Ukwenza (8)

Anikakwazi ukuqonda izingxenye ezehlukene zeqiniso, futhi kusenamaphutha nokuphambuka okuningana ekwenzeni kwenu; emikhakheni eminingi, niphila ngokwemibono nemicabango yenu, ningakwazi ukubamba izimiso zokwenza. Ngalokhu, kusadingekile ukuqondisa abantu ukuze bangene endleleni efanele; ngamanye amazwi, bayakwazi ukulawula impilo yabo yobuntu nempilo yabo engokomoya, bakwenza kokubili lokhu, futhi asikho isidingo sokubasekela nokubaqondisa njalo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho benokuma kweqiniso. Lokhu kuyosho ukuthi, esikhathi esizayo, lapho engekho umuntu ozokuqondisa, uzoqhubeka uzenzela wena izinto. Namuhla, uma uye wakuqonda okubalulekile nokungabalulekile, esikhathini esizayo, uzokwazi ukungena kokungokoqobo. Namuhla, niholelwa endleleni efanele, okunenza nikwazi ukuqonda amaqiniso amaningi, futhi esikhathini esizayo nizokwazi ukungena nijule. Kungase kushiwo ukuthi lokho abantu abenziwa bakuqonde manje kubizwe ngendlela emsulwa. Namuhla, uyiswa endleleni efanele—futhi lapho, ngelinye ilanga, engekho umuntu ozokuqondisa, uzokwenza futhi ungene ujule ngazo zonke lezi zindlela ezimsulwa. Manje, abantu benziwa baqonde okufanele, nokuphambene, futhi lapho sebeziqonda lezi zinto, esikhathini esizayo izenzo zabo zizojula. Namuhla, izinto eningaziqondi ziyagodlwa, futhi indlela efanele yokungena yembuliwe kini, ngemva kwalokho lesi sigaba somsebenzi sizophela, futhi nizoqala ukuhamba ngendlela nina bantu okufanele nihambe ngayo. Ngaleso sikhathi, umsebenzi Wami uzophela, futhi kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke ngeke nisaphinde nihlangane Nami. Namuhla, ukubukeka kwenu kuncane kakhulu. Buningi ubunzima ngokwakheka nokudalwa kwabantu, futhi, kuphinde kube nezinto ezimbelwe zajula okusamele zisishulwe. Abantu abayiqondi imininingwane emincane ngokwakheka nokudalwa kwabo, futhi basadinga kube Yimi obabonisa lokhu; uma kungenjalo, ngeke nizazi. Lapho lokhu sekuhambe kwaze kwafika eqophelweni elithile futhi izinto ezisemathanjeni nasegazini lenu sezihleli obala, lokhu kubizwa ngokusola nokwahlulela. Umsebenzi Wami ngizowuphothula kuphela lapho usufezwe ngokuphelele futhi wonke. Lapho kukukhulu ukudalulwa kwenu, yilapho niyoba nolwazi oluningi khona, futhi lokhu kuyobaluleka kakhulu ebufakazini nasekupheleleni kwenu esikhathini esizayo. Lokhu kuyoba yiwo wonke umsebenzi Wami kuphela lapho umsebenzi wokusola nokwahlulela usufezwe ngokuphelele, ukunivumela ukuba ningazi ngaphandle kokusola nesahlulelo Sami. Ngeke nazi kuphela ukubukeka nokulunga Kwami, kodwa, okubaluleke nakakhulu, nizokwazi ukusola nesahlulelo Sami. Abaningi phakathi kwenu banemibono emikhulu ngobusha kanye nemininingwane ehlanganiswayo emsebenzini Wami. Kunoma yikuphi, kumele nibone ukuthi umsebenzi Wami musha futhi unemininingwane eminingi, nokuthi nginifundisa ubuso nobuso, isandla nesandla ukuba nenze okuthile. Yilokhu kuphela okuzuzisayo ezenzweni zenu nasekumeni kwenu niqinile esikhathini esizayo; ngaphandle kwalokho, ningaba njengamaqabunga asekwindla, abunile, aphuzi nomile, angelusizo lwalutho. Kufanele nazi ukuthi ngazi konke ngezinhliziyo nomoya wenu; kunjalo futhi, nangomsebenzi engiwenzayo namazwi obuhlakani obukhulu engiwakhulumayo. Ngenxa yokwakheka nokucabanga kwenu, nidinga ukuqondiswa. Kungale ndlela kuphela ulwazi lwenu ngokusolwa nesahlulelo Sami luyocaca kakhudlwana, futhi ngisho noma ningazi lutho namuhla, ningase nazi okuthile kusasa. Wonke umuntu odaliwe kufanele awe phakathi namazwi Ami okusola nesahlulelo, ngoba akukho umuntu engimbekezelelayo ngokumelana Nami.

Nonke kumele nikwazi ukulawula izimpilo zenu. Usuku nosuku ningakwazi ukuhlela noma yini eniyifisayo, nikhululekile ukwenza noma yini eniyithandayo, ningafunda, nilalele futhi nibhale, futhi uma nithanda, ningabhala amahubo. Ingabe konke lokhu akusho impilo efanele? Zonke lezi zinto kumele zibe khona empilweni yomuntu. Abantu kufanele benze izinto ezingokwemvelo; bazobukwa njengabantu asebengene ekuphileni okuvamile kuphela uma sebevune izithelo ebuntwini babo obujwayelekile nasezimpilweni zokomoya. Namuhla, awuntuli ukuqonda nokuhlakanipha kuphela uma kukhulunywa ngobuntu. Miningi imibono okufanele yaziwe abantu okumele babe nayo, futhi noma ngabe yisiphi isifundo ositholayo, yisifundo okufanele usifunde; kumele ukwazi ukubheka indawo ezungezile, futhi uphile ngokuvumelana nayo. Ukuthuthukisa izinga lakho lemfundo nokwazi ukufunda nokubhala kufanele kwenziwe ngokuhamba kwesikhathi ukuze kube nezithelo. Kunezinto ezithile okusamele ube nazo ukuze ube nokuphila komuntu ojwayelekile, futhi kusamele uqonde ngokungena kwempilo yakho siqu. Njengoba sihambe saze safika lapha namuhla, ziningi izinto ezikhulunyiwe esikhathini esidlule obungaziqondi—kodwa uyaziqonda uma uzifunda namuhla, futhi uba ogxile nakakhulu enhlizweni yakho. Nalokhu futhi kusho ukuvuna. Ngosuku lapho udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu futhi unolwazi oluncane kakhulu ngaphakathi kuwe, ungakwazi ukusebenzisana nabafowenu nodadewenu ngokukhululekile. Ingabe lokhu akukhona ukuphila okufanele ube nakho? Ngezinye izikhathi, ubuza othile imibuzo noma ucabanga ngesihloko esithile futhi kukwenza ukwazi kangcono ukuhlukanisa, futhi kukunikeza ukuqonda nokuhlakanipha okwengeziwe, okwenza ukwazi ukuqonda amaqiniso athile—futhi ingabe lokhu akukhona lokho okuqukethwe ukuphila okungokomoya okukhulunywa ngakho namuhla? Akwamukelekile ukwenza isici esisodwa kuphela sokuphila kwethu okungokomoya; ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuthandaza nokuhuba amahubo konke kwakha ukuphila okungokomoya, futhi uma unokuphila okungokomoya, kumele ube nokuphila kobuntu obuvamile futhi. Namuhla, okuningi kushiwo ngenjongo yokunikeza abantu ukucabanga ngendlela ephusile nokuqonda, ukubavumela ukuba babe nokuphila kobuntu obuvamile. Lokho okushiwo ukuqonda, lokho okushiwo ukuba nobudlelwano obuvamile nabanye abantu, indlela ongasebenzelana ngayo nabanye abantu—kufanele ube nazo lezi zinto ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi okudingeka kuwe kutholakala ngobuntu obuvamile. Kufanele ube nezinto okumele ube nazo, kodwa ungeqisi; abanye abantu basebenzisa yonke inhlobo yamazwi namagama, futhi bayabukisa ngokwenza lokhu. Kunabanye futhi abafunda yonke inhlobo yezincwadi, okuwukunikeza izifiso zenyama inkululeko. Baze ngisho bafunde futhi balingise abantu ababhala ngokuphila kwabo nezingcaphuno zosaziwayo bomhlaba, futhi bafunde izincwadi zezithombe ezingcolile zobulili—futhi lokhu kuhlekisa nakakhulu! Abantu abanjalo akukhona ukuthi abayazi indlela engena ekuphileni kodwa, ngaphezu kwalokho, abawazi umsebenzi kaNkulunkulu namuhla, futhi abazi ukuthi baphile kanjani usuku nosuku. Ukuphila kwabo akunalutho! Abazi nhlobo ukuthi kufanele bangene kuphi. Abakwenzayo nje ukukhuluma nokuxoxa nabanye, njengokungathi ukukhuluma kuthatha indawo yokungena kwabo. Ingabe abalazi ihlazo? Laba ngabantu abangayazi indlela yokuphila, futhi abangakuqondi ukuphila komuntu; bathatha usuku lonke begcwalisa ubuso babo, benza izinto ezingenangqondo—futhi ikuphi injongo yokuphila kulokhu? Ngiye ngabona ukuthi abantu abaningi, ngaphandle kokwenza imisebenzi yabo, ukudla, nokugqoka, usuku lonke isikhathi sabo esiyigugu sidliwa yizinto ezingenangqondo, benza izinto ezingenamsebenzi nezingathi shu, behlangana nabangane futhi behleba, noma belele zwi. Ingabe ukuphila okunjalo ukuphila kwabangcwele? Ingabe lokhu ukuphila kwabantu abavamile? Ungenziwa yini uphelele uma ukuphila kwakho kuphansi, kuyisidala kunokunganaki? Ingabe uzimisele ukuzinikela kuSathane ngento engekho? Lapho ukuphila kwabantu kukhululekile, futhi indawo ezungezile ingahlushwa lutho, abakwazi kwenza lutho. Endaweni ekhululekile, kulula ngabantu ukuba benze izinto ezimbi—kodwa indawo engalungile ikwenza uthandaze kakhulu, futhi ikwenza ungalinge ushiye uNkulunkulu. Lapho ukuphila kwabo kukhululekile futhi kungenazo izinselele, kulapho abantu abaningi beba khona nomuzwa wokuthi asikho isidingo sokuphila, nokuthi kungcono bafe. Yonakele kanjalo inyama yomuntu; izinzuzo bangazithola kuphela ngokubhekana nezilingo.

Isigaba somsebenzi kaJesu senzeka eJudiya naseGalile, futhi abeZizwe babengazi lutho ngaso. Umsebenzi Wakhe wawuyimfihlo kakhulu, futhi asikho isizwe esasiwazi ngaphandle kwesakwa-Israyeli. Kwaze kwaba yilapho uJesu ephothula umsebenzi Wakhe futhi kwaba nothuthuva lapho abantu bazi khona ngawo, futhi ngaleso sikhathi wayesehambile. UJesu wayezele ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi, wazuza iqembu labantu, futhi waphothula isigaba somsebenzi. Kunoma yisiphi isigaba somsebenzi owenziwa uNkulunkulu, baningi abaphikisana nawo. Uma wawenziwa uNkulunkulu Ngokwakhe eyedwa, wawungase ungasho lutho; kumele kube nabantu abalandela uNkulunkulu nabenza leso sigaba somsebenzi kuze kube sekugcineni. Kuze kube yilapho umsebenzi kaNkulunkulu Ngokwakhe usuphothuliwe lapho abantu bekwazi khona ukufeza lokho okushiwo uNkulunkulu, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho umsebenzi kaNkulunkulu uqala khona ukusabalala. UNkulunkulu wenza kuphela umsebenzi wokungenisa inkathi entsha, futhi umsebenzi oqhubekisela lokho phambili wenziwa abantu. Ngaleyo ndlela, umsebenzi wanamuhla ngeke uhlale isikhathi eside; impilo Yami nabantu ngeke iqhubeke isikhathi eside. Ngiphothula umsebenzi Wami kuphela, futhi nginenze nenze umsebenzi okufanele niwenze, ukuze lo msebenzi nevangeli kuzosabalala ngokushesha okukhulu kwabeZizwe nezinye izizwe—umsebenzi wenu bantu uzophela ngalesi sikhathi kuphela. Isikhathi sanamuhla siyigugu kakhulu kunazo zonke. Uma usishaya indiva, ungomunye walabo abayiziphukuphuku; uma, kule ndawo, udla futhi uphuza la mazwi futhi ubona lo msebenzi, kodwa usantula ukuzimisela ngokufuna iqiniso, futhi ungenawo nomncane umuzwa wokuba nomthwalo—uthini ngekusasa lakho-ke? Umuntu onjangawe akafanele ukususwa?

Okwedlule: Ukwenza (7)

Okulandelayo: Khonzani Njengoba Kwakwenza Ama-Israyeli

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp