XV. Amazwi Ngokuphrofetha Ngobuhle Bombuso Nesiphetho Sesintu, Kanye Nezethembiso Nezibusiso ZikaNkulunkulu

686. Umsebenzi Wami uhlala iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi ngiyethembisa ukuthi ukulawula komubi esintwini sisonke nakho kuyoba ngokweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ngakho, siphelile isikhathi. Angisaqhubeki futhi angisadebeseli manje: Ngezinsuku zokugcina ngizomnqoba uSathane, ngizobuyisela inkazimulo Yami, futhi ngizolanda imiphefumulo Yami emhlabeni ukuze le miphefumulo ekhathazekile ephunyuke olwandle lokuhlupheka, futhi lokhu kuzophothula umsebenzi Wami uwonke emhlabeni. Kusukela ngalolu suku kuya phambili, ngeke ngisaphinde ngibe sesimweni senyama emhlabeni, futhi ngeke uMoya Wami olawulayo uphinde usebenze emhlabeni. Ngizokwenza okukodwa vo emhlabeni: Ngizokwenza isintu kabusha, isintu esingcwele, esiyidolobha Lami elethembekile emhlabeni. Kodwa yazi ukuthi angizukunqoba umhlaba uwonke, noma angizukunqoba sonke isintu. Ngizogcina ingxenye—ingxenyana ethanda Mina futhi enqontshwe Yimi kakhulu, futhi ngizokwenza ukuthi le ngxenyana ithele izithelo futhi igcwalise umhlaba njengoba kwenza ama-Israyeli ngaphansi komthetho, bondliwe ngezimvu eziningi kanye nomhlambi wezinkomo kanye nayo yonke ingcebo yomhlaba. Lesi sintu sizohlala Nami ingunaphakade, kube ayisiso lesi sintu esingcolile nesinengayo sanamuhla, kodwa isintu esihlanganisa bonke abazuzwa Yimi. Isintu esinjalo asizukumoshakala, siphazamiseke, noma sizungezwe uSathane, futhi kuzoba yiso kuphela isintu esikhona emhlabeni emuva kokuba senginqobe uSathane. Yisintu esinqotshwe Yimi namuhla futhi esizuze isethembiso Sami. Ngakho, isintu esinqotshwe ngezinsuku zokugcina siphinde sibe yisintu esizohlengwa nesizothola izibusiso Zami ingunaphakade. Kuzoba yibo kuphela ubufakazi bokunqoba Kwami uSathane, futhi yikho kuphela okuzobe kuwumqhele wempi Yami noSathane. Le miqhele yempi isindiswe Yimi esigodlweni sikaSathane, futhi iwukukhazimula nezithelo zohlelo lokuphatha Lwami lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Iphume kuwo wonke amazwe namabandla, nakuzo zonke izindawo namazwe emhlabeni jikelele. Yehlukile kunezinye izinhlanga, inezilimi ezehlukile, amasiko kanye namabala esikhumba, futhi igcwele ezweni ngalinye nebandla emhlabeni jikelele, kanye namagumbi omane omhlaba. Ekugcineni, izohlangana njengesintu esiphelele, inhlangano yabantu amandla kaSathane angefinyelele kubo.

Kucashunwe embhalweni othi “Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

687. Njengoba amazwi Ami egcwaliswa, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami. Embusweni, bonke abantu bakaNkulunkulu babuyelwa yimpilo yomuntu ejwayelekile. Ubusika sebudlulile, kwangena intwasahlobo yomhlaba, lapho okuba yintwasahlobo unyaka wonke. Abantu abasabhekene nezwe lomuntu elidangele, elidabukisayo, abasabekezeleli umoya obandayo womhlaba womuntu. Abantu abalwi bodwa, amazwe awahlomiselani izimpi, azisekho nezingozi negazi eligobhoza ngenxa yezingozi; umhlaba wonke ugcwele injabulo, yonke indawo kugcwele imfudumalo phakathi kwabantu. Ngihamba umhlaba wonke, ngithokoza ngiphezulu esihlalweni Sami soBukhosi, ngihlala nezinkanyezi. Izingelosi zinginikeza amaculo nokugiya okusha. Ukuchoboka ukuzwela kwazo akusenzi ukuthi kugobhoze izinyembezi ebusweni bazo. Manje, phambi Kwami, angisezwa msindo wezingelosi zikhala, futhi akekho nokhalaza ngobunzima Kimi. Namuhla, nizophila phambi Kwami; kusasa, nizoba sembusweni Wami. Ingabe lokhu akusona isibusiso esikhulu engisiphe abantu?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 20” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

688. Lapho umbuso wehlela emhlabeni ngokuphelele, bonke abantu bayobuyelwa ubunjalo babo basekuqaleni. Yikho uNkulunkulu ethi, “ngithokoza ngiphezulu esihlalweni Sami sobukhosi, ngihlala phakathi kwezinkanyezi. Izingelosi zinginikeza amaculo amasha nokusina okusha. Ubuntekenteke bazo abusenzi ukuthi kugobhoze izinyembezi ebusweni bazo. Manje, phambi Kwami, angisezwa msindo wezingelosi zikhala, futhi akekho nokhononda ngobunzima Kimi.” Lokhu kukhombisa ukuthi usuku uNkulunkulu ayothola ngalo inkazimulo ephelele kuyoba wusuku umuntu ayothola ngalo ukuphumula; abantu abasaphithizeli ngenxa yokuphazamisa kukaSathane, izwe liyema ukuqhubekela phambili, nabantu bahlala ngokuphumula—ngoba inqwaba yezinkanyezi esibhakabhakeni zenziwa zibe zintsha, nelanga, inyanga, izinkanyezi, njalonjalo, nazo zonke izintaba nemifula ezulwini nasemhlabeni kuyaguqulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu useguqukile, kanjalo futhi, konke kuyoguquka. Lokhu kuyinhloso nqangi yohlelo lokuphatha kukaNkulunkulu, lolu oluyofezeka ekugcineni.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 20” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

689. Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, nabantu ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, baphinde babuyela esimweni sobungcwele abake baba naso. Ewu, umhlaba wakudala ogcwele inkohlakalo usuwele emanzini angcolile wazika wangena ngaphansi ekujuleni, wancibilika odakeni! Ewu, ekugcineni sonke isintu engisidalile sesize babuyela empilweni yokukhanya, sathola isisekelo sokuphila, sayeka ukubisha odakeni! Ewu, izinto eziningi zendalo ezisezandleni Zami! Zingathini, ukungenziwa busha ngamazwi Ami? Zingathini, ukuyeka imisebenzi yazo ekukhanyeni Kwami? Umhlaba awusathule du, izulu alisalahlwanga futhi alisadabukisi. Izulu nomhlaba akusahlukanisiwe isikhala, sekuhlangene sekuyimbumba, angeke kuphinde kuhlukaniswe futhi. Ngalo mcimbi wenjabulo, ngalesi sikhathi sokwesasa, ukulunga Kwami nobungcwele Bami sebuwele emhlabeni jikelele, wonke umuntu uyakudumisa ngokungenamkhawulo. Emizini yasezulwini kuyahlekwa ngenjabulo, nemibuso yomhlaba iyadansa ngenjabulo. Ubani ongajabuli ngalesi sikhathi? Ubani ongakhali ngalesi sikhathi? Umhlaba ngokwendalo yesimo sawo ungowasezulwini, futhi izulu lihlangene nomhlaba. Umuntu uyintambo ehlanganisa izulu nomhlaba, sibonga ukungcwelisa kwakhe, sibonga ukwenziwa kabusha kwakhe, izulu alisacashile emhlabeni, kanti umhlaba awusathule ngezulu. Ubuso babantu buchichima ukubonga, ezinhliziyweni zabo kufihlwe ubumnandi obungenamkhawulo. Abantu abasangqubuzani, abantu abasalwi. Ngabe bakhona yini, abangahlali ngokuthula nabanye ekukhanyeni Kwami? Ngabe bakhona, osukwini Lwami, abahlaza igama Lami? Bonke abantu babhekise amehlo abo akhombisa inhlonipho ngakimi, futhi ezinhliziyweni zabo bakhala emfihlakalweni Kimi. Ngikuhlolile konke ukwenza kwabantu: Phakathi kwabantu abahlanziwe, abekho abangangilaleli, abekho abangahlulelayo. Bonke abantu bembozwe yisimo Sami. Wonke umuntu useyangazi, uyasondela Kimi, futhi uyangidumisa. Ngimile ngiqinile emoyeni womuntu, ngiphakanyiselwe esiqongweni esiphakeme kakhulu emehlweni omuntu, ngihamba emithanjeni yegazi lakhe. Ukungiphakamisa nokungidumisa kugcwele enhliziyweni zabantu kugcwalisa yonke indawo emhlabeni, umoya unamandla futhi uncwaba, inkungu ayisawumbozile umhlaba, nelanga likhazimula kahle.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 18” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

690. Ekukhanyeni Kwami, abantu baphinde babona ukukhanya. Ezwini Lami, abantu bathola izinto abazijabulelayo. Ngivele eMpumalanga, ngisuka eMpumalanga. Lapho inkazimulo Yami ikhazimula, zonke izizwe ziyakhanya, konke kulethwa ekukhanyeni, ayikho into esala ebumnyameni. Embusweni, impilo abantu bakaNkulunkulu abayiphila noNkulunkulu inokujabula okungenakulinganiswa. Amanzi adansa ngokujabula ngempilo yabantu ebusisekile, izintaba zijabula kanye nabantu ngenala Yami. Bonke abantu bayashikashikeka, basebenza kanzima, bakhombisa ukwethembeka embusweni Wami. Embusweni, akusekho ukuvukela, akusekho ukudlubulunda; amazulu nomhlaba kuncike kokunye, umuntu kanye Nami sisondelana ngomuzwa ojulile, ngezinjabulo ezimnandi zokuphila, omunye encike komunye…. Ngalesi sikhathi, ngiqala ukuphila Kwami ezulwini. Ukuphazamisa kukaSathane akusekho, nabantu bangena ekuphumuleni. Kuwo wonke umhlaba, abantu Bami abakhethiwe baphila enkazimulweni Yami, babusiseke ngendlela engenakuqhathaniswa, hhayi njengabantu abaphila phakathi kwabantu, kodwa njengabantu abaphila noNkulunkulu. Sonke isintu esonakaliswe uSathane, futhi siphuze ubumuncu nobumnandi bokuphila kwaze kwaba sekugcineni. Manje, kungenzeka kanjani ukuthi umuntu angajabuli lapho ephila ekukhanyeni Kwami? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu awudedele kalula lo mzuzu omuhle kangaka futhi awuyeke wedlule? Nina Bantu! Culani iculo ezinhliziyweni zenu futhi ningidansele ngenjabulo! Phakamisani izinhliziyo zenu eziqotho nizinikele Kimi! Shayani izigubhu zenu ningidlalele ngentokozo! Ngisabalalisa ukujabula Kwami kuwo wonke umhlaba! Ngembulela abantu ubuso Bami obukhazimulayo! Ngizomemeza ngezwi elikhulu! Ngizonyukela ngaphezu komhlaba! Sengivele ngiyabusa phakathi kwabantu! Ngiyaphakanyiswa abantu! Ngintanta emazulwini aluhlaza ngaphezulu nabantu bahamba kanye Nami. Ngihamba phakathi kwabantu futhi abantu Bami bangizungezile! Izinhliziyo zabantu ziyajabula, amaculo abo azamazamisa umhlaba, aqhekeza izulu eliphezulu! Umhlaba awusamboziwe yinkungu; alusekho udaka, akusekho ukunqwabelana kwendle. Bantu abangcwele bomhlaba! Lapha nginihlola nikhombisa ubuso benu bangempela. Anibona abantu abembozwe ukungcola, kodwa ningabangcwele abahlanzeke njenge-jade, nonke ningabathandiweyo Bami, nonke niyangijabulisa! Zonke izinto ziphila kabusha! Abangcwele bonke sebebuyele ekungikhonzeni ezulwini, bangena ekusingatheni Kwami okufudumele, abasakhali, abasakhathazeki, bayazinikela Kimi, babuyela ekhaya Lami, futhi bazongithanda ngokungenamkhawulo ezweni lakubo! Abalokothi baguquke kuze kube phakade! Luphi usizi! Ziphi izinyembezi! Iphi inyama! Umhlaba uyedlula, kepha amazulu ahleli kuze kube phakade. Ngibonakala kubo bonke abantu, futhi bonke abantu bayangidumisa. Lokhu kuphila, lobu buhle, kusukela endulo kuze kube sekupheleni kwesikhathi, ngeke kuguquke. Lokhu ukuphila kombuso.

Kucashunwe embhalweni othi “Jabulani, Nonke Nina Bantu!” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

691. Umbuso uyakhula phakathi kwabantu, uyasunguleka phakathi kwabantu, uyasukuma phakathi kwabantu; awekho amandla angabulala umbuso Wami. Kubantu Bami abasembusweni namuhla, ubani kini ongeyena umuntu phakathi kwabantu? Ubani phakathi kwenu ongaphandle kwezimo zabantu? Uma lapho engizoqala khona kumenyezelwa ezinkumbini zabantu, bazothini noma bazokwenzani abantu? Uzibonele ngamehlo akho isimo sabantu; ngokuqinisekile awusenalo ithemba lokuma ingunaphakade emhlabeni? Ngiyahamba kabanzi manje phakathi kwabantu Bami, ngiphila phakathi kwabantu Bami. Namuhla, labo abangithanda ngempela, abantu abafana nalabo babusisiswe; babusisiwe labo abangihloniphayo, nakanjani bazohlala embusweni Wami; babusisiwe labo abangaziyo, nakanjani bazothola amandla embusweni Wami; babusisiwe labo abangifunayo, nakanjani bazophuma emaketangweni kaSathane bajabulele izibusiso Nami; babusisiwe abakwaziyo ukuzincama, nakanjani bazongena ezintweni Zami enginazo, badle ifa lenala yombuso Wami. Labo abangigijimelayo ngizobakhumbula, labo abangena ezindlekweni ngenxa Yami ngizobasingatha ngenjabulo, labo abanikelayo Kimi ngizobanika okuzobathokozisa. Labo abathokoziswa amazwi Ami ngizobabusisa; ngokuqinisekile bazoba yizinsika ezibamba isigxobo esiyinsika yombuso Wami, ngokuqinisekile bazothola konke abakufunayo nabakucelayo endlini Yami, futhi akekho ongaqhathaniswa nabo. Wake wasemukela isibusiso owasinikwa? Wake wazifuna izethembiso ezenzelwa wena? Nakanjani, ngokuqondiswa ukukhanya Kwami, uzogqashula emandleni obumnyama. Phakathi kobumnyama angeke ulahlekelwe ukukhanya okukuqondisayo. Uzobusa phezu kwazo zonke izidalwa. Nakanjani uzonqoba phambi kukaSathane. Nakanjani, ekuweni kombuso kadrako omkhulu obomvu, uzoma phakathi kwezinkumbi zabantu ube ngufakazi wokunqoba Kwami. Nakanjani uzoqina ungantengantengi ezweni laseSinim. Ngokuhlupheka odlule kukho, uzothola ifa lezibusiso ezivela Kimi, futhi ngokuqinisekile uzosabalalisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 19” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

692. Ubuhlakani Bami bukhona kuyo yonke indawo emhlabeni kanye nasemhlabeni jikelele. Phakathi kwazo zonke izinto kukhona izithelo zobuhlakani Bami, phakathi kwabo bonke abantu kukhona imisebenzi emihle yobuhlakani Bami; yonke into ifana nazo zonke izinto embusweni Wami, bonke abantu bahlala ngokuphumula ngaphansi kwamazulu Ami njengezimvu emadlelweni Ami. Ngihamba ngaphezu kwabo bonke abantu kanti ngibuka yonke indawo. Akukho nakunye okubukeka kukudala, kanti akekho umuntu osabukeka ngendlela ayeyiyo. Ngiphumula esihlalweni sobukhosi, ngincika phezu komhlaba wonkana, nganeliseke ngokugcwele, ngoba zonke izinto sezikwazile ukubuyisa ubungcwele bazo ngingakwazi ukuphinda ngihlale ngokuthula ngaphakathi eSiyoni, futhi nabantu emhlabeni bangakwazi ukuphila impilo enokuthula nenokugculiseka ngaphansi kobuholi Bami. Izizwe zonke zikwazile ukuphatha konke okusesandleni Sami, zonke zikwazile ukubuyisa ubuhlakani bazo kanye nokubukeka kwazo kwaphambilini; azisamboziwe wuthuli manje, kepha, embusweni Wami, zingcwele njenge-jade, kanti isizwe ngasinye sinobuso obufana nobalowo ongcwele osenhliziyweni yomuntu, ngoba umbuso Wami umisiwe phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 16” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

693. “Ngihamba ngaphezu kwabo bonke abantu kanti ngibuka yonke indawo. Akukho nakunye okubukeka kukudala, kanti akekho umuntu osenjengalokhu ayeyikho. Ngiphumula esihlalweni sobukhosi, ngincika phezu komhlaba wonkana….” Lokhu kungumphumela womsebenzi wamanje kaNkulunkulu. Bonke abantu abakhethwe uNkulunkulu babuyela esimweni sabo sasekuqaleni, ngenxa yaso izingelosi, esezihlupheke iminyaka engaka ziyakhululwa, njengoba uNkulunkulu ethi, “sinobuso obufana nobalowo ongcwele osenhliziyweni yomuntu,” Ngoba izingelosi zisebenza emhlabeni futhi zikhonza uNkulunkulu emhlabeni, izulu lilethwa emhlabeni, nomhlaba uphakanyiselwa ezulwini. Ngakho, umuntu uyisixhumanisi esixhumanisa izulu nomhlaba; izulu nomhlaba akusaqhelelene, akusahlukanisiwe, kodwa kuxhunyanisiwe kwaba kunye. Emhlabeni wonke, nguNkulunkulu nomuntu kuphela abakhona. Akukho luthuli nakungcola, futhi zonke izinto zenziwa zibe zintsha, njengezinyane elincane lilele otshanini obuluhlaza ngaphansi kwesibhakabhaka, lithokozela wonke umusa kaNkulunkulu. Futhi kungenxa yokufika kohlaza lapho umphefumulo wempilo ukhanya khona, ngoba uNkulunkulu uza emhlabeni ukuzohlala nomuntu kuze kube phakade, njengoba kwashiwo ngomlomo kaNkulunkulu ukuthi “ngingahlala ngokuthula ngaphakathi eSiyoni futhi.” Lokhu kuwuphawu lokwehlulwa kukaSathane, wusuku lokuphumula kukaNkulunkulu, futhi lolu suku luyophakanyiswa lumenyezelwe yibo bonke abantu, luphinde lukhunjulwe yibo bonke abantu. Lapho uNkulunkulu ephumule esihlalweni sobukhosi yisikhathi futhi uNkulunkulu aqeda ngaso umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi yiwona kanye umzuzu lapho zonke izimfihlakalo zikaNkulunkulu zivezwa khona kubantu; uNkulunkulu nomuntu bayohlala benokuzwana njalo, bengaqhelelene—lezi yizigcawu ezinhle zombuso!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 16” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

694. Ngokususela emisebenzini nobufakazi obahlukene, abanqobi abasembusweni bayosebenza njengabaphristi noma abalandeli, futhi labo abanqobayo ezinhluphekweni bayoba yisigungu sabaphristi embusweni. Isigungu sabaphristi siyokwakhiwa uma umsebenzi wevangeli usuphelile emhlabeni jikelele. Uma sekufika isikhathi, okumele kwenziwe umuntu kuyoba umsebenzi wakhe embusweni kaNkulunkulu, kanye nokuhlala kwakhe ndawonye noNkulunkulu embusweni. Esigungwini sabaphristi kuyoba nomphristi omkhulu kanye nabaphristi, futhi abasele bayoba amadodana kanye nabantu baNkulunkulu. Konke lokhu kuyonqunywa ngokobufakazi babo kuNkulunkulu ngezinkathi zenhlupheko; akuwona amagama anikezwa kalula nje. Uma isithunzi somuntu sesitholakele, umsebenzi kaNkulunkulu uyophela, ngoba umuntu ngamunye uyobe esebekwe ngokohlobo lwakhe futhi ebuyiselwe esimweni sakhe sasekuqaleni, futhi lokhu kuwuphawu lokuqedwa komsebenzi kaNkulunkulu, lokhu kuwumphumela wokugcina womsebenzi kaNkulunkulu kanye nokwenza komuntu, futhi kuwukucaciswa kwesimo kwemibono yomsebenzi kaNkulunkulu kanye nokusebenzisana nomuntu. Ekugcineni, umuntu uyophumula embusweni kaNkulunkulu, futhi noNkulunkulu, uyokwenza njalo, uyobuyela endaweni Yakhe ukuze aphumule. Lokhu kuwumphumela wokugcina weminyaka eyizi-6000 yokusebenzisana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

695. Lapho umsebenzi wokunqoba sewuqediwe, umuntu uzolethwa ezweni elihle Le mpilo, phela, izobe isesekhona emhlabeni, kodwa izobe ingasafani nhlobo nempilo yomuntu yanamuhla. Yimpilo sonke isintu esizobanayo lapho isintu sonkana sesinqotshiwe, kuzoba isiqalo esisha somuntu emhlabeni, futhi ukuba isintu sibe nempilo enhle kangako, kuyobe kuwubufakazi bokuthi isintu sesingene embusweni omusha futhi omuhle. Kuzoba wukuqala kwempilo yomuntu noNkulunkulu lapha emhlabeni. Isisekelo sempilo enhle kangaka kufanele kube wukuthi, emuva kokuthi umuntu esenziwe msulwa futhi wanqotshwa, uyazithoba phambi koMdali. Ngakho, umsebenzi wokunqoba, isigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu ngaphambi kokuthi isintu singene esiphethweni esimangalisayo. Impilo enje impilo yesikhathi esizayo yomuntu emhlabeni, yimpilo enhle kunazo zonke emhlabeni, uhlobo lwempilo elangazelelwa ngumuntu, inhlobo umuntu angakaze ayithole emlandweni womhlaba. Ngumphumela wokugcina womsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, yilokho isintu esikulangazelelayo kunakho konke, futhi kuyisithembiso sikaNkulunkulu kumuntu. Kepha isithembiso sakhe asikwazi ukufezeka masinyane: Umuntu uzongena ekupheleni kwesikhathi esizayo kuphela uma umsebenzi wezinsuku zokugcina sewuqediwe futhi esenqotshiwe ngokuphelele, okungukuthi lapho uSathane esehluliwe nya. Umuntu uzongabi nemvelo enesono uma esecwengiwe, ngoba uNkulunkulu uzobe esemnqobile uSathane, okusho ukuthi ngeke kube khona ukuphazamisa kwamandla anobutha, futhi azobe engekho amandla anobutha angahlasela inyama yomuntu. Ngakho umuntu uzobe ekhululekile futhi engcwele—uzobe esengene kwiphakade.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

696. Lapho umuntu ethola impilo yangempela yomuntu emhlabeni, namandla kaSathane ewonke eboshiwe, umuntu uyophila kalula emhlabeni. Izinto ngeke zibe nkimbinkimbi njengoba ziyizo manje: ubudlelwane babantu, ubudlelwane bokuhlalisana kwabantu, ubudlelwano bemindeni obunkimbinkimbi…, Buwuhlupho kakhulu, kubuhlungu kakhulu! Impilo yomuntu lapha ilusizi kakhulu! Uma umuntu esenqotshiwe, inhliziyo nomqondo wakhe uzoshintsha: uzoba nenhliziyo emazisayo uNkulunkulu kanye nenhliziyo emthandayo uNkulunkulu. Uma bonke labo abasemhlabeni jikelele abafuna ukuthanda uNkulunkulu sebenqotshiwe, okungukuthi, uma uSathane esenqotshiwe, futhi uma uSathane—wonke amandla obumnyama—eseboshiwe, impilo yomuntu emhlabeni ngeke isaba nokukhathazeka, futhi uyokwazi ukuphila ngokukhululeka emhlabeni. Uma impilo yomuntu ingenabo ubudlelwano obungobenyama, futhi ingasenabo ubunkimbinkimbi benyama, bekuyoba lula kakhulu. Ubudlelwano bomuntu obungobenyama bunkimbinkimbi kakhulu, futhi ukuba komuntu nalezi zinto ezinje kungubufakazi bokuthi akakazikhululi ethonyeni likaSathane. Ukuba ubunobudlelwano obufanayo nodadewenu nabafowenu ngamunye, njengobudlelwano nomndeni wakho ojwayelekile, ubungeke ube nokukhathazeka, futhi ubungeke udinge ukukhathazeka ngamuntu. Bekungamnandi lokho, futhi ngale ndlela umuntu ubengabe uphunyuziwe engxenyeni yokuhlupheka kwakhe. Ukuphila impilo yomuntu ejwayelekile emhlabeni, umuntu uzobe efana nengilosi; nakuba esengowenyama, uzobe efana nengilosi kokuningi. Lesi isithembiso sokugcina, isithembiso sokugcina esinikwe umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

697. Labo abayopheleliswa nguNkulunkulu yilabo abayothola izibusiso zikaNkulunkulu kanye nefa Lakhe. Lokhu kungukuthi, bafaka ngaphakathi lokho uNkulunkulu anakho nayikho, ukuze kube yilokho abanakho phakathi; banawo wonke amazwi kaNkulunkulu asetshenziwe kubo; noma ngabe yini engekaNkulunkulu, uyakwazi ukukufaka konke phakathi njengoba kunjalo, ngaleyo ndlela uliphile iqiniso. Lolu uhlobo lomuntu olupheleliswe nguNkulunkulu noluzuzwa nguNkulunkulu. Yilolo hlobo lomuntu kuphela olufanelekela ukwamukela ifa nalezi zibusiso ezehliswa nguNkulunkulu:

1. Ukwamukela lonke uthando lukaNkulunkulu.

2. Ukwenza ngokwentando kaNkulunkulu kuzo zonke izinto.

3. Ukwamukela ukuqondiswa nguNkulunkulu, ukuphila ngaphansi kokukhanya kukaNkulunkulu, kanye nokukhanyiselwa nguNkulunkulu.

4. Ukuphila ngokomfanekiso othandwa nguNkulunkulu emhlabeni; ukuthanda uNkulunkulu njengoba uPetru enza, ukubethelelwa uNkulunkulu kanye nokufanelwa ukufa njengenkokhelo yothando lukaNkulunkulu; uthole udumo olufana noluka Petru.

5. Ukuthandwa, ukuhlonishwa, nokunconywa yibo bonke emhlabeni.

6. Ukwehlula konke ukugqilazwa ukufa kanye neHayidesi, ukunganikezi ithuba umsebenzi kaSathane, ukuba ube ngokaNkulunkulu, ukuphila phakathi komoya omusha nojabulisayo kanye nokungabi nakuzizwa ukhathele.

7. Ukuba nomuzwa omangalisayo wentokozo nokuthokozela ngaso sonke isikhathi sokuphila kwakho, kube sengathi usubona ukufika kosuku lwenkazimulo kaNkulunkulu.

8. Ukuthola inkazimulonoNkulunkulu, kanye nokuba nobuso obufana nabangcwele abathandwa nguNkulunkulu.

9. Ukuba yilokho uNkulunkulu akuthandayo emhlabeni, lokho okungukuba, yindodana kaNkulunkulu ethandiwe.

10. Isimo sokuguquka kanye nokukhuphukela ezulwini lesithathu noNkulunkulu, ukudlula enyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

698. Ngesikhathi umuntu engena esiphethweni saphakade, umuntu uzokhonza uMdali, futhi ngenxa yokuthi umuntu usezuze insindiso futhi wangena esikhathini saphakade, umuntu ngeke esashisekela ukuthola nanoma iziphi izinjongo, nangaphezu kwalokho, ngeke adinge ukukhathazeka ngokuthi uvinjezelwe impi kaSathane. Ngale sikhathi, umuntu uyoyazi indawo yakhe, futhi enze umsebenzi wakhe, kanti futhi noma angajeziswa noma angahlulelwa, wonke umuntu uyokwenza umsebenzi wakhe. Ngaleso sikhathi, umuntu uyoba isidalwa ngokobunjalo nangokwesikhundla. Ngeke kusaba khona ukuhlukanisa phakathi kwabaphakeme nabaphansi; umuntu ngamunye uyobe emane enza umsebenzi ohlukile. Kepha umuntu uyolokhu ephila endaweni eyisiphetho ehlelekile efanelekile yesintu, umuntu uyokwenza umsebenzi wakhe ukuze akhonze uMdali, futhi isintu esinjenga lesi kuyoba isintu saphakade. Ngaleso sikhathi, umuntu uyobe esezuze impilo ekhanyiswe nguNkulunkulu, impilo ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa nguNkulunkulu, kanye nempilo ndawonye noNkulunkulu. Isintu siyophila impilo ejwayelekile emhlabeni, futhi isintu sisonke, siyongena emgudwini ofanele. Uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizi-6,000 luyobe selumnqobe lwaqeda uSathane, okusho ukuthi uNkulunkulu uyobe esephinde wawuthola umfanekiso womuntu wasekuqaleni emuva nje kokudalwa, futhi ngaleyo ndlela, inhloso yasekuqaleni kaNkulunkulu iyobe igcwalisekile.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

699. Ukuphila kwasekuphumuleni ngeke kube nayo impi, ngeke kube nokungcola futhi ngeke kugcwale ukungalungi okungapheli. Lokhu kusho ukuthi abantu bayobe bengasahlushwa uSathane (lapha elithi “Sathane” libhekisela emandleni anonya), inkohlakalo kaSathane, kanye nokuhlaselwa yinoma yimaphi amandla amelene noNkulunkulu. Yonke into iyohamba ngokohlobo lwayo futhi ikhonze iNkosi yendalo. Amazulu nomhlaba kuthulile kuthe cwaka. Lokhu ukuphila okunokuphumula kwabantu. Lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, akukho ukungalungi okuyoba khona emhlabeni, futhi ngeke kusaba bikho ukuhlaselwa yinoma yiliphi ibutho elinonya. Abantu bayophinde bangene endaweni entsha; ngeke kuphinde kube nabantu abonakaliswe uSathane, kodwa kuyoba nabantu abasindisiwe ngemva kokonakaliswa uSathane. Usuku abantu abayophumula ngalo luphinde lube usuku uNkulunkulu ayophumula ngalo. UNkulunkulu walahlekelwa ukuphumula Kwakhe ngenxa yokwehluleka kwabantu ukungena ekuphumuleni; akukhona ukuthi wayevele engakwazi ukuphumula. Ukungena ekuphumuleni akusho ukuthi kuzoma zonke izinto ziyoyeka ukunyakaza, noma ukuthi zonke izinto zizoyeka ukusebenza, futhi akusho ukuthi uNkulunkulu uzoyeka ukusebenza nokuthi umuntu ngeke esaphila. Uphawu lokungena ekuphumuleni luyoba kanje: USathane uyobe esebhujisiwe; abantu abakhohlakele ababenza izinto ezimbi noSathane bayobe sebejezisiwe baqothulwa; wo nke amabutho amelene noNkulunkulu ayobe engasekho. Ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni kusho ukuthi ngeke esawenza umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu. Ukungena kwabantu ekuphumuleni kusho ukuthi bonke abantu bayophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu nangaphansi kwesibusiso Sakhe; iyobe ingasekho inkohlakalo kaSathane, ziyobe zingasenzeki nezinto ezingalungile. Abantu bayophila ngendlela evamile emhlabeni, futhi bayophila benakekelwa uNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu nabantu bengena ndawonye ekuphumuleni, kuyosho ukuthi abantu basindisiwe nokuthi uSathane usebhujisiwe, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu kubantu usuphele ngokugcwele. UNkulunkulu ngeke esaqhubeka nokusebenza kubantu, futhi umuntu ngeke esaphila ngaphansi kokubuswa uSathane. Ngakho, uNkulunkulu ngeke esaba matasatasa, nabantu ngeke besaphithizela; uNkulunkulu nabantu bayongena kanye-kanye ekuphumuleni. UNkulunkulu uyobuyela esikhundleni Sakhe sasekuqaleni, nomuntu ngamunye uyobuyela endaweni yakhe. Lezi izindawo uNkulunkulu nomuntu abayohlala kuzo ngemva kokuphela kokuqondisa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu unendawo Yakhe aya kuyo, nomuntu naye uneyakhe. Ngesikhathi esaphumule, uNkulunkulu uyoqhubeka eqondisa ukuphila kwabantu emhlabeni. Ngesikhathi esesekukhanyeni kukaNkulunkulu, umuntu uyokhonza uNkulunkulu oyedwa weqiniso osezulwini. UNkulunkulu ngeke esaphila phakathi kwabantu, futhi umuntu ngeke akwazi ukuphila noNkulunkulu endaweni kaNkulunkulu. UNkulunkulu nomuntu ngeke baphile endaweni eyodwa; kunalokho, bobabili banezindlela zabo ezingafani zokuphila. UNkulunkulu Nguyena oqondisa bonke abantu, kuyilapho bonke abantu bewumphumela wokuqondisa komsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abaholwayo; mayelana nobuntu, umuntu akafani noNkulunkulu. Ukuphumula kusho ukubuyela endaweni yakho yasekuqaleni. Ngakho lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ubuyela endaweni Yakhe yasekuqaleni. UNkulunkulu ngeke esaphila emhlabeni noma abe yingxenye yenjabulo nokuhlupheka kwabantu kuyilapho esenabantu. Lapho umuntu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi umuntu usuke esephenduke indalo yangempela; umuntu uyokhonza uNkulunkulu emhlabeni futhi aphile ukuphila kwabantu okuvamile. Ngeke kusenzeka ukuthi abantu bangamlaleli uNkulunkulu noma benqabe uNkulunkulu; bayophila ngendlela okwakuphila ngayo u-Adamu no-Eva. Lokhu ukuphila okwehlukene nezindawo zikaNkulunkulu nabantu ngemva kokungena kwabo ekuphumuleni. Ukunqotshwa kukaSathane yinto engeke igwemeke empini ephakathi kukaSathane noNkulunkulu. Ngale ndlela, ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni ngemva kokuphela kokuqondisa umsebenzi Wakhe, nokuqeda ukusindisa abantu futhi bangene ekuphumuleni nakho kuyinto engeke igwemeke. Indawo yokuphumula komuntu isemhlabeni, nendawo kaNkulunkulu yokuphumula isezulwini. Ngesikhathi umuntu ekhonza uNkulunkulu ephumule, uyophila emhlabeni, futhi lapho uNkulunkulu ehola ingxenye esele yabantu ekuphumuleni, uyobahola esezulwini hhayi esemhlabeni. UNkulunkulu uyobe esenguMoya, kuyilapho umuntu eyobe esesemzimbeni wenyama. UNkulunkulu nomuntu banezindlela ezingafani zokuphumula. Ngesikhathi uNkulunkulu ephumule, uyoza avele phambi kwabantu; ngesikhathi abantu besaphumule, bayoholwa uNkulunkulu ababonise izulu, futhi abenze bajabulele ukuphila kwasezulwini.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

700. Lapho isintu sesibuyiselwe esimweni saso sakuqala, lapho abantu bengaqeda imisebenzi yabo, bagcine indawo yabo futhi balalele wonke amalungiselelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyobe eseqoqe iqembu labantu abamkhonzayo emhlabeni, futhi uyomisa nombuso emhlabeni, umbuso ozokhonza Yena. Uyoba nokunqoba kwaphakade emhlabeni, futhi labo abamelene naye bayoshabalala kuze kube phakade. Lokhu kuyobuyisa injongo Yakhe yasekuqaleni ngokudala zonke izinto; futhi kuyobuyisa negunya Lakhe phezu komhlaba, igunya Lakhe phakathi kwazo zonke izinto negunya lakhe phakathi kwezitha Zakhe. Lolu uphawu lokunqoba Kwakhe okuphelele. Kusuka lapho isintu siyongena ekuphumuleni nasekuphileni okulandela umgudu ofanele. UNkulunkulu uyophinde angene ekuphumuleni kwaphakade kanye nabantu, angene ekuphileni okuphakade okungokukaNkulunkulu nomuntu. Ukungcola nokungalaleli kwabantu emhlabeni kuzonyamalala, njengoba kuzoba njalo nangokukhala emhlabeni. Bonke abasemhlabeni abamelana noNkulunkulu ngeke babe khona. UNkulunkulu nabantu abasindisile kuphela okufanele basale; indalo Yakhe kuphela okufanele isale.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: XIV. Amazwi Ngezindinganiso ZikaNkulunkulu Zokunquma Umphumela Womuntu Kanye Nesiphetho Salo Lonke Uhlobo Lomuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp