Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala

Uma ukholwa kuNkulunkulu, kumele ulalele uNkulunkulu, wenze iqiniso futhi ufeze yonke imsebenzi yakho. Ngaphezu kwalokho, kumele uziqonde izinto okufanele udlule kuzo. Uma uzwa kuphela ukubhekanwa nawe, ukuqondiswa nokwahlulelwa, uma ukwazi ukujabulela uNkulunkulu kuphela kodwa ungakwazi ukuzwa lapho uNkulunkulu ekuqondisa noma ebhekana nawe—lokhu akwamukelekile. Mhlawumbe kule ndaba yokucwengisiswa, uyakwazi ukuma uqine, nokho lokhu akukaneli, kusamele uphokophele phambili. Isifundo sokuthanda uNkulunkulu asipheli, asikaze siphele. Abantu babona ukukholwa kuNkulunkulu kuyinto elula kakhulu, kodwa lapho bebona izinto ezithize ngokoqobo, babe sebebona ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu akulula njengoba abantu becabanga. Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga umuntu, umuntu uyahlupheka. Lapho ecwengisiswa ngokwengeziwe, ukuthanda kwakhe uNkulunkulu kuba kukhulu, futhi amandla amakhulu kaNkulunkulu ambulwa kuye ngokuthe xaxa. Lapho kuncipha ukucwengwa komuntu, kuyancipha ukuthanda kwakhe uNkulunkulu, futhi ayancipha namandla kaNkulunkulu embulwa kuye. Lapho kuba kukhulu ukucwengwa nobuhlungu bakhe nalapho kwanda ukuhlushwa kwakhe, kuyojula nakakhulu ukumthanda kwakhe ngempela uNkulunkulu, luyoba qotho nakakhulu ukholo lwakhe kuNkulunkulu, futhi lujule nakakhulu ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu. Ezintweni ozodlula kuzo, uzobona ukuthi labo abadlula ekucwengweni nasebuhlungwini obukhulu lapho kubhekanwa nabo futhi beqondiswa kakhulu, futhi uzobona ukuthi yilabo bantu abamthanda ngokujulile uNkulunkulu, futhi abanolwazi olunzulu nolujula ngokwengeziwe ngoNkulunkulu. Labo abangakaze bezwe ukuthi kubhekanwe nabo kodwa abanolwazi olungatheni, bangathi kuphela: “UNkulunkulu muhle kakhulu, abantu ubanika umusa ukuze bamthokozele.” Uma abantu bezwe ukubhekanwa nabo nokuqondiswa, khona-ke bayokwazi ukukhuluma ngolwazi lwangempela ngoNkulunkulu. Ngakho lapho umsebenzi kaNkulunkulu umangalisa ngokwengeziwe kumuntu, uba yigugu futhi ubaluleke ngokwengeziwe. Lapho ungaqondakali ngokwengeziwe kuwe futhi ungahambisani nakakhulu nemibono yakho, umsebenzi kaNkulunkulu ukwazi ngokwengeziwe ukukunqoba, ukukuzuza, nokukuphelelisa. Ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu kubanzi kakhulu! Ukube uNkulunkulu akamcwenganga ngale ndlela umuntu, ukube akasebenzanga ngale ndlela, khona-ke umsebenzi Wakhe ubungeke ube namiphumela futhi ubungeke ubaluleke. Kwashiwo esikhathini esedlule ukuthi uNkulunkulu wayezokhetha futhi azuze leli qembu, futhi aliphelelise ezinsukwini zokugcina; kulokhu, kukhona ukubaluleka okumangalisayo. Lapho uba mkhulu ngokwengeziwe umsebenzi awenza kini, kuyajula futhi kuhlanzeke ngokwengeziwe ukuthanda kwenu uNkulunkulu. Lapho uba mkhulu ngokwengeziwe umsebenzi kaNkulunkulu, umuntu ukwazi kakhulu ngokwengeziwe ukuzwa ukuhlakanipha Kwakhe futhi lujula ngokwengeziwe nolwazi lomuntu Ngaye. Ezinsukwini zokugcina, uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luyophela. Kungenzeka ngempela ukuba kuphele kalula kanjalo? Lapho esenqobe isintu, ingabe umsebenzi Wakhe uyophela? Ingabe kuyoba lula kanjalo? Abantu impela bacabanga ukuthi kulula kakhulu, kodwa lokho okwenziwa uNkulunkulu akulula ngaleyo ndlela. Akunandaba ukuthi ukhuluma ngayiphi ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, konke akuqondakali kumuntu. Ukube ubukwazi ukuwuqonda, khona-ke umsebenzi kaNkulunkulu ubungeke ubaluleke noma ube yigugu. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu awuqondakali; awuhambisani nhlobo nemibono yakho, futhi lapho ushayisana ngokwengeziwe nemibono yakho, kukhombisa ngokwengeziwe ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unenjongo; ukube ubuhambisana nemibono yenu, ubungeke ube nenjongo. Namuhla, uzwa sengathi umsebenzi kaNkulunkulu umangalisa kakhulu, futhi lapho uwuzwa umangalisa ngokwengeziwe, yilapho uzwa khona ngokwengeziwe ukuthi uNkulunkulu akaqondakali, futhi uyabona ukuthi zinkulu kangakanani izenzo zikaNkulunkulu. Ukube uNkulunkuu wenza umsebenzi ngokunganaki ukuze anqobe umuntu futhi kwaphela lapho, khona-ke umuntu ubengeke akwazi ukubona ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Nakuba ucwengisiswa kancane manje, kuyinzuzo enkulu ekukhuleni kwempilo yakho—ngakho kudingeke kakhulu ukuthi wedlule ebunzimeni obunjalo. Namuhla, uthola ukucwengwa okuncane, kodwa nakanjani kamuva uzokwazi ukuzibona ngempela izenzo zikaNkulunkulu, futhi ekugcineni uyothi: “Izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu!” Lawo kuyoba amazwi asenhliziyweni yakho. Ngemva kokuzwa ukucwenga kukaNkulunkulu isikhashana (ukuvivinywa kwezikhonzi nesikhathi sokusolwa), abanye abantu ekugcineni bathi: “Kunzima ngempela ukukholwa kuNkulunkulu!” Ukusebenzisa kwabo amazwi athi, “kunzima ngempela”, kuveza ukuthi izenzo zikaNkulunkulu aziqondakali, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unokubaluleka okukhulu futhi uyigugu, nokuthi umsebenzi Wakhe ufanele kakhulu ukuba yigugu kumuntu. Uma, ngemva kokuba ngenze umsebenzi omkhulu kangaka, ungenalo noluncane ulwazi, ingabe umsebenzi Wami usabalulekile? Kuyokwenza uthi: “Kunzima ngempela ukukhonza uNkulunkulu, izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu, futhi uNkulunkulu uhlakaniphe ngempela! Uthandeka kakhulu!” Uma, ngemva kokuzwa ukuphila isikhashana, ukwazi ukusho amazwi anjalo, lokho kufakazela ukuthi uwuzuzile umsebenzi kaNkulunkulu okuwe. Ngelinye ilanga, lapho usabalalisa ivangeli ukwelinye izwe bese othile ekubuza athi: “Luhamba kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu?”, uyokwazi ukuthi: “Izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu!” Bazozwa ukuthi ukhuluma ngezinto ohlangane nazo ngempela. Lokhu kuwukufakaza ngempela. Uzothi umsebenzi kaNkulunkulu ugcwele ukuhlakanipha, nokuthi umsebenzi Wakhe kuwe ukuqinisekise ngempela futhi wanqoba inhliziyo yakho. Uyohlale umthanda ngoba isintu kufanele simthande kakhulu! Uma ukwazi ukukhuluma ngalezi zinto, ungazinyakazisa izinhliziyo zabantu. Konke lokhu kuwukufakaza. Uma ukwazi ukuba nobukazi obuqanda ikhanda, ukwenza abantu bakhale, lokho kukhombisa ukuthi ngempela ungumuntu othanda uNkulunkulu, ngoba uyakwazi ukufakaza ngokuthanda uNkulunkulu, futhi ngawe, izenzo zikaNkulunkulu zingavezwa ngobufakazi. Ngobufakazi bakho, abanye abantu benziwa ukuba bafune umsebenzi kaNkulunkulu, ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu, futhi bame baqine kunoma yisiphi isimo abazithola bekuso. Yile ndlela kuphela engeyangempela yokwethula ubufakazi, futhi yilokho kanye okudingeka kuwe manje. Kufanele ubone ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyigugu ngokwedlulele futhi ufanele waziswe abantu, ukuthi uNkulunkulu uyigugu futhi unenala kakhulu; akagcini nje ngokukhuluma, kodwa futhi wahlulela abantu, acwenge izinhliziyo zabo, abalethele injabulo, abazuze, abanqobe futhi abaphelelise. Nizobona ezintweni enidlula kuzo ukuthi uNkulunkulu uthandeka kakhulu. Ngakho umthanda kangakanani uNkulunkulu manje? Ungakwazi ngempela ukusho lezi zinto ngokusuka enhliziyweni? Lapho ukwazi ukukhuluma la mazwi kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho, uyokwazi ukufakaza. Uma ohlangane nakho sekufinyelele kuleli zinga uyokwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uyokufanela ukukwenza. Uma ungafinyeleli kuleli zinga kulokho ohlangane nakho, uyobe usaqhele kakhulu. Kujwayelekile ukuthi abantu bakhombise ubuthaka lapho becwengwa, kodwa ngemva kokucwengwa kufanele ukwazi ukuthi: “UNkulunkulu uhlakaniphe kakhulu emsebenzini Wakhe!” Uma ukwazi ngempela ukuwaqonda ngokoqobo la mazwi, khona-ke lokhu kuyoba yigugu, futhi ohlangane nakho kuyobaluleka.

Yini okufanele uyifune manje? Okufanele ukufune ukuthi uyakwazi yini ukufakazela izenzo zikaNkulunkulu noma cha, ukuthi ungaba yini ubufakazi nokubonakaliswa kukaNkulunkulu, nokuthi ufanele yini ukusetshenziswa Nguye—lezi yizinto okufanele uzifune. Ungakanani umsebenzi uNkulunkulu awenzile ngempela kuwe? Ungakanani owubonile, ungakanani owuthintile? Ungakanani odlule kuwo, wawunambitha? Kungakhathalekile ukuthi uNkulunkulu ukuvivinyile, wabhekana nawe, noma wakuqondisa, izenzo Zakhe nomsebenzi Wakhe kwenziwe kuwe. Kodwa njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, njengomuntu ozimisele ukupheleliswa Nguye, ingabe uyakwazi ukufazela izenzo zikaNkulunkulu ezintweni ezingokoqobo odlula kuzo? Ingabe ungaliphila izwi likaNkulunkulu ngalokho ohlangana nakho okwangempela? Ingabe uyakwazi ukondla abanye ngezinto ezingokoqobo osuhlangane nazo, futhi uzikhandle impilo yakho yonke ukuze ufakaze ngomsebenzi kaNkulunkulu? Ukuze ufakaze ngomsebenzi kaNkulunkulu, kumele uthembele kulokho osudlule kukho, olwazini, kanye nasekuhluphekeni okubekezelele. Ungayeenelisa kanje kuphela intando kaNkulunkulu. Ingabe ungumuntu ofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu? Ingabe unaso leso sifiso? Uma ukwazi ukufakaza ngegama Lakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ngomsebenzi Wakhe, futhi uma ukwazi ukuphila ngesiqu asifunayo kubantu Bakhe, kusho ukuthi ungufakazi kaNkulunkulu. Umfakazela kanjani ngempela uNkulunkulu? Ukwenza lokho ngokufuna nokulangazelela ukuphila ngokwezwi likaNkulunkulu, nangokufakaza ngamazwi akho, ukuvumela abantu ukuba bazi umsebenzi Wakhe futhi babone izenzo Zakhe. Uma ukufuna ngempela konke lokhu, uNkulunkulu uyokuphelelisa. Uma nje ufuna ukupheleliswa uNkulunkulu futhi ubusiswe ekugcineni, khona-ke indlela yokholo lwakho kuNkulunkulu ayimsulwa. Kumele ufune indlela yokwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu ekuphileni kwangempela, indlela yokumenelisa lapho ambula intando Yakhe kuwe, nokufuna indlela yokunikeza ubufakazi ngokumangalisa nokuhlakanipha Kwakhe, nendlela yokufakaza ngokuthi ukuqondisa kanjani futhi ubhekana kanjani nawe. Konke lokhu yizinto okumele uzicabange manje. Uma ukuthanda kwakho uNkulunkulu ukwenzela kuphela ukuthi uhlanganyele enkazimulweni kaNkulunkulu ngemva kokupheleliswa Nguye, nalokho akukaneli futhi ngeke kuhlangabezane nokufunwa uNkulunkulu. Udinga ukwazi ukunikeza ubufakazi obuphelele ngomsebenzi kaNkulunkulu, wanelise akufunayo, futhi uzizwele umsebenzi awenzile kubantu ngendlela engokoqobo. Noma ngabe ubuhlungu, yizinyembezi, noma ukudabuka, kumele uhlangabezane nakho konke ekuphileni kwakho. Kuhloswe ngakho ukuba kukuphelelise njengofakazi kaNkulunkulu. Yini ngempela ekuphoqa ukuba uhlupheke futhi ufune ukupheleliswa? Ingabe ukuhlupheka kwakho kwamanje kungenxa yokuthanda uNkulunkulu nokumfakazela ngempela? Noma ingabe kungenxa yezibusiso zenyama noma yekusasa nesiphetho? Zonke izinhloso, izisusa, kanye nemigomo yakho okufunayo kumele kulungiswe futhi ngeke kuqondiswe yintando yakho. Uma umuntu efuna ukupheleliswa ukuze athole izibusiso futhi abuse ngamandla, kuyilapho omunye efuna ukupheleliswa ukuze anelise uNkulunkulu, ukuze abe ngufakazi womsebenzi kaNkulunkulu, ungakhetha kuphi kulokhu okubili? Uma ukhethe okokuqala, uzobe usekude kakhulu ngokwezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngike ngathi, izenzo Zami ziyokwaziwa ngokusobala emhlabeni wonke futhi ngizobusa njengeNkosi emhlabeni wonke. Ngakolunye uhlangothi, okubekwe phezu kwenu ukuyofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu, hhayi ukuba nibe ngamakhosi futhi nibonakale emhlabeni wonke. Izenzo zikaNkulunkulu mazigcwalise umhlaba wonke. Wonke umuntu makazibone futhi azemukele. La mazwi ashiwo ngokuphathelene noNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi lokho abantu okumele bakwenze ukunikeza ubufakazi ngoNkulunkulu. Wazi okungakanani ngoNkulunkulu manje? Kungakanani ongakufakaza ngoNkulunkulu? Iyini injongo kaNkulunkulu yokuphelelisa umuntu? Uma usuqonda intando kaNkulunkulu, uyokubonisa kanjani ukucabangela intando Yakhe? Uma uzimisele ukupheleliswa futhi ufisa ukusebenzisa ukuphila kwakho ukuze ufakaze ngomsebenzi kaNkulunkulu, uma unale ntshisekelo, khona-ke akukho okunzima ngokwedlulele. Into edingwa abantu manje ukholo. Uma unale ntshisekelo, kulula ukuthi unganqoba noma yimuphi umbono ongemuhle, ukungabambi qhaza, ubuvila kanye nemibono yenyama, amafilosofi okuphila, isimo sokuvukela, imizwa, nokunye.

Ngesikhathi bevivinywa, kujwayelekile ukuthi abantu babe buthaka, noma babe nombono ongemuhle ngaphakathi kubo, noma bangacacelwa yintando kaNkulunkulu noma indlela okufanele benze ngayo. Kodwa kunoma ikuphi, kumele ube nokholo emsebenzini kaNkulunkulu, ungamphiki uNkulunkulu, njengoJobe. Nakuba uJobe wayebuthaka futhi waqalekisa usuku azalwa ngalo, akaphikanga ukuthi zonke izinto ekuphileni kwabantu zazinikezwe uJehova, nokuthi uJehova Nguye ozisusa zonke. Akubanga nandaba ukuthi wavivinywa kanjani, wayelokhu enalokhu kukholwa. Kulokho odlula kukho empilweni, akunandaba ukuthi udlula kukuphi ukucwengwa ngamazwi kaNkulunkulu, lokhu uNkulunkulu akudinga esintwini, ngamafuphi, ukholo nokumthanda kwaso. Lokho akuphelelisayo ngokusebenza ngale ndlela ukholo, uthando nezifiso zabantu. UNkulunkulu wenza umsebenzi wokuphelelisa kubantu, futhi abakwazi ukuwubona, abakwazi ukuwuthinta; ezimweni ezinjalo, ukholo lwakho luyadingeka. Ukholo lwabantu ludingeka lapho into ingenakubonakala khona ngeso lenyama, futhi ukholo lwakho ludingeka lapho ungakwazi ukuhlukana nemibono yakho. Lapho ungakucaceli umsebenzi kaNkulunkulu, okudingekayo ukholo lwakho nokuthi ume uqine futhi ufakaze. Lapho uJobe efinyelela kuleli qophelo, uNkulunkulu wabonakala kuye wakhuluma naye. Okusho ukuthi, ungakwazi ukubona uNkulunkulu ngokholo lwakho kuphela, futhi lapho unokholo uNkulunkulu uyokuphelelisa. Ngaphandle kokholo, ngeke akwenze lokhu. UNkulunkulu uyokunika noma yini onethemba lokuyizuza. Uma ungenalo ukholo, ngeke upheleliswe uNkulunkulu futhi ngeke ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu, ingasaphathwa eyokubona amandla Akhe. Lapho ukholwa ukuthi uzozibona izenzo Zakhe ezintweni odlula kuzo ngokoqobo, uNkulunkulu uyobonakala kuwe, futhi uyokukhanyisela abuye akuqondise ngokusuka ngaphakathi. Ngaphandle kwalolo kholo, uNkulunkulu ngeke akwazi ukukwenza lokho. Uma uphelelwe ithemba kuNkulunkulu, uyowazi kanjani umsebenzi Wakhe? Ngakho, kulapho unokholo kuphela futhi ungamngabazi uNkulunkulu, kulapho unokholo lwangempela Kuye kungakhathaleki ukuthi wenzani lapho eyokukhanyisela futhi akukhanyise khona ngalokho ohlangene nakho empilweni, futhi yilapho oyokwazi khona ukubona izenzo Zakhe. Zonke lezi zinto zitholakala ngokholo. Ukholo lutholakala ngokucwengwa kuphela, futhi ngeke lukhule uma kungekho ukucwengwa. Lisho ukuthini igama elithi “ukholo”? Ukholo yinkolelo yangempela nenhliziyo eqotho okufanele bonke abantu babe nayo lapho bengakwazi khona ukubona noma ukuthinta into ethile, lapho umsebenzi kaNkulunkulu ungahambisani nemibono yabantu, lapho abantu bengafinyeleli kuwo. Yilolu ukholo engikhuluma ngalo. Abantu bayaludinga ukholo ngezikhathi ezinzima nezokucwengwa, futhi ukholo luyinto elandelwa ukucwengwa. Ukucwengwa nokholo akuhlukaniseki. Ngisho ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani noma ngabe wena usendaweni enjani, uyakwazi ukufuna ukuphila futhi ufune iqiniso, ufune umsebenzi kaNkulunkulu futhi uqonde izenzo Zakhe, futhi ukwazi ukwenza ngokuvumelana neqiniso. Ukwenza kanjalo yikho okusho ukuba nokholo lwangempela, futhi ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi awululahlile ukholo kuNkulunkulu. Ungakwazi ukuba nokholo lwangempela kuNkulunkulu uma ukwazi ukuphokophela ekufuneni iqiniso ngokucwengwa, uma ukwazi ukumthanda ngempela uNkulunkulu futhi ungafikelwa ukumngabaza, uma ngisho enzani, usalenza iqiniso ukuze umenelise, futhi uma ukwazi ukuyifuna ngokujulile intando Yakhe futhi ucabangele intando Yakhe. Phambilini, lapho uNkulunkulu ethi uyobusa njengenkosi, wamthanda, lapho ezembula obala kuwe, wamfuna. Kodwa manje uNkulunkulu ufihlekile, awukwazi ukumbona, futhi wehlelwa izinkinga—manje-ke usulahlekelwa ithemba kuNkulunkulu? Ngakho, ngazo zonke izikhathi kumele ulwele ukuphila futhi ufune ukufeza intando kaNkulunkulu. Lokhu kubizwa ngokuthi ukholo oluqotho, futhi kuwuhlobo lothando oluyiqiniso noluhle kunalo lonke.

Ezikhathini ezedlule, bonke abantu babeya phambi kukaNkulunkulu bayokwenza izifungo bathi: “Ngisho noma engekho omunye umuntu othanda uNkulunkulu, mina kumele ngimthande.” Kodwa manje, ufikelwa ukucwengwa, futhi ngenxa yokuthi lokhu akuhambisani nemibono yakho, uphelelwa ukholo kuNkulunkulu. Ingabe lolu uthando lweqiniso? Usufunde kaningi ngezenzo zikaJobe—ingabe usuzikhohliwe? Uthando lweqiniso lungakheka okholweni kuphela. Ukuthanda uNkulunkulu kwangempela kukhula ngokucwengwa kwakho, futhi ucabangela intando kaNkulunkulu ezintweni odlule kuzo ngokholo lwakho, futhi ngokholo lwakho uyayidela inyama yakho ulwele ukuphila; yilokhu abantu okufanele bakwenze. Uma wenza lokhu, uyokwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu, kodwa uma untula ukholo ngeke ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu noma ukuzwa umsebenzi Wakhe. Uma ufuna ukusetshenziswa nokupheleliswa uNkulunkulu, kumele ube nakho konke: ukuzimisela ukuhlupheka, ukholo, ukubekezela, ukulalela kanye nokwazi ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu, ukuqonda intando Yakhe, ukucabanga ngosizi Lwakhe, njalonjalo. Ukuphelelisa umuntu akulula, futhi konke ukucwengwa odlula kukho kudinga ukholo kanye nothando lwakho. Uma ufuna ukupheleliswa uNkulunkulu, ukuphuthuma nje endleleni akwanele, nokuzikhandla nje ngenxa kaNkulunkulu nakho akwanele. Kumele ube nezinto eziningi ukuze ube umuntu opheleliswa uNkulunkulu. Lapho ubhekene nokuhlupheka kumele ukwazi ukungacabangi ngenyama futhi ungakhonondi ngoNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ezifihla kuwe, kumele ukwazi ukuba nokholo lokumlandela, uphinde ube nothando owawunalo ekuqaleni, ungaluvumeli lube ntekenteke noma lunyamalale. Ngisho ngabe uNkulunkulu wenzani, kumele uthobele uhlelo Lwakhe, ukulungele ukuqalekisa inyama yakho kunokukhononda Ngaye. Lapho ubhekene nokuvivinywa, kumele wanelise uNkulunkulu, ngisho ungakhala kabuhlungu noma ube nokunqikaza ukwehlukana nento ethile oyithandayo. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokuthi uthando nokholo lweqiniso. Kungakhathalekile ukuthi isimo sakho sangempela siyini, kumele uqale ube nokuzimisela ukubekezelela ubunzima futhi ube nokholo lweqiniso, futhi kumele uzimisele ukudela inyama. Kufanele uzimisele ukubekezelela ubunzima nokulahlekelwa izinto ozithandayo ukuze ufeze intando kaNkulunkulu. Kumele uphinde ube nenhliziyo yokuzisola: Esikhathini esidlule awukwazanga ukwanelisa uNkulunkulu, futhi usuyazisola manje. Akufanele untule nokukodwa kulezi zinto—uNkulunkulu uyokuphelelisa ngalezi zinto. Uma ungayigcine le mibandela, khona-ke awunakupheleliswa.

Umuntu okhonza uNkulunkulu akufanele nje agcine ngokwazi indlela yokuhlupheka ngenxa Yakhe; ngaphezu kwalokho, kufanele aqonde ukuthi inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukufuna ukuthanda uNkulunkulu. UNkulunkulu akakusebenziseli nje ukukucwenga kuphela noma ukukuhluphekisa, kodwa kunalokho ukusebenzisela ukuthi wazi izenzo Zakhe, wazi ukubaluleka kwangempela kokuphila komuntu, futhi, okubaluleke nakakhulu, ukuthi wazi ukuthi ukukhonza uNkulunkulu akuwona umsebenzi olula. Ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu akuhlangene nokujabulela umusa, kodwa kumayelana nokuhlupheka ngenxa yokumthanda. Njengoba ujabulela umusa kaNkulunkulu, kumele ujabulele ukusola Kwakhe; kumele uhlangane nakho konke lokhu. Ungabona ukukhanyisela kukaNkulunkulu kuwe, ungaphinde ubone indlela abhekana nawe ngayo futhi akwahlulela ngayo. Ngale ndlela, uhlangana nakho konke. UNkulunkulu wenze umsebenzi wokwahlulela nokusola kuwe. Izwi likaNkulunkulu libhekane nawe, kodwa hhayi lokho kuphela; liphinde lakukhanyisela futhi lakukhanyisa. Lapho unombono ophambene futhi untekenteke, uNkulunkulu uyakhathazeka ngawe. Wonke lo msebenzi owokukwazisa ukuthi yonke into ngomuntu isemseni kaNkulunkulu. Ungacabanga ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukuhlupheka, noma ukumenzela lonke uhlobo lwezinto; ungacabanga ukuthi inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukuba inyama yakho ibe nokuthula, noma ukuze zonke izinto zikuhambele kahle, noma ukuze unethezeke futhi ukhululeke kukho konke. Nokho, akukho kulokhu abantu abangakubeka njengezizathu zokuthi bakholwe kuNkulunkulu. Uma ukholwa ngenxa yalezi zinhloso, kusho ukuthi umbono wakho uyiphutha, futhi awunakupheleliswa nhlobo. Izenzo zikaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu sokulunga, ukuhlakanipha Kwakhe, amazwi Akhe, ukumangalisa kanye nokungaqondakali Kwakhe yizo zonke izinto abantu okumele baziqonde. Sebenzisa lokhu kuqonda ukuze ususe zonke izimfuno, amathemba nemibono yomuntu siqu nemibono esenhliziyweni yakho. Ukususa lokhu kuphela okuzokwenza uhlangabezane nezimo ezifunwa uNkulunkulu futhi yilokhu okuyokwenza wanelise imibandela efunwa uNkulunkulu, futhi okungakwenza ube nokuphila futhi wanelise uNkulunkulu. Inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukumanelisa nokuphila ngokwesimo asifunayo, ukuze izenzo Zakhe nenkazimulo kubonakale kuleli qembu labantu abangafanelekile. Lowo umbono ofanele wokukholwa kuNkulunkulu, nomgomo okumele uwufune. Kumele ube nombono omuhle ngokukholwa kuNkulunkulu futhi kufanele ufune ukuthola amazwi kaNkulunkulu. Udinga ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi ukwazi ukuphila ngeqiniso, futhi, ikakhulukazi, ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu zokoqobo, izenzo Zakhe ezimangalisayo kuwo wonke umhlaba, kanye nomsebenzi Wakhe wokoqobo awenza esenyameni. Kulokho abahlangabezane nakho uqobo, abantu bangayazisa indlela uNkulunkulu enza ngayo umsebenzi Wakhe kubo nokuthi iyini intando Yakhe kubo. Inhloso yakho konke lokhu ukususa isimo sabantu esonakele sobusathane. Uma usulahle konke ukungcola nokungalungi okungaphakathi kuwe, futhi lapho usulahle izinhloso zakho ezimbi, usuthole ukukholwa ngokweqiniso kuNkulunkulu—ukukholwa ngokweqiniso kuphela okungakwenza uthande uNkulunkulu ngeqiniso. Ungakwazi ukumthanda ngobuqotho kuphela uNkulunkulu phezu kwesisekelo sokukholwa kwakho Kuye. Ungakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngaphandle kokukholwa Kuye? Ngoba ukholwa kuNkulunkulu, akufanele udideke ngakho. Abanye abantu bagcwala umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kuzobalethela izibusiso, kodwa bese bephelelwa umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi kumele behlelwe ukucwengwa. Ingabe lokho kuwukukholwa kuNkulunkulu? Ekugcineni, kufanele uthole ukulalela okugcwele nokuphelele phambi kukaNkulunkulu ekukholweni kwakho. Ukholwa kuNkulunkulu kodwa usenezinto ozifuna Kuye, unemibono eminingi yenkolo ongafuni ukuyiyeka, izinto ozithandayo ongafuni ukuzidedela, futhi usafuna izibusiso zenyama futhi ufuna uNkulunkulu ahlenge inyama yakho, ukuthi asindise umphefumulo wakho—yikho konke ukuziphatha kwabantu abanombono ongalungile. Nakuba abantu abanezinkolelo zezenkolo bekholwa kuNkulunkulu, abafuni ukuguqula izimo zabo, futhi abakuphishekeli ukwazi uNkulunkulu, kodwa kunalokho balandela izifiso zenyama yabo kuphela. Abaningi phakathi kwenu banezinkolo ezingaphansi kwesigaba sokukholwa ezinkolweni. Lokho akukhona ukukholwa kwangempela kuNkulunkulu. Ukuze abantu bakholwe kuNkulunkulu, kumele babe nenhliziyo ezimisele ukuhlupheka ngenxa Yakhe kanye nokuzimisela ukuzidela. Ngaphandle kokuba abantu bahlangabezane nalezi zimo ezimbili, ukukholwa kwabo kuNkulunkulu akunamsebenzi, futhi ngeke bakwazi ukuzuza uguquko esimweni sabo. Abantu abafuna iqiniso ngobuqotho kuphela, abafuna ukwazi uNkulunkulu, futhi abafuna ukuphila yilabo abakholwa ngempela kuNkulunkulu.

Lapho wehlelwa ukuvivinywa, uyowusebenzisa kanjani umsebenzi kaNkulunkulu ukuze ubhekane nalokho kuvivinywa? Ingabe uyoba nombono ongemuhle noma uyokuqonda ngombono omuhle ukuvivinya nokucwenga kukaNkulunkulu isintu? Uyotholani ngokuvivinya nangokucwenga kukaNkulunkulu? Ingabe ukuthanda kwakho uNkulunkulu kuyokhula? Lapho ucwengwa, ingabe uyokwazi ukusebenzisa ukuvivinywa kukaJobe futhi ubhekane nalokho okwenziwa umsebenzi kaNkulunkulu kuwe? Ingabe uyayibona indlela uNkulunkulu avivinya ngayo isintu ngezilingo zikaJobe? Luhlobo luni lokukhuthazeka olungalethwa ukuvivinywa kukaJobe kuwe? Ingabe uyokwazi ukufakaza ngoNkulunkulu phakathi nokucwengwa kwakho, noma uyofuna ukwanelisa inyama endaweni enethezekile? Uyini ngempela umbono wakho ngokukholwa kuNkulunkulu? Ingabe ngempela kumayelana Naye, hhayi nenyama? Ingabe empeleni unomgomo ekufuneni kwakho? Ingabe uzimisele ukudlula ekucwengweni ukuze upheleliswe uNkulunkulu, noma uncamela ukusolwa nokuqalekiswa uNkulunkulu? Uyibona kanjani ngempela indaba yokufakaza ngoNkulunkulu? Abantu kufanele benzeni ezimweni ezithile ukuze ngempela babe ofakazi bakaNkulunkulu? Njengoba uNkulunkulu wokoqobo esekubonise umsebenzi wangempela ongaka, kungani uhlale ucabanga ukuhamba? Ingabe ukukholwa kwakho kuNkulunkulu kungenxa kaNkulunkulu? Eningini lenu, ukukholwa kwenu kungamacebo enizenzela wona ukuze nifune inzuzo yenu. Bambalwa kakhulu abantu abakholwa kuNkulunkulu ngenxa kaNkulunkulu; akukhona yini ukuhlubuka lokhu?

Inhloso ephambili yomsebenzi wokucwenga ukuphelelisa ukholo lwabantu. Ekugcineni, okwenzekayo ukuthi ufuna ukuhamba kodwa, ngaso leso sikhathi, awukwazi; abanye abantu basakwazi ukuba nokholo noma sebephelelwe nangelincanyana ithemba; futhi abantu abasenalo ithemba ngekusasa labo. Kungalesi sikhathi kuphela lapho ukucwenga kukaNkulunkulu kuyophela khona. Umuntu akakafiki esigabeni sokugxamalaza phakathi kokuphila nokufa, futhi akakakunambithi ukufa, ngakho ukucwengwa akukapheli. Ngisho nalabo ababesezinyathelweni zabenzi bomsebenzi babengacwengiwe ngokuphelele, kodwa uJobe wayecwengiwe, engenalutho ayengathembela kulo. Abantu kumele badlule ekucwengweni kuze kufike eqophelweni lapho bengasenathemba futhi bengasenakho abangathembela kukho—yilokhu kuphela okuwukucwengwa kwangempela. Ngesikhathi sabenzi bomsebenzi, uma inhliziyo yakho yayihlala ithule phambi kukaNkulunkulu, futhi uma, kungakhathaleki ukuthi Yena wenzani futhi kungenandaba ukuthi intando Yakhe yayiyini, wawuhlala ulalela amalungiselelo Akhe, khona-ke, ekugcineni, wawuyiqonda yonke into uNkulunkulu ayeyenza. Wedlula ezivivinyweni zikaJobe, futhi khona lapho wedlula ezivivinyweni zikaPetru. Lapho uJobe evivinywa, waba ufakazi, kwathi ekugcineni, uJehova wembulwa kuye. Kungemva kokuba efakazile kuphela lapho afanela khona ukubona ubuso bukaNkulunkulu. Kungani kuthiwa: “Ngizifihla ezweni lenzondo kodwa ngizembula embusweni ongcwele”? Lokho kusho ukuthi ungaba nelungelo lokubona ubuso bukaNkulunkulu kuphela lapho ungcwele noma ufakaza. Uma ungeke ufakaze Ngaye, awunalo ilungelo lokubona ubuso Bakhe. Uma uqhela noma ukhononda ngoNkulunkulu lapho ucwengwa, ngalokho uhluleka ukufakaza Ngaye futhi uba yinhlekisa kuSathane, ngeke ukuzuze ukubonakala kukaNkulunkulu. Uma ufana noJobe, owaqalekisa inyama yakhe phakathi kokuvivinywa futhi wangakhononda ngoNkulunkulu, waphinde wakwazi ukuzonda inyama yakhe ngaphandle kokukhononda noma ukona ngamazwi akhe, lokho kuzobe kuwukufakaza. Lapho udlula ekucwengweni ngokwezinga elithile futhi usengafana noJobe, ulalele ngokuphelele phambi kukaNkulunkulu ngaphandle kokufuna ezinye izinto Kuye ngaphandle kwemibono yakho, uNkulunkulu uyobonakala kuwe. Manje uNkulunkulu akabonakali kuwe ngenxa yokuthi unemibono, ukukhetha kwakho ngokweya, imicabango enobugovu, izimfuno zomuntu nezinto ezithandwa inyama okuningi kangaka, futhi awufaneli ukubona ubuso Bakhe. Uma ubungabona uNkulunkulu, ubuyomlinganisa ngokwemibono yakho, bese, ngokwenzenjalo, kuba nguwe ombethela esiphambanweni. Uma wehlelwa yizinto eziningi ezingahambisani nemibono yakho kodwa ukwazi ukuzibeka eceleni bese wazi izenzo zikaNkulunkulu kulezi zinto, futhi phakathi nokucwengwa wembula inhliziyo yakho yokuthanda uNkulunkulu, lokhu kuwukufakaza. Uma ikhaya lakho linokuthula, ujabulela ukunethezeka kwenyama, kungekho okushushisayo, abafowenu nodadewenu ebandleni bekulalela, ungayiveza yini inhliziyo yakho yokuthanda uNkulunkulu? Ingabe lokhu kungakucwenga? Ukuthanda kwakho uNkulunkulu kungakhonjiswa ngokucwengwa kuphela, futhi ungapheleliswa kuphela ngezinto ezenzekayo kodwa ezingahambisani nemibono yakho. UNkulunkulu ukuphelelisa ngezinto eziningi eziphikisayo nezingezinhle, nangokusebenzisa zonke izinhlobo zokubonakala kukaSathane—izenzo zakhe, ukumangalela kwakhe, ukuphazamisa nokukhohlisa kwakhe—uNkulunkulu ukukhombisa ngokucacile ubuso bukaSathane, futhi ngalokho aphelelise ikhono lakho lokubona uSathane, ukuze umzonde uSathane futhi umshiye.

Iziwombe zakho eziningi zokwehluleka, zokuba buthaka, nezikhathi zokuba nemibono engemihle, kungashiwo ukuthi konke kuyizivivinyo zikaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi yonke into ivela kuNkulunkulu, yonke into kanye nezigameko kusezandleni Zakhe. Kungakhathaleki ukuthi uyehluleka noma ubuthaka noma uyakhubeka, konke kukuNkulunkulu futhi kusezandleni Zakhe. Ngasohlangothini lukaNkulunkulu, lokhu ukuvivinywa kwakho, futhi uma ungakuboni lokho, kuzophenduka isilingo. Kunezinhlobo ezimbili zezimo abantu okufanele baziqaphele: Esinye sivela kuMoya oNgcwele, kanti esinye kungenzeka ukuthi sivela kuSathane. Isimo esisodwa esokuthi uMoya oNgcwele uyakukhanyisela futhi uyakuvumela ukuba uzazi, uzenyanye futhi uzisole uphinde ukwazi nokumthanda ngempela uNkulunkulu, ugxilise inhliziyo yakho ekumaneliseni. Esinye isimo esokuthi uyazazi, kodwa unombono ongemuhle futhi ubuthaka. Kungashiwo ukuthi lesi simo siwukucwenga kukaNkulunkulu futhi siyisilingo sikaSathane. Uma uqaphela ukuthi lena yinsindiso kaNkulunkulu kuwe futhi uma uzwa ukuthi manje umkweleta kakhulu, futhi, uma kusukela manje, uzama ukumbuyisela ungabe usawela kulokho konakala, uma ugxilisa imizamo yakho ekuphuzeni nasekudleni amazwi Akhe, futhi uma uhlale uzibheka njengontulayo, futhi unenhliziyo elangazelayo, khona-ke lokhu wukuvivinya kukaNkulunkulu. Ngemva kokuphela kokuhlupheka futhi nawe usuphinde uya phambili, uNkulunkulu usazokuhola, akukhanyise, akukhanyisele, futhi akondle. Kodwa uma ungakuqapheli futhi unombono ongemuhle, umane uzinikela ekuphelelweni yithemba, uma ucabanga ngale ndlela, uyobe sewehlelwe yisilingo sikaSathane. Lapho uJobe edlula ezivivinyweni, uNkulunkulu noSathane babebhejelana, uNkulunkulu wayesevumela uSathane ukuba ahluphe uJobe. Nakuba kwakunguNkulunkulu owayevivinya uJobe, empeleni nguSathane owehlela kuye. NgokukaSathane, wayelinga uJobe, kodwa uJobe wayesohlangothini lukaNkulunkulu. Ukube kwakungenjalo, uJobe wayengawela esilingweni. Lapho nje abantu bewela esilingweni, bawela engozini. Ukucwengwa kungachazwa kuthiwe kuwukuvivinywa okuvela kuNkulunkulu, kodwa uma ungekho esimweni esihle kungathiwa kuyisilingo esivela kuSathane. Uma ungakucaceli umbono, uSathane uyokumangalela futhi akusithe engxenyeni yokubona. Kungakabiphi, uyowela esilingweni.

Uma ungawuboni umsebenzi kaNkulunkulu awusoze wakwazi ukupheleliswa. Ezintweni odlula kuzo, kumele ungene nasemininingwaneni. Ngokwesibonelo, yiziphi izinto ezikuholela ekuthini ukhulise imibono yakho nezinto ezikukhuthazayo eziningi kangaka, futhi luhlobo luni lwemikhuba efanele onalo lokubhekana nalezi zinkinga? Uma ukwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu, lokho kusho ukuthi unaso isiqu. Uma ubonakala unogqozi kuphela, leso akusona isiqu sangempela futhi nakanjani ngeke ukwazi ukuma uqine. Kulapho ukwazi khona kuphela ukubona nokuzindla ngomsebenzi kaNkulunkulu nganoma isiphi isikhathi, noma kuyiphi indawo, lapho uyokwazi khona ukushiya abelusi, uphile ngokuzimela ngokwethembela kuNkulunkulu, futhi ukwazi ukubona izenzo zangempela zikaNkulunkulu—intando kaNkulunkulu iyofezwa lapho kuphela. Okwamanje, abantu abaningi abakwazi ukuyibona, futhi lapho behlangabezana nenkinga, abazi ukuthi kufanele bayisingathe kanjani, abakwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu, futhi abakwazi ukuphila ngokomoya. Kufanele ufake amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu empilweni yakho yangokoqobo.

Ngezinye izikhathi uNkulunkulu ukunika uhlobo oluthile lomuzwa, umuzwa okwenza ulahlekelwe yinjabulo yakho yangaphakathi bese ulahlekelwa ukuba khona kukaNkulunkulu, futhi ube sebumnyameni. Lolu wuhlobo lokucwengwa. Noma nini lapho wenza into ethile, ihlala ingahambi kahle, noma ufike kwangqingetshe. Lokhu ukuqondisa kukaNkulunkulu. Kwezinye izikhathi, lapho wenza into enokungalaleli nephikisa uNkulunkulu, kungase kungazi muntu—kodwa uNkulunkulu uyazi. Ngeke akudedele, futhi uyokuqondisa: Umsebenzi kaMoya oNgcwele unemininingwane kakhulu. Uwahlolisisa ngokukhulu ukucophelela wonke amazwi nezenzo zabantu, ukwenza nokunyakaza kwabo, nayo yonke imicabango nemiqondo yabo ukuze abantu bakwazi ukuziqaphela ngaphakathi lezi zinto. Lapho wenza into ethile kanye ingahambi kahle, uphinde uyenze futhi ingahambi kahle, kancane kancane uyowuqonda umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngezikhathi eziningi zokuqondiswa, uyokwazi ukuthi kufanele wenzeni ukuze uhambisane nentando kaNkulunkulu futhi uyokwazi lokho okungahambisani nentando Yakhe. Ekugcineni, uyosabela ngokunembayo esiqondisweni sikaMoya oNgcwele ngaphakathi kuwe. Ngezinye izikhathi uzohlubuka futhi uNkulunkulu uyokusola ngaphakathi kuwe. Konke lokhu kuvela ekuqondiseni kukaNkulunkulu. Uma ungalenzi igugu izwi likaNkulunkulu, uma uweyisa umsebenzi Wakhe, ngeke akunake. Lapho uwabheka njengabalulekile amazwi kaNkulunkulu, yilapho eyokukhanyisela khona nakakhulu. Okwamanje, kunabanye abantu ebandleni abanokholo oluxovekile noludidekile, futhi benza izinto eziningi ezingafanele futhi benze ngokungaqoqeki, ngakho umsebenzi kaMoya oNgcwele ngeke ubonakale ngokucacile kubo. Abanye abantu bashiya imisebenzi yabo ngemuva ngenxa yokufuna imali, baphume bayophatha ibhizinisi ngaphandle kokuqoqeka; umuntu onjalo usengozini enkulu kakhulu. Abagcini nje ngokungabi nawo umsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa esikhathini esizayo kuyoba nzima ukumphelelisa. Kunabantu abaningi umsebenzi kaMoya oNgcwele ongeke ubonakale kubo, nokuqondisa kukaNkulunkulu okungenakubonakala kubo. Bayilabo abangacacelwa yintando kaNkulunkulu futhi abangawazi umsebenzi Wakhe. Labo abangama baqine phakathi nokucwengwa, abalandela uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi wenzani, futhi okungenani abakwazi ukushiya, noma ukufinyelela ephesentini elingu-0.1 lalokho okwafezwa uPetru benza kahle, kodwa awukho umsebenzi wabo mayelana nokusetshenziswa uNkulunkulu. Abantu abaningi baziqonda ngokushesha izinto, bamthanda ngempela uNkulunkulu, futhi bangalidlula izinga likaPetru futhi uNkulunkulu wenza umsebenzi wokuphelelisa kubo. Ukuqoqeka nokukhanyiselwa kuyafika kubantu abanjalo, futhi uma kubo kukhona into engahambisani nentando kaNkulunkulu, bangayilahla ngokushesha. Abantu abanjalo bayigolide, isiliva namatshe ayigugu—inani labo liphezulu kakhulu! Uma uNkulunkulu enze izinhlobo eziningi zomsebenzi kodwa wena usalokhu ufana nesihlabathi noma itshe, kusho ukuthi awunamsebenzi!

Umsebenzi kaNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obumvu uyamangalisa futhi awukholakali. Uyophelelisa iqembu elilodwa labantu bese esusa abanye abantu, ngoba kukhona zonke izinhlobo zabantu ebandleni—kunalabo abathanda iqiniso, nalabo abangalithandi; kunalabo abezwa umsebenzi kaNkulunkulu, nalabo abangawuzwa; kunalabo abenza umsebenzi wabo, nalabo abangawenzi; kunalabo abafakazela uNkulunkulu, nalabo abangakwenzi—futhi ingxenye yabo ingabantu abangakholwa futhi ababi, futhi nakanjani bayosuswa. Uma ungawazi ngokucacile umsebenzi kaNkulunkulu ngeke ube nombono omuhle; lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu ungabonakala kuphela kubantu abayidlanzana. Ngalesi sikhathi kuyocaca ukuthi ubani omthanda ngempela uNkulunkulu nokuthi ngubani ongamthandi. Labo abamthanda ngempela uNkulunkulu banomsebenzi kaMoya oNgcwele, labo abangamthandi ngempela bayokwembulwa ngesinyathelo ngasinye somsebenzi Wakhe. Bayofanela ukuqothulwa. Laba bantu bayokwembulwa ngesikhathi somsebenzi wokunqoba, futhi bangabantu abangakufanele ukupheleliswa. Labo abaphelelisiwe bazuzwe uNkulunkulu ngokuphelele, futhi bayakwazi ukuthanda uNkulunkulu njengoba kwenza uPetru. Labo abanqotshiwe abanalo uthando oluzenzakalelayo, kodwa banothando olungaqinile kuphela, futhi baphoqelekile ukuthanda uNkulunkulu. Uthando oluzenzakalelayo lutholakala ngokuqonda okuzuzwe ngokuhlangenwe nakho okungokoqobo. Lolu thando luhlala enhliziyweni yomuntu lumenze azikhethele ukuzinikela kuNkulunkulu; amazwi kaNkulunkulu aba isisekelo sakhe futhi uyakwazi ukuhlupheka ngenxa kaNkulunkulu. Kuyiqiniso, lezi yizinto umuntu opheleliswe uNkulunkulu anazo. Uma ufuna kuphela ukunqotshwa, khona-ke ngeke ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu; uma uNkulunkulu efeza inhloso Yakhe yokusindisa kuphela ngokunqoba abantu, kusho ukuthi isinyathelo sabenzi bomsebenzi besiyokwanela. Nokho, ukunqoba abantu akuyona inhloso yokugcina kaNkulunkulu, ewukuphelelisa abantu. Ngakho kunokuba kuthiwe lesi sigaba siwumsebenzi wokunqoba, kufanele nithi lona umsebenzi wokuphelelisa nokususa. Abanye abantu abakanqotshwa ngokugcwele, futhi endleleni yokubanqoba, iqembu labantu liyopheleliswa. Lezi zingxenye ezimbili zomsebenzi zifezwa kanyekanye. Abantu abakashiyi phezu kwesikhathi eside somsebenzi, futhi leli qiniso liveza ukuthi umgomo wokunqoba usufeziwe—leli yiqiniso lokunqotshwa. Ukucwengwa akwenziwa ngenxa yokunqotshwa, kodwa kungenxa yokupheleliswa. Ngaphandle kokucwengwa, abantu ngeke bapheleliswe. Ngakho ukucwengwa kubaluleke kakhulu! Namuhla iqembu elilodwa labantu liyapheleliswa futhi liyazuzwa. Izibusiso eziyishumi ezishiwo ngokwedlule zonke beziqondiswe kulabo abaphelelisiwe. Konke okumayelana nokuguqula isiqu sabo emhlabeni kuqondiswe kulabo abaphelelisiwe. Labo abangakapheleliswa abakufanele ukwamukela izethembiso zikaNkulunkulu.

Okwedlule: Labo Abathanda UNkulunkulu Ngeqiniso Yilabo Abakuthobela Ngokuphelele Ukuba Ngokoqobo Kwakhe

Okulandelayo: Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp