Isahluko 74

Babusisiwe labo abafunde izwi Lami base bekholwa ukuthi lizofezeka—ngeke ngikuphathe kabi, kodwa ngiyokwenza lokho okholwa ukuthi kugcwaliseke kuwe. Lesi yisibusiso Sami esiza kuwe. Izwi Lami lishaya izimfihlo ezifihlwe kuwo wonke umuntu. Wonke umuntu unamanxeba abulalayo, futhi ngingudokotela omuhle obelaphayo—woza nje ebukhoneni Bami. Kungani ngathi esikhathini esizayo ngeke kusaba nosizi nezinyembezi? Kungenxa yalokhu. Kimi, konke kuyafezeka, kodwa kubantu, zonke izinto zikhohlakele futhi ziyize, futhi zonke ziyakhohlisa kubantu. Ebukhoneni Bami uyokwamukela zonke izinto, futhi ubone uphinde uthokozele zonke izibusiso obungekwazi ukuzicabanga. Labo abangezi phambi Kwami ngokuqinisekile bayahlubuka, futhi nakanjani bayilabo abamelana Nami. Nakanjani ngeke ngibayeke kalula; ngizolusola kanzima lolu hlobo lomuntu. Khumbula lokhu! Labo abeza phambi Kwami ngokwengeziwe bazozuza okwengeziwe, kodwa ngeke kube ngokungaphezu komusa. Kamuva, bazothola izibusiso ezinkulu ngokwengeziwe.

Kusukela ekudalweni komhlaba ngiqale ukumisa ngaphambili nokukhetha leli qembu labantu, abayinina namuhla. Isimo senhliziyo yenu, izinga lomqondo, ukubonakala, isiqu esingokomoya, umndeni ozalelwe kuwo, umsebenzi wakho nomshado wakho, bonke ubuwena, ngisho umbala wezinwele zakho nowesikhumba sakho, nesikhathi sokuzalwa kwakho konke kwahlelwa yizandla Zami. Ngisho izinto ozenzayo nabantu ohlangana nabo usuku nosuku kuhlelwa yizandla Zami, ingasaphathwa eyeqiniso lokuthi ukukungenisa ebukhoneni Bami namuhla empeleni kuwukuhlela Kwami. Ungaziphonsi enxakanxakeni, kufanele uqhubeke ngokuzotha. Engikuvumela ukuba ukuthokozele namuhla yisabelo osifanele, futhi kwamiswa ngaphambili Yimi ekudalweni komhlaba. Abantu bonke bedlulele—banenkani ngokwedlulele noma abanamahloni ngokuphelele. Abakwazi ukwenza izinto ngokohlelo nokulungiselela Kwami. Ungabe usakwenza lokhu. Kimi konke kukhululiwe; ungazibophi, ngoba kuyoba nokulahlekelwa mayelana nempilo yakho. Khumbula lokhu!

Kholwa ukuthi konke kusezandleni Zami. Lokho obekuthathwa njengemfihlakalo kinina esikhathini esedlule konke kwambulwe ngokusobala namuhla; akusafihliwe (ngoba ngithe esikhathini esizayo akukho okuyosala kufihliwe). Abantu bahlala bengenasineke; bajaha kakhulu ukuqeda into futhi abakucabangi okusenhliziyweni Yami. Ngiyaniqeqesha ukuze nabelane ngomsebenzi Wami futhi niphathe umuzi Wami. Ngifuna ukuthi nikhule ngokushesha ukuze nikwazi ukuhola abafowenu nodadewenu abasha kunani, ukuze thina uBaba namadodana sisheshe sihlangane futhi singaphinde sehlukane. Lokhu kuyokwanelisa isifiso senhliziyo Yami. Imfihlakalo isivele yambuliwe kubo bonke abantu, futhi akukho nhlobo okusale kufihliwe: Mina—uNkulunkulu ophelele uqobo Lwakhe, onakho kokubili ubuntu obejwayelekile nobunkulunkulu obuphelele—ngambulwe khona phambi kwamehlo enu namuhla. Bonke ubumina (okokugqoka, ukubukeka emzimbeni, nokuma komzimba) kuwukubonakaliswa okuphelele kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi kuyisiqu sikaNkulunkulu umuntu obelokhu esicabanga kusukela ekudalweni komhlaba kodwa esingakaze sibonwe ngumuntu. Isizathu esenza izenzo Zami zibe zinhle njengamazwi Ami ngukuthi ubuntu Bami obejwayelekile nobunkulunkulu obuphelele kuyasizana, ngaphezu kwalokho, lokhu kwenza ukuthi bonke abantu babone ukuthi umuntu ojwayelekile ngempela uphethe amandla amakhulu kangaka. Labo kinina abakholwa Kimi ngempela bakwenza lokho ngoba ngininike inhliziyo yangempela ukuze nikwazi ukungithanda. Lapho ngibhekana nawe, ngikhanyisa futhi ngikhanyisele wena futhi ngikuvumele ukuthi ungazi ngalokho. Ngakho, kungakhathaleki ukuthi ngibhekana kanjani nawe, ngeke ubaleke. Kunalokho, uyoya ngokuya uqiniseka Ngami. Lapho ubuthakathaka, nakho kuwukulungiselela Kwami, okukuvumela ukuba ubone ukuthi uma ungishiya uzofa futhi ubune. Kulokho ungafunda ukuthi ngiwukuphila kwakho. Lapho uqina emva kokuba buthakathaka, kuyokuvumela ukuba ubone ukuthi ukuba buthakathaka noma ukuqina akuncikile kuwe, kodwa kuncike Kimi ngokuphelele.

Zonke izimfihlakalo zambulwa ngokuphelele. Ezenzweni zenu zangesikhathi esizayo, ngizoninika imiyalelo Yami, umsebenzi ngamunye. Ngeke ngingacaci; ngiyoba sobala ngokuphelele futhi ngize ngikhulume nani ngokuqondile ukuze ningadingi ukuzindla ngakho ninodwa, ningaze niphazamise ukuphatha Kwami. Kungakho ngigcizelela ngokuphindaphindiwe ukuthi kamuva ngeke kusaba nalutho olufihlakele.

Okwedlule: Isahluko 73

Okulandelayo: Isahluko 75

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp