1. Ukubaluleka Komsebenzi KaNkulunkulu Wamazwi

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa. Lokhu kuwumqondo wangempela wokusebenzisa izwi ukuthi lisebenze ngeNkathi Yezwi. Ngezwi, umuntu ufinyelela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu, isimo siNkulunkulu, ingqikithi yomuntu nalokho umuntu afanele ukungena kukhona. Ngezwi, yonke imisebenzi uNkulunkulu afisa ukuyenza ngeNkathi Yezwi iyafezeka. Ngezwi, umuntu uyembulwa, uyasuswa abuye alingwe. Umuntu ulibonile izwi, walizwa, wabona nokuba khona kwezwi. Ngenxa yalokho, umuntu uyakholwa wubukhona bukaNkulunkulu; umuntu ukholwa ukuba namandla onke nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nasenhliziyweni yothando lukaNkulunkulu kumuntu nesifiso Sakhe sokusindisa umuntu. Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona. Kuyo yonke INkathi Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukwenza umsebenzi Wakhe nokuthola imiphumela Yomsebenzi Wakhe; akenzi imimangaliso noma enze imilingo, wenza nje umsebenzi Wakhe ngezwi. Ngenxa yezwi, umuntu wondlekile wahlinzekwa; ngenxa yezwi umuntu uzuza ulwazi nokwazi. Umuntu eNkathini Yezwi uthole izibusiso ezikhethekile. Umuntu akezwa buhlungu enyameni kanti ujabulela ukuhlinzekwa okwanele ngezwi likaNkulunkulu; ngaphandle kokudinga ukufuna ngobumpumputhe noma ukuya phambili ngobumpumputhe, ekukhululekeni kwakhe, ubona isimo sikaNkulunkulu, amuzwe ekhuluma ngomlomo Wakhe; amukele lokho akuhlinzekayo, futhi ambone siqu Sakhe enza umsebenzi Wakhe. Enkathini edlule, umuntu ubengakwazi ukujabulela izinto ezifana nalezo nokuthi lezi yizibusiso abebengeke bazithole.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi washo okuningi abantu abangakuqondanga. Lokhu kungenxa yokuthi, ngaleso sikhathi, wayenganiki ncazelo. Ngalokho, eminyakeni eminingi emva kokuhamba Kwakhe, uMathewu wakha uhlu lozalo Lwakhe, nabanye futhi benza umsebenzi omningi owentando yomuntu. UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo ngezimfihlakalo zomsebenzi kaJesu noJehova okumele zembulwe, ukuze bonke abantu babe nokuqonda nokucacelwa ekukholweni kwabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi. Lesi sigaba somsebenzi sizokukhanyisela umthetho kaJehova kanye nokuhlenga kukaJesu, futhi sibalulekile ukuze uqonde wonke umsebenzi kaNkulunkulu wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, nokuthi wazise konke ukubaluleka kanye nengqikithi yale minyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yohlelo lokuphatha ukuze futhi uqonde inhloso yawo wonke umsebenzi owenziwa nguJesu kanye namazwi awakhuluma, kanye ngisho nokukholwa kwakho nokuthanda kwakho iBhayibheli. Konke lokhu kuzokwenza ukuba uqonde ngokugcwele. Uzowuqonda umsebenzi owenziwe uJesu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla; uzoliqonda futhi ulazi lonke iqiniso, ukuphila nendlela. Esigabeni somsebenzi owenziwa uJesu, kungani uJesu ahamba ngaphandle kokwenza umsebenzi wokuphetha? Kungenxa yokuthi isigaba somsebenzi kaJesu sasingewona umsebenzi wesiphetho. Lapho ebethelwa esiphambanweni, amazwi Akhe nawo afika ekugcineni; ngemva kokubethelwa Kwakhe, umsebenzi Wakhe wawusuqedwe ngokuphelele. Isigaba esikuso manje sihlukile: Kuyoba kuphela ngemva kokuba amazwi esekhulunywe kwaze kwaba sekugcineni nomsebenzi wonke kaNkulunkulu usuphothuliwe, lapho umsebenzi Wakhe uyoqedwa khona. Phakathi nesigaba sikaJesu somsebenzi, maningi amazwi agcina engashiwongo noma angaphiniyiswanga ngokugcwele. Kodwa uJesu akakhathazekanga ngalokho akusho noma angakushongo, ngoba inkonzo Yakhe kwakungeyona inkonzo yamazwi ngakho ngemva kokubethelwa esiphambanweni wahamba. Leso sigaba somsebenzi ikakhulu sasingenxa yokubethelwa, futhi asifani nhlobo nesigaba sanamuhla. Lesi sigaba somsebenzi ikakhulu simayelana nokuqedwa, ukucaciswa kanye nokufinyelelisa wonke umsebenzi esiphethweni. Uma amazwi engakhulunywanga kwaze kwaba sekupheleni kwawo, ngeke ibe khona indlela yokuphetha lo msebenzi ngoba kulesi sigaba somsebenzi wonke umsebenzi ufikiswa ekugcineni futhi ufezwa ngokusebenzisa amazwi. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi ongaqondakali kumuntu. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa ababesakholwa ukuthi baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizofikisa umsebenzi kaNkulunkulu ekugcineni okuphelele, futhi silethe isiphetho sawo. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imicabango yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke okunye ukuphambuka namaphutha akhe kuyolungiswa. Umuntu uyoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kulesi sigaba sokugcina somsebenzi, imiphumela itholakala ngezwi. Ngezwi, umuntu uyakwazi ukuqonda izimfihlakalo eziningi nomsebenzi kaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane ezedlule; ngezwi umuntu ukhanyiselwa nguMoya oNgcwele; ngezwi umuntu uqonda izimfihlakalo ezingakaze ngaphambili zisombululwe yizizukulwane zakudala kanye nomsebenzi wabaphrofethi nabaphostoli basendulo kanye nezimiso ababesebenza ngazo; ngezwi umuntu ubuye aqonde isimo sikaNkulunkulu uqobo, kanye nokuvukela nokuphikisa komuntu futhi akwazi ukuziqonda ingqikithi yakhe. Ngazo zonke lezi zigaba zomsebenzi nawo wonke amazwi akhulunyiwe, umuntu useyawazi umsebenzi woMoya, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi ngaphezu kwalokho, sonke isimo sikaNkulunkulu. Ulwazi lwenu lomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha kukaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwatholakala ngezwi. Ingabe akulona ulwazi lwakho lwemicabango yakho yangaphambili kanye nokuphumelela ukuyiyeka okwatholakala ngezwi? Esigabeni esedlule, uJesu wenza izibonakaliso nezimangaliso, kodwa akunjalo kulesi sigaba. Ingabe ukuqonda kwakho kokuthi kungani angenzi kanjalo nakho akuzuzwanga ngezwi? Ngakho, amazwi akhulunywe kulesi sigaba ayawedlula umsebenzi owenziwa ngabaphostoli nabaphrofethi bezizukulwane ezedlule. Ngisho neziphrofetho ezenziwa ngabaphrofethi zazingeke zibe nemiphumela enjena.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ufike ikakhulukazi ukuze akhulume amazwi akhe. Ukhuluma ngokweso likaMoya, ngokweso lomuntu, futhi nangokweso lomuntu wesithathu; Ukhuluma ngezindlela ezehlukene, esebenzisa indlela eyodwa ngesikhathi esithile, futhi asebenzise ezinye izindlela zokukhuluma ukuguquka imicabango yomuntu kanye nokususa umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Lokhu iwona umsebenzi osemqoka owenziwa nguNkulunkulu. Ngenxa yokuthi umuntu ukholwa ukuthi uNkulunkulu ufike ukuzosindisa abagulayo, ukukhipha amadimoni, ukwenza izimangaliso, kanye nokuletha izibusiso eziphathekayo kumuntu, uNkulunkulu wenza lesi sigaba somsebenzi–umsebenzi wokusola nokwahlulela—-ukuze asuse izinto ezinjalo emicabangweni yomuntu, ukuze umuntu azi ubunjalo kanye nokujwayeleka kukaNkulunkulu, futhi ukuze umfanekiso kaJesu ususwe enhliziyweni yakhe futhi indawo yawo ithathwe umfanekiso omusha kaNkulunkulu. Ngokushesha uma umfanekiso kaNkulunkulu kumuntu uba mdala, uphenduka isithixo. Ngesikhathi uJesu efika futhi enza leso sigaba somsebenzi, wayengamele ukuphelela kukaNkulunkulu. Wenza izimpawu nezimangaliso ezithile, wakhuluma amazwi athile, futhi wagcina ngokubethelwa, futhi wamela ingxenye eyodwa kaNkulunkulu. Wayengeke amele konke okungokukaNkulunkulu, kodwa wamela uNkulunkulu ngokwenza ingxenye eyodwa yomsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu yingoba uNkulunkulu mukhulu kakhulu, futhi uyamangalisa kakhulu, futhi akaqondakali, futhi ngoba uNkulunkulu wenza ingxenye eyodwa yomsebenzi wakhe enkathini ngayinye. Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu kule nkathi owokuhlinzeka ikakhulukazi amazwi empilo yomuntu; ukuvezwa kwesimo nengqikithi eyonakele yemvelo yomuntu; nokususwa kwemicabango yezenkolo, ukucabanga kwasemandulo, ukucabanga osekuphelelwe isikhathi, kanye nolwazi namasiko omuntu. Konke lokhu kufanele kunekwe obala futhi kuhlanzwe ngamazwi kaNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa amazwi, hhayi izimpawu nezimangaliso, ukuphelelisa umuntu. Usebenzisa amazwi akhe ukudalula umuntu, ukwehlulela umuntu, ukusola umuntu futhi nokuphelelisa umuntu, ukuze emazwini kaNkulunkulu, umuntu aze abone ukuhlakanipha nobuhle bukaNkulunkulu, futhi aze abone isimo sikaNkulunkulu, ukuze ngamazwi kaNkulunkulu, umuntu abone izenzo zikaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ikakhulu usebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akasebenzisi izimpawu nezimangaliso ukucindezela abantu, noma ukubathonya; lokhu ngeke kucacise amandla kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekhombisa izizimpawu nezimangaliso kuphela, kusho ukuthi kuzoba nzima ukucacisa iqiniso likaNkulunkulu, ngakho-ke kube nzima ukuphelelisa umuntu. UNkulunkulu akamphelelisi ngezimpawu nangezimangaliso umuntu, kodwa usebenzisa izwi ukunisela nokwelusa umuntu, ngemva kwalokho abantu bakwazi ukulalela nokwazi uNkulunkulu. Lena yinhloso yomsebenzi awenzayo namazwi awakhulumayo. UNkulunkulu akasebenzisi indlela yokukhombisa izimpawu nezimangaliso ukuphelelisa umuntu—usebenzisa amazwi, futhi usebenzisa izindlela eziningi ezehlukene zokusebenza ukuphelelisa umuntu. Noma ngabe ukucwengwa, ukusebenzelana, ukuthenwa, noma ukunikezwa amazwi, uNkulunkulu ukhuluma ngezindlela eziningi ukuze aphelelise umuntu, futhi anike umuntu ulwazi olukhulu ngomsebenzi, ubuhlakani nokumangalisa kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngezinsuku zokugcina, uma uNkulunkulu eba yinyama wasebenzisa izwi kakhulu ukukwenza konke nokukwenza kucace. Kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi uyini Yena; kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngesikhathi uNkulunkulu osesimweni somuntu eza emhlabeni, akenzi omunye umsebenzi ngaphandle kokukhuluma amazwi—ngakho-ke asikho isidingo samaqiniso; amazwi anele. Lokhu kungenxa yokuthi uzele ikakhulu ukuzokwenza lo msebenzi, ukuvumela abantu babone amandla Akhe nobukhulu bamazwi Akhe, ukuvumela abantu babone emazwini Akhe ukuthi uzifihla kanjani ngokuthobeka, nokuvumela abantu bazi ukuphelela Kwakhe emazwini Akhe. Konke lokhu anakho nayikho kusemazwini Akhe, ubuhlakani nokumangalisa Kwakhe kusemazwini Akhe. Kulokhu wenziwa ukuthi ukwazi ukubona izindlela eziningi uNkulunkulu akhuluma ngazo amazwi Akhe. Umsebenzi omningi kaNkulunkulu sonke lesi sikhathi bekungukunikeza ukwambula nokusebenza kumuntu. Akamqalekisi kancane umuntu, noma ngabe uyakwenza, ukwenza ngezwi. Ngalokho-ke, kule nkathi uNkulunkulu eba yinyama, ungazami ukubona uNkulunkulu ephilisa futhi ekhipha amadimoni futhi, ungazami ukuhlala ubona izimpawu—asikho isidingo! Lezo zimpawu ngeke zimphelelise umuntu! Ukukhuluma ngokusobala nje: Namuhla, uNkulunkulu wenyama wangempela uqobo Lwakhe uyakhuluma kuphela, akenzi. Leli yiqiniso! Usebenzisa amazwi ukuze akuphelelise, asebenzise amazwi ukukondla nokukuphuzisa. Uphinde asebenzise amazwi ukusebenza, futhi usebenzisa amazwi endaweni yamaqiniso ukwenza wena wazi iqiniso. Uma ukwazi ukubona lolu hlobo lomsebenzi kaNkulunkulu, kusho ukuthi kunzima ukungenzi lutho. Endaweni yokugxila ezintweni ezimbi, kumele ugxile kokuhle—okungukuthi, noma ngabe amazwi kaNkulunkulu agcwalisekile noma cha, noma akhona amaqiniso noma awekho, uNkulunkulu wenza abantu bazuze ukuphila emazwini Akhe, kanti lolu yilona phawu olukhulu kunazo zonke, futhi phezu kwalokho, kuyiqiniso elingephikwe. Lobu ubufakazi obukhulu ongaba nolwazi ngoNkulunkulu ngabo, futhi kuwuphawu olukhulu kunezinye izimpawu. Yila mazwi kuphela angaphelelisa umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunyelwa insindiso yabantu, njengoba ngikhuluma amazwi futhi ngingajezisi inyama yabantu. La mazwi enza abantu baphile ekukhanyeni, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kukhona, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kuyigugu, ikakhulu nazi inzuzo yala mazwi kubantu, nokwazi ukuthi uNkulunkulu uyinsindiso. Nakuba sengiwakhulumile amazwi amaningi okusola nesahlulelo, akenzelwanga nina. Ngize ukuzokwenza umsebenzi Wami, nokukhuluma amazwi Ami, nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunywa ukuze ahlulele inkohlakalo yenu nokuhlubuka kwenu. Inhloso Yami yokwenza lokhu kusangukusindisa abantu, inhloso Yami akusiko ukulimaza abantu ngamazwi Ami. Amazwi Ami aqinile ukuze kube khona imiphumela efezwa umsebenzi Wami. Kungokusebenza ngale ndlela kuphela lapho abantu bengakwazi khona ukuzazi futhi behlukane nesimo sabo sokuhlubuka. Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kuphela okungenza ukuxhumana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indlela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kule minyaka, uNkulunkulu uzokwenza kube yiqiniso kinina ukuthi wonke umuntu aphile izwi likaNkulunkulu, akwazi ukusebenzisa iqiniso, athande uNkulunkulu ngobuqotho; ukuthi bonke abantu basebenzise izwi likaNkulunkulu njengesisekelo neqiniso labo babe nezinhliziyo ezihlonipha uNkulunkulu; nokuthi, ngokwenza izwi likaNkulunkulu, umuntu-ke angabusa kanye noNkulunkulu. Yilo msebenzi uNkulunkulu azowufeza. Ungaphila ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu? Baningi manje abazizwa sengathi angeke bakwazi ukuhlala ngisho usuku olulodwa nje noma ezimbili ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu. Kufanele bafunde izwi Lakhe nsuku zonke, kanti uma isikhathi singavumi, ukulalela nje izwi Lakhe kwanele. Lo umuzwa umuntu awunikezwa uMoya ONgcwele nendlela oqala ngayo ukunyakazisa umuntu. Kusho ukuthi, ubusa umuntu ngamazwi ukuze umuntu angene eqinisweni lezwi likaNkulunkulu. Uma uzwa ubumnyama nokoma ngemva nje kosuku olulodwa ungadlile futhi ungaphuzile izwi likaNkulunkulu, ukuthole kungemukelekile, lokhu kukhombisa ukuthi usunyakazisiwe uMoya oNgcwele, kanti futhi akakufulathelanga. Uyilowo okulo mfudlana. Nokho, uma ungenakho ukuqonda noma ungezwa koma ngemva kosuku noma ezimbili ngaphandle kokuphuza izwi likaNkulunkulu, futhi awuzizwa unyakaziseka, lokhu kukhombisa ukuthi uMoya oNgcwele ukufulathele. Lokhu kusho ukuthi-ke isimo ngaphakathi kwakho asilungile; awukangeni eNkathini Yezwi, futhi nguwena osalele emuva. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukubusa umuntu; uzizwa kamnandi uma udla futhi uphuza izwi likaNkulunkulu, kodwa uma ungakwenzi lokho, ngeke ube nayo indlela yokulandela. Izwi likaNkulunkulu liba ukudla komuntu namandla amqhubayo. IBhayibheli lithi “Akusinkwa kuphela umuntu angaphila ngaso, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” Lo umsebenzi uNkulunkulu azowufeza namuhla. Uzofeza leli qiniso kinina. Bekwenzeka kanjani ukuthi mandulo abantu bahlale izinsuku eziningi ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu kodwa baqhubeke badle futhi basebenze? Kungani kungenjalo manje? Kulesi sikhathi, uNkulunkulu usebenzisa kakhulu izwi ukubusa bonke. Ngezwi likaNkulunkulu, umuntu uyahlulelwa futhi apheleliswe, ekugcineni athathwe ayiswe embusweni. Izwi likaNkulunkulu kuphela elinganikeza umuntu ukuphila, futhi izwi likaNkulunkulu kuphela elinganikeza umuntu ukukhanya nendlela yokulenza, ikakhulu eNkathini Yombuso. Uma nje usalokhu udla futhi uphuza izwi Lakhe nsuku zonke ungaphumi eqinisweni lezwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu uzokuphelelisa.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 5. Kungani Kuthiwa Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekwazini UNkulunkulu?

Okulandelayo: 2. Ukubaluleka Komsebenzi KaNkulunkulu Wokunqoba

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp