2. Ukubaluleka Komsebenzi KaNkulunkulu Wokunqoba

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. Umsebenzi wanamuhla wokunqoba uwukubuyisa bonke ubufakazi nayo yonke inkazimulo, nokuthi bonke abantu bakhonze uNkulunkulu, ukuze kube nobufakazi phakathi kwezidalwa. Yilokho okudingeka kwenziwe kulesi sigaba somsebenzi. Siyonqotshwa kanjani ngempela isintu? Siyonqotshwa kusetshenziswa umsebenzi wamazwi ukuze umuntu aqinisekiswe ngokugcwele; ngokusebenzisa isambulo, isahlulelo, isijeziso, nesiqalekiso esinonya ukuze anqotshwe ngokugcwele; nangokuveza ukuhlubuka komuntu nokwahlulela ukuphikisa kwakhe ukuze azi ngokungalungi kwesintu nokungcola, okuzosetshenziswa ukuze kuvezwe isimo sikaNkulunkulu sokulunga. Ngokuyinhloko, ukusetshenziswa kwala mazwi okuyonqoba umuntu futhi kumqinisekise ngokugcwele. Amazwi ayindlela isintu esiyogcina sinqotshwe ngayo, bonke abamukela ukunqoba kumele bamukele nokuhlaselwa kanye nokwahlulela kwamazwi. Inqubo yamanje yokukhuluma iyinqubo yokunqoba. Kufanele babambisane kanjani ngempela abantu? Ngokudla futhi baphuze la mazwi ngempumelelo nokuwaqonda. Abantu ngeke bazinqobe. Kumele, ngokudla nokuphuza la mazwi, ukwazi ukukhohlakala kanye nokungcola kwakho, ukuhlubuka nokungalungi kwakho, uwe phambi kukaNkulunkulu. Uma ungakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu bese uyenza, uphinde ube nombono, futhi uma ungawalalela ngokugcwele la mazwi, ungenzi noma yini ezintweni ozikhethayo, khona-ke uyobe unqotshiwe. Futhi uyobe unqotshwe yila mazwi. Kungani isintu silahlekelwe ubufakazi? Kungoba akasekho nhlobo onokholo kuNkulunkulu noma onoNkulunkulu enhliziyweni yakhe. Ukunqoba isintu kusho ukuba nabantu abaningi ababuyisa lolu kholo. Abantu bahlale bethanda izwe, beba namathemba amaningi, ikusasa labo belifunela okuningi ngokwedlulele, futhi befuna izinto eziningi ezibizayo. Bahlale becabanga futhi behlelela inyama yabo futhi abanandaba nokufuna indlela yokukholwa kuNkulunkulu. Izinhliziyo zabo zithunjwe uSathane, abasamhloniphi uNkulunkulu, banikela izinhliziyo zabo kuSathane. Kodwa umuntu wadalwa uNkulunkulu. Ngakho umuntu walahlekelwa ubufakazi, okusho ukuthi walahlekelwa inkazimulo kaNkulunkulu. Inhloso yokunqoba isintu ukubuyisa inkazimulo yokuhlonipha komuntu uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wamanje wokunqoba umsebenzi ohloselwe ukucacisa ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini. Kungani ngithi ukusola nokwahlulela kwanamuhla kuyisahlulelo esiphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi sezinsuku zokugcina? Anikuboni lokhu? Kungani umsebenzi wokunqoba uyisigaba sokugcina? Awukhona yini ukuvezwa kwesigaba ngasinye umuntu ayophelela kuso? Awukhona yini ukuvumela wonke umuntu, enkambweni yomsebenzi wokunqoba wokusola nokwahlulela, ukuvezwa kobunjalo bangempela kanye nokuhlelwa ngokwezinhlobo kamuva? Kunokuthi lokhu ukunqoba isintu, kungaba ngcono ukuthi lokhu kuveza ukuthi isigaba ngasinye somuntu siyophelelaphi. Lokho kusho ukuthi, lokhu kuwukwahlulela izono zabo nokuveza izigaba ezihlukahlukene zabantu, kunqunywe ngaleyo ndlela ukuthi babi noma balungile. Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, bangaphinde futhi babone ukukhanya kwelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni. Ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, ukuphela komuntu kucaciswe kwakhanya bha emehlweni akhe, futhi zonke izinto ziyobekwa ngezinhlobo zazo. Ngakho abantu bangakwazi kanjani ukuphunyuka kulokhu? Ukwembulwa kokuphela kwesigaba ngasinye somuntu kuphela lapho ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, futhi kuphela phakathi nomsebenzi wokunqoba indawo yonke (okubandakanya wonke umsebenzi wokunqoba oqala ngomsebenzi wamanje). Lokhu kwembulwa kokuphela kwaso sonke isintu kwenziwa phambi kwesihlalo sokwahlulela, ngendlela yokusola, nangendlela yomsebenzi wokunqoba wezinsuku zokugcina. … Isigaba sokugcina sokunqoba sihloselwe ukusindisa abantu nokwambula isiphetho sabantu. Siwukuveza ukonakala ngokwedlulele kwabantu ngokubahlulela nokubenza baphenduke, bavuke, bazabalazele impilo nendlela efanele yokuphila komuntu. Siwukuvusa izinhliziyo zabandikindiki nabanezinhliziyo ezilukhuni nokuveza ukuhlubuka kwabo kwangaphakathi ngokwahlulela. Nokho, uma abantu bengakakwazi ukuphenduka, bengakakwazi ukuhamba endleleni efanele empilweni yomuntu futhi bengakakwazi ukushiya inkohlakalo, khona-ke ngeke batakulwe, uSathane uyobagwinya. Lokhu ukubaluleka kokunqoba—ukusindisa abantu nokwembula iziphetho zabo. Iziphetho ezinhle, iziphetho ezimbi—zonke zembulwe emsebenzini wokunqoba. Ukuthi abantu bayosindiswa noma bayoqalekiswa kwembulwa phakathi nomsebenzi wokunqoba.

Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, labo abawo wonke amazwe nazo zonke izizwe nabo bayowuzwa umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umphumela ongatholakala emsebenzini wokunqoba, ngokuyinhloko ukuthi inyama yomuntu iyeke ukuhlubuka, okusho ukuthi, ingqondo yomuntu imqonde kabusha uNkulunkulu, inhliziyo yakhe imlalele ngokugcwele uNkulunkulu, nokuthi yena abe ngokaNkulunkulu. Indlela isimo noma inyama yomuntu okushintsha ngayo akunqumi ukuthi unqotshiwe yini. Kunalokho, kusuke kuyilapho kushintsha indlela umuntu acabanga ngayo, ukuba nonembeza, nomqondo—okusho ukuthi lapho sonke isimo somqondo womuntu sishintsha—lapho niyobe ninqotshwe khona uNkulunkulu. Lapho ninqume ukulalela futhi nabheka izinto ngendlela entsha, lapho ningasafaki imibono noma izinhloso zenu ezwini nasemsebenzini kaNkulunkulu, lapho izingqondo zenu zikwazi ukucabanga ngendlela evamile, okusho ukuthi lapho nikwazi ukuzinikela kuNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yenu—lolu hlobo lomuntu lunqotshwe ngokuphelele. Ngokwenkolo, abantu abaningi abahlupheki ukuphila kwabo konke, banqoba imizimba yabo noma bathwala isiphambano, bahlupheka futhi babekezela kwaze kwaba yilapho bephefumula okokugcina! Abanye basesaba ukufa kwabo. Kukho konke ukuphila kwabo, bazincisha ukudla okumnandi nokugqoka kahle, babekezelele ukuhlupheka. Abakwazi ukunqoba imizimba yabo nokushiya inyama yabo. Umoya wabo wokubekezelela ukuhlupheka udinga ukunconywa. Kodwa akukabhekanwa nakancane nokucabanga kwabo, imibono yabo, indlela ababheka ngayo izinto, kanye nemvelo yabo endala imbala. Abaziqondi ngeqiniso. Isithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu esakudala soNkulunkulu oyinkimbinkimbi ongaqondakali. Ukuhlupheka kwabo ngenxa kaNkulunkulu kungenxa yentshiseko yabo kanye nombono wabo omuhle ngezinto. Nakuba bekholelwa kuNkulunkulu, abayiqondi futhi abayazi intando Yakhe. UNkulunkulu bamsebenzela ngobumpumputhe futhi bamhluphekela ngobumpumputhe. Abakubheki njengegugu ukuthi bayakwazi ukuqonda futhi abanandaba kangako nendlela yokuba nesiqiniseko sokuthi inkonzo yabo iyayifeza yini intando kaNkulunkulu. Ingasaphathwa eyokwazi ukuthi bengamqonda kanjani uNkulunkulu. UNkulunkulu abamkhonzayo akawona umfanekiso kaNkulunkulu wangempela, kodwa nguNkulunkulu abazenzele yena, uNkulunkulu abezwe ngaye, noma uNkulunkulu wakudala otholakala ezintweni ezibhaliwe. Babe sebesebenzisa ukukhalipha kwemicabango yabo nonkulunkulu abasezinhliziyweni zabo ukuze bahlupheke ngenxa kaNkulunkulu futhi benze umsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza. Inkonzo yabo iyinkimbinkimbi kakhulu, ngezinga lokuthi akukho noyedwa kubo okwazi ngempela ukukhonza ngokwentando kaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi bazimisele kangakanani ukuhlupheka, umbono wabo wangempela ngenkonzo nesithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu akushintshi ngenxa yokuthi abakaze badlule esahlulelweni nasekusolweni uNkulunkulu, kanye nasekucwengeni nasekuphelelisweni Nguye, nokuthi akekho oke wabahola ngeqiniso. Ngisho noma bekholelwa kuJesu uMsindisi, akekho kubo owake wabona uMsindisi. Bamazela kuphela ezinganekwaneni nakuyinzwabethi. Ngakho inkonzo yabo ingaphezu kokumane ukhonze amehlo evaliwe, njengempumputhe ikhonza uyise. Yini engafezwa ekugcineni ngalolu hlobo lwenkonzo? Ubani oyolwamukela? Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, inkonzo yabo ayishintshi nhlobo. Bamukele kuphela izifundo zomuntu futhi basekela inkonzo yabo ezintweni abazithandayo nabajwayelene nazo kuphela. Lokhu kungaba namuphi umvuzo? Ngisho noPetru, owayazi uJesu, wayengazi ukuthi angakhonza kanjani ngendlela efeza intando kaNkulunkulu. Kwaze kwaba sekupheleni, lapho esemdala, lapho aqala khona ukuqonda. Lokhu kusho ukuthini ngezimpumputhe ezingakaze zibhekane nalutho ezingakaze zibe namuntu oziqondisayo? Ingabe inkonzo yabaningi phakathi kwenu namuhla ayifani neyalezi zimpumputhe? Bonke labo abangakaze basamukele isahlulelo, abangakaze balungiswe futhi bashintshwe—ingabe abakanqotshwa ngokugcwele? Banamsebenzi muni abantu abanjalo? Uma ukucabanga kwakho, ukuqonda kwakho ukuphila, nokuqonda kwakho uNkulunkulu kungabonisi ushintsho olusha futhi kungaphumeli ngisho nasekuzuzeni okuncane, awusoze wathola into esile enkonzweni yakho! Ngaphandle kombono nangaphandle kokuqonda okusha umsebenzi kaNkulunkulu, awunakuba umuntu onqotshiwe. Indlela yakho yokulandela uNkulunkulu iyofana neyalabo abahluphekayo futhi abazila ukudla—ngeke ibaluleke kakhulu! Kumane kungenxa yobufakazi obuncane balokho abakwenza enkonzweni yabo obungenza ngithi inkonzo yabo iyize leze! Bachitha ukuphila kwabo behlupheka, behleli ejele; bahlala bebekezela, bethanda, futhi belokhu bethwele isiphambano, futhi bayahlekwa balahlwe yizwe, bezwa bonke ubunzima, futhi balalela kuze kube sekupheleni, kodwa noma kunjalo abanqotshiwe futhi abukho ubufakazi bokunqotshwa abangabethula. Abakaze bahlupheke nakancane, kodwa ngaphakathi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Abakaze bayigcine imicabango yabo emidala, imibono emidala, amasiko enkolo, nokuqonda komuntu, kanye nemibono yomuntu. Lokhu akukhona nhlobo ukuqonda okusha kubo. Akukho ngisho nokuncane ukuqonda ngoNkulunkulu okuyiqiniso noma okunembile kubo. Abayiqondi kahle intando kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kungaba ukukhonza uNkulunkulu? Nokho benimqonda uNkulunkulu esikhathini esedlule, uma ningakwazi ukuqhubeka nakho namuhla futhi niqhubeka nisekela ukuqonda kwenu uNkulunkulu emibonweni kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wenzani. Lokho kufana nokuthi ungabi nakho ukuqonda okusha ngoNkulunkulu futhi wehluleke ukwazi umfanekiso wangempela kaNkulunkulu nesimo Sakhe seqiniso. Ake sithi ukuqonda kwakho uNkulunkulu kulawulwa iqembu labantu, imibono engenalo iqiniso futhi kuseyimicabango nezimfundiso zomuntu. Uma kunjalo, khona-ke kusho ukuthi awukanqotshwa. Inhloso yami ngokusho wonke la mazwi kini ukuthi nginivumele niqonde futhi nisebenzise lolu lwazi ukuze luniholele ekuqondeni okunembile nokusha. Ahloselwe nokuxosha izimfundiso ezindala nolwazi oludala eninakho ukuze nikwazi ukuba nokuqonda okusha. Uma niwadla ngempela futhi niwaphuze amazwi Ami, khona-ke ukuqonda kwenu kuyoshintsha kakhulu. Uma nje nisenenhliziyo elalelayo lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, nombono wenu uzoshintsha. Uma nje nisakwazi ukwamukela izijeziso eziningi, isimo somqondo wenu esidala siyoshintsha kancane kancane. Uma nje isimo somqondo wenu esidala sithathelwe indawo ngokuphelele esisha, nendlela enenza ngayo nayo iyoshintsha. Ngale ndlela, inkonzo yenu kancane kancane iyoba into ebalulekile, ikwazi ukufeza intando kaNkulunkulu. Uma ukwazi ukuguqula ukuphila kwakho, ukuqonda kwakho ukuphila, nokwazi kwakho ukuphila komuntu, nemibono yakho eminingi ngoNkulunkulu, khona-ke isimo sakho esingokwemvelo siyoncipha kancane kancane. Lokhu, kuwumphumela wangemva kokuthi uNkulunkulu enqobe umuntu; lolu ushintsho oluyobonakala kumuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaJehova kwakuwukudala umhlaba, wawuyisiqalo; lesi sigaba somsebenzi siyisiphetho salo msebenzi futhi yiso esiwuphothulayo. Ekuqaleni, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa abakhethiweyo bakwa-Israyeli futhi wawuyisiqalo senkathi entsha sendawo engcwele kunazo zonke. Isigaba sokugcina somsebenzi senziwa ezweni elingcole kunawo wonke ukuze kwahlulelwe umhlaba futhi ukuze kuqedwe inkathi. Esigabeni sokuqala, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa endaweni ekhanya kunazo zonke izindawo futhi isigaba sokugcina senziwa endaweni emnyama kunazo zonke, futhi lobu bumnyama buzoqedwa, kulethwe ukukhanya bese kunqotshwa bonke abantu. Lapho abantu abakulezi zindawo ezingcolile futhi ezimnyama kunazo zonke sebenqotshiwe, futhi bonke abantu sebebona ukuthi ukhona uNkulunkulu weqiniso, futhi wonke umuntu eseqiniseka ngokugcwele, lokhu kuyosho ukuthi leli qiniso liyosetshenziselwa ukwenza umsebenzi wokunqoba indawo yonke. Lesi sigaba somsebenzi siwuphawu: lapho kuqedwa lo msebenzi okulesi sigaba, umsebenzi weminyaka eyizi-6 000 wokuphatha uzofika ekugcineni okuphelele. Lapho labo abasebumnyameni obukhulu sebenqotshiwe, akubuzwa ukuthi kuyobe kunjalo kuyo yonke indawo. Njengoba kunje, ngumsebenzi wokunqoba eChina kuphela ophethe uphawu olunomqondo. IChina iveza wonke amandla obumnyama futhi abantu bakhona bamele bonke labo abangabenyama, abakaSathane, abenyama negazi. Ngabantu baseChina abakhohlakaliswe kakhulu ngudrako omkhulu obomvu, obe ngumphikisi omkhulu kaNkulunkulu, obuntu bakhe bubi futhi bungcole kakhulu, futhi ngakho bawumfuziselo omkhulu waso sonke isintu esikhohlakele. Lokhu akusho ukuthi amanye amazwe awanazo nhlobo izinkinga; imicabango yabantu iyefana yonke, futhi nakuba abantu bala mazwe bengaba ngabezinga elihle, uma bengamazi uNkulunkulu, ngakho kungase kube bayamphikisa. Kungani wonke amaJuda amphikisa futhi amdelela uNkulunkulu? Kungani abaFarisi nabo bamphikisa? Kungani uJuda akhaphela uJesu? Ngaleso sikhathi, iningi labafundi lalingamazi uJesu. Kungani, emva kokuba uJesu ebethelwe wabuye wavuka, abantu bengakholwanga Kuye? Ngabe ukungalaleli komuntu akufani konke? Ukuthi nje abantu baseChina kwenziwa ngabo isibonelo, futhi lapho benqotshwa bazoba yimifuziselo nezibonelo, futhi bazosebenza njengokuzobhekiswa kukho ngabanye. Kungani bengilokhu ngithi nilusizo ohlelweni Lwami lokuphatha? Kusebantwini baseChina lapho inkohlakalo, ukungcola, ukungalungi, ukuphikisa nokuhlubuka kubonakala khona ngokuphelele futhi kwembulwa kuzo zonke izinhlobo zakho. Ngakolunye uhlangothi, bangabezinga eliphansi, futhi ngakolunye, ukuphila kwabo, ukucabanga kwabo kusemuva, futhi ukuziphatha kwabo, izimo zenhlalo, imindeni abazalwa kuyo—konke kuphansi futhi kusemuva. Isimo sabo, naso siphansi. Umsebenzi kule ndawo uyafanekisa, futhi ngemva kwalokhu kuhlola, umsebenzi wenziwe ngokuphelele, umsebenzi Wakhe olandelayo uzohamba kangcono kakhulu. Uma lesi sinyathelo somsebenzi singaqedwa, nomsebenzi olandelayo uzophela nakanjani. Uma lesi sigaba somsebenzi sesifeziwe, impumelelo enkulu iyobe isitholakele, futhi umsebenzi wokunqoba kuyo yonke indawo uyobe usufezwe ngokuphelele. Eqinisweni, uma nje umsebenzi okini usuphumelele, lokhu kuyolingana nokuphumelela endaweni yonke. Yilokhu ukubaluleka kokuthi kungani ngifuna wenze njengesibonelo nalowo okungabukelwa kuye. Ukuvukela, ukuphikisa, ukungcola, ukungalungi—konke kutholakala kulaba bantu futhi kubo kukhona konke ukuhlubuka komuntu—bayinto ethile ngempela. Ngakho, bayisibonelo esihle sokunqotshwa futhi uma sebenqotshiwe, ngokwemvelo bayokuba isibonelo kwabanye.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu akakhathazeki ngalutho ngaphandle kwesigcino sekusasa, isiphetho sokugcina, nokuthi kukhona noma akukho into enhle angathembela kuyo. Uma umuntu ubenikezwa ithemba elihle ngesikhathi somsebenzi wokunqotshwa, futhi, uma ngaphambi kokunqotshwa komuntu, ubenikwa isiphetho esifanelekile angaphokophela ukufinyelela kuso, ukunqotshwa komuntu bekungeke kufeze umphumela wako, kodwa umphumela womsebenzi wokunqoba ubuzothinteka. Okungukuthi, umsebenzi wokunqoba uphumelela ngokuthatha isimiselo kanye namathemba okuhle omuntu futhi ahlulele aphinde ajezise isimo sokudlubulunda somuntu. Akwenzeki ngokukhuluma nizwane nomuntu, okungukuthi, ngokunika umuntu izibusiso nomusa, kodwa ngokuveza ukwethembeka komuntu ngokumephuca “inkululeko” yakhe nokushabalalisa amathemba akhe. Lokhu ingqikithi yomsebenzi wokunqoba. Uma umuntu ubenikezwa ithemba elihle ekuqaleni ngqa, bese umsebenzi wokujeziswa nokwahlulela bewenziwa emuva kwalokho, umuntu ubezokwemukela lokujeziswa nokwahlulela ngenxa yokuthi unamathemba, futhi ekugcineni, ukulalelwa nokudunyiswa okungenamibandela kwaNkulunkulu izonke izidalwa Zakhe bekungeke kufezeke; bekuzoba khona ukulalela okungaboni, okungenalwazi, noma umuntu ubezokwenza izicelo ngokungaboni, futhi bekuyoba nzima ngokweqile ukunqoba inhliziyo yomuntu. Ngaleyo ndlela, umsebenzi onjengalo wokunqoba ubungeke ukwazi ukuzuza umuntu, futhi ngaphezu kwalokho, ubungeke ufakazele uNkulunkulu. Izidalwa ezinjengalezi bezingeke zikwazi ukwenza umsebenzi wazo, futhi bezizoba nezivumelwano kuphela noNkulunkulu; lokhu bekungeke kube ukunqoba, kodwa umusa nezibusiso. Inkinga enkulu ngomuntu ukuthi akukho okunye akucabangayo ngaphandle kwesimiselo sakhe namathemba akhe, nokuthi uyawazisa kuze kube ngathi ayizithixo kuye. Umuntu uphokophelela uNkulunkulu ngenxa yesimiselo namathemba akhe; akadumisi uNkulunkulu ngenxa yothando lwakhe Ngaye. Ngakho, ekunqotshweni komuntu, ukugombela kwesakhe, ukuhala kanye nezinto ezivimbela kakhulu ukukhonza kwakhe uNkulunkulu kufanele kubhekanwe nakho futhi kuqedwe ngakho. Ngokwenze njalo, imiphumela yokunqotshwa komuntu izofezeka. Ngenxa yalokho, ezigabeni zokuqala zokunqotshwa komuntu kunesidingo sokukhipha izifiso ezidlondlobele kanye nobuthakathaka bomuntu obubulala kakhulu, futhi, ngokwenzenjalo ukuveza uthando lomuntu ngoNkulunkulu, nokushintsha ulwazi lwakhe ngempilo yomuntu, ukubuka kwakhe uNkulunkulu, kanye nencazelo mayelana nesizathu sokuba khona kwakhe. Ngale ndlela uthando lomuntu ngoNkulunkulu luyahlanzwa, okungukuthi, inhliziyo yomuntu iyanqotshwa. Kodwa esimweni sengqondo Yakhe ngazo zonke izidalwa, uNkulunkulu akanqobi ngenxa nje yokunqoba; kunalokho, Uyanqoba ukuze azuze umuntu, ngenxa yodumo Lwakhe uqobo, ukuze kubuye umfanekiso womuntu wasekuqaleni wendabuko. Uma ubenganqoba ngenxa yokunqoba nje, ukubaluleka komsebenzi wokunqoba bekuzolahleka. Okungukuthi uma, emuva kokunqoba umuntu, uNkulunkulu ubegeza izandla Zakhe ngomuntu, futhi anganaki lutho ngokuphila noma ukufa kwakhe, lokhu bekungeke kube ukuphatha isintu, futhi ukunqotshwa komuntu bekungeke kube okokumsindisa. Ukuzuzwa komuntu kuphela, okulandela emuva kokunqotshwa kwakhe kanye nokufinyelela kwakhe esiphethweni esimangalisayo, okusemqoka kakhulu kuwo wonke umsebenzi wensindiso, futhi yilokhu kodwa okungafeza inhloso yokusindiswa komuntu. Ngamanye amazwi ukufika komuntu esiphethweni esihle kuphela, kanye nokungena kwakhe ekuphumuleni okungamathemba ekufanele zonke izidalwa zibe nawo, nomsebenzi okufanele wenziwe nguMdali.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isigaba sezinsuku zokugcina, lapho umuntu ezonqotshwa khona, isigaba sokugcina sempi noSathane, kanti futhi umsebenzi wokusindiswa okuphelele komuntu emandleni kaSathane. Incazelo yangaphakathi yokunqotshwa komuntu ukubuya kokusamuntu kukaSathane, umuntu owonakaliswe nguSathane, kuMdali, emuva kokunqotshwa kwakhe, ngalokho uyoshiya uSathane futhi abuyele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngale ndlela umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, umsebenzi wokunqoba umsebenzi wokugcina empini ebhekene noSathane, kanye nesigaba sokugcina ekuphatheni kukaNkulunkulu ukuze kuhlulwe uSathane. Ngaphandle kwalo msebenzi, ukusindiswa komuntu okuphelele bekungeke kwenzeke neze ekugcineni, ukuhlulwa ngokuphelele kukaSathane nakho bekungeke kwenzeke neze, futhi isintu besingeke neze sikwazi ukungena esiphethweni esimangalisayo, noma ukukhululeka ethonyeni likaSathane. Ngenxa yalokho, umsebenzi wokusindiswa komuntu ngeke uphethwe ngaphambi kukuthi impi noSathane iphethwe, ngoba umnyombo womsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ungenxa yokusindiswa kwesintu. Isintu sasekuqaleni sasisezandleni zikaNkulunkulu, kodwa ngenxa yokulingwa nguSathane nokonakaliswa, umuntu waboshwa nguSathane futhi wawela ezandleni zomubi. Ngakho, uSathane waba yinto okufanele yehlulwe emsebenzini wokuphatha kukaNkulunkulu. Ngoba uSathane wamngena umuntu, nangenxa yokuthi umuntu uwumsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, uma umuntu ezosindiswa, kufanele ahlwithwe ezandleni zikaSathane, okusho ukuthi umuntu kufanele abuyiswe emva kokuthunjwa nguSathane. Ngalokhu, uSathane kufanele anqotshwe ngezinguquko esimweni somuntu esidala, izinguquko ezibuyisela umqondo wakhe wokuqala, bese ngale Ndlela, umuntu, obethunjiwe, ehlwithwa ezandleni zikaSathane. Uma umuntu ekhululiwe ethonyeni nokuboshwa nguSathane, uSathane uyojabhiswa, umuntu ekugcineni uyobuyiselwa emuva, futhi uSathane uyohlulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu usekhululiwe ethonyeni elimnyama likaSathane, umuntu uyoba impango yayo yonke lempi, futhi uSathane uyoba umenziwa oyojeziswa uma lempi seyiphelile, emuva kwalokho umsebenzi usuwonkana wokusindiswa komuntu uyobe usuqediwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wokunqoba owenziwa kini ubaluleke kakhulu: Ngakolunye uhlangothi, inhloso yalo msebenzi ukuphelelisa iqembu labantu, okusho ukuthi, ukubaphelelisa eqenjini labanqobi, njengeqembu lokuqala labantu abaphelelisiwe, okusho ukuthi bayizithelo zokuqala. Ngakolunye uhlangothi, kuwukwenza izinto ezidaliwe zijabulele uthando lukaNkulunkulu, zamukele insindiso enkulu kaNkulunkulu, nensindiso Yakhe egcwele, futhi umuntu abe nomusa, ububele, kodwa okukhulu nakakhulu ukusolwa nokwahlulelwa. Kusukela ekudalweni kwezwe kuze kube manje, konke uNkulunkulu akwenze emsebenzini Wakhe kuwuthando, ngaphandle kokuzonda umuntu. Ngisho nokusola kanye nokwahlulela enikubonile kuwuthando, uthando lweqiniso futhi lwangempela; lolu thando luholela abantu endleleni yokuphila efanele. Okwesithathu, kuwubufakazi phambi kukaSathane. Okwesine, kwakha isisekelo sokusakaza ivangeli esikhathini esizayo. Wonke umsebenzi awenzile, uwenzele ukuholela abantu endleleni efanele ekuphileni, ukuze isintu siphile ngendlela ejwayelekile, kodwa umuntu akazi ukuthi kuqondiswa kanjani ukuphila. Ngaphandle kwalokho kuqondisa, uyophila ukuphila okungasho lutho, uyophila ukuphila okungasizi ngalutho futhi okungenamgomo, futhi ngeke wazi nhlobo ukuthi kunjani ukuba umuntu ojwayelekile. Lokhu ukubaluleka kokunqoba umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 1. Ukubaluleka Komsebenzi KaNkulunkulu Wamazwi

Okulandelayo: 3. Ukubaluleka Komsebenzi KaNkulunkulu Wokwahlulela Nokusola

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp