mibandela, nizokwazi ukupheleliswa.

Noma ungumuntu omusha noma ungumfowethu noma udadewethu omdala, uyawazi umsebenzi okumele uwenze. Labo abasebasha abazikhukhumezi; labo ababadala abahlali nje bangenzi lutho futhi abagugi. Futhi bakwazi ukusebenzisa amandla omunye nomunye ukuze bahlangabezane nezimo ababuthaka kuzo, futhi bakwazi ukusebenzelana ngaphandle kokucwasana. Kwakhiwa ibhuloho lobungani phakathi kwabafowethu nodadewethu abadala. Ngenxa yothando lukaNkulunkulu nikwazi ukuzwana kangcono. Abafowethu nodadewethu abasebasha abababukeli phansi abafowethu nodadewethu abadala, futhi abafowethu nodadewethu abadala ababona abantu abazidlayo. Akusikho ukusebenzisana ngokuzwana lokhu? Uma nonke nixazulula izinto ngale ndlela, nakanjani intando kaNkulunkulu izofezeka esizukulwaneni senu.

Esikhathini esizayo, ukuthi uzobusiswa noma uzoqalisekiswa kuyonqunywa yizenzo zakho zanamuhla. Uma uNkulunkulu ezokuphelelisa lokho kuzokwenzeka manje kulesi sikhathi; alizukuba khona elinye ithuba esikhathini esizayo. Njengamanje, uNkulunkulu ufuna ukukuphelelisa ngempela, futhi lokhu akakwenzi ngoba egcina icala. Esikhathini esizayo, noma ungabhekana nanoma yisiphi isilingo, noma kungenzekani, noma ungehlelwa yinoma yiziphi izibhicongo, uNkulunkulu ufuna ukukuphelelisa—lokhu kuyiqiniso elimile futhi elingangabazeki. Lokhu kungabonakala kuphi? Ekutheni izwi likaNkulunkulu alikaze lifinyelele amazinga amakhulu njengawanamuhla kuyo yonke le minyaka nezizukulwane—selingene isigabeni esiphakemi kakhulu, futhi umsebenzi kaMoya Oyingcwele ophakathi kwabantu namuhla uyaqala ukuba khona. Cishe akekho umuntu ezizukulwaneni ezedlule owake wezwa lokhu. Nangesikhathi sikaJesu zazingekho izambulo ezinjengezanamuhla; kufinyelelwe amazinga aphakeme kakhulu ngamazwi akhulunywe kuwe, izinto oziqondayo, nezinto obhekana nazo. Awusuki nakuba ubhekene nezilingo nokusolwa, futhi lokhu kwanele ukufakazela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu sowufinyelele ebuhleni obuqalayo ukuba khona. Lokhu akuyona into umuntu akwazi ukuyenza futhi akuyona into umuntu akwazi ukuyigcina, kodwa ngumsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Ngakho, ngokwamaqiniso amaningi ngomsebenzi kaNkulunkulu kungabonakala ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuphelelisa umuntu, futhi nakanjani uyakwazi ukukuphelelisa. Uma ukwazi ukukubona lokhu, uma ukwazi ukuba nalokhu okusha okutholakele, awuzukukulinda ukubuya kwesibili kukaJesu kodwa kunalokho, uzovumela uNkulunkulu ukuthi akuphelelise enkathini yamanje. Ngakho, kumele umuntu ngamunye enze konke okusemandleni futhi angashiyi lutho ukuze apheleliswe uNkulunkulu.

Kulezi zinsuku kumele ungazinaki izinto ezingakhi. Kumele uqale ukubekele eceleni futhi ungakugqizi qakala konke okukwenza uphatheke kabi. Lapho usingatha izinkinga zakho kumele uhlale unenhliziyo yokufuna nokuphumputha, futhi kumele uhlale unenhliziyo elalela uNkulunkulu. Njalo lapho uthola ukuba ubuthaka obuthile ngaphakathi kuwe, kodwa awulawulwa futhi wenza umsebenzi okumele uwenze, lokhu kuyisinyathelo esihle esibheke phambili. Ngokwesibonelo: Abafowethu nodadewethu abadala banokuqonda okungokwenkolo, kodwa ukwazi ukuthandaza, futhi uyakwazi ukuzithoba, udle uphinde uphuze izwi likaNkulunkulu, ucule namahubo…. Ezwini, noma ngabe yini okwazi ukuyenza, noma ngabe yimuphi umsebenzi okwazi ukuwenza, konke kwenze ngawo wonke amandla akho ongawathola. Ungalindi ube usonge izandla. Ukukwazi ukwenza umsebenzi wakho ngendlela eyanelisa uNkulunkulu kuyisigaba sokuqala. Kuzothi lapho sewukwazi ukuqonda iqiniso futhi usungene eqinisweni lezwi likaNkulunkulu, uzokwazi ukupheleliswa nguNkulunkulu.

Okwedlule: Ukudingida Impilo Yasenkonzweni Nempilo Yangokoqobo

Okulandelayo: Mayelana nokusebenzisa kukaNkulunkulu umuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp