Ukububula KukaMninimandla Onke

Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenako ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kwathathwa ngomubi. Amehlo akho agutshazelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivimbekile ngamazwi enkohliso futhi awulizwa iphimbo likaJehova elibhongayo, noma umsindo wamanzi agelezayo evela esihlalweni sobukhosi. Usulahlekelwe yikho konke lokho obekumele kube ngokwakho kanye nakho konke uMninimandla Onke abekuphe kona. Usungene olwandle lomunyu olungenamkhawulo, kungekho namandla okuhlengwa, kungenathemba lokusinda, kusele kuphela ukuzabalaza nokutatazela uye le nale. … Kusukela ngaleso sikhathi, umiselwe ukuhlushwa ngomubi, ugcinwe le kude nezibusiso zikaMninimandla Onke, ungena kufinyelela ekuhlinzekeni kukaMninimandla Onke, bese uqala indlela engena kubuyela emuva. Ukumenyezwa okuyisigidi cishe kungakwazi ukuvusa inhliziyo yakho nomoya wakho. Ulala ubuthongo obude ezandleni zomubi, osekuyengele embusweni ongapheliyo, kungekho nkombandlela, kungekho nezimpawu zomgwaqo. Kusukela manje, usulahlekelwe ubungcwele, ubumsulwa bakho bakuqala, futhi usuqala ukucashela ukunakekela kukaMninimandla Onke. Omubi uqondisa inhliziyo yakho kulo lonke udaba futhi aphenduke impilo yakho. Awusamesabi, awusamgwemi, awusamngabazi. Kunalokho, sewumthatha njengoNkulunkulu osenhliziyweni yakho. Waqala ukumhlonipha kakhulu, ukumdumisa, awusahlukani naye njengesithunzi sakhe, futhi uyazibophezela ngokuvumelana omunye komunye ekuphileni nasekufeni. Awazi nhlobo ukuthi uvelaphi, kungani ukhona, noma kungani ufa. Ubheka uMninimandla Onke njengesihambi; awuyazi imvelaphi Yakhe, kungasaphathwa konke lokho Akwenzele kona. Konke okuvela Kuye sekuyazondeka kuwe. Awukwazisi noma wazi ukubaluleka kwako. Uhambisana nomubi, kusukela ngosuku waqala ukuthola ukuhlinzekwa okuvela kuMninimandla Onke. Wena nomubi nihamba eminyakeni eyizinkulungwane yezishingishane neziphepho. Ngokuhlanganyela naye, nimelene noNkulunkulu, owayeyisiqalo sempilo yakho. Awuphenduki, ingasaphathwa eyokuthi awazi ukuthi sewufike esigabeni sokubhubha kwakho. Uyakhohlwa ukuthi omubi usekulingile, wakuzwisa ubuhlungu; usukhohlwe nayi mvelaphi yakho. Kanjalo nje, omubi ubekulimaza kancane kancane, ngisho namanje. Inhliziyo yakho nomoya wakho awusenamuzwa futhi usubolile. Awusakhalazi manje ngezinhlupheko zasemhlabeni, awusakholelwa ekutheni umhlaba awunabulungiswa. Awusenandaba ngobukhona buka Mninimandla Onke. Lokhu kungenxa yokuba sewuthatha omubi njengobaba wakho weqiniso, futhi awusakwazi ukuhlukana naye. Lena yimfihlo esenhliziyweni yakho.

Njengoba sekuqala ukusa, inkanyezi yokusa iqala ukukhanya empumalanga. Lena yinkanyezi engakaze ibekhona phambilini, futhi ikhanyisa isibhakabhaka esithule, esibenyezelayo, yokhela kabusha isibani ebese sicishile ezinhliziyweni zabantu. Abantu abasenaso isizungu ngenxa yalokhu kukhanya, okukhanya ngokufanayo phezu kwakho nabanye. Kodwa nguwe wedwa osalokhu ulele ebumnyameni basebusuku. Awukwazi ukuwuzwa lomsindo, noma ukubona ukukhanya, awukwazi ukuqaphela ukufika kwezulu elisha kanye nomhlaba omusha, inkathi entsha. Ngoba ubaba wakho ukutshela ukuthi, “Mntanami, ungavuki, isikhathi sisekahle. Kuyabanda phandle, hlala endlini, kungaze inkemba nomkhonto kukuhlabe emehlweni.” Ukholelwa kuphela ezelulekweni zikayihlo, ngoba ukholelwa ukuthi ubaba wakho uqinisile njengoba ubaba wakho emdala kunawe, nokuthi ubaba ukuthanda ngeqiniso. Iseluleko esinjalo kanye nothando olunjalo lukwenza ungabe usakholelwa enganekwaneni yokuthi kunokukhanya emhlabeni, ungabe usaba nendaba noma izwe lineqiniso. Awusalokothi uthembe ukusindiswa nguMninimandla Onke. Uyasijabulela isimo esiqhubekayo njengoba sinjalo, awusenathemba lokuvela kokukhanya, futhi awusalokhu ubheka naphandle ulindele ukufika kukaMninimandla Onke wasemandulo. Emehlweni akho, konke lokho okuhle ngeke kusavuseleleka, noma kuqhubeke kube khona. Emehlweni akho, ikusasa nengomuso lesintu liyashabalala futhi lifiphale. Ubambelela ezingutsheni zikayihlo ngawo wonke amandla akho, wenamele ukuhlupheka kanye naye, wesaba ngokujulile ukulahlekelwa ngumhlobo ohamba naye kanye nendlela yohambo lwenu olude. Izwe elibanzi nomhlaba olufifii sewenze iningi lenu, labambelela laqinisa nangokuzethemba ekubambeni amaqhaza ehlukene kulo mhlaba. Sekwakheke “amabutho amaningi” angakwesabi ukufa nhlobo. Ngaphezu kwalokho, sekwakheke izinqwaba zabantu ezingasena muzwa futhi ezikhubazekile, ezingaqondi ngenhloso yokuthi zazalelwani. Amehlo kaMninimandla Onke abheka nxa zonke isintu esihlukumezeke kakhulu, ezwa ukuklewula kwabase nhluphekweni, ebona ukungazisoli kwalabo abasenhluphekweni, futhi ezwa nokungakwazi ukuzisiza kanye nokwesaba kwesintu esesilahlekelwe yinsindiso. Isintu senqaba ukunakekela Kwakhe, sihamba ngendlela yaso, futhi sibalekelana nokufuna amehlo Akhe. Sincamela ukunambitha konke ukubaba kwasolwandle olujulile, sindawonye nesitha, kuze kufinyelele econsini lokugcina. Ukububula kukaMninimandla Onke akusezwakali kubantu; izandla zikaMninimandla Onke azisazimisele ukuphulula lesi sintu esilusizi. Uyabuyisa kaningi, futhi abuye alahlekelwe kaningi, futhi kungakho umsebenzi awenzayo uphindwa. Kusukela ngaleso sikhathi, uqala ukukhathala, azizwe ecobekile, ebese ewuyeka umsebenzi awenzayo futhi ayeke ukuhamba phakathi kwabantu…. Abantu abaziboni nhlobo lezi zinguquko, abanalwazi ngokufika nokuhamba, usizi nokudumala kukaMninimandla Onke.

Konke lokhu okulo mhlaba kuyashintsha ngokushesha emicabangweni kaMninimandla Onke, phansi kwamehlo Akhe. Izinto isintu esingakaze sizwe ngazo zingafika kungazelele. Kanti futhi lokho isintu okwakulokhu kungokwaso kungavele kusilahlekele singazanga. Akukho namunye ongaqonda ukuthi ukuphi uMninimandla Onke, futhi ngaphezu kwalokho, akukho namunye ongezwa ukuphakama nobukhulu bamandla empilo kaMninimandla Onke. Ukuphakama Kwakhe kusekutheni Yena ukwazi ukubona lokho abantu abangeke bakubone. Ubukhulu Bakhe busekutheni Yena ulahlwa kanjani yisintu kepha ebe esindisa isintu. Uyayazi incazelo yokuphila nokufa. Ngaphezu kwalokho, Yena uyayazi imithetho yokuphila yesintu, asidalile. Yena uyisisekelo sobukhona bomuntu kanye noMhlengi wesintu ukuze sivuke futhi. Udicilela phansi izinhliziyo ezijabulile ngenhlupheko abuye akhuphulele phezulu izinhliziyo ezidabukile ngenjabulo. Konke lokhu okomsebenzi Wakhe, kanye nesu Lakhe.

Isintu, sesedukile ekuhlinzekeni ngempilo kukaMninimandla Onke, asiyazi inhloso yokuphila, kodwa khona lapho sesaba ukufa. Asinakho ukusizakala noma ukwesekeleka, kodwa sisalokhu singabaza ukuvala amehlo aso, futhi siyazinikela ekuphileni impilo eyisinengiso kulo mhlaba, singamasaka enyama angenalwazi ngemiphefumulo yawo. Niphila ngale ndlela, ngaphandle kwethemba, njengoba kwenza abanye, ngaphandle kwenhloso. Yilowo Ongcwele Yedwa osendabeni yasendulo ozosindisa abantu okuthi lapho bebubula phakathi kwenhlupheko yabo, balangazelele ngokuphelelwa yithemba ukufika Kwakhe. Le nkolelo ngeke yenzeke okwamanje kubantu abangazi. Nakuba kunjalo, abantu basalokhu belangazelela lokhu kakhulu. UMninimandla Onke unomusa kulabo abahlupheke ngokweqile. Ngesikhathi esifanayo, Ukhathele yilabo bantu abangenaso isazelo, ngoba kudingeke ukuba ayilindele isikhathi eside ngokwedlule impendulo evela esintwini. Ulangazelela ukufuna, ukufuna inhliziyo yakho nomoya wakho. Ufuna ukukunikeza ukudla namanzi kanye nokukuvusa, ukuze ungasomi, ungalambi. Ngesikhathi usukhathele nalapho usuqala ukuba nosizi lwalapha emhlabeni, ungadideki, ungakhali. UNkulunkulu uMninimandla Onke, uMbheki, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini. Useceleni kwakho ukubhekile, elindele ukuthi ubuyele emuva. Ulindele usuku lapho ingqondo yakho ibuyela ikhumbula: ubuyelwe ukukhumbula iqiniso lokuthi wena wavela kuNkulunkulu, ngandlela thize nandawana thize wake walahleka, walahlekelwa ngumqondo endleleni, kwase futhi, ungazelele waba “nobaba.” Waphinde futhi wabona ukuthi uMninimandla Onke ubekade ebukela laphaya, elindele ukubuya kwakho sonke lesi sikhathi. Ukulindele esezinhlungwini, elindele ukuphendulwa ngaphandle kokuthola impendulo. Ukubuka kwakhe akunalo inani futhi kungokwenhliziyo nomoya womuntu. Mhlawumbe lokhu kubheka akubekelwe sikhathi, futhi mhlawumbe lokhu kubheka sekufike ekugcineni. Kodwa kumele wazi kahle ukuthi inhliziyo nomoya wakho kuphi njengamanje.

uNhlaba 28, 2003

Okwedlule: UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

Okulandelayo: Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp