Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu

Ngempela ngempela umthanda kangakanani uNkulunkulu namhlanje? Futhi kungakanani konke okwaziyo uNkulunkulu akwenzile kuwe? Lezi yizinto okufanele uzifunde. Ngenkathi uNkulunkulu efika emhlabeni, konke lokho akwenzile kumuntu navumele umuntu ukuthi akubone ukwenze ukuze umuntu amthande Yena futhi amazi ngempela Yena. Ukuthi umuntu uyakwazi ukuhluphekela uNkulunkulu futhi ukwazile ukuba aze afinyelele lapha, kolunye uhlangothi, ngenxa yothando lukaNkulunkulu, bese ngakolunye uhlangothi, yingenxa yensindiso kaNkulunkulu; phezu kwalokho, kungenxa yomsebenzi wokwahlulela nokusola uNkulunkulu akwenzele umuntu. Uma ningenakho ukwahlulelwa, ukusolwa, nezilingo ezivela kuNkulunkulu, futhi uma uNkulunkulu engazange anenze nihlupheke, lapho-ke, eqinisweni nje, animthandi ngokweqiniso uNkulunkulu. Ngale nkathi umkhulu umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu, futhi ngenkathi ukuhlupheka komuntu kukukhulu, yilapho ekwazi khona ukukhombisa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ubaluleke kangakanani, futhi kulapho inhliziyo yomuntu ikwazi khona ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Ufunda kanjani ukuthanda uNkulunkulu? Ngaphandle kokuhlushwa nokucwengwa, ngaphandle kwezilingo ezibuhlungu—futhi uma, ukwedlula lapho, konke lokho uNkulunkulu akunikeze umuntu kungumusa, uthando, kanye nesihawu—ungakwazi ukuthola uthando lweqiniso lukaNkulunkulu? Ngakolunye uhlangothi, ngesikhathi sezilingo ezivela kuNkulunkulu umuntu uthola ukwazi lapho ebuthaka khona, futhi abone ukuthi akabalulekile kangako, ungodelelekile, nophansi, futhi akanalutho, futhi akalutho; ngakolunye uhlangothi, ngesikhathi sezilingo zaKhe uNkulunkulu udala izimo ezahlukene enzela umuntu ezenza umuntu akwazi ukubona ubuhle bukaNkulunkulu. Yize noma ubuhlungu bubukhulu, kwesinye isikhathi zingenakwahlulwa—futhi kuze kufinyelele ezingeni losizi olukunqobayo—eke wabhekana nalokhu, umuntu uyabona ukuthi muhle kangakanani umsebenzi kaNkulunkulu kuyena, futhi kukulesi sisekelo kuphela lapho uthando lweqiniso lukaNkulunkulu kumuntu luzalwa khona kumuntu. Namhlanje umuntu ukubona lokhu ngomusa, uthando nesihawu sikaNkulunkulu, akakwazi ukwazi ngokweqiniso ngokwakhe, angisaphathi ukwazi umongo womuntu. Kungokubhekana nakho kokubili ukucwengwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu, kuphela ngesikhathi sokucwengwa lapho umuntu engazi ubuthaka bakhe, futhi azi ukuthi akanalutho. Ngenxa yalokho-ke uthando lukaNkulunkulu ngomuntu lwakhelwe esisekelweni sokucwengwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu. Uma uthokozela umusa kaNkulunkulu kuphela, unempilo yomndeni enokuthula noma ukubusiseka ngezinto eziphathwayo, lapho-ke awukamtholi uNkulunkulu, futhi ukukholwa kwakho kuNkulunkulu ngeke kuthiwe kunempumelelo. UNkulunkulu usevele uwenzile umsebenzi wesiqephu esisodwa womusa enyameni, futhi usevele wathululela izibusiso zezinto eziphathekayo phezu komuntu—kodwa umuntu akakwazi ukupheleliswa ngomusa, uthando, nesihawu kuphela. Lokho umuntu ahlangabezana nakho kunengxenye ethile yothando lukaNkulunkulu, kumenza abone uthando nomusa kaNkulunkulu, kodwa ukuthola lokhu isikhathi esithile, uyabona ukuthi umusa kaNkulunkulu nothando lwaKhe kanjalo nomusa akukwazi ukwenza umuntu apheleliswe, futhi akukwazi ukuveza lokho okuyinkohlakalo phakathi kumuntu, futhi akukwazi ukuqeda isimo somuntu esikhohlakele, noma ukwenza uthando nokholo lwakhe lupheleliswe. Umsebenzi kaNkulunkulu womusa kwaba umsebenzi wesikhathi esisodwa, futhi umuntu akakwazi ukuncika ekuthokozeleni umusa kaNkulunkulu ukuze azi uNkulunkulu.

Kufezwa ngani ukupheleliswa komuntu kuNkulunkulu? Ngesimo saKhe sokulunga. Isimo sikaNkulunkulu ekuqaleni senziwe ukulunga, ulaka, ubukhosi, ukwahlulela, kanye nokuqalekisa, kanti nokuphelelisa kwaKhe umuntu kwenzeka ngokwahlulelwa. Abanye abantu abaqondi, babuza ukuthi kungani uNkulunkulu ekwazi ukwenza umuntu apheleliswe ngokwahlulela nokuqalekisa. Bathi, “Uma uNkulunkulu engaqalekisa umuntu, ngeke umuntu afe? Uma uNkulunkulu engahlulela umuntu, ngeke alahlwe? Pho usengenziwa kanjani aphelele?” Amazwi anjengalawa ashiwo ngabantu abangawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Into eqalekiswa uNkulunkulu ukungalaleli komuntu, futhi into ayahlulelayo Yena yizono zomuntu. Yize noma ekhuluma amagama ahlabayo, futhi ngaphandle kozwelo noluncane, uveza konke lokho okungaphakathi kumuntu, futhi ngenxa yalawa mazwi ahlabayo Wambula okusemqoka okungaphakathi kumuntu, kodwa ngokwahlulela okunjenga lokhu, unikeza umuntu ulwazi olujulile lomongo wenyama, futhi ngaleyo ndlela umuntu uzinikela ekuzithobeni phambi kukaNkulunkulu. Inyama yomuntu yenziwe ngesono, kanti ekaSathane, ayilaleli, nokuyilokho uNkulunkulu akusolayo—ngakho-ke, ukuvumela umuntu azazi, amazwi okwahlulela kukaNkulunkulu kufanele amfikele futhi kumele kusetshenziswe lonke uhlobo lokucwenga; yilapho kuphela lapho umsebenzi kaNkulunkulu uzosebenza ngempumelelo.

Emazwini akhulunywa nguNkulunkulu kuyabonakala ukuthi usevele uyijezisile inyama yomuntu. Ingabe la mazwi, pho, amazwi esiqalekiso? Amazwi akhulunywe nguNkulunkulu aveza ubunjalo bomuntu, futhi kungalesi sambulo ahlulelwa ngaso, futhi uma ebona ukuthi akakwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu, ngaphakathi uzizwa enosizi nokuzisola, uzibona enecala kuNkulunkulu, futhi ungayifanele intando kaNkulunkulu. Kunezikhathi lapho uMoya oNgcwele ekulungisa ngaphakathi, kanti lokhu kulungiswa kuqhamuka ekwahluleleni kukaNkulunkulu; kunezikhathi lapho uNkulunkulu ekusola futhi afihle ubuso baKhe kuwe, lapho engakunaki nhlobo, angasebenzi ngaphakathi kuwe, akukhuze ngaphandle kwezwi ukuze akucwenge kahle. Umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu ngokuqavile ukuba agqamise isimo saKhe sokulunga. Ubufakazi buni ekugcineni umuntu abuvezela uNkulunkulu? Ufakaza ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, ukuthi isimo saKhe singukulunga, ulaka, ukusola, kanye nokwahlulela; umuntu ufakaza isimo sokulunga kukaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa ukwahlulela kwaKhe ukwenza umuntu apheleliswe, ube nothando kumuntu, futhi wamsindisa umuntu—kodwa kungakanani okuqukethwe uthando lwaKhe? Kunokwahlulela, ubukhosi, ulaka, nokuqalekisa. Yize noma uNkulunkulu aqalekisa umuntu ngaphambilini, akazange aphonse umuntu ngaphandle emgodini omnyama ongenasiphelo, kodwa wasebenzisa lokho ukucwenga ukholo lomuntu; akazange ambulale umuntu, kodwa wenza ngendlela yokuba aphelelise umuntu. Umongo wenyama yilowo ongokaSathane—uNkulunkulu wakusho kahle impela—kodwa amaphuzu enziwa nguNkulunkulu akahambisani ngokuphelele namazwi aKhe. Uyakuqalekisa ukuze mhlawumbe umthande, futhi ukuze wazi umongo wenyama; uyakusola ukuze uphaphame, ukuvumela ukuba uwazi ubuthaka bakho obungaphakathi kuwena, kanye nokwazi ukungafaneleki komuntu ngokupheleleyo. Yingakho, iziqalekiso zikaNkulunkulu, ukwahlulela kwakhe, kanye nobukhosi nolaka—konke kunenhloso yokwenza umuntu apheleliswe. Konke lokho uNkulunkulu akwenzayo namuhla, kanye nesimo sokulunga Yena asenza sinikucacele bha—konke kungokokuba umuntu apheleliswe, futhi lunjalo-ke uthando lukaNkulunkulu.

Emicabangweni yomuntu yendabuko, ukholwa ukuthi uthando lukaNkulunkulu lungumusa waKhe, umusa, nozwelo lokuba buthakathaka komuntu. Yize noma lezi zinto zingothando lukaNkulunkulu, zisohlangothini olulodwa kakhulu, futhi azizona izindlela eziyinhloko uNkulunkulu enza umuntu apheleliswe ngazo. Uma abanye abantu besanda kuqala ukukholelwa kuNkulunkulu, kungenxa yokugula. Lokhu kugula kungumusa kaNkulunkulu kuwena; ngaphandle kwako, ngeke ukholelwe kuNkulunkulu, futhi uma ungakholelwa kuNkulunkulu ubungeke ufinyelele lapha—futhi yingakho nalo musa unguthando lukaNkulunkulu. Esikhathini sokukholelwa kuJesu—abantu benza okuningi okungathandwa nguNkulunkulu ngoba babengaliqondi iqiniso, kodwa uNkulunkulu unothando nomusa, futhi usehambe nomuntu kwaze kwaba lapha, futhi yize noma umuntu engaqondi lutho, kodwa uNkulunkulu usavumela ukuba umuntu amlandele Yena, futhi, ukudlula lapho, umhole umuntu kwaze kwaba namuhla. Ingabe lolu akulona uthando lukaNkulunkulu? Lokho okubonakala esimweni sikaNkulunkulu uthando lukaNkulunkulu—lokhu kuyiqiniso impela! Uma isakhiwo sebandla sesifinyelele esicongweni saso, uNkulunkulu wathatha isinyathelo somsebenzi wabenzi bomsebenzi waphonsa umuntu emgodini omnyana ongenasiphelo. Amazwi esikhathi sabenzi bomsebenzi kwakuyiziqalekiso zonke: iziqalekiso zenyama yakho, iziqalekiso zesimo sakho sobusathane esikhohlakele, kanye neziqalekiso zezinto zakho ezingayenelisi intando kaNkulunkulu. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu ngaleso sinyathelo wabonakaliswa njengobukhosi, maduze emva kokuba uNkulunkulu esethathe isinyathelo somsebenzi wokusola, kwabe sekufika isilingo sokufa. Emsebenzini onjalo, umuntu wabona ulaka, ubukhosi, ukwahlulela, nokusola kukaNkulunkulu, kodwa wawubona umusa kaNkulunkulu, nothando lwaKhe nesihawu; konke lokho uNkulunkulu akwenza, nakho konke akubonakalisile esimweni saKhe, kwaba uthando lomuntu, nakho konke uNkulunkulu akwenzile ukugcwalisa izidingo zomuntu. Wakwenza lokhu ukuze enze umuntu apheleliswe, futhi wahlinzeka umuntu ngokwesiqu sakhe. Uma uNkulunkulu wayengakwenzanga lokhu, umuntu ubengeke akwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu, futhi ubengeke akwazi ukwazi ubuso beqiniso bukaNkulunkulu. Kusukela ngenkathi umuntu aqala ukukholelwa kuNkulunkulu kuze kube manje, uNkulunkulu uhlinzeke kancane kancane umuntu njengokufaneleka kwesakhiwo somuntu, ukuze, ngaphakathi, umuntu athole ukumazi Yena. Kunamhlanje kuphela lapho umuntu ebona khona ukuthi kuhle kangakanani ukwahlulelwa nguNkulunkulu. Isinyathelo somsebenzi wabenzi bomsebenzi kwaba yisehlakalo sokuqala somsebenzi wokuqalekisa kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube namhlanje. Umuntu waqalekiselwa emgodini omnyama ongenasiphetho. Ukube uNkulunkulu wayengakwenzanga lokho, namhlanje umuntu ubengeke abe nolwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu; yisiqalekiso sikaNkulunkulu kuphela esenza ukuba umuntu ahlangane ngokusemthethweni nesimo Sakhe. Umuntu wembulwa ngokuvivinywa kwabenzi bomsebenzi. Wabona ukuthi ukuthembeka kwakhe kwakungamukelekile, ukuthi isakhiwo sakhe sasisincane kakhulu, ukuthi ubengeke akwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu, nokuthi lokho athi wenelisa ngako uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi kwakungamazwi nje kuphela. Yize noma esinyathelweni somsebenzi wabenzi bomsebenzi uNkulunkulu amqalekisa umuntu, uma kubukwa lokhu namhlanje leso sinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu kwakuyisinyathelo esihle kakhulu: Kwaletha inguquko enkulu kumuntu, futhi kwadala ushintsho olukhulu esimweni sempilo yakhe. Ngaphambi kwesikhathi sabenzi bomsebenzi, umuntu wayengaqondi lutho ngempilo, ukuthi kusho ukuthini ukukholwa nguNkulunkulu, noma ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, futhi wayengaqondi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ungamvivinya umuntu. Kusukela esikhathini sabenzi bomsebenzi kuze kube namuhla, umuntu uyabona ukuthi umangalisa kangakanani umsebenzi kaNkulunkulu, awunakulinganiswa umuntu, futhi ngokusebenzisa ingqondo yakhe ayakwazi ukucabanga ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani, futhi uyabona ukuthi sincane kangakanani isakhiwo sakhe nokuthi ingxenye enkulu yakhe iwukungalaleli. Uma uNkulunkulu eqalekisa umuntu, inhloso kwakungukufeza okuthile, futhi akazange ambulale umuntu. Yize noma amqalekisa umuntu, wakwenza lokhu ngamazwi, futhi iziqalekiso zaKhe azizange ziwele kumuntu, ngoba lokho okwaqalekiswa uNkulunkulu kwakuwukungalaleli komuntu, ngakho amagama eziqalekiso zaKhe inhloso yawo kwakungukuphelelisa umuntu. Noma ngabe uNkulunkulu uyamahlulela umuntu noma uyamqalekisa, kokubili kuyamphelelisa umuntu: Kokubili kwenzelwa ukuphelelisa lokho okungahlanzekile kumuntu. Ngalokhu umuntu uyacwengwa, nalokho okusilele kumuntu kupheleliswa ngamazwi aKhe nangomsebenzi. Isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu—noma ngabe ngamazwi ahlabayo, noma ukwahlulelwa, noma ukusolwa—kwenza umuntu apheleliswe, futhi ngempela kuyadingeka. Akukaze ekuhambeni kweminyaka kwenzeke ukuba uNkulunkulu enze umsebenzi ofana nalona: namuhla, usebenza ngaphakathi kinina ukuze nithokozele futhi nibazise ubuhlakani baKhe. Yize noma senizwe ubuhlungu obuthile ngaphakathi kinina, izinhliziyo zenu zinokuthula, noxolo; yisibusiso senu ukuba nithokozele lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu. Kungakhathalekile ukuthi yini enikwazi ukuyihlomula esikhathini esizayo, konke enikubonayo komsebenzi kaNkulunkulu namuhla uthando. Uma umuntu engatholi kwahlulelwa kukaNkulunkulu nokucwengwa, izenzo zakhe kanye nothando kuzohlale kungaphandle, futhi isimo sakhe siyohlala singashintshile. Ingabe lokhu kuyabalwa njengokuzuzwe nguNkulunkulu? Namuhla, yize noma kusekuningi okungaphakathi kumuntu ozazisayo noqhoshayo, isimo somuntu sizinze kakhulu kunangaphambilini. Ukubhekana kukaNkulunkulu nawe ukuze akusindise, futhi yize noma ungezwa ubuhlungu obuthile ngaleso sikhathi, kuyofika usuku lapho kuyoba noshintsho esimweni sakho. Ngaleso sikhathi, uzobuka emuva ubone ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unobuhlakani kangakanani, futhi yilapho uzokwazi ukuqondisisa kahle intando kaNkulunkulu. Namuhla, kunabantu abathile abathi bayayiqonda intando kaNkulunkulu—kodwa lokho akunakwenzeka. Empeleni, bakhuluma amanga, ngoba njengamanje kufanele baqonde ukuthi intando kaNkulunkulu ukusindisa noma ukuqalekisa umuntu. Mhlawumbe awukwazi ukubona ngokucacile manje, kodwa kuyofika usuku lapho uyobona khona ukuthi usuku lokukhazimuliswa kukaNkulunkulu selufikile, futhi uzobona kahle ukuthi kusemqoka kangakanani ukuthanda uNkulunkulu, ukuze ukwazi ukwazi impilo yomuntu, nenyama yakho izohlala emhlabeni wokuthanda uNkulunkulu, ukuthi umoya wakho uzokhululwa, impilo yakho izophuphuma injabulo, nokuthi uyohlale useduze noNkulunkulu, futhi uyohlezi ubheke kuNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, uyokwazi ngempela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ubaluleke kangakanani namuhla.

Namuhla, abantu abaningi abanalo lolo lwazi. Bakholwa ukuthi ukuhlupheka akunamsebenzi, impilo yasemakhaya abo inezinkinga, ababona abathandwa bakaNkulunkulu, futhi izifiso zabo ziluvindi. Ukuhlupheka kwabanye abantu kufinyelela ephuzwini eledlulele, nemicabango yabo iphenduka ukufa. Lolu akulona uthando lweqiniso lukaNkulunkulu; abantu abanjengalaba bangamagwala, abakwazi ukubekezela, babuthakathaka futhi kabanamandla! UNkulunkulu umagange ukuba umuntu amthande, kodwa ngale nkathi umuntu emthanda kakhulu, kungale nkathi nokuhlupheka komuntu kuzokwanda, futhi ngenkathi umuntu emthanda kakhulu, kanjalo nezilingo zakhe zizokwanda. Uma umthanda, konke ukuhlupheka kuzokwehlela—futhi uma ungamthandi, mhlawumbe yonke into izokuhambela kahle, futhi kuzoba nokuthula okukuzungezile. Uma uthanda uNkulunkulu, uzwa sengathi okuningi obhekene nako akunakwahlulwa, futhi ngoba isakhiwo sakho sincane kakhulu uzocwengwa; ngaphezu kwalokho, awukwazi ukwenelisa uNkulunkulu, futhi uyohlala uzwa sengathi intando kaNkulunkulu iphakeme kakhulu, umuntu ngeke akwazi ukuyifinyelela. Ngenxa yakho konke lokhu uzothola ukucwengwa—ngoba kunobuthakathaka obukhulu ngaphakathi kuwena, nokuningi okungakwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu, uzocwengwa ngaphakathi. Kodwa kufanele nibone ngokucacile ukuthi ukuhlanzwa kwenzeka kuphela ngokucwengwa. Ngenxa yalokhu, ngalezi zinsuku zokugcina kufanele nibe nobufakazi bukaNkulunkulu. Noma ngabe kungakanani ukuhlupheka kwenu, kufanele nize zifinyelele esiphethweni, ngisho nasemphefumulweni wenu wokugcina, nalapho kusafanele nithembeke kuNkulunkulu, futhi nibe semuseni kaNkulunkulu; yilona kuphela uNkulunkulu onothando, futhi yilobu kuphela ubufakazi obunamandla nobuphilayo. Uma ulingwa nguSathane, kufanele uthi: “Inhliziyo yami ingekaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu usengizuzile. Angikwazi ukukwenelisa—kufanele ngizinikele ngakho konke ukwenelisa uNkulunkulu.” Ngenkathi wenelisa kakhulu uNkulunkulu, kungale nkathi uNkulunkulu ekubusisa kakhulu, futhi aba makhulu namandla othando lwakho ngoNkulunkulu; nawe, ngokunjalo, uzoba nokholo nokuzimisela, futhi uzwe sengathi ayikho into ebaluleke noma eqave ngaphezu kwempilo echithwe uthanda uNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi umuntu kufanele kuphela athande uNkulunkulu ukuze angabi nosizi. Yize noma kuba nezikhathi lapho inyama yakho ibuthakathaka futhi usibekelwe yizinkinga eziningi, ngalezi zikhathi uzoncika ngempela kuNkulunkulu, futhi emoyeni wakho ngaphakathi uzoduduzwa, futhi uzoba nokuqiniseka, futhi uzoba nokuthile othembele kukhona. Ngale ndlela, uzokwazi ukunqoba izimo eziningi, ngakho ngeke ukhalaze ngoNkulunkulu ngenxa yomunyu owuzwayo; uzofuna ukucula, udanse, futhi uthandaze, uhlanganyele nabazalwane, ucabange ngoNkulunkulu, futhi uzobona ukuthi bonke abantu, babalulekile, futhi nezinto ezikuzungezile ezihlelwe nguNkulunkulu zifanelekile. Uma ungamthandi uNkulunkulu, konke okubukayo kuzoba ngokukukhathazayo, ayikho into ezojabulisa emehlweni akho; emoyeni wakho ngeke ukhululeke kodwa uzoba ngocindezelwe phansi, inhliziyo yakho iyohlezi ikhononda ngoNkulunkulu, futhi uzohlala uzwa sengathi uneminjunju eminingi kakhulu, kanti lokho akunabulungiswa kakhulu. Uma ungenzi mzamo ngenhloso yokuthola injabulo, kodwa ukuze wenelise uNkulunkulu nokuthi ungasolwa nguSathane, lapho lowo mzamo nokulangazelela kuzokunikeza amandla amakhulu okuthanda uNkulunkulu. Umuntu uyakwazi ukwenza konke okukhulunywe nguNkulunkulu, futhi konke akwenzayo kuyakwazi ukumenelisa uNkulunkulu—kuchaza lokhu-ke ukuzuzwa okungokoqobo. Ukuzama ukwenelisa uNkulunkulu ukusebenzisa uthando lukaNkulunkulu ekusebenzise amazwi Akhe; kungakhathalekile isikhathi—ngisho noma abanye bengenamandla—ngaphakathi kuwena kusenenhliziyo emthandayo uNkulunkulu, emlangazelela ngokujulile uNkulunkulu, nemkhumbulayo uNkulunkulu. Lesi yisakhiwo sangokoqobo. Ukuba kuhle kwesakhiwo sakho kuncike ekutheni lukhulu kangakanani uthando lwakho ngoNkulunkulu, ekutheni uyakwazi ukuma uqine uma uvivinywa, noma ngabe ubuthakathaka lapho izimo ezithile zikufikela, nanokuthi uyakwazi ukuzimela uma abafowenu nodadewenu bekukhipha inyumbazane; ukufika kwamaqiniso kuzokhombisa ukuthi lunjani ngempela uthando lwakho ngoNkulunkulu. Kuyabonakala emsebenzini omningi kaNkulunkulu ukuthi ngempela uNkulunkulu uyamthanda umuntu, ukuthi nje amehlo angokomoya omuntu asadinga ukuvuleka ngokuphelele, futhi akakwazi ukubona kahle umsebenzi kaNkulunkulu omningi, nokuthi intando kaNkulunkulu, nezinto eziningi ezinhle ngoNkulunkulu; umuntu unothando oluncane kakhulu ngoNkulunkulu. Usukholelwe kuNkulunkulu kuso sonke lesi sikhathi, futhi namhlanje uNkulunkulu ususe zonke izindlela zokubaleka. Eqinisweni, ayikho enye indlela ngaphandle kokuthatha indlela elungile, indlela elungile oholelwe kuyona yisahlulelo esibuhlungu kanye nensindiso ephakeme kaNkulunkulu. Kungokubhekana nezinkinga zobunzima kuphela nokucwengwa ukuba umuntu aze azi ukuthi uNkulunkulu muhle. Okubonile kuze kube manje, kungashiwo ukuthi umuntu useyayazi ingxenye yobuhle bukaNkulunkulu—kodwa lokhu akwenele, ngoba umuntu kusadingeka okuningi kuyena angenakho. Kufanele abone okwengeziwe ngomsebenzi kaNkulunkulu omangalisayo, kanye nokunye ukuhlupheka kokucwengwa okubekwe nguNkulunkulu. Yilapho kuphela-ke lapho isimo somuntu singashintshwa khona.

Okwedlule: Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala

Okulandelayo: Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp