Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

Icebo lokuqondisa likaNkulunkulu leminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selifika emaphethelweni, futhi amasango ombuso weZulu asevulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imikhondo kaNkulunkulu? Yeka indlela ukubonakala kukaNkulunkulu okulangazelelwa ngayo! Nendlela okunzima ngayo ukuthola umkhondo kaNkulunkulu! Eminyakeni efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kwakumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kwakumele senzeni ukulandela umkhondo kaNkulunkulu? Imibuzo enjalo ibhekana nawo wonke umuntu olinde ukubonakala kukaNkulunkulu. Nonke niye nakucabanga kaningi lokhu—kodwa nathola miphi imiphumela? UNkulunkulu ubonakala kuphi? Ikuphi imikhondo kaNkulunkulu? Ingabe uzitholile izimpendulo? Iningi labantu liphendula lithi: UNkulunkulu uzibonakalisa kulabo abamlandelayo futhi imikhondo yakhe iphakathi kwethu; kulula kanjalo! Noma ubani anganikeza impendulo yamazwi aklanyiwe, kodwa uyaqonda yini ukuthi kuyini ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi iyini imikhondoimikhondo kaNkulunkulu? Ukubonakala kukaNkulunkulu kusho ukufika Kwakhe emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe. Ngobuyena bakhe kanye nokuhlela, kanye nendlela yokwenza eyimvelo yakhe, wehlela phakathi kwabantu ukwenza umsebenzi wokusungula isikhathi futhi aqede isikhathi. Lolu hlobo lokubonakala akusilo uhlobo lomcimbi. Akusilo uphawu, isithombe, isimangaliso noma umbono omkhulu, noma ngaphansi kunalokho akusiyo inqubo yenkolo. Kuyinto ekhona ngempela engathintwa futhi ibanjwe. Le nhlobo yokubonakala akusiyona nje eyokulandela inqubo, noma indlela yokwenza okwesikhashana, kodwa empeleni isigaba somsebenzi wesu Lakhe lokuqondisa. Ukubonakala kukaNkulunkulu njalo kunenhloso, futhi kuxhumana nesu Lakhe lokuqondisa. Lokhu kubonakala kuhluke kakhulu kunokubonakala kwezeluleko zikaNkulunkulu, ukuhola, kanye nokukhanyiselwa komuntu. UNkulunkulu wenza umsebenzi omkhulu njalo uma ezibonakalisa. Lo msebenzi uhlukile kulowo wanoma iyiphi enye inkathi. Awunakucatshangwa ngumuntu, futhi awukaze ubonwe ngumuntu. Kungumsebenzi oqala isikhathi esisha futhi uphelise isikhathi sakudala, futhi ngumsebenzi omusha futhi ongcono wensindiso yomuntu; ikakhulukazi, umsebenzi wokuletha umuntu enkathini entsha. Lokhu kukhombisa ukubonakala kukaNkulunkulu.

Esikhathini esisodwa njengokuqonda ukubonakala kukaNkulunkulu, ungayifuna kanjani imikhondo kaNkulunkulu? Lo mbuzo akulukhuni ukuwuchaza: Lapho kunokubonakala kukaNkulunkulu, uzothola imikhondo kaNkulunkulu. Incazelo enjalo izwakala iqondile, kodwa akulula kanjalo ukwenza, ngoba abantu abaningi abazi ukuthi uNkulunkulu uzibonakalisa kuphi, futhi abazi nokuthi angafuna ukuzibonakalisa kuphi, noma kumele azibonakalise kuphi. Abanye ngokuxhamazela bakholelwa ukuthi lapho kunemisebenzi kaMoya Oyingcwele, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholelwa ekutheni lapho kunezithombe zomoya, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholelwa ukuthi uma kunabantu abadumile, kubonakala uNkulunkulu. Okwamanje, masingagxili ekutheni izinkolo ezinjalo ziyiqiniso noma amanga. Ukuchaza imibuzo enjalo, kumele sicacise injongo kuqala: Sifuna imikhondo kaNkulunkulu. Asifuni izithombe zomoya, futhi asilandeli izithombe ezidumile, silandela imikhondo kaNkulunkulu. Njengalokho, njengoba sifuna imikhondo kaNkulunkulu, kumele sifune intando kaNkulunkulu, amagama kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu—ngoba lapho kunamagama amasha kaNkulunkulu, kunezwi likaNkulunkulu, futhi lapho kunemikhondo kaNkulunkulu, kunezenzo zikaNkulunkulu. Lapho kunezwi likaNkulunkulu, kubonakala uNkulunkulu, futhi lapho kubonakala uNkulunkulu, kukhona iqiniso, indlela kanye nempilo. Ngenkathi ufuna imikhondo kaNkulunkulu, uzibe amagama okuthi “uNkulunkulu uyiqiniso, indlela kanye.” Ngakho uma abantu abaningi bathola iqiniso, abakholelwa ukuthi bathole imikhondo kaNkulunkulu futhi abakholelwa ukuthi uNkulunkulu uzibonakalisile. Iphutha elikhulu lelo! Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu angazibonakalisa kumuntu oyaliwe. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unamasu Akhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu indlela kaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele ibonwe nguwo wonke umuntu. Uma ulangazelela ukuba ngufakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu, uma ufisa ukulandela imikhondo kaNkulunkulu, kumele okukuqala wamukele ukwenziwa kwakho. Akumele ufune uNkulunkulu akwenzele lokhu nalokhuya, futhi akumele umbeke emkhawulweni wokudala wena kuphela. Kunalokho kumele ubuze ukuthi ungayifuna kanjani imikhondo kaNkulunkulu, ungakwamukela kanjani ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi ungazinikela kanjani emsebenzini omusha kaNkulunkulu; yilokho okumele kwenziwe ngumuntu. Njengoba umuntu kungasilo iqiniso, futhi engafakwangwa iqiniso, umuntu kumele afune, amukele, futhi athobele.

Kungakhathaliseki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma elinye izwe, kumele weqe umngcele wakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke ubambe imikhondo kaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu azibonakalise ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujulile umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingakalwa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Yingakho ngisho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna uNkulunkulu azibonakalise. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole imvume kaNkulunkulu.

UNkulunkulu unguNkulunkulu wabo bonke abantu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wesu lakhe angavinjelwe yinoma ikuphi ukwakheka, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze ucabange ngale ndlela noma mhlawumbe uyiphikile, noma mhlawumbe izwe noma amazwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu liyabandlululwa futhi ngelilodwa kulawo angathuthukile emhlabeni. Yize kunjalo uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nohlelo lakhe uthole iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu afune ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelele izivivinyo ezibuhlungu kanye nezijeziso ezahlukahlukene futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle komngcele wendlela ethile noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wesu Lakhe. Isibonelo, uma uNkulunkulu aphenduka waba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakukwenza umsebenzi wokuqothula ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholelwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama abe nguJuda iNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi bajezise futhi baphikisane noNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekumoshakaleni kwe-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bafuna ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bajezisa ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo futhi kubamba ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi ngibone abantu abaningi behleka bewa abawahleka usulu amazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka akuhlukile yini ekujeziseni kanye nokuthukana kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, ingasaphathwa eyokulangazelela iqiniso. Ufunda njengempumputhe nje futhi ulinda ngokunganaki. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini iziqondiso zikaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu azibonakalisa khona, kunobuqiniso, futhi kunezwi likaNkulunkulu. Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu. Bekela imicabango yakho eceleni! Yima ufunde la mazwi. Uma ulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzokukhanyisela ukuthi uqonde intando Yakhe kanye namazwi Akhe. Bekela eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ezibonakalisa khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubungako bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela azibonakalisa ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaliseki ukuthi imikhondo zakhe zikuphi. Noma ngabe imikhondo kaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu wawo wonke umuntu. Isibonelo iNkosi uJesu akusiyena uNkulunkulu wabakwa-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakalisa Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imikhondo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amagama Akhe kanye nokuzibonakalisa Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyabona ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imikhondo zakhe esikhathini esisha, futhi nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abamele ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu.

Okwedlule: Ukububula KukaMninimandla Onke

Okulandelayo: UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp