Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu

UNkulunkulu, ekubeni Kwakhe sesimweni somuntu okokuqala waphila emhlabeni iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye, nokho wenza inkonzo Yakhe iminyaka emithathu nengxenye yaleyo minyaka. Kokubili ngesikhathi asebenza ngaso, nangaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe, wayenobuntu obujwayelekile. Wahlala ebuntwini Bakhe obejwayelekile iminyaka engamashumi amathathu nantathu nengxenye. Eminyakeni emithathu nengxenye yokugcina, wazembula ukuthi unguNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphambi kokuba aqale ukwenza inkonzo Yakhe, waqale wabonakala enobuntu obujwayelekile engabonisi lutho ngobunkulunkulu Bakhe, futhi kwakungemva kwalapho eseqale khona ngokusemthethweni ukwenza inkonzo Yakhe, lapho ubunkulunkulu Bakhe babonakaliswa khona. Ukuphila Kwakhe kanye nomsebenzi kuleyo minyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye yokuqala konke kwabonisa ukuthi wayengumuntu wangempela, indodana yomuntu, inyama; ngoba empeleni inkonzo Yakhe yaqala ngemva kweminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye yobudala. Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe yinyama, inyama enobuntu obujwayelekile; lokhu kuyisidingo esibaluleke kakhulu. Eqinisweni, okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu. Ukuphila Kwakhe esengumuntu nokusebenza kuhlukaniswa izigaba ezimbili. Esokuqala, yimpilo ayiphilayo ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Uphila emndenini ojwayelekile wabantu, ebuntwini obujwayeleke kakhulu impela, elalela imithetho yokuziphatha kanye nemithetho ejwayelekile yokuphila komuntu, enezidingo zomuntu ezijwayelekile (ukudla, okokugqoka, indawo yokuhlala, ukulala), ubuthakathaka bomuntu obujwayelekile kanye nemizwa yomuntu ejwayelekile. Ngamanye amazwi, kulesi sigaba sokuqala uphila impilo engenabo ubunkulunkulu, enobuntu obujwayeleke ngokuphelele, owenza zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile. Isigaba sesibili siwukuphila Kwakhe ngemva kokuqala ukwenza inkonzo Yakhe. Usaphila ebuntwini obujwayelekile enomzimba womuntu ojwayelekile, angawabonisi nakancane amandla angaphezu kwawemvelo. Nokho uphila kuphela ngenxa yenkonzo Yakhe, futhi kulesi sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile bukhona ngokuphelele ukuze kwenzeke umsebenzi ojwayelekile wobuNkulunkulu Bakhe; ngoba ngaleso sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile sebukhule baze bafika ezingeni lokuthi bungakwazi ukwenza inkonzo Yakhe. Ngakho-ke isigaba sesibili sokuphila Kwakhe siwukwenza inkonzo Yakhe esebuntwini obujwayelekile, kungukuphila kwakhe kokubili kobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Isizathu sokuthi, ngesikhathi sesigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, uphila ebuntwini obujwayeleke ngokuphelele wukuthi ubuntu Bakhe busuke bungakalingani nomsebenzi wobuNkulunkulu obuphelele, kusuke kungakavuthwa; kuba kuphela ngemuva kokukhula kobuntu Bakhe, sebukwazi ukuthwala inkonzo Yakhe, lapho angaqalisa khona ukwenza inkonzo Yakhe. Njengoba Yena, eyinyama, edinga ukuthi akhule futhi avuthwe, isigaba sokuqala sokuphila Kwakhe siwubuntu obujwayelekile, kanti esigabeni sesibili, ngenxa yokuthi ubuntu Bakhe buyakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe nokwenza inkonzo Yakhe, ukuphila kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuphila ngesikhathi senkonzo Yakhe kuyikho kokubili okobuntu nobuNkulunkulu obuphelele. Ukuba kusukela ekuzalweni Kwakhe uNkulunkulu osesimweni somuntu waqala inkonzo Yakhe ngokuzimisela, enza izibonakaliso kanye nezimangaliso ezingaphezu kwamandla emvelo, khona-ke wayengeke abe nengqikithi yomzimba. Ngakho-ke, ubuntu Bakhe bukhona ngenxa yengqikithi yomzimba Wakhe; ngeke kube khona inyama ngaphandle kobuntu, futhi umuntu ongenabo ubuntu akayena umuntu. Ngale ndlela, ubuntu benyama kaNkulunkulu buyingxenye esemqoka yenyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukuthi “lapho uNkulunkulu eba sesimweni somuntu usuke enobunkulunkulu ngokuphelele, futhi akayena nhlobo umuntu,” kuwukuhlambalaza, ngoba le nkulumo ayikho nhlobo, futhi yephula umgomo wokuba sesimweni somuntu. Ngisho nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe, usaphila ebuNkulunkulwini Bakhe obunomkhakha wangaphandle womuntu lapho enza umsebenzi Wakhe; ukuthi nje ngaleso sikhathi, ubuntu Bakhe bufeza kuphela injongo yokuvumela ubunkulunkulu Bakhe ukuba benze umsebenzi enyameni ejwayelekile. Ngakho umenzi womsebenzi ubunkulunkulu obuhlala ebuntwini Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe, hhayi ubuntu Bakhe obusebenzayo, kepha ubunkulunkulu obufihlwe ngaphakathi ebuntwini Bakhe; umsebenzi Wakhe wenziwa empeleni ngubunkulunkulu Bakhe obuphelele, hhayi ubuntu Bakhe. Kodwa umenzi womsebenzi yinyama Yakhe. Umuntu angathi ungumuntu futhi unguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uba nguNkulunkulu ophila enyameni, ebukeka njengomuntu ngaphandle futhi enengqikithi yobuntu kodwa futhi nengqikithi kaNkulunkulu. Ngoba ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abanobuntu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kobuntu, kanti uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobunkulunkulu. Ubuntu Bakhe buyabonakala ngokubukeka kwangaphandle kwenyama Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela enobuntu futhi abunawo amandla angaphezu kwemvelo njengoba abantu bebucabanga, kunzima kakhulu ukuba abantu bakubone. Ngisho nanamuhla kunzima kakhulu ukuthi abantu baqonde imfihlakalo yengqikithi yangempela kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Nangemva kokukhuluma okungaka ngakho, ngilindele ukuba kube yimfihlakalo eningini lenu. Empeleni, le ndaba ilula kakhulu: Njengoba uNkulunkulu eba, ingqikithi Yakhe iyinhlanganisela yobuntu nobunkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe emhlabeni.

Impilo eyaphilwa uJesu emhlabeni kwakuyimpilo ejwayelekile yenyama. Waphila ebuntwini obujwayelekile benyama Yakhe. Igunya Lakhe—ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu nokukhuluma izwi likaNkulunkulu, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, ukwenza lezo zinto ezingajwayelekile—akuzange kuzibonakalise, isikhathi esiningi, kwaze kwaba yilapho aqala khona inkonzo Yakhe. Impilo Yakhe ngaphambi kweminyaka yobudala engamashumi amabili nesishiyagalolunye, ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe, yayingubufakazi ngokwanele ukuthi wayesesimweni somuntu ejwayelekile nje. Ngenxa yalokhu, nangenxa yokuthi wayengakaqali ukwenza inkonzo Yakhe, abantu ababonanga bunkulunkulu Kuye, ababonanga lutho ngaphandle komuntu ojwayelekile nje, indoda ejwayelekile—njengoba ngaleso sikhathi abantu babekholwa ukuthi wayeyindodana kaJosefa. Abantu babecabanga ukuthi wayeyindodana yomuntu ojwayelekile, babengenayo indlela yokubona ukuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu; ngisho nalapho enza khona inkonzo Yakhe, wenza imimangaliso eminingi, abantu abaningi babesalokhu bethi uyindodana kaJosefa, ngoba wayenguKristu onesimo sangaphandle sobuntu obujwayelekile. Ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nomsebenzi Wakhe kokubili kwaba khona ukuze kugcwaliseke ukubaluleka kokuthatha isimo somuntu kokuqala, kufakazela ukuthi uNkulunkulu wayefike enyameni ngokuphelele, wayebe ngumuntu ojwayelekile ngempela. Ukuthi wayenobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe kwakungubufakazi bokuthi wayeyinyama ejwayelekile; nokuthi wasebenza emva kwalokho nakho kwabonisa ukuthi wabe eyinyama ejwayelekile, ngoba wenza izibonakaliso nezimangaliso, waphulukisa abagulayo futhi waxosha amadimoni enyameni enobuntu obujwayelekile. Isizathu sokuthi akwazi ukwenza izimangaliso sasiwukuthi inyama Yakhe yayinegunya likaNkulunkulu, kwakuyinyama okwakumbozwe ngayo uMoya kaNkulunkulu. Wayenaleli gunya ngenxa kaMoya kaNkulunkulu, futhi kwakungasho ukuthi wayengeyona inyama. Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi ayedinga ukuba awenze enkonzweni Yakhe, isibonakaliso sobuNkulunkulu Bakhe obufihleke ebuntwini Bakhe, futhi akukhathaleki ukuthi yiziphi izibonakaliso azibonakalisa nokuthi walikhombisa kanjani igunya Lakhe, wayesaphila ebuntwini obujwayelekile futhi wayeseyinyama ejwayelekile. Kuze kufike lapho avuswa khona ngemva kokufa esiphambanweni, wayephila enyameni ejwayelekile. Ukunika umusa, ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni konke kwakuyingxenye yenkonzo Yakhe, kwakungumsebenzi awenza enyameni yomuntu ejwayelekile. Ngaphambi kokuba aye esiphambanweni, akazange ashiye inyama Yakhe yomuntu ejwayelekile, kungakhathaleki ukuthi yini ayeyenza. WayenguNkulunkulu uqobo, enza umsebenzi kaNkulunkulu siqu, kepha ngenxa yokuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, wayedla ukudla, egqoka izingubo, enezidingo zomuntu ezijwayelekile, enokucabanga komuntu okujwayelekile kanye nomqondo womuntu ojwayelekile. Konke lokhu kwakuwubufakazi bokuthi wayengumuntu ojwayelekile, okwakubonisa ukuthi inyama ethathe isimo somuntu kaNkulunkulu kwakuyinyama enobuntu obujwayelekile, hhayi obungaphezu kwamandla emvelo. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuqedela umsebenzi wokuqala kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukubaluleka kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ukuthi umuntu ojwayelekile, ovamile enze umsebenzi kaNkulunkulu uqobo; okuwukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu ebuntwini futhi ngalokho unqoba uSathane. Ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kusho ukuthi uMoya kaNkulunkulu uba yinyama, okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama; umsebenzi awenza enyameni umsebenzi kaMoya, owenzeka enyameni, oboniswa yinyama. Akekho umuntu ongakwazi ukufeza inkonzo eyenziwa uNkulunkulu osemzimbeni wenyama ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu; okuwukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, lobu buntu obujwayelekile—hhayi futhi omunye umuntu—angabonakalisa umsebenzi wobunkulunkulu. Ukuba, ngesikhathi sokuza Kwakhe kokuqala, uNkulunkulu wayengazange abe nobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba abe neminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye—ukuba wakwazi ukwenza izimangaliso lapho ezalwa nje, ukuba wayekwazi ukukhuluma ulimi lwasezulwini lapho efunda ukukhuluma nje, ukuba kwathi zisuka nje lapho enyathela okokuqala emhlabeni wabe ekwazi ukuqonda zonke izinto zomhlaba, ukuqonda ahlukanise yonke imicabango nezinhloso zawo wonke umuntu—umuntu onjalo wayengeke abizwe ngomuntu ojwayelekile, futhi inyama enjalo yayingeke ibizwe ngenyama yomuntu. Ukuba kwakunjalo ngoKristu, ukubaluleka nengqikithi yokuthatha umzimba wenyama kukaNkulunkulu kwakuyolahleka. Ukuthi unobuntu obujwayelekile kubonisa ukuthi unguNkulunkulu osesimweni somuntu; iqiniso lokuthi wedlula ekukhuleni ngendlela ejwayelekile, liqhubeka libonisa ukuthi ngempela uyinyama ejwayelekile; ngaphezu kwalokho, umsebenzi Wakhe uwubufakazi obanele bokuthi unguLizwi kaNkulunkulu, uMoya kaNkulunkulu obe yinyama. UNkulunkulu uba yinyama ngenxa yezidingo zomsebenzi; ngamanye amazwi, lesi sigaba somsebenzi sidinga ukwenziwa enyameni, ukwenziwa ebuntwini obujwayelekile. Yilokhu okudingekayo ngaphambili kokuthi “uLizwi abe yinyama,” kokuthi “uLizwi abonakale esesimweni somuntu,” futhi kuyindaba eyiqiniso mayelana nokuthatha umzimba wenyama okubili kukaNkulunkulu. Abantu bangase bakholwe ukuthi yonke impilo kaJesu yayinezimangaliso, ukuthi kwaze kwaba sekufezeni umsebenzi Wakhe wasemhlabeni engabonisanga ubuntu obujwayelekile, ukuthi akazange abe nezidingo zomuntu ezijwayelekile noma ubuthakathaka noma imizwa yomuntu, wayengazange abe nezidingo zezinto eziyisisekelo zokuphila noma abe nemicabango yomuntu ojwayelekile. Bamcabanga kuphela njengomuntu onengqondo engaphezu kweyomuntu nobuntu obumangalisayo. Bakholwa wukuthi uma nje enguNkulunkulu, akumele acabange futhi aphile njengomuntu ojwayelekile, ukuthi umuntu ojwayelekile kuphela, ongumuntu uqobo, angacabanga imicabango yomuntu ejwayelekile futhi aphile ukuphila okujwayelekile. Konke lokhu yimiqondo yomuntu, nemibono yomuntu ephambana nezinhloso zasekuqaleni zomsebenzi kaNkulunkulu. Ukucabanga komuntu okujwayelekile kusekela ukuqonda komuntu okujwayelekile nobuntu obujwayelekile; ubuntu obujwayelekile, busekela ukusebenza kwenyama okujwayelekile; kanti ukusebenza kwenyama okujwayelekile kwenza ukuba impilo yasesimweni somuntu ejwayelekile isiyonke ukuba ibe khona. Kungokusebenza enyameni enjengalena kuphela lapho uNkulunkulu engafeza injongo Yakhe yokuba sesimweni somuntu. Ukuba uNkulunkulu othathe isimo somuntu ube negobolondo langaphandle lenyama kuphela kodwa engacabangi imicabango yomuntu ejwayelekile, ngakho leyo nyama ibingeke ibe nokuqonda komuntu okujwayelekile, ingasaphathwa eyobuntu obuqiniseke ngempela. Kungenzeka kanjani ukuba inyama enjena, engenabo ubuntu, ifeze inkonzo leyo okufanele ifezwe uNkulunkulu osesimweni somuntu? Umqondo ojwayelekile usekela zonke izingxenye zokuphila komuntu; ngaphandle komqondo ojwayelekile, umuntu ubengeke abe ngumuntu. Ngamanye amazwi, umuntu ongacabangi imicabango ejwayelekile ugula ngekhanda. Futhi uKristu ongenabo ubuntu kodwa onobunkulunkulu kuphela ngeke kushiwo ukuthi uyinyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngakho, kungenzeka kanjani ukuba inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu ingabi nobuntu obujwayelekile? Ngabe akukhona ukuhlambalaza ukuthi uKristu akanabo ubuntu? Zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile zincike ekusebenzeni komqondo womuntu okujwayelekile. Ngaphandle kwakho, abantu bebezoziphatha ngendlela engemukeleki; bebengeke bakwazi ngisho ukuhlukanisa phakathi kokumnyama nokumhlophe, okuhle nokubi; futhi bebengeke babe nenkambo efanele yabantu nezimiso zokuziphatha. Ngokufanayo, uma uNkulunkulu osesimweni somuntu engazange acabange njengomuntu ojwayelekile, wayengeke abe inyama yempela, inyama ejwayelekile, yangempela. Umuntu onjalo osesimweni somuntu ongacabangi ubengeke akwazi ukwenza umsebenzi wobuNkulunkulu. Ubengeke akwazi ukwenza izinto ezijwayelekile zenyama, kungasaphathwa ukuphilisani kahle nabantu emhlabeni. Ngakho ukubaluleka kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu, ingqikithi uqobo yokufika kukaNkulunkulu enyameni, ngabe kulahlekile. Ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu bukhona ukusekela umsebenzi wobuNkulunkulu ojwayelekile enyameni; ukucabanga Kwakhe kobuntu obujwayelekile kugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nayo yonke imisebenzi Yakhe ayenza esemzimbeni. Umuntu angathi ukucabanga Kwakhe komuntu okujwayelekile kukhona ukuze kusekele umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ukube le nyama ibingenawo umqondo womuntu ojwayelekile, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukusebenza esesimweni somuntu, futhi lokho adinga ukukwenza enyameni bekungeke kufezeke. Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni womuntu enomqondo womuntu ojwayelekile, umsebenzi Wakhe awonakaliswa ukucabanga komuntu; wenza umsebenzi ebuntwini obunomqondo ojwayelekile, ngaphansi kombandela wokuthi unobuntu obunomqondo hhayi ngokusebenzisa ukucabanga komuntu okujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi iphakeme kangakanani imicabango yenyama Yakhe, umsebenzi Wakhe awubunikezi ubufakazi bomqondo noma ukucabanga. Ngamanye amazwi, umsebenzi Wakhe awusuki engqondweni yenyama Yakhe kodwa ungukuboniswa ngqo komsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini Bakhe. Umsebenzi Wakhe wonke yinkonzo adinga ukuyifeza futhi akukho nokukodwa kuyo okusuka engqondweni Yakhe. Isibonelo, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokubethelwa kwakungaphumi emqondweni Wakhe wobuntu, kwakungeke kwenziwe yinoma imuphi umuntu onomqondo womuntu. Ngokufanayo, umsebenzi wokunqoba wanamuhla uyinkonzo ekumele yenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa akuwona umsebenzi wentando yomuntu, kungumsebenzi ubunkulunkulu Bakhe okumele buwenze, umsebenzi ongenakwenziwa umuntu osesimweni somuntu. Ngakho uNkulunkulu osesimweni somuntu kumele abe nomqondo womuntu ojwayelekile, abe nobuntu obujwayelekile ngoba kumele enze umsebenzi Wakhe ebuntwini enomqondo ojwayelekile. Lokhu yingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ingqikithi uqobo kaNkulunkulu osesimweni somuntu.

Ngaphambi kokuba uJesu enze umsebenzi, wayemane ephila ebuntwini Bakhe obujwayelekile. Akekho owayengasho ukuthi wayenguNkulunkulu, akekho owathola ukuthi wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu; abantu babemazi njengendoda ejwayelekile ngokuphelele. Ubuntu Bakhe obuvamile obujwayeleke ngempela kwakuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu wayethathe isimo somuntu nokuthi iNkathi yoMusa kwakuyisikhathi somsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi inkathi yomsebenzi kaMoya. Kwakuwubufakazi bokuthi uMoya kaNkulunkulu wawubonakaliswe ngokuphelele enyameni, ukuthi ngenkathi uNkulunkulu esesimweni somuntu, inyama Yakhe yayizokwenza wonke umsebenzi kaMoya. UKristu onobuntu obujwayelekile uyinyama okuyilapho uMoya ubonakala khona, unobuntu obujwayelekile, umqondo kanye nokucabanga komuntu okujwayelekile. “Ukubonakalisa” kusho ukuthi uNkulunkulu uba ngumuntu, uMoya uba yinyama; ukukubeka kucace, kuba yilapho uNkulunkulu uqobo Lwakhe ehlala enyameni enobuntu obujwayelekile, futhi ngayo, eveza umsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu—yilokho okushiwo ukubonakala noma ukuthatha isimo somzimba womuntu. Ngesikhathi sokuthatha Kwakhe isimo somuntu kokuqala, kwakudingeka ukuba uNkulunkulu aphulukise abagulayo futhi axoshe amadimoni ngoba umsebenzi Wakhe kwakungukuhlenga. Ukuze ahlenge isintu sisonke, Yena kwakudingeka ukuba abe nomusa futhi athethelele. Umsebenzi awenza ngaphambi kokuba abethelwe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, okwakubikezela ukusindisa Kwakhe isintu esonweni nasemanyaleni. Ngenxa yokuthi kwakuyiNkathi yoMusa, kwakufanelekile ukuba Yena aphulukise abagulayo, ngaleyo ndlela abonise izibonakaliso nezimangaliso, ezazimele umusa kuleyo nkathi; ngoba iNkathi yoMusa yayigxile ekupheni umusa, okufanekiswa ngokuthula, injabulo, nezibusiso eziphathekayo, konke okuyizimpawu zokholo lwabantu kuJesu. Okuwukuthi, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokupha umusa, kwakungamakhono emvelo, enyama kaJesu eNkathini yoMusa, ayengumsebenzi kaMoya owawubonakala enyameni. Kodwa lapho enza le misebenzi, wayephila enyameni, akazange adlulele ngaleya kwenyama. Akukhathaleki ukuthi iziphi izenzo zokuphulukisa ayezenza, wayelokhu enobuntu obujwayelekile, wayelokhu ephila ukuphila okujwayelekile. Isizathu sokuba ngithi ngenkathi yokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu, inyama yenza yonke imisebenzi kaMoya, ukuthi akukhathaleki ukuthi yimuphi umsebenzi ayewenza, wawenza esesimweni somuntu. Kodwa ngenxa yomsebenzi Wakhe, abantu abazange bathathe inyama Yakhe ngokuthi inengqikithi esemzimbeni ngokuphelele, ngoba le nyama yayenza izimangaliso futhi ngezinye izikhathi ezithile wayenza izinto ezazedlula inyama. Empeleni, zonke lezi zehlo zenzeka ngemva kokuba eseqale inkonzo Yakhe, njengokuvivinywa Kwakhe izinsuku ezingamashumi amane noma ukuguqulwa kwesimo Sakhe entabeni. Ngakho ngoJesu, injongo yokuthi uNkulunkulu athathe umzimba wenyama yayingakafezeki ngokugcwele, kodwa kwafezeka ingxenye yayo. Impilo ayiphila enyameni ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe yayikade ijwayelekile kakhulu, ngazo zonke izindlela. Ngemva kokuba eseqale umsebenzi wagcina ingaphandle lenyama Yakhe kuphela. Ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe wawubonakalisa ubuNkulunkulu, wakwedlula ukusebenza okujwayelekile kwenyama. Vele, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu yayehlukile kubantu begazi nenyama. Empeleni, empilweni Yakhe yansuku zonke, wayekudinga njalo ukudla, okokugqoka, ukulala kanye nendawo yokuhlala njengawo wonke umuntu, wayedinga zonke izidingo zokuphila, ecabanga njengomuntu ojwayelekile. Abantu babesambheka njengomuntu ojwayelekile ngaphandle kokuthi umsebenzi ayewenza wawungaphezu kakhulu kowomuntu. Empeleni, akukhathaleki ukuthi wayenzani, wayephila ebuntwini obuvamile nobujwayelekile futhi maqondana nokwenza Kwakhe umsebenzi, ukucabanga Kwakhe kwakujwayelekile kakhulu, imicabango Yakhe yayicacile kakhulu, ngaphezu kweyabanye abantu abajwayelekile. Kwakubalulekile kuNkulunkulu osesimweni somuntu ukuba acabange ngale ndlela enengqondo ngoba umsebenzi waphezulu wawudinga ukuvezwa yinyama ukucabanga kwayo okwakuzofana kakhulu nokomuntu ojwayelekile futhi imicabango yayo eyayizoba ecace kakhulu—yingaleyo ndlela kuphela inyama Yakhe eyayizobonisa ngayo umsebenzi wobuNkulunkulu. Kuyo yonke iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye uJesu ayiphila emhlabeni, wabugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kodwa ngenxa yomsebenzi Wakhe ngesikhathi seminyaka emithathu nengxenye asichitha enkonzweni Yakhe, abantu babecabanga ukuthi wayedlulele ngale kobuntu obujwayelekile, okuwukuthi wayenamandla angaphezu kwawemvelo amaningi nakakhulu kunangaphambili. Eqinisweni, ubuntu obujwayelekile bukaJesu abuzange buguquke ngaphambi nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe; ubuntu Bakhe babufana ngaso sonke isikhathi, kodwa ngenxa yomehluko wangesikhathi sangaphambi nesingemva kokuqala Kwakhe inkonzo Yakhe, mibili imibono eyavela mayelana nenyama Yakhe. Ngisho noma abantu babecabangani, uNkulunkulu osesimweni somuntu wagcina ubuyena, ubuntu Bakhe obujwayelekile basekuqaleni ngaso sonke isikhathi ngoba selokhu uNkulunkulu aba sesimweni somuntu, wayephila enyameni, inyama eyayinobuntu obujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi wayenza inkonzo Yakhe noma cha, ubuntu obujwayelekile benyama Yakhe babungeke bususwe ngoba ubuntu buyingqikithi eyisisekelo senyama. Ngaphambi kokuba uJesu enze inkonzo Yakhe, inyama Yakhe yayilokhu ijwayelekile, etholakala kuzo zonke izinto ezenziwa ngabantu; akazange abonakale nakancane emandleni angajwayelekile, futhi akazange enze izimangaliso. Ngaleso sikhathi, wayengumuntu nje ojwayelekile owayekhonza uNkulunkulu, nakuba lokho ayekuphokophele kwakunokuthembeka nobuqotho okudlula wonke umuntu. Lena yindlela ubuntu Bakhe obujwayeleke kakhulu obazibonakalisa ngayo. Ngenxa yokuthi awukho umsebenzi awenza ngaphambi kokuba aqale inkonzo Yakhe, akekho owayemazi ukuthi ungubani, akekho owayengasho ukuthi inyama Yakhe ihlukile kuneyabanye ngoba akenzanga nesisodwa isimangaliso lesi, akenzanga nowodwa umsebenzi kaNkulunkulu. Kodwa, ngemva kokuqala Kwakhe inkonzo Yakhe, wagcina ingaphandle lobuntu Bakhe obujwayelekile futhi wayesaphila ngokucabanga komuntu okujwayelekile kodwa ngenxa yokuthi wayeseqalile ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, wayeseqale inkonzo kaKristu futhi wenza umsebenzi owawungeke wenziwe abantu abafayo, abantu begazi nenyama, abantu babecabanga ukuthi akanabo ubuntu obujwayelekile futhi wayengeyona inyama ejwayelekile kodwa inyama engaphelele. Ngenxa yomsebenzi awenza, abantu babethi wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu kodwa ongenabo ubuntu obujwayelekile. Lokhu ukuqonda okuyiphutha, ngoba abantu abazange baqonde ukubaluleka kokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu. Lokhu kungaqondi kahle kwasuka ekutheni, umsebenzi owaboniswa uNkulunkulu esenyameni wawungowobunkulunkulu, uboniswa enyameni enobuntu obujwayelekile. UNkulunkulu wayembethe inyama, wahlala ngaphakathi kwayo, futhi umsebenzi Wakhe ebuntwini Bakhe wasitha ukujwayeleka kobuntu Bakhe. Ngalesi sizathu abantu bakholwa wukuthi uNkulunkulu wayengenabo ubuntu kodwa wayenobunkulunkulu kuphela.

UNkulunkulu, ekubeni Kwakhe sesimweni somuntu okokuqala akazange awuqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu; waqeda isigaba sokuqala kuphela leso okwakubalulekile ukuba uNkulunkulu asenze esesimweni somuntu. Ngakho, ukuze aqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu, uNkulunkulu ubuyele enyameni futhi, ukuphila konke ukujwayeleka nobunjalo benyama, okungukuthi, enza ukuba iZwi likaNkulunkulu lizibonakalise enyameni ejwayelekile futhi evamile ngokuphelele, ngalokho ephetha umsebenzi ayewushiye engawuqedanga esesesimweni somuntu. Inyama yesibili ethathe isimo somuntu ngokwengqikithi isafana neyokuqala, kodwa ingokoqobo ngisho nakakhulu, ijwayeleke nakakhulu kuneyokuqala. Ngenxa yalokho, ubuhlungu uNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu abubekezelelayo bukhulu kakhulu kunobokuqala, kodwa lokhu kuhlupheka kungenxa yenkonzo Yakhe esesimweni somuntu okuhlukile kunokuhlupheka komuntu owonakele. Futhi kuvela ekujwayelekeni neqiniso lenyama Yakhe. Ngenxa yokuthi wenza inkonzo Yakhe emzimbeni ongokoqobo nojwayelekile, inyama kumele ibhekane nokuhlushwa okukhulu. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu lapho enza inkonzo Yakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu uvezwa enyameni ejwayeleke kakhulu, engesona nhlobo isimangaliso. Ngenxa yokuthi inyama Yakhe ijwayelekile futhi kumele ithwale umsebenzi wokusindisa abantu, uhlupheka nakakhulu kunenyama enamandla angajwayelekile—konke lokho kuhlupheka kusukela eqinisweni nokujwayeleka kwenyama Yakhe. Kusukela kulokho kuhlupheka le mizimba emibili esesimweni somuntu eyabhekana nakho lapho yenza izinkonzo Zayo, lokhu kwenza kubonakale ukubaluleka kwenyama ethathe isimo somuntu. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu okumele akubekezelele njengoba enza umsebenzi, abantu baba nombono omubi nakakhulu kwande nezingozi ezingamehlela. Nokho, lapho inyama iba ngokoqobo nakakhulu, yilapho iba nezidingo kanye nobuntu obujwayelekile nakakhulu, kuba yilapho ikwazi khona ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu enyameni. Kwakuyinyama kaJesu eyabethelwa esiphambanweni, inyama Yakhe le anikela ngayo njengomhlatshelo wesono; kwakungenyama enobuntu obujwayelekile anqoba ngayo uSathane futhi wasindisa umuntu esiphambanweni ngokuphelele. Futhi kulapho eyinyama ephelele lapho uNkulunkulu, ekubeni Kwakhe sesimweni somuntu okwesibili, enza khona umsebenzi wokunqoba futhi ehlule uSathane. Yinyama ejwayelekile futhi engokoqobo ngokuphelele kuphela engenza umsebenzi wokunqoba sewuwonke futhi inikeze ubufakazi obunamandla. Okuwukuthi, ukunqoba umuntu kwenziwa ukuba kuphumelele ngeqiniso nokujwayeleka kukaNkulunkulu osenyameni, hhayi ngezimangaliso nezambulo ezingaphezu kwamandla emvelo. Inkonzo yalo Nkulunkulu osesimweni somuntu ukukhuluma, futhi ngaleyo ndlela anqobe futhi aphelelise umuntu; ngamanye amazwi, umsebenzi kaMoya owenzeka enyameni, umsebenzi wenyama, ukukhuluma bese ngalokho unqobe, wembule, uphelelise futhi ususe umuntu ngokuphelele. Ngakho, kungomsebenzi wokunqoba lapho umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyofezeka ngokugcwele. Umsebenzi wokuqala wokuhlenga wawungukuqala komsebenzi wokuba sesimweni somuntu; inyama eyenza umsebenzi wokunqoba izoqeda wonke umsebenzi wokuthatha isimo somzimba wenyama. Uma siwuhlukanisa ngokobulili, omunye ungowesilisa kanti omunye ungowesifazane; kulokhu, incazelo yokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu seyiphelele. Le ncazelo iqeda imibono eyiphutha yabantu ngoNkulunkulu: UNkulunkulu angaba yikho kokubili owesilisa nowesifazane, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu eqinisweni akanabo ubulili. Wenza kokubili owesilisa nowesifazane futhi Kuye, akukho kuhlukanisa ngobulili. Kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu akazenzi izibonakaliso nezimangaliso, ukuze umsebenzi uphumelele ngamazwi. Isizathu salokhu, ngaphezu kwalokho, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu kulokhu akuwona owokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, kodwa ungowokunqoba umuntu ngokukhuluma, okusho ukuthi ikhono eyazalwa nalo le nyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, ukukhuluma amazwi nokunqoba umuntu, hhayi ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni. Umsebenzi Wakhe ebuntwini obujwayelekile akukhona ukuba enze izimangaliso, akukhona ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni, kodwa ukukhuluma, ngakho inyama kaNkulunkulu yesibili ibonakala ijwayeleke kakhulu kubantu kuneyokuqala. Abantu bayabona ukuthi ukuba kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuwona amanga; kodwa loNkulunkulu osesimweni somuntu uhlukile kunoJesu osesimweni somuntu nakuba bobabili bengoNkulunkulu abasesimweni somuntu, kodwa abafani ncamashi. UJesu wayenobuntu obujwayelekile, ubuntu obuvamile, kodwa wayelandelwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi. Kulo Nkulunkulu osesimweni somuntu, amehlo abantu angeke abone izimangaliso noma izibonakaliso, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, noma ukuhamba phezu kolwandle, noma ukuzila ukudla izinsuku ezingamashumi amane…. Akenzi umsebenzi ofana nalowo owenziwa uJesu, kungekhona ukuthi inyama Yakhe ihlukile kwekaJesu empeleni, kodwa ngenxa yokuthi akuyona inkonzo Yakhe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni. Akawudicileli phansi umsebenzi Wakhe noma aphazamise umsebenzi Wakhe. Njengoba enqoba umuntu ngamazwi Akhe angempela, asikho isidingo sokuba amthobise ngezimangaliso ngakho lesi sigaba singesokuqedela umsebenzi wokuba sebuntwini kukaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu ombona namuhla uyinyama ephelele futhi akukho simangaliso esingaqondakali Ngaye. Uyagula njengabanye abantu, udinga ukudla nokokugqoka njengabanye, eyinyama ngokuphelele. Uma ngalesi sikhathi, uNkulunkulu osesimweni somuntu wayenza izimangaliso nezimangaliso ezingajwayelekile, uma wayephulukisa abagulayo, exosha amadimoni noma abulale nje ngezwi elilodwa, umsebenzi wokunqoba bewungenziwa kanjani? Umsebenzi ungasakazeka kanjani ezizweni zabeZizwe? Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi weNkathi Yomusa, isinyathelo sokuqala emsebenzini wokuhlenga futhi manje njengoba uNkulunkulu esemsindisile umuntu esiphambanweni, akasawenzi lowo msebenzi. Uma ezinsukwini zokugcina “UNkulunkulu” ofana nokubonakala kukaJesu, lowo owaphulukisa abagulayo, waxosha amadimoni futhi owabethelwa ngenxa yomuntu, “lowo Nkulunkulu,” nakuba efana nalowo ochazwa eBhayibhelini futhi kulula kumuntu ukuba amamukele, ubengeke, empeleni abe inyama egqokwe nguMoya kaNkulunkulu, kodwa egqokwe ngumoya omubi. Ngoba kuyisimiso somsebenzi kaNkulunkulu ukungalokothi aphinde lokho asekufezile. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu uhlukile kulowo wokuqala. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba enyameni evamile, ejwayelekile; aphulukise abagulayo, angeke abethelwe ngenxa yabantu kodwa uyakhuluma nje kuphela amazwi esesimweni somuntu, anqobe abantu esesimweni somuntu. Inyama enjalo kuphela ebonakalisa ukuba uNkulunkulu othathe isimo somuntu; inyama enjalo kuphela engafeza umsebenzi kaNkulunkulu enyameni.

Ngisho noma kulesi sigaba uNkulunkulu osesimweni somuntu ubekezelela ubunzima noma wenza inkonzo Yakhe, wenza kanjalo ukuze aphelelise incazelo yokuba sesimweni somuntu, ngoba lokhu kungokokugcina esesimweni somuntu. UNkulunkulu angaba sesimweni somuntu kabili kuphela. Angeke kwenzeke okwesithathu. Okokuqala ukuthathwa komzimba wobuntu kwakungowesilisa, okwesibili kwakungowesifazane ngakho umfanekiso wenyama kaNkulunkulu uphelele emqondweni womuntu; ngaphezu kwalokho, kokubili ukuthathwa komzimba wobuntu sekuwuqedile kakade umsebenzi kaNkulunkulu enyameni. Kokokuqala uNkulunkulu osesimweni somuntu waba nobuntu obujwayelekile, ukuze aphelelise incazelo yokuba Kwakhe semzimbeni womuntu. Ngalesi sikhathi futhi unobuntu obujwayelekile, kodwa incazelo yokuba Kwakhe enyameni ihlukile: Ijulile, futhi umsebenzi Wakhe ubaluleke nakakhulu. Isizathu sokuba uNkulunkulu aphinde abe yinyama ukuba kupheleliswe incazelo yokuba Kwakhe sesimweni somuntu. Lapho uNkulunkulu esesiphethe ngokuphelele lesi sigaba somsebenzi Wakhe, okuwukuthi, uNkulunkulu esebenza enyameni, uzobe uphelile futhi uzobe ungasekho umsebenzi okumele wenziwe enyameni. Okuwukuthi, kusukela manje kuqhubeka uNkulunkulu ngeke aphinde afike abe yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Umsebenzi uNkulunkulu wenza ngokuba abe sesimweni somuntu wawungukusindisa nokuphelelisa isintu kuphela. Ngamanye amazwi, akuvamile neze ukuba uNkulunkulu afike abe sesimweni somuntu ngaphandle kokuba ezele umsebenzi. Ngokufika abe sesimweni somuntu ukuze asebenze, ubonisa uSathane ukuthi uNkulunkulu usesimweni somuntu, ungumuntu ojwayelekile, umuntu ovamile—kepha futhi angabusa enqobile phezu komhlaba, angamqeda nya uSathane, ahlenge isintu futhi anqobe isintu! Inhloso yomsebenzi kaSathane ukonakalisa isintu, ibe inhloso kaNkulunkulu kuwukusindisa isintu. USathane ucupha abantu emgodini wakwalasha ongagcwali, ebe uNkulunkulu ebahlenga kuwo. USathane wenza bonke abantu ukuba bamukhonze, ebe uNkulunkulu ebenza babe ngaphansi kombuso Wakhe ngoba uyiNkosi yendalo. Wonke lo msebenzi ufezwa ngokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kabili. Inyama Yakhe eqinisweni ingubunye bobuntu nobuNkulunkulu futhi inobuntu obujwayelekile. Ngakho, ngaphandle kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu, uNkulunkulu ubengeke aphumelele ekusindiseni isintu, futhi ngaphandle kobuntu obujwayelekile benyama Yakhe, umsebenzi Wakhe enyameni ngabe awuzange uphumelele. Ingqikithi yokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu wukuthi kumele abe nobuntu obujwayelekile; ngoba ukube kwenzeka ngenye indlela bekuyophikisana nenhloso kaNkulunkulu yasekuqaleni yokuba abe sesimweni somuntu.

Kungani ngithi incazelo yokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ayipheleliswanga emsebenzini kaJesu? Yingenxa yokuthi uLizwi akabanga yinyama ngokuphelele. Lokho uJesu akwenza kuphela kwakuyingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu; Wenza kuphela umsebenzi wokuhlenga futhi akazange awuqede umsebenzi wokuzuza umuntu ngokuphelele. Ngalesi sizathu, uNkulunkulu ube yinyama futhi ngezinsuku zokugcina. Lesi sigaba somsebenzi naso senziwa enyameni ejwayelekile, senziwe umuntu ojwayelekile kakhulu, obuntu bakhe obungababazeki nakancane. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu ube umuntu ophelele, futhi ungumuntu obuntu bakhe bungobukaNkulunkulu, umuntu ophelele, inyama ephelele, owenza umsebenzi. Emehlweni omuntu, uyinyama nje engababazeki nhlobo, umuntu ojwayeleke kakhulu okhuluma ulimi lwasezulwini, ongabonisi zibonakaliso, ongenzi zimangaliso, kungasaphathwa ukuthi adalule iqiniso langempela ngenkolo emahholo amakhulu emihlangano. Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu wesibili, ubonakala kubantu ungafani kakhulu nokaNkulunkulu wokuqala owayesesimweni somuntu kangangokuthi kusengathi akukho nokuncane kuyo okufanayo futhi akukho okwenziwa emsebenzini wokuqala okungabonakala kulesi sikhathi. Nakuba umsebenzi wenyama ethathe isimo somuntu yesibili uhlukile kunalowo weyokuqala, lokho akufakazi ukuthi umthombo wabo awuwodwa. Ukuthi umthombo Wabo uyafana yini, kuncike ekutheni uhlobo olunjani lomsebenzi owenziwe ngabantu abangokwenyama hhayi owenziwe yingaphandle Labo. Ngesikhathi sezigaba ezintathu zomsebenzi Wakhe, uNkulunkulu usebe sesimweni somuntu kabili, futhi kuzo zombili izikhathi umsebenzi kaNkulunkulu othathe isimo somuntu uqala inkathi entsha, wethula umsebenzi omusha; ukuthatha umzimba womuntu kokubili kuyahambisana. Kuyinto engenakwenzeka ukuba amehlo omuntu abone ukuthi yomibili le mizimba empeleni ivela emthonjeni owodwa. Akubuzwa, kungaphezu kokubona komuntu noma ukucabanga komuntu. Kodwa engqikithini Yayo iyafana ngoba imisebenzi Yayo ivela kuMoya ofanayo. Ukuthi yomibili le mizimba ethathe isimo somuntu ivela emthonjeni ofanayo angeke kwahlulelwe ngesikhathi noma indawo ezalelwe kuyo, noma ezinye izinto ezifana nalezo, kodwa ngomsebenzi waphezulu obonakaliswe Yiyo. Umzimba othathe isimo somuntu wesibili awenzi nowodwa umsebenzi owenziwa nguJesu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu awuhambisani nalokho okubonakala eningini njengokulungile, kodwa isikhathi ngasinye uvula indlela entsha. Umzimba wesibili awuhlosile ukujulisa noma ukuqinisa umthelela womzimba wokuqala ezingqondweni zabantu, kodwa ukuhambisana nawo nokuwuphelelisa ukuze ulwazi ngoNkulunkulu lujule kubantu, nokuba ugqashule yonke imithetho esezinhliziyweni zabantu nokususa zonke izithombe eziyinkohliso ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Kungashiwo ukuthi asikho nesisodwa isigaba somsebenzi kaNkulunkulu uqobo esinganikeza umuntu ulwazi oluphelele Ngaye; isigaba ngasinye sinikeza ingxenye, hhayi lonke ulwazi Ngaye. Nakuba uNkulunkulu ezivezile isimo Sakhe ngokuphelele, ngenxa yokuthi ukuqonda komuntu kunomkhawulo, ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu lulokhu lungaphelele. Kuyinto engenakwenzeka, ngokusebenzisa ulimi lwabantu, ukuveza isimo sikaNkulunkulu sisonke; kungasaphathwa ukuthi kuncane kangakanani isigaba ngasinye somsebenzi Wakhe esingakuveza ngoNkulunkulu ephelele? Usebenza esenyameni embozwe ubuntu Bakhe obujwayelekile, futhi umuntu angamazi kuphela ngezenzo zobunkulunkulu Bakhe kuphela, hhayi ngomzimba Wakhe obonakalayo. UNkulunkulu uba sesimweni somuntu ukuze avumele ukuba umuntu amazi ngemisebenzi Yakhe ehlukahlukene, futhi asikho isigaba somsebenzi Wakhe esifana nesinye. Yingale ndlela kuphela umuntu angaba khona nolwazi oluphelele ngomsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, hhayi ngokubopheleka engxenyeni eyodwa. Nakuba umsebenzi wemizimba emibili esesimweni somuntu ungafani, ingqikithi yale mizimba, nomthombo womsebenzi Wayo, kuyefana; ukuthi nje ikhona ukuze yenze izigaba ezimbili zomsebenzi ezehlukene futhi ibe sezinkathini ezimbili ezingafani. Akukhathaleki ukuthi kwenzekani, imizimba kaNkulunkulu esesimweni somuntu inengqikithi efanayo nomthombo ofanayo—leli yiqiniso elingenakuphikwa.

Okwedlule: Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu

Okulandelayo: Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp