Imithetho YeNkathi Entsha

Ekuhlanganeni nomsebenzi kaNkulunkulu, kufanele nifunde amazwi kaNkulunkulu ngokucophelela bese nihloma ngeqiniso. Kodwa mayelana nalokho enifuna ukukwenza noma indlela enifuna ukukwenza ngayo, asikho isidingo somthandazo noma ukunxusa kwenu okuqotho, futhi ngempela lezi zinto azinamsebenzi. Kodwa njengamanje, izinkinga ezibhekene nani ukuthi aniyazi indlela yokuzwa umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kuningi ukuvilapha kinina. Nazi izimfundiso eziningi, kodwa aninakho okuyikho ngempela. Ngabe lokhu akulona uphawu lokuba nephutha? Ukweduka okukhulu kuyabonakala kini, kuleli qembu. Namuhla, anikwazi ukuthola lezo zivivinyo “njengabenzi bomsebenzi,” futhi anikwazi ukucabanga noma ukufinyelela kwezinye izivivinyo nokucwengwa okuhambelana namazwi kaNkulunkulu. Kufanele nibambelele ezintweni eziningi okufanele nizenze. Okungukuthi, abantu kufanele babambelele emisebenzini eminingi okufanele bayenze. Lokhu yilokhu abantu okufanele babambelele kukho, nokufanele bakwenze. Dedela uMoya oNgcwele wenze lokho okufanele kwenziwe uMoya oNgcwele, umuntu akanandima angayidlala kukho. Umuntu makabambelele kulokho okufanele kwenziwe ngumuntu, okungaphathelene noMoya oNgcwele. Akulutho kodwa lokho okufanele kwenziwe ngumuntu, kanti kufanele kulandelwe njengomthetho, njengoba kwakulandelwa umthetho weTestamente Elidala. Yize manje kungeyona iNkathi Yomthetho, kusenamazwi amaningi afanayo neNkathi Yomthetho okufanele alandelwe, futhi awalandelwa nje ngokuthemba ukuthi uzothintwa uMoya oNgcwele, kodwa ayilokho okufanele kulandelwe umuntu. Isibonelo: Awukwazi ukwahlulela umsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo. Awukwazi ukuphikisa umuntu ofakazelwe nguNkulunkulu. Phambi kukaNkulunkulu, uzogcina indawo yakho futhi ungantuli. Kufanele uqoqeke enkulumweni, kanti amazwi akho nezenzo zakho kufanele zilandele izinhlelo zomuntu ofakazelwe nguNkulunkulu. Ufanele uhloniphe ubufakazi bukaNkulunkulu. Akumele uzibe umsebenzi kaNkulunkulu namazwi aphuma emlonyeni Wakhe. Awukwazi ukulingisa iphimbo nezinhloso zokushiwo nguNkulunkulu. Ngaphandle, ngeke wenze lutho okuveza ukuphikisana nomuntu ofakazelwe nguNkulunkulu. Nokunye. Yilokho omunye nomunye okufanele anamathele kukho. ENkathini ngayinye, uNkulunkulu ukhipha imiyalelo eminingi ehlobene nemithetho kanti kufanele ilandelwe ngaba ntu. Ngalokhu, ucindezela isimo somuntu, futhi ahlonze ubuqotho bakhe. Thatha amazwi athi “Hlonipha uyihlo nonyoko” eTestamente Elidala njengesibonelo. Lawa mazwi awasebenzi namuhla; ngaleso sikhathi, abecindezele nje okunye okusesimweni somuntu sangaphandle, ebesetshenziselwa ukukhombisa ubuqotho bomuntu bokukholwa kuNkulunkulu, kanti abewuphawu lwalabo ababekholwa kuNkulunkulu. Yize manje kuyiNkathi Yombuso, kusekhona imithetho leyo umuntu okufanele anamathele kuyo. Imithetho yakudala ayisebenzi; namuhla, kunemikhuba eminingi efanele ukuba umuntu ayenze, futhi edingekayo. Ayibandakanyi umsebenzi kaMoya oNgcwele futhi kufanele yenziwe ngumuntu.

ENkathini Yomusa, imikhuba eminingi yeNkathi Yomthetho yachithwa ngoba le mithetho beyingasebenzi emsebenzini wangaleso sikhathi. Ngemva kokuba ichithwe, imikhuba eminingi yabekelwa obala leyo ebilungele leyo nkathi, futhi ephenduke yaba imiyalelo eminingi yanamuhla. Uma uNkulunkulu wanamuhla eza, le miyalelo yakhishwa, kanti ayisadingi ukulandelwa futhi kwabekwa imikhuba eminingi efanele umsebenzi wanamuhla. Namuhla, le mikhuba akuyona imithetho, kodwa ukuze kuzuzwe umphumela, ikulungele ukusetshenziswa namuhla—nakusasa, mhlawumbe, izokuba yimithetho. Kafushane nje, ufanele unamathele kulokhu okunezithelo emsebenzini wanamuhla. Ungalinaki ikusasa: Okwenziwe namuhla okwanamuhla. Mhlawumbe kusasa kuzoba khona imikhuba engcono ozodinga ukuba uyenze—kodwa ungakunaki kakhulu lokho, namathela kulokho okufanele unamathele kukho namuhla ukuze ugweme ukuphikisana noNkulunkulu. Namuhla, akukho okubaluleke kakhulu kunokuthi umuntu abambelele kulokhu okulandelayo: Ungazami ukukhohlisa uNkulunkulu omi phambi kwamehlo akho, noma umfihlele noma yini. Akumele ukhulume ukungcola noma inkulumo yokuqhosha phambi kukaNkulunkulu ophambi kwakho. Akumele ukhohlise uNkulunkulu ome phambi kwamehlo akho ngamazwi amahle nezinkulumo ezilungile ukuze uthembeke Kuye. Akumele uziphathe ngokungahloniphi phambi kukaNkulunkulu. Uzolalela konke lokho okukhulunywe umlomo kaNkulunkulu, ungenqabi, ungaphikisi, noma uphike amazwi Akhe. Akumele utolike ngendlela obona ngayo amazwi akhulunywe umlomo kaNkulunkulu. Ufanele ugade ulimi lwakho ugweme ukuthi lungakufaki ogibeni lwamaqhinga ayinkohliso yababi. Ufanele ugade izinyathelo zakho ukuze ugweme ukweqa imingcele obekelwe yona nguNkulunkulu. Ukwenza njalo kuzokwenza ukuthi ukhulume amazwi anemizindlo nanokuzikhukhumeza ngokubona kukaNkulunkulu bese uyamnyanyisa uNkulunkulu. Akumele usabalalise ngobudedengu amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu funa abanye bakugcone bese odeveli bekwenza isilima. Kufanele ulalele wonke umsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla. Noma ngabe awuwuqondi, akumele uwahlulele; okuwukuphela ofanele ukuthi ukwenze ukufuna nokuba nenhlanganyelo. Akekho umuntu ozokweqa endaweni kaNkulunkulu yokuqala. Akukho okunye ozokwenza ngaphandle kokusebenzela uNkulunkulu wanamuhla usendaweni yomuntu. Awukwazi ukufundisa uNkulunkulu wanamuhla usendaweni yomuntu—ukwenza njalo ukulahleka. Akekho ongema endaweni yomuntu ofakazelwe nguNkulunkulu; emazwini akho, ezenzweni, nasemicabangweni yakho ejulile ume endaweni yomuntu. Lokhu kufanele kulandelwe, yisibophezelo somuntu, kungeguqulwe muntu, kanti ukwenza kanjalo kuwukwephula imiyalelo yokuphatha. Kufanele kukhunjulwe yibo bonke.

Isikhathi eside uNkulunkulu asichithe ekhuluma futhi esho kwenze umuntu acabange ngokufunda nokukhumbula amazwi kaNkulunkulu ukuba kube umsebenzi wakhe wokuqala. Akekho onakayo ukwenza, nalokho okufanele nikwenze nakho anikwenzi, ngakho lokhu kulethe ubunzima obuningi nezinkinga emsebenzini wenu. Uma, ngaphambi kokwenza amazwi kaNkulunkulu awubambelelanga kulokho obufanele ubambelele kukhona, ngalokho ungomunye walabo abazondekayo nabalahliwe nguNkulunkulu. Ukulandela lokhu kwenza kufanele uthembeke ube qotho. Akumele uwaphathise okwamaketanga, kodwa bambelela kuwo njengemiyalelo. Namuhla awufanele ukunaka ukuthi kuzotholwa miphi imiphumela, ngamafuphi, lena indlela uMoya oNgcwele osebenza ngayo, futhi noma ubani owonayo kufanele ajeziswe. UMoya oNgcwele awunayo imizwa futhi awunandaba nokuqonda kwakho kwamanje. Uma ukhubekisa uNkulunkulu namuhla, khona-ke uzokujezisa. Uma wona kulokhu okungaphansi kwegunya Lakhe, angeke akuyeke. Akanandaba ukuthi ubambelele kangakanani emazwini kaJesu. Uma wephula imiyalelo kaNkulunkulu yanamuhla, uzokujezisa; uzokujezisa ngokufa. Kungamukeleka kanjani ukuthi ungayilandeli? Kufanele uyilandele—noma ngabe kusho ukuzwa ubuhlungu obuncane! Noma ngabe iyiphi inkolo, ingxenye, izwe, noma ihlelo, esikhathini esizayo kufanele konke kubambelele kulokhu ukwenza. Akekho oxolelwe, kanti akekho ozoyekwa! Ngoba ayilokhu uMoya oNgcwele ozokwenza namuhla, kanti awanacala kubo bonke. Yize angeyona into enkulu kufanele enziwe yiwo wonke umuntu, futhi ayimiyalelo ebekelwe umuntu nguJesu, owavuswa wenyukela ezulwini. Ngabe indlela … (7) ayisho ukuthi incazelo kaJesu yokuthi ulungile noma unesono ihambelana nendlela oziphethe ngayo kuNkulunkulu namuhla? Akekho okufanele angalinaki leli phuzu. ENkathini Yomthetho, isizukulwane ngesizukulwane sabaFarasi sasikholwa kuNkulunkulu kodwa ngokufika kweNkathi Yomusa abazange besamazi uJesu baphikisana Naye. Ngakho kusho ukuthi konke lokhu abakwenza kwaba yize, kwangaba yilutho, uNkulunkulu akazange akwamukele. Uma ubona ngale kwalokhu, khona-ke ngeke wone kalula. Abantu abaningi, mhlawumbe, bazilinganisile noNkulunkulu. Kunambitheka kanjani ukuphikisana noNkulunkulu, ngabe kuyababa noma kumnandi? Ufanele ukuqonda lokhu—ungazenzisi sengathi awazi. Ezinhliziyweni zabo, mhlawumbe, abanye abantu abagculiseki. Kodwa ngineluleka ukuba nikuzame nibone—nibone ukuthi kunambitheka kanjani. Lokhu kuzonqanda ukuthi abantu abaningi bahlale benokusola ngayo. Abantu abaningi bayawafunda amazwi kaNkulunkulu kodwa ngasese bayamphikisa ezinhliziyweni zabo. Ngemva kokumphikisa kanje, awuzwa sengathi ummese ufakwe wase ujijwa enhliziyweni yakho? Uma kungabi ukungezwani komndeni, kuba ukungaphatheki kahle emzimbeni, noma ukuhlushwa kwamadodana namadodakazi. Yize inyama yakho isindisiwe ekufeni, isandla sikaNkulunkulu asisoze sikushiye. Ucabanga ukuthi kungaba lula kanjalo? Empeleni, kudingeka kakhudlwana ukuthi abaningi abaseduze noNkulunkulu bagxile kulokhu. Isikhathi uma silokhu siqhubeka, uzoyikhohlwa, unganakile, uzowela ekulingweni, uzohlala ungaqapheli lutho, lokhu kuzoba ukuqala kokona kwakho. Ngabe lokhu kubukeka kukuncane kuwe? Uma ungakwenza kahle lokhu, uzoba nethuba lokuphelelisiwa—ukuthola ukuqondiswa umlomo kaNkulunkulu uqobo phambi kukaNkulunkulu. Uma unobudedengu, kuzoba yinkinga kuwe—uzobe weyisa uNkulunkulu, amazwi akho nezenzo zizohlakazeka, kanti masinyane uzobe uthwelwe yiziphepho ezinkulu namagagasi anamandla. Nonke kufanele niyiqaphele le miyalelo. Uma niyephula, umuntu ofakazelwe nguNkulunkulu angase angakulahli ngecala, kodwa uMoya kaNkulunkulu awukaqedi ngawe, angeke akuyeke. Ungayimela imiphumela yokona kwakho? Ngakho, noma ngabe uNkulunkulu uthini, kumele uwenze amazwi Akhe, futhi ubambelele kuwo ngayo yonke indlela ongakwazi ngayo. Akuyona indaba elula le!

Okwedlule: Izehlakalo

Okulandelayo: Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp